Ukungena Ekuphileni 4

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 483)

Kungani ukholwa kuNkulunkulu? Abantu abaningi bayabaxakwa yilo mbuzo. Banemibono emibili eyehlukene ngoNkulunkulu ongokoqobo kanye noNkulunkulu osezulwini, okukhombisa ukuthi bakholwa kuNkulunkulu bengaqonde kulalela, kodwa ukuthola izinzuzo ezithile, noma befuna ukubalekela ukwehlelwa yinhlekelele. Kungaleso sikhathi lapho bemlalela khona, kodwa ukumlalela kwabo kunemibandela, kungenxa yokuphumelelisa bona uqobo, futhi kuphoqiwe kubo. Ngakho-ke: kungani ukholwe kuNkulunkulu? Uma kungukuthi kungenxa yokubhekiwe, nesiphetho sakho, kungcono-ke ungakholwa. Ukukholwa ngale ndlela kungukuzikhohlisa, ukuzanelisa, futhi kungukuzazisa. Uma ukukholwa kwakho kungakhelwe phezu kwesisekelo sokulalela uNkulunkulu, uyojeza ekugcineni ngenxa yokuphikisa uNkulunkulu. Bonke labo abangafuni ukulalela uNkulunkulu ekukholweni kwabo, baphikisa uNkulunkulu. UNkulunkulu uyacela ukuba abantu balifune iqiniso, bomele amazwi kaNkulunkulu, baphinde badle futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu, nokuthi bawenze ukuze bazuze ukumlalela uNkulunkulu. Uma kungukuthi ukugqugquzeleka kokholo lwakho kunje, noma kanjani uNkulunkulu uzokuphakamisa, akwenzele umusa. Akekho umuntu ongakungabaza lokhu, futhi akekho ongakuguqula. Uma ukugqugquzeleka kwakho kungekhona okokulalela uNkulunkulu, futhi unezinye izinhloso, konke-ke okushoyo nokwenzayo—imithandazo yakho phambi kukaNkulunkulu, kanye nazo zonke izenzo zakho—zizobe ziphikisa uNkulunkulu. Ungaba ngumuntu okhulumela phansi nonomoya ozothile, zonke izenzo zakho nokukhuluma kungabukeka kulungile, ungabonakala uyilowo olalelayo, kodwa uma kuza ekukhuthazekeleni kwakho nasemibonweni yakho ngokukholwa kuNkulunkulu, konke okwenzayo kuphikisana noNkulunkulu, futhi kubi. Abantu ababonakala belalela njengezimvu bezithobile, kodwa izinhliziyo zabo zinezinhloso ezingezinhle, bayizimpisi ezigqoke izikhumba zezimvu; bamedelela ngokusobala uNkulunkulu; ngakho ngeke asindise ngisho oyedwa kubona. UMoya oNgcwele uyobembula bonke labo, ukuze babonwe ukuthi bangabazenzisi ngakho bazokwenyanywa futhi balahlwe nguMoya oNgcwele. Ungakhathazeki: uNkulunkulu uzobebhekana futhi abalungise ngamunye ngamunye.

Kucashunwe embhalweni othi “Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 484)

Uma ungakwazi ukwamukela ukukhanya okusha kukaNkulunkulu, futhi ungaqondi konke lokho akwenzayo namuhla, futhi ungakufuni, noma kungukuthi uyakungabaza, uyakwahlulela, noma uyakucubungula futhi uyakuhlaziya, ngakho-ke awunanjongo yokuba ulalele uNkulunkulu. Ukuba lapho kuvela ukukhanya kwalapha namanje, usazisa ukukhanya kwayizolo futhi uphikisa umsebenzi omusha kaNkulunkulu, uyoba ngoyisiwula—uyilabo abaphikisa uNkulunkulu ngamabomu. Okubalulekile ekulaleleni uNkulunkulu ukwazisa ukukhanya Kwakhe okusha, nokukwazi ukukwamukela nokukusebenzisa. Yilokhu kuphela okungukumlalela ngeqiniso. Labo abangazimisele ukomela uNkulunkulu abakwazi ukuba nomqondo wokulalela uNkulunkulu; futhi bangaphikisa uNkulunkulu ngenxa yokwaneliswa yisimo sempilo abakuyo ngaleso sikhathi. Ukungakwazi ukulalela uNkulunkulu kungenxa yokuba usagajwe yizinto zakudala. Izinto zakudala zinike abantu zonke izinhlobo zemicabango nezinkohliso mayelana noNkulunkulu esezibe yisithombe sikaNkulunkulu emiqondweni yabo. Ngaleyo abakukholwayo yimicabango yabo, nezilinganiso ezisemiqondweni yabo kuphela. Uma ulinganisa uNkulunkulu owenza umsebenzi namuhla noNkulunkulu osemqondweni wakho, ukukholwa kwakho-ke kuvela kuSathane, futhi ungowokuzikhethela kwakho—akakufuni-ke uNkulunkulu ukukholwa okunjalo. Kungakhathaleki ukuba nezinto eziphakeme, futhi kungakhathaleki ukuzinikela kakhulu kwabo—noma ngabe impilo yakho yonke uyinikele emsebenzini Wakhe, waze wamfela—uNkulunkulu akamamukeli muntu onokholo olunjengalolu. Ubakhombisa nje umusa omncane bese ebavumela ukuba bawuthokozele isikhashana. Abantu abayilolu hlobo abakwazi ukwenza iqiniso, uMoya oNgcwele akasebenzi phakathi kubo, noNkulunkulu uzobachitha ngamunye ngamunye. Akunandaba ukuthi bakhulile noma basebasha, labo abangamlaleli uNkulunkulu ekukholweni kwabo begqugquzelwa ngokubi, yilabo abaphikisayo nabaphazamisayo futhi labo ngokungangabazi uNkulunkulu uyakubalahla. Labo abangamlaleli nhlobo uNkulunkulu, abavuma nje igama Lakhe kuphela, abanolwazana ngobuhle nokuthandeka kukaNkulunkulu kodwa abengahambisani nezinyathelo zikaMoya oNgcwele, futhi abangalaleli umsebenzi namazwi amanje kaMoya oNgcwele—labo baphila phakathi komusa kaNkulunkulu, futhi abayikuzuzwa bapheleliswe nguNkulunkulu. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokulalela kwabo, ekudleni, ekuphuzeni, kanye nasekuthakaseleleni amazwi kaNkulunkulu, nasenhluphekweni nasekwehlelweni ukucwengwa ezimpilweni zabo. Kusekukholweni okunjalo kuphela lapho izimo zabantu zikwazi khona ukuguquka, kulapho kuphela bethola khona ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu. Ukungeneliswa ukuphila emuseni kaNkulunkulu, ngokuzimisela bomele iqiniso, nokufuna iqiniso, nokufisa ukuzuzwa nguNkulunkulu—yilokhu impela okuchaza ukulalela uNkulunkulu; yilolu ncamashi uhlobo lokukholwa alufunayo uNkulunkulu. Abantu abangenzi okunye ngaphandle kokugcina ngokuhlala emseni kaNkulunkulu kuphela abanakupheleliswa, noma abanakuguqulwa, futhi ukulalela kwabo, ukulunga kanye nothando nokubekezela, konke kulula. Labo abathokozela ukuphila ngomusa kaNkulunkulu kuphela abasoze bamazi ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi noma sebemazi uNkulunkulu, ulwazi lwabo lulula; basho izinto ezifana nokuthi uNkulunkulu uyamthanda umuntu, noma ukuthi unomusa omkhulu kumuntu. Lokhu akuvezi impilo yomuntu, akukhombisi futhi lokho ukuthi abantu bamazi ngokweqiniso uNkulunkulu. Uma, ngenkathi amazwi kaNkulunkulu ebalungisa, noma ngenkathi ukuvivinya kubehlela, abantu abakwazi ukulalela uNkulunkulu—uma kungukuthi baba nokungabaza, baze bawe—ngakho-ke abekho nakancane ekulaleleni. Kubona, kunemithetho nemigomo eminingi mayelana nokukholwa kuNkulunkulu, abadlule kukho okudala okuyimiphumela yeminyaka eminingi yokukholwa, noma yizimfundiso eziningi esuselwe eBhayibhelini. Kungabe abantu abanje bangamlalela uNkulunkulu? Laba bantu bagcwele izinto zabantu—bangamlalela kanjani uNkulunkulu? Bonke balalela ngokwezindlela zabo—kungenzeka uNkulunkulu afise ukulalela okanjalo? Lokhu akukhona ukulalela uNkulunkulu, kodwa ngukulandela imibhalo nje, ukuzanelisa kanye nokuziduduza. Uma uthi yikho ukulalela uNkulunkulu lokho, akukhona ukuthi uyamhlambalaza? UnguFaro waseGibhithe, wenza ububi, futhi ngokucacile uzifaka emsebenzi ophikisa uNkulunkulu—ingabe uNkulunkulu ufuna ukuziphatha okunjalo? Kungaba ngcono uphuthume uphenduke futhi uhlale uqwashile. Uma kungenjalo, kungcono uvele ugoduke: kuzoba ngcono lokho kuwe kunokusebenzela kwakho uNkulunkulu, ngeke uthikameze noma uphazamise, uyoyazi indawo yakho, uhlale kahle—lokho ngeke kube ngcono? Ngaleyo ndlela uzogwema ukuphikisa noNkulunkulu nokujeziswa!

Kucashunwe embhalweni othi “Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 485)

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo. Unjalo umsebenzi uNkulunkulu aphelelisa ngawo umuntu. Uma umuntu engakwazi ukuhambisana naye, angashiywa emuva noma ngasiphi isikhathi. Uma umuntu engenayo inhliziyo elalelayo, ngeke akwazi ukulandela kuze kube sekugcineni. Inkathi endala isidlulile; manje sekuyinkathi entsha. Futhi enkathini entsha umsebenzi omusha kufanele wenziwe. Ikakhulukazi enkathini yokugcina lapho umuntu eyopheleliswa khona, uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi omusha ngokushesha okukhulu. Ngakho-ke, ngaphandle kokulalela enhliziyweni yakhe, umuntu uzokuthola kunzima ukulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu. UNkulunkulu akagcini mithetho, futhi akasithathi noma isiphi isigaba somsebenzi Wakhe njengesingakuguquki. Kunalokho, umsebenzi owenziwa uNkulunkulu ulokhu uba musha futhi ulokhu unyuka uya phezulu. Umsebenzi Wakhe uya ngokuya uba ongokoqobo kakhudlwana ngesinyathelo ngasinye futhi uhambisana kakhudlwana nezidingo zomuntu zoqobo. Kusemuva kokuba umuntu ezwe lolu hlobo lomsebenzi lapho engathola khona ukuguqulwa kokugcina kwesimo sakhe. Ulwazi lomuntu ngempilo lukhuphukela emazingeni angaphezulu, kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu nawo uya ngokuya wenyuka njalo. Ingale ndlela kuphela lapho umuntu engapheleliswa alungele ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenza ngale ndlela ukuphikisana nokuhlehlisela emuva imicabango yomuntu, kanti ngakolunye, ukuholela umuntu ukuya esimweni esiphakeme futhi esinamaqiniso, endaweni esesicongweni ekukholweni kuNkulunkulu, ukuze ekugcineni, intando kaNkulunkulu yenziwe. Bonke abanemvelo yokungalaleli abaphikisa ngamabomu bayoshiywa yilo msebenzi osheshayo futhi ohamba ngamandla; yilabo kuphela abalalela ngokuzimisela futhi abazithoba ngenjabulo abayoqhubeka baze bafike ekugcineni komgwaqo. Emsebenzini onjena, nonke kufanele nifunde ukuthobeka nokubeka eceleni imicabango yenu. Isinyathelo ngasinye kufanele sithathwe ngokucophelela. Uma ninganakekeli, ngokuqinisekileyo, niyophenduka abanye balabo abalahlwa uMoya oNgcwele, labo abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ngaphambi kokungena kulesi sigaba somsebenzi, imigomo nemithetho yomuntu yakudala yabe iminingi ngendlela yokuthi wakhohliseka, futhi umphumela walokho ukuthi waba nokuzikhukhumeza wazikhohlwa. Zonke lezi yizingqinamba ezivimba umuntu ekuthini amukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu; ziphikisa nokuthi umuntu afike ekwazini uNkulunkulu. Uma umuntu engenakho ukulalela enhliziyweni noma ukulangazelela iqiniso, uyoba senkingeni-ke. Uma ulalela kuphela umsebenzi namazwi alula, futhi ungakwazi ukwemukela lawo ajulile ngokushuba, ungumuntu ogcina ezindleleni ezindala futhi awukwazi ukuhambisana nejubane lomsebenzi kaMoya oNgcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 486)

Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu uyahluka ezikhathini ezihlukene. Uma ukhombisa ukulalela okukhulu esigabeni esinye, bese kuthi esigabeni esilandelayo ukhombise ukulalela okuncane noma ungalaleli nhlobo, uNkulunkulu uyokushiya. Uma uhambisana noNkulunkulu lapho enyuka lesi sinyathelo, kufanele uqhubeke nokuhambisana naye uma esenyukela kwesilandelayo isinyathelo. Abantu abanjena kuphela abalalela uMoya oNgcwele. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele uhlale njalo umile ekulaleleni kwakho. Awukwazi nje ukuthi umlalele uma uthanda futhi ungamlaleli uma ungathandi. Ukulalela okunje akuvunyelwe nguNkulunkulu. Uma ungakwazi ukuhambisana nomsebenzi omusha kodwa ube nobudlelwano futhi uqhubeke nokubambelela ezintweni ezazishiwo kudala, kungaba khona kanjani ukuthuthuka empilweni yakho? Umsebenzi kaNkulunkulu, ukupha amazwi Akhe. Uma ulalela futhi wemukela amazwi Akhe, ngokuqinisekileyo uMoya oNgcwele uyosebenza kuwena. UMoya oNgcwele usebenza ncamashi njengoba ngikhuluma. Yenza njengoba ngishilo, futhi uMoya oNgcwele uzosebenza ngokushesha kuwena. Ngidedela ukukhanya okusha ukuze nibone futhi unilethe ekukhanyeni kwamanje. Lapho ungena kulokhu kukhanya, uMoya oNgcwele uyosebenza kuwena masinyane. Kukhona abanye abangaba nenkani futhi bathi, “Angeke nje ngikwenze lokhu okushoyo.” Ngakho ngikutshela ukuthi manje usufike ekugcineni komgwaqo. Usubunile waphela futhi awusenampilo. Ngakho-ke, ekuzweni inguquko yesimo sakho, kusemqoka ukuhambisana nokukhanya kwamanje. UMoya oNgcwele akasebenzi nje kuphela kumadoda athile asetshenziswa nguNkulunkulu, kodwa ikakhulukazi ebandleni. Kungenzeka asebenze kunoma ubani. Angasebenza kuwena manje, bese emuva kokuthi usumuzwile, angasebenza komunye emva kwalokho. Landela ngokushesha; lapho ulandela eduze ukukhanya kwamanje, yilapho impilo yakho ingakhula khona. Noma ngabe uluhlobo luni lomuntu, uma nje uMoya oNgcwele usebenza kuye, yenza isiqiniseko sokuthi uyalandela. Yamukela izinto azizwile ngalokho okuzwile ngokwakho, futhi uzothola izinto eziphakeme kakhulu. Ngokwenzenjalo uzothuthuka ngokushesha okukhulu. Lena indlela yokupheleliswa komuntu nendlela impilo ekhula ngayo. Indlela yokupheleliswa itholakala ngokulalela kwakho umsebenzi kaMoya oNgcwele. Awazi ukuthi uNkulunkulu uzosebenza ngomuntu onjani ukukuphelelisa, nokuthi uzosebenza ngamuphi umuntu, isigameko, noma into ukukulethela inzuzo nokukusiza ukuthi uthole ukuqondisisa okuthile. Uma ukwazi ukuhamba kulo mgudu olungile, lokhu kukhombisa ukuthi kunethemba elikhulu lokuthi upheleliswe uNkulunkulu. Uma ungakwazi ukwenzenjalo, lokhu kukhomba ukuthi ikusasa lakho lifiphele futhi limnyama. Lapho uhamba emgudwini olungile, uzothola isambulo ezintweni zonke. Noma ngabe yini uMoya oNgcwele ayambula kwabanye, uma uqhubeka kulokho okuzwayo usebenzisa ulwazi lwabo, lokho kuyophenduka impilo yakho, futhi uyokwazi ukupha abanye ngenxa yalokho okuzwile. Labo abapha abanye ngokulingisa amazwi yilabo abangenalo ulwazi; kufanele ufunde ukuthola ngokukhanyiselwa nokukhanya kwabanye, indlela yokwenza ngaphambi kokukhuluma ngokwakho okuzwile nokwaziyo wena uqobo. Lokhu kuzoyisiza kakhulu impilo yakho. Kufanele uzwe ngale ndlela, ulalela konke okuvela kuNkulunkulu. Kufanele ufune intando kaNkulunkulu ezintweni zonke futhi ufunde isifundo ezintweni zonke, ukuze impilo yakho ikhule. Ukwenza okunje kusiza ekukhuleni ngokushesha kakhulu.

UMoya oNgcwele uyakukhanyisela ngalokho okuzwile ngoqobo futhi akuphelelise ngokholo lwakho. Uyafuna ngempela ukupheleliswa? Uma ufuna ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu, uzoba nesibindi sokulahla inyama yakho, futhi uzokwazi ukwenza amazwi kaNkulunkulu ungabukeli nje noma ube buthakathaka. Uzokwazi ukulalela konke okuvela kuNkulunkulu, nezenzo zakho zonke ziyobukeka, noma ngabe zenziwe ebusweni Bakhe noma cha. Uma ungumuntu owethembekile, futhi wenza iqiniso ezintweni zonke, uyopheleliswa. Labo bantu abakhohlisayo benza ngendlela ethile phambi kwabanye baphinde benze ngenye indlela ngemuva kwabo, abazimisele ukupheleliswa. Bonke bangamadodana okulahlwa nokubhujiswa; abayibo abakaNkulunkulu bangabakaSathane. Abalona uhlobo lwabantu abakhethwe nguNkulunkulu. Uma izenzo zakho nokuziphatha kungeke kwethulwe phambi kukaNkulunkulu noma kungeke kubukeke kuMoya oNgcwele, lokhu kufakaza ukuthi kukhona okungalungile ngawe. Uma kuphela wemukela ukwahlulelwa nokusola kukaNkulunkulu, futhi ukuthathele phezulu ukuguqulwa kwesimo sakho uyokwazi ukuba sendleleni yokupheleliswa. Uma uzimisele ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu nokwenza intando kaNkulunkulu, kufanele ulalele wenze wonke umsebenzi kaNkulunkulu, ngaphandle kokukhipha ngisho elilodwa izwi lokukhononda, ngaphandle kokuzam ukuhlola noma ukwahlulela umsebenzi kaNkulunkulu. Lezi izimiso eziphansi sokupheleliswa nguNkulunkulu. Isidingo esifunekayo kulabo abafuna ukupheleliswa nguNkulunkulu yilesi: yenza zonke izinto ngenhliziyo ethanda uNkulunkulu. Kusho ukuthini “ukwenza izinto ngenhliziyo ethanda uNkulunkulu?” Lokhu kusho ukuthi zonke izenzo zakho nokuziphatha kungethulwa phambi kukaNkulunkulu. Uma ugcina izinhloso ezilungile, noma izenzo zakho zilungile noma zimbi, awesabi ukuthi zethulwe kuNkulunkulu noma kodadewenu nabafowenu; uyalokotha ukufunga kuNkulunkulu. Kufanele wethule inhloso yakho yangempela, umcabango, nomqondo phambi kukaNkulunkulu ukuze akucubungule; uma wenza uphinde ungene ngale ndlela, ukukhula empilweni yakho kuyoshesha.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 487)

Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele ube nokukholwa kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu nakuwo wonke umsebenzi Wakhe. Okusho ukuthi, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele umlalele. Uma ungakwazi ukwenza lokhu, akusho lutho ukuthi uyakholwa kuNkulunkulu noma cha. Uma usukholwe kuNkulunkulu iminyaka eminingi, kodwa ungakaze umlalele noma wemukele wonke amazwi Akhe, kodwa kunalokho ucele uNkulunkulu ukuthi athobele wena futhi alandele imicabango yakho, ngakho uhlubuke ukudlula bonke, futhi awukholwa. Umuntu onjena angakwazi kanjani ukulalela umsebenzi namazwi kaNkulunkulu angahambisani nemicabango yomuntu? Umuntu oyihlongandlebe kunabo bonke umuntu oweyisa futhi amelane noNkulunkulu ngenhloso. Uyisitha sikaNkulunkulu futhi ungumphikikristu. Umuntu onjalo ugcina umoya wobutha njalo mayelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu, akaze akhombise nencane inhloso yokuzithoba, futhi akakaze alalele noma azehlise noma azithobe. Uyazikhukhumeza phambi kwabanye kanti akazithobi nhlobo komunye. Phambi kukaNkulunkulu uzibona enguchwepheshe ekushumayeleni izwi futhi enekhono kakhulu ekusebenzeni kwabanye. Akalingi alahle “amagugu” asenawo, kodwa uwathatha njengezinto zomndeni eziyigugu ezivela kokhokho okufanele zikhonzwe, kushunyayelwe ngazo kwabanye, futhi usebenzisa ukufundisa lezo ziphukuphuku ezimthanda kakhulu. Impela bakhona abantu abanje ebandleni. Kungashiwo ukuthi “bangamaqhawe angenakunqotshwa,” isizukulwane emuva kwesizukulwane bayavakasha endlini kaNkulunkulu. Bacabanga ukuthi ukushumayela izwi (imfundiso) kungumsebenzi wabo osemqoka. Unyaka nonyaka, isizukulwane emuva kwesinye, bawenza ngomdlandla umsebenzi wabo “ocwebileyo nongaphiliseki”. Abekho abalinga ukubathinta futhi abekho abalinga ukuthi babasole obala. Baphenduka “amakhosi” endlini kaNkulunkulu, bephithizela ngenkathi bebusa phezu kwabanye iminyaka ngeminyaka. Leli qulu lamadimoni lifuna ukuhlangana bese ndawonye alibhidlize umsebenzi Wami; ngingabavumela kanjani labo develi abaphilayo babe khona phambi kwamehlo Ami? Ngisho nalabo abanezinhliziyo ezingilalela kancane angeke bahambe baze bafike ekugcineni, kangakanani-ke laba bacindezeli abangenakulalela ngisho okuncane ezinhliziyweni zabo? Umsebenzi kaNkulunkulu awuzuzeki kalula kumuntu. Noma ngabe umuntu esebenzisa wonke amandla akhe, uyokwazi ukuzuza ingxenye encanyana nje bese ethola ukupheleliswa ekugcineni. Ngaphi-ke kwezingane zengelosi enkulu ehlose ukubhidliza umsebenzi kaNkulunkulu? Abanalo ithemba elincane ngokudlulele lokuzuzwa nguNkulunkulu? Inhloso yomsebenzi wami wokunqoba akuyona eyokunqoba ngoba kufanele kunqotshwe nje kuphela, kodwa ukunqoba ukuze kwembulwe ukulunga nokungalungi, ukuthola ubufakazi besijeziso somuntu, ukulahla ababi, kanye futhi, ikakhulu, nokuphelelisa labo abalalela ngokuzimisela. Ekugcineni, bonke bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, kanti bonke abaphelelisiwe, imicabango yabo igcwele ukulalela. Lo ngumsebenzi wokugcwaliswa ekugcineni. Kodwa labo abagcwele ukuhlubuka bayojeziswa, bathunyelwe ukuyosha emililweni futhi beqalekisiwe kuze kube phakade. Lapho leso sikhathi sifika “lawo maqhawe anganqobeki” ezinkathi ezedlule ayoba ngabaphansi kakhulu nabazitshwayo “ababuthakathaka namagwala angenamandla.” Yilokhu kuphela okungabonakalisa konke ukulunga kukaNkulunkulu futhi kwembule isimo Sakhe esingavumeli kucasulwa ngumuntu. Yilokhu kuphela okungahoxisa inzondo esenhliziyweni Yami. Awuvumi ukuthi lokhu kufanelekile?

Akubona bonke abezwa umsebenzi kaMoya oNgcwele abangazuza ukuphila, futhi akubona bonke abakulo mgudu abangathola ukuphila. Ukuphila akuyona into evamisile nje bonke abantu ababelana ngayo, futhi ukuguquka kwesimo akutholwa kalula yibo bonke. Ukuthobela umsebenzi kaNkulunkulu kufanele kube okuthintekayo futhi kufanele kuphilwe. Ukuthobeka okulula akwamukeleki kuNkulunkulu futhi inhliziyo kaNkulunkulu ayigculiseki ngokulalela okukha phezulu izwi likaNkulunkulu, ngaphandle kokufuna inguquko yesimo sakho. Ukulalela uNkulunkulu nokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu yinto eyodwa. Labo abathobela uNkulunkulu kodwa hhayi umsebenzi kaNkulunkulu ngeke bathathwe ngokuthi bayalalela futhi bayazenzisa ukuze bathandeke ngaphandle. Labo abathobela uNkulunkulu ngeqiniso bonke bayakwazi ukuzuza emsebenzini futhi bathole ukuqonda isimo nomsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abanje abathoba ngokweqiniso kuNkulunkulu. Abantu abanjalo bayakwazi ukuzuza ulwazi olusha futhi bezwe izinguquko ezintsha kulona. Abantu abanjalo kuphela abavunywa nguNkulunkulu: umuntu onjalo kuphela ophelelisiwe futhi waba nokuguquka kwesimo sakhe. Labo abavunywa nguNkulunkulu yilabo abathobela uNkulunkulu ngentokozo, futhi bathobele nezwi kanye nomsebenzi Wakhe. Yilolu hlobo lomuntu kuphela olulungile; yilolu hlobo lomuntu olufisa futhi lufuna uNkulunkulu ngeqiniso. Futhi labo abamane bakhulume nje ngokukholwa kwabo kuNkulunkulu, kodwa empeleni bemqalekisa, yilabo abazembozile abanobuthi bezinyoka, abakhohlisayo kunabo bonke. Lezi zichwensi ziyohlwithwa izembozo zazo ngelinye ilanga. Akuwona umsebenzi owenziwa namhlanje lowo? Ababi bayohlala bebabi futhi ngeke baphunyuke ngosuku lwesijeziso. Labo abalungileyo bayohlala belungile futhi bayokwambulwa lapho umsebenzi sewufike ekupheleni. Akekho namunye kwababi oyothiwa ulungile, noma namunye kwabalungileyo oyothiwa mubi. Ngingavuma namunye ame esolwa ngokungafanelekile?

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 488)

Njengoba impilo yakho iqhubeka, kufanele njalo ube nendlela yokungena entsha nokuqonda okusha futhi okuphakeme, okujulayo ngesinyathelo ngasinye. Yilokhu bonke abantu okufanele bangene kukho. Ngokuxoxisana, ukulalela umyalezo, ukufunda izwi likaNkulunkulu, noma ukubhekana nodaba oluthile, uyothola ukuqonda okusha kanye nokukhanyiselwa okusha. Futhi awuphili phakathi kwemithetho yakudala futhi ezikhathini zakudala. Uhlala uphila ekukhanyeni okusha futhi awuphambuki ezwini likaNkulunkulu. Yilokhu okuthathwa ngokuthi ukuba semgudwini olungile. Ngeke kulunge ukuthi ukhokhe ngokukha phezulu nje. Izwi likaNkulunkulu lenyukele ezingeni elingaphezulu futhi izinto ezintsha ziyavela usuku nosuku. Kubalulekile ukuthi nomuntu athole indlela entsha yokungena nsuku zonke. Lapho Nkulunkulu ekhuluma ufeza konke akukhulumile. uphelelisa; uma ungakwazi ukuhambisana naye, uyasala. Kufanele ujule emithandazweni yakho; ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu, akukwazi ukuba okwezikhashana. Julisa ukukhanyiselwa nokukhanya okutholayo, futhi imibono nemicabango yakho kufanele iye ngokuya iqhela. Kufanele futhi uqinise ukwahlulela kwakho, futhi noma uhlangana nani, kufanele ube nemicabango yakho ngakho futhi ube nemibono yakho. Ngokuqonda izinto ezithile ezikumoya, kufanele uthole ulwazi ezintweni ezingaphandle futhi uqonde umongo wanoma iluphi udaba. Uma ungenazo lezi zimfanelo, uzokwazi kanjani ukuhola ibandla? Uma ukhuluma nje kuphela ngamagama nezimfundiso ngaphandle kweqiniso futhi ngaphandle kwendlela yokwenza, ungaphumelela isikhashana nje kuphela. Kungemukeleka nje kancane emakholweni amasha, kodwa emuva kwesikhathi, lapho amakholwa amasha esethole ulwazi lwangempela, uzobe ungasakwazi ukubasiza. Ngakho ukulungele kanjani ukusetshenziswa nguNkulunkulu? Ngaphandle kokukhanyiselwa okusha awukwazi ukusebenza. Labo abangenako ukukhanyiselwa okusha yilabo abahlulekayo ukuba nokwazi, futhi abantu abanje abasoze bazuza ulwazi nokwazi okusha. Futhi, odabeni lokuletha impilo, ngeke bakwazi ukwenza umsebenzi wabo, noma balungele ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Umuntu onjalo ichithakele futhi ayilusizo lwalutho. Eqinisweni, abantu abanjalo abakwazi ukwenza okufuneka bakwenze emsebenzini futhi abalusizo lwalutho. Abehluleki kuphela ukwenza umsebenzi wabo, kodwa babeka umthwalo ongadingeki ebandleni. Ngiyabakhuthaza “laba bantu abahloniphekile abadala” ukuthi basheshise balishiye ibandla ukuze abanye bangabe besadinga ukukulandela. Abantu abanjalo abanakuqonda ngomsebenzi omusha kodwa bagcwele imicabango. Akukho abakwenzayo ebandleni; kunaloko bayona futhi basabalalise okungekuhle, batholakale benza eziningi izinhlobo zokungaziphathi kahle nokuphazamisa ebandleni, ngokwenzenjalo adida futhi akhubekise labo abangakwazi ukwehlukanisa. Labo develi abahamba ngezinyawo, le mimoya emibi kufanele ilishiye ibandla masinyane, lingaze lilimale ibandla ngenxa yakho. Ungase ungawesabi umsebenzi wanamuhla, kodwa awukwesabi na ukujeziswa okulungile kwakusasa? Baningi omahlalela ebandleni, kanye nezimpisi eziningi ezifuna ukuthikameza umsebenzi ojwayelekile kaNkulunkulu. Lezi zinto zonke zingamadimoni lawa athunywe ngudeveli, izimpisi ezinonya ezifuna ukushwabadela izimvu ezingaboni. Uma laba bantu-mbumbulu bengaxoshwa, baphenduka izimbungulu ebandleni namabhu adla iminikelo. Lezi zimpethu ezidelelekile, ezingenalwazi, eziphansi nezinyanyekayo ziyojeziswa ngolunye usuku!

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 489)

Ukuba nolwazi ngokungokoqobo nokukwazi ukuwubona ngokucacile umsebenzi kaNkulunkulu—konke lokhu kuyabonakala emazwini Akhe. Ukukhanya ungakuthola kuphela emazwini kaNkulunkulu, ngakho kufanele uzihlomise kakhulu ngamazwi Akhe. Lapho kuba nezingxoxo, xoxa ngokuqonda onakho ngamazwi kaNkulunkulu, ngokuphawula kwakhe abanye bangathola ukukhanyiselwa futhi kungaholela abantu endleleni—le ndlela ingokoqobo. Ngaphambi kokuba uNkulunkulu akuthumelele indawo, ngamunye kini kumele aqale azihlomise ngamazwi Akhe. Lena yinto wonke umuntu okufanele ayenze—kuyinto ephuthuma kakhulu. Into yokuqala okufanele uyenze ukukwazi ukudla nokuphuza amazwi Akhe. Ezintweni ongakwazi ukuzenza, funa indlela yokuzenza emazwini Akhe, bese ufuna emazwini Akhe noma yiziphi izinto ongaziqondi noma ubunzima onabo. Yenza amazwi kaNkulunkulu abe impahla yakho, futhi uwavumele ukuba akusize ekuxazululeni ubunzima nezinkinga okungokoqobo; futhi uvumele amazwi Akhe abe usizo kuwe empilweni. Lezi zinto zidinga umzamo ovela ngakuwe. Ekudleni nasekuphuzeni izwi likaNkulunkulu, kumele uthole imiphumela; kufanele ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi Kwakhe, futhi wenze ngokuvumelana namazwi Akhe lapho uhlangabezana nezinkinga. Lapho ungakaze uhlangane nezinkinga, mane nje udle futhi uphuze. Ngezinye izikhathi ungathandaza futhi ucabange ngothando lukaNkulunkulu, uxoxe ngendlela oqonda ngayo amazwi Akhe, futhi uxoxe ngokukhanyiselwa nokukhanya okuthola ngaphakathi nendlela ozizwa ngayo lapho uwafunda, futhi unganikeza abantu indlela yokuphuma. Yilokhu kuphela okungokoqobo. Inhloso yokwenza lokhu ukuvumela amazwi kaNkulunkulu abe impahla yakho engokoqobo.

Phakathi nosuku, mangaki ngempela amahora owachitha phambi kukaNkulunkulu? Singakanani isikhathi osukwini lwakho osipha uNkulunkulu? Singakanani osinika inyama? Ukwenza inhliziyo yakho ihlale ibheke ngakuNkulunkulu kuyisinyathelo sokuqala emgudwini ofanele oya ekuphelelisweni uNkulunkulu. Unganikela ngayo yonke inhliziyo nomzimba wakho nalo lonke uthando lwakho kuNkulunkulu, ukubeke phambi kukaNkulunkulu, umlalele ngokuphelele Yena, futhi ucabangele ngokuphelele intando Yakhe. Hhayi ngenyama, hhayi ngomndeni futhi hhayi ngezifiso zakho siqu, kodwa ngenxa yezithakazelo zendlu kaNkulunkulu. Kuzo zonke izinto ungathatha izwi likaNkulunkulu njengesimiso, njengesisekelo. Ngaleyo ndlela, izinhloso zakho, imibono yakho konke kuzoba sendaweni efanele, futhi uzoba umuntu onconywa uNkulunkulu phambi Kwakhe. UNkulunkulu uthanda abantu abazinikele ngokuphele Kuye, abantu abaqotho Kuye futhi hhayi komunye. Labo abazondayo abantu abanenhliziyo engaphelele Kuye, abadlubulandayo Kuye. Uyabazonda labo abakholelwa Kuye futhi abahlale befuna ukujabula Ngaye, kodwa abakwazi ukuzinikela ngokuphelele ngenxa Yakhe. Uyabazonda labo abathi bayamthanda kodwa badlubulunde Kuye ezinhliziyweni zabo. Uyabazonda labo abasebenzisa amazwi ahlotshisiwe ukuze bakhohlise. Labo abangazinikeli ngobuqotho kuNkulunkulu noma bamlalele ngobuqotho bangabantu abakhohlisayo; ngokwemvelo banenkani kakhulu. Labo abangakwazi ukulalela ngobuqotho phambi kukaNkulunkulu ojwayelekile, ongokoqobo, banenkani ngisho nakakhulu, futhi bona ikakhulukazi bayizigqila zengelosi enkulu. Labo abazinikela ngempela endaweni kaNkulunkulu sonke isiqu sabo phambi Kwakhe. Bawalalela ngobuqotho wonke amazwi Akhe, futhi bayakwazi ukwenza amazwi Akhe. Benza amazwi kaNkulunkulu isisekelo sokuba khona kwabo, futhi bayakwazi ukufuna ngobuqotho izingxenye abangazenza ezwini likaNkulunkulu. Lona ngumuntu ophila ngeqiniso phambi kukaNkulunkulu. Uma okwenzayo kuzuzisa empilweni yakho, futhi ngokudla nokuphuza amazwi Akhe, ungahlangabezana nezidingo zakho zangaphakathi kanye nokunganeliseki ukuze isimo sokuphila kwakho siguqulwe, khona-ke lokhu kuyokwanelisa intando kaNkulunkulu. Uma wenza ngokuhambisana nezimfuno zikaNkulunkulu, uma ungayanelisi inyama kodwa wanelise intando Yakhe, lokhu kuwukungena eqinisweni lamazwi Akhe. Uma kukhulunywa ngokungena ujule eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi ungawenza umsebenzi wakho wanelise izimfuno zikaNkulunkulu. Yilolu hlobo kuphela lwezenzo ezibalulekile olungabizwa ngokungena eqinisweni lwamazwi Akhe. Uma ukwazi ukungena kuleli qiniso, kusho ukuthi uneqiniso. Lesi isiqalo sokungena eqinisweni; kumele uqale wenze lokhu kuqeqeshwa futhi kungemva kwalokho kuphela lapho uyokwazi khona ukungena ujule ezintweni zangempela. Cabanga ngendlela yokugcina imiyalo kanye nendlela yokuba qotho phambi kukaNkulunkulu. Ungahlale ucabanga ngokuthi kunini lapho uyokwazi khona ukungena embusweni—uma isimo sakho singashintshi, noma yini oyicabangayo ngeke ibe namsebenzi! Ukuze ungene eqinisweni lwamazwi kaNkulunkulu, kumele uqale ukwazi ukwenza yonke imibono nemicabango yakho kube ngokukaNkulunkulu—lesi isidingo esisobala.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Ngeqiniso Yilabo Abakuthobela Ngokuphelele Ukuba Ngokoqobo Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 490)

Baningi abantu njengamanje abaphakathi kwezilingo; abawuqondi umsebenzi kaNkulunkulu. Kodwa ngiyakutshela—uma ungakuqondi, kungaba kuhle ungenzi ukwahlulela ngakho. Mhlawumbe kuyoba nosuku lapho iqiniso liyovela obala bese uyakwazi. Ukungenzi izahlulelo kuyokusiza, kodwa awukwazi ukumane ulinde nje. Kumele ufune ukungena ngomdlandla—yilona kuphela umuntu onokungena ngempela. Ngenxa yokudlubulunda kwabo, abantu bahlale beba nemibono ngoNkulunkulu osebenzayo. Lokhu kudinga bonke abantu bafunde indlela yokulalela ngoba uNkulunkulu osebenzayo uwuvivinyo olukhulu esintwini. Uma ungakwazi ukuma uqine, kusho ukuthi konke kuphelile; uma ungenakho ukuqonda ngoNkulunkulu osebenzayo, ngeke ukwazi ukupheleliswa uNkulunkulu. Isinyathelo esibucayi ekutheni abantu bangapheleliswa yini ukuqonda uNkulunkulu osebenzayo. Ukuba ukusebenza kukaNkulunkulu osenyameni eza emhlabeni kuwuvivinyo lomuntu nomuntu. Uma ukwazi ukuma uqine kulokhu, kusho ukuthi ungumuntu omaziyo uNkulunkulu, futhi ungumuntu omthanda ngempela. Uma ungakwazi ukuma uqine kulokhu, uma ukholelwa kuMoya kuphela futhi ungakwazi ukuba nokholo kumsebenzi kaNkulunkulu, khona-ke akunandaba ukuthi ukholo lwakho kuNkulunkulu lukhulu kangakanani, alunamsebenzi. Uma ungakwazi ukukholelwa kuNkulunkulu obonakalayo, ungakholelwa yini kuMoya kaNkulunkulu? Awuzami yini ukukhohlisa uNkulunkulu? Awukholelwa kuNkulunkulu obonakalayo futhi wangempela, ngakho uyakwazi yini ukulandela uMoya? UMoya awubonakali futhi awuthinteki, ngakho lapho uthi ulalela uMoya kaNkulunkulu, awukhulumi yini into engekho? Into ewumgogodla wokugcina imiyalo ukuqonda uNkulunkulu osebenzayo. Uma usumqonda uNkulunkulu osebenzayo, uyokwazi ukugcina imiyalo. Ukugcina imiyalo kufaka phakathi izinto ezimbili: Enye yazo ukubambelela engqikithini kaMoya Wakhe, nangaphambi kukaMoya, ukwazi ukwamukela ukuhlola koMoya; umoya uphambi Kwakhe. Enye ukukwazi ukuyiqonda kangcono inyama esesimweni somuntu, nokufinyelela ukulalela kwangempela. Akunandaba ukuthi ingaphambi kwenyama noma ngaphambi kukaMoya, inhliziyo yomuntu olalela futhi owesaba uNkulunkulu kufanele ihlale igcinwa. Yilolu hlobo lomuntu kuphela okulufanele ukupheleliswa. Uma umqonda uNkulunkulu osebenzayo—okungukuthi, uma ume waqina kulokhu kuvivinywa, khona-ke akunalutho oluyokwehlula.

Abanye abantu bathi, “Kulula ukugcina imiyalo. Udinga nje ukuza phambi kukaNkulunkulu, ukhulume ungagwegwesi futhi ngogqozi ngaphandle kokudideka, futhi lokhu kuwukugcina imiyalo.” Ingabe lokho kulungile? Ngakho, uma wenza izinto ezimbalwa ezimelana Naye lapho uNkulunkulu engakuboni, ngabe lokhu kubalwa njengokugcina imiyalo? Kumele ukuqonde ngokugcwele lokho okubandakanywa ukugcina imiyalo. Kuphathelene nokuthi ukuqonda ngokwempela yini ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu; uma uqonda amandla okusebenza, futhi ungakhubeki uwe kulolu vivinyo, lokhu kubhekwa njengokuthi unobufakazi obunamandla. Ukunikeza ubufakazi obucacile ngoNkulunkulu ngokuyinhloko kuncike ekutheni uyamqonda yini noma cha uNkulunkulu osebenzayo, nokuthi uyakwazi yini noma cha ukulalela phambi kwalo muntu ongagcini nje ngokuba ojwayelekile, kodwa ovamile, futhi olalela kuze kube sekufeni. Uma ngempela ufakaza ngoNkulunkulu phakathi nalokhu kulalela, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ukuzuzile. Ukukwazi ukulalela kuze kube sekufeni, nokukhululeka ezikhalazweni phambi Kwakhe, ungenzi izahlulelo, unganyundeli, ungabi nemibono futhi ungabi nezinye izinhloso—uNkulunkulu uyoyizuza ngale ndlela inkazimulo. Ukulalela phambi komuntu ojwayelekile abantu abamubukela phansi futhi ukwazi ukulalela kuze kube sekufeni ngaphandle kwemibono—lokhu kuwubufakazi bangempela. Iqiniso uNkulunkulu afuna abantu bangene kukho ukuthi ukwazi ukulalela amazwi Akhe, ukwazi ukwenza amazwi Akhe, ukwazi ukukhothama phambi kukaNkulunkulu osebenzayo, futhi ukwazi ukukhohlakala kwakho, ukwazi ukuvula inhliziyo yakho phambi Kwakhe, futhi ekugcineni uzuzwe Nguye ngala mazwi Akhe. UNkulunkulu uzuza inkazimulo lapho la mazwi ekunqoba futhi akwenze umlalele ngokugcwele; ngalokhu uhlaza uSathane aqede umsebenzi Wakhe. Lapho ungenamibono ngokusebenza kukaNkulunkulu osenyameni, okusho ukuthi, lapho uma uqina kulolu vivinyo, khona-ke unikeza ubufakazi obuhle. Uma kunosuku lapho unokuqonda okugcwele ngoNkulunkulu osebenzayo futhi ungalalela kuze kube sekufeni njengoPetru, uyozuzwa uNkulunkulu, futhi upheleliswe Nguye. Lokho uNkulunkulu akwenzayo akuhambisani nemibono yakho kuluvivinyo lwakho. Ukube bekuhambisana nemibono yakho, bekungeke kudinge ukuthi uhlupheke noma ulungiswe. Kungenxa yokuthi umsebenzi Wakhe ubalulekile kakhulu futhi awuhambisani nemibono yakho okwenza udinge wena uhlukane nemibono yakho. Yingakho kuluvivinyo kuwe. Kungenxa yokusebenza kukaNkulunkulu okwenza bonke abantu babe phakathi kwezivivinyo; umsebenzi Wakhe ubalulekile, awukho ngaphezu kwamandla emvelo. Ngokuwaqonda ngokugcwele amazwi Akhe abalulekile, uqonde amazwi Akhe abalulekile ngaphandle kwemibono, futhi ukwazi ukumthanda kakhulu ngobuqotho, lapho umsebenzi Wakhe uya ngokubaluleka, uyozuzwa Nguye. Iqembu labantu uNkulunkulu ayolizuza yilabo abazi uNkulunkulu, okusho ukuthi, labo abazi ukuba ukubaluleka Kwakhe, futhi ngaphezu kwalokho bayilabo abakwazi ukulalela umsebenzi obalulekile kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Ngeqiniso Yilabo Abakuthobela Ngokuphelele Ukuba Ngokoqobo Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 491)

Phakathi nesikhathi sikaNkulunkulu enyameni, ukulalela akudinga kubantu akukhona lokhu abantu abakucabangayo—ukwenza izahlulelo noma ukuphikisa. Kunalokho, udinga ukuthi abantu benze amazwi Akhe imiyalo yabo yokuphila nesisekelo sokusinda kwabo, ukuthi nakanjani benze isisekelo samazwi Akhe, nokuthi bayanelise ngempela intando Yakhe. Esinye isimo esidinga abantu balalele uNkulunkulu osamuntu sisho ukwenza amazwi Akhe, futhi esinye isimo sidinga ukuba ukwazi ukulalela ukujwayeleka Kwakhe nokubaluleka Kwakhe. Kokubili lokhu kumele kwenzeke nakanjani. Labo abangazifinyelela zombili lezi zimo yibo bonke labo abanenhliziyo yothando oluqotho ngoNkulunkulu. Bonke bangabantu abazuzwe nguNkulunkulu, futhi bonke bathanda uNkulunkulu njengoba bethanda ukuphila kwabo. UNkulunkulu osamuntu unobuntu obujwayelekile nokubaluleka komsebenzi Wakhe. Ngale ndlela, ingaphandle Lakhe lakho kokubili ubuntu obujwayelekile nokubaluleka kovivinyo olukhulu kubantu; kuba ingqinamba enkulu kakhulu. Kodwa, ukujwayeleka kukaNkulunkulu nokuba ngosebenzayo akunakugwenywa. Uzama konke ukuze athole isixazululo kodwa ekugcineni akakwazanga ukuzihlubula ingaphandle Lakhe lobuntu Bakhe obujwayelekile, ngenxa yokuthi ngemva kwakho konke, uNkulunkulu osenyameni, hhayi uNkulunkulu kMoya osezulwini. Akayena uNkulunkulu abantu abangakwazi ukumbona, kodwa unguNkulunkulu owembathe isikhumba sendalo eyodwa. Kulokhu, ukuzihlubula ingaphandle lobuntu Bakhe obujwayelekile nakanjani bekuyoba lula. Ngakho noma kuthiwani, usawenza umsebenzi afuna ukuwenza enyameni. Lo msebenzi ungukuboniswa kukaNkulunkulu ojwayelekile nobalulekile, ngakho kungamukeleka kanjani ukuthi abantu bangalaleli? Yini nje emhlabeni abantu abangayenza ngezenzo zikaNkulunkulu? Wenza konke afuna ukukwenza; noma yini ajabulayo ngayo injalo. Uma abantu bengalaleli, yimaphi amanye amacebo anengqondo abangaba nawo? Kuze kube manje, ukulalela kuphela okungasindisa abantu; ayikho eminye imibono ehlakaniphile. Uma uNkulunkulu efuna ukuvivinya abantu, yini abangayenza ngakho? Kodwa konke lokhu akuwona umbono kaNkulunkulu osezulwini; kuwumbono kaNkulunkulu osenyameni. Ufuna ukukwenza lokhu, ngakho akekho umuntu ongakushintsha. UNkulunkulu osezulwini akagxambukeli kwakwenzayo, ngakho akufanele yini abantu bamlalele ngisho kakhulu? Nakuba eyikho kokubili, osebenzayo futhi ejwayelekile, unguNkulunkulu osenyameni ngokugcwele. Ngenxa yemibono Yakhe, wenza noma yini afuna ukuyenza. UNkulunkulu osezulwini umnike wonke umsebenzi; kumele ulalele noma yini ayenzayo. Nakuba enobuntu futhi ejwayeleke kakhulu, konke lokhu yilokhu akuhlelile ngenhloso, ngakho abantu bangambheka kanjani, amehlo agcwale ukungamamukeli? Ufuna ukuba ojwayelekile, ngakho ujwayelekile. Ufuna ukuphila ebantwini, ngakho uphila ebantwini. Ufuna ukuphila ngobunkulunkulu, ngakho uphila ebunkulunkulwini. Abantu bangakubuka ngendlela abayithandayo. UNkulunkulu uyohlale enguNkulunkulu futhi abantu bayohlale bengabantu. Isiqu Sakhe asinakuphikwa ngenxa yemininingwane emincane, futhi akanakusunduzelwa ngaphandle “komuntu” kaNkulunkulu ngenxa yento eyodwa encane. Abantu banenkululeko yokuba abantu, futhi uNkulunkulu unesikhundla sokuba uNkulunkulu; lokhu akuhlangani nokunye. Abantu bangemnike yini inkululeko encane nje uNkulunkulu? Ngeke bakwazi ukubekezelela ukukhululeka kukaNkulunkulu ngokuthe xaxa? Musa ukuqinisa kakhulu isandla kuNkulunkulu! Wonke umuntu kufanele abekezelele omunye; uma kunjalo ngeke yini konke kulungiswe? Ngeke yini kube nokubopheka okukhona? Uma othile engeke ayibekezelele into encane kanjalo, bangacabanga nje ngokuba umuntu onomusa, umuntu wangempela? Akukhona ukuthi uNkulunkulu usithwalisa kanzima isintu, kodwa isintu esithwalisa uNkulunkulu kanzima. Bahlale besingatha izinto ngokuphendula izindunduma bazenze izintaba—ngempela into engelutho bayenza utho, sibe singekho ngempela isidingo! Lapho uNkulunkulu esebenza emuntwini ojwayelekile wangempela, akwenzayo akuwona umsebenzi wesintu, kodwa umsebenzi kaNkulunkulu. Noma kunjalo, abantu abasiboni isiqu somsebenzi Wakhe—bahlale bebona ingaphandle lobuntu Bakhe. Abakaze bawubone umsebenzi omkhulu ngale ndlela, kodwa bayaphikelela ekuboneni ubuntu bukaNkulunkulu obujwayelekile nobuvamile futhi ngeke babushiye. Lokhu kungabizwa kanjani ngokulalela uNkulunkulu? UNkulunkulu osezulwini manje “usephenduke” uNkulunkulu osemhlabeni, futhi uNkulunkulu osemhlabeni manje usenguNkulunkulu osezulwini. Akunandaba ukuthi ukubukeka Kwabo kwangaphandle kuyafana noma ukuthi umsebenzi Wabo unjani. Kukho konke, Lowo owenza umsebenzi kaNkulunkulu unguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Kumele ulalele uthanda ungathandi—lena akuyona into ongakhetha kuyo! UNkulunkulu kumele alalelwe abantu, futhi abantu kumele nakanjani balalele uNkulunkulu ngaphandle kokuzenzisa okuncane.

Iqembu labantu uNkulunkulu osamuntu afuna ukulizuza namuhla yilabo abahambisana nentando Yakhe. Abantu kudingeka balalele kuphela umsebenzi Wakhe, bangahlale bezikhathaza ngemibono kaNkulunkulu osezulwini, baphile ezimweni eziyinqaba, noma benze izinto zibe nzima kuNkulunkulu osenyameni. Labo abakwaziyo ukumlalela yilabo nakanjani abalalela amazwi Akhe futhi abalalela amalungiselelo Akhe. Laba bantu abanaki nhlobo ukuthi uNkulunkulu osezulwini unjani ngempela noma ukuthi hlobo luni lomsebenzi uNkulunkulu osezulwini awenzayo manje esintwini, kodwa banikela ngokugcwele ngezinhliziyo zabo kuNkulunkulu osemhlabeni futhi banikela ngaso sonke isiqu sabo phambi Kwakhe. Abalokothi bacabange ngokuphepha kwabo, futhi abakhathazeki ngokujwayeleka nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu osenyameni. Labo abalalela uNkulunkulu osenyameni bangapheleliswa Nguye. Labo abakholelwa kuNkulunkulu ezulwini ngeke bathole lutho. Lokhu kungenxa yokuthi akuyena uNkulunkulu osezulwini, kodwa uNkulunkulu osemhlabeni obeka izithembiso nezibusiso phezu kwabantu. Abantu akufanele bahlale bekhazimulisa uNkulunkulu osezulwini bese bebheka uNkulunkulu osemhlabeni njengomuntu ojwayelekile. Akukuhle lokhu. UNkulunkulu osezulwini mkhulu futhi unokuhlakanipha okumangalisayo. UNkulunkulu osemhlabeni ujwayeleke kakhulu futhi akabalulekile; uphinde abe ovame kakhulu. Akanawo umqondo ongajwayelekile noma izenzo ezithusayo zasemhlabeni. Umane asebenze futhi akhulume kuyo yonke indlela ejwayelekile yansuku zonke. Nakuba engakhulumi ngokuduma kwezulu noma ngokuyala umoya nemvula, ngempela unguNkulunkulu osezulwini osamuntu, futhi ngempela unguNkulunkulu ophila phakathi kwabantu. Abantu akumele bakhazimulise lowo abakwazi ukumqonda noma ohambisana nemicabango yabo njengoNkulunkulu, noma babone Lona abangakwazi ukumamukela futhi nakanjani abangeke bamcabange njengophansi. Konke lokhu ukudlubulunda kwabantu; konke kuwumthombo wokuphika kwesintu uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Ngeqiniso Yilabo Abakuthobela Ngokuphelele Ukuba Ngokoqobo Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 492)

Uma abantu bethembele kwimizwa kanembeza wabo, ngeke bezwe uthando lukaNkulunkulu; uma bethembele kunembeza wabo, uthando lwabo ngoNkulunkulu luzoba buthaka. Uma ukhuluma ngokubuyisela umusa nothando lukaNkulunkulu kuphela, ngeke ubenomdlandla othandweni Ngaye; ukumthanda Yena ngenxa yemizwa yanembeza kuyindlela engenamiphumela. Kungani ngithi kuyindlela engenamiphumela? Lolu udaba olwenzekayo. Hlobo luni lothando lolu? Akusikho ukuzama ukukhohlisa uNkulunkulu nokwenzela Yena nje? Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ayikho inzuzo ngokuthanda uNkulunkulu, futhi umuntu uzosolwa ngokufanayo nangokungamthandi Yena, ngakho lilonke nje ukungoni akwanele. Ngakho ukuthanda uNkulunkulu nokubuyisela uthando Lwakhe ngenxa yemizwa yanembeza womuntu kuyindlela engenamiphumela, futhi akusilo uthando ngoNkulunkulu olufika ngokuzenzakalelayo enhlizyweni yomuntu. Uthando ngoNkulunkulu kufanele kube umuzwa woqobo ovela ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. Abanye abantu bathi: “Mina ngokwami ngizimsele ukuphikelela kuNkulunkulu futhi ngilandele Yena. Manje uNkulunkulu ufuna ukungilahla kodwa ngisafuna ukumlandela Yena. Noma ngabe uyangifuna noma cha, ngisazomthanda Yena, futhi ekugcineni kumele ngimzuze Yena. Nginikela inhliziyo yami kuNkulunkulu, nanoma yini Ayenzayo, ngizolandela Yena impilo yami yonke. Noma ngabe yini, kufanele ngimthande uNkulunkulu futhi kufanele ngizuze Yena; ngeke ngiphumule ngize ngizuze Yena.” Ngabe unaso isifiso esifana nalesi?

Indlela yokukholelwa kuNkulunkulu kuyindlela yokuthanda Yena. Uma ukholelwa kuYena kufanele uthande Yena; noma kunjalo, ukuthanda Yena akusho ukubuyisela uthando Lakhe kuphela noma ukuthanda Yena ngenxa yemizwa yanembeza—uthando olumsulwa ngoNkulunkulu. Kunezikhathi lapho abantu bencika kunembeza wabo futhi abakwazi ukuzwa uthando lukaNkulunkulu. Kungani ngihlezi ngithi: “Kwangathi uMoya kaNkulunkulu anganyakazisa umoya wethu”? Kungani ngingakhulumi ngokunyakaziswa kwanembeza wabantu ukuthi bathande uNkulunkulu? Kungoba unembeza wabantu awukwazi ukuzwa uthando lukaNkulunkulu. Uma ungaqinisekile ngalawo mazwi, ungasebenzisa unembeza wakho ukuba uzwe uthando Lwakhe, futhi ubenomdlandla ngalowo mzuzu kodwa uzoshabalala. Uma usebenzisa unembeza wakho kuphela ukuzwa uthando lukaNkulunkulu, uba nomdlandla uma uthandaza, kodwa emva kwalokho luvele luphele, lushabalale. Ngabe kumayelana nani lokho? Uma usebenzisa unembeza wakho kuphela ngeke ukwazi ukuvusa uthando lakho laNkulunkulu; uma uzwa ngempela uthando Lwakhe enhliziyweni yakho umoya wakho uzonyakaziswa Nguye, futhi kungaleso isikhathi kuphela lapho unembeza wakho ungakwazi ukudlala indima yawo yoqobo. Lokho okusho ukuthi uma abantu sebenyakazisiwe uNkulunkulu emoyeni wabo nezinhliziyo zabo sezizuze ulwazi nokukhuthazwa, okusho ukuthi, emumva kokuzuza ulwazi, kulapho bezokwazi kahle ukuthanda uNkulunkulu ngonembeza wabo. Ukuthanda uNkulunkulu ngonembeza akusiyo into engalungile—lokhu kuyizinga eliphansi konawo wonke lokuthanda uNkulunkulu. Indlela yabantu yokuthanda yokugcina icala kumusa kaNkulunkulu impela ngeke babe namandla okukhuthalela ukungena kwabo. Uma abantu bethola ingxeye yomsebenzi kaMoya oNgcwele, lokho okusho ukuthi, uma bebona futhi benambitha uthando lukaNkulunkulu kwabakwenzayo, uma benolwazi lwaNkulunkulu futhi bebona ngokweqiniso ukuthi uNkulunkulu ufanelwe kakhulu uthando lwesintu nokuthi Muhle kangakanani, yilapho kuphela abantu bekwazi ukumthanda ngokweqiniso uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Uthando Lwangempela lukaNkulunkulu Luyazenzakalela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 493)

Uma abantu bethintana noNkulunkulu ngezinhliziyo zabo, uma izinhliziyo zabo sezikwazi ukuphendukela kuYena ngokuphelele, lesi isinyathelo sokuqala sothando lomuntu kuNkulunkulu. Uma ufuna ukuthanda uNkulunkulu, kufanele ukwazi ukuphendulela inhliziyo yakho kuYena. Kuyini ukuphendulela inhliziyo yakho kuNkulunkulu? Kulapho konke okuphokophele ngenhliziyo yakho kungenxa yokuthanda nokuzuza uNkulunkulu, lokhu kukhombisa ukuthi uyiphendulele ngokuphelele inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ngaphandle kwaNkulunkulu namazwi Akhe, cishe akukho okunye enhliziyweni yakho (umndeni, ingcebo, umyeni, unkosikazi, izingane noma ezinye izinto). Noma ngabe zikhona, azikwazi ukuhlala enhliziyweni yakho, futhi awucabangi ongakwenza amathuba ekusasa lakho kepha uphokophela ekuthandeni uNkulunkulu kuphela. Ngaleso sikhathi uzobe usuyiphendulele ngokuphelele inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ake kuthiwe usenza izinhlelo zakho enhliziyweni yakho futhi uyohlezi uphokophele inzuzo yesiqu sakho, uhlale ucabanga uthi: “Ngingasenza nini isicelo esincane kuNkulunkulu? Uzoceba nini umndeni wami? Ngingazithola kanjani izingubo ezinhle? …” Uma uphila kuleso simo kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikaphendukeli kuNkulunkulu ngokuphelele. Uma unamazwi kaNkulunkulu kuphela enhliziyweni yakho futhi ukwazi ukuthandaza kuNkulunkulu futhi usondelane Naye nkathi zonke, kube engathi Useduze kakhulu nawe, kube engathi uNkulunkulu ungaphakathi kuwe futhi nawe ungaphakathi Kuye, uma ukwisimo esifana naleso, kuchaza ukuthi inhliziyo yakho ikeyaba ngaphambi kukaNkulunkulu. Uma uthandaza kuNkulunkulu futhi udla uphuza amazwi Akhe nsuku zonke, uhlezi ucabanga ngomsebenzi webandla, uma ukhombisa ukucabangela intando kaNkulunkulu, usebenzisa inhliziyo yakho ukuthanda Yena ngokweqiniso futhi wanelisa inhliziyo Yakhe, inhliziyo yakho izoba ngekaNkulunkulu. Uma inhliziyo yakho isagcwele ezinto ezinye, okusho ukuthi isagcwele uSathane futhi ayikaguqukeli kuNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu isiguqukele kuNkulunkulu ngokweqiniso, bazoba nothando Lwakhe oluyiqiniso, oluzenzekelayo futhi uzokwazi ukucabangela umsebenzi kaNkulunkulu. Noma ngabe bangaba esimweni sobuwula nokungabi namqondo, bazokwazi ukucabangela okufanele kwendlu kaNkulunkulu, umsebenzi Wakhe, kanye nokushintsha kwesimo sabo. Inhliziyo yabo iyobe iqinisekile. Abanye abantu bahlezi bephakamisa uphawu lwebandla noma ngabe benzani; eqinisweni lokhu kungokuba kuzuze bona. Lolu hlobo lomuntu alunayo inhloso elungile. Akalunganga futhi uyakhohlisa nezinto eziningi azenzayo uzenza ngokufuna ukuthi kuzuze yena. Lolu hlobo lomuntu aluphokophele ukuthanda uNkulunkulu; inhliziyo yakhe kusengeka Sathane futhi ayikwazi ukuguqukela kuNkulunkulu. uNkulunkulu akanayo indlela yokuzuza lolu hlobo lomuntu.

Isinyathelo sokuqala sokuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso nokuzuzwa Nguye ukuguqulela inhliziyo yakho kuNkulunkulu ngokuphelele. Kukho konke okwenzayo, zifune futhi uzibuze: “Ngabe ngenza lokhu ngenhliziyo enothando lukaNkulunkulu? Ngabe ikhona inhloso yami kulokhu? Yini inhloso yami ngokwenza lokhu?” Uma ufuna ukunikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu kufuneka uqale ngokunqoba inhliziyo yakho, udele zonke izinhloso zakho, futhi ufinyelele esigabeni sokuba ngokaNkulunkulu ngokuphelele. Lena indlela yokuzama ukunikela inhliziyo yakho uNkulunkulu. Kusho ukuthini ukunqoba inhliziyo yomuntu uqobo? Kungukudedela ubukhazikhazi bezifiso zenyama, akusiko ukuhahela izibusiso zesikhundla noma ukuhahela induduzo, ukwenza konke ukwanelisa uNkulunkulu, nokwenza inhliziyo yomuntu ibe ngeYakhe ngokugcwele, hhayi ngenxa yomuntu. Lokhu kwenele.

Kucashunwe embhalweni othi “Uthando Lwangempela lukaNkulunkulu Luyazenzakalela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 494)

Uthando lweqiniso lukaNkulunkulu luvela ekujuleni ngaphakathi kwenhliziyo; kunguthando olukhona ngenxa yesisekelo solwazi lwabantu ngoNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu iguqukela kuNkulunkulu ngokuphelele baba nothando lukaNkulunkulu, kodwa lolo thando alikho msulwa kahle futhi aluphelele kahle. Lokhu kungenxa yebanga elithile phakathi kwenhliziyo yomuntu ukuba iguqukele kuNkulunkulu ngokuphelele nomuntu onokuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu kanye nokumthandisisa Yena. Indlela yokuthi umuntu ukuzuza uthando lweqiniso likaNkulunkulu nokwazi isomo sikaNkulunkulu ukuguqulela inhliziyo yabo kuNkulunkulu. Emva kokunika uNkulunkulu inhliziyo yabo yeqiniso, bazoqala ukungena ekuphileni, futhi ngale ndlela isimo sabo sizoqala ukushintsha, uthando abanalo likaNkulunkulu lizokhula kancane kancane, kanye nolwazi ngoNkulunkulu nalo luzokhula kancane kancane. Ngakho ukuguqulele inhliziyo kuNkulunkulu komuntu kunemibandela ukuze ubuyele endleleni elungile yokuphila. Uma abantu bebeka izinhliziyo zabo phambili kwaNkulunkulu, banenhliziyo elangazelela Yena kuphela kodwa hhayi uthando Lwakhe, ngoba abanako ukuqonda Ngaye. Nangaphansi kwalesi simo banalo uthando Lwakhe, akusilo oluzenzakalelayo futhi akulona lweqiniso. Lokhu kungenxa yokuthi noma yini evela enyameni yomuntu ingokwemizwa futhi ayiveli ekuqondisiseni kweqiniso. Kungukufisa kwesikhashana futhi akusiko ukuthandisisa okuhlala isikhathi eside. Uma abantu benganakho ukuqonda uNkulunkulu bangamuthanda Yena kuphela ngokuthanda kwabo nangokucabanga kwabo ngamunye; lolo hlobo lothando alukwazi ukubizwa ngothando oluzenzekelayo, noma libizwe ngothando lweqiniso. Uma inhliziyo yomuntu iguqukela kuNkulunkulu ngokweqiniso, bayakwazi ukucabanga ngalokho konke okufunwa uNkulunkulu, kodwa uma bengenakho ukuqonda uNkulunkulu abakwazi ukuba nothando oluzenzekelayo. Konke abakwazi ukukwenza ukugcwalisa ingxenye yomsebenzi webandla futhi benze okuncane komsebenzi wabo, kodwa akunasisekelo. Lolu hlobo lomuntu lunesimo esinzima ukuba sishintshe; bonke bangabantu abangaphokophele iqiniso, noma abangaliqondi. Noma ngabe umuntu uguqulela inhliziyo yakhe kuNkulunkulu ngokuphelele lokho akuchazi ukuthi inhliziyo yabo yothando ngoNkulunkulu imsulwa kahle, ngoba labo abanoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo akuchazi ukuthi banothando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Lokhu kuthinta umehluko phakathi komuntu okwaziyo nophokophele ekuqondisiseni uNkulunkulu. Uma umuntu eseqondisisa Yena, kuyavela ukuthi inhliziyo yabo isiguqukele kuNkulunkulu ngokugcwele, kukhombisa uthando labo lweqiniso lukaNkulunkulu enhliziyweni yabo luyazenzakalela. Yilolu hlobo lomuntu kuphela olunoNkulunkulu enhliyzweni yakhe. Ukuguqulela inhliziyo komuntu kuNkulunkulu kungumbandela wakuqala wokuthi babuyele endleleni elungileyo, ukuze baqondisise uNkulunkulu, nokuzuza uthando lukaNkulunkulu. Akusilo uphawu lokuqeda umsebenzi wabo wokuthanda uNkulunkulu, noma uphawu ukuba nothando lweqiniso Lakhe. Indlela yokuthi umuntu azuze uthando lweqiniso lukaNkulunkulu ukuba aguqukele inhliziyo yakhe kuYena, okuyinto yokuqala izidalwa Zakhe ekufanele ziyenze. Labo abathanda uNkulunkulu bangabantu abafuna impilo, lokho okusho ukuthi, abantu abafuna iqiniso nabantu abafuna uNkulunkulu ngokweqiniso; bonke banako ukukhanyiselwa koMoya oNgcwele futhi banyakaziswa uYena. Bonke bayakwazi ukuqondiswa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Uthando Lwangempela lukaNkulunkulu Luyazenzakalela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 495)

Namhlanje, njengoba nifuna ukuthanda nokwazi uNkulunkulu, kolunye uhlangothi, kufanele nibekezelele ubunzima kanye nokucwengwa, futhi kolunye, kumele nikhokhe inani. Asikho isifundo esibaluleke ukwedlula isifundo sokuthanda uNkulunkulu, futhi kungathiwa isifundo abantu abasifundayo esikhathini sabo sonke sokuphila bekholwa ukuthi ungamthanda kanjani uNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma ukholwa kuNkulunkulu kufanele umthande uNkulunkulu. Uma ukholwa kuphela kuNkulunkulu, kodwa ungamthandi, awukalutholi ulwazi ngoNkulunkulu, futhi awukaze umthande uNkulunkulu ngothando lweqiniso olusuka phakathi enhliziyweni yakho, kusho ukuthi ukholo lwakho kuNkulunkulu luyize; uma, okholweni lwakho kuNkulunkulu, awumthandi uNkulunkulu, uphilela ize, futhi impilo yakho yonke iphansi kunazo zonke. Uma, empilweni yakho yonke, ungakaze umthande noma umanelise uNkulunkulu, pho siyini isizathu sokuphila kwakho? Akukhona yini ukusebenzela ize lokho? Okusho ukuthi, uma abantu bezokholwa kuNkulunkulu futhi bathande uNkulunkulu, kufanele benze konke okusemandleni abo bakhokhe inani. Kunokuba bazame ukuziphatha ngendlela ethile ebonakalayo, kufanele bafune ukuqonda kwangempela ekujuleni kwezinhliziyo zabo. Uma ukuthakasela ukuhlabelela nokudansa, kodwa ungakwazi ukwenza iqiniso, kungashiwo yini ukuthi uyamthanda uNkulunkulu? Ukuthanda uNkulunkulu kudinga ukuthi ufune intando kaNkulunkulu ezintweni zonke, futhi uhlole ujule ngaphakathi kuwe uma wehlelwa yinoma yini, uzama ukuqonda intando kaNkulunkulu, uzama ukubona ukuthi iyini intando kaNkulunkulu kulolu daba, ukuthi yini afisa uphumelele ukuyenza, nokuthi kufanele uyiqikelele kanjani intando Yakhe. Isibonelo: Kwenzeka okuthile okudinga ukuthi ubekezelele nobunzima, okufanele ngaleso sikhathi uqonde ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, nokuthi kufanele uyiqikelele kanjani intando Yakhe. Akumele uzenelise wena: Qala ngokuzibeka eceleni. Ayikho into edeleleke njengenyama. Kufanele uzame ukwanelisa uNkulunkulu, futhi kufanele wenze umsebenzi wakho. Ngemicabango enjalo, uNkulunkulu uzoletha ukukhanyiseleka okukhethekile kuwe kulolu daba, futhi inhliziyo yakho izoduduzeka. Noma kukhulu noma kuncane, uma okuthile kwenzeka kuwe, kufanele uqale ngokuzibeka eceleni ubuke inyama njengento ephansi kunazo zonke. Ngokunyukela ukwanelisa inyama, iya ngokukhululeka ukwenza umathanda; uma uyanelisa okwamanje, ngokulandelayo izofuna okuningi. Njengoba lokhu kuqhubeka, abantu bathanda inyama nakakhulu. Inyama ihlale inezifiso ezidlulele; ihlale icela ukuba uyigculise, nokuthi uyanelise ngaphakathi, noma ngezinto ozidlayo, lokho okugqokayo, noma uvuke ngolaka singekho isidingo, noma uvumele bonke ubuthakathaka kanye nobuvila bakho…. Uma uqhubeka nokugculisa inyama, ziya ngokuba nkulu izifiso zayo, futhi ziya ziba nkulu izinkanuko zenyama, kuze kufike lapho inyama yabantu isigcwele imibono ejule nakakhulu, iphinde ingalaleli uNkulunkulu, futhi izikhukhumeze, futhi ibe nokungabaza ngomsebenzi kaNkulunkulu. Uma uqhubeka nokugculisa inyama, ilapho buya ngokuba bukhulu khona ubuthakathaka benyama; uyohlala uzwa sengathi akekho onozwelo nobuthakathaka bakho, uyohlale ukholwa ukuthi uNkulunkulu usenze kwaze kweqa, futhi uyothi: “Angaba kanjani nesihluku esingaka uNkulunkulu? Kungani engabaniki abantu ikhefu?” Uma abantu beyiyekelela kakhulu inyama futhi beyenza igugu kakhulu, bese bezichithakalisa. Uma umthanda ngempela uNkulunkulu, futhi ungagculisi inyama, uyobe sewubona ukuthi yonke into uNkulunkulu ayenzayo ilungile, futhi inhle kakhulu, nokuthi ukuqalekisa Kwakhe ukuhlubuka kwakho nokwahlulela Kwakhe ukungalungi kwakho kufanele. Kuyoba khona izikhathi lapho uNkulunkulu ekujezisa futhi ekuqondisa khona, futhi avuse isimo ukuze akuqinise ekuphoqa ukuba uze phambi Kwakhe—futhi uyohlala uzwa ukuthi lokho uNkulunkulu akwenzayo kuhle kakhulu. Ngakho uyozwa sengathi abukho ubuhlungu obungako, nokuthi uNkulunkulu akuve ethandeka. Uma uvuma bonke ubuthakathaka benyama, bese uthi uNkulunkulu wenza kuze kweqe, uyohlala njalo uzwa ubuhlungu, futhi uyohlala udangele, futhi uyohlala ungacacelwa ngawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kuyoba sengathi uNkulunkulu akanalo nhlobo uzwelo ngobuthakathaka bomuntu, kanti futhi akazi ngezingqinamba zomuntu. Ngakho uyozizwa unosizi futhi uwedwa, sengathi uzwiswe ubuhlungu bokucwaswa kakhulu, futhi ngalesi sikhathi uyoqala ukukhononda. Uma uya uvumela bonke ubuthakathaka benyama ngale ndlela, uyonyukela ukuzwa ukuthi uNkulunkulu wenza izinto kuze kweqe, size sishube isimo ngendlela yokuthi uyowuphika umsebenzi kaNkulunkulu, futhi uqale ukumelana noNkulunkulu, futhi ugcwale ubuhlongandlebe. Ngakho kufanele uhlubuke enyameni, futhi ungayivumi yonke into eyifunayo: “Umyeni (inkosikazi), izingane, amathuba, umshado, umndeni wami—konke akusho lutho! Enhliziyweni yami kukhona uNkulunkulu kuphela, futhi kufanele ngenze konke okusemandleni ami ukuze ngigculise uNkulunkulu, hhayi inyama.” Kufanele ube nalesi sinqumo. Uma uhlale unqume kanjalo, kuyothi lapho wenza iqiniso, futhi uzibeka eceleni, uyokwazi ukukwenza ngokuzikhandla okuncane nje. Kuthiwa kwakukhona umlimi owabona inyoka emgwaqweni isiphenduke iqhwa amakhaza. Umlimi wayithatha wayigona esifubeni, emva kokuthi inyoka seyiluleme yaluma umlimi wafa. Inyama yomuntu ifana nale nyoka: ubunjalo benyama ukulimaza izimpilo zabo—uma ithola intando yayo ngokuphelele, impilo yakho iba yinto elahliwe. Inyama ngekaSathane. Kuyona kunezifiso ezidlulele, izicabangela yona yodwa, ifuna ukujabulela ukuthokomala, ukuzitika ngokunethezeka, ukubhuquza ebuvileni nokujika nelanga uzihlalele nje, futhi uma usuyigculise kwaze kwafika ezingeni elithile, iyobe seyikushwabadela ekugcineni. Okusho ukuthi, uma uyanelisa namhlanje, ngokuzayo izofika isifuna okunye. Ihlala inezifiso ezeqile ezimoshayo kanye nezinto ezintsha ezifuna ngenkani, futhi isizakala ngokuyivumela kwakho inyama ukukwenza ukuthi uyazise nakakhulu futhi uphile ekuthokomaleni kwayo—futhi uma ungayinqobi, uyogcina uzichithakalisile. Noma uzokwazi ukuzuza impilo phambi kukaNkulunkulu, nokuthi isiphetho sakho siyoba yini ekugcineni, kuncike ekutheni uhlubuka kanjani enyameni yakho. UNkulunkulu ukusindisile, futhi wakukhetha waphinda wakumisela phambili, kepha uma namuhla ungazimisele ukumanelisa, awuzimisele ukwenza iqiniso, awuzimisele ukuhlubuka enyameni yakho uqobo ngenhliziyo ethanda uNkulunkulu ngeqiniso, ekugcineni uyozibhidliza ngokwakho, ngaleyo ndlela uyobhekana nobuhlungu obugedlisa amazinyo. Uma uvumela inyama njalo, uSathane uzokugwinya kancane kancane, futhi akushiye ungenampilo, noma ukuthintwa uMoya oNgcwele, luze lufike usuku lapho usumnyama ngokuphelele ngaphakathi. Uma uphila emnyameni, uyobe sewuthunjwe uSathane, ngeke usaba noNkulunkulu enhliziyweni yakho, futhi ngaleso sikhathi uyobuphika ubukhona bukaNkulunkulu futhi umshiye. Ngalokho, uma abantu befisa ukuthanda uNkulunkulu, kufanele benze konke okusemandleni akho ukhokhe inani lobuhlungu futhi ubekezelele ubunzima. Asikho isidingo sentshisekelo nobunzima bangaphandle obungabonwa, ukufunda kakhulu kanye nokuya le nale; kunalokho, kufanele babeke eceleni izinto ezingaphakathi kubo: imicabango edlulele, izinto eziyizidingo zabo ngokwakho, kanye nokuzibonelela, imibono kanye nokukhuthazwa kwabo. Injalo intando kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 496)

Ukubhekana kukaNkulunkulu nesimo sangaphandle sabantu nakho kuyingxenye yomsebenzi Wakhe; ukubhekana nobuntu babantu bangaphandle obungajwayelekile, ngokwesibonelo, noma inqubo-mpilo nemikhuba yabo, izindlela namasiko abo, kanye nezindlela zabo zokwenza okungaphandle, kanye nentshisekelo yabo. Kodwa uma ecela ukuba benze iqiniso futhi bashintshe izimo zabo, lokho obhekene nakho ikakhulukazi ukukhuthazeka nemibono engaphakathi kubo. Ukubhekana nesimo sakho sangaphandle kuphela akunzima; kufana nokukucela ukuthi ungadli izinto ozithandayo, okuyinto elula. Lokho okuthinta imibono onayo ngaphakathi kuwena, nokho, akulula ukuthi uyishiye: Kudingeka ukuthi abantu bahlubuke enyameni, futhi wenze konke okusemandleni, futhi uzwe ubuhlungu phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kunjalo impela ngokuphathelene nokukhuthazeka kwabantu. Kusukela esikhathini sokuqala kwabo ukukholwa kuNkulunkulu kuze kube inamuhla, abantu bebelokhu begcine ukukhuthazeka okungalungile. Uma ungalenzi iqiniso, uzwa sengathi zonke izisusa zakho zilungile, kodwa uma into ethile yenzeka kuwe, uyobona ukuthi kuningi ukukhuthazeka okungalungile phakathi kwakho. Ngakho, uma uNkulunkulu ephelelisa abantu, ubenza babone ukuthi kunemibono eminingi ngaphakathi kubo evimba ulwazi lwabo ngoNkulunkulu. Uma ubona ukuthi ukukhuthazeka kwakho akulungile, uma ukwazi ukuyeka ukwenza ngokuhambisana nemibono nokukhuthazeka kwakho futhi ukwazi ukufakazela uNkulunkulu, futhi ume uqine endaweni yakho kukho konke okwenzeka kuwe, lokhu kuyakhomba ukuthi uyihlubukile inyama. Uma uhlubuka enyameni, nakanjani kuzoba khona impi ngaphakathi kwakho. USathane uzozama ukwenza abantu bamlandele, uzozama ukubenza ukuthi balandele imibono yenyama futhi baphakamise izidingo zenyama—kodwa amazwi kaNkulunkulu azokhanyisela futhi akhanyise abantu ngaphakathi, futhi ngalesi sikhathi kukuwe ukuthi ulandela uNkulunkulu noma ulandela uSathane. UNkulunkulu ucela abantu ukuthi benze iqiniso ngokoqobo ikakhulukazi ukuze babhekane nezinto ezingaphakathi kubo, ukubhekana nemicabango yabo, nemibono engeyona eyenhliziyo kaNkulunkulu. UMoya oNgcwele uthinta abantu ezinhliziyweni zabo, futhi abakhanyisele aphinde abakhanyise. Ngakho ngemuva kwakho konke okwenzekayo kunempi: Njalo uma abantu benza iqiniso, noma benza uthando lukaNkulunkulu, kunempi enkulu, futhi nakuba konke kungabukeka kuhamba kahle enyameni yabo, ekujuleni kwezinhliziyo zabo impi yokuphila nokufa, eqinisweni izobe ihlangene phezulu empeleni—futhi ingemuva kwale mpi ethunqa uthuli kuphela, emuva kokucabanga okujule kakhulu lapho kunganqunywa khona mayelana nokunqoba noma ukwehlulwa. Umuntu akazi noma ahleke noma akhale yini. Ngenxa yokuthi ukukhuthazeka okuningi okungaphakathi kubantu akulungile, okunye ngenxa yokuthi omningi umsebenzi kaNkulunkulu awuvumelani nemibono yabo, uma abantu benza iqiniso, impi enkulu iliwa esithe. Sebelenzile leli qiniso esithe abantu babe sebekhale imvula yezinyembezi ngaphambi kokunquma ekugcineni ukwanelisa uNkulunkulu. Yingenxa yale mpi eyenza ukuthi abantu babhekane nokuzwa ubuhlungu nokucwengwa; lokhu ukuhlupheka kwangempela. Uma impi isiphezu kwakho, uma ukwazi ngempela ukuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, uzokwazi ukwanelisa uNkulunkulu. Ngenkathi wenza iqiniso akunakho ukugwemeka ukuthi umuntu ahlupheke ngaphakathi; uma, lapho belenza iqiniso, yonke into ngaphakathi kubo ilungile, bebengeke badinge ukupheleliswa nguNkulunkulu, futhi bekungeke kube khona impi, futhi bebengeke bezwe ubuhlungu. Yingoba ziningi izinto ezikubantu ezingenakusetshenziswa nguNkulunkulu, futhi kuningi ukuhlubuka kwenyama, ngendlela yokuthi abantu badinga ukuthi bafunde isifundo sokuhlubuka enyameni kakhulu impela. Yilokhu uNkulunkulu akubiza ngokuzwa ubuhlungu acela umuntu ukuba adlule kukho kanye Naye. Lapho uhlangabezana nezingqinamba, phuthuma futhi uthandaze kuNkulunkulu: O Nkulunkulu! Ngifisa Ukukwanelisa, ngifisa ukubhekana nobunzima bokugcina ukuze nganelise inhliziyo Yakho, futhi akukhathaleki ukuthi zinkulu kangakanani izithiyo engizohlangabezana nazo, kufanele ngikwanelise nakuba kunjalo. Noma kudingeka nginikele ngempilo yami yonke, kusafanele ngikwanelise! Ngalokhu ukuzimisela, uma uthandaza kanjalo uyokwazi ukuma uqine ebufakazini bakho. Njalo uma benza iqiniso, njalo babhekana nezilingo, njalo bayavivinywa, futhi njalo umsebenzi kaNkulunkulu ubekwa kubo, abantu babhekana nobuhlungu obukhulu. Konke lokhu kuyisivivinyo kubantu, ngakho phakathi kwabo bonke kunempi. Leli inani abalikhokhayo ngempela. Ukufunda amazwi kaNkulunkulu kakhulu nokuya le nale uphansi phezulu kakhulu nokho kuyinani elincane. Yilokho abantu ekufanele bakwenze, kuwumsebenzi wabo; futhi kuwumthwalo ekufanele bawuthwale, kodwa abantu kufanele babeke eceleni lokho ngaphakathi kubo okufanele kubekwe eceleni. Uma ungakwenzi lokho, akunandaba ukuthi ubuhlungu bakho obuzwa ngaphandle bukhulu kangakanani, nokuthi uye le nale kangakanani, konke kuyoba yize! Okusho ukuthi, izinguquko ngaphakathi kuwena kuphela ezibonisayo noma ubunzima bakho bangaphandle bunesigqi. Uma isimo sakho sangaphakathi sesishintshile futhi sewulenzile iqiniso, konke ukuhlupheka kwakho kwangaphandle kuyozuza ukwamukelwa nguNkulunkulu; uma kungabanga noshintsho esimweni sakho sangaphakathi, akusho lutho ukuthi ubhekana nokuhlupheka okungakanani noma uya le nale kangakanani ngaphandle, ngeke akwamukele uNkulunkulu—futhi ubunzima obungemukelwanga uNkulunkulu buyize. Ngakho, ukuthi inani olikhokhile liyamukelwa uNkulunkulu kuncike ekutheni lubekhona yini ushintsho noma cha kuwena, futhi nasekutheni uyalenza yini iqiniso noma cha, futhi uhlubukile yini ekukhuthazweni kwakho nasemibonweni ukuze uthole ukwanelisa intando kaNkulunkulu, ulwazi lukaNkulunkulu, kanye nokwethembeka kuNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyaluza kangakanani, uma ungakaze ukwazi ukuhlubuka ekukhuthazweni kwakho, ufuna kuphela izenzo nentshisekelo yangaphandle, futhi ungachithi isikhathi unaka impilo yakho, ngakho-ke ubunzima bakho buyobe buyize. Uma, endaweni ethize, kukhona okuthile ofuna ukukusho, kodwa ngaphakathi uzwa ukuthi ukukusho akulungile, ukuthi ukukusho akunalo usizo kubafowenu nodadewenu, futhi kungabalimaza, ngakho-ke ngeke ukusho, ukhethe ukufela ngaphakathi, ngoba lawa mazwi akakwazi ukwanelisa intando kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, kuyoba khona impi ngaphakathi kuwe, kodwa uyozimisela ukuzwa ubuhlungu futhi unikele lokho okuthandayo, uyozimisela ukubhekana nobunzima ukuze wenelise uNkulunkulu, futhi nakuba uzozwa ubuhlungu ngaphakathi, ngeke uvumele inyama, futhi inhliziyo kaNkulunkulu iyokwaneliseka, futhi uyoduduzeka ngaphakathi. Lokhu ukukhokha inani ngempela, futhi inani elifiswa nguNkulunkulu. Uma wenza ngale ndlela, uNkulunkulu uyokubusisa nakanjani; uma ungakwazi ukwenza lokhu, ngakho-ke nanoma uqonda kangakanani, noma ukhuluma kahle kangakanani, konke kuyobe kuyize! Uma, endleleni yokuthanda uNkulunkulu, ukwazi ukuma ohlangothini lukaNkulunkulu lapho elwa noSathane, futhi ungabuyeli kuSathane, uyobe sewukwazile ukuthanda uNkulunkulu, futhi uyobe ume waqina ebufakazini bakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 497)

Kuzo zonke izigaba zomsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kubantu, ngaphandle kubukeka sengathi ukuxhumana phakathi kwabantu, ongathi yinto edaleke emalungiselelweni enziwa umuntu noma kuvela ekuphazameni nokugxambukela komuntu. Kodwa esithe, sonke isinyathelo somsebenzi, nakho konke okwenzekayo, ukubheja okwenziwe nguSathane phambi kukaNkulunkulu, futhi kudinga ukuthi abantu bame baqine ebufakazini babo kuNkulunkulu. Thatha isibonelo lapho uJobe wayevivinywa: Esithe, uSathane wabheja noNkulunkulu, futhi okwenzeka kuJobe kwakuyizenzo zabantu, nokugxambukela kwabantu. Emuva kwaso sonke isinyathelo uNkulunkulu asenzayo kini kunokubheja kukaSathane noNkulunkulu—emuva kwakho konke kunempi. Isibonelo, uma unobandlululo kubafowenu nodadewenu, uzoba namazwi ofuna ukuwasho—amazwi ozwa ukuthi ngeke amthokozise uNkulunkulu—kodwa uma ungawasho, uyozwa ungenelisekile ngaphakathi, futhi ngaleso sikhathi, impi izoqala ngaphakathi kuwe: “Ngikhulume noma cha?” Yilokhu-ke okuyimpi. Ngakho, kuyo yonke into ohlangana nayo kunempi, futhi uma kunempi kuwe, ngenxa yokubambisana kwakho nokuhlukumezeka kwakho uNkulunkulu uyasebenza phakathi kwakho. Ekugcineni, ngaphakathi kwakho uyakwazi ukubeka udaba eceleni kanti nentukuthelo iyacima ngokwemvelo. Unjalo-ke umthelela wokubambisana noNkulunkulu. Yonke into abantu abayenzayo idinga ukuthi bakhokhe inani elithile ngokuzikhandla kwabo. Ngaphandle kobunzima bangempela, abakwazi ukwanelisa uNkulunkulu, abasondeli nakancane ekutheni benelise uNkulunkulu, futhi basho iziqubulo ezingasho lutho nje! Lezi ziqubulo ezingasho lutho zingamanelisa yini uNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu noSathane belwa embusweni kamoya, kufanele umenelise kanjani uNkulunkulu, futhi kufanele ume kanjani uqine ebufakazini bakho Kuye? Kufanele wazi ukuthi yonke into eyenzeka kuwe ingukuvivinywa okukhulu futhi yisikhathi lapho uNkulunkulu ekudinga ukuthi ube nobufakazi. Ngaphandle, azibukeki zibalulekile kangako, kodwa lapho lezi zinto zenzeka ziyakhombisa ukuthi uyamthanda yini uNkulunkulu noma cha. Uma umthanda, uyokwazi ukuma ebufakazini bakho Kuye, futhi uma ungalukhombisi uthando Lwakhe, lokhu kukhombisa ukuthi awuyena umuntu owenza iqiniso, ukuthi awuyena ongenalo iqiniso, futhi awunakho ukuphila, nokuthi ungamakhoba! Yonke into eyenzeka kubantu ilapho uNkulunkulu ebadinga ukuthi bame baqine ebufakazini babo Kuye. Ayikho into enkulu eyenzeke kuwe njengamanje, futhi awunabo ubufakazi obukhulu, kodwa yonke imininingwane yempilo yakho yansuku zonke iphathelene nobufakazi bakho kuNkulunkulu. Uma ungawina ukunconywa ngabafowenu nodadewenu, amalungu omndeni wakho, kanye nabo bonke abaseduze nawe; uma, ngelinye ilanga, abangakholwa befika, futhi bethanda konke okwenzayo, futhi bebona ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuhle kakhulu, uyobe wethule ubufakazi. Nakuba ungenakuqonda futhi izinga lakho liphansi, ngokupheleliswa kwakho nguNkulunkulu, uyakwazi ukumanelisa nokuqikelela intando Yakhe, ukhombise abanye ukuthi Wenze umsebenzi omkhulu kangakanani kubantu abasezingeni eliphansi kunabo bonke. Lapho abantu befinyelela ekwazini uNkulunkulu, futhi beba ngabanqobi phambi kukaSathane, bathembeke kakhulu kuNkulunkulu, khona-ke akekho oba nesibindi ngaphezu kwaleli qembu labantu, futhi lokhu kuwubufakazi obukhulu kakhulu. Nakuba ungakwazi ukwenza umsebenzi omkhulu, uyakwazi ukwanelisa uNkulunkulu. Abanye abakwazi ukubeka eceleni imibono yabo, kodwa wena uyakwazi; abanye abakwazi ukwethula ubufakazi kuNkulunkulu ngesikhathi bedlula kulokho ababhekane nakho, kodwa uyakwazi ukusebenzisa isimo nezenzo zakho zoqobo ukubuyisela uthando lukaNkulunkulu nokwethula ubufakazi obuqanda ikhanda Kuye. Yilokhu kuphela okungathathwa njengokuthanda uNkulunkulu ngokoqobo. Uma ungakwazi ukwenza lokhu, awufakazi phakathi kwamalungu omndeni wakho, noma phambi kwabantu bomhlaba. Uma ungakwazi ukufakaza phambi kwaSathane, uSathane uyokuhleka, uzokuthatha njengehlaya, njengento yokudlala, uzojwayela ukukwenza isilima, futhi akuphambanise ikhanda. Ngesikhathi esizayo, ungavelelwa yizilingo ezinkulu—kodwa namuhla, uma uthanda uNkulunkulu ngenhliziyo yeqiniso, futhi noma ngabe zinkulu kangakanani izilingo eziphambilini, ngaphandle kokubheka ukuthi kwenzekani kuwe, uma ukwazi ukuma uqine ngobufakazi bakho, futhi ukwazi ukwanelisa uNkulunkulu, kanjalo inhliziyo yakho iyoduduzeka, futhi angeke wesabe nanoma zinkulu kangakanani izilingo obhekana nazo ngesikhathi esizayo. Anikwazi ukubona ukuthi kuzokwenzekani ngesikhathi esizayo; kuphela ninganelisa uNkulunkulu ezimweni zanamuhla. Anikwazi ukwenza umsebenzi omkhulu, futhi kufanele nigxile ekwaneliseni uNkulunkulu ngokuzizwela amazwi Akhe empilweni yangempela, futhi ngokuba nobufakazi obunamandla obuqanda ikhanda obuthela uSathane ngehlazo. Nakuba inyama yakho izosala inganelisekile futhi uke wahlupheka, uyobe umanelisile uNkulunkulu futhi wahlaza kuSathane. Uma uhlale wenza ngale ndlela, uNkulunkulu uzovula indlela phambi kwakho. Lapho ngelinye ilanga, isilingo esikhulu sifika, abanye bayowa, kodwa uyokwazi ukuma uqine: Ngenxa yenani olikhokhile, uNkulunkulu uyokuvikela ukuze ume uqine futhi ungawi. Uma, ngokujwayelekile, ukwazi ukwenza iqiniso futhi wenelise uNkulunkulu ngenhliziyo Emthanda ngempela, ngokunjalo uNkulunkulu uyokuvikela ngokuqinisekile ezivivinyweni zesikhathi esizayo. Nakuba unobuphukuphuku, futhi unesikhundla esiphansi futhi unezinga eliphansi, uNkulunkulu ngeke akubandlulule. Kuncike ekutheni ukukhuthazwa kwakho kulungile yini. Namhlanje, uyakwazi ukwanelisa uNkulunkulu, lapho uqikelela ngisho umniningwane omncanyana, wanelisa uNkulunkulu kuzo zonke izinto, unenhliziyo emthanda ngempela uNkulunkulu, unikela inhliziyo yakho yeqiniso kuNkulunkulu, futhi nakuba kunezinto ezithile ongaziqondi, uyakwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu ukuze ulungise ukukhuthazwa kwakho, futhi ufune intando kaNkulunkulu, futhi wenza konke okudingekayo ukuze wanelise uNkulunkulu. Mhlawumbe abafowenu nodadewenu bazokulahla, kodwa inhliziyo yakho izobe yanelisa uNkulunkulu, futhi ngeke ufise ukuthokozisa inyama. Uma wenza kanje njalo, uyovikelwa lapho izilingo ezinkulu zikufikela.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 498)

Yisiphi isimo ngaphakathi kubantu, lezi zilingo eziqondiswe kuso? Ziqondiswe esimweni esihlubukayo kubantu esingakwazi ukwanelisa uNkulunkulu. Kuningi okungekho msulwa kubantu, futhi kuningi ukuzenzisa, ngakho uNkulunkulu ubafaka ezilingweni ukuze abahlambulule. Kodwa uma, namuhla, ukwazi ukwanelisa uNkulunkulu, ngokunjalo izilingo zangesikhathi esizayo ziyoba ukupheleliswa kuwe. Uma, namuhla, ungakwazi ukwanelisa uNkulunkulu, ngokunjalo izilingo zangesikhathi esizayo ziyokuyenga, uyothi ungahlosile uwe phansi, futhi ngaleso sikhathi ngeke ukwazi ukuzisiza, ngoba awukwazi ukuqhubeka nomsebenzi kaNkulunkulu, futhi awunaso isigqi sangempela. Ngakho, uma ufisa ukuma uqine ngesikhathi esizayo, kungcono wanelise uNkulunkulu, futhi umlandele kuze kube sekugcineni, namhlanje kufanele wakhe isisekelo esinamandla, kufanele wenelise uNkulunkulu ngokwenza iqiniso ezintweni zonke, futhi uqikelele intando Yakhe. Uma wenza ngale ndlela njalo, kuyoba khona isisekelo ngaphakathi kuwe, futhi uNkulunkulu uyokunika inhliziyo emthandayo, futhi uyokunika ukukholwa. Ngelinye ilanga, lapho isilingo sikwehlela ngempela, kungenzeka uzwe ubuhlungu obuthile, futhi ube nezikhalo kuze kufike ezingeni elithile, futhi uzwe usizi oluminyanisayo, ongathi ufile—kodwa uthando lwakho lukaNkulunkulu ngeke lushintshe, futhi luyojula nakakhulu. Zinjalo izibusiso zikaNkulunkulu. Uma ukwazi ukwamukela konke lokho uNkulunkulu akushoyo nakwenzayo namuhla ngenhliziyo enokulalela, ngokuqinisekileyo uyobusiswa nguNkulunkulu, ngaleyo ndlela uyoba umuntu obusisiwe nguNkulunkulu, futhi owamukela isithembiso Sakhe. Uma namuhla ungenzi, uma izilingo zikwehlela ngelinye ilanga uyobe ungenakho ukukholwa noma inhliziyo enothando, futhi ngaleso sikhathi isivivinyo siyophenduka isilingo; uyophoseka ekulingweni kukaSathane futhi ungabi nayo indlela yokubaleka. Namhlanje, ungakwazi ukuma uqine lapho isivivinyo esincane sikwehlela, kodwa ngeke ngempela umane ukwazi ukuma uqine lapho isivivinyo esikhulu sikwehlela ngolunye usuku. Abanye abantu bayazikhukhumeza, futhi bacabanga ukuthi kakade sekusele kancane bapheleliswe. Uma ungayi ngokujula ezikhathini ezinjalo, futhi uqhubeke uzithele ngabandayo, uyoba sengozini. Namuhla, uNkulunkulu akawenzi umsebenzi wezivivinyo ezinkulu, uma ubuka yonke into ibukeka ihamba kahle, kodwa uma uNkulunkulu esekuvivinya, uyothola ukuthi uyashoda kakhulu, ngoba isigqi sakho sincane kakhulu, futhi awukwazi ukubekezelela izivivinyo ezinkulu. Uma uhlala unjengoba unjalo futhi usesimweni sobuvila, khona-ke, lapho kufika izivivinyo ezinkulu uyowa. Kufanele nivamise ukubuka ukuthi isigqi senu sincane kangakanani; ingale ndlela kuphela lapho niyoba nenqubekela phambili khona. Uma kungesikhathi sezivivinyo lapho ubona khona ukuthi isigqi sakho sincane kakhulu, ukuthi amandla akho emancane nokuthi kuncane kakhulu okungaphakathi kuwe okuyiqiniso, nokuthi awuyifanele intando kaNkulunkulu—futhi uma uzibona lezi zinto ngaleso sikhathi, uyobe sewushiywe isikhathi.

Uma ungasazi isimo sikaNkulunkulu, nakanjani uyowa ngesikhathi sezivivinyo, ngoba awazi ukuthi uNkulunkulu ubaphelelisa kanjani abantu, nokuthi usebenzisa ziphi izindlela ukuze abaphelelise abantu, futhi uma izivivinyo zikaNkulunkulu zikufikela futhi zingahambisani nemibono yakho, ngeke ukwazi ukuma uqine. Uthando lukaNkulunkulu lweqiniso, yisimo sakhe sisonke, futhi uma isimo sikaNkulunkulu sivezwa kubantu, lokhu kulethani enyameni yakho? Uma isimo esilungile sikaNkulunkulu sivezwa kubantu, inyama yabo ngokungenakugwemeka iyozwa ubuhlungu obukhulu. Uma ungabuzwa lobu hlungu, ngeke uze upheleliswe nguNkulunkulu, futhi ngeke ukwazi ukunikela uthando lweqiniso kuNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekuphelelisa, uzokukhombisa isimo Sakhe sisonke. Kusukela esikhathini sokudala kuze kube namuhla, uNkulunkulu akakaze akhombise isimo Sakhe sisonke kumuntu—kodwa ngezinsuku zokugcina uyasiveza kuleli qembu labantu abamisele phambilini futhi wabakhetha, futhi ngokuphelelisa abantu uveza obala izimo Zakhe, ngalokho wenza iqembu labantu liphelele. Lunjalo uthando lweqiniso lukaNkulunkulu lwabantu. Ukuzwa uthando lweqiniso lukaNkulunkulu kudinga ukuthi abantu babekezelele ubuhlungu obugedlisa amazinyo, futhi bakhokhe inani eliphezulu. Isemva kwalokhu kuphela lapho beyozuzwa khona nguNkulunkulu futhi bakwazi ukubuyisela uthando lwabo lweqiniso kuNkulunkulu, futhi ilapho kuphela inhliziyo kaNkulunkulu iyokwaneliseka khona. Uma abantu befisa ukupheleliswa nguNkulunkulu, futhi uma befisa ukwenza intando Yakhe, futhi banikele uthando lwabo ngokuphelele kuNkulunkulu, ngakho kufanele bezwe ubuhlungu obukhulu kanye nezinhlupheko eziningi ezivela ezimweni, ukuzwa ubuhlungu obudlula ukufa, ekugcineni bayophoqeleka ukuba banikeze inhliziyo yabo yeqiniso kuNkulunkulu. Noma umuntu umthanda ngeqiniso uNkulunkulu noma cha, kubonakala ngesikhathi sobunzima nokucwengwa. UNkulunkulu uyaluhlambulula uthando lwabantu, futhi nalokhu kwenzeka kuphela phakathi kobunzima nokucwengwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 499)

Ingqikithi yokukholelwa kwabantu abaningi kuNkulunkulu iwukuqiniseka ngenkolo: Abanawo amandla okuthanda uNkulunkulu, bakwazi kuphela ukumlandela njengerobhothi, abakwazi ukulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso noma ukumdumisa. Bamane bamlandela ngokuzenzakalelayo. Abantu abaningi bayakholelwa kuNkulunkulu, kodwa bayingcosana kakhulu abathanda uNkulunkulu; bamhlonipha kuphela uNkulunkulu ngenxa yokwesaba inhlekelele, noma bababaza uNkulunkulu ngoba uphakeme futhi unamandla—kodwa ekumdumiseni nasekumbabazeni kwabo alukho uthando noma ukulangazelela kwangempela. Kulokho abadlula kukhona bafuna imininingwane engabalulekile yeqiniso, noma izimfihlalalo ezingabalulekile. Abantu abaningi bayalandela nje, badoba emanzini amnyama ukuze bathole izibusiso kuphela; abalicingi iqiniso, futhi abamlaleli uNkulunkulu ngokweqiniso ukuze bathole izibusiso. Impilo yenkolelo yabantu bonke kuNkulunkulu iyize, ayinanzuzo, futhi kuyona kunokuzibhekelela nokuzifunela okwabo; abakholwa kuNkulunkulu ukuze bathande uNkulunkulu, kodwa ukuze babusiseke. Abantu abaningi benza ngendlela abathanda ngayo, benza noma yini abayifunayo, abanandaba nezithakazelo zikaNkulunkulu, noma ukuthi lokhu abakwenzayo kuyahambisana yini nentando kaNkulunkulu. Abantu abanjalo abakwazi nokuzuza ukholo lweqiniso, kungasaphathwa ukuthanda uNkulunkulu. Ingqikithi kaNkulunkulu akusiyo nje eyokuthi umuntu akholelwe kuye; nangaphezu kwalokho, eyokuthi umuntu athande. Kodwa abaningi kulabo abakholelwa kuNkulunkulu abakwazi ukuthola le “mfihlo.” Abantu abalokothi bamthande uNkulunkulu, noma bazame ukumthanda. Abakaze bathole ukuthi kuningi kakhulu okuthandekayo ngoNkulunkulu, abakaze bathole ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu othanda umuntu, futhi unguNkulunkulu okumele athandwe umuntu. Ukuthandeka kukaNkulunkulu kuvezwa emsebenzini Wakhe: Kuphela ngesikhathi bezizwela umsebenzi Wakhe, kulapho bethola khona ukuthandeka Kwakhe, kuphela ezintweni abadlula kuzo empilweni, yilapho bengajabulela ukuthandeka kukaNkulunkulu futhi ngaphandle kokukubona empilweni engokoqobo, akekho ongakwazi ukuthandeka kukaNkulunkulu. Kuningi kakhulu ongakuthanda ngoNkulunkulu, kodwa ngaphandle kokuhlanganyela Naye abantu abanayo indlela yokukwazi. Okungukuthi, uma uNkulunkulu ubengazange abe yinyama, abantu bebengeke bakwazi ukuhlanganyela Naye ngokoqobo, futhi uma bebengakwazi ukuhlanganyela ngempela Naye, bebengeke futhi bakwazi ukuzizwela umsebenzi Wakhe—ngakho uthando lwabo ngoNkulunkulu beluzokonakaliswa amanga kanye nomcabango. Uthando lukaNkulunkulu ezulwini alubonakali kahle njengothando lukaNkulunkulu emhlabeni, ngokuba ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu ezulwini lwakhiwa imicabango, kunokuba lwakhiwe yilokho abakubone ngamehlo abo, kanye nalokho abadlule kukho. Uma uNkulunkulu efika emhlabeni, abantu bayakwazi ukubona imisebenzi Yakhe kanye nokuthandeka Kwakhe, futhi bayakwazi ukubona konke ngesimo Sakhe soqobo nesijwayelekile, konke okusobala ngokuphindwe ngezikhathi eziyizinkulungwane ngaphezu kolwazi ngoNkulunkulu osezulwini. Akukhathalisekile ukuthi abantu bamthanda kangakanani uNkulunkulu osezulwini, akukho okuphathekayo ngalolu thando, futhi lugcwele imibono yobuntu. Noma ngabe luncane kangakanani uthando lukaNkulunkulu emhlabeni, lolu thando luyabonakala; noma ngabe oluncane lwalo, futhi lusabonakala. UNkulunkulu wenza ukuba abantu bamazi ngomsebenzi obonakalayo, nangalolu lwazi uzuza uthando lwabo. KunjengoPetru: Uma wayengahlalanga noJesu, wayengeke akwazi ukudumisa uJesu. Ngakho, naye, ukuthembeka kakhulu kwakhe kuJesu kwakwakhelwe ekuhlanganyeleni kwakhe noJesu. Ukuze abantu bamthande, uNkulunkulu uzile phakathi kwabantu futhi wahlala nabantu, futhi konke ekwenzela ukuba umuntu abone nokuba akubone ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 500)

UNkulunkulu usebenzisa okungokoqobo kanye namaqiniso abhekiwe ukuze abantu bapheleliswe; amazwi kaNkulunkulu agcwalisa ingxenye yokuphelelisa Kwakhe abantu, futhi lona umsebenzi wokuqondisa nowokuvula indlela. Okusho ukuthi, emazwini kaNkulunkulu kumele uthole indlela yokwenza, futhi uthole nolwazi lwemibono. Ngokuqonda lezi zinto, umuntu uyoba nendlela nemibono lapho enza ngempela, futhi uyokwazi ukukhanyiseleka ngamazwi kaNkulunkulu, uyokwazi ukuqonda ukuthi lezi zinto zivela kuNkulnkulu, futhi akwazi nokuqonda okuningi. Emva kokuqonda, kumele asheshe angenea kuleli qiniso, futhi kumele asebenzise amazwi kaNkulunkulu ukwanelisa uNkulunkulu empilweni yakhe engokoqobo. UNkulunkulu uyobe esekuqondisa ezintweni zonke, futhi akunike indlela yokwenza futhi akwenze uzwe ukuthi uNkulunkulu muhle, futhi akuvumele ukuba ubone ukuthi lonke igxathu lomsebenzi kaNkulunkulu kuwe, elokukwenza upheleliswe. Uma ufisa ukubona uthando lukaNkulunkulu, uma ufisa ukuzizwela ngeqiniso uthando lukaNkulunkulu, ngakho kuzomele ujule eqinisweni, kumele ujule empilweni engokoqobo, futhi ubone ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuwuthando, kanye nensindiso, ukuze abantu bashiye ngasemuva lokho okungcolile, ukuze futhi acwenge izinto phakathi kubo ezingakwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa amazwi ukuhlinzeka umuntu lapho ngesikhathi esifanayo enza izimo empilweni engokoqobo ezivumela abantu ukuba babone, futhi uma abantu bedla futhi bephuza amazwi amaningi kaNkulunkulu, uma futhi sebewenza, bangaxazulula bonke ubunzima ezimpilweni zabo ngokusebenzisa amazwi kaNkulunkulu amaningi. Okusho ukuthi, kumele ube namazwi kaNkulunkulu ukuze ujule eqinisweni; uma ungadli futhi ungaphuzi amazwi kaNkulunkulu, futhi ungenawo umsebenzi kaNkulunkulu, ngakho angeke ube nendlela empilweni engokoqobo. Uma ungakaze udle futhi uphuze amazwi kaNkulunkulu, ngalokho uyojabha uma kukhona okwenzekayo kuwe. Wazi kuphela ukuthi kufanele uthande uNkulunkulu, kodwa awukwazi ukwahlukanisa, futhi awunayo indlela yokwenza; uphithene futhi udidekile, futhi ngesinye isikhathi ukholwa ukuthi uma wanelisa inyama, wanelisa uNkulunkulu konke okuwumphumela wokungadli nokungaphuzi amazwi kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma ungenalo usizo lwamazwi kaNkulunkulu, uyolokhu uphumputha ngaphakathi kweqiniso, ngakho awukwazi ukuthola indlela yokwenza. Abantu abafana nalaba abaqondi ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuthanda uNkulunkulu. Uma, usebenzisa ukukhanyiseleka kanye nokuqondiswa amazwi kaNkulunkulu, uvamile ukuthandaza, futhi uhlole, uphinde ufune, ngalokho okutholile okumele ukwenze, uthole amathuba omsebenzi kaMoya oNgcwele, usebenzisana noNkulunkulu ngeqiniso, ungaphithizeli futhi ungadidekanga, khona-ke uyakuba nendlela yempilo engokoqobo. Uyokwanelisa uNkulunkulu, futhi uyobusiswa uNkulunkulu ngokukhethekile, okuyokunika umuzwa wentokozo: Uyozizwa uhlonipheke ngokukhethekile ngokuthi wanelise uNkulunkulu, uyozizwa ngokukhethekile ukhanya ngaphakathi, futhi uyoba nokuzola kanye nokuthula enhliziyweni yakho, unembeza wakho uyoduduzwa futhi ukhululeke ezinsolweni, kanti uyozizwa uthokozile ngaphakathi uma ubona abafowenu nodadewenu. Kusho lokhu ukuthokozela uthando lukaNkulunkulu, futhi yilokhu kuphela okuwukuthokozela uNkulunkulu. Ukuthokozela kwabantu uthando lukaNkulunkulu kutholakala kokuhlangenwe nakho: Ngokubhekana nobunzima kanye nokusebenzisa iqiniso, bazuza izibusiso zikaNkulunkulu. Uma kuphela uthi uNkulunkulu uyakuthanda ngempela, uthi uNkulunkulu ukhokhe inani elinzima kubantu, ukuthi usekhulume ngokubekezela nangomusa amazwi amaningi, futhi usindisa abantu njalo, ukusho kwakho la mazwi kuyingxenye eyodwa kuphela yokuthokozela uNkulunkulu. Nokho, ukuthokoza okukhulu ngokwengeziwe—ukuthokoza kweqiniso—ukuba abantu basebenzise iqiniso ekuphileni kwabo kwangempela, emva kwalokho bayoba nokuthula nokuzola ezinhliziyweni zakho, bazozizwa beshukumiselekile ngaphakathi, nanokuthi uNkulunkulu muhle. Uyozwa ukuthi inani olikhokhile lifanele. Emva kokuba usukhokhe inani elikhulu ngemizamo yakho, uyozizwa ukhanya ikakhulukazi ngaphakathi: Uyozwa ukuthi uluthokozela ngempela uthando lukaNkulunkulu, futhi uqonde ukuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi wensindiso kubantu, ukuthi ukucwega Kwakhe abantu okubahlanzayo, nokuthi uNkulunkulu ulinga abantu ukuze abahlole ukuthi bamthanda ngokweqiniso yini. Uma uhlala wenza iqiniso ngale ndlela, ngakho uyoqala ukuba nolwazi olucacile kancane kancane ngomsebenzi omningi kaNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi uyohlala uzwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu phambi kwakho acacile kakhulu. Uma ungaqonda kahle amaqiniso amaningi, uyozwa ukuthi konke kulula ukukwenza, nokuthi ungalunqoba lolu daba. Ungasinqoba leso silingo, futhi uyobona ukuthi akukho okuyinkinga kuwe, kuyokwenza uzizwe ungacindezelekile nhlobo futhi ukhululekile. Ngalesi sikhathi uyothokozela uthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu lweqiniso luyobe selufikile kuwe. UNkulunkulu ubusisa labo abanemibono, abaneqiniso, abanolwazi, futhi abamthanda ngeqiniso. Uma abantu befisa ukubona uthando lukaNkulunkulu, kumele benze iqiniso empilweni yabo engokoqobo. Kumele bazimisele ukubekezelela ubuhlungu futhi bayeke lokhu abakuthandayo, ukuze banelise uNkulunkulu. Benganaki izinyembezi emehlweni abo, kodwa bekwazi ukwanelisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Ngale ndlela, uNkulunkulu uyokubusisa nakanjani, futhi uma ubekezelela ubunzima obufana nalobu, kuyolandelwa umsebenzi woaMoya oNgcwele. Ngempilo engokoqobo, nanokudlula emazwini kaNkulunkulu, abantu bayakwazi ukubona ukuthandeka kukaNkulunkulu, futhi kuphela uma sebezwile uthando lukaNkulunkulu kulapho bezokwazi ukumthanda ngeqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 501)

Ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba neqiniso kakhulu; ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba nothando lukaNkulunkulu kakhulu; futhi ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kungesikhathi ubusiswa kakhulu uNkulunkulu. Uma uhlala wenza ngale ndlela, uthando lukaNkulunkulu kuwe kancane kancane, luyokwenza ubone, njengoba uPetru athola ukwazi uNkulunkulu: UPetru wathi uNkulunkulu akanakho ukuhlakanipha kokwenza amazulu nomhlaba kanye nakho konke, kodwa, ngaphezu kwalokho, unokuhlakanipha kokwenza umsebenzi wangempela kubantu. UPetru wathi akafanelwe uthando lwabantu kuphela ngenxa yokudala Kwakhe amazulu nomhlaba kanye nakho konke, kodwa, naphezu kwalokho, ngenxa yekhono Lakhe lokudala umuntu, ukusindisa umuntu, ukwenza umuntu apheleliswe, kanye nokushiyela umuntu uthando Lwakhe. Ngakho, naye, uPetru washo ukuthi kuningi Kuye okufanelwe uthando lomuntu. UPetru wathi kuJesu: “Awufanelwe yini uthando lwabantu kakhulu kunokudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke? Kuningi Kuwe okuthandekayo. Uyenza futhi unyakaze empilweni yangempela, uMoya Wakho ungithinta ngaphakathi, uyangiyala, uyangihlanza—lezi zinto zilufanele kakhulu uthando lwabantu.” Uma ufuna ukubona nokuzwa uthando lukaNkulunkulu, khona-ke kumele uhlole futhi ufune impilo yangempela, futhi kumele ukulangazelele ukubeka eceleni inyama yakho. Kumele wenze lesi sinqumo. Kufanele ube umuntu onesinqumo, okwazi ukwanelisa uNkulunkulu ezintweni zonke, ngaphandle kokuvilapha, noma ukuhalela ukuthokozisa inyama, hhayi ukuphilela inyama kodwa ukuphilela uNkulunkulu. Kungenzeka kube nezikhathi lapho ungamenelisi uNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi awuyiqondi intando kaNkulunkulu; ngesikhathi esilandelayo, nakuba kuzodinga umzamo omkhulu, kumele umanelise, unganelisi inyama. Uma uhlangabezana nalokhu, uyobe usufikile ekwazini uNkulunkulu. Uyobona ukuthi uNkulunkulu wakwazi ukudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke, ukuthi uye waba yinyama ukuze abantu bambone ngempela, futhi bahlanganyele Naye, nokuthi uyakwazi ukuhamba phakathi kwabo, nokuthi uMoya Wakhe wenza abantu ukuba bapheleliswe empilweni engokoqobo, ukubavumela ukuba babone ubuhle Bakhe, futhi bazizwele ukuyalwa Nguye, ukusolwa Nguye, kanye nezibusiso Zakhe. Uma uhlala wenza ngale ndlela, empilweni yakho engokoqobo ngeke wahlukaniseke noNkulunkulu, futhi uma ngolunye usuku ubudlelwano bakho noNkulunkulu buyeka ukuba ngobujwayelekile, uyokwazi ukuzwa ihlazo, kanye nokwazi ukuzwa ukuzisola. Uma unobudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu, angeke ufise ukushiya uNkulunkulu, futhi uma uNkulunkulu ngelinye ilanga ethi uyakushiya, uyoba nokwesaba, futhi uyothi ungamane ufe kunokuba ushiywe uNkulunkulu. Uma usunale mizwa, uyozizwela ukuthi awukwazi ukushiya uNkulunkulu, futhi ngale ndlela, uyoba nesisekekelo, futhi uyolujabulela uthando lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 502)

Abantu bajwayele ukukhuluma ngokuvumela uNkulunkulu ukuba abe ukuphila kwabo, kodwa kufanele bedlule kulelo zinga. Umane ukuthi uNkulunkulu ungukuphila kwakho, uyakuhola zonke izinsuku, uthi uyadla futhi uphuze amazwi Akhe zonke izinsuku, futhi ukhuleka Kuye zonke izinsuku, ngakho usephenduke ukuphila kwakho. Ulwazi lwalabo abasho lokhu luncane kakhulu. Kubantu abaningi asikho isisekelo; amazwi kaNkulunkulu atshaliwe kubo, kodwa kusamele ahlume, ingasaphathwa eyokuthi bathele isithelo. Namuhla, ingabe usuke wabhekana nale mpilo ibanga elingakanani? Manje kuphela, emva kokuba uNkulunkulu ekuphoqile ukuba ufinyelele lapha, uyazizwela ukuthi angeke umshiye uNkulunkulu. Ngelinye ilanga, uma usudlule kule mpilo ngokwebanga elithile, uma uNkulunkulu engakwenza ukuba umshiye, ubungeke ukwazi. Uyohlala wazi ukuthi angeke ukwazi ukungabi noNkulunkulu ngaphakathi kwakho; kungenzeka ungabi nomyeni, unkosikazi noma abantwana, ngaphandle komndeni, ngaphandle kukamama noma ubaba, ngaphandle kokuthokozela inyama, kodwa angeke ukwazi ukuba ngaphandle kukaNkulunkulu. Ukungabi noNkulunkulu kuyafana nokulahlekelwa ukuphila, angeke ukwazi ukuphila naphandle kukaNkulunkulu. Uma usudlulile kule mpilo ngokwezinga elithile, kuyomele ufinyelele ezingeni elithile lokukholwa kuNkulunkulu, futhi ngale ndlela uNkulunkulu uyoba ukuphila kwakho, uyophenduka isisekelo sokuphila kwakho, angeke uphinde ukwazi ukushiya uNkulunkulu. Uma usubhekane nempilo ngokwaleli zinga, uyokwazi ukuthokozela uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso, ubudlelwano bakho noNkulunkulu buyosondelana kakhulu, uNkulunkulu uyoba ukuphila kwakho, uthando lwakho, futhi ngaleso sikhathi uyokhuleka kuNkulunkulu uthi: “O Nkulunkulu! angeke ngikwazi ukukushiya, ungukuphila kwami, ngingaphila ngaphandle kwazo zonke izinto—kodwa ngaphandle Kwakho angeke ngikwazi ukuphila.” Lokhu kuyisiqu esingokomoya sangempela sabantu; ukuphila kwangempela. Abanye abantu baphoqiwe ukuba bafinyelele lapho bekhona namuhla: Kumele baqhubeke bethanda noma bengathandi, futhi bahlala bezwa sengathi baphakathi kwedwala nendawo eqinile. Kumele uzwe ngaleyo ndlela ukuthi uNkulunkulu ungukuphila kwakho, ngale ndlela yokuthi uma uNkulunkulu engasuswa enhliziyweni yakho kuyoba njengokulahlekelwa ukuphila kwakho; uNkulunkulu kumele abe ukuphila kwakho, kumele ungakwazi ukumshiya. Ngale ndlela, uyobe usukwazile ukwazana noNkulunkulu, futhi ngalesi sikhathi, uma uthanda uNkulunkulu futhi, uyomthanda ngeqiniso uNkulunkulu, futhi kuyoba uthando olulodwa, olumsulwa. Ngolunye usuku uma usudlule kukho sekufana nokuthi usufinyelele ezingeni elithile, lapho uthandaza kuNkulunkulu, futhi udla uphuze amazwi kaNkulunkulu, ngeke ukwazi ukushiya uNkulunkulu ngaphakathi, futhi ngeke ukwazi ukumkhohlwa noma usufuna. UNkulunkulu uyobe esephenduke ukuphila kwakho; ungakhohlwa izwe, ungamkhohlwa unkosikazi, umyeni, noma abantwana, kodwa uyoba nenkinga yokukhohlwa uNkulunkulu—lokho angeke kwenzeke, lokhu ukuphila kwakho kwangempela, kanye nothando lwakho lweqiniso lukaNkulunkulu. Uma uthando lwabantu lukaNkulunkulu selufinyelele ezingeni elithile, akukho abakuthandayo okulingana nothando lwabo lukaNkulunkulu, uyinto yokuqala ezimpilweni zabo, futhi ngale ndlela bayakwazi ukudela konke, futhi bazimisele ukwamukela konke ukusebenza nokuthenwa okuvela kuNkulunkulu. Uma usuzuze uthando lukaNkulunkulu oludlula konke okunye, uyophila eqinisweni, nasothandweni lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 503)

Uma uNkulunkulu esephenduke ukuphila phakathi kwabantu, angeke besakwazi ukushiya uNkulunkulu. Ingabe lokhu akusona yini isenzo sikaNkulunkulu? Abukho ubufakazi obukhulu kunalobu! UNkulunkulu usesebenze wafinyelela ezingeni elithile; uthe ukuze abantu benze inkonzo, futhi basolwe, noma bafe, abantu abakabuyeli emuva, okubonisa ukuthi sebenqotshiwe uNkulunkulu. Abantu abaneqiniso yilabo asebebhekane nezimo ngeqiniso, abangama beqinile ebufakazini babo, futhi bame baqinile endaweni yabo, bame ngakuNkulunkulu, ngaphandle kokuhlehla, futhi abangaba nobudlelwano obujwayelekile nabantu abathanda uNkulunkulu, abathi uma izinto zenzeka kubo, bekwazi ukulalela uNkulunkulu ngokupheleleyo, futhi bamlalele uNkulunkulu kuze kube sekufeni. Ukwenza kwakho nezambulo zokuphila kwangempela kuwubufakazi bukaNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuphila ngokuvumelana komuntu kanye nobufakazi ngoNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuthokozela uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso; uma usufinyelele kuleli zinga, umphumela ofanele uzobe usufeziwe. Usunokuphila okuvumelana ngempela futhi zonke izenzo zakho zibhekwe ngabanye ngokuncoma. Ukugqoka nokubonakala kwakho kwangaphandle akunakekile, kodwa uphila ngokuvumelana nempilo yokukholeka, futhi lapho ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, uyaqondiswa futhi ukhanyiselwe Nguye. Uyakwazi ukukhuluma intando kaNkulunkulu ngamazwi akho, ukhulume iqiniso, futhi uyakuqonda ukukhonza ngomoya. Ukhulume ngokusobala, uhloniphekile futhi uqotho, awulwisani futhi awuphoxi, uyakwazi ukulalela ukuhlela kukaNkulunkulu futhi ume uqinele ebufakazini bakho uma izinto zenzeka kuwe, uzothile futhi unokuzibamba noma ngabe ubhekene nani. Lolu hlobo lomuntu olubone uthando lwangempela lukaNkulunkulu. Abanye abantu basebancane, kodwa benzisa okomuntu ophakathi nendawo ngokukhula, bakhulile, bangenwe iqiniso, futhi banconywa abanye—futhi yilaba bantu abanobufakazi, futhi bawukubonakaliswa kukaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma sebefundile ukufika ezingeni elithile, ngaphakathi bayokuba nokucacelwa ngoNkulunkulu, ngakho nesimo sabo sangaphandle siyazinza. Abantu abaningi abalenzi iqiniso, futhi abami beqine ebufakazini babo. Kubantu abanjalo alukho uthando lukaNkulunkulu, noma ubufakazi kuNkulunkulu, futhi laba bantu banyanywa uNkulunkulu. Bafunda amazwi kaNkulunkulu emihlanganweni, kodwa baphila uSathane, futhi lokhu ukungahloniphi uNkulunkulu, ukunyundela uNkulunkulu, nokuhlambalaza uNkulunkulu. Kubantu abanjalo, alukho uphawu lothando lukaNkulunkulu, futhi abanawo nhlobo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngakho, amazwi nezenzo zabantu kumele uSathane. Uma inhliziyo yakho ihlala inokuthula phambi kukaNkulunkulu, futhi uhlala unaka abantu nezinto ezikuzungezile, nalokho okwenzekayo eduze nawe, futhi uwunakile umthwalo kaNkulunkulu, ngakho uNkulunkulu uyovama ukukukhanyisela ngaphakathi kwakho. Ebandleni kunabantu “abangabaqondisi,” babheka ukwahluleka kwabanye, futhi bese beyakopisha futhi bebalingise. Abakwazi ukwahlukanisa, abasizondi isono, futhi abazenyanyi noma banengeke ngezinto zikaSathane. Abantu abanjalo bagcwele izinto zikaSathane, futhi bayolahlwa uNkulunkulu ekugcineni. Inhliziyo yakho kufanele ihlale ihlonipha uNkulunkulu, kufanele ungakhulumi kakhulu futhi ungabi nehaba ngezenzo zakho, futhi ungafisa ukuphikisana noma ukuthukuthelisa uNkulunkulu. Akufanele ufise ukuba umsebenzi kaNkulunkulu ube ize kuwe, noma uvumele bonke ubunzima obubekezelele kanye nakho konke osukwenzile kube yize. Kufanele uzimisele ukusebenza kanzima futhi uthande uNkulunkulu kakhulu endleleni engaphambili. Laba abantu abanombono njengesisekelo sabo. Laba abantu abafuna intuthuko.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 504)

Uma abantu bekholelwa kuNkulunkulu, futhi bazana namazwi kaNkulunkulu, benenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, khona-ke kulaba bantu kungabonakala insindiso kaNkulunkulu, kanye nothando lukaNkulunkulu. Labo abantu abangafakaza kuNkulunkulu, baphila ngokuvumelana neqiniso, futhi lokhu abafakaza ngakho kuyiqiniso, lokhu uNkulunkulu ayikho, nesimo sikaNkulunkulu, nabaphila phakathi kothando lukaNkulunkulu futhi balubonile uthando lukaNkulunkulu. Uma abantu befisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele bezwe ubuhle bukaNkulunkulu, futhi babone ubuhle bukaNkulunkulu, kungaleso sikhathi kuphela lapho kungavuka kubo inhliziyo ethanda uNkulunkulu, inhliziyo efisa ukusebenzela uNkulunkulu. UNkulunkulu akenzi ukuba abantu bathande ngamazwi nangokukhuluma, noma imicabango yabo, futhi akabaphoqi abantu ukuba bamthande. Kunalokho, ubenza ukuba bamthande ngokukhetha kwabo, ubenza babone ubuhle Bakhe emsebenzini Wakhe kanye nakulokho akushoyo, emva kwalokho kukhona kubo ukuthela kothando lukaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho abantu bengaveza khona ubufakazi kuNkulunkulu. Abantu abathandi uNkulunkulu ngoba baceliwe ukuba benze njalo nakwabanye, noma umuzwa wokubhuduzela kwesikhashana. Bathanda uNkulunkulu ngenxa yokuba bebonile ubuhle Bakhe, babonile ukuthi kuningi Kuye okufanelwe uthando lwabantu, ngokuba bayibonile insindiso, ukuhlakanipha kanye nemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu—futhi ngenxa yalokho, bamdumisa ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi balangazelela Yena ngeqiniso, futhi kuvuka kubo intshisekelo yokuthi ngeke bakwazi ukuphila ngaphandle kokuzuza uNkulunkulu. Isizathu esenza ukuba labo abafakaza ngeqiniso banikeze ubufakazi obunenhlokomo Kuye, kungenxa yokuthi ubufakazi babo buphezu kwesisekelo solwazi lweqiniso kanye nokulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso. Akusiwo nje umuzwa wokubhuduzela, kodwa kungokolwazi lukaNkulunkulu kanye nesimo Sakhe. Ngokuba sebefinyelele ekumazini uNkulunkulu, futhi bayazi ngobuhle bukaNkulunkulu, noqobo Lwakhe. Njengothando lwabantu kuNkulunkulu, ubufakazi babo buyazenzakalela, buyiqiniso, bubalulekile futhi bufanele. Alukhona ukuthatheka, noma luyize futhi alusho lutho. Isizathu sokuba kube yilabo kuphela abathanda uNkulunkulu ngeqiniso abanenani elikhulu kanye nenjongo ezimpilweni zabo, futhi yibona kuphela abakholwa kuNkulunkulu ngeqiniso, kungenxa yokuthi laba bantu baphila ekukhanyeni kukaNkulunkulu, bayakwazi ukuphilela umsebenzi kanye nokuphatha kukaNkulunkulu; abaphili ebumnyameni, kodwa baphila ekukhanyeni; abaphili izimpilo ezingasho lutho, kodwa izimpilo ezibusiswe uNkulunkulu. Yilabo kuphela abathanda uNkulunkulu abakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, yibona kuphela abangofakazi bakaNkulunkulu, yibona kuphela ababusiswe uNkulunkulu, futhi yibona kuphela abakwazi ukwamukela izethembiso zikaNkulunkulu. Labo abathanda uNkulunkulu bangabangani bakaNkulunkulu, bangabantu abathandwa uNkulunkulu, bangathokozela izibusiso kanye noNkulunkulu. Abantu abafana nalaba kuphela abazophila phakade, futhi bona kuphela bazophila phansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu. UNkulunkulu ungowabantu ukuba bamthande, futhi ufanelwe uthando lwabantu lonke, kodwa akusibo bonke abantu abakwazi ukuthanda uNkulunkulu, futhi akusibo bonke abantu abangafakaza kuNkulunkulu futhi babambe amandla noNkulunkulu. Ngokuba bayakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi banikele onke amandla abo emsebenzini kaNkulunkulu, labo abathanda uNkulunkulu ngeqiniso bangahamba noma kuphi ngaphansi kwamazulu kungekho muntu ongabaphikisa, bengaphakamisa amandla futhi babuse abantu bakaNkulunkulu. Laba bantu bahlangane ndawonye bevela emhlabeni wonke, bakhuluma izilimi ezahlukene futhi banesikhumba esinemibala engafani, kodwa ubukhona babo bunencazelo efanayo, bonke banenhliziyo ethanda uNkulunkulu, bonke banobufakazi obufanayo futhi banesinqumo esifanayo, kanye nesifiso esifanayo. Labo abathanda uNkulunkulu bangahamba bakhululekile emhlabeni wonke, labo abafakaza ngoNkulunkulu bangahamba umkhathi wonke. Laba bantu bathandwa uNkulunkulu, babusiswe uNkulunkulu, futhi bayophila ekukhanyeni Kwakhe kuze kube phakade.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 505)

Ngempela ngempela umthanda kangakanani uNkulunkulu namhlanje? Futhi kungakanani konke okwaziyo uNkulunkulu akwenzile kuwe? Lezi yizinto okufanele uzifunde. Ngenkathi uNkulunkulu efika emhlabeni, konke lokho akwenzile kumuntu navumele umuntu ukuthi akubone ukwenze ukuze umuntu amthande Yena futhi amazi ngempela Yena. Ukuthi umuntu uyakwazi ukuhluphekela uNkulunkulu futhi ukwazile ukuba aze afinyelele lapha, kolunye uhlangothi, ngenxa yothando lukaNkulunkulu, bese ngakolunye uhlangothi, yingenxa yensindiso kaNkulunkulu; phezu kwalokho, kungenxa yomsebenzi wokwahlulela nokusola uNkulunkulu akwenzele umuntu. Uma ningenakho ukwahlulelwa, ukusolwa, nezilingo ezivela kuNkulunkulu, futhi uma uNkulunkulu engazange anenze nihlupheke, lapho-ke, eqinisweni nje, animthandi ngokweqiniso uNkulunkulu. Ngale nkathi umkhulu umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu, futhi ngenkathi ukuhlupheka komuntu kukukhulu, yilapho ekwazi khona ukukhombisa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ubaluleke kangakanani, futhi kulapho inhliziyo yomuntu ikwazi khona ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Ufunda kanjani ukuthanda uNkulunkulu? Ngaphandle kokuhlushwa nokucwengwa, ngaphandle kwezilingo ezibuhlungu—futhi uma, ukwedlula lapho, konke lokho uNkulunkulu akunikeze umuntu kungumusa, uthando, kanye nesihawu—ungakwazi ukuthola uthando lweqiniso lukaNkulunkulu? Ngakolunye uhlangothi, ngesikhathi sezilingo ezivela kuNkulunkulu umuntu uthola ukwazi lapho ebuthaka khona, futhi abone ukuthi akabalulekile kangako, ungodelelekile, nophansi, futhi akanalutho, futhi akalutho; ngakolunye uhlangothi, ngesikhathi sezilingo zaKhe uNkulunkulu udala izimo ezahlukene enzela umuntu ezenza umuntu akwazi ukubona ubuhle bukaNkulunkulu. Yize noma ubuhlungu bubukhulu, kwesinye isikhathi zingenakwahlulwa—futhi kuze kufinyelele ezingeni losizi olukunqobayo—eke wabhekana nalokhu, umuntu uyabona ukuthi muhle kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu kuyena, futhi kukulesi sisekelo kuphela lapho uthando lweqiniso lukaNkulunkulu kumuntu luzalwa khona kumuntu. Namhlanje umuntu ukubona lokhu ngomusa, uthando nesihawu sikaNkulunkulu, akakwazi ukwazi ngokweqiniso ngokwakhe, angisaphathi ukwazi umongo womuntu. Kungokubhekana nakho kokubili ukucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, kuphela ngesikhathi sokucwengwa lapho umuntu engazi ubuthaka bakhe, futhi azi ukuthi akanalutho. Ngenxa yalokho-ke uthando lukaNkulunkulu ngomuntu lwakhelwe esisekelweni sokucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu. Uma uthokozela umusa kaNkulunkulu kuphela, unempilo yomndeni enokuthula noma ukubusiseka ngezinto eziphathwayo, lapho-ke awukamtholi uNkulunkulu, futhi ukukholwa kwakho kuNkulunkulu ngeke kuthiwe kunempumelelo. UNkulunkulu usevele uwenzile umsebenzi wesiqephu esisodwa womusa enyameni, futhi usevele wathululela izibusiso zezinto eziphathekayo phezu komuntu—kodwa umuntu akakwazi ukupheleliswa ngomusa, uthando, nesihawu kuphela. Lokho umuntu ahlangabezana nakho kunengxenye ethile yothando lukaNkulunkulu, kumenza abone uthando nomusa kaNkulunkulu, kodwa ukuthola lokhu isikhathi esithile, uyabona ukuthi umusa kaNkulunkulu nothando lwaKhe kanjalo nomusa akukwazi ukwenza umuntu apheleliswe, futhi akukwazi ukuveza lokho okuyinkohlakalo phakathi kumuntu, futhi akukwazi ukuqeda isimo somuntu esikhohlakele, noma ukwenza uthando nokholo lwakhe lupheleliswe. Umsebenzi kaNkulunkulu womusa kwaba umsebenzi wesikhathi esisodwa, futhi umuntu akakwazi ukuncika ekuthokozeleni umusa kaNkulunkulu ukuze azi uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 506)

Namuhla, abantu abaningi abanalo lolo lwazi. Bakholwa ukuthi ukuhlupheka akunamsebenzi, impilo yasemakhaya abo inezinkinga, ababona abathandwa bakaNkulunkulu, futhi izifiso zabo ziluvindi. Ukuhlupheka kwabanye abantu kufinyelela ephuzwini eledlulele, nemicabango yabo iphenduka ukufa. Lolu akulona uthando lweqiniso lukaNkulunkulu; abantu abanjengalaba bangamagwala, abakwazi ukubekezela, babuthakathaka futhi kabanamandla! UNkulunkulu umagange ukuba umuntu amthande, kodwa ngale nkathi umuntu emthanda kakhulu, kungale nkathi nokuhlupheka komuntu kuzokwanda, futhi ngenkathi umuntu emthanda kakhulu, kanjalo nezilingo zakhe zizokwanda. Uma umthanda, konke ukuhlupheka kuzokwehlela—futhi uma ungamthandi, mhlawumbe yonke into izokuhambela kahle, futhi kuzoba nokuthula okukuzungezile. Uma uthanda uNkulunkulu, uzwa sengathi okuningi obhekene nako akunakwahlulwa, futhi ngoba isakhiwo sakho sincane kakhulu uzocwengwa; ngaphezu kwalokho, awukwazi ukwenelisa uNkulunkulu, futhi uyohlala uzwa sengathi intando kaNkulunkulu iphakeme kakhulu, umuntu ngeke akwazi ukuyifinyelela. Ngenxa yakho konke lokhu uzothola ukucwengwa—ngoba kunobuthakathaka obukhulu ngaphakathi kuwena, nokuningi okungakwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, uzocwengwa ngaphakathi. Kodwa kufanele nibone ngokucacile ukuthi ukuhlanzwa kwenzeka kuphela ngokucwengwa. Ngenxa yalokhu, ngalezi zinsuku zokugcina kufanele nibe nobufakazi bukaNkulunkulu. Noma ngabe kungakanani ukuhlupheka kwenu, kufanele nize zifinyelele esiphethweni, ngisho nasemphefumulweni wenu wokugcina, nalapho kusafanele nithembeke kuNkulunkulu, futhi nibe semuseni kaNkulunkulu; yilona kuphela uNkulunkulu onothando, futhi yilobu kuphela ubufakazi obunamandla nobuphilayo. Uma ulingwa nguSathane, kufanele uthi: “Inhliziyo yami ingekaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu usengizuzile. Angikwazi ukukwenelisa—kufanele ngizinikele ngakho konke ukwenelisa uNkulunkulu.” Ngenkathi wenelisa kakhulu uNkulunkulu, kungale nkathi uNkulunkulu ekubusisa kakhulu, futhi aba makhulu namandla othando lwakho ngoNkulunkulu; nawe, ngokunjalo, uzoba nokholo nokuzimisela, futhi uzwe sengathi ayikho into ebaluleke noma eqave ngaphezu kwempilo echithwe uthanda uNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi umuntu kufanele kuphela athande uNkulunkulu ukuze angabi nosizi. Yize noma kuba nezikhathi lapho inyama yakho ibuthakathaka futhi usibekelwe yizinkinga eziningi, ngalezi zikhathi uzoncika ngempela kuNkulunkulu, futhi emoyeni wakho ngaphakathi uzoduduzwa, futhi uzoba nokuqiniseka, futhi uzoba nokuthile othembele kukhona. Ngale ndlela, uzokwazi ukunqoba izimo eziningi, ngakho ngeke ukhalaze ngoNkulunkulu ngenxa yomunyu owuzwayo; uzofuna ukucula, udanse, futhi uthandaze, uhlanganyele nabazalwane, ucabange ngoNkulunkulu, futhi uzobona ukuthi bonke abantu, babalulekile, futhi nezinto ezikuzungezile ezihlelwe nguNkulunkulu zifanelekile. Uma ungamthandi uNkulunkulu, konke okubukayo kuzoba ngokukukhathazayo, ayikho into ezojabulisa emehlweni akho; emoyeni wakho ngeke ukhululeke kodwa uzoba ngocindezelwe phansi, inhliziyo yakho iyohlezi ikhononda ngoNkulunkulu, futhi uzohlala uzwa sengathi uneminjunju eminingi kakhulu, kanti lokho akunabulungiswa kakhulu. Uma ungenzi mzamo ngenhloso yokuthola injabulo, kodwa ukuze wenelise uNkulunkulu nokuthi ungasolwa nguSathane, lapho lowo mzamo nokulangazelela kuzokunikeza amandla amakhulu okuthanda uNkulunkulu. Umuntu uyakwazi ukwenza konke okukhulunywe nguNkulunkulu, futhi konke akwenzayo kuyakwazi ukumenelisa uNkulunkulu—kuchaza lokhu-ke ukuzuzwa okungokoqobo. Ukuzama ukwenelisa uNkulunkulu ukusebenzisa uthando lukaNkulunkulu ekusebenzise amazwi Akhe; kungakhathalekile isikhathi—ngisho noma abanye bengenamandla—ngaphakathi kuwena kusenenhliziyo emthandayo uNkulunkulu, emlangazelela ngokujulile uNkulunkulu, nemkhumbulayo uNkulunkulu. Lesi yisakhiwo sangokoqobo. Ukuba kuhle kwesakhiwo sakho kuncike ekutheni lukhulu kangakanani uthando lwakho ngoNkulunkulu, ekutheni uyakwazi ukuma uqine uma uvivinywa, noma ngabe ubuthakathaka lapho izimo ezithile zikufikela, nanokuthi uyakwazi ukuzimela uma abafowenu nodadewenu bekukhipha inyumbazane; ukufika kwamaqiniso kuzokhombisa ukuthi lunjani ngempela uthando lwakho ngoNkulunkulu. Kuyabonakala emsebenzini omningi kaNkulunkulu ukuthi ngempela uNkulunkulu uyamthanda umuntu, ukuthi nje amehlo angokomoya omuntu asadinga ukuvuleka ngokuphelele, futhi akakwazi ukubona kahle umsebenzi kaNkulunkulu omningi, nokuthi intando kaNkulunkulu, nezinto eziningi ezinhle ngoNkulunkulu; umuntu unothando oluncane kakhulu ngoNkulunkulu. Usukholelwe kuNkulunkulu kuso sonke lesi sikhathi, futhi namhlanje uNkulunkulu ususe zonke izindlela zokubaleka. Eqinisweni, ayikho enye indlela ngaphandle kokuthatha indlela elungile, indlela elungile oholelwe kuyona yisahlulelo esibuhlungu kanye nensindiso ephakeme kaNkulunkulu. Kungokubhekana nezinkinga zobunzima kuphela nokucwengwa ukuba umuntu aze azi ukuthi uNkulunkulu muhle. Okubonile kuze kube manje, kungashiwo ukuthi umuntu useyayazi ingxenye yobuhle bukaNkulunkulu—kodwa lokhu akwenele, ngoba umuntu kusadingeka okuningi kuyena angenakho. Kufanele abone okwengeziwe ngomsebenzi kaNkulunkulu omangalisayo, kanye nokunye ukuhlupheka kokucwengwa okubekwe nguNkulunkulu. Yilapho kuphela-ke lapho isimo somuntu singashintshwa khona.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 507)

Nonke niphakathi ekuvivinyweni nasekucwengweni. Ingabe kufanele nimthande kanjani uNkulunkulu ngesikhathi sokucwengwa? Emva kokuthola ukucwengwa, abantu bayakwazi ukunikeza uNkulunkulu indumiso yeqiniso, futhi phakathi kokucwengwa, bakwazi ukubona ukuthi basilele kakhulu. Uma kukukhulu ukucwengeka kwakho, kanjalo uzokwazi ukuyehlula inyama; uma kukukhulu ukucwengeka kwakho, kungale nkathi nothando lukaNkulunkulu luzokwanda ebantwini. Yilokhu okufanele nikuqonde. Kungani kufanele abantu bathole ukucwengwa? Ingabe lokhu kuhlose ukufezani? Yini ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu ekucwengweni komuntu? Uma umfuna ngokweqiniso uNkulunkulu, khona-ke ngemva kokuthola ukucwangwa Nguye kwaze kwaba sezingeni elithile uzozwa ukuthi kumnandi, futhi kunesidingo esikhulu. Ingabe umuntu kufanele amthande kanjani uNkulunkulu ngesikhathi sokucwengwa? Ngokuzimisela ngokuthanda uNkulunkulu wamukele nokucwengwa nguYe: Ngesikhathi sokucwengwa uyahlushwa ngaphakathi, kube sengathi kunommese ophanjaniswe enhliziyweni yakho, kodwa uzimisele ukwenelisa uNkulunkulu usebenzisa inhliziyo yakho, emthandayo, futhi awuzimisele ukunakekela inyama. Yilokho okusuke kuqondiswe kukho uma kukhulunywa ngokwenza uthando lukaNkulunkulu. Uyafa yiminjunju ngaphakathi, futhi ubuhlungu bakho sebufinyelele ezingeni elithile, kodwa nalapho usazimisele ukuza phambi kukaNkulunkulu ukhuleka, uthi: “O Nkulunkulu! Angikwazi ukukushiya Wena. Yize noma kunobumnyama obungizungezile, kodwa ngifuna ukwenelisa Wena; Uyayazi inhliziyo yami, futhi ngifisa ngabe ungatshala uthando lwaKho ngaphakathi kimi.” Lokhu kwenziwa ngesikhathi sokucwengwa. Uma usebenzisa uthando lukaNkulunkulu njengesisekelo, ukucwengwa kungakusondeza eduze noNkulunkulu futhi kukwenze ube nobudlelwane obusondelene kakhulu noNkulunkulu. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele unikele inhliziyo yakho ngaphambi kukaNkulunkulu. Uma uzinikela bese weneka inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu, kusho ukuthi ngesikhathi sokucwengwa ngeke kwenzeke kuwena ukuba umphike uNkulunkulu, noma umshiye uNkulunkulu. Ngale ndlela ubudlelwane bakho noNkulunkulu buzosondelana nakakhulu, futhi bube ngobejwayelekile nakakhulu, kanti ubudlelwane bakho noNkulunkulu buzokwanda nakakhulu. Uma ngaso sonke isikhathi wenza ngale ndlela, uzochitha isikhathi esiningi ekukhanyeni kukaNkulunkulu, kanye nesikhathi esiningi ngaphansi kokuholwa ngamazwi aKhe, futhi kuzoba noshintsho olukhulu esimweni sakho, kanjalo nolwazi lwakho luzokwanda usuku nosuku. Kuyothi uma kufika usuku nezilingo zikaNkulunkulu zikwehlela ungazelele, ngeke nje ugcine ngokuma eduze kukaNkulunkulu, kodwa futhi uyokwazi nokwethula ubufakazi ngoNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, uyofana noJobe, noPetru. Sewunobufakazi ngoNkulunkulu uyomthanda ngokweqiniso, futhi uyozimisela ukunikela ngempilo yakho egameni laKhe; uyoba ngufakazi kaNkulunkulu, futhi ufakazi othandiweyo nguNkulunkulu. Uthando oluthole ukucwengwa lunamandla, alusibuthakathaka. Kungakhathalekile ukuthi uNkulunkulu ukungenisa kanjani ezilingweni zaKhe, uyakwazi ukungabi nandaba noma uyaphila noma uyafa, ubeke konke okunye eceleni ngentokozo wenzela uNkulunkulu, futhi ubekezele noma yini ngentokozo wenzela uNkulunkulu—ngaleyo ndlela-ke uthando lwakho luyoba msulwa, kanti nokholo lwakho lube ngolweqiniso. Yilapho kuphela-ke lapho uyoba ngumuntu othanda uNkulunkulu ngokweqiniso, futhi oye wapheleliswa ngempela nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 508)

Uma abantu bewela ngaphansi kwethonya likaSathane, lapho-ke basuke bengasenalo uthando lukaNkulunkulu ngaphakathi kubona, njengoba imibono yabo yangaphambilini, uthando, kanye nokuzimisela kwabo sekunyamalele. Abantu babevame ukuzizwa sengathi kwakufanele bahlupheke behluphekela uNkulunkulu, kodwa namuhla bacabanga ukuthi kuyihlazo futhi kabaziswele izinto abangakhalaza ngazo. Lona ngumsebenzi kaSathane; kuyakhombisa ukuthi umuntu usewele ngaphansi kokubuswa nguSathane. Uma ufinyelela kulesi simo kufanele uthandaze, usiguqule ngokushesha—lokhu kuzokuvikela ekuhlaselweni nguSathane. Kungesikhathi sokucwengwa okubuhlungu lapho umuntu engawela kalula ngaphasi kwethonya likaSathane—pho kufanele umthande kanjani uNkulunkulu ngesikhathi sokucwengwa? Kufanele uzame ngawo wonke amandla akho, ubeke inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu unikele sonke isikhathi sakho kuYe. Noma ngabe uNkulunkulu ukucwenga kanjani, kufanele ukwazi ukuphila iqiniso ukuze kufezeke intando kaNkulunkulu futhi kufanele uzimisele ukuba wena uqobo ufune uNkulunkulu futhi ufune ubudlelwane. Ezikhathini ezifana nalezi, ngale nkathi unganaki ngokwengeziwe, kungale nkathi kuzogcina kulula ngokwengeziwe ukuba ubuyele emuva. Uma sekufanelekile ukuba wenze umsebenzi wakho, yize noma ungawenzi kahle, wenza konke okusemandleni akho, futhi ukwenza usebenzisa uthando lukaNkulunkulu; kungakhathalekile ukuthi abanye bathini—noma ngabe bayakuncoma bathi wenze kahle, noma wenze kabi—ukugqugquzeleka kwakho kuhle, futhi awuzishayi isifuba, ngoba wenza umsebenzi kaNkulunkulu. Uma abanye bekuhlanekezela lokhu okwenzayo bakubize ngokungesikhona, uyakwazi ukuthandaza kuNkulunkulu uthi: “O Nkulunkulu! Angiceli ukuba abanye bangibekezelele noma bangiphathe kahle, noma bangiqonde noma bangivumele. Ngicela nje kuphela ukuba ngikwazi ukukuthanda Wena enhliziyweni yami, ukuba ngikhululeke enhliziyweni yami, ukuthi unembeza wami uhlanzekile. Angiceli ukuba abanye bangincome, noma bangithathele phezulu; ngifuna nje ukwenelisa Wena ngenhliziyo yami, ngidlala indima yami ngokwenza konke enginamandla okukwenza, futhi yize noma ngiyisiphukuphuku nesiwula, futhi ngimpofu, ngiyimpumputhe, kodwa ngiyazi ukuthi Wena umuhle, futhi ngizimisele ukunikela konke enginakho kuWena.” Uma nje uthandaza ngale ndlela, uthando lwakho ngoNkulunkulu luyavela, futhi uzizwa usunokukhululeka kakhudlwana enhliziyweni yakho. Yilokho okusuke kuqondiswe kukho uma kukhulunywa ngokwenza uthando lukaNkulunkulu. Njengalokhu ukubona lokhu, uzohluleka kabili uphumelele kanye, noma uzohluleka izikhathi eziyisihlanu bese uphumelela izikhathi ezimbili, ngenkathi kuqhubeka lokhu ngale ndlela, kuzoba ngale nkathi ubhekene nokwehluleka lapho uzokwazi ukubona khona ubuhle bukaNkulunkulu bese ukwazi ukubona ukuthi yini osilele kuyona wena ngaphakathi. Uma uphinda uhlangabezana nezimo ezifana nalezi, kufanele uzexwayise, uqikelele izinyathelo zakho, futhi uthandaze kakhulu kunakuqala. Kancane kancane uzoba nawo amandla okunqoba ezimweni ezifana nalezi. Uma lokho sekwenzeka, imikhuleko yakho ibe yimpumelelo. Uma usubona ukuthi uphumelele kulokhu, uzokweneliseka ngaphakathi, futhi uma ukhuleka uzokwazi ukumuzwa uNkulunkulu, nokuthi ubukhona bukaMoya oNgcwele busenawe—kulapho kuphela-ke lapho uzokwazi ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani ngaphakathi kuwena. Ukwenza ngale ndlela kuzokwenza uthole indlela yokwenza. Uma ungasebenzisi iqiniso, ngeke ube naye uMoya oNgcwele ngaphakathi kuwena. Kodwa uma wenza iqiniso lapho uhlangana nezinto njengoba zinjalo, khona-ke, noma uzwa ubuhlungu ngaphakathi, uMoya oNgcwele uzoba nawe kamuva, uzokwazi ukuzwa ubukhona bukaNkulunkulu lapho uthandaza, uzoba namandla okwenza amazwi kaNkulunkulu, futhi ngenkathi unobudlelwane nabazalwane bakho ayikho into ezobe isinda kunembeza wakho, futhi uzozizwa unokuthula, ngale ndlela-ke, uzokwazi ukuletha ukukhanya kulokho okwenzile. Kungakhathalekile ukuthi abanye bathini, uzokwazi ukuba nobudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu, ngeke uvinjelwe ngabanye, uzonqoba konke—bese kulokhu, uzokhombisa ukuthi ukwenza kwakho amazwi kaNkulunkulu kube yimpumelelo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 509)

Ngenkathi kukukhulu ukucwengwa nguNkulunkulu, kungale nkathi nezinhliziyo zabantu zikwazi ukumthanda kakhulu uNkulunkulu. Ubuhlungu ezinhliziyweni zabo buzoba ngumhlomulo ezimpilweni zabo, bakwazi kakhulu ukuba nokuthula ngaphambi kukaNkulunkulu, ubudlelwane babo noNkulunkulu busondelane, futhi bakwazi kangcono ukubona uthando lukaNkulunkulu olumangalisayo kanye nensindiso yaKhe enkulukazi. UPetru wathola ukucwengwa okuphindwe kayikhulu, kanti uJobe wabhekana nezilingo eziningana. Uma nifisa ukupheleliswa nguNkulunkulu, nani futhi kufanele nibhekane nokucwengwa okuphindwe kayikhulu; uma kuphela ndlula kule nqubo, futhi nincika kulesi sinyathelo, nizokwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu, kanye nokupheleliswa nguNkulunkulu. Ukucwengwa yindlela eyiyonayona uNkulunkulu aphelelisa ngayo abantu; kuphakathi kokucwengwa kanye nezilingo ezinzima lapho kuvela khona uthando lweqiniso lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu. Ngaphandle kobunzima, abantu ababi nalo uthando lweqiniso lukaNkulunkulu; uma bengavivinywa ngaphakathi, futhi bengabhekananga kahle nokucwengwa kwangempela, izinhliziyo zabo ziyohlezi zintanta ngaphandlei. Uma usucwengwe waba sezingeni elithile, uzokwazi ukuzibona ubuthakathaka bakho kanye nezinkinga zakho, uzobona ukuthi usilela kangakanani nokuthi awukwazi ukunqoba izinkinga eziningi obhekana nazo, futhi uzobona ukuthi kukhulu kangakanani ukungalaleli kwakho. Kusesikhathini sezilingo kuphela lapho abantu bekwazi ukubona ngempela isimo abakusona, nezilingo zenza abantu bakwazi kangcono ukuba bapheleliswe.

Ekuphileni kwakhe, uPetru wabhekana nokucwengwa izikhathi ezingamakhulu futhi wabhekana nezinhlupheko eziningi ezibuhlungu. Lokhu kucwengwa kwaba yisisekelo sothando lwakhe olukhulukazi lukaNkulunkulu, futhi lokhu kwaba yinto ebalulekile empilweni yakhe yonke. Ukuthi wakwazi ukuba nalolu thando olukhulukazi lukaNkulunkulu empeleni, kolunye uhlangothi, kwaba ngenxa yokuphikelela kwakhe ethanda uNkulunkulu; okubaluleke kakhulu, kodwa-ke, kwaba ngenxa yokucwenga nokuhlupheka abhekana nakho. Lokhu kuhlupheka kwaba yisiqondiso saKhe endleleni yokuthanda uNkulunkulu, futhi kwaba yinto angazange ayikhohlwa. Uma abantu bengahlangabezani nobuhlungu bokucwengwa uma bethanda uNkulunkulu, lokho-ke kusho ukuthi uthando lwabo lugcwele ukungcola kanye nokuthandwa yibo; uthando olufana nalolu lugcwele imibono kaSathane, futhi nje alukwazi neze ukufeza intando kaNkulunkulu. Ukuba nothando oluphikelelayo lukaNkulunkulu akufani nokuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Yize noma konke abakucabangayo ezinhliziyweni zabo kungenxa yokuthanda uNkulunkulu, nokwenelisa uNkulunkulu, sengathi imicabango yabo ayinamicabango yabantu, sengathi konke abakwenzayo bakwenzela uNkulunkulu, uma imicabango yabo ilethwa phambi kukaNkulunkulu, imicabango enjalo ayinconywa noma ayibusiswanga nguNkulunkulu. Ngisho noma abantu sebeqondisise kahle wonke amaqiniso—uma sebewazi wonke—lokhu akukwazi ukubizwa ngophawu lokuthanda uNkulunkulu, angeke kuthiwe laba bantu ngempela bathanda uNkulunkulu. Ngisho noma sebeqondisise amaqiniso amaningi ngaphandle kokubhekana nokucwengwa, abantu abakwazi ukuphila ngala maqiniso; kungesikhathi sokucwengwa kuphela lapho abantu bengaqonda okushiwo ngempela yilawa maqiniso, yilapho kuphela lapho abantu bengakwazi ukwazisa ngempela incazelo yawo yangaphakathi. Ngaleso sikhathi, uma sebezama futhi, bayakwazi ukusebenzisa la maqiniso ngendlela, kanye nangokuhambisana nentando kaNkulunkulu; ngaleso sikhathi, imibono yabo yabantu iyancipha, ukukhohlakala kobuntu babo kuyehla, kanti nemizwa yabo yokuba umuntu iyashabalala; kungaleso sikhathi kuphela lapho ukwenza kwabo kuyisibonakaliso seqiniso sothando lukaNkulunkulu. Umphumela weqiniso lothando lukaNkulunkulu awufezeki ngolwazi olukhulunywayo noma ukuzimisela ngokwengqondo, futhi awufezeki nje kalula ngokuqondwa. Uma kudingeka abantu bakhokhe inani elithile, nokuthi babhekane nomunyu omkhulu kakhulu ngesikhathi sokucwengwa, bese kuba yilapho kuphela-ke lapho uthando lwabo luba msulwa, futhi lube ngolulangazelele inhliziyo kaNkulunkulu uqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 510)

Ebhekene nesimo somuntu nangendlela abheka ngayo uNkulunkulu, uNkulunkulu wenze umsebenzi omusha, uvumela umuntu abe nolwazi kanye nomthobela Yena, kanjalo nothando nobufakazi. Yingakho, umuntu kufanele abhekane nokucwengwa nguYe uNkulunkulu, kanjalo nokwahlulelwa nguYe, ukumazi kanye nokuthenwa nguYe, ngaphandle kwalokho umuntu ngeke abe nakho ukumazi uNkulunkulu, futhi ngeke akwazi ukumthanda ngokweqiniso kanye nokufakaza ngaYe. Ukucwengwa nguNkulunkulu komuntu akukona nje okokuzuzisa uhlangothi olulodwa, kodwa kunomphumela onezinhlangothi eziningi. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, ukuze ukuzimisela kwakhe kanye nothando kwenziwe kuphelele nguNkulunkulu. Kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, nalabo abalangazelele uNkulunkulu, ayikho into ebaluleke ngaphezu kwale, noma ewusizo ukwedlula, ukudlula ukucwengwa. Isimo sikaNkulunkulu asaziwa noma asiqondwa kalula ngumuntu, ngoba uNkulunkulu, ekugcineni, unguNkulunkulu. Ekupheleni kwakho konke, akwenzeki ukuthi uNkulunkulu abe nesimo esifanayo nesomuntu, yingakho kungelula ukuba umuntu asazi isimo saKhe. Iqiniso umuntu akazalwa nalo, futhi akulula ukuba liqondwe yilabo abangcoliswe nguSathane; umuntu akanalo iqiniso, futhi akanawo amandla okuphila ngeqiniso, futhi uma engahlupheki, futhi angacwengwa noma ahlulelwe, lapho-ke amandla akhe ngeke apheleliswe. Kubo bonke abantu, ukucwengwa kubuhlungu, futhi kunzima ukukwemukela—kodwa noma kunjalo kungesikhathi sokucwengwa lapho uNkulunkulu enza isimo saKhe sokulunga sicace bha kumuntu, futhi azise nomuntu izidingo nezimfuno zaKhe, futhi ahlinzeke ngokukhanya okuthe xaxa, kanye nokuthenwa nokusebenzelana; ngokuqhathaniswa phakathi kwamaphuzu namaqiniso, unikeza umuntu ulwazi oluthe xaxa ngaye nangeqiniso, aphinde anikeze umuntu ukuqonda okukhulu ngentando kaNkulunkulu, ngaleyo ndlela avumele umuntu ukuba abe nothando lweqiniso nolumsulwa lukaNkulunkulu. Lezi yizinhloso zikaNkulunkulu lapho enza ukucwengwa kwethu. Wonke umsebenzi awenzayo uNkulunkulu unezinhloso kanye nokubaluleka kwawo; uNkulunkulu akawenzi umsebenzi ongenamsebenzi nanhloso, futhi akawenzi umsebenzi ongeke uhlomulise umuntu. Ukucwengwa akuchazi ukususa abantu phambi kukaNkulunkulu, futhi akuchazi ukubashabalalisa esihogweni. Kuchaza ukushintsha isimo somuntu ngesikhathi sokucwengwa, ukushintsha izintshisekelo zakhe, imibono yakhe yakudala, ukushintsha uthando lwakhe ngoNkulunkulu, kanye nokushintsha impilo yakhe yonke. Ukucwengwa ukuvivinywa kwangempela komuntu, kanye nendlela yangokoqobo yokuqeqeshwa, futhi kungesikhathi sokucwengwa kuphela lapho uthando lwakhe lungenza umsebenzi walo ophelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 511)

Uma ukholwa kuNkulunkulu, kumele ulalele uNkulunkulu, wenze iqiniso futhi ufeze yonke imsebenzi yakho. Ngaphezu kwalokho, kumele uziqonde izinto okufanele udlule kuzo. Uma uzwa kuphela ukubhekanwa nawe, ukuqondiswa nokwahlulelwa, uma ukwazi ukujabulela uNkulunkulu kuphela kodwa ungakwazi ukuzwa lapho uNkulunkulu ekuqondisa noma ebhekana nawe—lokhu akwamukelekile. Mhlawumbe kule ndaba yokucwengisiswa, uyakwazi ukuma uqine, nokho lokhu akukaneli, kusamele uphokophele phambili. Isifundo sokuthanda uNkulunkulu asipheli, asikaze siphele. Abantu babona ukukholwa kuNkulunkulu kuyinto elula kakhulu, kodwa lapho bebona izinto ezithize ngokoqobo, babe sebebona ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu akulula njengoba abantu becabanga. Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga umuntu, umuntu uyahlupheka. Lapho ecwengisiswa ngokwengeziwe, ukuthanda kwakhe uNkulunkulu kuba kukhulu, futhi amandla amakhulu kaNkulunkulu ambulwa kuye ngokuthe xaxa. Lapho kuncipha ukucwengwa komuntu, kuyancipha ukuthanda kwakhe uNkulunkulu, futhi ayancipha namandla kaNkulunkulu embulwa kuye. Lapho kuba kukhulu ukucwengwa nobuhlungu bakhe nalapho kwanda ukuhlushwa kwakhe, kuyojula nakakhulu ukumthanda kwakhe ngempela uNkulunkulu, luyoba qotho nakakhulu ukholo lwakhe kuNkulunkulu, futhi lujule nakakhulu ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu. Ezintweni ozodlula kuzo, uzobona ukuthi labo abadlula ekucwengweni nasebuhlungwini obukhulu lapho kubhekanwa nabo futhi beqondiswa kakhulu, futhi uzobona ukuthi yilabo bantu abamthanda ngokujulile uNkulunkulu, futhi abanolwazi olunzulu nolujula ngokwengeziwe ngoNkulunkulu. Labo abangakaze bezwe ukuthi kubhekanwe nabo kodwa abanolwazi olungatheni, bangathi kuphela: “UNkulunkulu muhle kakhulu, abantu ubanika umusa ukuze bamthokozele.” Uma abantu bezwe ukubhekanwa nabo nokuqondiswa, khona-ke bayokwazi ukukhuluma ngolwazi lwangempela ngoNkulunkulu. Ngakho lapho umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa ngokwengeziwe kumuntu, uba yigugu futhi ubaluleke ngokwengeziwe. Lapho ungaqondakali ngokwengeziwe kuwe futhi ungahambisani nakakhulu nemibono yakho, umsebenzi kaNkulunkulu ukwazi ngokwengeziwe ukukunqoba, ukukuzuza, nokukuphelelisa. Ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu kubanzi kakhulu! Ukube uNkulunkulu akamcwenganga ngale ndlela umuntu, ukube akasebenzanga ngale ndlela, khona-ke umsebenzi Wakhe ubungeke ube namiphumela futhi ubungeke ubaluleke. Kwashiwo esikhathini esedlule ukuthi uNkulunkulu wayezokhetha futhi azuze leli qembu, futhi aliphelelise ezinsukwini zokugcina; kulokhu, kukhona ukubaluleka okumangalisayo. Lapho uba mkhulu ngokwengeziwe umsebenzi awenza kini, kuyajula futhi kuhlanzeke ngokwengeziwe ukuthanda kwenu uNkulunkulu. Lapho uba mkhulu ngokwengeziwe umsebenzi kaNkulunkulu, umuntu ukwazi kakhulu ngokwengeziwe ukuzwa ukuhlakanipha Kwakhe futhi lujula ngokwengeziwe nolwazi lomuntu Ngaye. Ezinsukwini zokugcina, uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luyophela. Kungenzeka ngempela ukuba kuphele kalula kanjalo? Lapho esenqobe isintu, ingabe umsebenzi Wakhe uyophela? Ingabe kuyoba lula kanjalo? Abantu impela bacabanga ukuthi kulula kakhulu, kodwa lokho okwenziwa uNkulunkulu akulula ngaleyo ndlela. Akunandaba ukuthi ukhuluma ngayiphi ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, konke akuqondakali kumuntu. Ukube ubukwazi ukuwuqonda, khona-ke umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ubaluleke noma ube yigugu. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu awuqondakali; awuhambisani nhlobo nemibono yakho, futhi lapho ushayisana ngokwengeziwe nemibono yakho, kukhombisa ngokwengeziwe ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unenjongo; ukube ubuhambisana nemibono yenu, ubungeke ube nenjongo. Namuhla, uzwa sengathi umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa kakhulu, futhi lapho uwuzwa umangalisa ngokwengeziwe, yilapho uzwa khona ngokwengeziwe ukuthi uNkulunkulu akaqondakali, futhi uyabona ukuthi zinkulu kangakanani izenzo zikaNkulunkulu. Ukube uNkulunkuu wenza umsebenzi ngokunganaki ukuze anqobe umuntu futhi kwaphela lapho, khona-ke umuntu ubengeke akwazi ukubona ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba ucwengisiswa kancane manje, kuyinzuzo enkulu ekukhuleni kwempilo yakho—ngakho kudingeke kakhulu ukuthi wedlule ebunzimeni obunjalo. Namuhla, uthola ukucwengwa okuncane, kodwa nakanjani kamuva uzokwazi ukuzibona ngempela izenzo zikaNkulunkulu, futhi ekugcineni uyothi: “Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu!” Lawo kuyoba amazwi asenhliziyweni yakho. Ngemva kokuzwa ukucwenga kukaNkulunkulu isikhashana (ukuvivinywa kwezikhonzi nesikhathi sokusolwa), abanye abantu ekugcineni bathi: “Kunzima ngempela ukukholwa kuNkulunkulu!” Ukusebenzisa kwabo amazwi athi, “kunzima ngempela”, kuveza ukuthi izenzo zikaNkulunkulu aziqondakali, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unokubaluleka okukhulu futhi uyigugu, nokuthi umsebenzi Wakhe ufanele kakhulu ukuba yigugu kumuntu. Uma, ngemva kokuba ngenze umsebenzi omkhulu kangaka, ungenalo noluncane ulwazi, ingabe umsebenzi Wami usabalulekile? Kuyokwenza uthi: “Kunzima ngempela ukukhonza uNkulunkulu, izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu, futhi uNkulunkulu uhlakaniphe ngempela! Uthandeka kakhulu!” Uma, ngemva kokuzwa ukuphila isikhashana, ukwazi ukusho amazwi anjalo, lokho kufakazela ukuthi uwuzuzile umsebenzi kaNkulunkulu okuwe. Ngelinye ilanga, lapho usabalalisa ivangeli ukwelinye izwe bese othile ekubuza athi: “Luhamba kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu?”, uyokwazi ukuthi: “Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu!” Bazozwa ukuthi ukhuluma ngezinto ohlangane nazo ngempela. Lokhu kuwukufakaza ngempela. Uzothi umsebenzi kaNkulunkulu ugcwele ukuhlakanipha, nokuthi umsebenzi Wakhe kuwe ukuqinisekise ngempela futhi wanqoba inhliziyo yakho. Uyohlale umthanda ngoba isintu kufanele simthande kakhulu! Uma ukwazi ukukhuluma ngalezi zinto, ungazinyakazisa izinhliziyo zabantu. Konke lokhu kuwukufakaza. Uma ukwazi ukuba nobukazi obuqanda ikhanda, ukwenza abantu bakhale, lokho kukhombisa ukuthi ngempela ungumuntu othanda uNkulunkulu, ngoba uyakwazi ukufakaza ngokuthanda uNkulunkulu, futhi ngawe, izenzo zikaNkulunkulu zingavezwa ngobufakazi. Ngobufakazi bakho, abanye abantu benziwa ukuba bafune umsebenzi kaNkulunkulu, ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu, futhi bame baqine kunoma yisiphi isimo abazithola bekuso. Yile ndlela kuphela engeyangempela yokwethula ubufakazi, futhi yilokho kanye okudingeka kuwe manje. Kufanele ubone ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyigugu ngokwedlulele futhi ufanele waziswe abantu, ukuthi uNkulunkulu uyigugu futhi unenala kakhulu; akagcini nje ngokukhuluma, kodwa futhi wahlulela abantu, acwenge izinhliziyo zabo, abalethele injabulo, abazuze, abanqobe futhi abaphelelise. Nizobona ezintweni enidlula kuzo ukuthi uNkulunkulu uthandeka kakhulu. Ngakho umthanda kangakanani uNkulunkulu manje? Ungakwazi ngempela ukusho lezi zinto ngokusuka enhliziyweni? Lapho ukwazi ukukhuluma la mazwi kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho, uyokwazi ukufakaza. Uma ohlangane nakho sekufinyelele kuleli zinga uyokwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uyokufanela ukukwenza. Uma ungafinyeleli kuleli zinga kulokho ohlangane nakho, uyobe usaqhele kakhulu. Kujwayelekile ukuthi abantu bakhombise ubuthaka lapho becwengwa, kodwa ngemva kokucwengwa kufanele ukwazi ukuthi: “UNkulunkulu uhlakaniphe kakhulu emsebenzini Wakhe!” Uma ukwazi ngempela ukuwaqonda ngokoqobo la mazwi, khona-ke lokhu kuyoba yigugu, futhi ohlangane nakho kuyobaluleka.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 512)

Yini okufanele uyifune manje? Okufanele ukufune ukuthi uyakwazi yini ukufakazela izenzo zikaNkulunkulu noma cha, ukuthi ungaba yini ubufakazi nokubonakaliswa kukaNkulunkulu, nokuthi ufanele yini ukusetshenziswa Nguye—lezi yizinto okufanele uzifune. Ungakanani umsebenzi uNkulunkulu awenzile ngempela kuwe? Ungakanani owubonile, ungakanani owuthintile? Ungakanani odlule kuwo, wawunambitha? Kungakhathalekile ukuthi uNkulunkulu ukuvivinyile, wabhekana nawe, noma wakuqondisa, izenzo Zakhe nomsebenzi Wakhe kwenziwe kuwe. Kodwa njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, njengomuntu ozimisele ukupheleliswa Nguye, ingabe uyakwazi ukufazela izenzo zikaNkulunkulu ezintweni ezingokoqobo odlula kuzo? Ingabe ungaliphila izwi likaNkulunkulu ngalokho ohlangana nakho okwangempela? Ingabe uyakwazi ukondla abanye ngezinto ezingokoqobo osuhlangane nazo, futhi uzikhandle impilo yakho yonke ukuze ufakaze ngomsebenzi kaNkulunkulu? Ukuze ufakaze ngomsebenzi kaNkulunkulu, kumele uthembele kulokho osudlule kukho, olwazini, kanye nasekuhluphekeni okubekezelele. Ungayeenelisa kanje kuphela intando kaNkulunkulu. Ingabe ungumuntu ofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu? Ingabe unaso leso sifiso? Uma ukwazi ukufakaza ngegama Lakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ngomsebenzi Wakhe, futhi uma ukwazi ukuphila ngesiqu asifunayo kubantu Bakhe, kusho ukuthi ungufakazi kaNkulunkulu. Umfakazela kanjani ngempela uNkulunkulu? Ukwenza lokho ngokufuna nokulangazelela ukuphila ngokwezwi likaNkulunkulu, nangokufakaza ngamazwi akho, ukuvumela abantu ukuba bazi umsebenzi Wakhe futhi babone izenzo Zakhe. Uma ukufuna ngempela konke lokhu, uNkulunkulu uyokuphelelisa. Uma nje ufuna ukupheleliswa uNkulunkulu futhi ubusiswe ekugcineni, khona-ke indlela yokholo lwakho kuNkulunkulu ayimsulwa. Kumele ufune indlela yokwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu ekuphileni kwangempela, indlela yokumenelisa lapho ambula intando Yakhe kuwe, nokufuna indlela yokunikeza ubufakazi ngokumangalisa nokuhlakanipha Kwakhe, nendlela yokufakaza ngokuthi ukuqondisa kanjani futhi ubhekana kanjani nawe. Konke lokhu yizinto okumele uzicabange manje. Uma ukuthanda kwakho uNkulunkulu ukwenzela kuphela ukuthi uhlanganyele enkazimulweni kaNkulunkulu ngemva kokupheleliswa Nguye, nalokho akukaneli futhi ngeke kuhlangabezane nokufunwa uNkulunkulu. Udinga ukwazi ukunikeza ubufakazi obuphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu, wanelise akufunayo, futhi uzizwele umsebenzi awenzile kubantu ngendlela engokoqobo. Noma ngabe ubuhlungu, yizinyembezi, noma ukudabuka, kumele uhlangabezane nakho konke ekuphileni kwakho. Kuhloswe ngakho ukuba kukuphelelise njengofakazi kaNkulunkulu. Yini ngempela ekuphoqa ukuba uhlupheke futhi ufune ukupheleliswa? Ingabe ukuhlupheka kwakho kwamanje kungenxa yokuthanda uNkulunkulu nokumfakazela ngempela? Noma ingabe kungenxa yezibusiso zenyama noma yekusasa nesiphetho? Zonke izinhloso, izisusa, kanye nemigomo yakho okufunayo kumele kulungiswe futhi ngeke kuqondiswe yintando yakho. Uma umuntu efuna ukupheleliswa ukuze athole izibusiso futhi abuse ngamandla, kuyilapho omunye efuna ukupheleliswa ukuze anelise uNkulunkulu, ukuze abe ngufakazi womsebenzi kaNkulunkulu, ungakhetha kuphi kulokhu okubili? Uma ukhethe okokuqala, uzobe usekude kakhulu ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngike ngathi, izenzo Zami ziyokwaziwa ngokusobala emhlabeni wonke futhi ngizobusa njengeNkosi emhlabeni wonke. Ngakolunye uhlangothi, okubekwe phezu kwenu ukuyofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu, hhayi ukuba nibe ngamakhosi futhi nibonakale emhlabeni wonke. Izenzo zikaNkulunkulu mazigcwalise umhlaba wonke. Wonke umuntu makazibone futhi azemukele. La mazwi ashiwo ngokuphathelene noNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi lokho abantu okumele bakwenze ukunikeza ubufakazi ngoNkulunkulu. Wazi okungakanani ngoNkulunkulu manje? Kungakanani ongakufakaza ngoNkulunkulu? Iyini injongo kaNkulunkulu yokuphelelisa umuntu? Uma usuqonda intando kaNkulunkulu, uyokubonisa kanjani ukucabangela intando Yakhe? Uma uzimisele ukupheleliswa futhi ufisa ukusebenzisa ukuphila kwakho ukuze ufakaze ngomsebenzi kaNkulunkulu, uma unale ntshisekelo, khona-ke akukho okunzima ngokwedlulele. Into edingwa abantu manje ukholo. Uma unale ntshisekelo, kulula ukuthi unganqoba noma yimuphi umbono ongemuhle, ukungabambi qhaza, ubuvila kanye nemibono yenyama, amafilosofi okuphila, isimo sokuvukela, imizwa, nokunye.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 513)

Ngesikhathi bevivinywa, kujwayelekile ukuthi abantu babe buthaka, noma babe nombono ongemuhle ngaphakathi kubo, noma bangacacelwa yintando kaNkulunkulu noma indlela okufanele benze ngayo. Kodwa kunoma ikuphi, kumele ube nokholo emsebenzini kaNkulunkulu, ungamphiki uNkulunkulu, njengoJobe. Nakuba uJobe wayebuthaka futhi waqalekisa usuku azalwa ngalo, akaphikanga ukuthi zonke izinto ekuphileni kwabantu zazinikezwe uJehova, nokuthi uJehova Nguye ozisusa zonke. Akubanga nandaba ukuthi wavivinywa kanjani, wayelokhu enalokhu kukholwa. Kulokho odlula kukho empilweni, akunandaba ukuthi udlula kukuphi ukucwengwa ngamazwi kaNkulunkulu, lokhu uNkulunkulu akudinga esintwini, ngamafuphi, ukholo nokumthanda kwaso. Lokho akuphelelisayo ngokusebenza ngale ndlela ukholo, uthando nezifiso zabantu. UNkulunkulu wenza umsebenzi wokuphelelisa kubantu, futhi abakwazi ukuwubona, abakwazi ukuwuthinta; ezimweni ezinjalo, ukholo lwakho luyadingeka. Ukholo lwabantu ludingeka lapho into ingenakubonakala khona ngeso lenyama, futhi ukholo lwakho ludingeka lapho ungakwazi ukuhlukana nemibono yakho. Lapho ungakucaceli umsebenzi kaNkulunkulu, okudingekayo ukholo lwakho nokuthi ume uqine futhi ufakaze. Lapho uJobe efinyelela kuleli qophelo, uNkulunkulu wabonakala kuye wakhuluma naye. Okusho ukuthi, ungakwazi ukubona uNkulunkulu ngokholo lwakho kuphela, futhi lapho unokholo uNkulunkulu uyokuphelelisa. Ngaphandle kokholo, ngeke akwenze lokhu. UNkulunkulu uyokunika noma yini onethemba lokuyizuza. Uma ungenalo ukholo, ngeke upheleliswe uNkulunkulu futhi ngeke ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokubona amandla Akhe. Lapho ukholwa ukuthi uzozibona izenzo Zakhe ezintweni odlula kuzo ngokoqobo, uNkulunkulu uyobonakala kuwe, futhi uyokukhanyisela abuye akuqondise ngokusuka ngaphakathi. Ngaphandle kwalolo kholo, uNkulunkulu ngeke akwazi ukukwenza lokho. Uma uphelelwe ithemba kuNkulunkulu, uyowazi kanjani umsebenzi Wakhe? Ngakho, kulapho unokholo kuphela futhi ungamngabazi uNkulunkulu, kulapho unokholo lwangempela Kuye kungakhathaleki ukuthi wenzani lapho eyokukhanyisela futhi akukhanyise khona ngalokho ohlangene nakho empilweni, futhi yilapho oyokwazi khona ukubona izenzo Zakhe. Zonke lezi zinto zitholakala ngokholo. Ukholo lutholakala ngokucwengwa kuphela, futhi ngeke lukhule uma kungekho ukucwengwa. Lisho ukuthini igama elithi “ukholo”? Ukholo yinkolelo yangempela nenhliziyo eqotho okufanele bonke abantu babe nayo lapho bengakwazi khona ukubona noma ukuthinta into ethile, lapho umsebenzi kaNkulunkulu ungahambisani nemibono yabantu, lapho abantu bengafinyeleli kuwo. Yilolu ukholo engikhuluma ngalo. Abantu bayaludinga ukholo ngezikhathi ezinzima nezokucwengwa, futhi ukholo luyinto elandelwa ukucwengwa. Ukucwengwa nokholo akuhlukaniseki. Ngisho ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani noma ngabe wena usendaweni enjani, uyakwazi ukufuna ukuphila futhi ufune iqiniso, ufune umsebenzi kaNkulunkulu futhi uqonde izenzo Zakhe, futhi ukwazi ukwenza ngokuvumelana neqiniso. Ukwenza kanjalo yikho okusho ukuba nokholo lwangempela, futhi ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi awululahlile ukholo kuNkulunkulu. Ungakwazi ukuba nokholo lwangempela kuNkulunkulu uma ukwazi ukuphokophela ekufuneni iqiniso ngokucwengwa, uma ukwazi ukumthanda ngempela uNkulunkulu futhi ungafikelwa ukumngabaza, uma ngisho enzani, usalenza iqiniso ukuze umenelise, futhi uma ukwazi ukuyifuna ngokujulile intando Yakhe futhi ucabangele intando Yakhe. Phambilini, lapho uNkulunkulu ethi uyobusa njengenkosi, wamthanda, lapho ezembula obala kuwe, wamfuna. Kodwa manje uNkulunkulu ufihlekile, awukwazi ukumbona, futhi wehlelwa izinkinga—manje-ke usulahlekelwa ithemba kuNkulunkulu? Ngakho, ngazo zonke izikhathi kumele ulwele ukuphila futhi ufune ukufeza intando kaNkulunkulu. Lokhu kubizwa ngokuthi ukholo oluqotho, futhi kuwuhlobo lothando oluyiqiniso noluhle kunalo lonke.

Ezikhathini ezedlule, bonke abantu babeya phambi kukaNkulunkulu bayokwenza izifungo bathi: “Ngisho noma engekho omunye umuntu othanda uNkulunkulu, mina kumele ngimthande.” Kodwa manje, ufikelwa ukucwengwa, futhi ngenxa yokuthi lokhu akuhambisani nemibono yakho, uphelelwa ukholo kuNkulunkulu. Ingabe lolu uthando lweqiniso? Usufunde kaningi ngezenzo zikaJobe—ingabe usuzikhohliwe? Uthando lweqiniso lungakheka okholweni kuphela. Ukuthanda uNkulunkulu kwangempela kukhula ngokucwengwa kwakho, futhi ucabangela intando kaNkulunkulu ezintweni odlule kuzo ngokholo lwakho, futhi ngokholo lwakho uyayidela inyama yakho ulwele ukuphila; yilokhu abantu okufanele bakwenze. Uma wenza lokhu, uyokwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu, kodwa uma untula ukholo ngeke ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu noma ukuzwa umsebenzi Wakhe. Uma ufuna ukusetshenziswa nokupheleliswa uNkulunkulu, kumele ube nakho konke: ukuzimisela ukuhlupheka, ukholo, ukubekezela, ukulalela kanye nokwazi ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu, ukuqonda intando Yakhe, ukucabanga ngosizi Lwakhe, njalonjalo. Ukuphelelisa umuntu akulula, futhi konke ukucwengwa odlula kukho kudinga ukholo kanye nothando lwakho. Uma ufuna ukupheleliswa uNkulunkulu, ukuphuthuma nje endleleni akwanele, nokuzikhandla nje ngenxa kaNkulunkulu nakho akwanele. Kumele ube nezinto eziningi ukuze ube umuntu opheleliswa uNkulunkulu. Lapho ubhekene nokuhlupheka kumele ukwazi ukungacabangi ngenyama futhi ungakhonondi ngoNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ezifihla kuwe, kumele ukwazi ukuba nokholo lokumlandela, uphinde ube nothando owawunalo ekuqaleni, ungaluvumeli lube ntekenteke noma lunyamalale. Ngisho ngabe uNkulunkulu wenzani, kumele uthobele uhlelo Lwakhe, ukulungele ukuqalekisa inyama yakho kunokukhononda Ngaye. Lapho ubhekene nokuvivinywa, kumele wanelise uNkulunkulu, ngisho ungakhala kabuhlungu noma ube nokunqikaza ukwehlukana nento ethile oyithandayo. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuthi uthando nokholo lweqiniso. Kungakhathalekile ukuthi isimo sakho sangempela siyini, kumele uqale ube nokuzimisela ukubekezelela ubunzima futhi ube nokholo lweqiniso, futhi kumele uzimisele ukudela inyama. Kufanele uzimisele ukubekezelela ubunzima nokulahlekelwa izinto ozithandayo ukuze ufeze intando kaNkulunkulu. Kumele uphinde ube nenhliziyo yokuzisola: Esikhathini esidlule awukwazanga ukwanelisa uNkulunkulu, futhi usuyazisola manje. Akufanele untule nokukodwa kulezi zinto—uNkulunkulu uyokuphelelisa ngalezi zinto. Uma ungayigcine le mibandela, khona-ke awunakupheleliswa.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 514)

Umuntu okhonza uNkulunkulu akufanele nje agcine ngokwazi indlela yokuhlupheka ngenxa Yakhe; ngaphezu kwalokho, kufanele aqonde ukuthi inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukufuna ukuthanda uNkulunkulu. UNkulunkulu akakusebenziseli nje ukukucwenga kuphela noma ukukuhluphekisa, kodwa kunalokho ukusebenzisela ukuthi wazi izenzo Zakhe, wazi ukubaluleka kwangempela kokuphila komuntu, futhi, okubaluleke nakakhulu, ukuthi wazi ukuthi ukukhonza uNkulunkulu akuwona umsebenzi olula. Ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu akuhlangene nokujabulela umusa, kodwa kumayelana nokuhlupheka ngenxa yokumthanda. Njengoba ujabulela umusa kaNkulunkulu, kumele ujabulele ukusola Kwakhe; kumele uhlangane nakho konke lokhu. Ungabona ukukhanyisela kukaNkulunkulu kuwe, ungaphinde ubone indlela abhekana nawe ngayo futhi akwahlulela ngayo. Ngale ndlela, uhlangana nakho konke. UNkulunkulu wenze umsebenzi wokwahlulela nokusola kuwe. Izwi likaNkulunkulu libhekane nawe, kodwa hhayi lokho kuphela; liphinde lakukhanyisela futhi lakukhanyisa. Lapho unombono ophambene futhi untekenteke, uNkulunkulu uyakhathazeka ngawe. Wonke lo msebenzi owokukwazisa ukuthi yonke into ngomuntu isemseni kaNkulunkulu. Ungacabanga ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukuhlupheka, noma ukumenzela lonke uhlobo lwezinto; ungacabanga ukuthi inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukuba inyama yakho ibe nokuthula, noma ukuze zonke izinto zikuhambele kahle, noma ukuze unethezeke futhi ukhululeke kukho konke. Nokho, akukho kulokhu abantu abangakubeka njengezizathu zokuthi bakholwe kuNkulunkulu. Uma ukholwa ngenxa yalezi zinhloso, kusho ukuthi umbono wakho uyiphutha, futhi awunakupheleliswa nhlobo. Izenzo zikaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu sokulunga, ukuhlakanipha Kwakhe, amazwi Akhe, ukumangalisa kanye nokungaqondakali Kwakhe yizo zonke izinto abantu okumele baziqonde. Sebenzisa lokhu kuqonda ukuze ususe zonke izimfuno, amathemba nemibono yomuntu siqu nemibono esenhliziyweni yakho. Ukususa lokhu kuphela okuzokwenza uhlangabezane nezimo ezifunwa uNkulunkulu futhi yilokhu okuyokwenza wanelise imibandela efunwa uNkulunkulu, futhi okungakwenza ube nokuphila futhi wanelise uNkulunkulu. Inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukumanelisa nokuphila ngokwesimo asifunayo, ukuze izenzo Zakhe nenkazimulo kubonakale kuleli qembu labantu abangafanelekile. Lowo umbono ofanele wokukholwa kuNkulunkulu, nomgomo okumele uwufune. Kumele ube nombono omuhle ngokukholwa kuNkulunkulu futhi kufanele ufune ukuthola amazwi kaNkulunkulu. Udinga ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi ukwazi ukuphila ngeqiniso, futhi, ikakhulukazi, ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu zokoqobo, izenzo Zakhe ezimangalisayo kuwo wonke umhlaba, kanye nomsebenzi Wakhe wokoqobo awenza esenyameni. Kulokho abahlangabezane nakho uqobo, abantu bangayazisa indlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi Wakhe kubo nokuthi iyini intando Yakhe kubo. Inhloso yakho konke lokhu ukususa isimo sabantu esonakele sobusathane. Uma usulahle konke ukungcola nokungalungi okungaphakathi kuwe, futhi lapho usulahle izinhloso zakho ezimbi, usuthole ukukholwa ngokweqiniso kuNkulunkulu—ukukholwa ngokweqiniso kuphela okungakwenza uthande uNkulunkulu ngeqiniso. Ungakwazi ukumthanda ngobuqotho kuphela uNkulunkulu phezu kwesisekelo sokukholwa kwakho Kuye. Ungakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngaphandle kokukholwa Kuye? Ngoba ukholwa kuNkulunkulu, akufanele udideke ngakho. Abanye abantu bagcwala umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kuzobalethela izibusiso, kodwa bese bephelelwa umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi kumele behlelwe ukucwengwa. Ingabe lokho kuwukukholwa kuNkulunkulu? Ekugcineni, kufanele uthole ukulalela okugcwele nokuphelele phambi kukaNkulunkulu ekukholweni kwakho. Ukholwa kuNkulunkulu kodwa usenezinto ozifuna Kuye, unemibono eminingi yenkolo ongafuni ukuyiyeka, izinto ozithandayo ongafuni ukuzidedela, futhi usafuna izibusiso zenyama futhi ufuna uNkulunkulu ahlenge inyama yakho, ukuthi asindise umphefumulo wakho—yikho konke ukuziphatha kwabantu abanombono ongalungile. Nakuba abantu abanezinkolelo zezenkolo bekholwa kuNkulunkulu, abafuni ukuguqula izimo zabo, futhi abakuphishekeli ukwazi uNkulunkulu, kodwa kunalokho balandela izifiso zenyama yabo kuphela. Abaningi phakathi kwenu banezinkolo ezingaphansi kwesigaba sokukholwa ezinkolweni. Lokho akukhona ukukholwa kwangempela kuNkulunkulu. Ukuze abantu bakholwe kuNkulunkulu, kumele babe nenhliziyo ezimisele ukuhlupheka ngenxa Yakhe kanye nokuzimisela ukuzidela. Ngaphandle kokuba abantu bahlangabezane nalezi zimo ezimbili, ukukholwa kwabo kuNkulunkulu akunamsebenzi, futhi ngeke bakwazi ukuzuza uguquko esimweni sabo. Abantu abafuna iqiniso ngobuqotho kuphela, abafuna ukwazi uNkulunkulu, futhi abafuna ukuphila yilabo abakholwa ngempela kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 515)

Inhloso ephambili yomsebenzi wokucwenga ukuphelelisa ukholo lwabantu. Ekugcineni, okwenzekayo ukuthi ufuna ukuhamba kodwa, ngaso leso sikhathi, awukwazi; abanye abantu basakwazi ukuba nokholo noma sebephelelwe nangelincanyana ithemba; futhi abantu abasenalo ithemba ngekusasa labo. Kungalesi sikhathi kuphela lapho ukucwenga kukaNkulunkulu kuyophela khona. Umuntu akakafiki esigabeni sokugxamalaza phakathi kokuphila nokufa, futhi akakakunambithi ukufa, ngakho ukucwengwa akukapheli. Ngisho nalabo ababesezinyathelweni zabenzi bomsebenzi babengacwengiwe ngokuphelele, kodwa uJobe wayecwengiwe, engenalutho ayengathembela kulo. Abantu kumele badlule ekucwengweni kuze kufike eqophelweni lapho bengasenathemba futhi bengasenakho abangathembela kukho—yilokhu kuphela okuwukucwengwa kwangempela. Ngesikhathi sabenzi bomsebenzi, uma inhliziyo yakho yayihlala ithule phambi kukaNkulunkulu, futhi uma, kungakhathaleki ukuthi Yena wenzani futhi kungenandaba ukuthi intando Yakhe yayiyini, wawuhlala ulalela amalungiselelo Akhe, khona-ke, ekugcineni, wawuyiqonda yonke into uNkulunkulu ayeyenza. Wedlula ezivivinyweni zikaJobe, futhi khona lapho wedlula ezivivinyweni zikaPetru. Lapho uJobe evivinywa, waba ufakazi, kwathi ekugcineni, uJehova wembulwa kuye. Kungemva kokuba efakazile kuphela lapho afanela khona ukubona ubuso bukaNkulunkulu. Kungani kuthiwa: “Ngizifihla ezweni lenzondo kodwa ngizembula embusweni ongcwele”? Lokho kusho ukuthi ungaba nelungelo lokubona ubuso bukaNkulunkulu kuphela lapho ungcwele noma ufakaza. Uma ungeke ufakaze Ngaye, awunalo ilungelo lokubona ubuso Bakhe. Uma uqhela noma ukhononda ngoNkulunkulu lapho ucwengwa, ngalokho uhluleka ukufakaza Ngaye futhi uba yinhlekisa kuSathane, ngeke ukuzuze ukubonakala kukaNkulunkulu. Uma ufana noJobe, owaqalekisa inyama yakhe phakathi kokuvivinywa futhi wangakhononda ngoNkulunkulu, waphinde wakwazi ukuzonda inyama yakhe ngaphandle kokukhononda noma ukona ngamazwi akhe, lokho kuzobe kuwukufakaza. Lapho udlula ekucwengweni ngokwezinga elithile futhi usengafana noJobe, ulalele ngokuphelele phambi kukaNkulunkulu ngaphandle kokufuna ezinye izinto Kuye ngaphandle kwemibono yakho, uNkulunkulu uyobonakala kuwe. Manje uNkulunkulu akabonakali kuwe ngenxa yokuthi unemibono, ukukhetha kwakho ngokweya, imicabango enobugovu, izimfuno zomuntu nezinto ezithandwa inyama okuningi kangaka, futhi awufaneli ukubona ubuso Bakhe. Uma ubungabona uNkulunkulu, ubuyomlinganisa ngokwemibono yakho, bese, ngokwenzenjalo, kuba nguwe ombethela esiphambanweni. Uma wehlelwa yizinto eziningi ezingahambisani nemibono yakho kodwa ukwazi ukuzibeka eceleni bese wazi izenzo zikaNkulunkulu kulezi zinto, futhi phakathi nokucwengwa wembula inhliziyo yakho yokuthanda uNkulunkulu, lokhu kuwukufakaza. Uma ikhaya lakho linokuthula, ujabulela ukunethezeka kwenyama, kungekho okushushisayo, abafowenu nodadewenu ebandleni bekulalela, ungayiveza yini inhliziyo yakho yokuthanda uNkulunkulu? Ingabe lokhu kungakucwenga? Ukuthanda kwakho uNkulunkulu kungakhonjiswa ngokucwengwa kuphela, futhi ungapheleliswa kuphela ngezinto ezenzekayo kodwa ezingahambisani nemibono yakho. UNkulunkulu ukuphelelisa ngezinto eziningi eziphikisayo nezingezinhle, nangokusebenzisa zonke izinhlobo zokubonakala kukaSathane—izenzo zakhe, ukumangalela kwakhe, ukuphazamisa nokukhohlisa kwakhe—uNkulunkulu ukukhombisa ngokucacile ubuso bukaSathane, futhi ngalokho aphelelise ikhono lakho lokubona uSathane, ukuze umzonde uSathane futhi umshiye.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 516)

Iziwombe zakho eziningi zokwehluleka, zokuba buthaka, nezikhathi zokuba nemibono engemihle, kungashiwo ukuthi konke kuyizivivinyo zikaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi yonke into ivela kuNkulunkulu, yonke into kanye nezigameko kusezandleni Zakhe. Kungakhathaleki ukuthi uyehluleka noma ubuthaka noma uyakhubeka, konke kukuNkulunkulu futhi kusezandleni Zakhe. Ngasohlangothini lukaNkulunkulu, lokhu ukuvivinywa kwakho, futhi uma ungakuboni lokho, kuzophenduka isilingo. Kunezinhlobo ezimbili zezimo abantu okufanele baziqaphele: Esinye sivela kuMoya oNgcwele, kanti esinye kungenzeka ukuthi sivela kuSathane. Isimo esisodwa esokuthi uMoya oNgcwele uyakukhanyisela futhi uyakuvumela ukuba uzazi, uzenyanye futhi uzisole uphinde ukwazi nokumthanda ngempela uNkulunkulu, ugxilise inhliziyo yakho ekumaneliseni. Esinye isimo esokuthi uyazazi, kodwa unombono ongemuhle futhi ubuthaka. Kungashiwo ukuthi lesi simo siwukucwenga kukaNkulunkulu futhi siyisilingo sikaSathane. Uma uqaphela ukuthi lena yinsindiso kaNkulunkulu kuwe futhi uma uzwa ukuthi manje umkweleta kakhulu, futhi, uma kusukela manje, uzama ukumbuyisela ungabe usawela kulokho konakala, uma ugxilisa imizamo yakho ekuphuzeni nasekudleni amazwi Akhe, futhi uma uhlale uzibheka njengontulayo, futhi unenhliziyo elangazelayo, khona-ke lokhu wukuvivinya kukaNkulunkulu. Ngemva kokuphela kokuhlupheka futhi nawe usuphinde uya phambili, uNkulunkulu usazokuhola, akukhanyise, akukhanyisele, futhi akondle. Kodwa uma ungakuqapheli futhi unombono ongemuhle, umane uzinikela ekuphelelweni yithemba, uma ucabanga ngale ndlela, uyobe sewehlelwe yisilingo sikaSathane. Lapho uJobe edlula ezivivinyweni, uNkulunkulu noSathane babebhejelana, uNkulunkulu wayesevumela uSathane ukuba ahluphe uJobe. Nakuba kwakunguNkulunkulu owayevivinya uJobe, empeleni nguSathane owehlela kuye. NgokukaSathane, wayelinga uJobe, kodwa uJobe wayesohlangothini lukaNkulunkulu. Ukube kwakungenjalo, uJobe wayengawela esilingweni. Lapho nje abantu bewela esilingweni, bawela engozini. Ukucwengwa kungachazwa kuthiwe kuwukuvivinywa okuvela kuNkulunkulu, kodwa uma ungekho esimweni esihle kungathiwa kuyisilingo esivela kuSathane. Uma ungakucaceli umbono, uSathane uyokumangalela futhi akusithe engxenyeni yokubona. Kungakabiphi, uyowela esilingweni.

Uma ungawuboni umsebenzi kaNkulunkulu awusoze wakwazi ukupheleliswa. Ezintweni odlula kuzo, kumele ungene nasemininingwaneni. Ngokwesibonelo, yiziphi izinto ezikuholela ekuthini ukhulise imibono yakho nezinto ezikukhuthazayo eziningi kangaka, futhi luhlobo luni lwemikhuba efanele onalo lokubhekana nalezi zinkinga? Uma ukwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu, lokho kusho ukuthi unaso isiqu. Uma ubonakala unogqozi kuphela, leso akusona isiqu sangempela futhi nakanjani ngeke ukwazi ukuma uqine. Kulapho ukwazi khona kuphela ukubona nokuzindla ngomsebenzi kaNkulunkulu nganoma isiphi isikhathi, noma kuyiphi indawo, lapho uyokwazi khona ukushiya abelusi, uphile ngokuzimela ngokwethembela kuNkulunkulu, futhi ukwazi ukubona izenzo zangempela zikaNkulunkulu—intando kaNkulunkulu iyofezwa lapho kuphela. Okwamanje, abantu abaningi abakwazi ukuyibona, futhi lapho behlangabezana nenkinga, abazi ukuthi kufanele bayisingathe kanjani, abakwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu, futhi abakwazi ukuphila ngokomoya. Kufanele ufake amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu empilweni yakho yangokoqobo.

Ngezinye izikhathi uNkulunkulu ukunika uhlobo oluthile lomuzwa, umuzwa okwenza ulahlekelwe yinjabulo yakho yangaphakathi bese ulahlekelwa ukuba khona kukaNkulunkulu, futhi ube sebumnyameni. Lolu wuhlobo lokucwengwa. Noma nini lapho wenza into ethile, ihlala ingahambi kahle, noma ufike kwangqingetshe. Lokhu ukuqondisa kukaNkulunkulu. Kwezinye izikhathi, lapho wenza into enokungalaleli nephikisa uNkulunkulu, kungase kungazi muntu—kodwa uNkulunkulu uyazi. Ngeke akudedele, futhi uyokuqondisa: Umsebenzi kaMoya oNgcwele unemininingwane kakhulu. Uwahlolisisa ngokukhulu ukucophelela wonke amazwi nezenzo zabantu, ukwenza nokunyakaza kwabo, nayo yonke imicabango nemiqondo yabo ukuze abantu bakwazi ukuziqaphela ngaphakathi lezi zinto. Lapho wenza into ethile kanye ingahambi kahle, uphinde uyenze futhi ingahambi kahle, kancane kancane uyowuqonda umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngezikhathi eziningi zokuqondiswa, uyokwazi ukuthi kufanele wenzeni ukuze uhambisane nentando kaNkulunkulu futhi uyokwazi lokho okungahambisani nentando Yakhe. Ekugcineni, uyosabela ngokunembayo esiqondisweni sikaMoya oNgcwele ngaphakathi kuwe. Ngezinye izikhathi uzohlubuka futhi uNkulunkulu uyokusola ngaphakathi kuwe. Konke lokhu kuvela ekuqondiseni kukaNkulunkulu. Uma ungalenzi igugu izwi likaNkulunkulu, uma uweyisa umsebenzi Wakhe, ngeke akunake. Lapho uwabheka njengabalulekile amazwi kaNkulunkulu, yilapho eyokukhanyisela khona nakakhulu. Okwamanje, kunabanye abantu ebandleni abanokholo oluxovekile noludidekile, futhi benza izinto eziningi ezingafanele futhi benze ngokungaqoqeki, ngakho umsebenzi kaMoya oNgcwele ngeke ubonakale ngokucacile kubo. Abanye abantu bashiya imisebenzi yabo ngemuva ngenxa yokufuna imali, baphume bayophatha ibhizinisi ngaphandle kokuqoqeka; umuntu onjalo usengozini enkulu kakhulu. Abagcini nje ngokungabi nawo umsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa esikhathini esizayo kuyoba nzima ukumphelelisa. Kunabantu abaningi umsebenzi kaMoya oNgcwele ongeke ubonakale kubo, nokuqondisa kukaNkulunkulu okungenakubonakala kubo. Bayilabo abangacacelwa yintando kaNkulunkulu futhi abangawazi umsebenzi Wakhe. Labo abangama baqine phakathi nokucwengwa, abalandela uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi wenzani, futhi okungenani abakwazi ukushiya, noma ukufinyelela ephesentini elingu-0.1 lalokho okwafezwa uPetru benza kahle, kodwa awukho umsebenzi wabo mayelana nokusetshenziswa uNkulunkulu. Abantu abaningi baziqonda ngokushesha izinto, bamthanda ngempela uNkulunkulu, futhi bangalidlula izinga likaPetru futhi uNkulunkulu wenza umsebenzi wokuphelelisa kubo. Ukuqoqeka nokukhanyiselwa kuyafika kubantu abanjalo, futhi uma kubo kukhona into engahambisani nentando kaNkulunkulu, bangayilahla ngokushesha. Abantu abanjalo bayigolide, isiliva namatshe ayigugu—inani labo liphezulu kakhulu! Uma uNkulunkulu enze izinhlobo eziningi zomsebenzi kodwa wena usalokhu ufana nesihlabathi noma itshe, kusho ukuthi awunamsebenzi!

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 517)

Umsebenzi kaNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obumvu uyamangalisa futhi awukholakali. Uyophelelisa iqembu elilodwa labantu bese esusa abanye abantu, ngoba kukhona zonke izinhlobo zabantu ebandleni—kunalabo abathanda iqiniso, nalabo abangalithandi; kunalabo abezwa umsebenzi kaNkulunkulu, nalabo abangawuzwa; kunalabo abenza umsebenzi wabo, nalabo abangawenzi; kunalabo abafakazela uNkulunkulu, nalabo abangakwenzi—futhi ingxenye yabo ingabantu abangakholwa futhi ababi, futhi nakanjani bayosuswa. Uma ungawazi ngokucacile umsebenzi kaNkulunkulu ngeke ube nombono omuhle; lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu ungabonakala kuphela kubantu abayidlanzana. Ngalesi sikhathi kuyocaca ukuthi ubani omthanda ngempela uNkulunkulu nokuthi ngubani ongamthandi. Labo abamthanda ngempela uNkulunkulu banomsebenzi kaMoya oNgcwele, labo abangamthandi ngempela bayokwembulwa ngesinyathelo ngasinye somsebenzi Wakhe. Bayofanela ukuqothulwa. Laba bantu bayokwembulwa ngesikhathi somsebenzi wokunqoba, futhi bangabantu abangakufanele ukupheleliswa. Labo abaphelelisiwe bazuzwe uNkulunkulu ngokuphelele, futhi bayakwazi ukuthanda uNkulunkulu njengoba kwenza uPetru. Labo abanqotshiwe abanalo uthando oluzenzakalelayo, kodwa banothando olungaqinile kuphela, futhi baphoqelekile ukuthanda uNkulunkulu. Uthando oluzenzakalelayo lutholakala ngokuqonda okuzuzwe ngokuhlangenwe nakho okungokoqobo. Lolu thando luhlala enhliziyweni yomuntu lumenze azikhethele ukuzinikela kuNkulunkulu; amazwi kaNkulunkulu aba isisekelo sakhe futhi uyakwazi ukuhlupheka ngenxa kaNkulunkulu. Kuyiqiniso, lezi yizinto umuntu opheleliswe uNkulunkulu anazo. Uma ufuna kuphela ukunqotshwa, khona-ke ngeke ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu; uma uNkulunkulu efeza inhloso Yakhe yokusindisa kuphela ngokunqoba abantu, kusho ukuthi isinyathelo sabenzi bomsebenzi besiyokwanela. Nokho, ukunqoba abantu akuyona inhloso yokugcina kaNkulunkulu, ewukuphelelisa abantu. Ngakho kunokuba kuthiwe lesi sigaba siwumsebenzi wokunqoba, kufanele nithi lona umsebenzi wokuphelelisa nokususa. Abanye abantu abakanqotshwa ngokugcwele, futhi endleleni yokubanqoba, iqembu labantu liyopheleliswa. Lezi zingxenye ezimbili zomsebenzi zifezwa kanyekanye. Abantu abakashiyi phezu kwesikhathi eside somsebenzi, futhi leli qiniso liveza ukuthi umgomo wokunqoba usufeziwe—leli yiqiniso lokunqotshwa. Ukucwengwa akwenziwa ngenxa yokunqotshwa, kodwa kungenxa yokupheleliswa. Ngaphandle kokucwengwa, abantu ngeke bapheleliswe. Ngakho ukucwengwa kubaluleke kakhulu! Namuhla iqembu elilodwa labantu liyapheleliswa futhi liyazuzwa. Izibusiso eziyishumi ezishiwo ngokwedlule zonke beziqondiswe kulabo abaphelelisiwe. Konke okumayelana nokuguqula isiqu sabo emhlabeni kuqondiswe kulabo abaphelelisiwe. Labo abangakapheleliswa abakufanele ukwamukela izethembiso zikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 518)

Kungumthetho waseZulwini nesimiso sasemhlabeni ukukholelwa kuNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu, kanti namuhla—ngesikhathi lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu enza umsebenzi Wakhe—yisikhathi esihle sokwazi uNkulunkulu. Ukwanelisa uNkulunkulu kwenzeka ngokuba nesisekelo sokuqonda intando kaNkulunkulu, futhi ukuze uqonde intando kaNkulunkulu, kudingeka wazi uNkulunkulu. Lolu lwazi ngoNkulunkulu lungumbono ikholwa okumele libe nawo; luyisisekelo somuntu sokukholelwa kuNkulunkulu. Uma umuntu engenalo lolu lwazi, ngakho ukukholelwa kwakhe kuNkulunkulu kufiphele, futhi kusekelwe entweni engekho. Yize kuyisinqumo sabantu abafana nalaba ukulandela uNkulunkulu, abatholi lutho. Bonke labo abangatholi lutho kulolu quqaba yibo abazosuswa, futhi bangabantu abenza okuncane kakhulu. Noma yisiphi isinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu osibonayo, kumele uhambisane nombono omkhulu. Ngaphandle kombono onjalo, kuzoba nzima kuwe ukwamukela isinyathelo ngasinye smsebenzi omusha, ngoba umuntu akakwazi ukucabanga ngomsebenzi omusha kaNkulunkulu, kungaphezulu kokuqonda komuntu. Kanti ngaphandle komelusi owelusa umuntu, ngaphandle komelusi ohlanganyela ngombono, umuntu akakwazi ukwamukela lo msebenzi omusha. Uma umuntu engayamukeli imibono, ngalokho ngeke awamukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu, kanti uma umuntu engakwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, khona-ke umuntu akakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu, ngalokho ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu alulingani nalutho. Ngaphambi kokuba umuntu enze amazwi likaNkulunkulu, kumele awazi amazwi kaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi, kumele aqonde intando kaNkulunkulu; yingale ndlela kuphela amazwi kaNkulunkulu angenziwa ngayo ngendlela eyiyo nangokwenhliziyo kaNkulunkulu. Wonke umuntu ofuna iqiniso kumele abe nakho lokhu, kanti futhi kuyinqubo okumele wonke umuntu ozama ukwazi uNkulunkulu adlule kuyo. Inqubo yokwazi amazwi kaNkulunkulu kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, futhi kuyinqubo yokwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho, ukwazi imibono akubhekiseli nje kuphela ekwazini ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa kubandakanya ukwazi amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu. Ngamazwi kaNkulunkulu abantu bakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu, kanti ngomsebenzi kaNkulunkulu bakwazi ukwazi isimo sikaNkulunkulu nokuthi uyini uNkulunkulu. Ukukholelwa kuNkulunkulu kuyisinyathelo sokuqala sokwazi uNkulunkulu. Inqubo yokukhula ekukholweni kokuqala kuNkulunkulu kuye ekukholweni okujulile kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, kanye nenqubo yokubona umsebenzi kaNkulunkulu. Uma ukholelwa kuphela kuNkulunkulu ngoba wenza nje ukukholelwa kuNkulunkulu, futhi ungakholelwa kuNkulunkulu ukuze wazi uNkulunkulu, khona-ke alikho iqiniso ekukholweni kwakho, futhi ngeke kuhlanzeke—angingabazi ngalokhu. Uma, ngesikhathi ebona uNkulunkulu, umuntu eqala kancane kancane ukwazi uNkulunkulu, khona-ke nesimo sakhe sizoshintsha kancane kancane, nokukholwa kwakhe kukhule kube okweqiniso. Ngale ndlela, uma umuntu ephumelela ekukholweni kuNkulunkulu, uzozuza uNkulunkulu ngokugcwele. UNkulunkulu uze waba nenyama okwesibili futhi wenza nomsebenzi Wakhe Yena uqobo ukuze abantu bamazi, futhi bakwazi nokumbona. Ukwazi uNkulunkulu[a] umphumela wokugcina okumele kufezeke ekugcineni komsebenzi kaNkulunkulu; kuyimfuneko yokugcina kaNkulunkulu esintwini. Ukwenza lokhu ngenxa yobufakazi Bakhe bokugcina, nokuthi umuntu ekugcineni aphendukele Kuye ngokuphelele. Umuntu angathanda kuphela uNkulunkulu ngokwazi uNkulunkulu, futhi ukuze athande uNkulunkulu kumele amazi uNkulunkulu. Noma ngabe umfuna ngayiphi indlela, noma uhlose ukuzuzani, kumele akwazi ukufinyelela ekwazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu enganelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Kungokwazi uNkulunkulu kuphela lapho umuntu engakholelwa khona kuNkulunkulu, futhi kungokwazi uNkulunkulu kuphela lapho umuntu engakhonza futhi alalele khona uNkulunkulu. Labo abangamazi uNkulunkulu angeke bamlalele futhi bamkhonze ngeqiniso uNkulunkulu. Ukwazi uNkulunkulu kubandakanya ukwazi isimo sikaNkulunkulu, ukuqonda intando kaNkulunkulu, ukwazi ukuthi uyini uNkulunkulu. Kodwa noma ngabe iyiphi ingxenye yokwazi uNkulunkulu, konke kudinga ukuthi umuntu akhokhe, kudinga intando yokulalela, ngaphandle kwakho akekho ongalandelela kuze kube sekugcineni. Umsebenzi kaNkulunkulu awuqhathaniswa nemibono yomuntu, isimo sikaNkulunkulu nalokhu uNkulunkulu ayikho izinto ezinzima ukuthi umuntu angazazi, kanti konke uNkulunkulu akushoyo nakwenzayo umuntu akakwazi ukukuqonda; uma umuntu efisa ukulandela uNkulunkulu, kodwa engafuni ukulalela uNkulunkulu, kusho ukuthi umuntu ngeke azuze lutho. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube yinamuhla, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi ongaqondakali kubantu futhi abantu abakuthole kunzima ukuba bawamukele, kanti futhi uNkulunkulu usesho okuningi okwenza ukuthi kube nzima ukuba imibono yomuntu yelapheke. Kodwa yize kunjalo akakaze awuyeke umsebenzi Wakhe ngenxa nje yokuthi abantu banobunzima obukhulu; uqhubekile wasebenza waqhubeka wakhuluma, yize noma “amabutho” amaningi esale endleleni, usawenza umsebenzi Wakhe, usaqhubeka nokukhetha amaqembuqembu abantu abafuna ukulalela umsebenzi Wakhe omusha. Akawazweli lawo “maqhawe” awile, kodwa bayigugu Kuye labo abemukela umsebenzi Wakhe omusha namazwi Akhe. Kodwa uzofika kuphi esebenza ngale ndlela, isinyathelo nesinyathelo? Kungani elokhu esusa aphinde akhethe abantu? Kungani elokhu esebenzisa le ndlela? Inhloso yomsebenzi Wakhe ukuthi abantu bamazi, bese bezuzwa Nguye. Umgomo womsebenzi Wakhe ukusebenza kulabo abakwaziyo ukulalela umsebenzi awenza namuhla, ukungasebenzi kulabo abalalela umsebenzi Wakhe odlule, kodwa bephikisa umsebenzi Wakhe wanamuhla. Yiso lesi isizathu esenza ukuba asuse abantu abaningi kangaka.

Imiphumela yesifundo sokwazi uNkulunkulu ngeke kufikwe kuyo ngosuku olulodwa noma ezimbili: Umuntu kumele kube khona akuqoqayo akwaziyo, adlule ekuhluphekeni, alalele ngeqiniso. Okokuqala, qala ngomsebenzi namazwi kaNkulunkulu. Kumele uqonde ukuthi ukwazi uNkulunkulu kubandakanya ini, uluthola kanjani ulwazi lukaNkulunkulu, nokuthi umbona kanjani uNkulunkulu ngesikhathi kwenzeka izinto kuwe. Lokhu yilokhu wonke umuntu okumele akwenze uma besafuna ukwazi uNkulunkulu. Akekho umuntu ongabamba umsebenzi namazwi kaNkulunkulu zibekwa nje, futhi akekho noyedwa ongaba nolwazi lukaNkulunkulu ngokuphelele ngesikhathi esincane. Okudingekayo inqubo yokubona nokudlula ezintweni, ngaphandle kwalokho akekho namunye ozoba nolwazi ngoNkulunkulu noma alandele uNkulunkulu ngeqiniso. Uma uNkulunkulu enza umsebenzi omningi, kulapho abantu bemazi kangcono. Ngenkathi umsebenzi kaNkulunkulu ungavumelani nokuqonda kwabantu, kulapho ulwazi lomuntu Ngaye luvuseleleka futhi lujula. Uma umsebenzi kaNkulunkulu ubungahlala ungashintshi, khona-ke umuntu ubengaba nolwazi oluncane ngoNkulunkulu. Kusuka ekudalweni komhlaba kuze kube namuhla, kumele niyazi kahle imibono yalokhu uNkulunkulu akwenza ngesikhathi seNkathi Yomthetho, lokhu akwenza ngeNkathi Yomusa, nalokhu akwenzayo ngesikhathi seNkathi Yombuso. Kumele nazi umsebenzi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Umsebenzi wokwazi uNkulunkulu.”

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 519)

Umuntu uyambona uNkulunkulu, azazi, ayeke isimo sakhe sokukhohlakala, afune ukukhula empilweni ngoba efuna ukwazi uNkulunkulu. Uma ufuna ukuzazi wena kuphela ubhekane nesimo sakho esikhohlakele, futhi ungenalwazi lokuthi uNkulunkulu wenza msebenzi muni kumuntu, ukuthi yinhle kanjani insindiso Yakhe, noma umbona kanjani uNkulunkulu ufakazele izenzo zikaNkulunkulu, kusho ukuthi ukubona kwakho kuwubuwula. Uma ucabanga ukuthi ukuze ukwazi ukwenza iqiniso, nokuthi ukwazi ukubekezela kusho ukuthi umuntu usekhulile, lokhu kusho ukuthi awukayazi incazelo yempilo, futhi awukayiqondi injongo kaNkulunkulu ekusebenzeni kumuntu. Ngelinye ilanga, uma usemabandleni enkolo, phakathi kwamalungu eBandla Lokuphenduka noma iBandla Lempilo, uzohlangana nabantu abaningi abazinikele nabamikhuleko yabo inamaphupho, nalabo abazizwa bethintiwe nabanamazwi abaqondisayo ngenkathi belandela impilo. Okukhulu ukuthi, kwezinye izinto bayakwazi ukubekezela, futhi bazidele, bengaholwa yinyama. Ngaleso sikhathi, angeke ukwazi ukubona umehluko: Uzokholelwa ukuthi konke abakwenzayo kuyikho, yiyona ndlela yokuchaza impilo, kodwa kubuhlungu ukuthi igama abakholelwa kulo alisilo. Ngabe izinkolelo ezinjalo azibona ubuwula? Kungani kuthiwa abantu abaningi abanayo impilo? Ngoba abamazi uNkulunkulu, ngalokho kuthiwa abanaye uNkulunkulu, futhi abanayo impilo. Uma ukukholelwa kwakho kuNkulunkulu sekufike endaweni ethile lapho usuyazi kahle imisebenzi kaNkulunkulu, iqiniso likaNkulunkulu, nazo zonke izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu, kusho ukuthi uneqiniso. Uma ungawazi umsebenzi nesimo sikaNkulunkulu, kusho ukuthi kusakhona okumelwe ukufunde. Ukuthi uJesu wasenza kanjani lesi sigaba somsebenzi Wakhe, ukuthi senziwa kanjani lesi sigaba, ukuthi uNkulunkulu wawenza kanjani umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yomusa nokuthi msebenzi muni owenziwa, nokuthi msebenzi muni owenziwayo ngalesi sigaba—uma ungenalwazi ngalezi zinto, ngeke uzizwe uqinisekile futhi uphephile. Uma, ngemva kwesikhathi sokubona, ukwazile ukwazi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu nesinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu, futhi uzazi kahle izinhloso zamazwi kaNkulunkulu, nokuthi kungani amazwi amaningi akhulunywe Nguye engakagcwaliswa, khona-ke uzokhululeka uqhubeke nendlela eya phambili, ukhululeke ekukhathazekeni noma ekuthuthukeni. Kumelwe nibone ukuthi uNkulunkulu usebenzisani ukuze afeze umsebenzi Wakhe ongaka. Usebenzisa amazwi awakhulumayo, ecwenga umuntu futhi eshintsha nemibono yomuntu acabanga ngayo ngamazwi amaningi ahlukene. Konke ukuhlupheka enikubekezelele, konke ukucwengwa enidlule kukho, ukubhekana enikuvume ngaphakathi ukukwenza, ukukhanyiseleka lokhu enikubonile—konke kwenzeke kusetshenziswa amazwi akhulunywe nguNkulunkulu. Kungani umuntu emlandela uNkulunkulu? Kungenxa yamazwi kaNkulunkulu! Amazwi kaNkulunkulu ayimfihlakalo ejulile, futhi ayayithinta inhliziyo yomuntu, aveze izinto ezisekujuleni kwenhliziyo yomuntu, angamenza azi izinto ezenzeka esikhathini esedlule, aphinde amenze abone ikusasa. Ngakho-ke abantu babekezelela ukuhlupheka ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, futhi bapheleliswa ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, kulapho-ke lapho umuntu elandela khona uNkulunkulu. Okumele umuntu akwenze ngalesi sigaba ukwamukela amazwi kaNkulunkulu, ngale kokuthi uphelelisiwe, noma ucwengiwe, okubalulekile amazwi kaNkulunkulu; lona ngumsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngumbono umuntu okumele awazi namuhla.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukungena Ekuphileni 3

Okulandelayo: Ukungena Ekuphileni 5

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp