Isahluko 1

Ingabe labo abawabonile amazwi Ami bawamukela ngempela? Ingabe ningazi ngempela? Ingabe nifundile impela ukulalela? Ingabe nizikhandla ngobuqotho Ngami? Ingabe nethule ubufakazi obuqinile futhi obungathambi phambi kobuso bukadrako omkhulu obomvu? Ingabe ukuzinikela kwenu kumhlaza ngempela udrako omkhulu obomvu? Ukuvivinya kwamazwi Ami kuphela okungenza ukuthi ngifeze umgomo Wami wokuhlanza ibandla kanye nokukhetha labo abangithanda ngeqiniso. Ukuba angisebenzanga ngale ndlela, ukhona umuntu obengase angazi? Ubani ongaqonda ubukhosi Bami, ulaka Lwami, nokuhlakanipha Kwami emazwini Ami? Ngoba sengiwuqalile umsebenzi wami, ngizowuqeda nakanjani, kodwa kuseyimina engilungisa izinhliziyo zabantu ekujuleni kwazo. Eqinisweni, akukho muntu phakathi kwabantu ongiqonda ngokugcwele, ngakho ngisebenzisa amazwi ukuze ngibaqondise, ukuba bonke ngibaholele enkathini entsha. Ekugcineni ngizoqeda wonke umsebenzi Wami ngokusebenzisa amazwi Ami, ngibuyisele bonke labo abangithanda ngeqiniso embusweni Wami ngokuthoba, ukuze baphile ngaphambi kwesihlalo Sami sobukhosi. Isimo manje asisafani naleso esake saba yiso, futhi umsebenzi Wami usungene esiqalweni esisha. Ngenxa yalokho, kuzoba nendlela entsha: Bonke Labo ababona izwi Lami futhi balemukele njengokuphila kwabo bangabantu abasembusweni Wami, futhi ngokuba sembusweni Wami, bangabantu bombuso Wami. Ngoba bamukela ukuqondisa kwamazwi Ami, nakuba kubhekiswa kubo ngokuthi ngabantu Bami, lesi sikhundla asisincane neze kunokubizwa “ngamadodana” Ami. Njengabantu Bami, bonke kufanele basebenze ngokuzinikela okukhulu embusweni Wami futhi bafeze imisebenzi yabo embusweni Wami. Labo abaphikisana nezinqumo Zami zokuphatha kufanele bathole isijeziso Sami. Lesi yisixwayiso Sami kubo bonke.

Sekungenwe endleleni entsha manje, futhi lokho okwedlule akudingeki ukuthi kuphinde kushiwo. Nokho, ngike ngathi: Ngisamile kulokhu engikushoyo, futhi engimi kukho ngihlale ngikuqeda, futhi akukho muntu ongakuguqula lokhu—kuyiqiniso. Kungakhathaleki ukuthi ngamazwi engiwasho esikhathini esedlule noma amazwi engizowasho esikhathini esizayo, ngiyokwenza ukuthi afezeke wonke, ngalinye ngalinye, futhi ngizovumela sonke isintu ukuba siwabone efezeka. Lesi yisimiso okusekelwe kuso amazwi nomsebenzi Wami. Njengoba ukwakhiwa kwebandla sekwenziwe, manje akuseyona inkathi yokwakhiwa kwebandla, kodwa kunalokho yinkathi yokwakhiwa kombuso ngempumelelo. Nokho, njengoba nisesemhlabeni, imibuthano yabantu emhlabeni izoqhubeka nokwaziwa ngokuthi “yibandla.” Nakuba kunjalo, ingqikithi yebandla ayisafani nalokho eyayiyikho—liyibandla elakhiwe ngempumelelo. Ngakho, ngithi umbuso Wami sewehlele emhlabeni. Akekho ongaqonda ingqikithi yamazwi Ami, noma owazi inhloso yokuwakhuluma Kwami. Ngendlela engikhuluma ngayo namuhla, nizofikelwa ukukhanyiselwa. Mhlawumbe abanye bazoqhuma bakhale kakhulu nangosizi; abanye kungenzeka bazizwe besaba ukuthi lena yindlela engikhuluma ngayo; abanye bangabambelela emibonweni yabo emidala lapho bebuka yonke iminyakazo Yami; abanye bangazisola ngokukhononda kwabo noma ngokumelana Nami ngaleso sikhathi; abanye bangase bajabule ngaphakathi ngokuthi, ngoba abazange baphambuke egameni Lami, bayavuselelwa. Bangaba khona futhi abanye okuthe “ngokuhlushwa” amazwi Ami kudala baze bacishe bafa, badangala futhi bacindezeleka, abasenanhliziyo yokulalela amazwi engiwakhulumayo ngisho noma sengiguqule indlela Yami yokukhuluma; noma abanye okuthe sebengisebenzele ngokuzinikela kwaze kwafika eqophelweni elithile bengakaze bakhononde, bengakaze bangabaze, namuhla banenhlanhla yokuthola ukukhululwa futhi bazizwa bengenawo amazwi okungibonga ezinhliziyweni zabo. Zonke lezi zimo ezingenhla ziyenzeka, ngamazinga ehlukene, kuwo wonke umuntu. Kodwa njengoba okwedlule sekwedlule, futhi okwenkathi yamanje sekulapha, akusenasidingo sokulangazelela izolo ngenkumbulo, noma ukukhathazeka ngokuzayo. Kubantu, lowo ophambana nokungokoqobo futhi ongenzi izinto ngokuvumelana nesiqondiso Sami ngeke abe nesiphetho esihle, futhi uyozilethela izinkinga kuphela. Kuyo yonke into eyenzeka emhlabeni, akukho engingenalo izwi lokugcina kuyo. Ikhona yini into engekho ezandleni Zami? Konke engikushoyo kuyenzeka, futhi ngubani kubantu ongashintsha umqondo Wami? Kungenzeka yini kube yisivumelwano engisenze emhlabeni? Akukho okungavimba uhlelo Lwami; Ngihlala njalo ngikhona emsebenzini Wami kanye nasohlelweni Lwami lokuphatha. Ngubani phakathi kwabantu ongafaka isandla sakhe ukuze aphazamise? Ingabe akuyimi yini owenze la malungiselelo mathupha? Ukungena kulesi simo namuhla, akuchezuki ohlelweni Lwami noma kulokho engikubone kusengaphambili; konke kwanqunywa Yimi kudala. Ubani phakathi kwenu ongaqonda lesi sinyathelo sohlelo Lwami? Abantu Bami bazolalela iphimbo Lami ngokuqiniseka, futhi umuntu ngamunye kulabo abangithanda ngeqiniso uzobuya ngokuqinisekile phambi kwesihlalo Sami sobukhosi.

uFebhruwari 20, 1992

Okwedlule: Isingeniso

Okulandelayo: Isahluko 2

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp