4. Ukuhlukanisa Phakathi Kwezindlela Zangempela Nezingamanga, Naphakathi Kwamabandla Angempela Nawamanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Imuphi umyalo oyisisekelo ngempela ekufuneni indlela yeqiniso? Kufanele nibheke ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele kule ndlela, ukuthi la mazwi ayiqiniso yini noma cha, ubani ongufakazi, nomphumela okungaba nawo kuwe. Ukuhlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga kudinga ulwazi oluningi oluyisisekelo, futhi okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngoba isiqu senkolelo yomuntu kuNkulunkulu siyinkolelo kaMoya oNgcwele. Ngisho nenkolelo kaNkulunkulu osesimweni somuntu ingenxa yokuthi inyama Yakhe iwumfuziselo kaMoya oNgcwele, okusho ukuthi leyo nkolelo isengekaMoya oNgcwele. Kunomehluko phakathi koMoya nenyama, kodwa ngenxa yokuthi le nyama ivela oMoyeni, futhi iZwi liphenduka inyama, ukholo lomuntu kuyo luseyisiqu sikaNkulunkulu. Ngakho ekwahlukaniseni ukuthi yindlela yeqiniso noma cha, kufanele nibheke ukuthi akuwona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele, ngemva kwalokho nibheke ukuthi likhona yini iqiniso kuleyo ndlela. Leli qiniso liyisimo sokuphila ebuntwini obujwayelekile, okusho ukuthi, yilokho okwakudingeka kumuntu ngesikhathi edalwa uNkulunkulu, konke okobuntu obujwayelekile (okuhlanganisa ingqondo, ukuqonda, ukuhlakanipha, nolwazi oluyisisekelo lokuba umuntu). Lokho kusho ukuthi, kudingeka ubheke ukuthi le ndlela ingamngenisa yini umuntu ekuphileni kobuntu obujwayelekile noma cha, nokuthi iqiniso okukhulunywa ngalo liyadingeka ngokoqobo lobuntu obujwayelekile, ukuthi leli qiniso lingenzeka futhi ngelangempela, noma lihambisana nesikhathi noma cha. Uma kuneqiniso, khona-ke kungenzeka ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile; ngaphezu kwalokho, umuntu oba ojwayelekile nakakhulu, ingqondo yomuntu iyaphelela nakakhulu, ukuphila komuntu enyameni nasemoyeni kuyahleleka, futhi imizwa yomuntu iba ejwayelekile. Lona umyalo wesibili. Kunomunye futhi umyalo, wokuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu unolwazi oluningi yini ngoNkulunkulu, ukuthi uyawubona yini umsebenzi onjalo, nokuthi iqiniso liyakugqugquzela yini ukuthanda uNkulunkulu kuye, kumsondeze kakhudlwana kuNkulunkulu. Kulokhu kungalinganiswa ukuthi le ndlela yindlela yeqiniso yini noma cha. Into ebaluleke kakhulu ukuthi le ndlela inengqondo yini, nokuthi iyamnika yini umuntu ukuphila. Uma ivumelana nale miyalo, kungafinyelelwa esiphethweni sokuthi lena indlela yeqiniso. La mazwi angiwasho ngoba ngifuna namukele ezinye izindlela ezintweni enibhekana nazo kusasa, nangenhloso yokuqagela ukuthi kuyoba nomsebenzi esikhathini esizayo. Ngiwasho ukuze niqiniseke ngokuthi indlela yanamuhla ngeyeqiniso, ukuze ningayingabazi inkolelo yenu ngomsebenzi wanamuhla futhi ningahluleki ukuyiqonda. Kunabaningi futhi, okuthi ngaphandle kokuqiniseka, balandele imbudane; into engenawo umyalo, futhi kumele baqothulwe kungekudala. Ngisho nalabo abaphikelelayo endleleni abayilandelayo ngokwezinga elithile abaqiniseki, okutshengisa ukuthi abanasisekelo. Ngoba ubuqotho bakho buyantula futhi isisekelo sakho siyize, awuwuqondi umehluko. UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi Wakhe, akawenzi umsebenzi ongenangqondo, akazenzi izimfuneko eziyihaba ngomuntu, akawenzi umsebenzi ongaphezu komqondo womuntu. Wonke umsebenzi awenzayo awukho ngaphezu komqondo womuntu, awubudluli ubuntu obujwayelekile, futhi umsebenzi Wakhe uvumelana nezimfuneko zomuntu. Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu uba ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Abantu bazuza ulwazi olukhulayo ngesimo sabo esonakele esinobusathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso. Lokho kusho ukuthi, ukuphila komuntu kuyakhula, futhi isimo esonakele somuntu sibhekana nezinguquko eziningi—konke lokho kuyincazelo kaNkulunkulu eba ukuphila komuntu. Uma indlela ingakwazi ukwambula lezo zinto eziyisiqu somuntu, ayikwazi ukushintsha isimo somuntu, futhi ayikwazi ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu noma ukumnika ukuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu, ngisho nokwehlisa ubuntu bomuntu nokuphakamisa umqondo wakhe, khona-ke leyo ngeke kube indlela yeqiniso, kunalokho ingaba umsebenzi womoya omubi, noma indlela endala. Ngamafuphi, ayikwazi ukuba umsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Esigabeni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu kukhona izidingo zomuntu ezihambisana nawo. Bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele baphethwe ubukhona kanye nokuqondisa kukaMoya oNgcwele, futhi labo abangekho ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele bangaphansi kokulawula kukaSathane, futhi abanawo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abasemgudwini kaMoya oNgcwele yilabo abamukela umsebenzi omusha kaNkulunkulu, labo ababambisanayo emsebenzini kaNkulunkulu omusha. Uma labo abangaphakathi kwale ndlela behlukeka ukwenza iqiniso elidingwa uNkulunkulu ngalesi sikhathi, bazoqondiswa izigwegwe, futhi okubi kakhulu ukuthi bazolahlwa uMoya oNgcwele. Labo abamukela umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, bazophila ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele, bamukela ukunakekelwa nokuvikelwa uMoya oNgcwele. Labo abazimisele ngokwenza iqiniso bakhanyiselwa uMoya oNgcwele, futhi labo abangazimisele ngokwenza iqiniso bayaqondiswa uMoya oNgcwele, futhi bangaze bajeziswe. Ngisho noma umuntu unjani, kuncike ekutheni basemgudwini kaMoya oNgcwele, uNkulunkulu uzothwala ijoka labo bonke abamukela umsebenzi Wakhe omusha ngenxa yegama Lakhe. Labo abadumisa igama Lakhe futhi abazimisele ngokwenza amazwi Akhe bazokwamukela izibusiso Zakhe; labo abangamlaleli futhi abangawenzi amazwi Akhe bazokwamukela ukujeziswa Nguye. Abantu abasemgudwini kaMoya oNgcwele yilabo abamukela umsebenzi omusha, futhi njengoba bamukela umsebenzi omusha, kumele basebenzisane noNkulunkluu ngokufanele, futhi kumele bangaziphathisi okwabahlubuki abangawenzi umsebenzi wabo. Yilokhu kuphela okudingwa uNkulunkulu kumuntu. Akunjalo kubantu abangawamukeli umsebenzi omusha: Bangaphandle komgudu koMoya oNgcwele, futhi ukuqondiswa kanye nokukhalinywa uMoya oNgcwele akusebenzi kubo. Usuku lonke, laba bantu baphila enyameni, baphila phakathi kwemiqondo yabo, futhi abakwenzayo nje kususelwa ezifundisweni ezivela ngokucubungula nocwaningo lwemiqondo yabo. Akukhona lokho okudingwa umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, kube kungahambisani noNkulunkulu. Labo abangawamukeli umsebenzi kaNkulunkulu bancishiwe ubukhona bukaNkulunkulu, futhi, phezu kwalokho, bantula izibusiso nokuvikelwa uNkulunkulu. Amazwi abo amaningi kanye nezenzo kubamele ezidingweni zomsebenzi kaMoya oNgcwele; futhi kuyimfundiso, akulona iqiniso. Izimfundiso ezinje kanye nemithetho kwanele ukuba kufakazele ukuthi ukuhlangana kwalaba bantu kuyinkolo nje kuphela; akukhona okukhethiwe, noma injongo yomsebenzi kaNkulukulu. Ukuhlangana kwabo bonke labo abaphakathi kwabo kungabizwa ngokuthi ukuhlanganyela kwezenkolo kuphela, futhi kungebizwe ngokuthi ibandla. Lokhu kuyiqiniso elingaguquleki. Abanawo umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele; abakwenzayo kubukeka kunephunga lenkolo, abakuphilayo kugcwele inkolo; abanabo ubukhona kanye nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kanti abafanelekile nawukuqondiswa nokukhanyiswa uMoya oNgcwele. Laba bantu bayizidumbu ezingenampilo, futhi bayizimpethu ezingenamoya. Abanalwazi ngokuhlubuka nokuphikisa komuntu, abanalwazi ngezenzo ezimbi zonke zomuntu, bebe bengenalwazi nhlobo ngomsebenzi kaNkulunkulu kanye nentando kaNkulunkulu yamanje. Bonke abanalwazi, abantukazana, bawudoti ongafanele ukubizwa ngabantu abakholwayo! Akukho abakwenzayo okunegalelo ekuphatheni kukaNkulunkulu, kube kungelungise uhlelo lukaNkulunkulu. Amazwi abo kanye nezenzo kunyanyisa kakhulu, kuyadina, futhi akufanelekanga nawukuthi kuze kubalwe. Akukho okwenziwa yilabo abangekho emgudwini kaMoya ONgcwele abahlangene nomsebenzi omusha kaMoya oNgcwele. Ngenxa yalokhu, noma bengaba kuphi, abaqondiswanga uMoya oNgcwele, futhi, phezu kwakho konke, ngaphandle abakhanyiselwanga uMoya oNgcwele. Ngoba bonke bangabantu abangenalo uthando lweqiniso, futhi bayazondwa futhi bachithwe uMoya oNgcwele. Babizwa ngokuthi bangabenzi bobubi ngoba baphila enyameni, futhi benza noma yini ebathokozisayo ngaphansi kwegama likaNkulunkulu. Ngenkathi uNkulunkulu esebenza, abazisondezi Kuye ngamabomu, futhi bagijimela kwelinye icala elingahambisani Naye. Ukwehluleka komuntu ukusebenzisana noNkulunkulu kuwukuhlubuka kuNkulunkulu okukhulu ngokwakho, ngakho ngeke yini abaphikisana noNkulunkulu ngamabomu nakanjani bathole impindiselo ebafanele?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izingcaphuno Zezintshumayelo Nokuhlanganyela Okungabhekiswa Kuzo:

Uma wonke umphakathi wezenkolo ungenayo inzondo futhi ungaphikisani nayo, khona-ke le bekungeke kube indlela yangempela. Khumbula: Indlela yangempela kufanele iphikiswe abantu abaningi, ngisho umhlaba wonke. Ngenkathi iNkosi uJesu ifika okokuqala izosebenza futhi izoshumayela, ingabe amaJuda wonke awazange ayiphikise na? Njalo lapho uNkulunkulu eqala umsebenzi omusha, isintu esonakele siba nobunzima ukuba siwamukele, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uphikisana futhi uphambene nemicabango yabantu; abantu abanalo ikhono lokuqonda, futhi abakwazi ukungena endaweni yokomoya, futhi ukube bekungeve kungenxa yomsebenzi kaMoya oNgcwele, bebengeke bakwazi ukwamukela indlela yangempela. Uma kukholakala ukuthi ngumsebenzi kaNkulunkulu, kodwa kungaphikiswa umphakathi wezenkolo, futhi kungenakho ukuphikiswa nokuzonda yizwe, khona-ke lokhu kufakazela ukuthi lo msebenzi kaNkulunkulu ungamanga. Kungani isintu singenakukwazi ukwamukela iqiniso? Okokuqala, umuntu ungowenyama, futhi ubunjiwe. Izinto ezingokwenyama azikwazi ukungena endaweni yokomoya. Kusho ukuthini “ukungakwazi ukungena endaweni yokomoya”? Kusho ukungakwazi ukubona imimoya, imisebenzi yemimoya kanye nombuso wokomoya, ukungakwazi ukubona lokho uNkulunkulu akwenzayo nakushoyo. Abantu baba yizimpumputhe endaweni yokomoya. Uma uvala amehlo akho ezweni lenyama, awuboni lutho. Uma uwavula, yini oyibonayo? Izwe lenyama. Uyakwazi ukubona ukuthi yimuphi umoya owenza muphi umsebenzi kubantu? Uyakwazi ukubona ukuthi yini uMoya kaNkulunkulu ozele ukuyenza nokuyisho? Ngeke ukwazi. Ngezinye izikhathi ungase uzwe iphimbo Lakhe, futhi ufunde amazwi kaNkulunkulu elotshwe encwadini, kodwa nalapho awazi ukuthi uNkulunkulu wawakhuluma kanjani noma nini lawa mazwi. Ungalizwa iphimbo Lakhe, kodwa awazi ukuthi livelaphi; ubona amazwi kaNkulunkulu ebhalwe ekhasini, kodwa awazi ukuthi asho ukuthini. Abantu abakwazi ukungena endaweni yokomoya, noma baqonde umthombo wamazwi kaNkulunkulu, ngakho-ke badinga ukukhanyiselwa nokucacisa kukaMoya oNgcwele, nomsebenzi kaMoya oNgcwele, ukuze bafeze imiphumela. Okwesibili, isintu sikhohlakaliswe ngokujulile, futhi ingaphakathi lakhe seligcwaliswe ubuthi obunhlobonhlobo bukaSathane kanjalo nolwazi olunhlobonhlobo; uma ehlola yonke into esebenzisa amafilosofi nemicabango ehlukahlukene enobusathane, lapho-ke akasoze akwazi ukuthola ukuthi iqiniso liyini. Ngaphandle kokukhanyisela nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele, umuntu esikhohlakele ngokwemvelo akunakwenzeka sikwazi ukungena ezweni lokomoya. Usegcwaliswe amafilosofi nolwazi lukaSathane, futhi akakwazi ukuhlonza iqiniso. Futhi ngaleyo ndlela indlela yangempela ngokuqinisekile ingaphansi kokushushiswa nokulahlwa umuntu. Kungani kulula kubantu ukwamukela ulwazi namafilosofi kaSathane? Okokuqala, kuhambisana nemicabango yabo kanye nezintshisekelo zabo zenyama, futhi kunenzuzo enyameni yabo. Bathi phakathi kwabo, “Ukwamukela ulwazi olunjengalokhu kuyangisiza: Kuzongithuthukisa, kuzongenza ngiphumelele, futhi kungivumele ukuba ngifeze izinto. Ngolwazi olunjengalolu bantu bazobukela kimina.” Qaphela ukuthi lokho okuzuzisa abantu kuhambisana kanjani nemibono yabo. … Njengoba sebekhohlakaliswe kangaka, futhi bengakwazi ukungena ezweni lokomoya, abantu into abakwazi ukuyenza ukumelana noNkulunkulu kuphela, ngakho-ke ukufika komsebenzi kaNkulunkulu kuye kuhlangane nokwenqatshwa, ukuphikiswa, nokulahlwa ngumuntu. Ingabe lokhu akufanele ngabe bekulindeleke? Ukube ukufika komsebenzi kaNkulunkulu akuzange kuhlangabezane nokujivazwa nokuphikiswa yizwe nesintu, khona-ke lokhu bekuzofakazela ukuthi akukona iqiniso. Ukube konke okwakhulunywa nguNkulunkulu bekuhambisana nemicabango yabantu, ingabe bebengakulahla? Ingabe bebeyokuphikisa? Ngeke neze.

kuvela encwadini ethi Ukuhlanganyela Okuvela Kongaphezulu

Ibandla lakhiwe yilabo abamiselwe ngaphambili ngokweqiniso futhi bakhethwa nguNkulunkulu—lenziwe yilabo abathanda iqiniso, abafuna iqiniso, futhi abanomsebenzi woMoya oNgcwele. Kulapho kuphela lapho laba bantu behlangana ukuze badle futhi baphuze izwi likaNkulunkulu, baphile impilo yebandla, bajabulele umsebenzi kaNkulunkulu, futhi benze umsebenzi wabo njengezidalwa zikaNkulunkulu lapho kungaba khona yibandla. Uma isixuku sithi ngempela siyakholwa kuNkulunkulu, kodwa asithandi noma asifuni iqiniso, futhi singenawo umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi senza imikhosi yezenkolo, sithandaza, futhi sifunda amazwi kaNkulunkulu, leso sixuku asilona ibandla. Ngokuqondile nje, amabandla angenawo umsebenzi woMoya oNgcwele awawona amabandla; ayizindawo zezenkolo kuphela nabantu abenza imikhosi yezenkolo. Akubona abantu abalalela uNkulunkulu ngokweqiniso futhi bahlangabezane nomsebenzi kaNkulunkulu. …

…………

… Ibandla liwumbuthano wabantu abakholwa kuNkulunkulu ngokwangempela futhi bafune iqiniso, futhi alinabo neze ababi—ababona abasebandleni. Uma iqembu labantu abangazange bafune iqiniso futhi abangenzanga lutho ukusebenzisa iqiniso behlangane ndawonye, ngabe lokhu kungaba yibandla? Kungaba yini? Kungaba yindawo yezenkolo, noma isixuku. Ibandla kufanele lakhiwe ngabantu abakholwa kuNkulunkulu ngokwangempela futhi bafune iqiniso, abadla futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu, futhi bakhonze uNkulunkulu, benze umsebenzi wabo, bathole umsebenzi kaNkulunkulu futhi bezwe umsebenzi woMoya oNgcwele. Yileli kuphela ibandla. Ngakho-ke, uma uhlaziya ibandla, kufanele uqale ubheke uhlobo lwabantu olukhona. Okwesibili, kufanele ubheke ukuthi ingabe banawo noma cha umsebenzi woMoya oNgcwele; uma ukuhlangana kwabo kungenawo umsebenzi woMoya oNgcwele, akulona ibandla, futhi uma kungekhona ukubuthana kwalabo abafuna iqiniso, khona-ke akulona ibandla. Uma ibandla lingenamuntu ofuna iqiniso ngokwangempela, futhi lingenawo nhlobo umsebenzi woMoya oNgcwele, khona-ke uma kukhona kulo umuntu ozimisele ukufuna iqiniso, futhi aqhubeke ahlale ebandleni elinjalo, lowo muntu angasindiswa? Ngeke akwazi, futhi kufanele basishiye leso sixuku bese efuna ibandla ngokushesha okunokwenzeka. Uma, ngaphakathi ebandleni, kunabantu abathathu noma abahlanu abafuna iqiniso, nabantu abangama-30 noma abangama-50 abayisixuku nje, khona-ke labo bantu abathathu noma abahlanu abakholwa ngokweqiniso kuNkulunkulu futhi abafuna iqiniso kufanele bahlangane; uma behlangana ndawonye ukuhlangana kwabo kusengabizwa ngebandla, ibandla elinamalungu ambalwa, kodwa elihlanzekile.

Kuvela “Kubalulekile Ukusebenza Ngokuhambisana Nezimiselo Eziyisihlanu Zomsebenzi Webandla” encwadini ethi Izintshumayelo Nokuhlanganyela VII

Lokhu kungenxa yokuthi abaholi bawo kanye nabefundisi abakapheleliswa futhi bakhiwe nguMoya oNgcwele ngenkathi bebona umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa esikhundleni salokho baba ngabaholi nabefundisi emphakathini wezenkolo ngemva kokuphothula izifundo zabo ezikoleni bathola iziqu zemfundo. Abanawo umsebenzi nokuqinisekiswa koMoya oNgcwele, abanalo noluncane ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, futhi imilomo yabo ayikwazi ukukhuluma lutho ngaphandle kolwazi lwezenkolo nemfundiso. Empeleni abakahlangabezani nalutho. Abantu abanjalo abafanelekile neze ukusetshenziswa uNkulunkulu; bangamholela kanjani umuntu phambi kukaNkulunkulu? Baphakamisa ngokuzikhukhumeza ukufunda kwabo njengobufakazi bokufaneleka kwabo, benza konke okusemandleni ukugabisa ngolwazi lwabo lweBhayibheli, banokuzikhukhumeza okungabekezeleleki—futhi ngenxa yalokhu, bayalahlwa nguNkulunkulu, bayenyanywa nguNkulunkulu, futhi balahlekelwe umsebenzi woMoya oNgcwele. Kulokhu akukho kungabaza. Ukuthi kungani umphakathi wezenkolo sewuphenduke isitha sikaKristu esiyingozi ngumbuzo olukhuni kakhulu. Yini ebonisa ukuthi, ngeNkathi Yomusa, inkolo yobuJuda yambethela esiphambanweni uJesu Kristu? NgeNkathi Yombuso wezinsuku zokugcina, umphakathi wenkolo ubumbene futhi wanikela wonke amandla wawo ekuphikiseni nasekwahluleleni umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, uyaphika futhi uyamlahla uKristu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, uqambele amahemuhemu anhlobonhlobo, futhi wahlasela, wahlekisa futhi wahlambalaza uNkulunkulu ozelwe enyameni kanye nebandla likaNkulunkulu, futhi kade wabethela uJesu obuyile, uKristu wezinsuku zokugcina, esiphambanweni. Lokhu kufakazela ukuthi umphakathi wezenkolo kade waguquka waba ngamabutho kaSathane aphikisa navukela uNkulunkulu. Umphakathi wezenkolo awulawulwa nguNkulunkulu, angisayiphathi eyokubuswa yiqiniso; ulawulwa ngokuphelele ngabantu abakhohlakele, futhi ngaphezu kwalokho, ngomphikukristu.

Lapho abantu bekholwa kuNkulunkulu endaweni yezenkolo enjengale—engekaSathane futhi ebuswa iphinde ilawulwe amadimoni nomphikukristu—bayokwazi kuphela ukuqonda izimfundiso zenkolo, bangakwazi kuphela ukulandela imikhosi yezenkolo kanye nezimiso zakhona, futhi abasoze baliqonda iqiniso, abasoze bezwa umsebenzi kaNkulunkulu, futhi abakwazi ngokuphelele ukusindiswa. Lokhu kuyisiqiniseko. Ngoba akukho lutho olungumsebenzi woMoya oNgcwele ezindaweni zezenkolo, futhi ziyizindawo ezimenyanyisayo uNkulunkulu, ezizondwayo nguNkulunkulu, futhi zilahlwe zaqalekiswa Nguye. UNkulunkulu akakaze akhombise ukuyazisa inkolo, engakaze futhi ayituse, futhi kusukela esikhathini sikaJesu umphakathi wenkolo walahlwa nguNkulunkulu. Ngakho-ke, uma ukholwa kuNkulunkulu kufanele uthole izindawo eziqukethe uMoya oNgcwele; yilawo kuphela amabandla eqiniso, futhi yisemabandleni eqiniso kuphela lapho uzokwazi ukuzwa iphimbo likaNkulunkulu, futhi uthole izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu. Leyo yindlela uNkulunkulu afunwa ngayo.

kuvela encwadini ethi Ukuhlanganyela Okuvela Kongaphezulu

Okwedlule: 3. Ukuhlukanisa Phakathi KukaKristu Wangempela NoKristu Bamanga

Okulandelayo: 5. Umehluko Phakathi Kokulandela UNkulunkulu Nokulandela Abantu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp