Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi

Kule minyaka emibili kuya kwemithathu yomsebenzi, okufanele ukuba sekuzuziwe emsebenzini wokunahlulela sekufeziwe empeleni. Abantu abaningi sebewayekile amanye amathemba abo amayelana nekusasa nesiphetho. Nokho, uma kukhulunywa ngokuthi niyisizukulwana sikaMowabi, iningi lenu alikwazi ukukumela lokho—niyahwaqabala, imilomo yenu iyasonteka, bese amehlo enu egqolozela ndawonye. Anikholwa nhlobo ukuthi niyisizukulwana sikaMowabi. UMowabi waxoshelwa kuleli zwe emva kokuqalekiswa. Inzalo yakhe iqhube lolu libo kwaze kwaba namuhla, futhi nonke niyisizukulwane Sakhe. Akukho engingakwenza—ubani owanitshela ukuthi zalwani endlini kaMowabi? Ngiyakuzwela futhi angikufiseli okunjalo, kodwa akekho ongaguqula leli iqiniso. Uyisizukulwana sikaMowabi, futhi ngeke ngithi uyisizukulwana sikaDavide. Noma ngabe uyisizukulwana sikabani, useyinto edaliwe, noma nje uyisidalwa sezinga eliphansi, isidalwa ezizalelwe ezingeni eliphansi. Zonke izidalwa kufanele ziwuzwe wonke umsebenzi kaNkulunkulu; zonke zifanele ukunqotshwa Nguye, futhi kufanele zonke zibone isimo Sakhe esilungile zibuye zizwe ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwakhe. Namuhla, uyisizukulwana sikaMowabi futhi kufanele wamukele lokhu kwahlulela nokusola; uma ngabe bewungesona isizukulwana sikaMowabi, ubungedinge yini futhi ukwamukela lokhu kwahlulela nokusola? Kufanele ukubone lokhu! Eqinisweni, ukusebenza esizukulwaneni sikaMowabi namuhla kuyigugu futhi kubaluleke kakhulu. Njengoba umsebenzi sewenziwe kinina, ubaluleke kakhulu. Ukuba umsebenzi bewenziwe esizukulwaneni sikaHamu, ubungeke ubaluleke, ngoba, ngokwehlukile kuMowabi, abazalelwanga ezingeni eliphansi. Isizukulwane sendodana kaNowa yesibili uHamu siqalekisiwe kuphela—asivelanga ngokuphinga. Basezingeni eliphansi nje, ngoba uNowa wabaqalekisa ngokuthi babe yizisebenzi zezisebenzi. Banesikhundla esiphansi, kodwa ukubaluleka kwabo kwasekuqaleni kwakungekho phansi. Sisakhuluma ngoMowabi, abantu bayazi ukuthi isikhundla Sakhe sasekuqaleni sasiphansi ngoba wazalwa ngokuphinga. Nakuba isikhundla sikaLothi sasiphezulu kakhulu, uMowabi wavela kuLothi nendodakazi yakhe. ULothi wayebizwa ngomuntu olungile, kodwa uMowabi wayesalokhu eqalekisiwe. UMowabi wayesezingeni eliphansi futhi enesikhundla esiphansi, futhi noma ngabe wayengaqalekisiwe, wayezobe esangcolile, ngakho wayehlukile kuHamu. Akazange amvume uJehova, kodwa kunalokho wahlubuka futhi wavukela uJehova—ngakho wawela ezindaweni ezimnyama kakhulu. Ukusebenza esizukulwaneni sikaMowabi manje wukusindisa labo abawele ebumnyameni obukhulu. Yize babeqalekisiwe, uNkulunkulu uzimisele ukuzuza inkazimulo kubona, ngenxa yokuthi ekuqaleni, bonke babengabantu ababenezinhliziyo ezintula uNkulunkulu; ukwenza ukuthi labo abangenaye uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo bamlalele futhi bamthande kuphela, kuwukunqoba kweqiniso, futhi izithelo zomsebenzi onjalo ziyigugu futhi zenelisa kakhulu. Yilokhu kuphela okuwukuzuza inkazimulo—lena yinkazimulo uNkulunkulu afuna ukuyizuza ezinsukwini zokugcina. Noma laba bantu benezikhundla eziphansi, ukuthi manje sebekwazi ukuzuza insindiso enkulu kangaka, kungukuphakanyiswa nguNkulunkulu ngempela. Lo msebenzi ubaluleke kakhulu, futhi uNkulunkulu uzuza laba bantu ngokwahlulela. Akaqondile ukujezisa laba bantu, kodwa uqonde ukubasindisa. Uma, ngezinsuku zokugcina, ubesenza umsebenzi wokunqoba kwa-Israyeli, bekungeke kusize ngalutho; noma ngabe ubuthela izithelo, ubungeke ube nosizo noma ukubaluleka okukhulu kangako, futhi ubengeke akwazi ukuzuza yonke inkazimulo. Usebenza kini, nina eniwele ezindaweni ezimnyama kakhulu, nina enisemuva kakhulu. Laba bantu abavumi ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi abakaze bazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Lezi zidalwa zikhohlakaliswe nguSathane kwaze kwafika lapho zikhohlwa khona nguNkulunkulu. Ziphuphuthekiswe nguSathane futhi azazi nhlobo ukuthi kunoNkulunkulu ezulwini. Ezinhliziyweni zenu, nonke nikhonza izithixo, futhi nikhonza uSathane—ngabe anibona abantu abaphansi kakhulu, abasemuva kakhulu kunabo bonke? Ningabaphansi kakhulu enyameni, aninankululeko, futhi nithwele nobunzima. Nibuye nibe ngabantu abasezingeni eliphansi kulo mphakathi, futhi anikwazi ukukholwa ngokukhululeka. Kulapha-ke ukubaluleka kokuba kusetshenzwe kini. Ukusebenza kini namuhla, zizukulwana zikaMowabi, akuqondile ukunehlisa isithunzi, kodwa ukwembula ukubaluleka komsebenzi. Kinina, kuwukuphakanyiswa okukhulu. Uma umuntu enomqondo nolwazi, uzothi: “Ngiyisizukulwana sikaMowabi, angikufanele ngempela ukuthola ukuphakanyiswa okukhulu kangaka nguNkulunkulu, noma ukuthola izibusiso ezinkulu kangaka. Kukho konke engikwenzayo nengikushoyo, nangokuya ngesikhundla Sami nokubaluleka Kwami, angifanelwe nhlobo yizibusiso ezinkulu kangako ezivela kuNkulunkulu. Abakwa-Israyeli bamthanda kakhulu uNkulunkulu, nomusa abawuthokozelayo bawunikwe Nguye, kodwa isikhundla sabo siphezulu kakhulu kunesethu. U-Abrahama wayezinikele kakhulu kuJehova, noPetru wayezinikele kakhulu kuJesu—ukuzinikela kwabo kukhulu ngokuphindwe izikhathi eziyikhulu kokwethu. Ngokwezenzo zethu, asifanele nhlobo ukuthokozela umusa kaNkulunkulu.” Umsebenzi walaba bantu eShayina awukwazi nhlobo ukulethwa phambi kukaNkulunkulu. Umahlikilili kabi; ukuthi manje nithokozela umusa kaNkulunkulu omkhulu kangaka kuwukuphakanyiswa nguNkulunkulu kuphela! Niwufune nini umsebenzi kaNkulunkulu? Niyinikele nini impilo yenu kuNkukunkulu? Niyidele nini ngokuthanda imindeni, abazali benu, nezingane zenu ngenxa kaNkulunkulu? Akekho phakathi kwenu okhokhe intengo enkulu! Uma bekungewona uMoya oNgcwele onikhiphile, bangaki kini abebengakwazi ukunikela ngakho konke? Ulandelile kuze kube namhlanje ngoba nje ubucindezelwe futhi uphoqiwe. Kuphi ukuzinikela kwenu? Kuphi ukulalela kwenu? Ngokwezenzo zenu, kufanele ngabe kade nabhujiswa—kufanele ngabe nonke kade nashanelwa nasuswa. Yini enenza nifanele ukuthokozela izibusiso ezinkulu kangaka? Anifanele nakancane! Ubani phakathi kwenu owenze indlela yakhe? Ubani phakathi kwenu othole indlela yeqiniso ngoKwakhe? Nonke ningabantu ababi abavilaphayo, abangamagovu, abafuna ukunethezeka! Nicabanga ukuthi nibakhulu? Ninani eningazigqaja ngayo? Noma kungazitshwa ukuthi niyisizukulwana sikaMowabi, ngabe imvelo yenu, indawo enizalelwe kuyona iphakeme kakhulu? Noma kungazitshwa ukuthi niyisizukulwana sakhe, anibona abantwana bakaMowabi nonke? Ngabe iqiniso lokuyikho lingaguqulwa? Ngabe ukuveza imvelo yenu manje kulibeka kabi iqiniso lokuyikho? Bhekani ukuzibeka phansi kwenu, izimpilo zenu nezimilo zenu — anazi yini ukuthi ningabaphansi kakhulu kwabaphansi esintwini? Yini eninayo eningazigqaja ngayo? Bhekani isimo senu emphakathini. Anikho nje ezingeni eliphansi kakhulu? Nicabanga ukuthi ngikhulume kabi? U-Abrahama wanikela ngo-Isaka—nina ninikele ngani? UJobe wanikela ngakho konke—nina ninikele ngani? Abantu abaningi banikele ngezimpilo zabo, babeka phansi amakhanda abo, bachitha igazi labo ukuze bafune indlela yeqiniso. Ngabe senilikhokhile lelo nani? Ngokuqhathanisa, anifanele nhlobo ukuthokozela umusa omkhulu kangaka. Kuniphatha kabi yini namhlanje ukuthi niyisizukulwana sikaMowabi? Ningaziboni niphakeme kakhulu. Aninalutho eningazigqaja ngalo. Insindiso enkulu kangaka, umusa omkhulu kangaka nikunikezwa ngesihle. Aninikelanga lutho kodwa nithokozela umusa ngesihle. Aninamahloni? Ngabe le ndlela yeqiniso iyinto enizifunele futhi nazitholela nina? Ngabe akuyena uMoya oNgcwele oniphoqe ukuba niyamukele? Anizange nibe nazo izinhliziyo zokufuna, ingasakhulunywa eyezinhliziyo ezifuna nezilangazelela iqiniso. Benilokhu nihleli nilithokozela nje; nizuze leli qiniso ngaphandle kokukhipha namancane amandla. Ninalungelo lini lokukhononda? Nicabanga ukuthi nifanele kakhulu? Uma kuqhathaniswa nalabo abadele izimpilo zabo bachitha igazi labo, yini eningakhononda ngayo? Ukunibhubhisa manje kungaba yinto elungile nelindelekile! Akukho okunye eningakwenza ngaphandle kokulalela nokulandela. Anifanele nhlobo! Abaningi phakathi kwenu bakhuziwe, kodwa ukube aniphoqwanga yisimo noma anibizwanga, beningeke nizimisele ngokuphuma. Ubani ozimisele ukubhekana nokudela okunjalo? Ubani ozimisele ukudela injabulo yenyama? Nonke ningabantu abazitika ngokuthokomala nokufuna impilo yokunethezeka! Nizuze izibusiso ezinkulu—yini enye eningayisho? Ninakukhononda kuni? Nivunyelwe ukuba nithokozele izibusiso ezinkulu nomusa omkhulu ezulwini, nomsebenzi ongakaze wenziwe emhlabeni ngaphambili sewembuliwe kinina namhlanje. Ngabe akusona isibusiso lesi? Nisolwa kangaka namuhla ngenxa yokuthi nimelane noNkulunkulu futhi namhlubuka. Ngenxa yalokhu kusolwa senibone umusa nothando lukaNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, nibone ukulunga nobungcwele Bakhe. Ngenxa yalokhu kusolwa nangenxa yokungcola kwesintu, nibone amandla amakhulu kaNkulunkulu, futhi nibone nobungcwele nobukhulu Bakhe. Ngabe lokhu akulona iqiniso elingavamile? Ngabe akuyona impilo engenangqondo? Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu ugcwele ingqondo! Ngalokho, ukuncipha ngokwengeziwe kwesikhundla senu, kwandisa ngokwengeziwe ukuphakama kukaNkulunkulu, futhi kufakazela ukuthi umsebenzi Wakhe ubaluleke kangakanani kinina namhlanje. Yingcebo engelinganiswe nalutho engeke itholakale noma kuphi! Eminyakeni eminingi edlule, akekho oke wathokozela insindiso enkulu kangaka. Iqiniso lokuthi isikhundla senu siphansi likhombisa ukuthi insindiso kaNkulunkulu inkulu kangakanani, futhi likhombisa ukuthi uNkulunkulu uthembekile esintwini—uyasindisa, akabhubhisi.

AmaShayina awakaze akholwe kuNkulunkulu; awakaze asebenzele uJehova, futhi awakaze asebenzele uJesu. Akwenzayo nje ukukhothama, ukushisa impepho, ashise iphepha le-joss, adumise u-Buddha. Akhonza izithixo nje—onke ahlubuke ngokwedlulele. Ngakho lapho izikhundla zabantu ziphansi ngokwengeziwe, zikhombisa ngokwengeziwe ukuthi lokho uNkulunkulu akuzuzayo kinina kuyinkazimulo eyengeziwe. Ngokwemibono yabo, abanye abantu bangathi: “Nkulunkulu, wenza msebenzi muni? Wena, Nkulunkulu ophakeme kangaka, uNkulunkulu ongcwele njeNgawe uza ezweni elingcolile? Uzicabangela phansi kangaka? Singcole kakhulu, kodwa uzimisele ukuba nathi? Uzimisele ukuhlala phakathi kwethu? Singabendawo ephansi, kodwa uzimisele ukusiphelelisa? Futhi ungasisebenzisa njengezibonelo nezifanekiso?” Ngithi: Awuyiqondi intando Yami! Awuwuqondi umsebenzi engifuna ukuwenza, futhi nesimo Sami awusiqondi. Ngeke ukwazi ukufinyelela ekwazini ukubaluleka komsebenzi engizowenza. Ngabe umsebenzi Wami ungavumelana nemibono yabantu? Ngokwemibono yabantu, ngingafanela ukuzalwa ezweni elihle ukukhombisa ukuthi nginesikhundla esiphakeme, ukukhombisa ukuthi ngingofaneleke kakhulu, ukukhombisa ukuhlonipheka Kwami, ubungcwele nobukhulu Bami. Ukuba ngangizalelwe endaweni engibonayo, emndenini ophezulu, ukuba futhi bengingowendawo nesikhundla esiphezulu, bengizophathwa kahle kakhulu. Lokho bekungeke kube nosizo emsebenzini Wami, ngakho ngabe insindiso enkulu isengembulwa-ke? Bonke abangibonayo bebezongilalela, futhi bebengeke bangcoliswe ukungcola. Bekufanele ukube ngazalelwa kule nhlobo yendawo. Yilokhu enikukholwayo. Kodwa ake nicabange ngakho: Ngabe uNkulunkulu wezela intokozo emhlabeni, noma wezela umsebenzi? Ukuba bengisebenza kuleyo ndawo ethulile futhi ethokomele, bengizoyizuza inkazimulo Yami ephelele? Bengizokwazi ukuyinqoba yonke indalo Yami? Ngenkathi uNkulunkulu eza emhlabeni ubengeyena owomhlaba futhi akazange abe senyameni ukuze athokozele umhlaba. Indawo lapho ukusebenza bekungembula isimo Sakhe futhi kube nomqondo kakhulu yindawo lapho azalelwa khona. Noma ngabe yizwe elingcwele noma elingcolile, futhi noma ngabe usebenza kuphi, ungcwele. Yonke into emhlabeni yadalwa nguYena; ukuthi nje yonke into ikhohlakaliswe nguSathane. Nokho, zonke izinto kusengeZakhe; zonke zisezandleni Zakhe. Uza ezweni elingcolile azosebenza khona ukuze embule ubungcwele Bakhe; lokhu ukwenzela umsebenzi Wakhe kuphela, okusho ukuthi, ubekezelela ukuthotshiswa okukhulu ngokwenza umsebenzi onjalo ukuze asindise abantu baleli zwe elingcolile. Lokhu kwenzelwe ukwethula ubufakazi, ngenxa yaso sonke isintu. Umsebenzi onjalo ukhomnisa abantu ukulunga kukaNkulunkulu, futhi ukwazi kangcono ukuveza ubukhosi bukaNkulunkulu. Ubukhulu nobuqotho Bakhe bubonakala ekusindiseni iqembu labantu abaphansi abedelelwa ngabanye. Ukuzalelwa ezweni elingcolile akufakazeli nakanye ukuthi uphansi; kuvumela nje yonke indalo ukuba ibone ubukhulu nothando Lwakhe lweqiniso esintwini. Uma enza kanje ngokwengeziwe lwembuleka ngokwengeziwe uthando Lwakhe olumsulwa kumuntu, uthando Lwakhe olungenasici. UNkulunkulu ungcwele futhi ulungile. Yize azalelwa ezweni elingcolile, futhi yize ehlala nalabo bantu abagcwele ukungcola, njengoba uJesu wahlala nezoni eNkathini Yomusa, akuwona wonke yini umsebenzi Wakhe owenzelwe ukusinda kwaso sonke isintu? Akukhona yini ukuthi sonke isintu sizuze insindiso enkulu? Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, wayehlala nezoni iminyaka eminingi. Lokho kwakwenzelwa ukuhlenga. Namuhla, uhlala neqembu labantu abangcolile, abaphansi. Lokhu kungenxa yosindiso. Akukhona ukuthi wonke umsebenzi Wakhe wenzelwe nina bantu? Uma ngabe bekungekhona ukusindisa isintu, kungani waphila wahlupheka nezoni iminyaka eminingi kangaka emva kokuzalelwa emkhombeni? Uma ngabe bekungekhona ukusindisa isintu, ubezobuyelelani enyameni ihlandla lesibili, azalelwe kuleli zwe lapho amadimoni ebuthana khona, ahlale nalaba bantu abakhohlakaliswe ngokujulile nguSathane? Ngabe uNkulunkulu akathembekile? Iyiphi ingxenye yomsebenzi Wakhe ebingenziwa ngenxa yesintu? Iyiphi ingxenye ebingenzelwa lokho omiselwe khona? UNkulunkulu ungcwele—lokhu akuguquki! Akangcoliswa ukungcola, yize eze ezweni elingcolile; konke lokhu kuchaza ukuthi uthando lukaNkulunkulu esintwini luzidela ngokwedlulele, nokuhlupheka nokuthotshiswa akubekezelelayo kukhulu ngokwedlulele! Anazi yini ukuthi wehlelwa ukuthotshiswa ngenxa yenu nangenxa yesiphetho senu? Anikwazi lokho? Akabasindisi abantu abakhulu noma amadodana emindeni eyizicebi nenamandla, kodwa usindisa ngokukhethekile labo abaphansi nababukelwa phansi ngabanye. Ngabe konke lokhu akubona ubungcwele Bakhe? Ngabe konke lokhu akukhona ukulunga Kwakhe? Kungcono ukuba azalwe ezweni elingcolile adlule kukho konke ukuthotshiswa ngenxa yokusinda kwesintu sonke. UNkulunkulu ungowangempela kakhulu—akawenzi umsebenzi ongelona iqiniso. Awenziwa ngokuwuqobo kanjalo umsebenzi wezigaba zonke? Nakuba bonke abantu bemnyundela bethi udla nezoni, noma bonke abantu behlekisa Ngaye bethi uhlala namadodana okungcola, bethi uhlala nabantu abaphansi kakhulu, usazinikela ngokuzidela, futhi usachithwa phakathi kwesintu. Ukuhlupheka akubekezelela akukukhulu kunokwenu? Umsebenzi Wakhe awumkhulu kunenani enilikhokhile? Nizalelwe ezweni elingcolile kodwa nizuze ubungcwele bukaNkulunkulu. Nizalelwe ezweni lapho amadimoni ebuthana khona kodwa nithole ukuvikelwa okukhulu. Yini enye eningayenza? Ninakuphi ukukhononda? Ukuhlupheka akubekezelela akukukhulu kunalokho enikubekezelele? Weza emhlabeni kodwa akazange athokozele intokozo yomhlaba wabantu. Uyazenyanya izinto ezinjalo. UNkulunkulu akezelanga emhlabeni ukuhlomula ngezinto ezibonakalayo ezivela kumuntu, futhi akezelanga ukuthokozela ukudla, izingubo, nemihlobiso yomuntu. Akazinaki lezi zinto. Weza emhlabeni ukuzohluphekela umuntu, hhayi ukuthokozela umcebo wasemhlabeni. Wezela ukuhlupheka, ukusebenza nokuphetha uhlelo Lwakhe lokuphatha. Akazange akhethe indawo enhle, ukuba ahlale endlini yenxusa noma ehhotela eliphezulu, noma abe nezisebenzi eziningi ezimenzela konke. Kulokho enikubonile, anazi ukuthi uzele ukuzosebenza noma ukuzothokoza? Awaboni amehlo enu? Uniphe okungakanani? Ukuba wayezalelwe endaweni ethokomele ubezokwazi ukuzuza inkazimulo? Ubezokwazi ukusebenza? Bekuzobaluleka ukwenza Kwakhe kanjalo? Ubezokwazi ukunqoba isintu ngokuphelele? Ubezokwazi ukusindisa abantu ezweni elingcolile? Ngokwemibono yabo, abantu babuza bathi: “Ngoba uNkulunkulu ungcwele, kungani wazalelwa endaweni yethu engcole kangaka? Uyasizonda futhi uyasenyanya thina bantu abangcolile; wenyanya ukuphikisa nokuhlubuka kwethu, pho uhlalelani nathi? UnguNkulunkulu ophakeme. Wawungazalwa noma kuphi, pho, kungani kwafanela ukuba uzalwe kuleli zwe elingcolile? Uyasisola futhi uyasehlulela nsuku zonke futhi wazi kahle ukuthi siyisizukulwana sikaMowabi, kungani pho usahlala phakathi kwethu? Kungani wazalwa emndenini wesizukulwana sikaMowabi? Wakwenzelani lokho?” Imicabango yenu enjalo ayinamqondo neze! Umsebenzi onjalo kuphela ovumela abantu ukuba babone ubukhulu Bakhe, ukuthobeka nokufihlakala Kwakhe. Uzimisele ukudela konke ngenxa yomsebenzi Wakhe, futhi ubekezelele konke ukuhlupheka ngenxa yomsebenzi Wakhe. Akwenzayo ukwenzela isintu, futhi, ngaphezu kwalokho ukwenzela ukunqoba uSathane ukuze zonke izidalwa zithobe ngaphansi kombuso Wakhe. Yilona kuphela umsebenzi onomqondo nobalulekile. Ukuba isizukulwana sikaJakobe sasizalelwe eShayina, kulesi siqephu sezwe, futhi besiyinina nonke, ubuzobaluleka ngani umsebenzi owenziwe kinina? Ubezothini uSathane? USathane ubezothi: “Bebekwesaba, bakulalelile ukusuka ekuqaleni futhi abanamlando wokukukhaphela. Abayiso isintu esimnyama kakhulu, esiphansi kakhulu noma esisemuva kakhulu.” Ukuba umsebenzi bewenziwa ngale ndlela, ubani obezokweneliseka ngawo? Kuwo wonke umhlaba, amaShayina asemuva ukwedlula bonke abantu. Azalwe esimweni esiphansi, ngobuqotho obuphansi, ayiziwula futhi andikindiki, awaphucukile futhi ahlehlela emuva. Angenwe ngokugcwele yizimo zobusathane, ezingcolile nezinesimilo esibi. Ninazo zonke lezi zimo zobusathane. Emva kokuthi lo msebenzi usuqediwe, abantu bazozilahla lezi zimo futhi bazokwazi ukulalela ngokuphelele baphinde bapheleliswe. Yizithelo ezivela kulolu hlobo lomsebenzi kuphela eziwubufakazi phakathi kwendalo! Ngabe uyaqonda ukuthi buyini ubufakazi? Empeleni kufanele bethulwe kanjani ubufakazi? Le nhlobo yomsebenzi inenze naba yiziqhathaniso nezinto ezenza umsebenzi; ngaphezu kwalokho iniphendule izinto zokusindiswa. Namuhla ningabantu bakaNkulunkulu; kamuva nizoba yizibonelo nezifanekiso. Kulo msebenzi, nidlala izinhlobo zezindawo ezihlukene, futhi, ekugcineni nizoba yizinto zokusindiswa. Abantu abaningi banomqondo ongemuhle ngenxa yalokhu; ngabe abazona izimpumputhe ngokuphelele? Awuboni lutho ngokucacile! Ukukubiza kanjalo nje kukuqeda amandla? Ngabe uyakuzwa okushiwo ngesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Uyakuqonda ukuthi ukusindisa kukaNkulunkulu kuyini? Ngabe uyaluqonda ukuthi luyini uthando lukaNkulunkulu? Awuqotho! Uma kukhulunywa kahle ngawe, uyajabula. Uma kukhulunywa kabi ngawe awuzimiseli futhi uyahlehla. Uyini wena? Awuyilandeli indlela yeqiniso. Yeka ukufuna njengamanje—kuyihlazo! Akulona uphawu lwehlazo ukuthi into encane kangaka ikuqeda amandla?

Kufanele ufunde ukuzazi kancane. Ungaziboni uphakeme kakhulu, futhi ungaphuphi ngokuya ezulwini—funa nje ngokuzimisela ukunqotshwa emhlabeni. Ungacabangi ngalawo maphupho angamanga angekho! Uma umuntu esho into efana nokulandelayo, lawa ngamazwi avela kumuntu onokuzimisela futhi oqotho: “Yize ngiyisizukulwana sikaMowabi, ngizimisele ukulwela uNkulunkulu. Ngizofulathela ukhokho wami wakudala! Wangizala wabuye wanginyathela, futhi kuze kube manje bengihlezi ebumnyameni. Namuhla, uNkulunkulu ungikhululile ngagcina sengilibonile ilanga lasezulwini. Ngigcine ngibonile, ngokudalulwa nguNkulunkulu, ukuthi ngiyisizukulwana sikaMowabi. Kuqala, bengisithe amehlo, angaze ngazi ukuthi uNkulunkulu usenze umsebenzi ongaka, ngoba bengivalwe amehlo yilowo Sathane omdala. Ngizomfulathela ngimthobise kakhulu!” Ngabe ninakho ukuzimisela okunjalo? Ngaphandle kokuthi nonke, ngamunye, niyefana nabantu, nihlukana masinyane ukwedlula wonke umuntu futhi nizwela kakhulu kulolu daba. Uma nje kukhulunywa ngokuthi niyisizukulwana sikaMowabi, imilomo yenu isonteka ize iqudule. Akusona isimo sengulube lesi? Aninamsebenzi walutho! Ninganikela ngempilo yenu ngenxa yodumo nomcebo! Kungase kube anizimisele ukuba yisizukulwana sikaMowabi, kodwa ngabe akukhona eniyikho lokho? Ngithi namhlanje niyikho futhi kufanele nikuvume lokho. Angiphikisi iqiniso. Abanye abantu banombono ongemuhle ngenxa yalokhu, kodwa yini eyenza kube nombono ongemuhle kulokhu? Akuwena futhi ongumntwana kadrako omkhulu obomvu? Ngabe akunabulungiswa ukuthi uyisizukulwana sikaMowabi? Bheka impilo oyiphilayo, ngaphakathi nangaphandle. Kusuka ekhanda kuya onyaweni akukho nokukodwa okuncomekayo. Ubuhathanga, ukungcola, ubumpumputhe, ukuphikisa, ukuhlubuka—lezi akuzona izingxenye zesimo sakho? Uhlala njalo ezweni lobuhathanga, futhi abukho ububi ongabenzi. Ucabanga ukuthi ungcwele ngokumangalisayo. Bheka izinto ozenzile, kodwa usajabule kakhulu ngazo. Yini oyenzile efanele ukunconywa? Nifana nezilo. Aninabo ubuntu! Nihlangana nezilwane, nihlala emibonweni emibi, enobuhathanga. Nina bantu, nintula kangakanani? Niyavuma ukuthi ningabantwana bakadrako omkhulu obomvu, futhi nizimisele ukusebenza, kodwa kamuva, uma sekuthiwa niyisizukulwana sikaMowabi niba nombono ongemuhle. Ngabe akulona iqiniso leli? Kunjengoba uzelwe umama nobaba—noma ngabe babi kangakanani, usazalwa yibona. Noma ngabe uthola umama ongakuzali ushiye ikhaya lakho, awuseyona yini ingane yabazali bakho bokuqala? Lelo qiniso lingaguqulwa? Ngike ngakubiza ngenzalo kaMowabi ngaphandle kwesizathu? Abanye abantu bathi: “Ungengibize ngenye into?” Ngithi: “Kunganjani ngikwethe igama lesiqhathaniso?” Abazimisele ngokuba yiziqhathaniso futhi. Pho, nizimisele ukuba yini? Iziqhathaniso, abenzi bomsebenzi—akukhona lokhu eniyikho? Ungakhetha kuphi okunye? Awuyena umuntu ozalelwe ezweni likadrako omkhulu obomvu? Noma ungasho kanjani ukuthi ungumntwana kaDavide, akuhambelani namaqiniso. Ngabe yinto ozikhethela yona? Ungazikhethela igama elimnandi olithandayo? Abantwana bakadrako omkhulu obomvu okwakhulunywa ngabo ngabe abayinina bantu abakhohlakele? Abenzi bomsebenzi—abayinina nabo, laba bantu abakhohlakele? Izifanekiso nezibonelo zokunqotshwa ezibaliwe—nazo aziyinina, bantu? Akukhulunywa ngendlela yokupheleliswa ngenxa yenu? Labo abasolwayo nabahlulelwayo yinina bnatu; ngabe futhi angeke labo abazopheleliswa kamuva babe ngabanye abaphakathi kwenu? Ngabe lesi sihloko sisasho okuthize? Aninamqondo kakhulu; anikwazi nokubona ngokucacile into encane kangaka? Anazi ukuthi ubani oyisizukulwana sikabani, kodwa kucacile Kimi, futhi ngiyanitshela. Uma ningakubona lokho namuhla, kulungile. Ningahlali nizizwa nibancane kangaka. Ukuba nombono ongemuhle nokuhlehla ngokwengeziwe kukhombisa ngokwengeziwe ukuthi uyinzalo kaSathane. Kukhona abanye okuthi, uma ubalalelisa ihubo, bathi: “Ngabe isizukulwana sikaMowabi singawalalela amahubo? Ngeke; angifanele!” Uma uthi akacule, athi: “Uma isizukulwana sikaMowabi sicula, ngabe uNkulunkulu uyazimisela ukulalela? UNkulunkulu uyangenyanya. Nginamahloni kakhulu okuya phambi kukaNkulukulu futhi angikwazi ukumfakazela. Ngeke nje ngicule, funa uNkulunkulu acunuke uma ekuzwa lokho.” Ngabe le akuyona indlela enombono ongemuhle yokubhekana nalokhu? Njengesidalwa, uzalelwe ezweni lobuhathanga, futhi ungumntwana kadrako omkhulu obomvu, isizukulwana sikaMowabi; kufanele ufulathele ukhokho wakho omdala noSathane omdala. Ngumuntu owenza lokho kuphela ofuna uNkulunkulu ngeqiniso.

Ekuqaleni, lapho ngininikeza isikhundla sabantu bakaNkulunkulu, nagxuma naya phezulu naphansi, ngenjabulo eyedlula bonke abanye. Kodwa lapho ngithi niyisizukulwana sikaMowabi, nibe njani? Nonke nivele naphelelwa amandla! Sikuphi isiqu senu? Umqondo wenu mayelana nesikhundla uqine kakhulu! Abantu abaningi abakwazi ukuziphakamisa. Abanye bahamba bayokwenza amabhizinisi, futhi abanye baya emsebenzini. Uma nje ngithi niyisizukulwana sikaMowabi, nonke nifuna ukubaleka. Ngabe yilokhu ukufakaza ngoNkulunkulu enimemeza ngakho sonke isikhathi? Ngabe uSathane uzokwenziwa akholwe ngale ndlela? Lokhu akulona yini uphawu lwehlazo? Kusiza ngani ukuba nani? Niyizibi nonke nje! Kungabe kuhlupheka kuni enikuzwile, njengoba nizizwa noniwe kangaka nje? Nicabanga ukuthi uma uNkulunkulu enganizwisa ubuhlungu kuze kufike ezingeni elithile nizojabula, kube sengathi uNkulunkulu uze ngenhloso yokunilahla, kuthi lapho eseqede ukunilahla nokunibhubhisa, kube usufezekile umsebenzi Wakhe. Ngabe yilokhu engikushilo? Ngabe anicabangi kanjalo ngenxa yobumpumputhe benu? Kungabe wukuthi nina ngokwenu anizami ukwenza kahle, noma ukuthi ngihlose ukunilahla? Angikaze ngikwenze lokho—lokho yinto enizicabangele yona. Angikaze ngisebenze ngaleyo ndlela nhlobo, futhi anginayo leyo nhloso. Ukuba bengifuna ngempela ukunibhubhisa, bengingedlula ekuhluphekeni okungaka? Uma ngabe bengifuna ukunibhubhisa ngempela, bengingakhuluma nani ngobuqotho obukhulu kanje? Isifiso Sami yilesi: Uma senginisindisile kuzoba yima ngikwazi ukuphumula. Ukuba phansi ngokwengeziwe komuntu kwenza afanele ngokwengeziwe ukusindiswa Yimi. Uma nikwazi ngokwengeziwe ukungena ngenkuthalo, ngizojabula ngokwengeziwe. Uma nehluleka ngokwengeziwe, ngiphatheka kabi ngokwengeziwe. Nihlale nifuna ukucanasa nihlale esihlalweni sobukhosi—ngiyanitshela, leyo akuyona indlela yokunisindisa ekungcoleni. Iphupho lokuhlala esihlalweni sobukhosi ngeke liniphelelise, akukhona okwangempela lokho. Ngithi uyisizukulwana sikaMowabi, bese uyajabha. Uthi “Uma ungenze ngangena emgodini ongenamkhawulo, ngeke ngikufakazele noma ngikuhluphekele.” Ukwenza kwakho kanjalo akuphikisani Nami? Ngikunikeze umusa omningi kakhulu—ngabe usukhohliwe? Uyalile futhi wayithobisa inhliziyo kaNkulunkulu, ifana nekamama onothando; Yimiphi imiphumela ozoyithola? Ngeke ngikuphoqe uma ungafuni ukungifakazela—kodwa kufanele wazi ukuthi ekugcineni uzoqondwa ukubhujiswa. Uma ngingeke ngithole ubufakazi kuwe, ngizobuthola kwabanye abantu. Akusho lutho lokho Kimi kodwa ekugcineni uzozisola, futhi ngaleso sikhathi uzobe sekukade wawela ebumnyameni. Khona-ke ubani ozokusindisa? Ungacabangi ukuthi umsebenzi ngeke wenzeke ngaphandle kwakho—ukuba nawe akukhona ukuba nokuningi, futhi ukungabi nawe akukhona ukuntula okuningi. Ungaziboni unokuhlonipheka okwedlulele. Uma ungazimisele ukungilandela, lokho kukhombisa ukuthi uyahlubuka, futhi akukho okukhangayo kuwe. Uma ngabe uyisikhulumi esihle, akusho yini lokho ukuthi kungoba uzihlomise ngamazwi engiwalethe ngomsebenzi Wami? Yini encomekayo kuwe? Ungavumi ukucabanga kwakho kukudukise! Uma ngingekwazi ukuzuza inkazimulo kinina zizukulwana zikaMowabi, ngizokhetha iqembu lesibili, nelesithathu lezizukulwana zikaMowabi, ukuthi kwenzeke umsebenzi Wami ngize ngizuze inkazimulo. Uma ungazimisele ukwethula ubufakazi Ngami, phuma ke! Ngeke ngikuphoqe! Ningacabangi ukuthi ngeke ngikwazi ukunyathelela ngiye phambili ngaphandle kwenu. Ukuthola izinto ezifanele umsebenzi Wami kuleli zwe laseShayina akuwona umsebenzi omkhulu. Akukho okunye okungafunyanwa kuleli zwe—abantu abangcolile, abakhohlakele bakhona yonke indawo, futhi umsebenzi Wami ungenziwa noma kuphi. Ungazigqaji kangaka! Noma ngabe uzigqaja kangakanani awuyena umntwana ozalwe ngokuphinga? Ake ubuke ukufaneleka kwakho—yini enye ongayenza? Ukunivumela nje ukuba niphile kuwukuphakanyiswa okukhulu, pho yini eningabe nisazidla ngayo? Ukuba bekungekhona ngenxa yomsebenzi Wami wokuqeda inkathi, bekungeke yini kube kade nawela ezinhlekeleleni zemvelo nezenziwe ngabantu? Ningahlala ngokunethezeka okungaka? Nisaphikisana ningaphezi ngalolu daba. Selokhu ngathi niyinzalo kaMowabi, nisalokhu niqudule ngaso sonke sikhathi. Anizifundisi, anifundi amazwi kaNkulunkulu, futhi anikwazi nokubheka lo noma lowaya muntu. Uma nibona abanye abantu befunda, niyabaphazamisa nisho izinto ezibaqeda umdlandla. Ninesibindi! Nithi: “Zifundani izizukulwane zikaMowabi? Ngeke ngizihluphe.” Akukhona okungashiwo yisilwane lokho? Ngabe uyabalwa njengomuntu? Sengisho okuningi, kodwa akufezanga lutho. Ngabe wonke lo msebenzi ngiwenzele ize? Ngabe wonke la mazwi ngiwakhulumele ize? Ngisho inja ibizotshikizisa umsila; leyo nhlobo yomuntu ayingcono kunenja! Ufanele ukubizwa ngomuntu? Uma ngike nje ngakhuluma ngesizukulwane sikaMowabi abanye abantu bavele bazehlise ngamabomu. Bagqoka ngokwehlukile kunakuqala futhi bamahlikihliki ngangokuthi ababukeki njengabantu futhi bayabubula: “Ngiyisizukulwane sikaMowabi. Angilungile. Kuwukuphupha emini ukucabanga ngokuzuza izibusiso.. Ngabe isizukulwana sikaMowabi singapheleliswa?” Uma nje sengikhulume ngesizukulwana sikaMowabi, abantu abaningi ababe besaba nethemba; bathi: “UNkulunkulu uthi siyisizukulwana sikaMowabi—kushoni lokho? Bheka iphimbo lezwi alisebenzisayo—alinakuguqulwa! Akunaluthando emazwini aKhe. Ngabe asikhona okuqondwe ukubhujiswa?” Ngabe ukukhohliwe okushiwo ngaphambili? Igama elithi “isizukulwana sikaMowabi” liyiyona kuphela into oyikhumbulayo manje? Eqinisweni, amazwi amaningi enzelwe ukuzuza umphumela, kodwa abuye embule iqiniso lokukhona. Abantu abaningi abakukholwa. Awuzimisele ngokungihluphekela kanjalo. Uyakwesaba ukufa futhi uhlala ufuna ukuphunyuka. Uma ufuna ukuhamba, ngeke ngikuphoqelele ukuba uhlale, kodwa kufanele ngikucacisele lokhu: Ungaphileli ize kuso sonke isikhathi sokuphila, futhi ungazikhohlwa izinto engikutshele zona esikhathini esedlule. Njengomuntu odaliwe, kufanele wenze umsebenzi womuntu odaliwe. Ungenzi izinto eziphikisana nonembeza wakho; okufanele ukwenze ukuzinikela eNkosini yendalo. Isizukulwana sikaMowabi naso siyingxenye yendalo, ukuthi nje siyiziqhathaniso futhi siqalekisiwe. Noma kunjani, usengumuntu odaliwe. Awuqhelile kakhulu uma uthi: “Noma ngiyisizukulwana sikaMowabi, ngiwuthokozele kakhulu umusa kaNkulunkulu ngangokuthi kufanele ukuba nginawo unembeza othile. Ngizokuvuma nje kodwa ngingazinzi kukho. Noma ngabe ngiyahlupheka kulo mgudu, ngizohlupheka kuze kube sekupheleni futhi uma ngiyisizukulwana sikaMowabi, makube njalo. Ngisazolandela kuze kube sekupheleni!” Kufanele ulandele kuze kube sekupheleni. Uma ubaleka, ngempela ngeke ube namathemba akusasa—uzobe usungene endleleni eya ekubhujisweni.

Kuhle ukunenza niqonde imvelaphi yenu, nokuthi niqonde ukuthi iqiniso lokuyikho liyawusiza umsebenzi. Kungenjalo, umphumela ofiswayo ngeke utholakale. Lokhu kuyingxenye yomsebenzi wokunqoba, futhi kuyusinyathelo esidingekile emsebenzini. Lokhu kuyiqiniso. Lo msebenzi uqonde ukuvusa imimoya yabantu, ukuvusa imizwa kanembeza nokubavumela ukuba bazuze le nsindiso enkulu. Uma umuntu enonembeza, kufanele abonge uNkulunkulu ngokwengeziwe lapho ebona ukuthi unesikhundla esiphansi. Kufanele abambe amazwi Akhe ngezandla, abambelele aqinise emseni abanikeze wona, futhi aze akhale ngomunyu athi: “Isikhundla sethu siphansi futhi asizuzanga lutho emhlabeni. Akekho umuntu obukela kithina bantu abaphansi. Siyashushiswa endaweni engamakhaya ethu, abayeni bethu bayasala, amakhosikazi ethu ayasihlambalaza, izingane zethu zisibukela phansi, futhi uma sesikhulile omalokazane bethu nabo basiphatha kabi. Sihlupheke kakhulu impela, nokuthi manje sithokozela uthando olukhulu lukaNkulunkulu kuyinhlanhla! Ukuba uNkulunkulu akasisindisanga, ngabe besiyokubona kanjani ngokucacile ukuhlupheka kwabantu? Bekungeke kube sisabishe kulesi sono? Ngabe lokhu akukhombisi ukusiphakamisa kukaNkulunkulu? Ngingomunye wabantu abaphansi kakhulu futhi uNkulunkulu ungiphakamisele phezulu kakhulu. Noma ngabe ngiyabhujiswa kusafanele ngilubuyisele uthando Lwakhe. UNkulunkulu ucabanga ngokuphakeme mayelana nathi futhi ukhuluma nathi ubuso nobuso, thina bantu abaphansi kangaka. Ungibamba ngesandla angifundise. Ngomlomo Wakhe uyangifunza. Uphila nami futhi uhlupheka kanye nami. Noma engisola—ngingathini? Ukusolwa akukhona yini ukuphakanyiswa nguNkulunkulu? Ngiyasolwa, kodwa ngiyakubona ukulunga Kwakhe. Angikwazi ukungabi nonembeza—kufanele ngilubuyisele uthando lukaNkulunkulu. Angikwazi ukuqhubeka nokuhlubuka uNkulunkulu.” Indawo nesikhundla sikaNkulunkulu akufani nokwabantu—ukuhlupheka Kwakhe kuyefana, futhi ukudla nokokugqoka Kwakhe kuyefana, kodwa bonke abantu bayamhlonipha, futhi yilona kuphela umehluko. Ngabe konke okunye akuthokozelayo akufani nomuntu? Manje yini ekunika ilungelo lokucela ukuthi uNkulunkulu akuphathe ngendlela ethile? UNkulunkulu ubekezelela ukuhlupheka okukhulu futhi wenza umsebenzi omkhulu, futhi nina—eniphansi kunezintuthwane, eniphansi kunezimbungulu—niphakanyiswe kakhulu namhlanje. Uma ungakwazi ukubuyisela uthando lukaNkulunkulu, uphi unembeza wakho? Abanye abantu bathi ezinhliziyweni zabo: “Njalo uma ngicabanga ngokushiya uNkulunkulu amehlo ami agcwala izinyembezi futhi unembeza wami uyahlabeka. Ngiyamkweleta uNkulunkulu. Angikwazi ukwenza lokhu. Angikwazi ukumphatha kanje. Ukuba bengifa bese, ngokufa, nginikeze umsebenzi Wakhe inkazimulo, bengiyokweneliswa ngokwedlulele. Kungenjalo, noma ngiphila ngeke ngizwe ukuthula.” Lalela la mazwi—achaza umsebenzi ofanele ukwenziwa ngumuntu odaliwe. Uma umuntu ehlala enalo mbono kuye, uzocacelwa futhi akhululeke ngaphakathi; uzoqiniseka ngalezi zinto. Wena uzothi: “UNkulunkulu akangilimazi, futhi akangihleki ngamabomu noma angiphoxe. Yize ekhuluma ngendlela enesihluku futhi eshaya enhliziyweni, wenzela ukusiza mina. Yize ekhuluma ngesihluku, usangisindisa, futhi usabucabangela ubuthakathaka Bami. Akasebenzisi amaqiniso ukuze angisole. Ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu uyinsindiso.” Uma unalo mbono ngempela, ngeke kube lula ukuthi ubaleke. Unembeza wakho ngeke akudedele uhambe, futhi ukukulahla kwakhe kuyokutshela ukuthi ungamphathi ngaleyo ndlela uNkulunkulu. Ucabanga ngawo wonke umusa owuzuzile. Uzwe amazwi Ami amaningi kakhulu—ngabe uwalalelele ize? Noma ngabe ubani obalekayo, wena awukwazi. Abanye abantu abakholwa, kodwa wena kufanele ukholwe. Abanye abantu bashiya uNkulunkulu, kodwa wena kufanele uphakamise uNkulunkulu umfakazele. Abanye banyundela uNkulunkulu, kodwa wena awukwazi. Noma ngabe uNkulunkulu akanamusa kangakanani kuwe, kusafanele wenze okulungile Kuye. Kufanele ubuyisele uthando Lwakhe futhi kufanele ube nonembeza, ngoba uNkulunkulu akanacala. Usethotshiswe kakhulu ngokuza emhlabeni evela ezulwini ukuzosebenza phakathi kwesintu. Ungcwele futhi akanakho nokuncane ukungcola. Ngokuza ezweni lokungcola, ubekezelele ukuthotshiswa okungakanani? Usebenza kini ngenxa yenu. Uma umphatha ngokungenanembeza, kungaba ngcono ukuba usheshe ufe.

Manje, abantu abaningi bayantula kule ngxenye yombono futhi ngeke bawuqonde nhlobo lo msebenzi futhi abazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukufezani ngawo ekugcineni. Ikakhulukazi labo abadidekile—kusengathi bangene enkimbinkimbini futhi beduka ngemva kwamajika ambalwa. Uma ubachazela ngokugcwele inhloso yohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, ngeke badideke. Abantu abaningi abakwazi ukuwuqonda futhi bakholwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wukuhlupha abantu. Abakuqondi ukuhlakanipha nokumangalisa komsebenzi Wakhe, futhi abaqondi ukuthi umsebenzi Wakhe ukwembula amandla Akhe amakhulu, ikakhulu ukusindisa isintu. Abakuboni konke lokho; babona nje ukuthi ngabe banawo yini amathemba ekusasa, ukuthi bazokwazi yini ukungena ezulwini. Bathi: “Umsebenzi kaNkulunkulu uhlala umazombe; kungakuhle ukuthi sikubone ngqo ukuhlakanipha Kwakho. Akufanele usihluphe ngale ndlela. Siyantula kakhulu ngokwezinga futhi asiyiqondi intando Yakho. Bekungakuhle uma ubungakhuluma futhi wenze ngokuqondile. Ufuna siqagele, kodwa asikwazi. Bekungakuhle ukuthi uphuthume usivumele ukuba sibone inkazimulo Yakho. Sikuphi isidingo sokwenza izinto ngokujikeleza ngale ndlela?” Enikuntula kakhulu manje unembeza. Yibani nonembeza ngokuthe xaxa. Vulani kakhulu amehlo enu kakhulu ukuze nibone ukuthi ngubani ngempela owenza izinyathelo zalo msebenzi. Ningaphuthumi ukufika eziphethweni. Manje, okuhle kakhulu, usukuqondile okuthile okuyingxenye ekha phezulu nje yendlela yempilo okufanele udlule kuyona. Kuseneqiniso elikhulu okufanele ulazi, futhi uma kufika usuku lokuthi uliqonde ngokuphelele, ngeke usakhuluma kanjalo noma ukhononde. Futhi ngeke ukwazi ukushesha ukuchaza izinto. Uzothi: “UNkulunkulu uhlakaniphile kakhulu, uNkulunkulu ungcwele kakhulu, uNkulunkulu unamandla kakhulu!”

Okwedlule: Ukwenyusa Izinga Kungenxa Yokuthola Insindiso KaNkulunkulu

Okulandelayo: Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp