1. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Nowomuntu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo ubandakanya umsebenzi wabo bonke abantu, futhi uphinde umele umsebenzi waso sonke isikhathi somlando. Lokhu kusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu uwodwa umela ukunyakaza nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kuyilapho umsebenzi wabaphostoli ulandela umsebenzi kaNkulunkulu futhi awusiholi isikhathi somlando, futhi awumeli izinkambiso zomsebenzi kaMoya oNgcwele kuso sonke isikhathi somlando. Benza umsebenzi okumele wenziwe ngabantu kuphela, okungabandakanyi umsebenzi wokuqondisa. Umsebenzi kaNkulunkulu uwumsebenzi oyingxenye yomsebenzi wokuqondisa. Umsebenzi womuntu nguwo kuphela umsebenzi womuntu osetshenziswayo futhi ongahlangene nhlobo nomsebenzi wokuqondisa. Ngenxa yokwahlukana kwezinhlobo kanye nokumelwa komsebenzi, yize empeleni konke kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele kunomehluko ocacile nomkhulu phakathi komsebenzi kaNkulunkulu uqobo kanye nomsebenzi womuntu. Ngaphezu kwalokho, ububanzi bomsebenzi owenziwa nguMoya oNgcwele kubantu abahlukene uyehlukahluka. Le yimiyalo kanye nomthamo womsebenzi kaMoya oNgcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Wonke umsebenzi uNkulunkulu uqobo awenzayo ungumsebenzi azimisele ngokuwenza ngohlelo Lwakhe lokuphatha futhi uqondiswe ekuphatheni okukhulu. Umsebenzi owenziwe ngumuntu uqukethe ukunikeza lokho umuntu ahlangane nakho empilweni. Uthola indlela entsha yokwenza izinto kulena eyahanjwa abamandulelayo futhi iholela abafowabo nodadewabo ngaphansi kokuqondisa kukaMoya oNgcwele. Into enikezwa yilaba bantu yinto abayaziyo noma imibhalo yoomoya yabantu bomoya. Nakuba besetshenziswe uMoya oNgcwele, umsebenzi walabo bantu awufiki nakufika emsebenzini omkhulu wokuphatha wohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Bamane nje baphakanyiswe nguMoya oNgcwele ngezikhathi ezehlukene ukuze bahole abantu endleleni kaMoya oNgcwele baze bafeze umsebenzi wabo noma baze bafe. Umsebenzi abawenzayo ungowokulungisa kuphela indlela efanele kaNkulunkulu uqobo noma ukuqhuba okukodwa ekuphatheni kukaNkulunkulu uqobo emhlabeni. Abantu abanjalo abakwazi ukwenza umsebenzi ophakeme ngaphansi kokuphatha Kwakhe, futhi abakwazi ukusungula izindlela ezintsha futhi kukancane ukuba baphethe wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenkathi edlule. Ngakho, umsebenzi abawenzayo umela kuphela isidalwa esenza umsebenzi waso, ngeke umele uNkulunkulu uqobo enza inkonzo Yakhe. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi abawenzayo awufani nalowo owenziwa uNkulunkulu uqobo. Umsebenzi wokungenisa inkathi entsha awukwazi ukwenziwa ngumuntu endaweni kaNkulunkulu. Awukwazi ukwenziwa yinoma ngubani ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo. Wonke umsebenzi ongenziwa ngumuntu uwukwenza umsebenzi njengomunye wezidalwa futhi wenziwa ngokuholwa noma ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ukuqondiswa okunikezwa abantu abanjalo yindlela yokuphila kwansuku zonke nokuthi umuntu wenza kanjani ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Umsebenzi womuntu awubandakanyi nokukodwa phakathi kokuphatha kukaNkulunkulu noma ukumela umsebenzi woMoya. Ukwenza isibonelo, umsebenzi kaWitness Lee noWatchman Nee wawungowokuhola. Noma kwakuyindlela endala noma entsha umsebenzi wawenzelwa esisekelweni sokungeqi izimiso zeBhayibheli. Noma amabandla aseduze ayevuselelwa noma akhiwa, umsebenzi wabo kwakungowokuphemba amabandla. Umsebenzi ababewenza kwakungowokuqhuba umsebenzi uJesu nabafundi bakhe ababengawuqedanga noma ababengawukhulisanga eNkathini Yomusa. Ababekwenza emsebenzini wabo kwakuwukuvuselela lokho uJesu owayekucele emsebenzini Wakhe wezizukulwane zangemuva Kwakhe, njengokwemboza amakhanda abo, umbhapathizo, ukuhlephula isinkwa noma ukuphuza iwayini. Kungashiwo ukuthi umsebenzi wabo kwakuwukulandela kuphela iBhayibheli nokufuna izindlela ngaphakathi kweBhayibheli kuphela. Abazange neze benze inqubekela phambili entsha. Ngakho umuntu angabona kuphela emsebenzini wabo ukutholakala kwezindlela ezintsha eBhayibhelini, kanye nezindlela zokuphila ezingcono nezingokoqobo. Kodwa umuntu akakwazi ukuthola emsebenzini wabo intando yamanje kaNkulunkulu, kube kuncane nakakhulu ukuthola umsebenzi omusha uNkulunkulu azowenza ezinsukwini zokugcina. Lokhu kungenxa yokuthi indlela ababeyihamba kwakusengeyakudala; kwakungenanqubekela phambili futhi kungekho lutho olusha. Baqhubeka nokugcina iqiniso “lokubethelwa kukaJesu,” liyindlela “yokucela ukuba abantu baphenduke futhi bavume izono zabo,” isisho esithi “lowo obekezela kuze kube sekugcineni uyosindiswa,” nesisho esithi “indoda iyinhloko yomfazi, futhi umfazi kufanele alalele indoda yakhe.” Phezu kwalokho, bagcina umbono wesiko othi “odadewethu abakwazi ukushumayela, bangalalela kuphela.” Uma ubuholi obunjalo babuqhubeka, uMoya oNgcwele wawungeke ukwazi ukwenza umsebenzi omusha, ukhulule abantu emfundisweni, noma uholele abantu endaweni yenkululeko nobuhle. Ngakho-ke, lesi sigaba somsebenzi sokuguquka kwezinkathi kufanele senziwe futhi sikhulunywe nguNkulunkulu uqobo, uma kungenjalo akekho umuntu ongenza lokho egameni Lakhe. Kuze kube manje wonke umsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphandle kwalo mgudu usamile ngqi, nalabo ababesetshenziswa nguMoya oNgcwele basalahlekile. Ngakho, ngenxa yokuthi umsebenzi womuntu osetshenziswa uMoya oNgcwele awufani nomsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ubunjalo babo nokuthi nokuthi basebenza egameni likabani, nakho kuhlukile. Lokhu kwenziwa ukuthi umsebenzi uMoya oNgcwele ohlose ukuwenza wehlukile, ngalokho unikeza iziqu nezikhundla ezingefani kubo bonke abasebenzayo. Abantu abasetshenziswa uMoya oNgcwele bangase bayenze eminye imisebenzi emisha futhi bangase basuse eminye imisebenzi eyenziwa enkathini yaphambili, kodwa umsebenzi wabo awukwazi ukuveza isimo nentando kaNkulunkulu enkathini entsha. Basebenzela kuphela ukuthatha umsebenzi wenkathi edlule, hhayi ukwenza umsebenzi wenkathi entsha ukuze basimelele ngokuqondile isimo sikaNkulunkulu uqobo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi mingaki imikhuba esiphelelwe yisikhathi abayiqedayo noma emisha abayethulayo basamelela abantu nezinto ezidaliwe. Lapho uNkulunkulu uqobo enza umsebenzi, kodwa, akamane nje esidlangalaleni amemezele ukuphela kwemikhuba yenkathi endala noma amemezele ngokuqondile isiqalo senkathi entsha. Uyaqonda acace emsebenzini Wakhe. Uyaqonda lapho enza umsebenzi awuhlosile; okungukuthi, ukuveza ngqo lokho asuke ekwenzile, uwenza ngokuqondile umsebenzi njengoba ebehlosile ekuqaleni, aveze ubuyena kanye nesimo Sakhe. Njengoba umuntu ewubona, isimo Sakhe kanye nomsebenzi awenzayo akufani nokwangenkathi edlule. Nokho, ngokukaNkulunkulu uqobo, lokhu kuwukuqhubeka nje nokuthuthukisa umsebenzi Wakhe. Lapho uNkulunkulu uqobo esebenza, uwaveza wonke amazwi Akhe futhi alethe umsebenzi omusha. Ngokungafani noNkulunkulu, lapho umuntu esebenza, kungukuzindla nokufunda noma kungukuthuthukisa ulwazi lwakhe nangokuzijwayeza indlela ehlelekile yokwenza izinto okwakhelwe phezu kwesisekelo somsebenzi wabanye. Lokhu kusho ukuthi ingqikithi yomsebenzi owenziwa ngumuntu ukuqhuba isiko “nokuhamba ezindleleni ezindala ngezicathulo ezintsha.” Lokhu kusho ukuthi ngisho indlela ehanjwe ngabantu abasetshenziswa nguMoya oNgcwele yakhiwe phezu kwaleyo eyavulwa nguNkulunkulu uqobo. Ngakho umuntu empeleni ungumuntu, noNkulunkulu unguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini Yomusa, uJesu wakhuluma futhi wenza umsebenzi omkhulu. Wayehluke kangakanani kuno-Isaya? Wayehluke kangakanani noDaniyeli? Ngabe wayengumprofethi? Kungani kuthiwa unguKristu? Yini umehluko phakathi kwabo? Bonke babengamadoda ayekhulume amazwi, futhi amazwi abo ayefuna ukufana kumuntu. Bonke babekhuluma futhi benze umsebenzi. Abaprofethi bakwiTestamente Elidala baprofetha, futhi ngokufanayo, noJesu wayengakwazi ukwenza lokho. Kungani kunjalo? Umehluko lapha ususelwa kuhlobo lomsebenzi. Ukuze wahlukanise kulolu daba, akumele ubheke uhlobo lwenyama, noma ubheke ukujula noma ukungakholakali kwamazwi akhe. Kumele uqale ngokubheka umsebenzi wakhe kanye nomthelela womsebenzi wakhe onawo kumuntu. Iziphrofetho ezakhulunywa abaphrofethi ngaleso sikhathi azinikanga ukuphila komuntu, futhi imiyalezo eyatholwa yilabo abanjengo-Isaya noDaniyeli kwakuyiziphrofetho nje, kungasiyo indlela yokuphila. Uma kwakungeve kungenxa yesambulo sikaJehova, akekho umuntu owayengenza lowo msebenzi, ongeke wenziwe ngabantu. NoJesu wakhuluma kakhulu, kodwa lawo mazwi ayeyindlela yokuphila umuntu ayengathola indlela yokuphila ngawo. Lokhu kusho ukuthi, okokuqala, wayekwazi ukunika umuntu ukuphila, ngoba uJesu ungukuphila; okwesibili, wayekwazi ukubuyisela emuva ukuchezuka komuntu; okwesithathu, umsebenzi Wakhe walandela okaJehova ukuze kuqhubeke isikhathi; okwesine, wayekwazi ukuqonda izidingo zomuntu ngaphakathi futhi eqonda lokho okuntulwa umuntu; okwesihlanu, wayekwazi ukuholela esikhathini esisha futhi avale endala. Yingakho ebizwa ngoNkulunkulu noKristu; akungoba ehlukile kuno-Isaya kuphela kodwa wehlukile kunabo bonke abanye abaprofethi. Masibheke u-Isaya simqhathanise nomsebenzi wabaprofethi. Okokuqala, wayengakwazi ukunika umuntu ukuphila; okwesibili, wayengakwazi ukudlulisela umuntu esikhathini esisha. Wayesebenza ngaphansi kobuholi bukaJehova futhi wayengakwazi ukudlulisela umuntu esikhathini esisha. Okwesithathu, ayekhulume ngakho kwakungaphezu kokuqonda kwakhe. Wayethola izambulo ezazivela kuMoya kaNkulunkulu ngqo, futhi abanye babengaqondi, noma sebelalelile. Lezi zinto ezimbalwa zizodwa zazanele ukufakazela ukuthi amazwi akhe ayengasezona iziprofetho, engengaphezu komsebenzi owenziwa kuJehova. Nokho, wayehluleka ukumela uJehova ngokugcwele. Wayeyinceku kaJehova, ithuluzi lomsebenzi kaJehova. Wayenza umsebenzi ngeNkathi Yomthetho futhi enza umsebenzi kaJehova; akasebenzanga ngaphezu kweNkathi Yomthetho. Kwelinye icala, umsebenzi kaNkulunkulu wehluka. Wedlula umsebenzi kaJehova; Wasebenza njengoNkulunkulu osesimweni somuntu futhi wabethelwa ukuze ahlenge isintu sonke. Okusho ukuthi, wenza umsebenzi ongekho emsebenzini owenziwa uJehova. Lokhu kwaba ukudlulisela abantu esikhathini esisha. Esinye isimo ngesokuthi wayekwazi ukukhuluma lokho okwakungenziwe umuntu. Umsebenzi Wakhe wawungumsebenzi ophakathi kokuphatha kukaNkulunkulu futhi ubandakanya isintu sisonke. Wayengasebenzi kubantu abambalwa kuphela, kanjalo nomsebenzi Wakhe kwakungasikho ukuhola abantu abambalwa. Mayelana nokuthi uNkulunkulu waba sesimweni somuntu, nendlela uMoya ayeletha izambulo ngayo ngaleso sikhathi, nokuthi uMoya wawudlulela kanjani kumuntu ukuze wenze umsebenzi, lokhu kuwumsebenzi umuntu ayengenakuwubona noma awuthinte. Kunzima impela ukuthi la maqiniso asebenze njengobufakazi bokuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngakho, umehluko ungenziwa phakathi kwamazwi kanye nomsebenzi kaNkulunkulu, ongephatheke kumuntu. Yilokhu kuphela okungokwangempela. Imbangela yalokhu ukuthi izindaba zoMoya azibonakali kuwe futhi azaziwa ngokucacile uNkulunkulu Uqobo kuphela, futhi hhayi ngisho noNkulunkulu osesimweni somuntu ngokwenyama ukwazi konke; ungaqinisekisa kuphela ukuthi unguNkulunkulu ngomsebenzi awenzile. Ngomsebenzi Wakhe, kungabonakala ukuthi, kuqala, ukwazi ukuvula isikhathi esisha; okwesibili, ukwazi ukuhlinzeka ngokuphila kumuntu futhi akhombise umuntu indlela okumele ayilandele. Lokhu kwanele ukuze kubonakale ukuthi UnguNkulunkulu Uqobo. Okungenani, umsebenzi awenzayo ungamela uMoya kaNkulunkulu, futhi lowo msebenzi ungathathwa ngokuthi unguMoya kaNkulunkulu ongaphakathi Kwakhe. Njengoba umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu ungukudlulisela umuntu esikhathini esisha, ukuhola umsebenzi omusha, futhi uvule indawo entsha, le migomo embalwa iyodwa yanele ukuze kubonakale ukuthi unguNkulunkulu Uqobo. Ngakho lokhu kumenza ehluke kuno-Isaya, uDaniyeli, kanye nabanye abaphrofethi abakhulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kumele nazi indlela yokwahlukanisa phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi womuntu. Ungabonani emsebenzini womuntu? Kunezinto eziningi lokho umuntu ake ahlangabezana nakho ngaphambilini emsebenzini wakhe; lokhu okuvezwa umuntu yilokho ayikho. Umsebenzi kaNkulunkulu uqobo uphinde uveze lokho ayikho, kodwa lokho ayikho kwehlukile kunalokho umuntu ayikho. Lokho umuntu ayikho kumele lokho adlule kukho kanye nempilo (lokho umuntu adlula kukho noma abhekana nakho empilweni yakhe, noma izimfundiso zokuphila anazo), futhi abantu abaphila ezindaweni ezahlukene baveza izimo zabantu ezahlukene. Ukuthi ngabe unalo ulwazi ngalokho owake wabhekana nakho ngaphambilini okuphathelene nabantu okuthi uphila kanjani futhi ubhekana kanjani nomndeni wakho kungabonakala kulokho okubonakalisayo, kube ngeke uze ubone emsebenzini kaNkulunkulu esesimweni somuntu ukuthi ngabe Yena uke wabhekana nabantu yini. Wazi kahle kamhlophe ingqikithi yomuntu, angakwazi ukudalula zonke izinhlobo zemisebenzi ephathelene nezinhlobo zabantu. Uphuma phambili kakhulu ekudaluleli isimo sokukhohlakala somuntu kanye nokuziphatha kabi. Akaphili phakathi kwabantu abaphila impilo yasemhlabeni, kodwa wazi kahle ngesimo semvelo sabantu basemhlabeni kanye nayo yonke inkohlakalo yabantu abaphila impilo yasemhlabeni. Unjalo nje. Yize engabhekani nomhlaba, uyayazi imithetho yokubhekana nomhlaba, ngoba usiqonda kahle isimo somuntu. Unolwazi ngomsebenzi kaMoya ongeke ubonwe ngamehlo omuntu futhi ongeke kuzwiwe izindlebe zomuntu, namuhla kanye nangaphambilini. Lokhu kufaka phakathi ukuhlakanipha okungesiyo imfundiso yokuphila nezimangaliso okulukhuni kubantu ukuziqonda. Yingakho eyilokhu ayikho, kwenziwe kwavuleleka kubantu futhi kufihlakele kubantu. Lokho akuvezayo akusikho lokho umuntu onokwehlukile ayikho, kodwa yilokho okuyigalelo elitholakalayo kanye nesimo sikaMoya. Akahambi emhlabeni kodwa wazi konke okukuwo. Uxhumana “nezazi zomlando” ababengenalwazi noma ukukhanyiseleka, kodwa ukhipha amazwi aphakeme kunolwazi futhi angaphezu kwabantu abakhulu. Uphila phakathi kwabantu abandikindiki abangenabo ubuntu futhi abangaziqondi izivumelwano zabantu kanye nempilo, kodwa angacela isintu ukuthi siphile ngobuntu obujwayelekile, khona manjalo aveze isisekelo kanye nobuntu obuphansi besintu. Konke lokhu kuyilokho ayikho, kungaphezu kwalokho umuntu wenyama negazi ayikho. Kuye, asikho isidingo sokuthi ubhekane nempilo ethinta abantu exakile, nezima nengcolile ukuze wenze umsebenzi adinga ukuthi uwenza futhi udalula ingqikithi yenkohlakalo yesintu. Impilo yokuphila nabantu engcolile ayiyingcwelisi inyama. Umsebenzi kanye namazwi Akhe kudalula ukungalaleli komuntu futhi akuhlinzeki umuntu ngolwazi lwalokho ake abhekana nakho ngaphambilini kanye nezifundo zokubhekana nomhlaba. Akadingi ukwenza uphenyo ngomphakathi noma ngomndeni womuntu uma enika umuntu ukuphila. Ukudalula nokwahlulela umuntu akusikho ukuveza ulwazi Lwakhe ngalokho Ake abhekana nakho ngaphambilini enyameni Yakhe; kuwukudalula ukungalungi komuntu emuva kokwazi ukungalaleli komuntu kwesikhathi eside kanye nokubekezelela inkohlakalo yomuntu. Umsebenzi awenzayo ukudalula isimo Sakhe kubantu nokuveza ubuyena. Nguye kuphela ongenza lokhu, akusiyo into engenziwa umuntu wenyama negazi.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu awuvezi ulwazi analo ngalokho ake wahlangabezana nakho ngaphambili okuphathelene nenyama; umsebenzi owenziwa umuntu umela ulwazi umuntu analo ngalokho ake abhekana nakho ngaphambilini. Wonke umuntu ukhuluma ngalokho abhekane nakho. UNkulunkulu ukwazi ukuveza iqiniso ngokuqondile, kube umuntu uveza abhekane nakho okuhambisanayo emuva kokubhekana neqiniso. Umsebenzi kaNkulunkulu awunayo imithetho futhi awuncikanga esikhathini noma kuzingqinamba zendawo. Angaveza ayikho noma kunini, noma kukuphi. Usebenza ngendlela emthokozisayo. Umsebenzi womuntu unemigomo nengqikithi, kungenjalo, akakwazi ukusebenza futhi akakwazi ukuveza ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu noma indlela abhekane neqiniso ngayo. Okufanele ukwenze ukuqhathanisa umehluko phakathi kwakho ukuze ukwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma umsebenzi womuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze ahole inkathi kanye nokuqala umsebenzi omusha. Kumele niliqonde leli phuzu. Lokhu kuhluke kakhulu emsebenzini womuntu futhi lezi zinto zombili ngeke kukhulunywe ngazo ngesikhathi esisodwa. Umuntu udinga isikhathi eside ukuze akhuliswe futhi apheleliswe ngaphambi kokuba asetshenziselwe ukufeza umsebenzi futhi bukhulu kakhulu ubuntu obudingekayo. Akukhona kuphela ukuthi umuntu kufanele akwazi ukugcina lo mqondo ojwayelekile engqondweni yakhe kodwa kumele aqonde nezimo eziningi kanye nemithetho yokuziphatha phambi kwabanye, futhi ngaphezu kwalokho kumele afunde kakhulu ngokuhlakanipha nemithetho yabantu yokuphila. Yilokho umuntu okumele ahlonyiswe ngakho. Nokho, lokhu akunjalo kuNkulunkulu obe yinyama ngoba umsebenzi Wakhe awumeleli umuntu futhi akuwona owomuntu; kunalokho, uwukubonakalisa ngokuqondile kobuntu Bakhe nokuqalwa komsebenzi okufanele awenze. (Ngokusobala, umsebenzi Wakhe wenziwa uma sekufanele wenziwe hhayi noma nini nangokuthanda. Umsebenzi Wakhe uqalwa uma sekuyisikhathi sokuba kufezwe inkonzo Yakhe.) Akangeneli ezimpilweni zabantu noma enze umsebenzi wabantu, okuwukuthi, ubuntu Bakhe abunakho nokuncane lokhu (kodwa lokhu akuwuphazamisi umsebenzi Wakhe). Ufeza inkonzo Yakhe kuphela uma sekuyisikhathi sokuba enze kanjalo; kunoma yisiphi isiqu Sakhe, uvele aqhubeke nomsebenzi okufanele awenze. Noma yikuphi umuntu akwaziyo Ngaye noma akucabangayo Ngaye, umsebenzi Wakhe awuphazamiseki.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi womuntu unamazinga kanye nemikhawulo. Umuntu oyedwa ukwazi ukwenza umsebenzi wesigaba esithile kuphela futhi ngeke akwazi ukwenza umsebenzi wesikhathi sasendulo esithile—kungenjalo, uyoholela abantu emithethweni. Umsebenzi womuntu ungakwazi ukusebenza ngesikhathi noma ngesigaba esithile kuphela. Lokhu kwenziwa ukuthi ulwazi lomuntu ngalokho ake abhekana nakho luhleliwe. Umuntu angeqhathanise umsebenzi womuntu nomsebenzi kaNkulunkulu. Izindlela zomuntu zokuqhuba kanye nolwazi lwakhe lweqiniso konke kusebenza ohlelweni oluthile. Ungathi indlela ethathwa umuntu igcwele intando kaNkulunkulu, ngoba umuntu angakhanyiselwa uMoya oNgcwele kuphela futhi ngeke akwazi ukugcwaliswa uMoya oNgcwele ngokuphelele. Izinto umuntu angabhekana nazo zonke zingena ngaphansi kohlelo lobuntu obejwayelekile futhi zingedlule uhlelo lwemicabango esimweni somqondo somuntu esejwayelekile. Bonke labo abaphila ngeqiniso babhekana nempilo ngaleli zinga. Uma bebhekana neqiniso, kuhlala kuwukuveza ababhekane nakho empilweni ejwayelekile ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ukubhekana ngendlela echezuka empilweni yomuntu ejwayelekile. Babhekana neqiniso elikhanyiswe uMoya oNgcwele phansi kwesisekelo sokuphila impilo yabo yabantu. Phezu kwalokho, leli qiniso liyehlukahluka kumuntu nomuntu, futhi ukujula kwalo kuncike esimweni somuntu. Umuntu angathi indlela ahamba ngayo iyisimo sokuphila esejwayelekile sokuthi umuntu alandele iqiniso, futhi kuyindlela abantu abajwayelekile abahambe ngayo abanokukhanyiseleka kukaMoya oNgcwele. Ngeke uthi indlela abahamba ngayo yindlela kaMoya oNgcwele. Esimweni esejwayelekile umuntu abhekana naso, ngoba abantu abalandelelayo abafani, umsebenzi kaMoya oNgcwele nawo awufani. Phezu kwalokho, ngoba izimo ababhekana nazo kanye nezinhlobo zabahlangabezana nazo azifani, ngenxa yokuxubeka okusemiqondweni nasemicabangweni yabo, ababhekana nakho kuxutshwa ngokwahlukana. Umuntu ngamunye uqonda iqiniso ngokwesimo somuntu ngamunye. Ukuqonda kwabo kwencazelo yeqiniso akuphelele futhi kunye kuphela noma kuyizingxenyana zakho. Isimo umuntu abhekana neqiniso kuso sihlala sisuselwa ezimweni ezehlukene zomuntu futhi ngenxa yalokho azifani. Ngale ndlela, ulwazi oludlulisiwe lweqiniso elifanayo elivezwa abantu abahlukene alufani. Lokhu kusho ukuthi, lokho umuntu abhekana nakho kuhlala kunemikhawulo futhi ngeke kuze kuyiveze ngokugcwele intando kaMoya oNgcwele, futhi umsebenzi womuntu ngeke uze uthathwe ngokuthi ungumsebenzi kaNkulunkulu, ngisho noma okuvezwe ngumuntu kuhambisana ncamashi nentando kaNkulunkulu, ngisho noma lokho umuntu abhekane nakho kusondele kakhulu emsebenzini ongenasici owenziwa uMoya oNgcwele. Umuntu angaba yisisebenzi sikaNkulunkulu kuphela, enze umsebenzi uNkulunkulu amethembe ngawo. Umuntu angakwazi ukuveza ulwazi ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele kanye namaqiniso awathole ngadlule kukho. Umuntu akafanelekile futhi akanazo izimo ezivezwa uMoya oNgcwele. Akafanelekile ukuthi athi umsebenzi womuntu ungumsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu unemigomo yokusebenza, futhi bonke abantu babhekana nokwehlukene futhi banezimo ezahlukene. Umsebenzi womuntu ubandakanya konke adlule kukho ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele. Lokhu abhekane nakho kungamela umuntu futhi ngeke kumele ubuNkulunkulu noma intando kaMoya oNgcwele. Ngakho, inkambo yomuntu kungethiwe iyinkambo kaMoya oNgcwele ngoba umsebenzi womuntu awukwazi ukumela umsebenzi kaNkulunkulu futhi umsebenzi womuntu nalokho umuntu adlula kukho akusiyo intando kaMoya oNgcwele ephelele. Umsebenzi womuntu uvame ukuwela emthethweni, futhi indlela yomsebenzi wakhe ivaleleke ohlelweni olunomkhawulo futhi awukwazi ukuholela abantu endleleni ekhululekile. Abalandeli abaningi baphila ngaphansi kohlelo olunomkhawulo, futhi indlela yabo yokubhekana nezimo nayo ithiywa yilolu hlelo. Lokho umuntu abhekana nakho kuhlala kunomkhawulo; indlela yomsebenzi wakhe nayo incishishwa izinhlobo ezahlukene futhi ngeke iqhathaniswe nomsebenzi kaMoya oNgcwele noma umsebenzi kaNkulunkulu uqobo—lokhu kudalwa ukuthi lokho umuntu abhekana nakho, ekugcineni, kuba nomkhawulo. Nokho uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe, ongabekelwanga mithetho; nokho uyenziwa, awunamikhawulo yokuthi wenziwe ngendlela eyodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu awunayo nhlobo imithetho— wonke umsebenzi Wakhe ukhululiwe futhi umahhala. Ngisho noma umuntu angasebenzisa isikhathi esingakanani elandela Yena, ngeke aze akwazi ukufinyeza imithetho yezindlela asebenza ngazo. Yize umsebenzi Wakhe unemigomo, uhlala wenziwa ngezindlela ezintsha futhi uba nokusha okusunguliwe, okungaphezu kokufinyelela komuntu. Ngesikhathi esisodwa, uNkulunkulu angase abe nezinhlobo zomsebenzi eziningana kanye nezindlela ezehlukile zobuholi, okwenza abantu bahlale bengenisa okusha futhi benza ushintsho. Ngeke uze uthole imithetho emisha yomsebenzi Wakhe ngoba uhlala ekhanda izindlela ezintsha. Abalandeli baNkulunkulu bakwazi ukungena emithethweni ngale ndlela kuphela. Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo uhlala ugwema imizwa yabantu futhi uhlangabezana nemizwa yabo. Yilabo abamlandelayo kuphela futhi abalandela Yena abanenhliziyo yeqiniso kuphela abangakwazi ukuba nezimo eziguquliwe futhi abakwazi ukuphila ngokukhululeka ngaphandle kokuphoqeleleka ukulandela imithetho noma ukuthiywa yimibono yezenkolo. Okufunwa imisebenzi yabantu kubantu kususelwa kulokho adlule kukho kanye nalokho angafinyelela kukho ngokwakhe. Imigomo yalokhu okudingekayo inomkhawulo wohlelo oluthile, futhi izindlela zokuqhuba nazo zinomkhawulo omkhulu. Ngakho abalandeli benganakile baphile ngaphansi kwalolu hlelo; kuthi ngokuhamba kwesikhathi, kube yimithetho nezinqubo. Uma umsebenzi wesikhathi esithile uholwa umuntu ongakadluli esimweni sikaNkulunkulu uqobo futhi engakahlulelwa, bonke abalandeli bakhe bazoba ochwepheshe kwezenkolo futhi babe ochwepheshe bokumelana uNkulunkulu. Ngakho, uma umuntu efanelekile ukuba umholi, umuntu kumele adlule ekwahlulelweni futhi amukele ukupheleliswa. Labo abangazange badlule ekwahlulelweni, ngisho noma benomsebenzi kaMoya oNgcwele, baveza izinto eziyize nezingasizo ngempela. Ngokuhamba kwesikhathi, bazoholela abantu emithethweni eyize nengasiyo eyemvelo. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu awuhambisani nesimo somuntu senyama; awuhambisani nemicabango yomuntu kodwa kuba ukuqonda komuntu ahlangabezana nakho; akuxutshiwe nokwenkolo okungacacile. Umuntu ngeke afinyelele emphumeleni womsebenzi Wakhe uma engapheleliswanga Nguye futhi ungaphezu kwemicabango yomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 5. Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu

Okulandelayo: 2. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaMoya Ongcwele Nowemimoya Emibi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp