Indlela … (3)

Empilweni Yami uqobo, Ngihlala Ngizimisele ngokunikela uqobo lwami kuNkulunkulu ngokuphelele, ngomzimba nangomqondo. Ngale ndlela, akukho okusoleka kunembeza Wami futhi Ngingakwazi ukuthola ukuthula okuncane. Umuntu ophokophele phambili empilweni kumele aqale anikele ngenhliziyo yakhe kuNkulunkulu ngokugcwele. Lokhu kuwumbandela omiswe ngaphambilini. Ngingathanda ukuthi abafowethu nodadewethu bakhuleke Nami kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Sengathi uMoya Wakho osezulwini ungehlisela umusa phezu kwabantu emhlabeni ukuze inhliziyo Yami iphendukele Kuwe ngokugcwele, ukuze uMoya Wami unyakaziswe Nguwe, futhi Ngikwazi ukubona ubuhle Bakho enhliziyweni Yami, ukuze labo abasemhlabeni babusiseke ngokubonu ubuhle Bakho. Nkulunkulu! Sengathi uMoya Wakho ungaphinda unyakaze emimoyeni yethu ukuze uthando lwethu lube ngolwengunaphakade futhi lungashintshi nhlobo!” Okwenziwa uNkulunkulu kithi sonke ukuqala ahlole izinhliziyo zethu, futhi uma sidedela izinhliziyo zethu Kuye, yilapho-ke Eqala ukunyakaza emimoyeni yethu. Ubuhle, ukuphakama kanye nobukhulu bukaNkulunkulu bungabonakala ngomoya kuphela. Le indlela kaMoya Oyingcwele kubantu. Ingabe unalolu hlobo lwempilo? Uke wabhekana nempilo kaMoya Oyingcwele? Ingabe umoya wakho uke wanyakaziswa uNkulunkulu? Ingabe uke wawubona umsebenzi kaMoya Oyingcwele ebantwini? Ingabe uyinikele ngokugcwele inhliziyo yakho kuNkulunkulu? Uma unikela ngenhliziyo yakho ngokugcwele kuNkulunkulu, uyakwazi ukubhekana ngqo nempilo kaMoya Oyingcwele, futhi umsebenzi Wakhe ungakwazi ukuqhubeka nokudalulwa kuwe. Ngaleso sikhathi, ungaba umuntu osetshenziswa uMoya Oyingcwele. Ingabe uzimisele ngokuba yilolu hlobo lomuntu? Ngokukhumbula Kwami, ngenkathi nginyakaziwa uMoya Oyingcwele futhi Ngaqala ukunikela ngenhliziyo Yami kuNkulunkulu, Ngawa phambi Kwakhe Ngakhala: “O Nkulunkulu! Nguwe ovule amehlo Ami ukuze ngiqonde insindiso Yakho. Ngizimisele ngokunikela ngenhliziyo Yami Kuwe ngokugcwele, futhi engikucelayo Mina nje ukuthi intando Yakho yenziwe. Engikufisayo nje ukuthi inhliziyo Yami igunyazwe Nguwe ebukhoneni Bakho, nokwenza intando Yakho.” Lowo mkhuleko Angisoze ngawukhohlwa; Ngangithinteke kakhulu, futhi ngakhihla isililo phambi kukaNkulunkulu. Lowo kwaba umkhuleko wami wokuqala owaphumelela ebukhoneni bukaNkulunkulu owasindisa, futhi kwaba yilokho okwalangazelelwa Yimi kuqala. Ngangivame ukunyakaziswa uMoya Oyingcwele emuva kwalokho. Ingabe uke wabhekana nesimo esinje? Umoya Oyingcwele usebenze kanjani kuwe? Ngicabanga ukuthi bonke abantu abafuna ukuthanda uNkulunkulu bayabhekana nezimo ezinje, ngamazinga amakhulu kakhulu noma amancane, kodwa abantu bayakhohlwa yizo. Uma umuntu othile ethi akakabhekani nalesi simo, lokho kuwubufakazi bokuthi abakasindiswa futhi basangaphansi kombuso kaSathane. Umsebenzi kaMoya Oyingcwele uqhubeka phakathi kwabo bonke abantu abasendleleni kaMoya Oyingcwele, futhi kuphinde kube yindlela yomuntu okholelwa nofuna uNkulunkulu. Isigaba sokuqala somsebenzi kaMoya Oyingcwele awenza kubantu yilowo wokuhambisa imimoya. Emuva kwalokho, bazoqala ukuthanda uNkulunkulu futhi balandele ukuphila; bonke labo abakule ndlela baphakathi komzila kaMoya Oyingcwele. Akusikho lokhu kuphela okuyimininingwane enhlobonhlobo yemisebenzi kaNkulunkulu ezweni laseChina, kodwa ngokomhlaba obanzi uwonke. Lokhu ukwenza kuso sonke isintu. Uma umuntu engakaze anyakaziswe nakanye, lokhu kuveza ukuthi bangaphandle komzila wensindiso. Enhliziyweni Yami, ngithandaza kuNkulunkulu ngingaphezi, ngicela ukuthi anyakazise bonke abantu, ukuze wonke umuntu ongaphansi kwelanga anganyakaziswa Nguye futhi ahambe kule ndlela. Mhlawumbe lokhu kuyisicelwana esingelutho engisicela kuNkulunkulu, kodwa Ngikholwa ukuthi Uzokwenza lokhu. Ngethemba ukuthi bonke abafowethu nodadewethu bazokukhulekela lokhu, ukuthi intando kaNkulunkulu ingenziwa, nokuthi umsebenzi Wakhe ungase uphele ngokushesha ukuze uMoya Wakhe osezulwini ukwazi ukuphumula. Lokhu kuyithemba Lami elincane.

Ngikholwa ukuthi njengoba uNkulunkulu ekwazi ukuqhuba umsebenzi Wakhe edolobheni lamadimoni, nakanjani Angakwazi ukuqhuba umsebenzi Wakhe emadolobheni angebaleke agcwele amadimoni emhlabeni jikelele. Labo phakathi kwethu benkathi yokugcina impela bazolibona usuku lwenkazimulo kaNkulunkulu. Lokhu kubizwa ngokuthi “ukulandela kuze kube sekupheleni kuzokuholela ensindisweni.” Akekho ongathatha indawo kaNkulunkulu kulesi sigaba somsebenzi Wakhe—uNkulunkulu Uqobo kuphela ongakwenza. Lokhu kudalwa ukuthi kwedlulele; kuyisigaba somsebenzi wokunqoba, futhi abantu ngeke bakwazi ukunqoba abanye abantu. Amazwi omlomo kaNkulunkulu kuphela kanye nezinto azenza Yena ngqo ezinganqoba isintu. Emhlabeni uwonke, uNkulunkulu usebenzisa izwe likadrako omkhulu obomvu njengenkundla yokuzwa amanzi ngobhoko, okuyothi emuva kwakho aqale lo msebenzi kuwo wonke umhlaba. Ngalokho uzokwenza umsebenzi omkhulu kakhulu emhlabeni wonke, futhi bonke abantu basemhlabeni uwonke bazokwamukeliswa umsebenzi kaNkulunkulu wokunqoba. Abantu bayo yonke inkolo kanye nalo lonke ihlelo kumele bamukele lesi sigaba somsebenzi. Le indlela okumele ilandelwe—akekho umuntu ongayibalekela. Ingabe uzimisele ngokwamukela lokhu uNkulunkulu akuthembe ngakho? Ngihlala ngibona ukuthi ukwamukela into othenjwe ngayo uMoya Oyingcwele kuyinto emangalisayo. Indlela engibona ngayo, lokhu kungukwethenjwa okukhulukazi uNkulunkulu akubeka izandleni zesintu. Ngethemba ukuthi Ngizoba nabafowethu nodadewethu abasebenza kanzima ngokuhambisana Nami futhi bamukele lokhu kuNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akwazi ukudunyiswa emhlabeni wonke nasemkhathini ngaphezulu, futhi izimpilo zethu ngeke zibe yize leze. Kumele senzele uNkulunkulu okuthile, noma kumele senze isifungo. Uma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu kodwa engenakho akulandelelayo, impilo yakhe iba yize, futhi uma sekufika isikhathi sokuthi afe, ukwazi ukubheka isibhakabhaka esiluhlaza kanye nomhlaba ogcwele izintuli kuphela. Ingabe lokho yimpilo ebalulekile? Uma ungakwazi ukufeza izidingo zikaNkulunkulu ngenkathi usaphila, ngeke kube yinto enhle leyo? Kungani uhlala ufuna inkinga, nokubukelwa phansi? Ngaleyo ndlela ingabe ikhona into oyithola kuNkulunkulu? Futhi ingabe ikhona into etholwa uNkulunkulu kuwe? Esethembisweni engisenze noNkulunkulu, ngivele ngimunike inhliziyo Yami futhi angimukhohlisi ngamazwi Ami. Ngeke ngize ngiyenze into enjalo—engizimisele ngakho ukududuza uNkulunkulu,engimuthanda ngenhliziyo Yami, kuphela, ukuze uMoya Wakhe osezulwini ukwazi ukududuzeka. Inhliziyo kungenzeka ibaluleke kodwa uthando lubaluleke kakhulu. Ngizimisele ngokunikela ngothando olubalulekile olusenhliziyweni Yami kuNkulunkulu ukuze lokho okuthokozelwa Nguye kube yinto enhle kakhulu enginayo, ukuze Agcwaliswe ngothando engimunika lona. Ingabe uzimisele ngokunikela ngothando lwakho lonke kuNkulunkulu ukuze aluthokozele? Ingabe uzimisele ngokwenza lokhu kube umgomo wakho wokuphila? Engikubonayo ngokwalokho engibhekane nakho ukuthi uma nginika uNkulunkulu uthando olukhulu, umuzwa wokuzizwela Ngiphila ngentokozo uyanda, futhi nginamandla angenamkhawulo, ngizimisele ngokunikela ngomzimba nomqondo Wami uwonke, futhi Ngihlale Ngizizwela ukuthi ngeke ngize Ngikwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwanele. Ngakho, ingabe uthando lwakho luwuthando olubudedengu, noma olungephela, noma olungelinganiseke? Uma ufuna ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso, uyohlala unalo olunye uthando ongaluphindisela Kuye. Uma kunjalo, ngomuphi umuntu futhi ngeyiphi into engakwazi ukuma endleleni yothando lwakho othanda ngalo uNkulunkulu?

UNkulunkulu ubona uthando lwesintu sisonke njengolubalulekile; wandisa nezinye izibusiso Zakhe kulabo abathanda Yena. Lokhu kwenziwa ukuthi uthando lomuntu kunzima kakhulu ukuhlangana nalo, luncane kakhulu, futhi lucishe lungatholakali. Emhlabeni jikelele, uNkulunkulu uke wazama ukufuna ukuthi abantu babuyisele uthando Kuye, kodwa kuyo yonke iminyaka kuze kube yimanje, labo ababuyisele uthando kuNkulunkulu bambalwa—bayidlanzana. Ngokukhumbula Kwami, uPetro wayengomunye, kodwa wayeholwa uJesu ngqo futhi waze wanikela ngothando lwakhe olugcwele kuNkulunkulu ekufeni kwakhe, okwaqeda leyo mpilo yakhe. Ngakho, ngenxa yalezi zimo ezingezinhle uNkulunkulu wanciphisa uhlelo lomsebenzi Wakhe emhlabeni jikelele, ngokusebenzisa izwe likadrako omkhulu obomvu njengendawo yokwenza isibonelo. Ugxilise wonke amandla Akhe kanye nemizamo Yakhe endaweni eyodwa. Lokhu kuzoba nemiphumela emihle kakhulu futhi kuzobasiza kakhulu ofakazi Bakhe. Ngenxa yale migomo emibili uNkulunkulu Ususe umsebenzi Wakhe emhlabeni uwonke Wawuyisa kulaba bantu abahluphekayo basezweni laseChina futhi Waqala umsebenzi Wakhe wothando, wokunqoba, ukuze kuthi lapho laba bantu sebekwazi ukuthanda Yena, Akwazi ukuqhubeka nesigaba esilandelayo somsebenzi Wakhe. Lokhu kuwuhlelo lukaNkulunkulu. Ngale ndlela izithelo zomsebenzi Wakhe zizoba zinkulu kakhulu. Uhlelo lomsebenzi Wakhe lunomongo kanye nomkhawulo. Kusobala ukuthi likhulu kangakanani inani elikhokhwe uNkulunkulu nokuthi mangakanani amandla awasebenzisile ngokwenza umsebenzi Wakhe kithi, ukuthi usuku lwethu selufikile. Lokhu kuyisibusiso sethu. Ngakho, okungahambisani nokuqonda kwabantu ukuthi abantu baseNtshonalanga banomona ngokuthi sazalelwa endaweni enhle kangaka, kodwa thina sisonke sizibona siphansi futhi sithobekile. Akusikho ukusiphakamisa kukaNkulunkulu lokhu? Uzalo lukadrako omkhulu obomvu obeluhlala lunyathelwa luyahlonishwa abaseNtshonalanga—lokhu kuyisibusiso sangempela. Uma Ngicabanga ngalokhu, Ngikhungathwa umusa kaNkulunkulu, kanye nothando kanye nokusondela Kwakhe. Ngalokhu kungabonakala ukuthi okwenziwa uNkulunkulu akuhambisani nhlobo nokuqonda kwabantu, futhi yize bonke laba bantu beqalekisiwe, akanqandwa yizithiyo zomthetho futhi udlulisele umongo womsebenzi Wakhe kule ngxenye yomhlaba ngenhloso. Yingakho ngijabula, yingakho Ngizizwela Ngithokoze ngendlela engelinganiseke. Njengomuntu obambe iqhaza lobuholi emsebenzini, njengompristi omkhulu phakathi kwama-Israyeli, Ngikwazi ukwenza umsebenzi kaMoya ngqo futhi Ngisebenzela uMoya kaNkulunkulu ngqo; lokhu kuyisibusiso Sami. Ngubani ongaba nesibindi sokucabanga into enjengale? Kodwa namuhla, lokhu kufike kithi singazelele. Intokozo enkulu impela ebiza ukuthi sibungaze. Ngethemba ukuthi uNkulunkulu uzoqhubeka nokusibusisa nokusiphakamisa ukuze labo phakathi kwethu ababishe ebubini bengasetshenziswa uNkulunkulu kakhulu, okuzosisiza ukuze sibuyisele uthando Lwakhe.

Ukubuyisa uthando lukaNkulunkulu kuyindlela esengiyithatha, kodwa Ngizizwela ukuthi lokhu akusiyo intando kaNkulunkulu okumele ngihambe ngayo. Intando kaNkulunkulu Ngami ukuthi Yena Angisebenzise kakhulu—le indlela kaMoya Oyingcwele. Mhlawumbe Nginephutha. Ngicabanga ukuthi le yindlela engiyithathayo selokhu ngathatha isinqumo Sami noNkulunkulu kudala. Ngizimisele ngokuholwa uNkulunkulu ukuze Ngikwazi ukungena endleleni okumele Ngibe kuyo ngokushesha, futhi Nganelise intando kaNkulunkulu ngokushesha. Noma abanye bangacabangani, ngikholwa ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu futhi wudaba olubaluleke kakhulu empilweni Yami. Akekho umuntu ongaphuca Mina leli lungelo—lokhu ngumbono Wami ngqo, futhi mhlawumbe kukhona abanye abahluleka ukukuqonda, kodwa Ngikholelwa ukuthi asikho isidingo sokuthi kube nomuntu engimucacisela ngalokhu. Ngizothatha indlela okumele Ngiyilandele—uma sengiyibonile indlela okumele ngiyilandele futhi ngeke ngihlehle. Yingakho ngibuyele kula magama: Ngibeka inhliziyo Yami ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Ngilindele ukuthi abafowethu nodadewethu ngeke bangigxeke! Phezu kwakho konke, ngokubona Kwami, abanye abantu bangasho ukuthi bathandani, kodwa ngibona ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kusemqoka futhi akumele ngizithole ngibhekene nezingqinamba ngalokhu. Ngeke ngilenze iphutha uma ngenza intando Yakhe, futhi ukwenza lokhu ngeke kuhlelwe ngokwezintshisekelo Zami uqobo! Ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu ubone ngaphakathi kwenhliziyo Yami! Pho ungakuqonda kanjani lokhu? Ingabe uzimisele ngokunikela ngawe uqobo kuNkulunkulu? Ingabe uzimisele ngokusetshenziswa uNkulunkulu? Ingabe isinqumo sakho ngukwenza intando kaNkulunkulu? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bebonke bakwazi ukuthola usizo oluthile emagameni Ami. Yize umbono Wami ungakholakali, Ngisathi Engingakusho ukuze sisonke sikwazi ukuvulelana izinhliziyo sixoxe ngaphandle kwezithiyo, ukuze uNkulunkulu aqhubeke nokuhlala phakathi kwethu ingunaphakade. Lawa ngamazwi aphuma enhliziyweni Yami. Kulungile! Aphela lapho amazwi asenhliziyweni Yami namuhla. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bazoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla, futhi ngethemba ukuthi uMoya kaNkulunkulu uyohlala usinakekela!

Okwedlule: Indlela … (2)

Okulandelayo: Indlela … (4)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp