Indlela … (5)

Wayengekho owayazi uMoya Ongcwele ngaphambilini, futhi empeleni babengazi ukuthi indlela kaMoya Ongcwele iyini. Yingakho abantu bebehlala bezihlaza phambi kukaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi cishe bonke abantu abakholelwa kuNkulunkulu abamazi uMoya, kodwa. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi abantu abamuqondi uNkulunkulu, futhi noma bethi bayakholelwa kuYe, ngokweqiniso, ngokususela ezenzweni zabo bakholelwa kubo uqobo, hhayi kuNkulunkulu. Ngokwesipiliyoni saMi uqobo, Ngibona ukuthi uNkulunkulu Ufakazela Yena uNkulunkulu esenyameni, futhi ngokungaphandle, bonke abantu baphoqelekile ukuthi bamazise ufakazi waKhe, kanti ngeke kushiwo kugcwale umlomo ukuthi bakholwa ukuthi uMoya kaNkulunkulu awunalo nhlobo iphutha. Nokho, Ngithi lokho abantu abakholelwa kukho akusiye umuntu futhi empeleni akusiye uMoya kaNkulunkulu, kodwa bakholelwa emuzweni wabo. Akuve lokho kuwukukholelwa kubona uqobo? La mazwi eNgiwashoyo ayiqiniso wonke. Akusikho ukubalula abantu, kodwa kunokukodwa okumele Ngikucacise—ukuthi abantu bangalethwa kulolu suku, noma ingabe bacaciselekile noma bedidekile, kanti lokhu kwenziwa uMoya Ongcwele futhi akusiyo into engalawulwangabantu. Lokhu kuyisibonelo salokho okushiwo yiMi ngaphambilini mayelana noMoya Ongcwele ephoqa abantu ukuthi bakholwe. Le yindlela uMoya Ongcwele osebenza ngayo, futhi indlela eyodwa esetshenziswa uMoya Ongcwele. Noma ingabe abantu bakholelwa kubani eqinisweni, uMoya Ongcwele ngempoqo unika abantu uhlobo lomuzwa ukuze bakholelwe kuNkulunkulu enhliziyweni yabo. Akuve lokhu kuwuhlobo lokukholwa onalo? Awuzwa ukuthi ukukholelwa kwakho kuNkulunkulu kuyinto engajwayelekile? Awucabangi ukuthi kuyinto engajwayelekile ukuthi ukwazi ukuphunyuka kulo mzila? Awukaze uzame ukucabanga ngalokhu? Akuve lokhu kuwuphawu olukhulukazi kanye nesimangaliso? Noma ingabe awunawo umuzwa wokuthi uphunyuke kaningi, kuhlala kukhona okukuphoqayo empilweni okukhulu okukubizayo nokwenza kungavumi ukuthi usuke uhambe. Futhi ngaso sonke isikhathi uma uhlangana nalokhu uhlala ubindeka futhi ukhihla isililo, ungazi ukuthi kumele wenze njani. Futhi kukhona abathile kinina abazama ukuhamba, kodwa uma uzama ukuhamba, kuba sengathi kunommese enhliziyweni yakho, futhi kungathi umphefumulo wakho uthathwe kuwe isipoki emhlabeni ukuze inhliziyo yakho ingakhululeki futhi ingabi nakuthula. Emva kwalokho, akukho okunye ozokwazi ukukwenza ngaphandle kokuqinisa inhliziyo ubuyele kuNkulunkulu…. Ingabe awukaze ubhekane nalokhu? Ngikholwa ukuthi abafowethu nodadewethu abancane abangakwazi ukuvula izinhliziyo zabo bazothi: “Yebo! Ngibhekane nokuningi kakhulu okunje; nginamahloni uma ngikucabanga!” Empilweni yaMi yansukuzonke Ngihlala Ngijabulela ukubona abafowethu nodadewethu abancane benabantu abasondele kakhulu kiMi ngoba bagcwele ubumsulwa—abanasici futhi bayathandeka. Kusengathi bangabantu abasebenzisana naMi uqobo. Yingakho Ngihlala Ngifuna ithuba lokuhlanganisa labo eNgisondelene nabo ndawonye, ukuze kuxoxwe ngezinhloso zethu kanye nangezinhlelo zethu. Sengathi intando kaNkulunkulu ingaqhutshwa kithi ukuze sonke sibe njengenyama negazi, ngaphandle kwezihibe nangaphandle kwamabanga asehlukanisayo. Sengathi sonke singakhululeka kuNkulunkulu sithi: “O Nkulunkulu! Uma kuyintando yaKho, Siyakunxusa ukuthi Usihlinzeke ngendawo efanele ukuze sikwazi ukufeza izifiso zezinhliziyo zethu. Sengathi Ungaba nomusa kulabo phakathi kwethu abasebancane nabangacabangi ngokufanele, ukuze sikwazi ukusebenzisa wonke amandla ezinhliziyo zethu!” Ngikholwa ukuthi lokhu kumele kube intando kaNkulunkulu ngoba kudala, Ngenza lesi sinxuso phambi kukaNkulunkulu ngathi: “Baba! Emhlabeni sikhala kuWe singaphezi, sifisa ukuthi intando Yakho yenziwe ngokushesha emhlabeni. Ngizimisele ngokufuna intando yaKho. Sicela Wenze ofuna ukukwenza, futhi Ugcwalise oNgethembe ngakho ngokushesha. Inqobo uma intando yaKho ingafezwa ngokushesha, Ngizimisele nangokuthi Uvule indlela entsha phakathi kwethu. Ithemba laMi linye kuphela wukuthi umsebenzi waKho uqedwe ngokushesha. Ngikholwa ukuthi ayikho imithetho engabambezela umsebenzi waKho!” Lo ngumsebenzi uNkulunkulu awenzayo njengemanje. Awukayiboni indlela ethathwa nguMoya Ongcwele? Uma ngihlangana nabafowethu nodadewethu abakhulile, kuhlala kunomuzwa wengcindezelo eNgehluleka ukuwubalula. Kuba yilapho nginabo kuphela la engikwazi ukubona ukuthi banukisa umphakathi, futhi ukuqonda kwabo inkolo, isipiliyoni sokubhekana nezinto, izindlela abakhuluma ngazo, amazwi abawasebenzisayo, njll., konke kuyacasula. Kusengathi bagcwele ubuhlakani futhi bahlala kude nabo (nomphakathi) ngoba ngokwaMi, inkolelo yaMi ngempilo iyasilela. Uma Nginabo Ngihlala Ngizizwela Ngikhathele futhi Ngisetshenziswa ngokweqile, bese ngenye inkathi kuba nzima kakhulu, kucindezele kangangoba Ngihluleka nawukuphefumula. Ngakho ngalezi zikhathi ezinobungozi obukhulu, uNkulunkulu aNginike indlela ephuma phambili yokuphuma. Mhlawumbe wumcabango waMi ngedwa. Enginendaba nakho izinzuzo zikaNkulunkulu kuphela; ukwenza intando kaNkulunkulu yikho okubaluleke kakhulu. Ngiziqhelelanisa kakhulu nalaba bantu, kodwa uma uNkulunkulu edinga ukuthi ngihlangane nabo, ngiyahlonipha. Akusikho ukuthi bonke bayazondeka, kodwa ukuthi “ubuhlakani,” ukuqonda, kanye nezinkolelo zabo ngempilo ziyacasula. Ngilapha ukugcwalisa lokho uNkulunkulu aNgethembe ngakho, ukufunda kulokho ababhekane nakho ekubhekaneni nezimo. Ngikhumbula ukuthi uNkulunkulu wake waNgitshela okulandelayo: “Emhlabeni, funa kuphela ukwenza intando kaBaba futhi Ugcwalise lokho akwethembe ngakho. Konke okunye akubalulekile kuWe.” Uma Ngicabanga ngalokhu Ngizizwela Nginokuthula okuncane. Lokhu kwenziwa ukuthi Ngihlala Ngibona ukuthi izimo zasemhlabeni zinzima kakhulu futhi ngeke Ngikwazi ukuziqonda zonke—Ngihlala Ngingazi ukuthi ngenzenjani. Ngakho aNgazi ukuthi kukangakhi Ngikhathazeka ngalokhu futhi Ngizonda nesintu—kungani abantu bexake kangaka? Yini nje eyinkinga ngokungaxaki? Bazama ukuba ngabahlakaniphile—bazixakelani? Uma ngihlangana nabantu, ikakhulukazi ngokomsebenzi eNgiwumiselwe uNkulunkulu, futhi noma ingabe kube nezikhashana lapho kungabanga khona njalo, ubani ongaba nolwazi ngokufihlwe ekujuleni kwenhliziyo yaMi?

Sekukaningi Ngeluleka abafowethu nodadewethu abanaMi ukuthi kumele bakholelwe kuNkulunkulu ngokusuka ezinhliziyweni zabo bangavikeli nezintshisekelo zabo, ukuze bacabangele intando yaKhe. Ngikhale ngabibitheka phambi kukaNkulunkulu kaningi—kungani abantu bengayicabangeli intando kaNkulunkulu? Kungaba yingoba umsebenzi kaNkulunkulu uzovele unyamalale ngaphandle kwesizathu ungabe usabonakala? Futhi angazi ukuthi kungani—lokhu sekucishe kwaba yisiphicaphicwano emqondweni Wami—kungani abantu bengayiboni nhlobo indlela ehanjwa nguMoya oNgcwele, kodwa balokhu bebambelele ebudlelwaneni obungajwayelekile abanabo nabanye abantu? Kuyanginyanyisa ukubona abantu abanje. Esikhundleni sokulandela indlela kaMoya Ongcwele, banaka lokho okwenziwa abantu kuphela. Inhliziyo kaNkulunkulu ingakwazi ukwaneliseka ngale ndlela? Lokhu kuvame ukungikhathaza. Kubukeka sengathi lokhu sekuwumthwalo okumele Ngiwuthwale. NoMoya Ongcwele Ukhathazekile ngalokhu—akukho ukuzisola okuzwayo enhliziyweni yakho? Sengathi uNkulunkulu angavula umoya wethu. Mina, engiholela abantu ekungeneni emsebenzini kaNkulunkulu, ngikhulekile phambi kukaNkulunkulu kaningi ngathi: “O Baba! Sengathi Ngingenza intando yaKho ibe umongo futhi Ngifune intando yaKho. Sengathi Ngingathembeka kulokho ONgethembe ngakho ukuze Uthole leli qoqo labantu. Sengathi Ungasiyisa ezweni elikhululekile ukuze sikwazi ukuthintana Nawe ngeomoya wethu. Sengathi Ungavusa imizwa kamoya ezinhliziyweni zethu!” Ngethemba ukuthi intando kaNkulunkulu iyafezwa, ngakho Ngikhuleka kuYe ngaphandle kokupheza ukuthi uMoya waKhe uqhubeke nokusikhanyisela futhi usenze sithathe indlela eholwa uMoya Ongcwele. Lokhu kungenxa yokuthi indlela Engihamba ngayo ingekaMoya Ongcwele. Ubani omunye ongahamba ngaleyo ndlela esikhundleni saMi? Yilokhu okwenza umthwalo waMi usinde kakhulu. Ngizwa sengathi seNgizogingqika, kodwa Ngikholwa ukuthi nakanjani uNkulunkulu Akazukuwubambezela umsebenzi waKhe. Mhlawumbe uma lokho ANgethemba ngakho sekufeziwe sizokwehlukana. Ngakho mhlawumbe ngenxa yomthelela kaMoya kaNkulunkulu bengihlala Ngizizwela Ngehlukile kunabanye. Kusengathi uNkulunkulu ufuna ukwenza umsebenzi othile, manje aNgikakakwazi ukuwuqonda. Nokho, Ngikholwa ukuthi akekho umuntu emhlabeni owedlula eNgisondelene nabo, futhi Ngikholwa ukuthi eNgisondelene nabo bazongikhulekela phambi kukaNkulunkulu. Uma kunjalo, Ngizobonga ngokwedlulele ngalokhu. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bazosho kanye naMi bathi: “O Nkulunkulu! Sengathi intando yaKho ingadalulwa ngokugcwele kulabo phakathi kwethu abasesigabeni sokugcina ukuze sibusiseke ngempilo kaMoya, ukuze sibone izenzo zikaMoya Ongcwele kanye nobuso baKhe bangempela!” Uma sesifinyelele kulesi sigaba sizobe sesiphila ngaphansi kokuholwa uMoya ngempela, futhi ngaleso sikhathi sizokwazi ukubona ubuso bukaNkulunkulu bangempela. Okusho ukuthi, abantu bazokwazi ukuqonda incazelo yeqiniso yalo lonke iqiniso. Akuqondakali noma akwaziwa ngokokuqonda komuntu, kodwa ukukhanyiseleka kwenzeka ngokwentando kaMoya kaNkulunkulu. Ngokuphelele, lo nguNkulunkulu uqobo esebenza ngaphandle kombono ngisho omncane womuntu. Lolu uhlelo lomsebenzi waKhe lwezenzo Afuna ukuzidalula emhlabeni, futhi wumsebenzi waKhe wokugcina emhlabeni. Ingabe uzimisele ngokubamba iqhaza kulo msebenzi? Ingabe uyafuna ukuba ingxenye yalo msebenzi? Ingabe unalo uthando lokulungisiswa nguMoya Ongcwele ukuze athokozela impilo kaMoya?

Umsebenzi osemqoka njengamanje ukujula sisuke esisekelweni sethu sendabuko. Kumele sijule maqondana neqiniso, umbono, kanye nezimpilo zethu. Nokho, kumele Ngiqale ngikhumbuze abafowethu nodadewethu ukuze bakwazi ukungena kulo msebenzi, kumele ulahle ukuqonda kwakho kwangaphambilini. Okusho ukuthi, kumele ushintshe impilo yakho yangaphambilini, wenze uhlelo olusha, futhi uphenduke ube musha. Uma uqhubeka nokugcina lokho obekubalulekile kuwe ngaphambilini, uMoya Ongcwele uzokwehluleka ukusebenza kuwe; Akazukwazi nokuqhubekisa impilo yakho. Uma umuntu engafuni noma engangeni, noma engahleli, uMoya Ongcwele uzomulaxaza ngokugcwele. Lokhu kubizwa ngalowo ochithwe yinkathi. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bebonke bangayiqonda inhliziyo yaMi, futhi Ngethemba nokuthi kuzokwanda “abantu abasha abajoyinayo” abazomela futhi basebenzisane noNkulunkulu ukuze kuqedwe lo msebenzi ngokuhlanganyela. Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu Uzosibusisa, futhi Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu Ubeke phezu kwaMi abantu abasondelene naMi abaningi kakhulu ukuze Ngikwazi ukuhambela wonke amagumbi omhlaba futhi sikwazi ukuba nothando oluningi phakathi kwethu. Manje senganelisekile ngokuthi uNkulunkulu Uzokwandisa umbuso waKhe ngenxa yemizamo yethu, futhi Ngethemba ukuthi ukusebenza kanzima kwethu kufinyelela emazingeni okungakaze kufinyelelwe kuwo ukuze uNkulunkulu Akwazi ukuthola abantu abasha abaningi. Sisonke singakukhulekela lokhu futhi sifune uNkulunkulu singaphezi ukuze izimpilo zethu ziphilwe phambi kwaKhe, nokuthi sikwazi ukusondelana noNkulunkulu. Sengathi kungangaba khona izithiyo phakathi kwethu, futhi sengathi sonke singathatha lesi sifungo phambi kukaNkulunkulu: “Ukusebenza ngobunye! Ukuzinikela kuze kube sekupheleni! Ukungahlukani nhlobo, ukuhlala sindawonye!” Sengathi abafowethu nodadewethu bengabeka lokhu kuzimisela phambi kukaNkulunkulu ukuze izinhliziyo zethu zingachezuki futhi izintando zethu zigxile! Ukuze sifeze intando kaNkulunkulu, Ngingathanda ukuphinde ngithi: Sebenza kanzima! Sebenzisa amandla akho wonke! UNkulunkulu uzosibusisa nakanjani!

Okwedlule: Indlela … (4)

Okulandelayo: Indlela … (6)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp