Indlela … (6)

Ukufikisiwa kwethu esikhathini sanamuhla kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu, kungalokho futhi singabasindile ohlelweni lukaNkulunkulu lokuphatha. Ukuthi sisele namuhla kusho ukuphakanyiswa okukhulu okuvela kuNkulunkulu, ngoba ngokohlelo lukaNkulunkulu, izwe likadrako omkhulu obomvu kufanele libhujiswe. Kodwa ngicabanga ukuthi mhlawumbe umise olunye uhlelo, noma ufisa ukwenza enye ingxenye yomsebenzi Wakhe, ngakho nanamuhla, angikwazi ukukuchaza ngokucacile lokhu—kunjengemfumbe engaxazululeki. Kodwa kukho konke, leli qembu lethu limiselwe isiphetho nguNkulunkulu, futhi ngiyaqhubeka nokukholwa ukuthi uNkulunkulu usibekele omunye umsebenzi. Sengathi sonke singanxusa iZulu kanje: “Intando yakho mayifezwe, futhi sengathi ungabuye ubonakale kithi futhi ungazifihli ukuze sibone inkazimulo Yakho nobuso Bakho ngokucace ngokwengeziwe.” Kuwumuzwa Wami ongapheli ukuthi indlela uNkulunkulu asihola kuyo ayihambi iqonde ngqo, kodwa yindlela enamajika egcwele izisele; uNkulunkulu uthi, ngaphezu kwalokho, lapho indlela inamatshe ngokwengeziwe, izembula ngokwengeziwe izinhliziyo zethu ezinothando. Nokho akekho kithi ongavula indlela enjalo. Kulokho engihlangene nakho, ngihambe izindlela eziningi ezinamatshe eziyingozi futhi ngibhekane nokuhlupheka okukhulu; kwezinye izikhathi ngibe nosizi olukhulu kakhulu ngaze ngafisa ukumemeza, kodwa ngiyihambile le ndlela kwaze kwaba namuhla. Ngikholwa ukuthi le yindlela eholwa nguNkulunkulu, ngakho ngibekezelela ukuhlukumeza kwakho konke ukuhlupheka bese ngiqhubekela phambili. Ngoba yilokhu uNkulunkulu akumisile, pho ngubani ongaphunyuka kukho? Angiceli ukwamukela izibusiso; engikucelayo nje ukwazi ukuhamba indlela okufanele ngiyihambe ngokwentando kaNkulunkulu. Angifuni ukulingisa abanye, ukuhamba indlela abayihambayo; engikufunayo nje ukuba ngigcwalise ukuzinikela Kwami ekuhambeni indlela Yami engiyinikiwe kuze kube sekugcineni. Angiceli usizo lwabanye; eqinisweni, angikwazi futhi ukusiza omunye umuntu. Kubonalaka sengathi ngizwela kakhulu kulolu daba. Angazi ukuthi abanye abantu bacabangani. Lokhu kungenxa yokuthi bengihlala ngikholwa ukuthi inani lokuhlupheka okufanele umuntu akuzwe nebanga okufanele alihambe endleleni yakhe limiswe nguNkulunkulu, nokuthi akekho ngempela ongasiza omunye umuntu. Abanye babazalwane bethu abanentshisekelo bangathi anginalo uthando, kodwa lokhu yilokho nje engikukholwayo. Abantu bahamba izindlela zabo bethembele ekuholeni kukaNkulunkulu, futhi ngethemba ukuthi iningi labazalwane lizoyiqonda inhliziyo Yami. Ngethemba futhi ukuthi uNkulunkulu uzosinika ukukhanyiseleka okukhulu ngokwengeziwe kule ngxenye, ukuze uthando lwethu lube msulwa ngokwengeziwe futhi ubungani bethu bube yigugu ngokwengeziwe. Sengathi singedideke ngalesi sihloko, kodwa sizuze kuphela ukucacelwa okwengeziwe, ukuze ubudlelwane phakathi kwabantu bakhiwe phezu kwesisekelo sokuhola kukaNkulunkulu.

UNkulunkulu usesebenze ezweni laseShayina iminyaka eminingi, futhi ukhokhe inani elikhulu kubantu bonke ukuze agcine esifikise lapho sikhona namuhla. Ngicabanga ukuthi ukuze uholele wonke umuntu endleleni efanele, lo msebenzi kufanele uqale lapho bonke abantu bebuthakathaka kakhulu khona; yilapho kuphela lapho engeqa khona umgoqo wokuqala bese eqhubekela phambili. Ngabe akungcono lokho? Isizwe samaShayina, esasikhohlakaliswe izinkulungwane zeminyaka, sisindile kwaze kwaba namuhla, lonke uhlobo “lwegciwane” luqhubeka lungaphezi, lusabalala yonke indawo njengobhubhane; ukubuka nje ubudlelwane babantu kwanele ukuthi ubone ukuthi mangaki “amagciwane” acashe ngaphakathi kubantu. Kulukhuni ngokwedlulele kuNkulunkulu ukuba athuthukise umsebenzi Wakhe kule ndawo evalwe ngci futhi egcwele amagciwane. Ubuntu babantu, imikhuba, indlela abenza ngayo izinto, konke abakuvezayo ezimpilweni zabo nobudlelwane phakathi kwabo—konke kumantwayintwayi, kuze kufike eqophelweni lapho ulwazi namasiko abantu konke sekunqunyelwe ukufa nguNkulunkulu. Ayisakhulunywa eyokuhlangenwe nakho abakufunde emindenini yabo nasemphakathini—bonke laba balahlwe yicala emehlweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi labo abaphila kuleli zwe badle amagciwane amaningi ngokweqile. Kubona kuyafana nje nokwansukuzonke, abanandaba nakho. Ngakho, lapho abantu bekhohlakala ngokwengeziwe endaweni, ubudlelwane phakathi kwabo buba ngobungejwayelekile ngokwengeziwe. Ubudlelwane babantu bugcwele amacebo, bakhelana uzungu futhi banqumana sengathi basenqabeni ethile yamadimoni enobuzimuzimu. Endaweni enjalo egcwele ukwesaba, lapho izipoki zichanasa khona, kulukhuni ngokwedlulele ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Ngithandaza ngingaphezi kuNkulunkulu lapho kufanele ngihlangane nabantu, ngoba ngiyesaba ukuhlangana nabo, futhi ngesaba ngokujulile ukuthi ngizocasula “isithunzi” sabo ngesimo Sami. Enhliziyweni Yami, ngihlala ngesaba ukuthi le mimoya engahlanzekile izokwenza izinto ngobudlabha, ngakho ngihlala ngithandaza kuNkulunkulu ukuba angivikele. Lonke uhlobo lobudlelwane obungajwayelekile luyabonakala phakathi kwethu, futhi lapho ngibona konke lokhu kuba nenzondo enhliziyweni Yami, ngoba phakathi kwabo, abantu bahlala benake “umsebenzi” womuntu, futhi abacabangi neze ngoNkulunkulu. Ngikwenyanya ngokujulile ukuziphatha kwabo. Lokhu okubonakala ezweni laseShayina akuyilutho ngaphandle kokuba yizimo zobusathane ezikhohlakele, ngakho emsebenzini kaNkulunkulu kubo bonke laba bantu, kucishe kungenzeki ukuthi uthole into ebalulekile phakathi kubo; wonke umsebenzi wenziwa nguMoya oNgcwele, futhi wukuthi nje uMoya oNgcwele unyakazisa abantu ngokwengeziwe, futhi uyasebenza kubo. Bacishe bangasebenziseki labo bantu; okungukuthi, akwenzeki ukuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele unyakazise abantu kuhlangene nokubambisana kwabantu. UMoya oNgcwele uyaqhubeka nje ukunyakazisa abantu, kodwa noma kunjalo, abantu basala bendikindiki futhi bengezwa, futhi bengenamqondo wokuthi yini le eyenziwa nguNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu ezweni laseShayina uqhathaniseka nomsebenzi Wakhe wokudala amazulu nomhlaba. Wenza ukuba abantu bazalwe kabusha, futhi uguqula konke ngabo, ngoba akukho lutho olubalulekile phakathi kubo. Kubanga usizi kakhulu. Ngihlala ngithandazela laba bantu ngosizi ngithi: “Nkulunkulu, sengathi amandla Akho amakhulu angembulwa kulaba bantu, ukuze uMoya Wakho ubanyakazise kakhulu, ukuze futhi lezi zihlupheki ezindikindiki neziyiziwula zivuke, zingabe zisalala, bese zibona usuku lwenkazimulo Yakho.” Masithandaze sonke phambi kukaNkulunkulu sithi: O Nkulunkulu! Phinda ube nomusa kithi futhi usinakekele ukuze sikwazi ukuphunyuka kuleli zwe elingcolile, sisukume, bese senza lokho osinike khona. Ngethemba ukuthi uNkulunkulu angasinyakazisa futhi ukuze sizuze ukukhanyisela Kwakhe, futhi ngethemba ukuthi uzokuba nomusa kithi ukuze izinhliziyo zethu zikwazi ukuya ngokuya ziphendukela Kuye futhi asizuze. Lokhu ukulangazelela esinakho sonke.

Indlela esiyihambayo imiswe nguNkulunkulu yonke. Ngamafuphi, ngikholwa ukuthi nakanjani ngizohamba le ndlela kuze kube sekugcineni ngoba uNkulunkulu uhlala engibuka ngomusa, futhi kusengathi ngihlala ngiholwa yisandla Sakhe. Ngale ndlela inhliziyo Yami ihlala ingangcoliswe yilutho olunye, futhi ngalokhu ngihlala ngicabanga umsebenzi kaNkulunkulu. Ngenza konke uNkulunkulu angithuma khona ngawo wonke amandla Ami nangokuzinikela, futhi angigxambukeli nhlobo emisebenzini enganikiwe Mina, noma ngizifake kunoma ngubani omunye owenzayo—ngoba ngikholwa ukuthi lowo nalowo muntu kufanele ahambe indlela yakhe, futhi angagxambukeli kwabanye. Yindlela engikubona ngayo. Mhlawumbe lokhu kungenxa yobuntu Bami, kodwa ngethemba ukuthi abazalwane Bami bazoqonda futhi bangixolele ngoba angilokothi ngiphambane nezinqumo zikaBaba. Angilokothi ngidelele intando yeZulu. Usukhohliwe yini ukuthi “intando yeZulu ayidelelwa”? Abanye abantu bangacabanga ukuthi ngizicabangela Mina, kodwa ngikholwa ukuthi ngizele ukwenza ngokuqondile ingxenye eyodwa yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha. Angizele ukugxambukela ebudlelwaneni phakathi kwabantu; angisoze ngafunda indlela yokuzwana nabanye. Ekuthunyweni nguNkulunkulu, nokho, ngiholwa nguNkulunkulu, futhi nginokholo nokuzimisela ngokufeza lo msebenzi. Mhlawumbe “ngizicabangela” ngokweqile, kodwa ngethemba ukuthi wonke umuntu uzozinikela ekuzameni ukuzwa uthando lukaNkulunkulu olunokulunga nokungazicabangeli, nokuzama ukubambisana noNkulunkulu. Ungalindeli ukuza kwesibili kobukhosi bukaNkulunkulu; lokho akulungele muntu. Ngihlala ngicabanga ukuthi okufanele sikucabange yilokhu: “Kufanele senze konke okungenzeka ukwenza okufanele sikwenze ukuze senelise uNkulunkulu. Ukuthuma kukaNkulunkulu lowo nalowo kithi kwehlukene; kufanele sikufeze kanjani?” Kufanele ubone ukuthi iyiphi indlela oyihambayo—kuphoqelekile ukuthi kukucacele lokhu. Ngenxa yokuthi nonke nifuna ukwanelisa uNkulunkulu, kungani ningazinikeli Kuye? Mhla ngithandaza okokuqala kuNkulunkulu, ngamnika yonke inhliziyo Yami. Abantu abaseduze Nami—abazali, odadewethu, abafowethu, nengisebenza nabo—bonke badudulelwa emuva kakhulu emqondweni Wami yilokho engase ngikunqumile, kwakusengathi abekho nhlobo nje Kimi. Ngoba umqondo Wami wawuhlala ukuNkulunkulu, noma usemazwini kaNkulunkulu, noma ekuhlakanipheni Kwakhe; lezi zinto zazihlala zisenhliziyweni Yami, futhi zathatha indawo eyigugu kakhulu enhliziyweni Yami. Ngalokho, ngokwabantu abachichima izimiso eziyimibono yokuphila, ngiwumuntu ononya nongenamizwa. Izinhliziyo zabo zibuhlungu ngendlela engiziphatha ngayo, ngendlela engenza ngayo izinto, ngawo wonke umnyakazo Wami. Bangijeqeza ngokwexwaya, kube sengathi ngiyimfumbe esingaxazululeki. Emiqondweni yabo, bayangicubungula ngokuyimfihlo, bengazi ukuthi yini elandelayo engizoyenza. Kungenzeka kanjani ukuba abakwenzayo kungivimbele? Mhlawumbe banomona, noma bayacasuka, noma bayabhuqa; noma kunjalo, kusengathi ngithandaza kuNkulunkulu njalo ngokulamba nokoma okukhulu, kube sengathi Yimi Naye nje emhlabeni owodwa, futhi akukho muntu omunye. Njalo amandla omhlaba ongaphandle ayasondela angizungeze—kodwa kanjalo, futhi, umuzwa wokunyakaziswa nguNkulunkulu uyaqubuka phakathi Kimi. Lapjho ngizithola ngiphakathi kwale nkinga, ngakhothama phambi kukaNkulunkulu ngathi: “O Nkulunkulu! kungenzeka kanjani ukuthi ngingathandi intando Yakho? Amehlo Akho angibona njengohloniphekile, njengegolide elisetshenziwe, nokho angikwazi ukuphunyuka emandleni obumnyama. Ngiyohluphekela Wena konke ukuphila Kwami, ngiyokwenza ukuthi umsebenzi Wakho ube ngumsebenzi wempilo Yami, futhi ngiyakuncenga ukuba unginike indawo efanele yokuphumula ukuze ngizinikele Kuwe. O Nkulunkulu! ngifisa ukuzinikela Kuwe. Ubazi kahle ubuthakathaka bomuntu, ngakho kungani uzifihla Kimi?” Khona lapho, kwaba sengathi ngiwumnduze wentaba, iphunga lawo linyakaziswa umoya, kungazi muntu. Izulu, nokho, lakhala, nenhliziyo Yami yalokhu ikhala; kwezwakala sengathi kukhona ubuhlungu obukhulu ngokwengeziwe enhliziyweni Yami. Wonke amandla nokuvimbezela komuntu—kwakunjengokuduma kwezulu okukhulu ngosuku olungenafu. Ngubani owayengaqonda inhliziyo Yami? Ngakho futhi ngabuye ngeza phambi kukaNkulunkulu, ngathi, “O Nkulunkulu! Ngabe ayikho enye indlela yokwenza umsebenzi Wakho kuleli zwe lokungcola? Kungani abanye bengakwazi ukucabanga ngenhliziyo Yakho esimweni esinethezekile, esisekelayo esingenakho ukuhlukumeza? Ngifuna ukwelula amaphiko Ami, kodwa kungani kulukhuni kangaka ukundiza? Ngabe awuvumi?” Ngakhala izinsuku eziningi ngalokhu, nokho ngangilokhu ngethemba ukuthi uNkulunkulu uzoletha induduzo enhliziyweni Yami elusizi. Akekho oseke waqonda ukukhathazeka Kwami. Mhlawumbe kuwukubona okuqondile okuvela kuNkulunkulu—bengilokhu nginomlilo ngaphakathi Kimi ngenxa yomsebenzi Wakhe, futhi angikaze ngibe nesikhathi esitheni sokuhlaba ikhefu. Kuze kube namuhla, ngisathandaza ngithi, “O Nkulunkulu! uma kuyintando Yakho, ngihole ukuze ngenze umsebenzi Wakho omkhulu ngokwengeziwe ukuze usabalale nomhlaba wonke, nokuthi uvuleleke kuzo zonke izizwe namahlelo, ukuze kube khona ukuthula okuncane enhliziyweni Yami, nokuba ngiphile endaweni yokuphumula Kwakho, futhi ngikusebenzele ngaphandle kokuphazanyiswa, futhi ngikwazi ukukusebenzela ngenhliziyo enokuthula, konke ukuphila Kwami.” Yilesi isifiso senhliziyo Yami. Mhlawumbe abazalwane bazothi ngizithwele noma ngiyaziphakamisa; Nami ngiyakuvuma lokhu, ngoba kuyiqiniso—abantu abasha bayazithwala nje kuphela. Kungakho ngikusho njengoba kunjalo, ngale kokuphikisa amaqiniso. Kimi ungabona zonke izici zobuntu bomuntu omusha, kodwa uyabona futhi lapho ngehluke khona kwabanye abantu abasha: Ukuzotha nokuthula Kwami. Angiqondile ukukugqamisa lokhu; ngikholwa ukuthi uNkulunkulu ungazi kangcono kunokuba ngizazi Mina. Lawa ngamazwi asuka enhliziyweni Yami, futhi ngethemba ukuthi abazalwane ngeke baphatheke kabi. Masikhulume ngamazwi asezinhliziyweni zethu, sibuke lokho okufunwa yilowo nalowo wethu, siqhathanise izinhliziyo zethu ngokuthanda uNkulunkulu, silalele amazwi esiwahlebela uNkulunkulu, sicule amaculo amnandi kakhulu ezinhliziyweni zethu, futhi sikhulume ngokuziqhenya okusezinhliyweni zethu, ukuze izimpilo zethu zibe zinhle ngokwengeziwe. Khohlwa ngosekwedlule bese ubheka phambili esikhathini esizayo. UNkulunkulu uzosivulela indlela!

Okwedlule: Indlela … (5)

Okulandelayo: Indlela … (7)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp