Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana—Isahluko 5

Uma uMoya Wami ukhuluma, uveza isimo Sami ngokuphelele. Niyakuqonda lokhu? Ukungakuqondi lokhu kuyafana nokuphikisana Nami ngqo. Ingabe ukubonile ukubaluleka okukulokhu? Ingabe niyazi ukuthi ungakanani umzamo Wami, angakanani amandla Ami, engiwanikela kuwe? Ingabe ningakwazi ukubeka obala lokhu enikwenzile phambi Kwami? Futhi ninesibindi sokuzibiza ngabantu Bami ebusweni Bami–aninamahloni, anicabangi! Kungekudala, abantu abafana nalaba bazoxoshwa endlini Yami. Ungabi yisosha elidala Kimi, ucabanga ukuthi umele ubufakazi Bami! Ingabe lokhu yinto abantu abakwaziyo ukuyenza? Ukube akusalanga lutho okuyizinhloso namaphupho akho, ngabe kade wathatha enye indlela. Ucabanga ukuthi angazi ukuthi inhliziyo yomuntu inomthamo ongakanani? Kusukela manje kuya phambili, kuzo zonke izinto kumele ungene eqinisweni lokwenza; ukunyakazisa nje izinsini njengoba kade wenza, angeke kunise ndawo. Kudala, abaningi benu bakwazi ukuhlala mahhala ngaphansi kophahla Lwami; nokuthi niyakwazi ukuma niqine namuhla yingenxa yobukhali bamazwi Ami. Ucabanga ukuthi amazwi Ami ayakhulunywa nje ngaphandle kwenhloso ethile? Akunjalo! Ngibheka phansi ngibuke zonke izinto ngiphezulu, ngibuse phezu kwakho konke ngiphezulu. Kanjalo, ngilethe insindiso Yami emhlabeni. Asikho isikhathi engisuke ngingabhekile ngaso, ngisendaweni Yami efihlakele, konke ukunyakaza kwabantu, konke abakushoyo nabakwenzayo. Abantu Kimi bayincwadi evuliwe: Ngiyababona futhi ngiyabazi ngabanye ngabanye. Indawo Yami efihlakele kulapho ngihlala khona, futhi yindawo ephezulu esezulwini engilala kuyo. Amandla kaSathane angeke afike Kimi, ngoba ngigcwele ubukhosi, ukulunga, kanye nokwahlulela. Imfihlakalo engachazeki ihlala emazwini Ami. Uma ngikhuluma, nifana nezinkukhu ezicwiliswe emanzini, ezididekile, noma izinsana ezithukile, ningazi lutho, ngoba umoya wenu uwele esimweni sokungazi ukuthi kwenzekani kini. Kungani ngithi indawo esemfihlakalweni yilapho ngihlala khona? Uyazi ukuthi ithini incazelo ejulile yalokhu engikushoyo? Ubani kubo bonke abantu ongakwazi ukungazi? Ngubani ongakwazi ukwazi Mina ngendlela azi ngayo uyise nonina? Uma ngiphumule lapho ngihlala khona, ngiyabhekisisa: Bonke abantu emhlabeni bafuna “ukuhamba bazule umhlaba wonke” bejahile beya phambili nasemuva, konke lokhu ngoba befuna lapho beya khona, ikusasa labo. Kodwa akekho noyedwa onamandla okwakha umbuso Wami, into engafani ngisho nokudonsa umoya kanye nje. Ngabadala abantu, futhi ngibakhululile ekuhluphekeni izikhathi eziningi, kodwa bonke laba bantu ababongi: Akekho noyedwa phakathi kwabo okwaziyo ukubala zonke izikhathi zokusindisa Kwami. Sekube yiminyaka eminingi—amakhulu-nyaka amaningi—selokhu kwadalwa umhlaba kuze kube namuhla; ngenze izimangaliso eziningi kakhulu futhi ngabonakalisa ubuhlakani bami izikhathi eziningi. Kodwa umuntu, njengohlanya olulahlekelwa umqondo noma okungaphezulu, kwesinye isikhathi ufana nesilwane sasendle esizula ehlathini, akanayo nencane inhloso yokunaka izindaba Zami. Izikhathi eziningi nginike abantu isigwebo sokufa ngamlahlela ekufeni, kodwa uhlelo lokuqondisa Kwami angeke lushintshwe muntu. Ngakho-ke, umuntu, esesezandleni Zami, uphethe izinto ezindala abambelele kuzo. Ngenxa yezigaba zomsebenzi Wami, ngiphindile futhi, nganikhulula, nina enizelwe emindenini emikhulu ekhohlakele, nengcolile.

Umsebenzi engiwuhlelile uyaqhubeka uya phambili ngaphandle kokuma ngisho nomzuzu. Njengoba sesisukile eNkathini yoMbuso, nganiphatha ngeza nani eMbusweni Wami njengabantu Bami, kukhona engizokufuna kini, lokhu kusho ukuthi, ngizoqala ngimise phambi kwenu umthethosisekelo ozobusa kulesi sikhathi:

Njengoba nibizwa ngabantu Bami, kumele nidumise igama Lami, lokhu kungukuthi, nime nobufakazi phakathi kokulingwa. Uma kukhona ozama ukungikhohlisa angifihlele iqiniso, noma enze izinto ezihlazayo ngingaboni, uzoxoshwa futhi akhishwe endlini Yami ukuze alindele ukuba ngibhekane naye. Labo abebengathembekile futhi bengangithandi esikhathini esedlule, bese namuhla baphakame bangahlulele obala, nabo bazoxoshwa endlini Yami. Labo abangabantu Bami kumele bahlale benakekela imithwalo Yami bafune nokwazi amazwi Ami. Abantu abafana nalaba kuphela engizobakhanyisela, bazohlala ngaphansi kokuholwa Yimi nokukhanya Kwami, angeke bajeziswe. Labo abahlulekayo ukunakekela imithwalo Yami, abalibele ukuhlela ikusasa labo, okusho ukuthi labo, abangenanhloso ekwenzeni kwabo ukwanelisa inhliziyo Yami kodwa ukuntshontsha engibanika kona, lezi zidalwa ezifana nezinxibi angifuni nhlobo ukubasebenzisa, ngoba kusukela ngesikhathi bezalwa abazi lutho ukuthi kusho ukuthini ukunakekela imithwalo Yami. Bangabantu abantula umqondo ovamile; abantu abanjalo baphethwe “ukungondleki” kwengqondo, badinga ukuthi baye ekhaya bayothola “ukondliwa.” Anginamsebenzi nabantu abafana nalaba. Kubantu Bami, wonke umuntu kuzomele athathe ukwazi Mina njengomsebenzi oyimpoqo okumele ufezwe kuze kube sekugcineni, njengokudla, ukugqoka, nokulala, izinto umuntu angakhohlwa nakancane ukuzenza, ukuze ekugcineni ukungazi kube yikhono elijwayelekile njengokudla, into oyenza kalula, ngesandla esijwayeziwe. Mayelana namazwi engiwakhulumayo, izwi ngalinye kumele lithathwe ngokukhulu ukuqiniseka nangokuliqonda; akumele kube khona abakwenza nje kungapheleli. Noma ubani ongawanaki amazwi Ami uzothathwa njengomuntu ophikisana Nami uqobo; noma ubani ongawadli amazwi Ami, noma ongafuni ukuwazi, uzothathwa njengonganginakile, kanti uzoshanelwa akhishwe ngomnyango wendlu Yami. Njengoba ngishilo ngaphambilini, lokhu engikufunayo akukona okwabantu abaningi, kodwa abambalwa abakhethekile. Kubantu abayikhulu, uma oyedwa kubo ekwazi ukungazi ngamazwi Ami, ngizolahla bonke laba abanye ngibhekane nokukhanyisa ngikhanyisela yena yedwa. Kulokhu, uzobona ukuthi akusilo iqiniso ukuthi inani elikhulu lingangibona, lingiphile. Engikufunayo ukolweni (yize noma izikhwebu zingagcwele) hhayi ukhula (yize noma izikhwebu zigcwele ngokwanele zihalisa). Labo-ke abangenandaba nokungifuna kunalokho beziphatha kabi, mabaphile ngentando yabo; angisafuni ukuphinda ngibabone, bengaze balethe ihlazo egameni Lami. Kulokhu engikudingayo kubantu Bami, ngizoma kulezi zimiso okwamanje, bese ngilinda ukwenza ezinye izigwebo kuya ngokuthi izimo zishintsha kanjani.

Ezinsukwini ezedlule, abantu abaningi babecabanga ukuthi nginguNkulunkulu wobuhlakani uqobo, ukuthi nginguyena Nkulunkulu obona ekujuleni kwezinhliziyo zabantu; kodwa konke lokho bekungukukhuluma okuzenzisayo. Uma umuntu kade engazi ngeqiniso, ngabe akazange afune ukugxumela ekutheni uyasazi isiphetho, kodwa ubezoqhubeka nokuzama ukungazi ngamazwi Ami. Kuphela uma esefinyelele lapho eseyibone ngeqiniso imisebenzi Yami, kulapho engakwazi ukuthi athi ngangiHlakaniphile, ukuthi ngangiMangalisa. Ulwazi eninalo Ngami luncane kakhulu. Eminyakeni eyedlule, baningi abantu abangisebenzele iminyaka emingi futhi, sebeyibonile imisebenzi Yami, bayakwazi ngempela ukwazi utho Ngami; bese behlala benezinhliziyo ezinikelayo Kimi, bengalokothi babe nezinhloso zokungiphikisa, ngoba kunzima kangakanani ukufuna imilobo yezinyawo Zami. Uma ukuhola Kwami bekungekho phakathi kwalaba bebengeke balokothe benze izinto ngokuphuthuma, bese kuthi ngemva kokuphila eminyakeni eminingi sebefunde izinto eziningi, bese besebenzisa yonke indawo lolu lwazi oluncane abanalo Ngami, bethi ngiHlakaniphile, ngiyaMangalisa futhi nginguMeluleki, bethi amazwi Ami afana nenkemba esika nhlangothi zombili, bethi imisebenzi Yami mikhulu, iyababazeka, futhi iyamangaza, bethi ngimbethe ubukhosi, bethi ubuhlakani Bami bufika esibhakabhakeni, nokunye abakubonayo. Kodwa namuhla ningazi kuphela esisekelweni esabekwa yibo, ngakho-ke abaningi benu, njengopholi, bakhuluma nje amazwi abawakhuluma. Yingoba ngiyazi ukuthi ayijulile kangakanani indlela eningazi ngayo nokuthi “imfundo” yenu yincane kangakanani ngangokuthi nginiphephisile ekujezisweni okukhulu. Kodwa noma kunjalo, abaningi benu abazazi, noma bacabanga ukuthi seniyifezekisile intando Yami ekwenzeni kwenu, ngalokhu nisindile ekwahlulelweni. Noma nicabanga ukuthi, emva kokuba yinyama, sengikhohliwe indlela umuntu enza ngayo, ngalokhu senisindile ekujezisweni. Noma nicabanga ukuthi lo Nkulunkulu enikholelwa kuye akekho emhlabeni, ngakho-ke senikwehlisile ukwazi uNkulunkulu kwaba umsebenzi okumele wenziwe nje ngesikhathi eningenzi lutho ngaso kunokuthi niwugcine ezinhliziyweni zenu njengomsebenzi okumele ufezekiswe, nisebenzisa ukukholelwa kuNkulunkulu njengendlela yokukhohlisa isikhathi ebesingachithwa ningenzi lutho. Uma ngingazange nginizwele ngenxa yokweswela iziqu kwenu, ukuqonda kwenu, nolwazi eninalo, nonke ningabhubha ngesikhathi Sami sokujezisa, ningabe nisaba khona emhlabeni. Kodwa kuze kube ukuthi umsebenzi Wami emhlabeni usuphelelisiwe, ngizohlala nginozwelo kubantu. Lokhu yinto okumele niyazi nonke, futhi niyeke ukudidanisa okuhle nokubi.

kuNhlolanja 25, 1992

Okwedlule: Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana—Isahluko 4

Okulandelayo: Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana—Isahluko 6

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp