Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana—Isahluko 4

Bonke abantu Bami abakhonza Kimi kumelwe bakhumbule isikhathi esedlule: Ingabe uthando lwenu Ngami lwalungcolisiwe? Ingabe ukuthembeka kwenu Kimi kwakumsulwa futhi nithembeke ngenhliziyo yonke? Ingabe ulwazi lwenu Ngami lwaluyiqiniso? Enhliziyweni yenu benginendawo engakanani? Ingabe bengigcwele yonke indawo? Amazwi Ami afeze umsebenzi ongakanani ngaphakathi kwenu? Ningangenzi isilima! Lezi zinto zicace bha Kimi! Namuhla, njengoba kukhulunywa izwi lensindiso, ingabe kuke kwaba khona ukwanda kothando Lwami kini? Ingabe ingxenye yokuthembeka kwenu Kimi isimsulwa? Ingabe ulwazi lwenu Ngami selujulile? Ingabe indumiso yesikhathi esedlule ibeke isisekelo solwazi lwenu namuhla? Ngaphakathi kini ingakanani indawo yoMoya Wami? Isithombe Sami sinendawo engakanani ngaphakathi kini? Ingabe amazwi Ami anishaye lapho nibuthaka khona? Ingabe ngempela nizizwa sengathi akukho lapho nizofihla khona ihlazo lenu? Ingabe ngempela nikholelwa ukuthi anifanele ukuba ngabantu Bami? Uma nizazi izimpendulo zale mibuzo engenhla, lokhu kukhombisa ukuthi nidoba emanzini adungekile, kusho ukuthi nilapho nje ukwengeza isibalo, kanti ngesikhathi esabekwa Yimi ngaphambilini, nizosuswa niphonswe emgodini ongenamkhawulo okwesibili. Lawa ngamazwi Ami esixwayiso, futhi noma ngubani owathatha kancane uzoshaywa ukwahlulela Kwami, futhi, ngesikhathi esibekiwe, uzohlaselwa yinhlekelele. Ingabe akunjalo? Ingabe ngisadinga ukuba ngenze ezinye izibonelo ukuze ngibonise lokhu? Ingabe kumelwe ngikhulume ngicacise ukuze nginibekele isibonelo? Kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube manje, abantu abaningi abawalalelanga amazwi Ami ngalokho balahlwe ngaphandle basuswa emfuleni Wami wokubuyiselwa; ekugcineni, imizimba yabo yabhubha nemimoya yabo yaphonswa eHayidesi, kuze kube namuhla basabhekene nokwahlulelwa okubi. Abantu abaningi balandele amazwi Ami, kodwa baphambana nokukhanyisa nokukhanya Kwami, ngalokho ngibakhahlelele eceleni, bawela esandleni sikaSathane baba abangiphikisayo. (Namuhla bonke labo abangiphika ngqo balalela ukuba ngaphezulu kokwemvelo kwamazwi Ami, bangalaleli ubuqu bamagama Ami.) Bakhona nabanye abaningi, nabo, abalalele amazwi Ami nje engiwakhulume izolo, ababambelele “empahleni engasafuneki” yesikhathi esedlule abangawenzi igugu “umkhiqizo” wanamuhla. Laba bantu abathunjiwe uSathane nje kuphela, kodwa sebephenduke izoni zengunaphakade futhi sebephenduke izitha Zami, futhi baphikisana Nami ngqo. Abantu abafana nalaba yibo engibahlulela ngolaka Lwami olukhulu, nanamuhla baseyizimpumputhe, basesemiphandwini eminyama (okungukuthi, abantu abafana nalaba babolile, bayizidumbu ezindikindiki nje ezilawulwa nguSathane; ngoba amehlo abo embozwe Yimi, ngithi bayizimpumputhe). Kuzoba kuhle ukuhlinzeka isibonelo ukuze nibe nokubhekiselwe kukho, ukuze nifunde kukho:

Uma kukhulunywa ngoPawulu, nizocabanga ngomlando wakhe, nezinye izindaba mayelana naye ezingelona iqiniso nezingahambisani neqiniso. Wafundiswa abazali bakhe esemncane, wemukela ukuphila Kwami, ngenxa yokuthi ngakuhlela kusengaphambili ukuthi wayeyoba uhlobo engilufunayo. Eseneminyaka eyi-19, wafunda izincwadi eziningi ngempilo; ngalokho angidingi ukuthi ngenabe ngokuthi kanjani ngenxa yohlobo lomuntu ayilo, nangenxa yokukhanya nokukhanyisa Kwami, ubengakwazi nje kuphela ukukhuluma ngezindaba zikamoya okuphusile, kodwa ubekwazi nokubamba izinhloso Zami. Yebo, lokhu akushiyi ngaphandle ingxube yezinto zangaphakathi nezangaphandle. Noma kunjalo, ukungalungi kwakhe okukodwa kwakungukuthi, ngenxa yethalente lakhe, wayebuye aziqhayise. Ngenxa yalokho, ngenxa yokungalaleli kwakhe, ingxenye eyayimele ingelosi enkulu, ngesikhathi ngiba senyameni okokuqala, wazama ngakho konke ukungangilaleli. Wayengomunye walabo abangawazi amazwi Ami, kanti nendawo Yami enhliziyweni yakhe yase ingasekho. Abantu abafana nalaba baphikisana nobunkulunkulu Bami ngokuqondile, futhi bashaywa Yimi, bakhothame bavume izono zabo ekugcineni. Yingakho, ngemva kokuthi sengisebenzise lokhu anamandla kukho—okungukuthi, ngemva kokuthi esengisebenzele isikhathi—wabuye wawela ezindleleni zakhe ezindala, yize engazange angalaleli amazwi Ami ngqo, akalalelanga ukuhola Kwami kwangaphakathi nokukhanyisa Kwami, ngakho-ke konke lokhu akwenza ngesikhathi esedlule kwaba yize leze; ngamanye amazwi, umqhele wenkazimulo ayekhuluma ngawo waba amazwi angenalutho, umphumela wokubona kwakhe, ngoba kuze kube namuhla usahlulelwa Yimi ezithembisweni Zami.

Esibonelweni esingenhla kuyabonakala ukuthi noma ubani ophikisana Nami (ngokungaphikisi kuphela ubuqu Bami obuyinyama kodwa okubaluleke kakhulu, amazwi Ami kanye noMoya Wami—okungukuthi, ubuNkulunkulu Bami), bathola ukwahlulelwa Yimi besenyameni yabo. Uma uMoya Wami ushiya umuntu, lowo muntu uyawa abheke phansi, ehlele ngqo eHayidesi. Futhi yize umzimba wakho wenyama usemhlabeni, ufana nomuntu ogula ngengqondo: Ulahlekelwa ukucabanga kwakho, masinyane uzizwe sengathi uyisidumbu, uze ungincenge ukuthi ngibulale inyama yakho ngingabe ngisalibala. Abaningi benu abanomoya bazazi kahle lezi zimo, futhi angidingi ukuba ngize ngigxile kakhulu emininingwaneni yazo. Esikhathini esedlule, lapho ngisebenza ebuntwini obujwayelekile, abantu abaningi bese bezilinganisele ngokwabo ngolaka Lwami nobukhulu Bami, futhi bazi okuncane ngobuhlakani Bami kanye nesimo Sami. Namuhla, ngikhuluma futhi ngenze ngobuNkulunkulu ngokuqondile, kodwa basekhona abantu abazobona ulaka nokwahlulela Kwami ngamehlo abo enyama; ngaphezu kwalokho, umsebenzi omkhulu wengxenye yesibili enkathini yokwahlulela ukwenza bonke abantu Bami bazi ngokuqondile izenzo Zami enyameni, nokwenza ukuthi nonke nibone isimo Sami ngqo. Kodwa ngoba ngisenyameni, ngiyanicabangela ngobuthakathaka benu. Ngifisa ningawuphathi umoya wenu, umphefumulo nomzimba wenu njengezinto zokudlala, ningenandaba nikunikela kuSathane. Kungcono ukuba konke onakho kube yigugu kuwe, ungadlali ngakho, ngoba izinto ezinjengalezi zihambisana nesimiselo sakho. Ingabe niyakwazi ngempela ukuqonda incazelo yangempela yamazwi Ami? Ingabe niyakwazi ngempela ukuzwelana nemizwa Yami yangempela?

Ingabe uyafisa ukuthokozela izibusiso Zami emhlabeni, izibusizo ezifana nalezi ezisezulwini? Ingabe uyafisa ukuphatha ukungiqonda Mina, nokuthokozela amazwi Ami nolwazi Lwami, njengezinto eziyigugu nezibalulekile empilweni yakho? Ingabe uyakwazi ukuzithoba ngokweqiniso Kimi, ngaphandle kokucabanga ngokuthi uzotholani? Ingabe niyakwazi ukuzivumela ukuba nibulawe Yimi, niholwe Yimi, njengezimvu? Ingabe bakhona phakathi kwenu abakwaziyo ukuzenza lezi zinto? Kungenzeka ukuthi bonke abemukelwe Yimi nabathole izethembiso Zami yilabo abazuze izibusiso Zami? Ingabe kukhona enikuqondile kulawa mazwi? Uma nginivivinya, ningazibeka ngempela emseni Wami, futhi, phakathi kwalokhu kulingwa, funani izinhloso Zami nibone nenhliziyo Yami? Angifuni ukuba ukwazi ukukhuluma amagama athinta abantu, noma nixoxe izindaba ezimnandi; kunalokho, ngicela ukuthi ukwazi ukuba nobufakazi Ngami, nokuthi ukwazi ukungena ujule eqinisweni. Uma bengingakhulumanga ngqo, ubuzokwazi ukushiya konke okukuzungezile uvumele ukusetshenziswa Yimi? Ingabe lokhu akulona iqiniso engilidingayo? Ubani okwaziyo ukubamba incazelo yamazwi Ami? Kodwa ngicela ukuba ningabe nisasindwa ukungabaza, ukuba nisebenze ekungeneni kwenu futhi nibambe isiqu samazwi Ami. Lokhu kuzovimbela ukuba ungenzi iphutha ekuqondeni amazwi Ami, nokungacaciseleki ngencazelo Yami, bese niphula izinqumo Zami zokuphatha. Ngifisa ukuba nibambe izinhloso Zami ngani emazwini Ami. Ningazicabangeli ngenizokuthola, nenze njengoba ninqumile phambi Kwami ukuthi nithobele izinhlelo zikaNkulunkulu kuzo zonke izinto. Nonke nina enima endlini Yami kumele nenze okuningi eningakwazi ukukwenza; kumele nizinikele esigabeni sokugcina somsebenzi Wami emhlabeni. Ingabe niyafisa ngempela ukwenza lezi zinto?

UNhlolanja 23, 1992

Okwedlule: Amazwi KaKristu Ekuqaleni—Isahluko 103

Okulandelayo: Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana—Isahluko 5

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp