Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho

Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwenu futhi, ngempela, futhi ngakhuluma amazwi amaningi. Kepha ngizwa ukuthi amazwi nomsebenzi Wami awukayifezi ngokuphelele injongo yomsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngokuba, ngezinsuku zokugcina, umsebenzi Wami awungenxa yomuntu noma abantu abathile, kodwa owokuveza isimo Sami semvelo. Nokho-ke, ngenxa yezizathu eziningi—mhlawumbe ukungabi bikho kwesikhathi noma ukuba matasatasa kohlelo lomsebenzi—Isimo Sami asivumelanga umuntu ukuba angazi nakancane nje. Ngakho-ke Mina nginyathela ngiya phambili ohlelweni Lwami olusha, emsebenzini Wami wokugcina, ukuvula ikhasi elisha ukuze bonke abangibonayo bazishaye isifuba futhi bakhale futhi balile okungapheli ngenxa yobukhona Bami. Lokhu kungenxa yokuba ngiletha isiphetho sesintu emhlabeni, bese kusuka kuleli qophelo kuya phambili, ngibeke ngokusobala sonke isimo Sami phambi kwesintu ukuze bonke abangaziyo kanye nalabo abangangazi bazitike ngamehlo abo futhi babone ukuthi ngempela ngizile emhlabeni wabantu, ngizile emhlabeni lapho izinto ziphindaphindeka khona. Lolu uhlelo Lwami, “Inhlambuluko” Yami eyodwa selokhu ngadala isintu. Ngifisa sengathi ningabheka konke ukunyakaza Kwami ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba induku Yami iyasondela futhi esintwini, eduze kwabo bonke abangiphikisayo.

Ngikanye namazulu, ngiyawuqala umsebenzi okumele ngiwenze. Ngakho ngichusha phakathi kwenqwaba yabantu ngiphinde ngihambe phakathi kwezulu nomhlaba. kungekho obona ukunyakaza Kwami noma anake amazwi Ami. Ngakho-ke, uhlelo Lwami lusaqhubeka kahle. Kungenxa yokuthi yonke imizwa yenu isindikindiki ngale ndlela yokuthi anizazi izinyathelo zomsebenzi Wami nakancane. Kodwa luyofika nakanjani usuku, lapho niyoyibona khona inhloso Yami. Namuhla, ngiphila nani futhi ngihlupheka nani. Kade ngasiqonda isimo sengqondo isintu esinaso Ngami. Angifisi ukuchaza okuningi, angisaphathi ngokunikeza izibonelo zesihloko esibuhlungu Mina ukuze ngikuhlaze. Isifiso Sami esisodwa ukuthi nigcine konke lokhu enikwenzile ezinhliziyweni zenu ukuze sibale izindaba zethu ngosuku esiyohlangana ngalo futhi. Angifisi ukumangalela ngokungesilo iqiniso noma imuphi phakathi kwenu, ngoba njalo bengenza ngokulunga, ngokufanelekile, nangenhlonipho. Ngiyafisa ngokuqinisekile futhi ukuthi nani nibe nobuntu futhi ningenzi lutho oluphambene nezulu nomhlaba kanye nonembeza wenu. Yilokhu kuphela engikucela kini. Abantu abaningi bazizwa bekhathazekile futhi bengakhululekile ngoba benze amaphutha amabi kakhulu, futhi abaningi bazizwa bahlazekile ngokuthi abakaze benze nesisodwa isenzo esihle. Nokho baningi futhi abathi bengalizwa ihlazo ngezono zabo, kunalokho basuke ebubini babe babi kakhulu, badabula ngokupheleleyo isembozo esifihle ubuso babo obubi—obusazokwembulwa ngokupheleleyo—ukuhlola isimo Sami. Angikhathazeki futhi anginakisisi izenzo zanoma imuphi umuntu. Kunalokho, ngenza umsebenzi okumele ngiwenze, noma ukuqoqa ulwazi, noma ukuzulazula ezweni, noma ukwenza lokho engikuthakaselayo. Ngezikhathi ezibalulekile, ngiqhubeka nomsebenzi Wami phakathi kwabantu njengalokhu kwakuhleliwe ekuqaleni, kungasaleli futhi kungabi ngaphambi komzuzu osalela ngemuva, futhi lokhu kwenzeka kalula futhi kuqonde ngqo. Nokho-ke, abanye abantu balahlelwa ngaphandle kuzona zonke izinyathelo emsebenzini Wami, ngoba giyakunyanya ukuzenzisa kanye nokumbuluza kwabo. Labo abayisinengiso Kimi bayolahlwa ngempela, noma ngabe kungenhloso noma ngokungenanhloso. Ngamafushane, Ngifisa bonke labo engibanyanyayo ukuba babekude Nami. Akudinge kushiwo ukuthi, ngeke gibayeke abakhohlakele abasasele endlini Yami. Ngoba usuku lokujeziswa komuntu seluseduze, angijahile ukukhiphela ngaphandle yonke le miphefumulo enyanyisayo, ngoba nginohlelo Lwami.

Manje sekuyisikhathi sokuthi nginqume isiphetho somuntu ngamunye, hhayi isigaba engiqala kuso ukusebenza umuntu. Ngibhala encwadini Yami, ngakunye, amazwi nezenzo zomuntu ngamunye, kanye nezindlela zabo ekungilandeleni, iubunjalo babo bemvelo, kanye nokwenza kwabo kokugcina. Ngale ndlela, alukho uhlobo lomuntu oluyophunyuka esandleni Sami futhi bonke bayoba nalabo abafana nabo njengalokhu ngahlukanisile. Nginquma isiphetho somuntu ngamunye hhayi ngokweminyaka, ubukhulu, izinga lokuhlupheka, lingasaphathwa izinga abamema ngalo ukudatshukelwa kodwa ngokuthi banalo yini iqiniso. Akukho okunye ukukhetha ngaphandle kwalokhu. Kumele nikubone ukuthi labo abangalandeli intando kaNkulunkulu bayojeziswa. Leli iqiniso elingenakuguqulwa. Ngakho-ke, bonke labo abajeziswayo bajeziswa kanjalo ngenxa yokulunga kukaNkulunkulu futhi njengokujeza ngenxa yezenzo zabo ezimbi. Angikaguquli nokukodwa ohlelweni Lwami kusukela ekuqaleni kwalo. Ukuthi nje kuphela, ngokomuntu, labo engibhekise kubo amazwi Ami kusengathi bayancipha ngokwenani, njengalabo engibavuma ngeqiniso. Nokho-ke, ngimile ekutheni uhlelo Lwami alukaze luguquke; kunalokho, ukukholwa nothando lomuntu oluguqukayo, olunciphayo njalo, kuze kufike ezingeni lapho umuntu ngamunye ekwazi ukusuka ekutheni azincengele azenze muhle Kimi, afike ekutheni abande Kimi noma angilahle. Indlela enginibheka ngayo ngeke ishise noma ibande kuze kufike lapho sengizwa ukucasuka nokwenyanya khona bese kuthi ekugcineni ngikhiphe isijeziso. Nokho, ngosuku lokujeziswa, ngiyonibona, kodwa niyobe ningasakwazi ukungibona. Njengoba impilo phakathi kwenu isiyisicefe futhi isivivi Kimi, ngakho, noma kungeshiwo, ngikhethe izindawo ezehlukene lapho ngizophila khona, ukuze ngigweme ukuzwa ubuhlungu ngenxa yamazwi enu anonya futhi ngigweme ukuziphatha kwenu okungcolile okungabekezeleki ukuze ningabe nisangikhohlisa noma ningithathe kalula. Ngaphambi kokuba nginishiye, ngiyakunxusa namanje ukuba udede ekwenzeni lokho okungahambisani neqiniso. Kunalokho, kumele wenze lokho okuthokozisa bonke futhi okuyinzuzo kubantu bonke kanye nasesiphethweni sakho, ngaphandle kwalokho lowo oyoba sebuhlungwini phakathi kwenhlekelele, akekho omunye ngaphandle kwakho.

Isihe Sami sivezwa kulabo abangithandayo futhi bazidele bona. Futhi isijeziso esilethwa phezu kwababi kungubufakazi kanye besimo Sami esilungile Kanye, ikakhulukazi, nobufakazi bentukuthelo Yami. Uma inhlekelele ifika, indlala kanye nesifo esibhubhisayo siyokwehlela bonke labo abaphikisana Nami futhi bayokhala. Labo abenze zonke izinhlobonhlobo zobubi, kodwa asebengilandele iminyaka eminingi, ngeke bangakhokhi ngamacala abo; nabo futhi, bayokwehlela enhlekeleleni, efana nayo ebithuka nje ibonakala eminyakeni eyizigidi, bayohlala esimweni esingapheli sokwethuka novalo. Futhi labo abalandeli Bami abakade bethembekile Kimi ngedwabayojabula futhi bababaze amandla Ami. Bayokuzwa ukweneliseka okungachazeki ngaphakathi futhi baphile ngenjabulo engingakaze ngiyiphe isintu. Ngokuba ziyigugu Kimi izenzo zabantu ezinhle kepha ngiyazinyanya izenzo zabo zobubi. Selokhu ngaqala ukuhola isintu, bengilokhu ngethemba ukuthi kuzoba neqembu labantu elinomqondo ofana noWami. angikaze ngibakhohlwe labo abangenawo umqondo ofanayo noWami; yilokhu ngibenyanya enhliziyweni Yami, ngilinde kuphela ithuba lokuletha impindiselo Yami kubona, okuyonginika injabulo ukuyibona. Usuku Lwami seluze lwafika namuhla, futhi angisadingi ukulinda!

Umsebenzi Wami wokugcina akusiwona owokujezisa umuntu kuphela kodwa ukuhlela isiphetho somuntu. Nangaphezu kwalokho, kungesizathu sokuthola ukwamukelwa kubo bonke, ngakho konke engikwenzile. Ngifuna wonke umuntu abone ukuthi konke engikwenzile kulungile nokuthi konke kuyindlela yokubonisa isimo Sami; akusikho ukwenza komuntu, kungasaphathwa imvelo, okwaletha isintu. Kunalokho, Yimina okhulisa konke okuphilayo endalweni. Ngaphandle kobukhona Bami, isintu singabhubha kuphela futhi sihlushwe yizinhlekelele. Akekho umuntu oyophinda futhi abone ilanga elihle kanye nenyanga noma umhlaba oluhlaza; isintu siyobona kuphela ubusuku obubandayo kanye nesigodi sethunzi lokufa esingenamkhawulo. Yimina kuphela insindiso yesintu. Yimina kuphela ithemba lesintu nangaphezulu, Ngiyilowo okuhlala kuye ubukhona besintu sonke. Ngaphandle Kwami, isintu siyoma ngqi masinyane. Ngaphandle Kwami, isintu siyovelelwa inhlekelele futhi sinyathelwe yilo lonke uhlobo lwemimoya emibi, nakuba engekho ongilalelayo. Ngenze umsebenzi obungeke wenziwe ngomunye, ithemba lokuthi umuntu uzongikhokhela ngezenzo ezinhle. Noma beyingcosana abangangikhokhela, ngisazophetha uhambo Lwami emhlabeni bese ngiqala isinyathelo esilandelayo somsebenzi owembulekayo, ngoba ukuphuthuma kwami ngiya le nale kule minyaka eminingi phakathi kwabantu kube nezithelo, futhi kuyangithokozisa. Engikhathazeka ngakho akulona inani labantu kodwa kunalokho izenzo zabo ezinhle. Noma kunjalo, ngethemba ukuthi uzolungisela isiphetho sakho isamba esenele sezenzo ezinhle. Ngiyobe sengeneliseka; ngaphandle kwalokho, akekho phakathi kwenu oyophunyuka enhlekeleleni ezonehlela. Inhlekelele isuka Kimi futhi ngokusobala ihlelwe Yimi. Uma ningeke nivele nibahle emehlweni Ami, ngeke niphephe ekwehlelweni yinhlekelele. Ngezikhathi zenhlupheko, ukwenza kwenu kanye nezenzo zenu zazingabonakali zifanele ngempela, ngoba ukukholwa kwenu nothando lwenu kwakuyize, futhi nabonisa kuphela ukuthi niyesaba noma ninamandla. Mayelana nalokhu, ngiyokwenza kuphela ukwahlulela kokuhle nokubi. Ukukhathazeka Kwami kuyaqhubeka ukuba yindlela nina ngamunye enenza ngayo nenikhuluma ngayo, okuyisisekelo engiyonquma ngaso ngesiphetho senu. Nokho-ke, kumele ngikwenze kucace lokhu: ngeke ngisanika umusa kulabo abangathembekanga nhlobo Kimi ngezikhathi zenhlupheko, ngoba umusa uhamba ugcine lapha kuphela. Nangaphezu kwalokho, angithandi muntu oseke wangilahla, kungasaphathwa ukuthi angithandi ukuhlanganyela nalabo abadayisa inhlalakahle yabangani babo. Lesi yisimo Sami, kunoma imuphi umuntu. Kumele nginitshele lokhu: Noma ubani ophula inhliziyo Yami ngeke athole uzwelo Kimi, futhi noma ubani okade ethembekile uyohlala enhliziyweni Yami phakade.

Okwedlule: UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade

Okulandelayo: Ingabe Wethembeke Kubani?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp