2. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaMoya Ongcwele Nowemimoya Emibi

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi Wakhe, akawenzi umsebenzi ongenangqondo, akazenzi izimfuneko eziyihaba ngomuntu, akawenzi umsebenzi ongaphezu komqondo womuntu. Wonke umsebenzi awenzayo awukho ngaphezu komqondo womuntu, awubudluli ubuntu obujwayelekile, futhi umsebenzi Wakhe uvumelana nezimfuneko zomuntu. Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu uba ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Abantu bazuza ulwazi olukhulayo ngesimo sabo esonakele esinobusathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso. Lokho kusho ukuthi, ukuphila komuntu kuyakhula, futhi isimo esonakele somuntu sibhekana nezinguquko eziningi—konke lokho kuyincazelo kaNkulunkulu eba ukuphila komuntu. Uma indlela ingakwazi ukwambula lezo zinto eziyisiqu somuntu, ayikwazi ukushintsha isimo somuntu, futhi ayikwazi ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu noma ukumnika ukuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu, ngisho nokwehlisa ubuntu bomuntu nokuphakamisa umqondo wakhe, khona-ke leyo ngeke kube indlela yeqiniso, kunalokho ingaba umsebenzi womoya omubi, noma indlela endala. Ngamafuphi, ayikwazi ukuba umsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kufanele uqonde ukuthi yiziphi izinto ezivela kuNkulunkulu nokuthi yiziphi ezivela kuSathane. Izinto ezivela kuNkulunkulu zikwenza ucacelwe njalo ngemibono, futhi zikwenza uye ngokuya usondela kuNkulunkulu, wabelane ngothando ngobuqotho nabafowethu nodadewethu; uyakwazi ukukhombisa ukucabangela umthwalo kaNkulunkulu futhi inhliziyo yakho ethanda uNkulunkulu ayiphumuli; kukhona indlela phambili okufanele uyihambe. Izinto ezivela kuSathane zikwenza ulahlekelwe imibono futhi konke obunakho ngaphambili kunyamalele; uyahlukaniswa noNkulunkulu, awunalo uthando lwabafowethu nodadewethu futhi unenhliziyo enenzondo. Uphelelwa yithemba, awube usafuna ukuphila impilo yebandla, nenhliziyo yakho ethanda uNkulunkulu ayisekho. Lo umsebenzi kaSathane futhi kuwumphumela olethwa yimisebenzi yemimoya emibi.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 22” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uwuhlobo lomhlahlandlela ohamba phambili nokukhanyiselwa okuhle. Awuvumeli abantu ukuba babe ngovumazonke. Ubanikeza induduzo, ubanikeza ukholo kanye namandla futhi ubenza bafune ukupheleliswa nguNkulunkulu. Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayakwazi ukungena ngokucacile; ababona ovumazonke noma abaphoqiwe, kodwa bakubeka ezandleni zabo ukwenza umsebenzi. Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayajabula futhi bayazimisela, futhi bayazimisela ukulalela, bayakujabulela ukuzithoba, yize noma besebuhlungwini futhi bebuthakathaka ngaphakathi, kufanele bazimisele ukuba babambisane, bayajabula ngokuzwa ubuhlungu, futhi bayakwazi ukulalela, futhi abangcoliswanga yintando yomuntu, abangcoliswanga ukucabanga komuntu, futhi abangcoliswanga nhlobo izifiso nezisusa zomuntu. Uma abantu bebhekene nokusebenza kukaMoya oNgcwele, baba ngcwele ngempela ngaphakathi. Labo ababanjwe nguMoya oNgcwele baphila uthando lukaNkulunkulu lubonakale, uthando lwabazalwane babo, futhi bathokoziswa yizinto ezithokozisa uNkulunkulu, bazenyanye izinto ezenyanyisa uNkulunkulu. Abantu abathintwa ngukusebenza kukaMoya oNgcwele banobuntu obujwayelekile, futhi bahlala njalo nje befuna iqiniso futhi banobuntu. Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kubantu, izimo zabo ziba ngcono kakhulu, nobuntu babo buye ngokuya buba ngobujwayelekile, yize noma ukuzibandakanya kwabo kungabonakala kungubuwula, izisusa zabo zilungile, nokungena kwabo kuhle, abazami ukuphazamisa, futhi akukho bubi nankohlakalo ngaphakathi kubona. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ujwayelekile futhi ungokoqobo, uMoya oNgcwele usebenza emuntwini ngokusho kwemithetho yempilo ejwayelekile yomuntu, futhi ukhanyisela aphinde ahole abantu ngokwezindlela ezijwayelekile zabantu. Uma uMoya oNgcwele esebenza kubantu, uyabahola abakhanyisele njengokwezidingo zabantu abajwayelekile, ubahlinzeka ngokusekelwe ezidingweni zabo, futhi uhola ngendlela enhle abakhanyisele ngokuncike kulokho abangenakho, nangokwalokho abasilele kukho. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ukukhanyisela nokuqondisa abantu empilweni yangempela; bakwazi ukubona umsebenzi kaMoya oNgcwele uma kuphela bezwa amazwi kaNkulunkulu ezimpilweni zabo zangempela. Uma, ezimpilweni zabo zansuku zonke, abantu behlezi bekhuthazekile futhi benempilo yangokomoya ejwayelekile, babe sebegcwaliswa ngomsebenzi kaMoya oNgcwele. Esimweni esinjalo, uma bedla futhi bephuza amazwi kaNkulunkulu baba nokholo, uma bekhuleka baba nokushiseleka, uma okuthile kwenzeka kubona ababi ngabangenandaba, futhi njengoba kwenzeka kubona bayakwazi ukubona izifundo uNkulunkulu adinga ukuba bazifunde, ababi ngabangenandaba, futhi yize noma beba nezinkinga zangempela, bazimisele ukulalela zonke izinhlelo zikaNkulunkulu.

Yizini ezifezwa ngumsebenzi kaMoya oNgcwele? Ungaba yisiwula, futhi kungebe nomehluko phakathi kuwena, kodwa uMoya oNgcwele kumele asebenze ukuze kube nokholo kuwena, ukuze uhlale uzizwa ukuthi awukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwenele, ukuba wena uzimisele ukubambisana, ukuzimisela ukusebenzisana noma ngabe zinkulu kangakanani izinkinga ezingaphambili. Izinto zizokwenzeka kuwena futhi ngeke kucace kuwena ukuba ziqhamuka kuNkulunkulu noma kuSathane na, kodwa uzokwazi ukulinda, futhi ngeke ube ngongagqize qakala noma ongenandaba. Lona ngumsebenzi ojwayelekile kaMoya oNgcwele. Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kubona, abantu basahlangabezana nezinkinga zangempela, kwesinye isikhathi bayakhala, futhi kwesinye isikhathi kuba nezinto abangakwazi ukuzinqoba, kodwa konke lokhu kuyisikhathi esijwayelekile semisebenzi kaMoya oNgcwele. Yize noma bengazinqobi lezo zinto, futhi yize noma, ngaleso sikhathi, bebuthakathaka futhi bekhononda, emva kwesikhathi basuke besakwazi ukumthanda uNkulunkulu ngokholo oluphelele. Ukunganaki kwabo angeke kubavimbe ukuba babe nokuhlangenwe nakho okujwayelekile, futhi kungakhathalekile okushiwo ngabanye abantu, nokuthi babahlasela kanjani, kodwa basuke besakwazi ukuthanda uNkulunkulu. Ngesikhathi somkhuleko, ngaso sonke isikhathi bazizwa sengathi bayamkweleta uNkulunkulu, bese bezimisela ukuba bamenelise uNkulunkulu bayehlule inyama uma bephinda bebhekana nezinto ezinjengalezi. Lawa mandla akhombisa ukuthi kunomsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphakathi kubona, futhi lesi yisimo esijwayelekile somsebenzi kaMoya oNgcwele.

Yimuphi umsebenzi ovela kuSathane? Emsebenzini ovela kuSathane, imibono ebonwa ngabantu iluvindi futhi ayibambeki, futhi ayinabo ubuntu obujwayelekile, izisusa eziqhutshwa yizenzo zabo azilungile, futhi yize noma befisa ukumthanda uNkulunkulu, kuhlezi kunezinsolo ngaphakathi kubona, futhi lezi zinsolo nemicabango kuhlezi kuphazamisa ngaphakathi kubona, kuvimbela intuthuko empilweni yabo, futhi kubavimbela ekuzeni phambi kukaNkulunkulu esimweni esijwayelekile. Lokhu kusho ukuthi, uma nje kuqala kuba nomsebenzi kaSathane ngaphakathi ebantwini, izinhliziyo zabo azikwazi ukuba nokuthula noNkulunkulu, abazi ukuthi bazenzenjani, uma nje bebona ukuhlangana kwabazalwane ndawonye bafuna ukubaleka, futhi abakwazi ukuvala amehlo abo lapho abanye bethandaza. Umsebenzi wemimoya emibi udicilela phansi ubudlelwane obuhle phakathi komuntu noNkulunkulu, uphinde uphazamise imibono yangaphambilini yabantu noma indlela yangaphambili yokungena ekuphileni, ezinhliziyweni zabo angeke besakwazi ukusondela kuNkulunkulu, kuhlezi kunezinto ezenzekayo ezidala ukuphazamiseka kanye nokubopheka kubona, futhi izinhliziyo zabo azikwazi ukuthola ukuthula, basale bengenamandla othando lukaNkulunkulu, nemimoya yabo ishone phansi.. Lezi yizibonakaliso zemisebenzi kaSathane. Umsebenzi kaSathane ubonakala ngalezi zindlela ezilandelayo: ukungakwazi ukumela okholelwa kukho kanye nokufakaza, okukwenza ube ngumuntu osephutheni phambi kukaNkulunkulu, futhi ongenakuthembeka kuNkulunkulu. Uma kuba nokuphazamisa okuvela kuSathane, uphelelwa uthando nokuthembeka kuNkulunkulu ngaphakathi kuwena, buphele ubudlelwane bakho obujwayelekile noNkulunkulu, awulandeleli iqiniso, noma ukuzithuthukisa, uyahlehla, ube ngongenandaba, uzitike, uzinikele ekuziphatheni ngokuthanda kwakho nokusabalalisa isono, ungabi nakho ukusizonda isono; phezu kwalokho, ukuphazamisa kukaSathane kukwenza ube nenkani, lokhu okwenza uNkulunkulu aphume ngaphakathi kuwena, futhi kukwenze ukhononde ngoNkulunkulu uphikisane naYe, kukuholele ekumngabazeni uNkulunkulu, futhi ube ngisho nasengozini yokumshiya uNkulunkulu. Konke lokhu kungumsebenzi kaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaMoya ONgcwele Nomsebenzi KaSathane” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu usebenza ngendlela emnene, ethambileyo, enothando futhi enakekelayo, indlela elinganisiwe futhi efanelekile ngempela. Indlela Yakhe ayikwenzi uzwe imizwa enamandla kakhulu, njengokuthi, “UNkulunkulu kufanele angivumele ukuthi ngenze lokhu” noma “UNkulunkulu kufanele angivumele ngenze lokhuya.” UNkulunkulu akakuniki neze uhlobo lwesimo sengqondo olunamandla kakhulu noma imizwa enamandla kakhulu eyenza izinto zingabekezeleki. Akunjalo? Ngisho noma uwemukela amazwi kaNkulunkulu esahlulelo nokusola, uzizwa kanjani-ke? Lapho uzwa igunya namandla kaNkulunkulu, uzizwa kanjani-ke? Uyezwa ukuthi uNkulunkulu unobunkulunkulu futhi akoniwa? (Yebo.) Ingabe uzizwa ukude noNkulunkulu ngalezi zikhathi? Ingabe uzizwa unokwesaba uNkulunkulu? Cha, kunalokho uzwa ukuhlonipha okwesabekayo uNkulunkulu. Ngabe abantu abazizwa zonke lezi zinto ngenxa yomsebenzi kaNkulunkulu? …

… UNkulunkulu uyasebenza kumuntu futhi umuntu uyaziswa esimweni sengqondo kaNkulunkulu nasenhliziyweni Yakhe. Ngokuphambene nalokho, ingabe uSathane uyamazisa umuntu? Akamazisi umuntu. Konke akucabangayo ukulimaza umuntu. Akunjalo? Lapho edlinza ngokulimaza umuntu, ingabe ukwenza ngesimo sengqondo esicindezelayo? (Yebo.) Ngakho lapho kuza emsebenzini kaSathane kumuntu, lapha nginemishwana emibili angachaza kabanzi imvelo kaSathane enonya nobubi, angakuvumela ukuthi nazi ngempela ukuba nenzondo kukaSathane: indlela amthatha ngayo umuntu uSathane, uhlala efuna ukuhlala nokumphatha, umuntu ngamunyengokuphoqa, ukuze afike eqophelweni lapho elawula umuntu ngokuphelele, emlimaza umuntu, ukuze afeze le njongo nesifiso esidlondlobele. Kuchaza ukuthini “ukungena ahlale ngendluzula”? Ingabe kwenzeka ngemvume yakho, noma ngaphandle kwemvume yakho? Ingabe kwenzeka wena wazi noma ungazi? Kwenzeka wena ungazi nhlobo! Ezimweni lapho ungazi, ngakumbe lapho engashongo lutho noma ngakumbe lapho engenzanga lutho, lapho kungekho sisekelo, kungekho sizathu, nango eduze kwakho, ekuzungezile. Ufuna ithuba azolisebenzisa, bese engena ahlale kuwena ngendluzula, akuphathe, efeza injongo yakhe yokukulawula ngokuphelele nokukukhinyabeza. Lena inhloso nokuziphatha okujwayelekile kakhulu empini kaSathane noNkulunkulu ngenxa yesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IV” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye abantu bathi uMoya oNgcwele usebenza kubo ngaso sonke isikhathi. Lokhu akunakwenzeka. Uma bebengathi uMoya uNgcwele uhlala unabo njalo, lokho bekungenzeka. Uma bebengathi ukucabanga kwabo nemizwa yabo kujwayelekile ngaso sonke isikhathi, lokho bekungenzeka, futhi kungakhombisa ukuthi uMoya oNgcwele unabo. Uma bethi uMoya oNgcwele uhlala esebenza ngaphakathi kubo, ukuthi bakhanyiselwa uNkulunkulu futhi bathintwa uMoya oNgcwele ngaso sonke sikhathi, futhi bazuze ulwazi olusha ngaso sonke isikhathi, lokhu akujwayelekile nhlobo! Kungaphezulu ngokugcwele kwamandla avamile! Ngaphandle kokungabaza, abantu abanjengalaba bayimimoya emibi! Ngisho noma uMoya kaNkulunkulu engena enyameni, kunesikhathi lapho kumele adle futhi aphumule khona—ingasaphathwa eyabantu. Labo abanemimoya emibi babonakala sengathi abanabo ubuthaka benyama. Bayakwazi ukulahla bashiye konke, abanamizwa, bayakwazi ukubekezelela ukuzwiswa ubuhlungu futhi abezwa nokuncane ukukhathala, kuba sengathi bangaphezu kwenyama. Ingabe lokhu akungaphezulu kakhulu kwamandla avamile? Umsebenzi womoya ababi ungaphezu kwamandla avamile—akekho umuntu ongenza lezi zinto! Labo abangakwazi ukuhlukanisa baba nomona uma bebona abantu abafana nalaba: Bathi banamandla amakhulu ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, banokholo olukhulu, futhi abakhombisi noluncane uphawu lobuthaka! Eqinisweni, lokhu ukubonakaliswa komsebenzi womoya ababi. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abasesimweni esijwayelekile nakanjani banobuthaka bobuntu; lesi yisimo esijwayelekile salabo abanoMoya oNgcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izingcaphuno Zezintshumayelo Nokuhlanganyela Okungabhekiswa Kuzo:

Ake sibheke omunye umehluko ocacile phakathi komsebenzi ohlukahlukene wemimoya emibi nomsebenzi woMoya oNgcwele, nokuthi ubonakala kanjani ngokucacile. UMoya oNgcwele ukhetha abantu abafuna iqiniso, abanonembeza nomqondo, nabanobuqotho. Laba wuhlobo lwabantu asebenza kulo. Imimoya emibi ikhetha abantu abanamaqhinga nabangenangqondo, abangenalo uthando lwangempela, nabangenawo unembeza noma umqondo. Abantu abanjalo yilabo imimoya emibi esebenza kubo. Sibonani uma siqhathanisa labo abakhethelwe umsebenzi woMoya oNgcwele, nalabo abakhethelwe lowo owemimoya emibi? Siyabona ukuthi uNkulunkulu ungcwele, futhi ulungile, ukuthi labo abakhethwe nguNkulunkulu bafuna iqiniso, futhi banonembeza nomqondo, ukuthi banobuqotho, futhi bathanda lokho okulungile. Labo abakhethwe yimimoya emibi banamaqhinga, banokuzicabangela futhi bayenyanyeka, abanalo uthando lwangempela, abanawo unembeza nomqondo, futhi abafuni iqiniso. Imimoya emibi ikhetha izinto ezimbi kuphela kanye nalabo abangenalo iqiniso, lapho esibona khona ukuthi imimoya emibi iyabuthanda ububi nobumnyama, ukuthi ihambela kude nalabo abafuna iqiniso, futhi iyashesha ukuzuza labo abaphikisayo nabanobuqili, abakhangwa ukungalungi, futhi bathonyeke kalula. Labo imimoya emibi ekhetha ukusebenza kubona abakwazi ukusindiswa, futhi bayasuswa uNkulunkulu. Yinini, futhi ngaphansi kwasiphi isimo, lapho imimoya emibi isebenza khona? Isebenza lapho abantu sebeqhele kude noNkulunkulu futhi bahlubuka uNkulunkulu. Umsebenzi wemimoya emibi uyabathonya abantu, futhi ukwenza lokho ngokusebenzisa amathuba lapho bona. Uma abantu bebuthakathaka kakhulu, ikakhulukazi uma benobuhlungu obukhulu ezinhliziyweni zabo, lapho bezwa bekhungathekile futhi bedidekile, umoya omubi uthatha leli thuba ukuze ungene ubathonye futhi ubakhohlakalise, ukuhlwanyela ukungezwani phakathi kwabo noNkulunkulu. Kukhona isikhathi somsebenzi woMoya oNgcwele: Lapho abantu bebiza uNkulunkulu, lapho izinhliziyo zabo ziphendukela kuNkulunkulu, uma bedinga uNkulunkulu, lapho bephenduka kuNkulunkulu, nalapho befuna iqiniso, uMoya oNgcwele uqala ukusebenza kubo. Qaphela ukuthi zonke izici zomsebenzi woMoya oNgcwele zisebenza kanjani ukusindisa umuntu, ukuthi ubheka kanjani amathuba okusindisa umuntu, ngenkathi imimoya emibi ibheka amathuba okukhohlakalisa nokukhohlisa abantu. Imimoya emibi iyenyanyeka futhi mibi, ingcolile futhi iyingozi, konke ekwenzayo ihlose ukukhohlakalisa umuntu, ukumlimaza, nokumshwabadela. Lapho abantu bedinga kakhulu, lapho bexhumana noNkulunkulu ngokuphuthumayo, lapho bedinga insindiso kaNkulunkulu, futhi lapho befisa ukusondela kuNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, uMoya oNgcwele ubonakala kubo futhi enze umsebenzi wensindiso. UNkulunkulu uluthando, futhi imimoya emibi iyinzondo—lokhu kuyacaca kuwe, angithi? Konke lokhu okwenziwa yimimoya emibi ikwenzela ukushwabadela nokukhohlakalisa umuntu, futhi konke lokho uMoya oNgcwele akwenzayo ukwenzela uthando nensindiso yomuntu. Imiphumela yomsebenzi yoMoya oNgcwele ukuhlanza abantu, ukubasindisa ekukhohlakaleni kwabo, ukubavumela ukuba bazazi futhi bamazi uSathane, ukuba bakwazi ukuvukela uSathane, bakwazi ukufuna iqiniso, futhi ekugcineni baphile ngokomfanekiso womuntu. Imimoya emibi iyakhohlakalisa, iyangcolisa, futhi ibophe abantu, ibaphonsa ngokujula okukhulu esonweni, futhi ilethe ubuhlungu obukhulu ngokwengeziwe ezimpilweni zabo, ngakho-ke lapho imimoya emibi isebenza kubantu, isuke seyiphelile indaba ngabo; ekugcineni, bayashwabadelwa uSathane, nokuwumphumela womsebenzi wemimoya emibi. Umphumela womsebenzi woMoya oNgcwele ukugcina usindise abantu, ukubenza baphile impilo yangokoqobo, futhi bekhululeke ngokuphelele, futhi bathole izibusiso zikaNkulunkulu. Bheka: Imimoya emibi iqondisa umuntu ebumnyameni, imyisa kwalasha; uMoya oNgcwele uthatha umuntu ebumnyameni, umyise ekukhanyeni, nasenkululekweni. Umsebenzi woMoya oNgcwele ukhanyisela futhi uqondise abantu, ubapha amathuba, futhi lapho bebuthakathaka futhi beneziphambeko ubalethela induduzo. Uvumela abantu ukuba bazazi, ubavumele ukuba bafune iqiniso, futhi akaphoqeleli abantu ukuba benze izinto, kodwa ayabavumela ukuba bakhethe indlela yabo ngokwabo, futhi ekugcineni abafake ekukhanyeni. Imimoya emibi iphoqa abantu ukuba benze izinto futhi ibathumbe. Konke abakushoyo kungamanga futhi ithonya abantu, ibakhohlisa, futhi ibabophe; imimoya emibi ayibaniki abantu inkululeko, ayivumeli ukuba bazikhethele, ibaphoqa ukuba bangene endleleni eya encithakalweni, futhi ekugcineni ibagxilise ngokujulile nakakhulu esonweni, nokuholela ekufeni.

kusuka esihlokweni esithi “Ukwazi Umsebenzi KaMoya ONgcwele Kubaluleke Kakhulu Ekusindisweni Komuntu” kwethi Okuvelele Okukhethwe Kwethi Izintshumayelo Nokuhlanganyela Ngokungena Ekuphileni

Noma yimuphi umoya onomsebenzi obonakala ungaphezu kwemvelo ungumoya omubi, futhi umsebenzi kanye nokukhuluma kwanoma yimuphi umoya owenza umsebenzi ongaphezu kwemvelo ungumsebenzi womoya omubi; zonke izindlela esebenza ngayo imimoya emibi azivamile futhi zingaphezulu kwengqondo, futhi zibonakala ngokuqavile ngezindlela eziyisithupha ezilandelayo:

1. Ukulawula ngokuqondile ukukhuluma kwabantu, okubonisa ngokucacile ukuthi umoya omubi okhulumayo, hhayi abantu ngokwabo abakhuluma ngokuvamile;

2. Umuzwa wokuthi umoya omubi uyalela abantu futhi ubayala ukuba benze lokhu nalokhuya;

3. Abantu abathi, lapho bekhona egumbini, bezwe ukuthi kukhona umuntu ozongena;

4. Abantu abavame ukuzwa amazwi ekhuluma nabo kodwa abanye abantu bengawezwa;

5. Abantu abakwazi ukubona nokuzwa izinto abanye abangakwazi;

6. Abantu abahlale becasukile, futhi bekhuluma bodwa, futhi abangakwazi ukuba nezingxoxo ezijwayelekile noma ukuxhumana nabantu.

Bonke labo umoya omubi osebenza kubona nakanjani banalezi zibonakaliso eziyisithupha. Abasebenzisi ingqondo lapho benza izinto, bahlale bemanzonzo, abakwazi ukuxhumana nabantu ngokujwayelekile, kusengathi abakwazi ukucabanga, futhi kukhona ukuqhela nokuba ngabomunye umhlaba kubo. Abantu abanjalo baphethwe umoya omubi noma banomoya omubi osebenza kubo, futhi yonke imisebenzi yemimoya emibi iyabonakala futhi ayifani nalutho lwasemhlabeni. Lona umsebenzi wemimoya emibi obonakala kalula kakhulu. Uma umoya omubi ukhwelele umuntu, udlala ngaye ukuze axoveke ngokuphelele. Akanamqondo, njengomkhovu, okufakazela ukuthi ngokwengqikithi, imimoya emibi iyimimoya emibi ekhohlakalisa futhi ishwabadele abantu. Amazwi akhulunywa yimimoya emibi kulula ukuwabona: Amazwi ayo achaza ngokusobala ingqikithi yayo engcolile, awanyakazi, adungekile futhi ayanuka, athaphuka iphunga lokufa. Kubantu bezinga elihle, amazwi emimoya emibi azwakala engenalutho futhi engathandeki, engenasisindo, njengamanga nje futhi nenkulumo engenalutho olunesisindo, azwakala edungekile futhi ephambene, njengenqwaba yombhedo. Lokhu kungeminye yemibhedo yemimoya emibi eyahlukaniseka kalula. Ukuthonya abantu, eminye yemimoya emibi “yezinga eliphezulu” izama ukuzenza uNkulunkulu noma uKristu lapho ikhuluma, ngenkathi eminye izenza izingelosi noma abantu abaziwayo. Lapho ikhuluma, le mimoya emibi inekhono lokulingisa amagama athile noma imisho eyashiwo nguNkulunkulu, noma-ke iphimbo likaNkulunkulu, nabantu abangaliqondi iqiniso bakhohliseka kalula yile mimoya emibi “yezinga eliphezulu”. Abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu kumele bacacelwe kahle ukuthi, empeleni, imimoya emibi ingcolile futhi ayinamahloni, nokuthi noma ngabe iyimimoya emibi “yezinga eliphezulu”, ayinalo neze iqiniso. Imimoya emibi, vele, iyimimoya emibi, ingqikithi yemimoya emibi imbi, futhi iwuhlobo olulodwa noSathane.

Kuvela “Indlela Yokubona Inkulumo Yobudimoni Namanga Emimoya Emibi, OKristu Bamanga NabaphikuKristu” encwadini ethi Amalungiselelo Omsebenzi

Okwedlule: 1. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Nowomuntu

Okulandelayo: 3. Ukuhlukanisa Phakathi KukaKristu Wangempela NoKristu Bamanga

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp