Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile

Nibonile yini ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzofezani kuleli qembu labantu? UNkulunkulu uthe, ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane abantu kusazodingeka ukuthi baqhubeke balandele amazwi Akhe, futhi kusasa la mazwi kaNkulunkulu azoqondisa ukuphila kwabantu ezweni elihle laseKhanani. Lapho uMose esehlane, uNkulunkulu wamfundisa futhi wakhuluma naye ngokuqondile. UNkulunkulu wathumela ukudla esezulwini, amanzi nemana ukuze abantu bayijabulele, futhi kusenjalo nanamuhla: uNkulunkulu ngokwakhe uthumele izinto ezidliwayo neziphuzwayo ukuze abantu bazijabulele, futhi Yena ngokwakhe ulethe iziqalekiso ukuze asole abantu. Ngakho zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe zenziwa uNkulunkulu mathupha. Namuhla, abantu balambele iqiniso, bazama ukubona izimpawu nezimangaliso, futhi kunokwenzeka ukuthi bonke abantu abanjalo bashiywe, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uya uba ngokoqobo kakhulu. Akekho owaziyo ukuthi uNkulunkulu wehlile esuka ezulwini, abakaqapheli ukuthi uNkulunkulu uthumele ukudla nezinto ezivela ezulwini—kuyilapho uNkulunkulu ekhona ngempela, nezimo ezijabulisayo zoMbuso Weminyaka Eyinkulungwane abantu abazicabangayo kuyizinto ezivela ngqo emazwini kaNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso, futhi lokhu kuwukuphela ukubusa noNkulunkulu emhlabeni. Ukubusa noNkulunkulu emhlabeni kuqondise enyameni. Lokhu okungeyona inyama akukho emhlabeni, ngakho bonke labo abalwela ukuya ezulwini lesithathu balwela into engekho. Ngelinye ilanga, lapho umhlaba wonke usubuyela kuNkulunkulu, umongo womsebenzi Wakhe ezulwini nasemhlabeni wonke uyolandela amazwi kaNkulunkulu; kwenye indawo, abanye abantu bayoshaya izingcingo, abanye bayogibela izindiza, abanye bayogibela izikebhe bawele ulwandle, abanye bayosebenzisa ama-laser ukuze bathole amazwi kaNkulunkulu. Bonke abantu bayokhonza futhi bayolangazelela, bonke bayosondela kuNkulunkulu, futhi bahlanganyele kuNkulunkulu, futhi bonke bayokhonza uNkulunkulu—futhi konke lokhu kuyobe kuyizenzo zikaNkulunkulu. Khumbula lokhu! Ayikho into uNkulunkulu asazoyiqala kabusha kwenye indawo. UNkulunkulu uyofeza leli qiniso: Uyokwenza ukuthi bonke abantu emhlabeni wonke beze phambi Kwakhe, futhi bakhonze uNkulunkulu emhlabeni, futhi omunye umsebenzi Wakhe kwezinye izindawo uyophela, futhi abantu bayophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Kuyoba njengakuJosefa: Bonke babeya kuye ukuze bathole ukudla, futhi bamkhothamele, ngoba wayenezinto ezidliwayo. Ukuze bagweme indlala abantu bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Wonke umphakathi wamakholwa uzokwehlelwa yindlala enzima, futhi uNkulunkulu wanamuhla kuphela ongumthombo wamanzi okuphila, umthombo ogeleza njalo owenzelwe ukuba abantu bajabule, futhi abantu bazoza bancike Kuye. Leso kuyoba yisikhathi sokwambulwa kwezenzo zikaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakhazinyuliswa; bonke abantu emhlabeni wonke bazokhonza “umuntu” onganakekile. Ingabe lolu ngeke kube usuku lwenkazimulo kaNkulunkulu? Ngelinye ilanga, abafundisi abadala bazothumela amathelegramu befuna amanzi omthombo wokuphila. Bazobe bekhulile, kodwa nabo bazoza bakhonze lo muntu, lowo ababemdelela. Emilonyeni yabo bazoqaphela futhi ezinhliziyweni zabo bazothemba—ingabe lolu akulona uphawu noma isimanga? Lapho wonke umbuso ujabulela inkazimulo kaNkulunkulu, futhi noma ubani oza kinina futhi amukele izindaba ezinhle zikaNkulunkulu uzobusiswa Nguye, futhi la mazwe nalaba bantu bazobusiswa futhi banakekelwe uNkulunkulu. Umyalelo wangelinye ilanga uyoba nje: Labo abathole amazwi evela emlonyeni kaNkulunkulu bazoba nendawo yokuhamba emhlabeni, futhi noma bangosomabhizinisi noma ososayensi, noma othisha, noma abezimboni, labo abangenawo amazwi kaNkulunkulu kuzoba nzima ngisho ukuthatha isinyathelo esisodwa, futhi bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Yilokho okushiwoyo uma kuthiwa, “Ngeqiniso uzohamba emhlabeni wonke; ngaphandle kweqiniso, ngeke uye ndawo.” Amaqiniso awukuthi: UNkulunkulu uzosebenzisa Indlela (okusho ukuthi wonke amazwi Akhe) ukuze aqondise wonke umhlaba futhi abuse futhi anqobe isintu. Abantu bahlale bethemba ukujika okukhulu emisebenzini kaNkulunkulu. Ukucacisa, uNkulunkulu uqondisa abantu ngezwi, futhi kumele wenze lokho akushoyo kungakhathaleki ukuthi uyafisa ukwenza lokho noma cha; leli yiqiniso elingenakuphikwa, futhi kumele lilalelwe yibo bonke, nalo futhi laziwe yibo bonke.

UMoya oNgcwele unikeza abantu umuzwa. Ngemva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, ezinhliziyweni zabo bayaqina futhi banokuthula, kanti labo abangalamukeli izwi likaNkulunkulu bazizwa bengenalutho. Lokho kungamandla ezwi likaNkulunkulu—abantu okumele bawafunde, ngemva kokuwafunda bazokondleka, futhi angeke benze lutho ngaphandle kwawo. Kunjengalapho abantu bedla isidakamizwa okuthiwa yi-opium: sibanikeza amandla, futhi ngaphandle kwayo bazizwa bengenamandla. Unjalo umkhuba ophakathi kwabantu namuhla. Ukufunda amazwi kaNkulunkulu kunikeza abantu amandla. Uma bengawafundi, bazizwa bengenamdlandla, kodwa ngemva kokuwafunda, bavuka ngaso leso sikhathi “ekuguleni.” Leli yizwi likaNkulunkulu liphethe amandla emhlabeni noNkulunkulu ebusa emhlabeni. Abanye abantu bafuna ukushiya, noma sebekhathele umsebenzi kaNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi benzani, abakwazi ukusuka emazwini kaNkulunkulu; kungakhathaleki ukuthi babuthaka kangakanani, kusadingeka bancike emazwini kaNkulunkulu ukuze baphile, futhi kungakhathaleki ukuthi bavukela kangakanani, abalokothi bashiye amazwi kaNkulunkulu. Lapho amazwi kaNkulunkulu ebonisa amandla awo yilapho uNkulunkulu ebusa futhi esebenzisa amandla Akhe, futhi yile ndlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Kukho konke lokhu, imisebenzi kaNkulunkulu, futhi akekho ongayishiya. Amazwi kaNkulunkulu azosabalalela emakhaya angenakubalwa, azokwaziwa yibo bonke, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho amazwi Akhe ezosabalala emhlabeni wonke. Okungukuthi, uma umsebenzi Wakhe kumele usabalale kuwo wonke umhlaba, amazwi Akhe kumele asatshalaliswe. Osukwini lwenkazimulo kaNkulunkulu, amazwi Akhe azobonisa amandla negunya lawo. Onke amazwi Akhe kusukela ngesikhathi esingakhumbuleki kuze kube namuhla azofezeka futhi azogcwaliseka. Ngale ndlela, inkazimulo izoya kuNkulunkulu emhlabeni—okusho ukuthi, amazwi Akhe azobusa emhlabeni. Bonke ababi bazosolwa amazwi asemlonyeni kaNkulunkulu, bonke abalungile bazobusiswa amazwi omlomo Wakhe, futhi bonke bazokwakhiwa futhi bapheleliswe amazwi omlomo Wakhe. Angeke abonise noma yiziphi izimpawu noma izimangaliso; konke kuzofezwa amazwi Akhe, futhi amazwi Akhe azokhiqiza amaqiniso. Wonke umuntu emhlabeni uzohalalisela amazwi kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi badala noma bayizingane, owesilisa, owesifazane, omdala, omncane, bonke abantu bazozithoba ngaphansi kwamazwi kaNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu abonakala esenyameni, evumela abantu ukuba bawabone emhlabeni, ecacile futhi ephila. UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulukazi ukuze afeze iqiniso lokuthi “uLizwi uba yinyama,” okusho ukuthi, uze ukuze amazwi Akhe azonikezwa esenyameni (hhayi njengasesikhathini sikaMose eTestamenteni Elidala, lapho uNkulunkulu ayekhuluma ngokuqondile esesibhakabhakeni). Ngemva kwalokho ngalinye lamazwi Akhe lizogcwaliseka phakathi neNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane, azoba amaqiniso asobala emehlweni abantu, futhi abantu bazowabona ngamehlo abo ngaphandle kokungabaza. Lena yincazelo yangempela yokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Okungukuthi, umsebenzi kaMoya ufezwa ngenyama, nangamazwi. Lena incazelo enembayo yokuthi “uLizwi waba yinyama” nethi “Ukubonakala kukaLizwi enyameni.” UNkulunkulu kuphela ongakhuluma intando kaMoya, futhi uNkulunkulu osenyameni kuphela ongakhulumela uMoya; amazwi kaNkulunkulu enziwe acaca ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi wonke umuntu uqondiswa yiwo. Akekho okhululiwe, bonke bakhona ngaphakathi kwalo mngcele. Yingala mazwi kuphela lapho abantu bengakwazi khona; labo abangazuzi ngale ndlela bayaziphuphela nje uma becabanga ukuthi bangathola amazwi avela ezulwini. Lelo gunya libonakaliswe uNkulunkulu ekuguqulweni abe yinyama: ukwenza ukuba bonke bakholwe. Ngisho kuthiwa ompetha abaqeqeshiwe noma abefundisi bezinkolo angeke bakwazi ukukhuluma la mazwi. Kumele bazithobe kuwo, futhi akekho ongakwazi ukuqalisa kabusha. UNkulunkulu uzosebenzisa amazwi ukuze anqobe umhlaba wonke. Uzokwenza lokhu hhayi ngokuguqulelwa enyameni, kodwa ngokusebenzisa amazwi avela umlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama ukuze anqobe bonke abantu emhlabeni wonke; yilokhu kuphela okunguLizwi eba yinyama, futhi yilokhu kuphela ukubonakala kukaLizwi enyameni. Mhlawumbe, kubantu, kubonakala sengathi uNkulunkulu akakenzi msebenzi ongako—kodwa uNkulunkulu kufanele akhlume nje amazwi Akhe kubantu ukuze bakholwe ngokuphelele, futhi kubo ukuze bathuthumele. Ngaphandle kwamaqiniso abantu bayamemeza futhi bakhamuluke; ngamazwi kaNkulunkulu, bayathula. UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.

Okwedlule: Imithetho YeNkathi Entsha

Okulandelayo: Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp