Isahluko 7

Wonke amagatsha asentshonalanga kufanele alalele iphimbo Lami:

Nike nethembeka yini Kimi ngaphambilini? Niwahloniphile amazwi amahle okuyala Kwami? Ngabe ninawo yini amathemba aphilayo futhi angekho mfiliba nangaqinisekisiwe? Ubuqotho bomuntu, uthando lwakhe, ukholo lwakhe— kungebe khona kumuntu uma kungaveli Kimina, angeke kube khona nakunye ngaphandle kwalokho akunikezwe Yimina. Bantu Bami, uma nilalela amazwi Ami, ngabe niyayiqonda yini intando Yami? Niyayibona yini inhliziyo Yami? Phambilini, njengalokhu benihamba kule ndlela yokungisebenzela, nihlangabezane nobuhle nobunzima, naqhubeka, nakhubeka, kanti futhi kuye kwaba nezikhathi lapho naba sengozini yokuwa nangokuthengisa Ngami uqobo; kodwa ngabe nanazi yini ukuthi ngaso sonke isikhathi ngangenza umsebenzi wokunisindisa? Nokuthi ngaso sonke isikhathi ngangihlala njalo ngikhuluma ngezwi Lami nginibiza ukuze nginisindise? Ngabe sekukangaki niwela ogibeni lukaSathane? Ngabe sekukangaki ningena ogibeni lwezihibe zabantu? Kanti futhi, ngabe sekukangaki, lapho nehluleka khona ukuziyekela, naba nokubanga okungenamkhawulo phakathi kwenu na? Ngabe sekuyizikhathi ezingaki imizimba yenu iba sendlini Yami kepha izinhliziyo zenu zikwenye indawo engingayazi Kwamina ukuthi ikuphi? Nakuba kunjalo, ngabe sekuyizikhathi ezingaki nginelulela isandla Sami esisindisayo ukuze nginiphakamise; ngabe sekukangaki nginitshalela imbewu yomusa; ngabe sekukangaki ngingakwazi ukubekezelela ukubona isimo esidabukisayo sokuhlupheka kwenu? Ngabe kukangaki … niyazi?

Kodwa namhlanje, ngenxa yokuba kwenu ngaphansi Kwami, nikwazile ekugcineni ukunqoba ubunzima futhi ngiyathokoza kanye nani; lokhu-ke kuwukukhanyiswa nokucaciswa kobuhlakani Bami. Nakuba kunjalo-ke, kukhumbuleni kahle lokhu! Ngabe ubani phakathi kwenu oye wawa kodwa naqhubeka nokuba namandla? Ubani lapha phakathi kwenu oye waba namandla ngaphandle kokuba nezikhathi zokuba buthakathaka? Phakathi kwabantu, ngabe ubani oye wathokozela isibusiso esingazange sivele Kimina na? Ubani oye waba nanoma yiliphi ilishwa kepha elingaveli Kimina na? Ngabe kungenzeka yini ukuba bonke labo Abangithandayo bathola izibusiso kuphela? Ngabe kungenzeka yini ukuba amashwa avelela uJobe ngoba wehluleka ukungithanda kepha wangiphika? Ngabe kungenzeka yini ukuba uPawulu wasebenza ngobuqotho phambi Kwami ngoba wayekwazi ukungithanda ngeqiniso? Yize ningabambelela ebufakazini Bami, ngabe angaba khona yini omunye phakathi kwenu onobufakazi obufana negolide elimsulwa, obungangcolisiwe ukungalungi? Ngabe umuntu angakwazi yini ukwethembeka ngokuyiqiniso? Ukuthi ubufakazi benu bunginikeza ukuthokoza akushayisani “nobuqotho,” benu ngoba Mina angikaze ngifune lutho olungaphezu kwamandla kunoma wubani. Ukuba bekuya ngokwenhloso yohlelo Lwami lokuqala, nonke beniyoba “yizimpahla ezonakele”—ezingekho esilinganisweni esifanele. Ngabe lokhu kakusisona yini isibonelo salokho enganitshela khona “ngokutshala imbewu yomusa”? Ngabe lokhu enikubonayo kuyinsindiso Yami?

Nonke nifanelwe ukucabanga nibheke emuva: Kusukela ngabuya endlini Yami, ngabe ukhona yini umuntu okuthi, ngaphandle kokucabanga ukuzuza noma ukulahlekelwa kwakhe, akwazi ukungazi ngendlela uPetru angazi ngayo? Ninomthombo weBhayibheli kepha ngabe nikwazile ukuphuza okuthile okubalulekile kuwona? Noma kunjalo, namanje nisaphokophelele ukubambelela “efeni lenu,” anifuni ukulidedela. Uma ngiphimisa amazwi, ngikhuluma nani ubuso nobuso, ngubani phakathi kwenu oke wabeka phansi umgoqwane ovaliwe ukuba athole amazwi okuphila enginivezele wona? Niwashaya indiva amazwi Ami, futhi aniwathokozeli. Okunalokho amazwi Ami niwasebenzisa njengesibhamu esiwumshini ozishintshayo ukudubula izitha zenu khona nizokwazi ukugcina izikhundla zenu; anizami ngisho nakancane ukwamukela ukwahlulela Kwami ukuze ningazi. Wonke umuntu phakathi kwenu ukhomba omunye ngesikhali, futhi nonke “aninamuhobholo”, nonke “nicabangela abanye abantu” kuzona zonke izimo, ngabe akusikhona ngempela lokho ebenikwenza izolo? Namhlanje khona-ke? “Ubuqotho” benu sebenyuke kancane ngamanenjana athile, nonke senikhulile kunakuqala, seniqala ukuvuthwa kancane, futhi ngenxa yalokhu “ukungesaba” kwenu kuye kwathi ukukhula kancane futhi akekho namunye “owenza yinoma kanjani.” Pho kungani nisesimweni lapho nilokhu niqhubeka nokungenzi lutho? Kungani ngaso sonke isikhathi kuhlale kungekho okuhle okutholakalayo kinina? Maye, bantu Bami! Okudala kwedlulile; akusafanele ukuthi nibambelele kokwedlule. Njengoba nikwazile ukuma nethembeka izolo, namhlanje yithuba lenu lokuthi nibonakalise ubuqotho benu beqiniso Kimi, kanti futhi ngaphezu kwalokho kumele nibe nobufakazi obuhle Ngami kusasa, niyoba nesabelo kwisibusiso sami ngomuso. Yilokhu-ke okumele nikuqonde.

Nakuba ngingekho phambi kwenu, uMoya wami uyakuninika umusa. Ngiyethemba ukuthi niyakusigcina isibusiso sami, futhi nikwazi, ngokwethembela kulokhu, ukuthi nizazi nina uqobo. Ningakuthathi lokhu nikwenze ifa lenu, kunalokho, kumele nigcwalise lokho eningenakho phakathi kwamazwi Ami, bese kuthi kulokhu, nikwazi ukuthola izithelo zenu ezinhle. Lona-ke umyalezo enginishiya nawo!

kuNhlolanja 28, 1992

Okwedlule: Isahluko 6

Okulandelayo: Isahluko 8

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp