Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu

Iminyaka eminingi uMoya kaNkulunkulu ubefuna ngokungaphezi njengoba esebenza emhlabeni. Ezinkathini eziningi uNkulunkulu usesebenzise abantu abaningi kakhulu ukwenza umsebenzi Wakhe. Kepha uMoya kaNkulunkulu awukabi nayo indawo efanele ongaphumulela kuyo. Ngakho uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe, eya kubantu abehlukene ngokungaphezi, futhi kukho konke usebenzisa abantu ukuze enze lokhu. Okungukuthi, kuyo yonke le minyaka eminingi, umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ume, kodwa ulokhu uqhutshelwa phambili kumuntu, yonke indlela kuze kube namuhla. Yize uNkulunkulu esekhulume amazwi amaningi kakhulu futhi enze umsebenzi omningi kakhulu, umuntu akakamazi uNkulunkulu, ngenxa yokuthi uNkulunkulu akaze abonakale kumuntu futhi akanasimo esithintekayo. Ngakho uNkulunkulu kumele awuqede lo msebenzi—enze bonke abantu bazi ukubaluleka kwangempela kukaNkulunkulu wokoqobo. Ukuze afeze lokhu, uNkulunkulu kumele embule uMoya wakhe ngokuphathekayo kubantu futhi enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabo. Okungukuthi, abantu bafika ekumqondeni okujulile uNkulunkulu kuphela lapho uMoya Wakhe uthatha isiqu esibonakalayo, embathe inyama namathambo futhi abonakale ehamba phakathi kwabantu, ehamba nabo ekuphileni kwabo, ngenye inkathi ezibonakalisa futhi ngenye inkathi ezifihla. Ukuba uNkulunkulu ubehlala esenyameni kuphela, ubengeke akwazi ukuqeda umsebenzi Wakhe ngokugcwele. Ngemva kokusebenza enyameni isikhathi eside, egcwalisa inkonzo okumele yenziwe enyameni, uNkulunkulu uyosuka enyameni futhi asebenze endaweni yomoya emfanekisweni wenyama njengoba kwenza uJesu emva kokusebenza isikhathi njengomuntu ojwayelekile futhi waqeda wonke umsebenzi okwakumele awuqede. Ningase nisikhumbule lesi siqephu esisencwadini ethi “Indlela … (5)”: “Ngikhumbula uBaba Wami ethi Kimi, ‘Emhlabeni, funa kuphela ukwenza intando kaBaba futhi Ugcwalise lokho akwethembe ngakho. Konke okunye akubalulekile kuWe.’” Ubonani kulesi siqephu? Lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, wenza umsebenzi Wakhe phakathi kobuNkulunkulu kuphela. Yilokho uMoya wasezulwini akubeke kuNkulunkulu osesimweni somuntu. Lapho efika, uya kokhuluma yonke indawo kuphela, ukuze ezwakalise amazwi Akhe ngezindlela ezehlukene futhi ngokubona okwehlukene. Ikakhulu uthatha ukuhlinzeka umuntu kanye nokufundisa umuntu njengemigomo Yakhe kanye nesimiso sokusebenza, futhi akazikhathazi ngezinto ezinjengobudlelwane babantu noma imininingwane ngezimpilo zabantu. Inkonzo Yakhe enkulu ukukhulumela uMoya. Lapho uMoya kaNkulunkulu ubonakala ngokuphathekayo enyameni, unika umuntu ukuphila kuphela futhi udedela iqiniso. Akangeni ezindabeni zomuntu, okuwukuthi, akazibandakanyi emsebenzini wabantu. Abantu abakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu, futhi uNkulunkulu akazibandakanyi emsebenzini wabantu. Kuyo yonke iminyaka selokhu uNkulunkulu afika kulo mhlaba ukuzokwenza umsebenzi Wakhe, yilokhu ewenza ngabantu. Kodwa laba bantu abakwazi ukuthathwa ngokuthi banguNkulunkulu osesimweni sesintu, bangathathwa njengabantu abasetshenziswa uNkulunkulu kuphela. Kodwa uNkulunkulu wanamuhla angakhuluma ngqo ngasohlangothini lobuNkulunkulu, athumele iphimbo likaMoya, futhi asebenze egameni likaMoya. Bonke labo bantu uNkulunkulu abasebenzisile eminyakeni nabo kanjalo bayizibonelo zokusebenza koMoya kaNkulunkulu emzimbeni wenyama, ngakho kungani bengabizwa ngoNkulunkulu? Kodwa uNkulunkulu wanamuhla futhi unguNkulunkulu kaMoya osebenza ngqo esenyameni, futhi uJesu naye wayengumoya kaNkulunkulu esebenza esenyameni; laba bobabili baziwa ngokuthi uNkulunkulu. Pho uyini umehluko? Kuyo yonke iminyaka eyedlule, abantu abasetshenziswe uNkulunkulu bonke bayakwazi ukucabanga ngendlela ejwayelekile. Bonke bayazazi izimiso zokuziphatha kwabantu. Banemiqondo yabantu ejwayelekile futhi banakho konke abantu abajwayelekile okumele babe nakho. Iningi labo linamathalente amangalisayo kanye nobuhlakani bokuzalwa. Ngokusebenza kulaba bantu, uMoya kaNkulunkulu usebenzisa amathalente abo, okuyizipho abaziphiwe uNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu usebenzisa amathalente abo, usebenzisa amandla abo ukusebenzela uNkulunkulu. Nokho ingqikithi kaNkulunkulu ayinayo imibono futhi ayinayo imicabango, ayidungiwe yizinhloso zabantu, futhi ayinakho lokhu abantu abavamile abanakho. Lokho kusho ukuthi, akaziqondi nezimiso zokuziphatha kwabantu. Kunjalo uma uNkulunkulu wanamuhla eza emhlabeni. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe awadungiwe yizinhloso zomuntu noma umcabango womuntu, kodwa kungukuvezwa okuqondile kwezinhloso zikaMoya, futhi usebenza ngokuqondile egameni likaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi uMoya ukhuluma ngokuqondile, okungukuthi, ubunkulunkulu benza umsebenzi ngokuqondile, ngaphandele kokuwuxuba nakancane nezinhloso zomuntu. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu osesimweni somuntu uqukethe ubunkulunkulu ngokuqondile, akanawo umcabango noma imiqondo yomuntu futhi akasiqondi isimiso sokuziphatha komuntu. Ukuba bekusebenza ubuNkulunkulu kuphela (okusho ukuthi ukuba nguNkulunkulu uqobo kuphela obesebenza), umsebenzi kaNkulunkulu bewungeke wenzeke emhlabeni. Ngakho uma uNkulunkulu eza emhlabeni, kufanele abe nabantu abambalwa abasebenzisayo ukuze basebenze phakathi kwabantu ngokuhlanganisa nomsebenzi uNkulunkulu awenza ebunkulunkulwini. Ngamanye amazwi, usebenzisa umsebenzi womuntu ukwesekela umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu. Kungenjalo, bekungeke kube khona ndlela yokuthi umuntu athintane ngqo nomsebenzi wobunkulunkulu. Kwakunjalo kuJesu nabafundi Bakhe. Ngesikhathi Sakhe emhlabeni uJesu wachitha imithetho emidala wasungula imiyalelo emisha. Futhi wakhuluma amazwi amaningi. Konke lokhu kwenziwa ngobunkulunkulu. Abanye, njengoPetru, uPawulu noJohane, babeka imisebenzi yabo eyalandela esisekelweni samazwi kaJesu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu wayethula umsebenzi Wakhe kuleso sikhathi, engenisa ukuqala kweNkathi Yomusa; okungukuthi, waletha inkathi entsha, echitha endala futhi wagcwalisa amazwi athi “UNkulunkulu Uyisiqalo Nesiphetho”. Ngamanye amazwi, umuntu kumele enze umsebenzi womuntu esisekelweni somsebenzi wobunkulunkulu. Ngemva kokuba uJesu esho yonke into okwakumele ayisho futhi eseqede umsebenzi Wakhe emhlabeni, wasuka kumuntu. Emva kwalokhu, bonke abantu, ekusebenzeni, benza ngokwezimiso ezavezwa emazwini Akhe, futhi benza ngamaqiniso awakhuluma. Bonke laba kwakungabantu ababesebenzela uJesu. Ukuba kwakunguJesu yedwa owayenza umsebenzi noma ngabe wayekhulume amazwi amaningi kangakanani, abantu babeyoqhubeka bangakwazi ukuxhumana namazwi Akhe, ngoba wayesebenza ngobunkulunkulu futhi ekwazi ukukhuluma amazwi obunkulunkulu kuphela, futhi wayengeke akwazi nhlobo ukuchaza izinto ngendlela eyayingenza abantu abajwayelekile baqonde amazwi Akhe. Ngakho kwakumele abe nabaphostoli kanye nabaphrofethi abeza emva Kwakhe ukwesekela umsebenzi Wakhe. Lokhu kuyisimiso sendlela uNkulunkulu osesimweni somuntu enza ngayo umsebenzi Wakhe—ngokusebenzisa inyama yomuntu ukuze akhulume futhi asebenze ukuze aqede umsebenzi wobunkulunkulu, bese esebenzisa abantu abambalwa, noma mhlawumbe abaningi abafuna inhliziyo kaNkulunkulu uqobo ukuze beseke umsebenzi kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu usebenzisa abantu abafuna inhliziyo Yakhe ukuba benze umsebenzi wokwelusa nokuchelela esintwini ukuze abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo bangene ebunjalweni beqiniso.

Uma, ekubeni senyameni, uNkulunkulu enza umsebenzi wobunkulunkulu ngaphandle kokuba nabanye abantu abambalwa abalandela inhliziyo kaNkulunkulu abasebenzisana Naye, umuntu ngeke aze akwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu noma akwazi ukuxhumana noNkulunkulu. UNkulunkulu kumele asebenzise abantu abajwayelekile abafuna inhliziyo Yakhe ukuze baqede lo msebenzi, ukuze banakekele futhi beluse amabandla, ukuze bafike ezingeni lapho ukucabanga komuntu, umqondo wakhe, kukwazi ukuzakhela isithombe. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu usebenzisa isibalo esincane sabantu abafuna inhliziyo Yakhe ukuze “bahumushe” umsebenzi awenzayo phakathi kobunkulunkulu Bakhe, ukuze uvuleke, okungukuthi, ukuguqulela ulimi lobunkulunkulu olimini lwabantu, ukuze abantu bonke bakwazi ukuluqonda, futhi baluzwe lonke. Ukuba uNkulunkulu akenzanga njalo, akekho owayeyoqonda ulimi lobunkulunkulu, ngoba abantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu, kukho konke, bambalwa, futhi ukwazi komuntu ukuqonda uNkulunkulu kuntekenteke. Yingakho uNkulunkulu ekhetha le ndlela kuphela lapho esebenza esenyameni. Ukuba bekunomsebenzi wobunkulunkulu kuphela, bekungeke kube nendlela umuntu abezokwazi ngayo noma axhumane noNkulunkulu ngoba umuntu akaluqondi ulimi lukaNkulunkulu. Umuntu ukwazi ukuqonda lolu limi ngokusebenzisa abantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu abacacisa amazwi Akhe. Nokho, ukuba bekunabantu abanje kuphela abasebenza phakathi kwabantu, lokho bekuzosekela impilo yomuntu ejwayelekile kuphela; bekungeke kukwazi ukuguqula isimo somuntu. Umsebenzi kaNkulunkulu bewungeke-ke ube nesiqalo esisha; bekuzoba namaculo afanayo amadala, izinkulumo ezindala ezingaqukethe lutho olusha. Kungokusebenza kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, osho konke lokho okudinga ukushiwo futhi owenza lokho okudinga ukwenziwa ngesikhathi sokuba senyameni Kwakhe, okuthi emva kwakho abantu basebenze futhi bezwe ngokwamazwi Akhe, kungale ndlela kuphela lapho kuyoguquka khona isimo sempilo yabo bese bekwazi ukuhambisana nezikhathi. Lowo osebenza ngobunkulunkulu umele uNkulunkulu, kuthi labo abasebenza ngokomuntu bangabantu abasetshenziswa uNkulunkulu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wehlukile kubantu abasetshenziswa uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu kodwa abantu abasetshenziswa uNkulunkulu abakwazi. Ekuqaleni kwenkathi ngayinye, uMoya kaNkulunkulu ngokwawo wethula isikhathi esisha futhi adlulisele umuntu esiqalweni esisha. Uma eseqede ukukhuluma, lokhu kuveza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini sewenziwe. Emva kwalokho, bonke abantu balandela ukuhola kwalabo abasetshenziswa uNkulunkulu ukuze bangene ezimweni zabo zokuphila. Kanjalo, lesi yisigaba futhi lapho uNkulunkulu edlulisela umuntu enkathini entsha futhi enika khona wonke umuntu isiqalo esisha. Ngalokhu, umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyaphela.

UNkulunkulu ubuyela emhlabeni engezele ukuzophelelisa ubuntu Bakhe obejwayelekile. Akafikeli ukuzokwenza umsebenzi wobuntu obujwayelekile, kodwa uzela ukuzokwenza umsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini obejwayelekile. Lokho uNkulunkulu akukhulumayo ngobuntu obujwayelekile akusikho lokho okucatshangwa umuntu. Umuntu uchaza “ubuntu obejwayelekile” ngokuba nenkosikazi, noma umyeni, namadodana kanye namadodakazi. Lokhu kuwubufakazi bokuthi lo ngumuntu ojwayelekile. Kodwa uNkulunkulu akakuboni ngale ndlela. Ubona ubuntu obejwayelekile njengalokho okunemicabango ejwayelekile yomuntu, ukuphila kobuntu okwejwayelekile, nokuzalwa abantu abejwayelekile. Kodwa ukujwayeleka Kwakhe akubandakanyi ukuba nenkosikazi, noma umyeni, kanye nezingane ngendlela umuntu akhuluma ngayo ngokwejwayeleka. Kusho ukuthi, kumuntu, ubuntu obejwayelekile uNkulunkulu akhuluma ngabo yilokhu umuntu angakuthatha ngokuthi ukungabi nobuntu, obucishe buntule imizwa futhi obubonakala beswele izidingo zenyama, njengoJesu, owayenengaphandle lomuntu ojwayelekile futhi ethathe ukubukeka komuntu ojwayelekile, kodwa empeleni engenakho ngokuphelele lokho umuntu ojwayelekile okumele abe nakho. Kulokhu kuyabonakala ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu osesimweni somuntu ayiqukethe konke okobuntu obejwayelekile, kodwa ingxenye nje yezinto okumele abantu babe nazo, ukuze besekele izindlela ezejwayelekile zokuphila kwabantu kanye nokusekela amandla ejwayelekile okucabanga kwabantu. Kodwa lezi zinto azihlangene nhlobo nalokho umuntu akuthatha njengobuntu obujwayelekile. Ziyilokho uNkulunkulu osesimweni somuntu okumele abe nakho. Kukhona labo abathi, nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu kungathiwa unakho konke umuntu anakho uma kuphela enenkosikazi, amadodana namadodakazi, umndeni. Ngaphandle kwalezi zinto, bathi, akasiye umuntu ojwayelekile. Ngiyakubuza-ke, “Ngabe uNkulunkulu unayo inkosikazi? Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu abe nomyeni? UNkulunkulu angakwazi ukuba nezingane?” Ngabe lokhu akuwona amanga? Nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu akakwazi ukuqhuma emfantwini phakathi kwamadwala noma aqathake esibhakabhakeni. Angazalwa emndenini wabantu abajwayelekile kuphela. Yingakho enabazali kanye nodadewabo. Lokhu kuyizinto ubuntu obejwayelekile bukaNkulunkulu osesimweni somuntu okumele bube nazo. Kwakunjalo kuJesu. UJesu wayenobaba nomama, odadewabo kanye nabafowabo. Konke lokho kwakujwayelekile. Kodwa ukuba wayenenkosikazi namadodana namadodakazi, ngabe okwakhe kwakungeke kube ubuntu obujwayelekile obabuhloswe ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu abe nabo. Ukuba kwakunjalo, wayengeke akwazi ukusebenza egameni lobunkulunkulu. Kwakungenxa kanye yokuthi wayengenayo inkosikazi noma izingane, kodwa wayezalwa abantu abajwayelekile emndenini ojwayelekile, ukuthi wayekwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu. Ukucacisa kakhudlwana, lokhu uNkulunkulu akuthatha njengomuntu ojwayelekile ngumuntu ozalwe emndenini ojwayelekile. Ngumuntu onjalo kuphela ofanelwe ukwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Uma, kwelinye icala, umuntu ubenenkosikazi, izingane, noma umyeni, lowo muntu ubengeke aze akwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu, ngoba angaba nobuntu obejwayelekile kuphela obudingwa abantu kodwa okungesibo ubuntu obujwayelekile uNkulunkulu abudingayo. Lokho uNkulunkulu athi kuyikho kanye nalokho abantu abakuqondayo kuvame ukwehlukana kakhulu. Kulesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu kuningi okuphambanayo futhi okwehlukayo emicabangweni yabantu. Umuntu angathi lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu siqukethe kuphela ubunkulunkulu busebenza mathupha, bese ubuntu bubamba iqhaza lokwesekela. Ngoba uNkulunkulu uza emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe uqobo kunokuba ayekele umuntu ukuthi awenze, uzenza abe sesimweni somuntu enyameni (kumuntu ongaphelele, ojwayelekile) ukuze enze umsebenzi Wakhe. Usebenzisa lesi simo somuntu ukwethulela isintu inkathi entsha, ukutshela isintu ngesigaba esilandelayo emsebenzini Wakhe, nokubacela ukuba benze ngokwendlela echazwe emazwini Akhe. Ngalokhu, uNkulunkulu uphetha umsebenzi Wakhe esenyameni, futhi sekuseduze asuke esintwini, angabe esahlala enyameni yobuntu obujwayelekile, kunalokho aqhele kumuntu ukuze aqhubekele kwenye ingxenye yomsebenzi Wakhe. Ube, esebenzisa abantu abafuna inhliziyo yakhe, eseqhuba umsebenzi Wakhe phakathi kwaleli qembu labantu, kodwa ebuntwini babo.

UNkulunkulu osesimweni somuntu angehlale kumuntu kuze kube phakade ngoba uNkulunkulu unomsebenzi omningi kakhulu okumele awenze. Akakwazi ukuboshelwa enyameni; kumele ayilahle inyama ukuze enze umsebenzi okudingeka ukuthi awenze, yize enza lowo msebenzi emfanekisweni wenyama. Uma uNkulunkulu eza emhlabeni, akalindi aze afinyelele esimweni umuntu ojwayelekile okufanee asithole ngaphambi kokufa nokushiya isintu. Noma ingaba ndala kangakanani inyama Yakhe, uma umsebenzi Wakhe sewuqediwe, uyahamba ashiye umuntu. Akukho nto okuthiwa yiminyaka yobudala Kuye, akazibali izinsuku Zakhe ngokweminyaka yomuntu yokuphila; kunalokho uphetha ukuphila Kwakhe enyameni ngokwezigaba zomsebenzi Wakhe. Kungaba khona labo abacabanga ukuthi uNkulunkulu, ekubeni yinyama, kumele akhule afike esigabeni esithile, abe mdala, aguge, futhi ahambe uma umzimba wakhe sewehluleka. Lokhu kungumcabango womuntu; uNkulunkulu akasebenzi kanjalo. Uba senyameni ukuze enze umsebenzi okumele awenze, hhayi ukuphila impilo yomuntu ojwayelekile yokuzalwa abazali, akhule, akhe umndeni futhi aqale umsebenzi, abe nezingane, noma abhekane nezinkinga zempilo—konke okwenziwa ngumuntu ojwayelekile. Lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, lokhu kuwuMoya kaNkulunkulu embatha inyama, eba senyameni, kodwa uNkulunkulu akayiphili impilo yomuntu owejwayelekile. Ufika kuphela ukuze afeze ingxenye eyodwa ohlelweni Lwakhe lokuphatha. Emuva kwalokho uyosishiya isintu. Lapho engena enyameni, uMoya kaNkulunkulu aakabuphelelisi ubuntu obujwayelekile benyama. Kunalokho, ngesikhathi esinqunywe uNkulunkulu ngaphambilini, ubunkulunkulu benza umsebenzi ngokuqondile. Emva kokwenza konke adinga ukuthi akwenze kanye nokuphetha ngokugcwele inkonzo Yakhe, umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu kulesi sigaba sewenziwe, okuyisikhathi sokuphela kwempilo kaNkulunkulu osesimweni somuntu, noma ngabe umzimba wenyama Yakhe usubuphile bonke ubude bempilo noma cha. Okusho ukuthi, noma umzimba wenyama ufika kusiphi isigaba, noma uphila isikhathi eside kangakanani emhlabeni, konke kunqunywa ngumsebenzi kaMoya. Akuhlangene nalokho umuntu akuthatha njengobuntu obujwayelekile. Ake sithathe uJesu njengesibonelo. Waphila enyameni iminyaka engamashumi amathathu nesigamu. Ngokwesikhathi sokuphila komzimba womuntu, kwakungamele afe kuleyo minyaka, futhi kwakungamele ahambe. Kodwa uMoya kaNkulunkulu wawungakhathazekile ngalokho. Kwathi uma umsebenzi Wakhe sewuphelile, kulelo qophelo umzimba wathathwa, wanyamalala kanye noMoya. Lokhu kungumgomo wendlela yokusebenza kukaNkulunkulu enyameni. Ngakho, uma kukhulunywa ngokuqinisa, ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu abubalulekile kakhulu. Ukuphinda futhi, akafiki emhlabeni ukuze aphile impilo yomuntu ojwayelekile. Akaqali ngokusungula ubuntu bempilo ejwayelekile bese eqala ukusebenza. Kunalokho, inqobo uma ezalwe emndenini wabantu ojwayelekile, uyakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu, ongangcolisiwe yizinhloso zomuntu, ongewona owenyama, nakanjani ongalandeli izindlela zomphakathi noma ubandakanye imicabango noma imibono yomuntu, futhi, ngaphezu kwalokho, lokho akubandakanyi izinkolelo zomuntu zokuphila. Lokhu kungumsebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlose ukuwenza, kanye nokubaluleka okungokoqobo kokuba senyameni Kwakhe. UNkulunkulu uba senyameni kakhulu ukuze enze isigaba somsebenzi okudingeka ukuthi wenziwe enyameni, ngaphandle kokwenza ezinye izinqubo ezingenamsebenzi, futhi, izinto umuntu ajwayelekile adlula kuzo, akanazo. Umsebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu adinga ukuwenza awubandakanyi ukubhekana nezimo zomuntu ojwayelekile. Ngakho, uNkulunkulu ungena enyameni ukuze afeze umsebenzi okumele awufeze esenyameni. Konke okunye akuhlangene Naye. Akabhekani nazo zonke lezo zinqubo ezingasho lutho. Uma umsebenzi Wakhe sewuphelile, ukubaluleka kokuba senyameni kwakhe nakho kuyaphela. Ukuqeda lesi sigaba kusho ukuthi umsebenzi okudingeka ukuthi awenze enyameni sewuphelile, nenkonzo yenyama Yakhe isiphelile. Kodwa ngeke ahlale enza umsebenzi wenyama unomphelo. Kumele aye kosebenza kwenye indawo, endaweni engaphandle kwenyama. Kungale ndlela kuphela lapho umsebenzi Wakhe ungaphetheka ngokugcwele, futhi wandiswe kangcono. UNkulunkulu usebenza ngokohlelo lwakhe lokuqala. Umsebenzi okudingeka ukuthi awenze kanye nomsebenzi asewuphethile, uwazi ngokucace njengentende yesandla Sakhe. UNkulunkulu uhola wonke umuntu endleleni enqunywe Nguye ngaphambilini. Akekho umuntu ongakubalekela lokhu. Yilabo kuphela abalandela ukuqondisa kukaMoya kaNkulunkulu abazokwazi ukungena ekuphumuleni. Kungaba ukuthi, emsebenzini wesikhathi esizayo, ngeke kube uNkulunkulu ekukhuluma esenyameni ukuze aqondise umuntu, kodwa uMoya onesimo esithintekayo oqondisa impilo yomuntu. Yilapho kuphela lapho umuntu eyokwazi ukuthinta uNkulunkulu ngokugcwele, abone uNkulunkulu, futhi akwazi ukungena ngokugcwele empilweni yangempela edingwa uNkulunkulu, ukuze apheleliswe uNkulunkulu ongokoqobo. Lokhu kungumsebenzi uNkulunkulu ahlose ukuwufeza, lokho akuhlela kudala. Kulokhu, kumele nonke nibone indlela okufanele niyithathe!

Okwedlule: Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa—Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke

Okulandelayo: Phunyuka Emandleni Obumnyama, Futhi Uzozuzwa UNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp