Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu

Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqonda iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala lokhu ukuthi abantu abafuni ukwenza konke okusemandleni ukuzimisela, futhi enye imbangela yalokhu ukuthi ukuhlakanipha komuntu akwenele; akakwazi ukubuka izinkinga angahlangabezana nazo ezikhona empilweni ngeso elidlulayo futhi akakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele. Njengalokhu umuntu enolwazi oluncane, izinga eliphansi, kanye nokuqonda olulinganiselwe kweqiniso, akakwazi ukuxazulula ubunzima ahlangabezana nabo empilweni. Ukwazi kuphela ukukhuluma ngezindebe zomlomo ngokholo lwakhe kuNkulunkulu, kepha akakwazi ukwenza uNkulunkulu ingxenye yempilo yakhe yansuku zonke. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu nguNkulunkulu, nempilo yimpilo, sengathi umuntu akanabudlelwano noNkulunkulu empilweni yakhe. Yilokho abantu bonke abakukholwayo. Lendlela yokukholwa kuNkulunkulu yenza umuntu angazuzeki futhi angapheleliswa Nguye ngokweqiniso. Empeleni, akusikho ukuthi izwi likaNkulunkulu aliphelele, kodwa kunalokho ikhono lomuntu lokwemukela izwi Lakhe alenele nje. Singakusho ukuthi cishe akekho umuntu okwazi ukwenza ngokuvumelana nezinhloso zikaNkulunkulu. Kunalokho, ukholo lwabo kuNkulunkulu luhambisana nezinhloso zabo, ngokwemibono namasiko ezenkolo amisiwe. Bayingcosana labo abaguqukayo kulandela ukwemukela kwabo izwi likaNkulunkulu bese benza njengokwentando Yakhe. Kunalokho, bayaqhubeka nezinkolelo zabo eziyiphutha. Uma umuntu eqala ukukholelwa kuNkulunkulu, ukwenza lokhu ngokulandela imigomo ejwayelekile yenkolo, aphinde aphile futhi aphilisane nabanye ngokuphelele ngendlela abuka ngayo impilo. Sinjalo isimo sabantu abayisishiyagalolunye kwabayishumi. Bambalwa labo abasungula amanye amaqhinga nabashintsha impilo yabo ngemuva kokuqala ukukholelwa kuNkulunkulu. Abekho nhlobo abalinakayo noma benze izwi likaNkulunkulu njengeqiniso.

Ake sithathe ukukholelwa kuJesu njengesibonelo. Noma ngabe umuntu wayemusha okholweni noma ngabe wayesenesikhathi eside ekholwa, bonke bamane basebenzisa noma yimaphi “amathalente” ababenawo futhi bakhombisa noma yimaphi “amakhono” ababenawo. Abantu bamane banezelela “ukukholwa kuNkulunkulu,” lamagama amabili nje, ezimpilweni zabo ezijwayelekile, kepha abenzanga zinguquko ezimweni zabo, kanti nokholo lwabo kuNkulunkulu alukhulanga nakancane. Ukushisekela komuntu kwakungashisi futhi kungabandi. Akazange asho ukuthi akakholwa, kepha futhi akazinikelanga ngokuphelele kuNkulunkulu. Wayengakaze amthande uNkulunkulu ngeqiniso noma amlalele uNkulunkulu. Ukholo lwakhe kuNkulunkulu lwalumbaxambili luqinisekile luphinde lunobuzenzisi, kanti futhi washaya sengathi akaboni futhi wayengazimisele ekukholweni kwakhe. Waqhubeka ekuleso simo sokudideka kusukela ekuqaleni kwaze kwafika isikhathi sokufa kwakhe. Yini incazelo kulokhu? Namuhla, kumele uzibeke emgudwini oyiwo njengalokhu ukholelwa kuNkulunkulu obonakalayo. Ngokukholelwa kuNkulunkulu, akufanele ufune izibusiso nje zodwa, kodwa funa ukuthanda uNkulunkulu nokumazi uNkulunkulu. Ngokukhanyiselwa Nguye kanye nokushisekela kwakho uqobo, ungadla futhi uphuze izwi Lakhe, ukhulise ukuqonda uNkulunkulu ngeqiniso, futhi ube nothando lweqiniso lukaNkulunkulu olusuka enhliziyweni yakho. Ngamanye amazwi, uthando lwakho ngoNkulunkulu luqinisekile kakhulu, ngendlela yokuthi akekho ongalucekela phansi noma ame endleleni yothando lwakho Ngaye. Ngakho usemgudwini oyiwo wokukholwa kuNkulunkulu. Lokhu kufakazela ukuthi ungokaNkulunkulu, ngoba inhliziyo yakho seyithathwe nguNkulunkulu wayenza Yakhe futhi angeke usathathwa nanoma yini enye. Ngenxa yokuzizwela kwakho, inani olikhokhile, kanye nomsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukukhulisa uthando lwakho ngoNkulunkulu olumane luzifikele. Khona-ke usukhululekile ethonyeni likaSathane uphila ekukhanyeni kwezwi likaNkulunkulu. Ukuphela uma usugqashulile waphuma ethonyeni lobumnyama ungathathwa ngokuthi usumzuzile uNkulunkulu. Ekukholweni kwakho uNkulunkulu, kumele lokhu kube yiwona mgomo wakho owufunayo. Lokhu ngumsebenzi womunye nomunye wenu. Akekho noyedwa wenu okumele azithambise eneliseke ngendlela izinto eziyiyo. Awukwazi ukuba nemiqondo emibili ngomsebenzi kaNkulunkulu noma uwuthathe kalula nje. Kumele ucabange ngoNkulunkulu ngayo yonke indlela nangaso sonke isikhathi, futhi wenze zonke izinto ngenxa Yakhe. Futhi lapho ukhuluma noma wenza izinto, kumele ubeke intando yendlu kaNkulunkulu phambili. Yilokhu kuphela okuvumelana nentando kaNkulunkulu.

Iphutha elikhulu elenziwa ngumuntu okholwa nguNkulunkulu ukuthi ukholo lwakhe lungamagama kuphela, futhi uNkulunkulu akekho ezenzweni zempilo yakhe ezibonakalayo. Bonke abantu, bayakholwa ngempela, ukuthi uNkulunkulu ukhona, kepha uNkulunkulu akayona ingxenye yezimpilo zabo zansuku zonke. Miningi imithandazo eya kuNkulunkulu evela emlonyeni womuntu, kodwa uNkulunkulu unengxenye encane enhliziyweni yakhe, ngakho uNkulunkulu uyamvivinya umuntu ephinda phinda. Njengalokhu umuntu engcolile, uNkulunkulu akanakho okunye angakwenza ngaphandle kokuba amvivinye umuntu, ukuze azisole afinyelele ekumazini uNkulunkulu ngazo izivivinyo. Ngale kwalokho, abantu bonke bayoba ngabantwana bengelosi enkulu, bese beya begcwala inkohlakalo kakhulu. Ngokuqhubeka komuntu ekholwa kuNkulunkulu, izinhloso nezinjongo zomuntu eziningi ezakhe ngokwakhe, ziyalahlwa njengoba esuke eqhubeka ehlanzwa nguNkulunkulu. Ngale kwaloko, akekho umuntu ongasetshenziswa nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu akanandlela yokwenza kumuntu umsebenzi okufanele awenze. UNkulunkulu uqala ahlanze umuntu. Ngesikhathi kuqhubeka lokhu, kungenzeka umuntu afinyelele ekutheni azazi yena uqobo kanti noNkulunkulu angamshintsha umuntu. Emuva kwalokhu yilapho uNkulunkulu engakwazi khona ukwenza umsebenzi empilweni yomuntu, futhi yingale ndlela kuphela inhliziyo yomuntu ingaguquka ngayo ibheke kuNkulunkulu ngokupheleleyo. Ngakho-ke, ukukholwa kuNkulunkulu akusiyo into elula njengoba umuntu engasho. Ngokubuka kukaNkulunkulu, uma unolwazi kuphela kodwa ungenalo izwi Lakhe njengokuphila; uma unesilinganiso solwazi lwakho ngokwakho kuphela kodwa ungakwazi ukwenza iqiniso noma uliphile izwi likaNkulunkulu, ngakho lokhu kusengubufakazi bokuthi awunayo inhliziyo enothando ngoNkulunkulu, futhi kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikabi ngekaNkulunkulu. Ukufinyelela ekumazini uNkulunkulu ngokukholwa Nguye; lokhu kuwumgomo wokugcina okumele umuntu awufune. Kumele uzinikele ngomfutho ukuba uphile amazwi kaNkulunkulu ukuze akwazi ukufezeka ezenzweni zakho. Uma unolwazi lokufundiswa kuphela, ukholo lwakho kuNkulunkulu luyofana noluyize. Kuphela uma ubuye wenze futhi uliphile izwi likaNkulunkulu lapho ukholo lwakho luyothathwa njengoluphelele noluvumelana nentando kaNkulunkulu. Kule ndlela, abantu abaningi bangakhuluma ngolwazi oluningi, kodwa ngesikhathi sokufa kwabo, amehlo abo agcwala izinyembezi, futhi bazizonde ngoba bechithe isikhathi sabo sokuphila nokuthi baphilele ize baze baficwa ukuguga. Baqonda kuphela izimfundiso kodwa abakwazi ukwenza iqiniso futhi bafakazele uNkulunkulu, kunalokho bagijima baya le nale, bematasa njengenyosi; lapho sebesondele ekufeni bagcina sebebona ukuthi bantula ubufakazi obuyiqiniso, ukuthi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Akuve sesibashiyile nje isikhathi? Kungani ungasisebenzisi kahle isikhathi futhi ufune iqiniso leli olithandayo? Kungani uzolinda kuze kube kusasa? Uma empilweni ungahluphekeli iqiniso noma ufune ukulizuza, kungenzeka ukuthi ufuna ukuzisola ngehora lakho lokugcina? Uma kunjalo, kungani-ke ukholelwa kuNkulunkulu? Eqinisweni, ziningi izinto lapho umuntu, uma enza umzamo wokuzinikela ngisho omncane kakhulu, engalenza iqiniso ngendlela ebonakalayo futhi ngaleyo ndlela amenelise uNkulunkulu. Inhliziyo yomuntu ngaso sonke isikhathi ihlale igutshezelwe ngamadimoni ngakho akakwazi ukwenza ngenxa kaNkulunkulu. Kunalokho, njalo wehla enyuka ebheka okwenyama, angabuyelwa yilutho ekugcineni. Kungenxa yalezi zizathu umuntu ehlala esezinkingeni nasebuhlungwini. Akuzona lezi izinhlupho zikaSathane? Akukhona lokhu ukukhohlakala kwenyama? Akufanele wenze uNkulunkulu isilima umkhonze ngomlomo kuphela. Kunalokho, kumele uthathe isinyathelo esibonakalayo. Ungazikhohlisi wena uqobo; iyini injongo kulokho? Yini ongayizuza ngokuphilela inyama yakho nokukhandlekela udumo kanye nengcebo?

Okwedlule: Ngabe Umsebenzi KaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?

Okulandelayo: Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa—Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp