Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa—Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke

Ngisabalalisa umsebenzi Wami ezizweni. Inkazimulo Yami ikhanya emhlabeni wonke; intando Yami ibonakala kubantu abasabalele, bonke beqondiswa yisandla Sami futhi benza imisebenzi engibanike yona. Kusuka kuleli qophelo, sengingene enkathini entsha, ngilethe bonke abantu komunye umhlaba. Lapho ngibuyela “ezweni Lami lokuzalwa,” ngiqale enye ingxenye yomsebenzi osohlelweni Lwami lwasekuqaleni ukuze abantu bezokwazi Ngami ngokujulile. Ngibuka umhlaba wonke jikelele ngibone ukuthi[a] kuyisikhathi esifanele somsebenzi Wami, ngakho-ke ngiyaphuthuma ngehla ngenyuka ngenza umsebenzi Wami omusha kumuntu. Yinkathi entsha le, vele, futhi sengilethe umsebenzi omusha ozothatha abanye abantu abasha ubangenise enkathini entsha bese ubeka eceleni labo engizobakhipha. Esizweni sikadrako omkhulu obomvu, sengenze isigaba somsebenzi esingaqondwa abantu ngibenze bantenge emoyeni, emva kwalokho abaningi bayaphephuka buthule nokuvunguza komoya. Ngempela lesi “yisibuya” esengiseduze ukusiqeda; yilokhu engikulangezelelayo futhi kuwuhlelo Lwami. Ngokuba baningi abangalungile abanyonyobe bangena ngesikhathi ngisebenza, kodwa angijahile ukubaxosha. Kunalokho, ngizobachitha uma isikhathi sesifanele. Kuyoba ngemva kwalokho-ke kuphela lapho ngizoba khona umthombo wempilo, ngivumele labo abangithanda ngeqiniso ukuba bazuze Kimi izithelo zesihlahla somkhiwane kanye nephunga lomnduze. Emhlabeni lapho uSathane ehlala khona okwesikhashana, umhlaba wothuli, akunagolide elicwebile, kunesihlabathi sodwa, ngakho, ngibhekene nalokhu, ngenza umsebenzi wesigaba esinje. Kumele wazi ukuthi engikuzuzayo yigolide elicwebile, elicocekile, hhayi isihlabathi. Bangahlala kanjani abakhohlakele endlini Yami? Ngingazivumela kanjani izimpungushe ukuthi zibe yizimbungulu epharadesi Lami? Ngenza konke okusemandleni Ami ukuthi ngizixoshe lezi zinto. Ngaphambi kokuthi intando Yami ibonakaliswe, abekho abaziyo ukuthi yini esengizoyenza. Ngithatha leli thuba, ngixosha labo abakhohlakele, bese bephoqeka ukuthi basuke ebukhoneni Bami. Yilokhu engikwenzayo kwabakhohlakele, kodwa lusekhona usuku lokuthi bangisebenzele. Ukufisa kwabantu izibusiso kunamandla kakhulu; ngakho-ke ngijikisa umzimba Wami ngikhombise abezizwe ubuso Bami obukhazimulayo, ukuze bonke abantu baphile emhlabeni wabo bazihlulele bona, ngenkathi ngisho amazwi okumele ngiwasho futhi nginikeza abantu lokhu abakudingayo. Uma abantu bebuyelwa yimiqondo yabo, ngizobe sengiwusabalalisile kudala umsebenzi Wami. Ngizobe sengitshela abantu okuyintando Yami, bese ngiqala ingxenye yesibili yomsebenzi Wami kubantu, ngivumele bonke abantu bangilandele eduzane ukuze bezosebenzisana nomsebenzi Wami, ngiphinde ngivumele bonke abantu benze konke okusemandleni abo ukwenza kanye nami umsebenzi okumele ngiwenze.

Abekho abakholwayo ukuthi bazoyibona inkazimulo Yami, futhi angibaphoqi. Ngiyayisusa inkazimulo Yami phakathi kwesintu ngiyiyise komunye umhlaba. Uma abantu bephinda bephenduka, ngizobe sengikhombisa inkazimulo Yami kwabaningi abanokholo. Lo ngumgomo engisebenza ngawo. Ngoba kunesikhathi lapho inkazimulo Yami iishiya khona iKhanani, futhi kunesikhathi lapho inkazimulo Yami ishiya khona labo abakhethiweyo. Phezu kwalokho, kunesikhathi lapho inkazimulo Yami ishiya umhlaba wonke, iwenza ube lufifi bese iwuphonsa emnyameni. Ngisho nezwe laseKhanani ngeke likubone ukukhanya kwelanga; bonke abantu bazolahlekelwa wukholo lwabo, kodwa abekho abangamelana nokushiya iphunga elimnandi lezwe laseKhanani. Kuyoba kuphela lapho ngidlula ngiya ezulwini nasemhlabeni omusha okulapho ngithatha khona enye ingxenye yenkazimulo Yami bese ngiyambula okokuqala ezweni laseKhanani, ngenze inhlansi yokukhanya ikhanye emhlabeni wonke ozobe usebumnyameni obukhulu bobusuku, ukuvumela umhlaba wonke ukuba uze ekukhanyeni. Abantu emhlabeni wonke mabeze bazothatha amandla okukhanya, bevumela inkazimulo Yami ukuba ikhule ivele kabusha kuzo zonke izizwe. Abantu bonke mabazi ukuthi kade ngafika emhlabeni wabantu, futhi kade ngayiletha inkazimulo Yami ivela kwa-Israyeli iya eMpumalanga; ngoba inkazimulo Yami ikhanya isuka eMpumalanga, lapho yalethwa khona ngeNkathi yoMusa kuze kube manje. Kodwa ngasukela kwa-Israyeli ngaya eMpumalanga. Kungenkathi ukukhanya kwaseMpumalanga kuphenduka kancane kancane kuba mhlophe kuphela lapho ubumnyama emhlabeni wonke buzoguquka bube ukukhanya, kulapho kuphela abantu bazothola khona ukuthi kade ngahamba kwa-Israyeli sengiphakama kabusha eMpumalanga. Ngenxa yokuthi ngake ngehlela kwa-Israyeli kwathi emva kwesikhathi ngahamba, ngeke ngisaphinde ngizalelwe kwa-Israyeli, ngoba umsebenzi Wami uhola wonke umhlaba, futhi, okungaphezu kwalokho, umbani ushaya ukusuka eMpumalanga kuye eNtshonalanga. Ngalesi sizathu ngehlele eMpumalanga ngaletha iKhanani kubantu baseMpumalanga. Ngifisa ukuletha bonke abantu basemhlabeni ezweni laseKhanani, yikho ngiqhubeka ngikhuluma ngezwi Lami ezweni laseKhanani ukuze ngilawule umhlaba wonke jikelele. Kulesi sikhathi, akukho kukhanya emhlabeni wonke ngaphandle kwaseKhanani, futhi bonke abantu basengozini yendlala namakhaza. Nginikeze abakwa-Israyeli inkazimulo Yami ngase ngiyisusa, ngaletha abakwa-Israyeli eMpumalanga, futhi ngaletha bonke abantu eMpumalanga. Bonke ngibaholele ekukhanyeni ukuze baphinde babumbane babe nobudlelwano nakho, bangabe besadinga nokukufuna. Ngiyovumela bonke abafunayo ukuthi bakubone futhi ukukhanya babone nenkazimulo ebenginayo kwa-Israyeli; ngizokwenza babone ukuthi kudala ngehlela emhlabeni ngefu elimhlophe phakathi kwesintu, babone amafu amhlophe angenakubaleka kanye nezixheke zezithelo, futhi phezu kwalokho, babone uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Ngizokwenza ukuthi babone iNkosi yamaJuda, uMesiya abakade bemlangazelela, kanye nokuvela Kwami ngokuphelele engikade ngangihlushwa amakhosi iminyaka. Ngizosebenza kuwo wonke umhlaba futhi ngiyokwenza umsebenzi omkhulu, ngembule yonke inkazimulo Yami nayo yonke imisebenzi Yami kubantu ezinsukwini zokugcina. Ngizoveza ubuso Bami obukhazimulayo ekugcwaleni kwabo kulabo abebengilindile iminyaka eminingi, kulabo abebelangazelela ukuthi ngize ngefu elimhlophe, ku-Israyeli olangazelela befisa ukuthi ngivele futhi, nakubo bonke abantu abangihluphayo, ukuze bonke bazi ukuthi kade ngayithatha inkazimulo Yami ngayiletha eMpumalanga. Ayikho eJudiya, ngoba izinsuku zokugcina sezifikile!

Emhlabeni jikelele ngenza umsebenzi Wami, futhi eMpumalanga, ukuhlokoma okusazulu akupheli, kunyakazisa onke amazwe namahlelo. Yizwi Lami elilethe bonke abantu esikhathini samanje. Ngizokwenza bonke abantu banqotshwe yizwi Lami, bawele kulo mfudlana bese bezinikela phambi Kwami, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukunotha kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami lizosabalala emhlabeni wonke; ngifisa, ngibheke kubantu Bami abakhethiwe, ukukhuluma amazwi amaningana kubona. Njengamazulu anamandla anyakazisa izintaba nemifula; ngikhuluma emhlabeni jikelele nasesintwini. Yingakho amazwi asemlonyeni wami esebe yigugu kubantu, futhi bonke abantu bayawazisa amazwi ami. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uze ufinyelele eNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi umuntu akafuni ukuwayeka futhi khona lapho uwathola engaqondakali, kodwa phezu kwalokho, uyawathokozela. Bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukuza Kwami, kube sengathi kusanda kuzalwa umntwana. Ngezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho ohlangeni lwabantu ukuze bazongidumisa. Ngenkazimulo engiyikhiphayo namazwi asemlonyeni wami ngizokwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga, nokuthi sengehlele “eNtabeni yemiNqumo” yaseMpumalanga. Bazobona ukuthi kade ngaba semhlabeni, hhayi njengeNdodana yamaJuda kodwa njengoMbani waseMpumalanga. Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka phakathi kwesintu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye lowo owayekhonzwa endulo, futhi ngingumntwana owalahlwa ngama-Israyeli endulo. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla mabeze phambi kwesihlalo Sami sobukhosi bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, bezwe izwi Lami, babuke nemisebenzi Yami. Lokhu kungukuphelela kwentando Yami; kungukuphela novuthondaba lohlelo Lwami, kanye nenhloso yokuphatha Kwami. Izizwe zonke mazingidumise, zonke izilimi zingivume, bonke abantu bangethembe, bonke abantu babe ngaphansi Kwami!

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awuwuqukethe umshwana othi “ngibone ukuthi.”

Okwedlule: Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu

Okulandelayo: Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp