Isahluko 19

Ukuthatha amazwi Ami njengesisekelo sokuphila kwabo—lokhu kuyisibopho sabantu. Abantu kumele bakhe isabelo sabo kuzo zonke izingxenye zamazwi Ami; ukungakwenzi lokhu kuzoba ukuzibizela ukubhubha nokumema ukwenyanywa. Abantu abangazi, ngenxa yalokhu, esikhundleni sokuthi umuntu alethe impilo yakhe Kimi, akwenzayo nje ukuhamba phambi Kwami ephethe udoti ezandleni zakhe, ezama ukungihlaba umxhwele ngalokho. Kodwa, yize nginganeliswa yizinto ngendlela eziyiyo, ngiyaqhubeka nokufuna izidingo kubantu. Ngiyayithanda iminikelo yomuntu, kodwa ngiyazizonda izimfuno zakhe yobuqili. Bonke abantu banezinhliziyo ezigcwele umhobholo; kuba sengathi inhliziyo yomuntu iyisigqila sikaSathane, futhi umuntu akakwazi ukuzikhulula anikele inhliziyo yakhe Kimi. Uma ngikhuluma, umuntu uyalilalelisisa izwi Lami; kodwa uma ngiyeka ukukhuluma, uyaqala futhi “ngebhizinisi” lakhe ayeke ukuzwa amazwi Ami, kube sengathi amazwi Ami awamsizi webhizinisi lakhe. Angikaze ngingamunaki umuntu, kodwa futhi kade ngibekezela nginozwelo kubantu. Ngakho, ngenxa yomusa Wami, abantu sebezibona bebakhulu, futhi abasakwazi ukuzazi nokuzibheka, bavele basebenzise isineke Sami ukuze bangikhohlise. Akekho noyedwa phakathi kwabo okhathazeka Ngami, akekho futhi noyedwa ongenza igugu njengento ayithandayo enhliziyweni yakhe; bangidumisa uma benemizuzu abangenzi lutho ngayo kuphela. Imizamo esengiyenzile kubantu ingelinganiswe. Ngenze kumuntu uhlobo lomsebenzi olungakaze lubonwe, ngale kwalokhu, ngimnike umthwalo ongaphezulu, ukuze kulokhu enginakho nengiyikho, umuntu athole ulwazi bese eyashintsha. Angimceli umuntu ukuthi amane abe “umthengi” nje, kodwa ngimcela ukuthi akabe “umkhiqizi” okwaziyo ukwehlula uSathane. Yize ngingeke ngifune lutho kumuntu, kodwa nginawo amazinga ngezidingo engizifunayo, ngoba kunenhloso kwengikwenzayo, kanye nezizathu zezenzo Zami: Izinto angizenzi ngokungahlelekile njengoba umuntu ecabanga, futhi ngenze amazulu nomhlaba nezinto eziningi ezidaliwe ngokuhlelekile. Ekusebenzeni Kwami umuntu kufanele abone futhi azuze okuthile. Kumele angachithi izinsuku zobusha bakhe, noma aphathe impilo yakhe njengengubo evumela izintuli zihlale kuyo; kunalokho kumele azibheke, athathe enaleni yami azithokozise, kuze kube, ngenxa Yami, angaphinde abuyele emuva kuSathane, ngenxa Yami amele impi elwa noSathane. Ingabe engikufuna kumuntu kulula kanje?

Uma inhlansi yokukhanya ilokoza eMpumalanga, bonke abantu emhlabeni bayaphenduka babheke lapho kuvela khona ilanga eMpumalanga. Bengasalele, abantu bayahamba bayobheka umthombo wokukhanya kwaseMpumalanga, kodwa ngenxa yomkhawulo wamandla omuntu, akekho okwazi ukubona ukuthi ukukhanya kusuka kuphi. Uma konke okusemhlabeni sekukhanyiswe ngokuphelele, umuntu uyavuka ekulaleni nasephusheni, bese uyabona ukuthi usuku Lwami kancane kancane luyeza emhlabeni. Bonke abantu bayajabula ngokufika kokukhanya, ngenxa yalokhu bangalali, bese beyeka ukungabi sezingqondweni. Ngaphansi kokukhanya kokukhanya Kwami, bonke abantu imiqondo yabo iyavuleka kanjalo namehlo abo, bese beyavuka ngokushesha bejabulela ukuphila. Ngaphansi kokwembozwa inkungu, ngibheka umhlaba wonke. Izilwane zonke ziphumule; ngenxa yokuthi kuza ukulokoza kokukhanya, konke okuyindalo kuyazi ukuthi impilo entsha isiyeza. Ngenxa yalesi sizathu, nezilwane nazo ziyaphuma emigedeni, ziyofuna ukudla. Nezitshalo nazo ngokunjalo, ngokukhanya kokukhanya amacembe azo aluhlaza ayacwebezela, elinde ukunikela ingxenye yazo Kimi uma sengisemhlabeni. Bonke abantu bafisa ukuza kokukhanya, kodwa bayakwesaba ukufika kwakho, besaba ukuthi ububi babo ngeke busafihleka, ngoba umuntu unqunu, uswele okokwembatha. Bangaki abantu abangenwa ukwesaba, ngenxa yokufika kokukhanya, nangenxa yokuthi ukukhanya sekufikile, bese beyethuka? Bangaki abantu, ngokubona ukukhanya, abagcwala ukuzisola okungenamkhawulo, benyanya ukungcola kwabo, kodwa, bengenawo amandla okushintsha osekwenzekile, kumele nje balinde Mina ngimemezele isigwebo. Bangaki abantu, abalungiswe ukuhlupheka ebumnyameni, ngokubona ukukhanya bese beshaywa ukuthi kusho ukuthini, bese ngalokho bebamba ukukhanya bakusondeze eduze kwabo, besaba ngokujulile ukulahlekelwa yikho futhi. Abantu abaningi kakhulu, esikhundleni sokuthi balahlwe ngaphandle komkhondo wezinkanyezi ngenxa yokuvela kokukhanya ngokushesha, abavele baqhubeke nomsebenzi wabo wosuku, ngoba kade bengaboni iminyaka eminingi, ngakho ababoni ukuthi ukukhanya sekufikile, futhi akubenelisi. Enhliziyweni yomuntu, angikho phezulu futhi angikho phansi. Ngokwabantu, akubalulekile ukuthi ngikhona noma angikho, sengathi impilo yomuntu ibingeke ibe nomzwangedwa ukube bengingekho, futhi uma ngikhona, angeke ajabule. Ngokuthi abantu abangazisi Mina, izinto ezibajabulisayo engibanika zona zimbalwa. Kodwa lapho abantu benginika udumo oluncane nje, Nami ngizoshintsha isimo Sami somqondo ngabantu. Ngenxa yalokhu, lapho nje abantu bewubamba lo mthetho, kulapho-ke abantu abazoba khona nenhlanhla yokuzinikela Kimi bese befuna izinto engiziphethe esandleni Sami. Nakanjani uthando umuntu angithanda ngalo alukho ngenxa yezinto ezithandwa nguye? Ngokuqinisekile ukholo lwakhe Kimi alwenziwa yizinto engimnika zona? Kungenzeka ukuthi, uma engakuboni ukukhanya Kwami, umuntu akakwazi ukungithanda ngeqiniso ngokholo lwakhe? Ngokuqinisekile amandla nogqozi lomuntu akuvinjwa yizimo zanamuhla? Kungenzeka ukuthi umuntu udinga isibindi ukuze angithande?

Ngokuthembela ebukhoneni Bami, izinto eziningi zendalo zilalela lapho zihlala khona, uma ngingazikhuzi azilahlwa. Ngalokho, izintaba ziba yimingcele phakathi kwemihlaba, amanzi aphenduka imingcele ehlukanisa abantu emhlabeni, umoya wona ushaya usuke kumuntu uye komunye emhlabeni. Abantu kuphela abangakwazi ukulalela okudingwa yintando Yami; yikho ngithi, kuzo zonke izidalwa abantu bangena ngaphansi kwalaba abangalaleli. Abantu abakaze bangihloniphe, ngenxa yalokhu Nami selokhu ngamgcina ngaphansi kwempatho eqinile. Uma phakathi kwabantu, kungenzeka ukuthi umusa Wami wehlele emhlabeni, ngizowuthatha wonke umusa Wami ngiwenze ubonakale phambi kwabantu. Ngenxa yokuthi ekungcoleni kwakhe umuntu akakwazi ukubheka enkazimulweni Yami, eminyakeni eyizinkulungwane angikaze ngivele obala, kodwa kade ngilokhu ngicashile; ngalesi sizathu inkazimulo Yami ayikaze ibonakale kubantu, kanti nomuntu ubelokhu ecwile njalo emgodini wesono ojulile. Ngikuxolele ukungalungi komuntu, kodwa abantu abakwazi ukuthi bazilonde kanjani, kunalokho bazivulela esonweni, bavumele isono sibalimaze. Ingabe lokhu akukhona ukungazihloniphi nokungazithandi komuntu? Phakathi kwabantu, ingabe ukhona ongathanda ngeqiniso? Ukuzinikela komuntu kungaba nesisindo esingakanani? Azikho izinto ezingcolile ezixubene nalokhu okubizwa ngokweqiniso? Akusikho ukuthi ukuzinikela kwakhe kugcwele izinto ezihlangahlangene? Engikufunayo uthando lomuntu oluphelele. Umuntu akangazi, noma engafuna ukungazi, angeke anginike inhliziyo yakhe ngeqiniso nangobuqotho. Kumuntu angifuni lokhu angafuni ukunginika khona. Uma enginika ukuzinikela kwakhe, ngizokwamukela ngaphandle kokungabaza; kodwa uma engangethembi, futhi engafuni ukunikela ngisho ingxenyana encane yakhe Kimi, kunokuthi ngiqhubeke nokucasulwa yilokho, ngizovele ngimkhiphe ngenye indlela ngimhambise ekhaya elimfanele. Ukuduma kwezulu esibhakabhakeni kushaya umuntu kumlahle phansi; izintaba ezinde njengoba ziwa, zimumboze; izilwane zasendle ezilambile zimudle; nokucasuka kwezilwandle kwemboze ikhanda lakhe. Njengoba abantu beba nezingxabano phakathi kwabo, bonke abantu bazofuna okuzobabhubhisa ezinhlekeleleni ezivuka phakathi kwabo.

Umbuso uyakhula phakathi kwabantu, uyasunguleka phakathi kwabantu, uyasukuma phakathi kwabantu; awekho amandla angabulala umbuso Wami. Kubantu Bami abasembusweni namuhla, ubani kini ongeyena umuntu phakathi kwabantu? Ubani phakathi kwenu ongaphandle kwezimo zabantu? Uma lapho engizoqala khona kumenyezelwa ezinkumbini zabantu, bazothini noma bazokwenzani abantu? Uzibonele ngamehlo akho isimo sabantu; ngokuqinisekile awusenalo ithemba lokuma ingunaphakade emhlabeni? Ngiyahamba kabanzi manje phakathi kwabantu Bami, ngiphila phakathi kwabantu Bami. Namuhla, labo abangithanda ngempela, abantu abafana nalabo babusisiswe; babusisiwe labo abangihloniphayo, nakanjani bazohlala embusweni Wami; babusisiwe labo abangaziyo, nakanjani bazothola amandla embusweni Wami; babusisiwe labo abangifunayo, nakanjani bazophuma emaketangweni kaSathane bajabulele izibusiso Nami; babusisiwe abakwaziyo ukuzincama, nakanjani bazongena ezintweni Zami enginazo, badle ifa lenala yombuso Wami. Labo abangigijimelayo ngizobakhumbula, labo abangena ezindlekweni ngenxa Yami ngizobasingatha ngenjabulo, labo abanikelayo Kimi ngizobanika okuzobathokozisa. Labo abathokoziswa amazwi Ami ngizobabusisa; ngokuqinisekile bazoba yizinsika ezibamba isigxobo esiyinsika yombuso Wami, ngokuqinisekile bazothola konke abakufunayo nabakucelayo endlini Yami, futhi akekho ongaqhathaniswa nabo. Wake wasemukela isibusiso owasinikwa? Wake wazifuna izethembiso ezenzelwa wena? Nakanjani, ngokuqondiswa ukukhanya Kwami, uzogqashula emandleni obumnyama. Phakathi kobumnyama angeke ulahlekelwe ukukhanya okukuqondisayo. Uzobusa phezu kwazo zonke izidalwa. Nakanjani uzonqoba phambi kukaSathane. Nakanjani, ekuweni kombuso kadrako omkhulu obomvu, uzoma phakathi kwezinkumbi zabantu ube ngufakazi wokunqoba Kwami. Nakanjani uzoqina ungantengantengi ezweni laseSinim. Ngokuhlupheka odlule kukho, uzothola ifa lezibusiso ezivela Kimi, futhi ngokuqinisekile uzosabalalisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke.

19 Mashi, 1992

Okwedlule: Isahluko 18

Okulandelayo: Isahluko 20

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp