Isahluko 34

Ngake ngamema umuntu ukuthi azovakasha endlini yaMi, kodwa wayelokhu eshona le nale ngoba ngilokhu ngimshayela ucingo—kungathi, esikhundleni sokummema njengesivakashi, ngangimbizele ukuzombulala. Ngalokho, indlu Yami yasala ingenamuntu, ngenxa yokuthi umuntu uhlala engixwaya, futhi ubehlala engiqaphile. Lokhu kungishiye ngingenayo indlela yokwenza ingxenye yomsebenzi waMi, okungukuthi, kuze kwabiza ukuthi ngihoxise idili ebengimlungisele lona, ngoba umuntu ubengazimisele ukuthokozela leli dili, ngalokho angizange ngimphoqe. Kodwa umuntu uzithola eshaywa yindlala, bese eza ezongqongqoza emnyango waMi ecela usizo lwaM—lapho ngimbona esesimweni esibi kangaka, ngingahlala kanjani ngingamsindisi? Kanjalo, ngaphinda ngenzela umuntu idili, ukuze alithokozele, kungaleso sikhathi kuphela lapho ezwa khona ukuthi kanti ngithandeka kangaka, bese ngalokho eza ezothembela kiMi. Futhi ngenxa yendlela engimemukela ngayo, kancane kancane uze angithande “ngaphandle kokugodla okuthize,” bese engabe esasola ukuthi ngizomthumela “emhlabeni wokushiswa,” ngoba lokhu akuyona intando yaMi. Ngakho-ke, kungemuva kokubona inhliziyo yaMi kuphela lapho umuntu ethembela khona kiMi. ngeqiniso, okukhombisa ukuthi “uqaphele” kangakanani. Kodwa angimxwayi umuntu ngenxa yenkohliso yakhe, kodwa nginyakaziza izinhliziyo zabantu ngokubagona kwaMi okuthokomele. Akukhona lokhu engikwenzayo njengamanje? Akukhona lokhu okubonakala kubantu enkathini yamanje? Kungani bekwazi ukwenza izinto ezinjena? Kungani benemizwa enjena? Kungaba kungenxa yokuthi bangazi ngokweqiniso? Ngokuba ngempela banothando olungenamkhawulo kiMi? Angiphoqi muntu ukuthi angithande, kodwa ngibanika ithuba lokuzikhethela; kulokhu, angigxambukeli, futhi angibelekeleli ukuthi bazikhethele isimiselo sabo. Abantu babeka izinqumo zabo phambi kwaMi, baziletha phambi kwaMi ukuze ngizihlole, ngithe lapho ngivula isikhwama esiqukethe “izinqumo zomuntu,” ngabona izinto ziyingxubevange. Kodwa izinto eziphakathi “ziyinsanda,” nabantu bangibuka bengihlahlela amehlo, bethukile ukuthi ngizokhipha izinqumo zabo. Kodwa ngenxa yobuthaka bomuntu, angizange ngehlulele zibekwa nje, kunalokho ngavala isikhwama ngaqhubeka nomsebenzi obekumele ngiwenze. Kodwa umuntu akangeni ekuqondiseni kwaMi uma ngiqala umsebenzi waMi, kodwa uyaqhubeka nokuzikhathaza ngokuthi ngabe isinqumo sakhe ngisijabulele na. Sengenze umsebenzi omningi, ngakhuluma amazwi amaningi, kodwa kuze kube manje, umuntu usalokhu engakwazi ukuqonda intando yaMi, kanjalo izenzo zakhe ezididayo zingishiya “ngizulelwa ikhanda.” Kungani elokhu engakwazi ukuqonda intando yaMi, futhi enza izinto ngokugagamela ngendlela afuna ngayo? Ngabe umqondo wakhe uthukile? Kungenzeka yini ukuthi akawaqondi amazwi engiwakhulumayo? Kungani elokhu enza izinto amehlo akhe ethe njo phambili, kodwa engakawazi ukuphendla indlela abe yisibonelo esihle kubantu besikhathi esizayo? Ngabe wayekhona umuntu owabeka isibonelo phambi kukaPetru? Kwakungekhona ukuthiba wayengaphansi kwesiqondiso saMi uPetru yingakho aphila? Kungani abantu banamuhla bengakwazi ukwenza lokhu? Kungani, emva kokuba nesibonelo okumele basilandele, kodwa bengakwazi ukwenelisa intando yaMi? Lokhu kukhombisa ukuthi umuntu usengakakangethembi, okuyinto eholele kulezi zimo ezibuhlungu zanamuhla.

Kuyangijabulisa ukubona izinyonyana zindiza esibhakabhakeni. Yize zingabekanga izinqumo zazo phambi kwaMi, futhi zingenamazwi “ezingawasho” kiMi, zithola intokozo ezweni engilinike zona. Kodwa umuntu akakwazi ukwenza lokhu, nobuso bakhe bugcwele usizi—kungenzeka yini ukuthi ngimukweleta isikweletu esingakhokheki? Kungani ubuso bakhe buhlala bugcwele izinyembezi? Ngijabulela iminduze emila emagqumeni. Izimbali notshani obunaba emathafeni, kodwa iminduze ifaka ukukhazimula enkazimulweni yaMi emhlabeni ngaphambi kokufika kwentwasahlobo–ngabe umuntu angakwazi ukufinyelela kulokhu? Ngabe angafakaza kiMi. emhlabeni ngaphambi kokubuya kwaMi? Ngabe angazinikela ngenxa yegama laMi ezweni likadrako omkhulu obomvu? Kungathi amazwi aMi asatshalaliswa yizidingo engizifuna kumuntu—uyangizonda ngenxa yalezi zidingo; ngoba umzimba wakhe ubuthaka kakhulu, futhi akakwazi qobo ukuthola lokhu engikucelayo, uyawesaba amazwi aMi. Uma ngivula umlomo waMi, ngibona abantu emhlabeni bebaleka beya zinhlangothi zonke, kungathi bazama ukubalekela indlala enkulu. Uma ngemboza ubuso baMi, uma ngiphendula umzimba waMi, abantu bayaethuka, abazi ukuthi benzeni, ngoba basaba ukusuka kwaMi; emicabangweni yabo, usuku engiyohamba ngalo ilona suku okuyokwehla ngalo inhlekelele ezulwini, usuku engiyohamba ngalo ilona suku okuyoqala ngalo isijeziso sabo. Kodwa engikwenzayo kuphambene impela nalokhu okucatshangwa umuntu, angikaze ngenze njengokwemicabango yomuntu, angikaze ngivumele ukuthi imicabango yakhe ihambisane naMi. Isikhathi engenza ngaso izinto kulapho umuntu embuleke ngempela ebekwe obala. Ngamanye amazwi, izenzo zaMi ngeke zilinganiswe ngemicabango yomuntu. Kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube namuhla, akekho oseke wathola “izwekazi elisha” ezintweni engizenzayo, akekho oseke waqonda imithetho engenza ngayo izinto, akekho oseke wavula indlela entsha yokuphuma. Kanjalo, namuhla, abantu abakakwazi ukungena endleleni eyiyo—okuyiyona nto abayintulayo ngempela, nokumele bangene kuyo. Kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube namuhla, angikaze ngaphambilini ngaiwenze umsebenzi onjena, ngifake nje izingcezu ezintsha emsebenzini waMi ezinsukwini zokugcina. Kodwa ngisho nangaphansi kwalezo zimo ezibonakalayo, abantu abakakwazi ukuqonda intando yaMi—ngabe lokhu akukhona kanye lokhu abakuntulayo?

Emva kokuthi ngingene emsebenzini omusha, nginezidingo ezintsha zomuntu. Kumuntu kube sengathi izidingo zangesikhathi esedlule azizange zibe namthelela, yingakho ezikhohlwa. Yiziphi izindlela ezintsha engisebenza ngazo? Yini engiyifunayo kumuntu? Abantu ngokwabo bayakwazi ukulinganisa ukuthi lokhu abakwenzile ngesikhathi esedlule kwakuhambisana yini nentando yaMi, ukuthi izenzo zabo zazihambisana yini nalokhu engangikufuna kubo. Asikho isidingo sokuthi ngihlole into ngayinye; bayakuqonda ukukhula kwabo, ngakho-ke ezingqondweni zabo, bayazi ukuthi bangenza bafike kuphi, futhi asikho isidingo sokuthi ngibatshele ngokubacacisela. Uma ngikhuluma, hleze, abanye abantu bazokhubeka; ngalokho, sengiyakugwema ukukhuluma le ngxenye yamazwi aMi ukuze ngivimbele ukuthi abantu abe buthaka ngenxa yakho. Ngabe lokhu akuyona inzuzo enkulu ekuphishekeleni komuntu? Ngabe akuyona inzuzo enkulu enqubekeleni phambili yomuntu? Ubani ongafisi ukukhohlwa ngesikhathi esadlula, aqhubekele phambili? Ngenxa “yokungacabangi” kwaMi, angazi noma abantu bayaqonda ukuthi izindlela engikhuluma ngazo sezingene endaweni entsha. Phezu kwalokho, ngenxa yokuthi umsebenzi waMi “umatasa” kakhulu, angikasitholi isikhathi sokubuza ukuthi ngabe abantu bayasiqonda isimo sephimbo engikhuluma ngalo. Ngalokho, ngicela ukuthi abantu bangiqonde kakhudlwana. Ngenxa yokuthi umsebenzi waMi “umatasa”, kakhulu, angikwazi ukuvakashela izizinda zomsebenzi waMi ngokwaMi ukuqondisa abantu, ngakho-ke “ngibaqonda kancane”. Kafushane, nakuphi okunye, manje sengiqale ukuhola umuntu ukuze angene ngokusemthethweni esiqalweni esisha, nasendleleni entsha. Kuwo wonke amazwi aMi, abantu babonile ukuthi kukhona ukuhlekisa, amancoko, futhi kukhona iphimbo eliphezulu lokubhinqa kulokhu engikushoyo. Ngalokho, ukuzwana phakathi komuntu Nami kuphazamisekile ngokungazi, okwenza ukuthi kube nefu elemboze ubuso babantu. Kodwa-ke, lokhu akungithiyi, kodwa ngiyaqhubeka nomsebenzi waMi, ngoba konke lokhu engikushoyo nengikwenzayo kuyingxenye edingekayo yohlelo lwaMi, konke lokhu okukhulunywe kuphuma emlonyeni waMi kusiza umuntu, futhi ayikho into engiyenzayo engabalulekile, kodwa konke kuwusizo kubantu. Kungenxa yokuntula komuntu ukuthi ngikhululeke ngiqhubeke nokukhuluma. Abanye abantu, hleze, balindele Mina kakhulu ukuthi ngibenzele izidingo ezintsha. Uma kunjalo, kusho ukuthi ngiyazenelisa izidingo zabo. Kodwa kunento eyodwa okufanele nginikhumbuze yona: Uma ngikhuluma, ngisuke nginethemba lokuthi abantu bazothola ulwazi oluthe xaxa, ngibe nethemba lokuthi bazokwazi ukuhlola kahle ukuze bakwazi ukuzuza okuningi emazwini aMi bese bekwazi ukugcwalisa izidingo zaMi. Kuqala, emabandleni, abantu babegxile ekubhekanweni nabo nasekwephulweni. Ukudla nokuphuza amazwi aMi kwakuyisisekelo sokuqonda izinhloso nomthombo wabo—kodwa namuhla akufani nasesikhathini esedlule, abantu abakwazi nhlobo ukuqonda umthombo wamazwi aMi ngalokho abakwazi ukuthi babhekane futhi baphulwe yiMi, ngoba bakhiphe onke amandla abo ekudleni nasekuphuzeni amazwi Ami nje. Kodwa ngisho ngaphansi kwalezi zimo, balokhu bengakwazi ukwanelisa izidingo zaMi, ngakho-ke ngibenzela izidingo ezintsha: Ngicela ukuthi bangene ezilingweni kanye naMi, ukuthi bangene kusolweni. Kodwa ake nginikhumbuze into eyodwa: Lokhu akusikho ukubulala umuntu, kodwa okudingwa umsebenzi waMi, ngoba esikhathini samanje, amazwi aMi awaqondakali kahle kumuntu, kanti nomuntu akakwazi ukusebenzisana naMi—ayikho into engenziwa! Kodwa ngingakwazi ukwenza umuntu angene endleleni entsha kanye naMi. Yini enye engenziwa? Ngenxa yokuntula komuntu, naMi kumele ngingene kulo mgudu okungena kuwo umuntu—ngabe angiyena yini lo ozophelelisela abantu? Angiyena lo owenze lolu hlelo? Yize lesi esinye isidingo singenzima, asikho ngaphansi kwalesi sokuqala. Umsebenzi waMi eqenjini labantu bezinsuku zokugcina uwumsebenzi ongakaze wenziwe, futhi kanjalo, ukuze inkazimulo yaMi igcwale umhlaba, bonke abantu kufanele bezwe ubunzima bokugcina ngenxa yaMi. Ngabe niyayiqonda intando yaMi? Lesi yisidingo sokugcina engisenza kumuntu, okungukuthi, ngethemba ukuthi bonke abantu bangaba nobufakazi obunqala nobuzwakalayo kiMi. ngaphambi kukadrako omkhulu obomvu, ukuthi bazinikele ngenxa yaMi okokugcina, bagcwalise izidingo zaMi okokugcina. Ningakwazi ngempela ukukwenza lokhu? Esikhathini esedlule nehlulekile ukwenelisa inhliziyo yaMi—ngabe ningakwazi ukunqamula eli phethini kulesi sigaba sokugcina? Nginikeza abantu ithuba lokuthi babheke izikhathi ezedlule, ngibanikeza isikhathi sokuthi bacabangisise ngaphambi kokuthi banginike impendulo—ngabe akulungile ukwenza lokhu? Ngilindela impendulo yomuntu, ngilindela “incwadi yakhe ephendulayo”—ngabe ninalo ukholo lokugcwalisa izidingo zaMi?

Mbasa 20, 1992

Okwedlule: Isahluko 33

Okulandelayo: Isahluko 35

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp