Ukungena Ekuphileni 5

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 520)

Ngalesi sikhathi alandela ngaso uJesu, uPetru wayenemibono eminingi Ngaye futhi wayehlale emehlulela ngokwendlela yena ayebona ngayo izinto. Nakuba wayekuqonda ukufinyelela ezingeni elithile mayelana nokusebenza kukaMoya, ukuqonda kwakhe kwakungacacile, okwenza ukuthi athi: “Kumele ngilandele lowo othunywe nguBaba oseZulwini. Kumele ngazise lowo okhethwe uMoya oNgcwele.” Wayengaziqondi izinto uJesu azenza futhi zazingamcaceli. Ngemva kokumlandela isikhathi esithile, waqala ukuzithanda izinto ayezenza nayezisho, nakuJesu Ngokwakhe. Wabe esebona ukuthi uJesu wayeshisekeliswa uthando nenhlonipho; wayethanda ukuba naye ahlale eduze kwakhe, alalele amazwi kaJesu ayemsiza kakhulu. Phakathi nesikhathi alandela ngaso uJesu, uPetru waqaphela futhi wafaka enhliziyweni konke ngokuphila Kwakhe: Izenzo zakhe, amazwi, ukunyakaza kanye nezinkulumo. Wakuqonda ngokujulile ukuthi uJesu wayengeyena umuntu ovamile. Nakuba ukubukeka kwakhe kobuntu kwakujwayeleke ngokwedlulele, wayegcwele uthando, enobubele, futhi embekezelela umuntu. Yonke into ayenza noma ayisho yayibasiza kakhulu abanye, futhi uPetru owayeseceleni Kwakhe wabona futhi wafunda izinto ayengakaze azibone noma abe nazo ngaphambili. Wabona ukuthi nakuba uJesu wayengenaso isiqu esingokomoya esikhulu noma ubuntu obungavamile, wayenomoya ongavamile futhi oyivela-kancane. Nakuba uPetru ayengakwazi ukukuchaza kahle lokhu, wayebona ukuthi uJesu wayenza izinto ngendlela engavamile kweyawo wonke umuntu, ngoba izinto ayezenza zazehluke kakhulu kwezabantu abavamile. Esikhathini asichitha noJesu, uPetru wabona nokuthi isimilo Sakhe sasingafani nesabantu abajwayelekile. Ngaso sonke isikhathi wayenza izinto ngokungajahi futhi engaxhamazeli, wayengenalo ihaba futhi engathathi izinto kancane futhi wayephatha impilo Yakhe ngendlela eyayiveza isimilo esivamile nesithandekayo. Ezingxoxweni, uJesu wayenobungani, enomusa, engeneka, emnene futhi kumnandi ukuba naye, kodwa akazange alahlekelwe isithunzi Sakhe nesomsebenzi Wakhe. UPetru waphawula ukuthi kwakuba nezikhathi lapho uJesu ayengakhulumi khona kakhulu, futhi ngezinye izikhathi lapho ayexoxa khona ngokukhululeka. Ngezinye izikhathi wayejabula kakhulu abonakale njengejuba eliwumqemane nelingqabashiyayo, futhi ngezinye izikhathi wayedangala ngezinga lokuthi aze angakhulumi nhlobo, abonakale esindwa wusizi kube sengathi ungumama okhathele nongenamandla. Ngezinye izikhathi wayethukuthela, njengesosha elinesibindi elilungele ukuyobulala izitha, ngezinye izikhathi wayeba ngisho njengebhubesi elibhongayo. Ngezinye izikhathi wayehleka; ngezinye izikhathi wayethandaza futhi akhale. Akukhathalisekile ukuthi uJesu wayenzani, lokho kwenza uPetru waba nothando kanye nokumhlonipha okungenamkhawulo. Uhleko lukaJesu lwamenza waphuphuma injabulo, ukudabuka Kwakhe kwamenza waba nosizi, intukuthelo Yakhe yayimethusa, kuyilapho umusa, ukuthethelela, nezimfuno eziqinile kubantu kwenza ukuba amthande ngempela uJesu futhi kukhulise ukumhlonipha nokumlangazelela. Yiqiniso, konke lokhu uPetru wakubona ngesikhathi esephile noJesu iminyaka embalwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela UPetru Amazi Ngayo UJesu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 521)

Kwaba nomvuthwandaba wokuhlangenwe nakho kukaPetru, lapho umzimba wakhe usucishe wachobozeka waphela, kodwa uJesu wamnika isikhuthazo ngaphakathi. Wavela kuye kanye. Lapho uPetru esezinhlungwini ezinkulu futhi ezwa ukuthi inhliziyo yakhe yephukile, uJesu wamyalela wathi: “Wawunami emhlabeni, futhi Nami nganginawe lapha. Ngemva kwakho konke sizoba nawe ezulwini, ezweni likamoya. Manje ngibuyele ezweni lomoya, futhi wena usesemhlabeni. Ngoba angikho emhlabeni, futhi nakuba nawe ungeyena owasemhlabeni, kufanele wenze umsebenzi wakho emhlabeni. Njengoba uyisikhonzi, kufanele wenze umsebenzi wakho ngezinga ongakwazi ngalo.” UPetru waduduzeka, ngemva kokuzwa ukuthi angabuyela ohlangothini lukaNkulunkulu. Ngesikhathi uPetru ecwile kulolu bishi wayesecishe waphoqeleleka ukuthi ahlale elele embhedeni ngenxa yokugula, waba nomuzwa wecala ngezinga lokuthi waze wathi: “Ngonakele kakhulu, angikwazi ukwanelisa uNkulunkulu.” UJesu wabonakala kuye wathi: “Petru, kungenzeka yini ukuthi ususikhohliwe isinqumo owake wasenza phambi Kwami? Ingabe usuzikhohlwe ngempela zonke izinto engazisho? Ingabe ususikhohliwe isinqumo owasenza Kimi?” UPetru wabona ukuthi kwakunguJesu, wavuka embhedeni, uJesu wase emduduza: “Angiyena owasemhlabeni, kade ngakutshela—lokhu kumele ukuqonde, kodwa kunokunye engakutshela khona ngabe usukukhohliwe? ‘Nawe awuyena owasemhlabeni, awuyena owasezweni.’ Njengamanje kunomsebenzi okudingeka uwenze, akufanele ube lusizi kanjena, akufanele uhlupheke kanjena. Nakuba umuntu noNkulunkulu bengeke baphilisane ezweni elilodwa, nginomsebenzi Wami nawe unowakho, ngelinye ilanga lapho umsebenzi wakho usuphelile, siyoba ndawonye embusweni owodwa, futhi ngiyokuhola ukuze ube Nami kuze kube phakade.” UPetru waduduzwa wabuye waqinisekiswa ngemva kokuzwa la mazwi. Wayazi ukuthi lokhu kuhlupheka kwakuyinto okwakufanele ayibekezelele futhi adlule kuyo, futhi wakhuthazeka ngawo kusukela lapho ukuqhubekela phambili. UJesu wavela kuye ngomzuzu owawubaluleke kakhulu, emnika ukukhanyiselwa nesiqondiso esikhethekile kanye nomsebenzi omningi kuye. Kanti-ke ingabe yini uPetru azisola ngayo kakhulu? UJesu wabuza uPetru omunye umbuzo (nakuba eBhayibhelini kungalotshiwe ngale ndlela) kungakabiphi ngemva kokuba uPetru wathi “UyiNdodana kaNkulunkulu ophilayo,” umbuzo wathi: “Petru! Ngabe wake wangithanda na?” UPetru wakuqonda lokhu ayeqonde ukukusho, futhi wathi: “Nkosi! Ngake ngathanda uBaba osezulwini, kodwa ngiyavuma ukuthi, angikaze ngikuthande.” UJesu wabe esethi: “Uma abantu bengamthandi uBaba osezulwini, bangayithanda kanjani iNdodana esemhlabeni? Futhi uma abantu bengayithandi iNdodana ethunyelwe uNkulunkulu uBaba, bangamthanda kanjani uBaba osezulwini? Uma abantu beyithanda ngempela iNdodana esemhlabeni, nakanjani bamthanda ngempela uBaba osezulwini.” Ngesikhathi uPetru ezwa la mazwi wabona ukuthi usilele kuphi. Wayehlale ezizwa enesikweletu kuze kufike ezingeni lokuthi akhale izinyembezi ngenxa yamazwi akhe “Ngake ngamthanda uBaba osezulwini, kodwa Wena angikaze ngikuthande.” Ngemva kokuvuswa nokunyukela kukaJesu ezulwini wazizwa enesikweletu nosizi olukhulu nakakhulu ngabo. Ekhumbula umsebenzi wakhe waphambilini kanye nesimo sakhe sangaleso sikhathi, wayethandaza kaningi kuJesu, ehlale ezisola futhi ezizwa enesikweletu ngenxa yokunganeliseki ngesifiso sokukhonza uNkulunkulu anaso, nokungafinyeleli ezindinganisweni zikaNkulunkulu. Lezi zinto zaba umthwalo wakhe omkhulu. Wathi: “Ngelinye ilanga ngiyokunikeza konke enginakho nakho konke engiyikho, ngiyokunika noma yini eyigugu kakhulu kimi.” Wathi: “Nkulunkulu! Nginokholo olulodwa kuphela kanye nothando olulodwa. Ukuphila kwami akulutho, nomzimba wami nawo awufanelwe yilutho. Nginokholo olulodwa kuphela kanye nothando olulodwa. Engqondweni yami ngikholelwa Kuwe futhi enhliziyweni yami nginalo uthando lwakho; kuzo zombili lezi zinto enginakho uqobo lwami kuphela engingakunika lona, futhi akukho okunye.” UPetru wakhuthazwa kakhulu amazwi kaJesu, ngoba ngaphambi kokuba uJesu abethelwe, wayethe kuye: “Angiyena owakulo mhlaba, futhi nawe awuyena owakulo mhlaba.” Kamuva, ngesikhathi uPetru ezwa ubuhlungu obukhulu, uJesu wamkhumbuza wathi: “Petru, ingabe usukhohliwe? Angiyena owakulo mhlaba, umsebenzi Wami ongenze ngasheshe ngahamba. Nawe awuyena owakulo mhlaba, ingabe usukhohliwe? Sengikutshele kabili, ingabe awusakhumbuli?” UPetru wamuzwa wabe esethi: “Angikakhohlwa!” UJesu yena wathi: “Wake wachitha isikhathi esimnandi kanye Nami ezulwini nesikhathi esithile useceleni Kwami. Uyangikhumbula, futhi Nami ngiyakukhumbula. Nakuba kungasizi kakhulu ukukhuluma ngezidalwa emehlweni Ami, ngingahlala kanjani ngingamthandi umuntu ongenacala nothandekayo? Ingabe ususikhohliwe isithembiso Sami? Kumele wamukele umsebenzi Wami emhlabeni; kumele ufeze umsebenzi engikuphathise wona. Ngelinye ilanga nakanjani ngiyokuhola ukuze ube seceleni Kwami.” Ngemva kokuzwa lokhu, uPetru wakhuthazeka ngisho nakakhulu, wathola ngisho nesikhuthazo esikhulu nakakhulu, kangangokuthi ngesikhathi esesiphambanweni, wayekwazi ukuthi: “Nkulunkulu! Angikwazi ukukuthanda ngokwanele! Ngisho noma ungicela ukuba ngikufele, angikakwazi ukukuthanda ngokwanele! Noma yikuphi lapho uthumela khona umphefumulo wami, kungakhathaliseki ukuthi ugcwalisa izithembiso Zakho ezedlule noma cha, noma ngabe yini oyenza ngemva kwalokho, ngiyakuthanda futhi ngiyakholelwa Kuwe.” Ayebambelele kukho kwakuwukholo nothando lweqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela UPetru Amazi Ngayo UJesu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 522)

Manje ungayibona ngokucacile indlela eyathathwa uPetru. Uma ukwazi ukuyibona ngokucacile indlela kaPetru, khona-ke uyoqiniseka ngomsebenzi owenziwa namhlanje, ukuze ungakhonondi, noma uvumele izinto noma ulangazelele noma yini. Kufanele uyiqonde imizwa kaPetru ngaleso sikhathi: Wahlaselwa umunyu; wayeseyekile ukucela ikusasa noma izibusiso. Wayengafune nzuzo, injabulo, udumo, noma inhlanhla yezwe, ayekufuna nje kwakuwukuphila ukuphila okunenjongo, okwakuwukubuyisa uthando uNkulunkulu ambonisa lona futhi anikele lokho ayekuthatha njengokuyigugu kakhulu kuNkulunkulu. Ngemva kwalokho, wayeyokwaneliseka enhliziyweni yakhe. Wayethandaza kaningi kuJesu athi: “Nkosi Jesu Kristu, ngake ngakuthanda, kodwa ngangingakuthandi ngeqiniso. Nakuba ngithe nginokholo Kuwe, angikaze ngikuthande ngenhliziyo eneqiniso. Bengilokhu ngibheke Kuwe, ngikwazisa, ngikukhumbula, kodwa angikaze ngikuthande noma ngibe nokholo Kuwe.” Wayehlale ethandaza ukuze enze isinqumo sakhe, futhi wayehlala ekhuthazwa ngamazwi kaJesu futhi ethola umdlandla kuwo. Kamuva, ngemva kwenkathi ethile, uJesu wamvivinya, wamenza ukuba amlangazelele kakhudlwana. UPetru wathi: “Nkosi Jesu Kristu! Yeka indlela engikukhumbula ngayo, futhi ngilangazelela ukukubona. Ngintula kakhulu, futhi akukho engingakubuyisela khona ngothando Lwakho. Ngiyakunxusa ukuba ungithathe ngokushesha. Uyongidinga nini? Uyongithatha nini? Ngiyophinde ngibubone nini ubuso Bakho? Angisafisi ukuphinde ngiphile esinye isikhathi kulo mzimba, ukuba ngiqhubeke nokonakaliswa, futhi angisafisi ukuphinde ngihlubuke. Ngikulungele ukukunika ngokushesha kangangokunokwenzeka konke enginakho, futhi angisafisi ukuphinde ngikuphathe kabi.” Lena indlela athandaza ngayo, kodwa wayengazi ngaleso sikhathi ukuthi yini uJesu ayeyoyiphelelisa kuye. Phakathi nenhlupheko eyaba sovivinyweni lwakhe, uJesu waphinde wavela kuye futhi wathi: “Petru, ngifisa ukukuphelelisa, ngezinga lokuthi ube ingxenye yesithelo, esiyoba umfuziselo wokupheleliswa Yimi, futhi engizosijabulela. Ingabe ungafakaza ngempela Ngami? Ingabe ukwenzile engithe kwenze? Ingabe uphilile ngamazwi engiwakhulumile? Wake wangithanda, kodwa nakuba wangithanda, wake wangishiya ngaphandle? Yini ongenzele yona? Uyabona ukuthi alukufanele uthando Lwami, kodwa yini ongenzele yona?” UPetru wabona ukuthi wayengamenzelanga lutho uJesu futhi wakhumbula izifungo ayezenzile zokunikela ngokuphila kwakhe kuNkulunkulu. Ngakho wayengasakhonondi, futhi imithandazo yakhe ngemva kwalokho, yaba ngcono kakhulu. Wathandaza wathi: “Nkosi Jesu Kristu! Ngake ngakushiya, Nawe wake wangishiya. Sesichithe isikhathi singekho ndawonye, nesikhathi sindawonye. Kodwa ungithanda ngaphezu kwanoma yini enye. Ngihlubuke ngokuphindaphindiwe Kuwe futhi ngalila kaningi. Ngingazikhohlwa kanjani izinto ezinjalo? Umsebenzi owenze kimi nezinto ongiphathise zona ngiyohlale ngizikhumbula, angisoze ngakukhohlwa. Ngomsebenzi owenze kimi, ngikuzamile okusemandleni. Uyakwazi engikwazi ukukwenza, futhi uyayazi nendima engingayidlala. Ngifisa ukuthobela izinhlelo Zakho, futhi ngiyonikela konke enginakho Kuwe. Uwena kuphela owazi engingakwenzela khona. Nakuba uSathane angikhohlisa kangaka futhi ngahlubuka Kuwe, ngikholelwa ukuthi awusazikhumbuli lezo ziphambeko zami, nokuthi indlela ongiphatha ngayo ayisekelwe kuzo. Ngifisa ukunikela ngokuphila kwami konke Kuwe. Akukho engikucelayo, futhi anginawo amanye amathemba namacebo; ngifisa kuphela ukwenza ngokuvumelana nenjongo Yakho nokwenza intando Yakho. Ngiyophuza esitsheni Sakho esimuncu, futhi ngingowakho ukuba ungiyale.”

Kumele kucace endleleni ohamba ngayo; kumele icace indlela ozoyithatha esikhathini esizayo, lokho uNkulunkulu ayokuphelelisa, nalokho ophathiswe khona. Mhlawumbe ngelinye ilanga, uyovivinywa, futhi uma ukwazile ukukhuthazwa izinto uPetru adlula kuzo, lokho kuyobonisa ukuthi ngempela uhamba endleleni kaPetru. UNkulunkulu wamncoma uPetru ngokholo lwakhe lweqiniso kanye nothando, nangobuqotho bakhe kuNkulunkulu. Futhi kwakungenxa yokwethembeka kwakhe nokulangazelela uNkulunkulu enhliziyweni yakhe okwenza uNkulunkulu wamphelelisa. Uma ngempela unothando nokholo olufana nolukaPetru, nakanjani uJesu uyokuphelelisa.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela UPetru Amazi Ngayo UJesu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 523)

Ngesikhathi uPetru esolwa uNkulunkulu, wathandaza, “O Nkulunkulu! Inyama yami ayilaleli futhi ungisolile wangahlulela. Ngiyajabula ngokusolwa nokwahlulelwa Nguwe, ngisho noma ungangidingi, ubungcwele bakho kanye nezindlela zakho zokulunga ngiyakubona ekwahluleleni Kwakho. Lapho ungahlulela ukuze abanye babone izindlela Zakho zokulunga ekwahluleleni Kwakho, ngiyeneliseka. Uma kukwazi ukuveza isimo Sakho futhi kwenze isimo Sakho sokulunga sibonwe yizo zonke izidalwa, futhi uma kungenza ukuthi ukukuthanda kwami kube msulwa ngokwengeziwe ukuze ngithole ukufana nalowo olungileyo, ukwahlulela Kwakho kuhle-ke, ngoba injalo intando yakho enhle. Ngiyazi ukuthi kuningi ukuhlubuka okungaphakathi kimi nokuthi angikufanele ukuba ngize phambi Kwakho. Ngifisa ungahlulele kakhulu kunakuqala, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima noma ezinsizini; akunandaba ukuthi wenzani, kimina lokho kuhle kakhulu. Uthando Lwakho luyamangalisa futhi ngizimisele ngokuba semseni Wakho ngingakhonondi nakancane.” Yilokhu uPetru ayesekwazi ngemva kokuba esezibonele ngawakhe umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kuwubufakazi bokuthi uyamthanda uNkulunkulu. Namuhla, seninqotshiwe vele—kodwa lokhu kunqontshwa kuvezwe kanjani kini? Abanye abantu bathi, “Ukunqotshwa kwami kungumusa omkhulu nokuphakanyiswa kukaNkulunkulu. Yima ngibona manje ukuthi ukuphila komuntu kuyize futhi akulutho. Umuntu echitha isikhathi sokuphila kwakhe ephuthuma, ngokuzala, akhulise isizukulwane sabantwana esinye emva kwesinye, futhi ekugcineni usala engenalutho. Ngibone namuhla ngemva kokunqotshwa uNkulunkulu ukuthi akusizi ngalutho ukuphila ngale ndlela; kuwukuphila okungathi shu. Akunankinga noma ngingafa ngedlule kukho!” Ingabe uNkulunkulu usengabazuza abantu abanjalo abanqotshiwe? Basengaba yizibonelo? Abantu abanjalo bayisifundo kulabo abathatha izinto kalula, abanayo injongo, futhi abakulweli ukuthuthuka benze kangcono! Ngisho noma bebalwa phakathi kwabanqotshiwe, abantu abanjalo abanakwenziwa baphelele. Lapho sekusondele ukuba uPetru afe, ngemva kokuba enziwe waphelela wathi, “O Nkulunkulu! Ukube nje iminyaka yami ibinganezelwa kancane, bengingafisa ukukuthanda ngokujulile nangendlela emsulwa.” Lapho esezobethelwa esiphambanweni, wathandaza ngenhliziyo, “O Nkulunkulu! Sesifikile sikhathi Sakho, isikhathi owangibekela sona sesifikile. Kumele ngikufele, kumele ngivume phambi kwakho futhi nginokwethemba ukuthi uthando enginalo ngawe lungahlangabezana nezimfuno Zakho, lube msulwa. Namuhla, ukukwazi ukukufela, futhi ngibethelwe esiphambanweni ngenxa Yakho kuyangiqinisekisa futhi kuyangiduduza, ngoba kungigculisa kakhulu ukuthi ngibethelwa esiphambanweni ngenxa Yakho ukuze kwenzeke intando Yakho nanokuthi ngizobe sengikwazi ukunikela ngokuphila kwami Kuwe. O Nkulunkulu! Uyathandeka! Ukube ungivumele ngaphila, bengizozimisela kakhulu ukukuthanda. Uma nje ngisaphila, ngiyohlezi ngikuthanda. Ngifisa ukukuthanda kakhulu kunakuqala. Ngahlulele futhi ungisole, ungivivinye ngoba angiyena olungileyo, ngenxa yokuthi ngonile. Ukulunga Kwakho kuba sobala kimi. Lesi isibusiso kimi, ngoba ngiyakwazi ukukuthanda ngokujulile futhi ngizimisele ukuhlale ngikuthanda kanjena ngisho noma ungangithandi. Ngifuna ukukubona ukulunga Kwakho ngoba lokho kungenza ngiphile ukuphila okunenjongo. Sengiyabona manje ukuthi ukuphila kwami sekunenjongo, ngoba ngibethelwe esiphambanweni ngenxa Yakho futhi kuyinto enhle ukukufela. Nakuba ngingakazizwa nganelisekile ngoba ngazi okuncane Ngawe, ngiyazi ukuthi ngeke ngizifeze ngokugcwele izifiso Zakho futhi kuncane kakhulu engikwenzele khona. Ekuphileni kwami, angikwazanga ukuzinikela ngokugcwele Kuwe; angisondele nakancane kulokho. Uma ngibuka emuva, kulo mzuzu ngizizwa ngikukweleta kakhulu, futhi nginalo mzuzu kuphela wokuba ngikhokhe ngawo wonke amaphutha ami nangalo lonke uthando engikukweleta lona.”

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 524)

Umuntu kumele alwele ukuphila okunenjongo futhi angeneliswa nje yilokho akwazi ukukwenza manje. Ukuze umuntu aphile njengoPetru, kumele abe nolwazi futhi akwazi ukubhekana nezinto uPetru abhekana nazo. Umuntu kumele afune izinto ezinkulu neziphakeme kakhulu. Kumele afune uthando lukaNkulunkulu olujulile nolumsulwa ngokwengeziwe, kanye nokuphila okunenjongo. Yilokhu kuphela ukuphila; yile ndlela kuphela umuntu ayofana ngayo noPetru. Kumele ugxile ekukhuthaleleni ukuba sohlangothini oluhle ekungeneni kwakho, ungamane nje uhlehle ngenxa yenkululeko yesikhashana bese uziba amaqiniso angempela acacile nabalulekile. Uthando lwakho kumele lube ngokoqobo futhi kumele uthole izindlela ezizokwenza ukhululeke kulokhu kuphila okubi nokungenamthetho futhi okungahlukile kokwezilwane. Kumele uphile ukuphila okunenjongo, ukuphila okuyigugu, futhi akumele uzikhohlise, noma ukuphila kwakho ukuphendule ithoyizi okudlalwa ngalo. Kuwo wonke umuntu ozimisele ngokuthanda uNkulunkulu, awekho amaqiniso angenakuwathola futhi akukho ukungabi bikho kobulungiswa obenziwayo angeke akwazi ukumelana nakho. Kufanele uphile kanjani? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu futhi ungalusebenzisa kanjani lolu thando ukuze wenelise isifiso Sakhe? Ayikho into ebaluleke ukudlula leyo ekuphileni kwakho. Ngaphezu kwakho konke, kumele ube nezifiso ezinjalo futhi ukwazi ukubekezela, ungafani nje nabantu abaphelelwa yithemba kalula. Kumele ukwazi ukuphila ukuphila okunenjongo futhi uwazi amaqiniso angempela futhi ungaziphathi budlabha. Unganakile, impilo yakho ingakwedlula nje.; ngemva kwalokho, uyolithola yini elinye ithuba lokuthanda uNkulunkulu? Ingabe umuntu angakwazi ukuthanda uNkulunkulu uma esefile? Kumele ube nesifiso kanye nonembeza onjengokaPetru; ukuphila kwakho kumele kube nenjongo futhi akumele ube nesikhathi sokudlala ngokuphila kwakho! Njengoba ungumuntu, futhi ufuna uNkulunkulu, kumele uyiqaphele indlela oziphatha ngayo ekuphileni kwakho, nendlela ozinikela ngayo kuNkulunkulu nokuthi uba kanjani nokholo olunenjongo Kuye, ngendlela emsulwa, enhle, nelungile. Namuhla akufanele waneliseke kuphela ngokuthi unqotshwe kanjani, kodwa kumele ucabange nangendlela ozohamba ngayo ngokuzayo. Kumele ube nezinto ezikukhuthazayo futhi ube nesibindi sokuba uphelele, futhi ukugweme ukuzibona ungeke wakwazi kwenza lutho. Ingabe iqiniso linazo izintandokazi? Ingabe iqiniso lihloselwe ukuphikisana nabantu? Uma ulifuna ngempela iqiniso, lingakuthonya? Uma umelana nokungabi bikho kobulungiswa, ingabe lokho kuzokuqeda amandla? Uma ukufuna ngempela ukuphila, ingabe kuzokwehlula ukuphila? Uma ungenalo iqiniso, akukhona ukuthi iqiniso likushaya indiva, kodwa kungenxa yokuthi uqhelelene neqiniso, uma ungakwazi ukumela ubulungiswa, lokho akusho ukuthi kukhona into embi ngobulungiswa kodwa kungenxa yokuthi ukholwa ukuthi amaqiniso awasetshenziswanga kahle; uma ugcina ungakutholi ukuphila ngemva kokukufuna iminyaka eminingi, lokho akubangelwa ukuthi ukuphila akunanembeza kuwe, kodwa kungenxa yokuthi wena awunanembeza ekuphileni kwakho, ukuxoshile ukuphila; uma uphila ekukhanyeni, futhi ubungakwazi ukuthola ukukhanya, lokho akungenxa yokuthi ukukhanya akukwazi ukukukhanyisa, kodwa kungenxa yokuthi awuzange ukunake ukuba khona kokukhanya ngakho ukukhanya kukushiye ngesinyelela. Uma ungakulweli ukuphila, kungaphethwa ngokuthi awuyinto yalutho futhi awunaso isibindi futhi awukwazi ukumelana namandla obumnyama. Untekenteke kakhulu! Uyehluleka ukuphunyuka emandleni kaSathane akuvimbezelayo futhi uzimisele ngokuphila lokhu kuphila okuphephile futhi okulondekile bese ufa ungenalwazi. Okufanele ukuthole ukulwela ukunqotshwa; lokhu kuyisibopho sakho. Uma wenelisekile ngokunqotshwa, uzobe uxosha ukukhanya. Kumele ubhekane nobunzima ngenxa yeqiniso, kumele uzinikele eqinisweni futhi ukhuthazelele ukuthunazwa ngenxa yeqiniso nokuthi ukuze wazi okuningi ngeqiniso kumele udlule ezinhluphekweni eziningi. Yilokhu okufanele ukwenze. Ungavumi ukulahla iqiniso ngenxa yokuthi ufuna ukuthula emndenini wakho, ungavumi ukulahlekelwa yisithunzi nobuqotho bakho ngenxa nje yenjabulo yesikhashana. Kufanele ulwele konke okuhle nokulungile, futhi ufune indlela yokuphila ukuphila okunenjongo. Uma uphila ukuphila okuyichilo kanjalo futhi zingekho izinto ozifunayo, ingabe awudlali yini ngokuphila kwakho? Yini ongayithola ekuphileni okunjalo? Kufanele uzigweme zonke izinhlobo zenjabulo yenyama ngenxa yeqiniso elilodwa, nokuthi ungawalahli wonke amaqiniso ngenxa yenjabulo yesikhashana. Abantu abenza kanjalo abekho qotho futhi abanaso nesithunzi; ukuphila kwabo akunayo injongo!

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 525)

UNkulunkulu uyamsola futhi amahlulele umuntu ngoba umsebenzi Wakhe ufuna lokho, ngaphezu kwalokho, ngoba umuntu uyakudinga lokho. Umuntu udinga ukusolwa nokwahlulelwa, futhi kulapho kuphela angathola khona uthando lukaNkulunkulu. Namuhla, niqinisekiswe kakhulu, kodwa lapho ninqwamana nezingqinamba ezincane nisenkingeni; idumela lenu lincane kakhulu futhi nisuke nisadinga ukusolwa okukhulu kanye nokwahlulelwa ukuze nizuze ulwazi olujulile. Namuhla, niyamhlonipha uNkulunkulu, niyamesaba futhi niyazi ukuthi unguNkulunkulu weqiniso, kodwa animthandi kakhulu, ingasaphathwa eyokumthanda ngeqiniso; ulwazi lwenu luseluncane kakhulu futhi anikabi nesimo esihle. Lapho nibhekana nesimo esithile, nisuke ningakabi nabufakazi, kuncane kakhulu ukungena kwenu okuza nezinguquko, futhi aninayo indlela yokukwenza ngokoqobo. Abantu abaningi abanaki futhi bayavilapha; abakuvezi obala ukuthi bayamthanda uNkulunkulu, akukho abakwenzayo futhi akucaci ukuthi iyini imigomo yabo. Labo abenziwe baphelela abagcini ngokuba nobuntu obujwayelekile kuphela, kodwa banamaqiniso angaphezu kwesilinganiso sonembeza womuntu; abagcini nje ngokusebenzisa unembeza wabo ukuze babuyise uthando lukaNkulunkulu kodwa kunalokho bamazile uNkulunkulu futhi bakubona ukuthi uNkulunkulu uyathandeka futhi ufanelwe ukuthandwa ngumuntu nokuthi kuningi umuntu angakuthanda kuNkulunkulu nokuthi umuntu ayikho into angayenza ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu. Uthando uNkulunkulu analo ngalabo abaphelelisiwe luyabasiza ukuze bakwazi ukwenza izinto abazifisayo. Uthando lwabo luyazenzakalela, uthando olungafuni mbuyiselo, alukhona ukuhweba. Ayikho into ebenza bamthande uNkulunkulu ngaphandle kolwazi abanalo Ngaye. Abantu abanjalo bakhathalela kuphela ukujabulisa uNkulunkulu ngisho noma kuthiwa uNkulunkulu akababonisi umusa. Ababheki amathuba kuNkulunkulu futhi abalulinganisi ngonembeza uthando abanalo ngoNkulunkulu: Ungiphe lona, nami kumele ngikubuyisele lona uthando; uma unganginiki lutho nami ayikho into engizokubuyisela yona. Labo abenziwe baphelela bahlale bekholwa ukuthi: UNkulunkulu unguMdali, futhi wenza umsebenzi Wakhe kithi. Ngoba nginaleli thuba, isimo kanye nokufaneleka ukuba ngenziwe ngiphelele, engikufunayo kufanele kube ukuphila okunenjongo futhi kufanele nganelise Yena. Lokhu kuyafana nalokho uPetru abhekana nakho: Lapho ebuthaka kakhulu, wathandaza kuNkulunkulu wathi, “O Nkulunkulu! Akunandaba ukuthi ngikuphi ngasiphi isikhathi, uyazi ukuthi ngihlezi ngikukhumbula. Akunandaba ukuthi ngikuphi ngasiphi isikhathi, uyazi ukuthi ngifuna ukukuthanda, kodwa isiqu sami sincane kakhulu, ngibuthakathaka futhi anginamandla, uthando lwami alwanele nokuzithoba kwami Kuwe akwanele. Angifanele ukuphila uma ngiqhathaniswa nothando Lwakho. Ngiyafisa ukuba ukuphila kwami akulona ize, nokuthi ngingagcini nje ngokubuyisa uthando Lwakho, kodwa nginikele ngakho konke enginakho Kuwe. Uma ngingakujabulisa, mina njengesidalwa sakho ngiyoba nokuthula engqondweni, akukho okunye engiyokhala ngakho. Nakuba ngibuthaka ngingenawo amandla okwamanje, angeke ngizikhohlwe izeluleko kanye nothando Lwakho. Manje akukho engikwenzayo ngaphandle kokubuyisa uthando Lwakho. O Nkulunkulu, ngizizwa ngimubi! Iyiphi indlela engingabuyisa ngayo uthando lwami, ngingakwenza kanjani konke okusemandleni, ngikwazi ukufeza izifiso Zakho futhi nginikele ngakho konke enginakho Kuwe? Uyabazi ubuthakathaka bomuntu; yini nje engangenza ngifanele uthando Lwakho? O Nkulunkulu! Uyakwazi ukuma kwami okungatheni nokuthi uthando lwami luyinto engekho. Yini engingakwazi ukuyenza ngokusemandleni ami onke kulesi simo? Ngiyazi ukuthi kufanele ngibuyise uthando Lwakho, ngiyazi ukuthi kufanele nginikele ngakho konke enginakho Kuwe kodwa manje angiyilutho. Ngicela ukuba ungiphe amandla nokuqiniseka ukuze ngikwazi kakhudlwana ukukunika uthando olumsulwa lokuzinikela Kuwe kanye nokunikela Kuwe konke enginakho; ngeke ngigcine nje ngokubuyisa uthando Lwakho, kodwa ngiphinde ngikulungele kakhudlwana ukubhekana nokusola, ukwahlulela kanye nokuvivinya Kwakho, ngisho nokuqalekiswa Nguwe okunzima. Ungivumelile ukuba ngilubone uthando Lwakho, futhi mina angikwazi ukungakuthandi, nakuba ngibuthakathaka futhi ngingenamandla namuhla, ngingakukhohlwa kanjani kodwa? Uthando lwakho, ukusola kanye nokwahlulela Kwakho kungenze ngakwazi, kodwa ngisazizwa ngingakwazi ukukuthanda ngokujulile ngoba uyababazeka! Ngingakunikela kanjani konke enginakho kuMdali?” Leso kwakuyisicelo sikaPetru, kodwa isimo sakhe sasimenza kungamfaneli nhlobo. Ngalesi sikhathi, wezwa sengathi kunommese ophenduphendulwa enhliziyweni yakhe, wayesezinhlungwini; wayazi ukuthi yini okungafanele ayenze ezimweni ezinjalo. Nokho waqhubeka ethandaza kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Umuntu unjengengane, unembeza wakhe ubuthakathaka futhi okuyikhona engingafinyelela kukho, ukubuyisa uthando Lwakho. Namuhla, angikwazi ukukujabulisa, futhi ngifisa ukwenza konke engingakwenza, nokunikela ngakho konke enginakho Kuwe. Ngenze ngigqashule ekububuleni, kungakhathaleki ukuthi ungahlulela kanjani, ungisola kanjani, kungakhathaleki ukuthi yini oyithathayo kimi. Kaningi lapho ungisole khona nalapho ungahlulele khona, ngizisolile futhi ngahluleka ukufinyelela ubumsulwa noma ukufeza izifiso Zakho. Ukukubuyisela ngothando Lwakho ngikwenze ngaphandle kokucindezelwa futhi ngizizwa ngizenyanya nakakhulu.” Into eyenza uPetru wathandaza ngale ndlela kungenxa yokuthi wayefuna uthando lukaNkulunkulu olumsulwa ngokwengeziwe. Wayefuna, enxusa futhi ngaphezu kwalokho wayezigxeka, evuma izono zakhe KuNkulunkulu. Wazizwa emkweleta uNkulunkulu futhi ezenyanya, nokho ngandlela thize, wayengajabule neze. Wayehlezi ezizwa njengomuntu owayengafanele ukufeza intando kaNkulunkulu nowayengasoze akwazi ukwenza okukhulu. Ezimweni ezinjalo, uPetru walulwela ukholo olwaboniswa uJobe. Wabona indlela ukholo lukaJobe olwalulukhulu ngayo ngoba uJobe wayebonile ukuthi konke ayenakho wayekuphiwe uNkulunkulu futhi kwakulindelekile ukuthi uNkulunkulu amphuce konke ayenakho, akunike noma ubani ayengafisa ukumnika khona—leso kwakuyisimo esilungile sikaNkulunkulu. UJobe akazange akhononde, futhi wayesengamdumisa uNkulunkulu. UPetru naye wayezazi kahle futhi wathandaza ngenhliziyo wathi, “Namuhla akufanele nganeliseke ngokubuyisela uthando Lwakho ngisebenzisa unembeza wami futhi ngisho lungaba lungakanani uthando enginalo, ngilubuyisela Kuwe, ngoba imicabango yami mibi kakhulu futhi ngiyehluleka ukukubheka njengoMdali. Ngenxa yokuthi angikakakulungeli ukukuthanda, kumele ngenze ngendlela ezongenza ngikwazi ukunikela konke enginakho Kuwe, engingakwenza ngokuzimisela. Kumele ngikwazi konke okwenzile futhi ayikho enye indlela kumele ngibambe uthando Lwakho futhi ngikwazi ukukhuluma ngezindumiso Zakho ngidumise igama Lakho elingcwele ukuze uzothola udumo olukhulu ngami. Ngizimisele ukuba ngime ngiqine ekufakazeni Ngawe. O Nkulunkulu! Uthando Lwakho luyigugu futhi luhle; ngingafisa kanjani nje kodwa ukuphila ezandleni zomubi? Angizange yini ngidalwe Nguwe? Ngingaphila kanjani kodwa ngaphansi kokubuswa nguSathane? Ngingancamela ukuthi sonke isiqu sami siphile ngaphansi kokusola Kwakho. Angizimisele ukuphila ngaphansi kokubusa komubi. Uma ngingenziwa ngibe msulwa, futhi nginikele ngakho konke enginakho Kuwe, ngizimisele ngokunikela ngomzimba nangengqondo yami ekwahlulelweni nasekusolweni Nguwe ngoba ngiyamzonda uSathane futhi angizimisele ngokuphila ngaphansi kwakhe. Ekwahlulelweni Nguwe, uhambisa phambili isimo Sakho sokulunga; ngiyajabula futhi angikaze ngikhononde nakancane. Uma ngingakwazi ukwenza umsebenzi wesidalwa, ngizimisele ukwenza konke ukuphila kwami kuhambisana nokwahlulela Kwakho, ngaso, ngiyozazi kahle izindlela Zakho ezingcwele, ngixoshe ithonya lomubi.” UPetru wayethandaza kanje, ehlale efuna kanje, futhi wafinyelela ezingeni eliphezulu, uma kuqhathaniswa. Akagcinanga nje ngokukwazi ukubuyisa uthando lukaNkulunkulu, kodwa okungaphezu kwalokho wawufeza umsebenzi wakhe njengesidalwa. Akagcinanga ngokusolwa unembeza wakhe, kodwa wakwazi ukukhuphula izinga likanembeza. Imithandazo yakhe yaqhubeka yenyukela kuNkulunkulu, ngezinga lokuthi wayesenemigomo emikhulu nokuthanda kwakhe uNkulunkulu kwaba kukhulu kakhulu. Nakuba uPetru abulawa zinhlungu, akakhohlwanga ukuthanda uNkulunkulu, futhi wayesaqhubeka efuna ukuqonda intando kaNkulunkulu. Imithandazo yakhe yayiba nala mazwi: Ayikho into engiyifezile ngaphezu kokubuyisela uthando Lwakho. Angizange ngilethe ubufakazi Ngawe phambi kukaSathane, angizange ngizikhulule ethonyeni likaSathane futhi ngisaphila enyameni. Ngiyafisa ukumnqoba uSathane ngothando lwami, ngimhlaze, ngalokho ngenze lokhu okufisayo. Ngifisa ukunikela ngoqobo lwami Kuwe, ngingazinikeli nangengxenyana yami kuSathane ngoba uSathane uyisitha Sakho. Njengoba uPetru ayeqhubeka efuna ukwenza kanjalo, wayekhuthazeka, nolwazi lwakhe lwalukhula kakhulu. Kungakabiphi, wabona ukuthi kufanele agqashule ethonyeni likaSathane futhi aphinde azinikele ngokuphelele kuNkulunkulu. Wakwazi ukuwufinyelela lowo mbuso. Wakwazi ukulwisana nethonya likaSathane wadela nezinto ezazizojabulisa inyama futhi wayezimisele ukuba abhekane nokusolwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu. Wathi, “Ngisho noma ngiphila ngaphansi kokusola nokwahlulela Kwakho, kungakhathaleki ukuthi kusuke kunzima kanjani, angizimisele nhlobo ukuphila ngaphansi kokubuswa nguSathane okhohlisayo. Ngiyajabula ngokuphila ngaphansi kwesiqalekiso Sakho kunokuphila ngaphansi kwezibusiso zikaSathane. Ngiyakuthanda ngokuba ngifune ukuphila ngaphansi kokwahlulela Kwakho futhi lokho kungijabulisa kakhulu. Ukusola neokwahlulela kwakho silungile futhi singcwele; sihloselwe ukungihlanza nokungisindisa. Ngingancamela ukuba ukuphila kwami konke kube ngaphansi kokahlulela Kwakho, kunakekelwe Nguwe. Angikufisi ngisho nakancane ukuphila ngaphansi kombuso kaSathane; ngifisa ukuhlanzwa Nguwe; noma ngizwa ubunzima angizimisele ukuxhashazwa nguSathane ngamaqhinga akhe. Mina, sidalwa, kufanele ngisetshenziswe Nguwe, ngibe ngowakho, ngahlulelwe Nguwe futhi ngisolwe Nguwe. Kufanele ngize ngiqalekiswe Nguwe. Inhliziyo yami iyajabula lapho uzimisele ngokungibusisa ngoba ngilubonile uthando Lwakho. UnguMdali, mina ngiyisidalwa Sakho: Akufanele ngikuphoxe ngiphile ngaphansi kokubuswa nguSathane, futhi akufanele ngixhashazwe nguSathane. Kufanele ngibe ihhashi Lakho, noma inkabi, kunokuphilela uSathane. Ngingancamela ukuphila ngaphansi kokusola Kwakho, kunokuchachamba injabulo yenyama, lokho bekuyongijabulisa ngisho noma ngizolahlekelwa umusa Wakho. Ngiyajabula uma ungahlulela noma ungisola nakuba umusa Wakho ungekho phezu kwami; lesi yisibusiso esikhulu esivela Kuwe, umusa Wakho omkhulu. Nakuba uhlale uphakeme futhi unolaka kimi, nalapho angikwazi ukukushiya futhi angikwazi ukukuthanda ngokwanele. Ngingancamela ukuphila ekhaya Lakho, ukuthi ungiqalekise, ungisole futhi ungishaye, angizimisele ukuphila ngibuswa uSathane futhi angizimisele ukutatazela ngijahe okwenyama, ingasaphathwa eyokuthi ngiphilele inyama.” Uthando lukaPetru lwalumsulwa. Lokhu kulandisa okomuntu ophelelisiwe futhi kusezingeni eliphezulu kunelabanye abaphelelisiwe, akukho ukuphila okunenjongo ngaphezu kwalokho. UPetru wakwamukela ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, wayebazisa ubungcwele bukaNkulunkulu akukho lutho kuye ayekubona kuyigugu. Wathi, “USathane unginika injabulo yenyama, kodwa angiyifuni. Ukusola nokwahlulela kusikaNkulunkulu siphezu kwami—ngizizwa ngibalulekile, ngithola injabulo futhi ngibusisekile. Ukube uNkulunkulu akangahlulelanga, ngangingeke ngimthande, bengiyohlala ngaphansi kokubusa kukaSathane, angilawule futhi angiqondise. Uma bekunjalo, bengingeke ngiphile njengomuntu wangempela, ngoba bengizobe ngingakwazi ukujabulisa uNkulunkulu futhi ngingakwazi ukuzinikela kuNkulunkulu. Nakuba uNkulunkulu engangibusisi, engishiya ngingakhululekile, kube sengathi kunomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi ngingenakho ukuthula noma injabulo, nakuba ukusola nesiyalo sikaNkulunkulu singakaze sibe kude nami, ekwahlulelweni kukaNkulunkulu ngiyakwazi ukuthola ukulunga Kwakhe. Kuyangijabulisa lokhu; ayisekho phela into eyigugu nenenjongo ekuphileni. Nakuba ukuvikelwa nokunakekelwa Nguye kuphenduke ukusolwa ukwahlulelwa, isiqalekiso, nokushaya okungenalo uzwelo, zisangijabulisa lezi zinto ngoba zingangihlanza futhi zingishintshe futhi zingisondeze kuNkulunkulu, zingenze ngithande uNkulunkulu, zenze nothando lwami ngoNkulunkulu lube msulwa. Lokhu kungenza ngikwazi ukwenza umsebenzi wami njengoba ngiyisidalwa, kungiletha phambi kukaNkulunkulu kungiqhelise ethonyeni likaSathane, ukuze ngingabe ngisakhonza uSathane. Lapho ngingaphili ngaphansi kokubuswa nguSathane, ngiyakwazi ukunikela ngakho konke enginakho nakho konke engingakwenza kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzigodla—yilapho ngizizwa khona ngigculiseke kakhulu. Ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu okungisindisile futhi ukuphila kwami akuhlukaniseki ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu. Ukube ukuphila kwami emhlabeni bekungaphansi kokubuswa nguSathane futhi kungekho ngaphansi kwesivikelo sikaNkulunkulu ngokusolwa nokwahlulelwa Nguye, bengiyohlala ngaphansi kokubuswa nguSathane futhi ngaphezu kwalokho bengingeke ngilithole ithuba noma izindlela zokuphila ukuphila okunenjongo. Ngaphandle uma ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu singazange singishiye bengizokwazi ukuhlanzwa nguNkulunkulu. Ngaphandle kwamazwi ahlabayo nobungcwele bukaNkulunkulu kanye nokwahlulela okuphakeme kukaNkulunkulu lapho ngithole khona isivikelo esikhulu futhi ngaphila ekukhanyeni, ngathola izibusiso zikaNkulunkulu. Ukuze ngihlanzwe, ngikhululeke kuSathane ngiphile ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu—lesi yisibusiso esikhulu kakhulu ekuphileni kwami namuhla.” Yilokhu okungcono uPetru akuzwa ekuphileni kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 526)

Umuntu uphilela inyama, okusho ukuthi uphila esihogweni futhi ngaphandle kokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu umuntu wenyanyeka njengoSathane. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe ngcwele? UPetru wayekholelwa ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kwakuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Ukusola nokwahlulela sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame, azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile sikhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula ezweni lakhe elincane, simphilise ekukhanyeni kokuba khona kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunokusola nokwahlulela! UPetru wathandaza, “O Nkulunkulu! Uma nje ungisola futhi ungahlulela, ngiyokwazi ukuthi awuzange ungishiye. Ngisho noma kuthiwa awunginiki injabulo noma ukuthula, ungenze ngiphile ngezinsizi futhi ngithole ukusolwa okuningi, uma nje ungangishiyanga inhliziyo yami iyokhululeka. Namuhla, Ukusola nokwahlulela Sakho kuphenduke esivikelo sami esihle kakhulu nesibusiso sami esikhulu kunazo zonke. Umusa ongipha wona uyangivikela. Umusa owubeka phezu kwami namuhla ungibonisa isimo Sakho sokulunga futhi uwukwahlulela nokusola Kwakho; ngaphezu kwalokho uwuvivinyo futhi ngaphezu kwalokho ungukuphila kokuhlupheka.” UPetru wakwazi ukubeka eceleni injabulo yenyama wafuna uthando olujulile nesivikelo esikhulu ngoba wayethole umusa omkhulu ekwahlulelweni nasekusoleni kukaNkulunkulu. Ekuphileni kwakhe, uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi enze umehluko esimweni sakhe, uma efisa ukuphila impilo enenjongo afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu futhi angasivumeli isiyalo sikaNkulunkulu nokushaywa nguNkulunkulu ukuba kusuke kuye, ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya, kuwukukhanya kwensindiso yomuntu nokuthi asikho isibusiso esingcono, umusa noma isivikelo somuntu. Umuntu uphila ngaphansi kwethonya likaSathane futhi uphila enyameni; uma engahlanziwe futhi engasitholi isivikelo sikaNkulunkulu, uyoba mubi nakakhulu. Uma efisa ukuthanda uNkulunkulu, kuyomele ahlanzwe futhi asindiswe. UPetru wathandaza, “Nkulunkulu, lapho ungiphatha ngobumnene ngijabula kakhulu, ngiduduzeke; futhi lapho ungisola ngizizwa ngiduduzeka futhi ngijabula nakakhulu. Nakuba ngibuthakathaka ngibekezelela ukuhlupheka ebengingakwazi, nakuba kunezinyembezi nomunyu, uyazi ukuthi lo munyu ubangelwa ukungalaleli kwami nangenxa yobuthakathaka bami. Ngiyakhala ngoba angikwazi ukwanelisa izifiso Zakho, ngizwa usizi futhi ngiyazisola ngoba angikufanele ukuma phambi Kwakho kodwa ngizimisele ukuthola lo mbuso, ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ami ukuze ngikujabulise. Ukusola Kwakho singilethele isivikelo futhi singinike insindiso enkulu kakhulu; ukwahlulela Kwakho sivimba ukubekezela nesineke Sakho. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho bengingeke ngithole isihawu nomusa Wakho othandekayo. Namuhla, ngikubona kahle ukuthi uthando uthando Lwakho ludlula ngale kwamazulu futhi ludlula yonke into. Uthando Lwakho alusona nje isihe nomusa wothando; ngisho nangaphezu kwalokho, luwukusolwa nokwahlulelwa. Ukusola nokwahlulela Kwakho kungizuzise kakhulu. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho, akekho noyedwa obengahlanzwa, akekho noyedwa obengaluzwa uthando lukaMdali. Nakuba ngibekezelele amakhulu ezivivinyo nezinsizi futhi sengike ngasondela egodini, zenze ukuthi ngikwazi ngempela futhi ngizuze insindiso ephakeme. Ukube ngishiywe ukusola, ukwahlulela kanye nesiyalo Sakho, bengiyophila ebumnyameni, ngaphansi kokubuswa uSathane. Yiziphi izinzuzo inyama yomuntu enazo? Ukube bengizoshiywa ukusola nokwahlulela Kwakho, bekuyoba sengathi uMoya Wakho ungishiyile, kufane nokuthi awusekho nami. Uma bekunjalo, bengizoqhubeka kanjani ngiphila? Uma ungifumba ukugula, uthathe inkululeko yami, ngingaqhubeka ngiphila, kodwa uma ngishiywa ukusola kanye nokwahlulela Kwakho, ngeke ngibe nayo indlela yokuphila. Uma bengiphila ngaphandle kokwahlulela nokusola Kwakho, bengiyolahlekelwa uthando Lwakho, uthando olujule kakhulu kimi engingeke ngiluchaze ngamazwi. Ngaphandle kothando Lwakho, ngabe ngiphila ngaphansi kokubuswa uSathane, futhi ngingahluleka ukubona ubuso Bakho obukhazimulayo. Ngingaqhubeka kanjani ngiphile? Angeke ngikubekezelele ukuphila nobumnyama obunjalo. Ukuba Nawe kufana nokuthi ngiyakubona, ngakho ngingakushiya kanjani? Ngiyakuncenga ukuba ungalokothi uthathe ukunethezeka kwami okukhulu ngisho noma kungamazwi ambalwa angiqinisekisayo. Ngijabulile ngothando Lwakho futhi namuhla angikwazi ukuqhelelana Kungenzeka kanjani ukuthi ngingakuthandi? Kunezinyembezi eziningi zosizi ezehle ngenxa yothando Lwakho, nokho bengihlezi ngicabanga ukuthi ukuphila kanjena kunenjongo nakakhulu, kuyangicebisa, kungishintshe futhi kungenze ngikwazi ukubamba iqiniso okufanele libanjwe yizidalwa.”

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 527)

Konke ukuphila komuntu kungaphansi kokubusa kukaSathane futhi akekho noyedwa ongakwazi ukuzikhulula ngamandla akhe ekuthonyweni nguSathane. Bonke baphila ezweni elingcolile, elinenkohlakalo nobuze, elingenayo nencane injongo; baphila impilo yokungabi nandaba yenyama, yenkanuko, futhi baphilela noSathane. Ukuphila kwabo akubalulekile nakancane. Umuntu akakwazi ukuzitholela yena iqiniso eliyomkhulula ethonyeni likaSathane. Ngisho noma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu futhi elifunda iBhayibheli, akaqondi ukuthi angazikhulula kanjani ekulawulweni yithonya likaSathane. Kuzo zonke izizukulwane, bambalwa kakhulu abathole le mfihlo, bambalwa kakhulu abayibambile. Njengoba umuntu emzonda kangaka uSathane, ezonda inyama yakhe, akakwazi ukunqoba ithonya likaSathane. Namuhla, ingabe anisekhona ngaphansi kombuso kaSathane? Anizisoli ngezenzo zenu zokungalaleli, ingasaphathwa-ke eyokuthi ningcolile futhi anilaleli. Ngemva kokuphikisana noNkulunkulu, nize nithole ngisho ukuthula kwengqondo nizizwe nibakhulu. Ingabe ukuthula kwenu akwenziwa ukuthi nikhohlakele? Ingabe lokhu kuthula kwenu okusengqondweni akwenziwa wukuthi anilaleli? Umuntu uphila esihogweni esenzelwe umuntu, uphila ngaphansi kwethonya elimnyama likaSathane; emhlabeni, lapho izipoki nabantu kuhlala khona, nalapho kungena enyameni yomuntu. Awuphili epharadesi elihle emhlabeni. Indawo okuyo ibuswa udeveli, isihogo, indawo eyingozi. Uma umuntu engahlanziwe, kuyosho ukuthi ungowokungcola; uma engavikelwa futhi enganakekelwa uNkulunkulu, usayisigqila sikaSathane; uma engahlulelwe futhi engasoliwe lokho kusho ukuthi akanayo indlela yokuphunyuka ekucindezelweni ubumnyama bethonya likaSathane. Ukukhohlakala kwakho okubonisayo kanye nokuphila kwakho ngendlela ebonisa ukuthi awulaleli kuwubufakazi obuveza ngokusobala ukuthi usaphila ngaphansi kokubuswa nguSathane. Uma ingqondo kanye nemicabango yakho kungazange kuhlanzwe futhi isimo sakho singakaze sahlulelwe futhi sisolwe, lokho kusho ukuthi sonke isiqu sakho sisalawulwa nguSathane, imicabango yakho ikhohliswe nguSathane, sonke isiqu sakho sisezandleni zikaSathane. Uyazibona yini ukuthi usuqhelelene kanjani nezinga lokuphila kukaPetru? Unalo lelo zinga? Kuningi kangakanani okwazi ngokusola nokwahlulela kwanamuhla? Kungakanani osukubambile kwalokho uPetru akwazi? Uma namuhla uhluleka ukwazi, ingabe uzokwazi ukufinyelela lolo lwazi esikhathini esizayo? Umuntu oyivila noyigwala njengawe kalula nje akanakukwazi ukusola nokwahlulela. Uma ujaha ukuthula enyameni, kanye nokufeza izifiso zayo, lokho kuyosho ukuthi ayikho indlela ongahlanzwa ngayo, futhi ekugcineni uzobuyiselwa kuSathane ngoba uphila ngendlela kaSathane, nenyama. Njengoba izinto zinjalo namuhla, abantu abaningi abanandaba nokuphila, okusho ukuthi abanandaba nokuhlanzwa noma ukuthola ulwazi olunzulu ngokuphila. Bangenziwa kanjani ukuba baphelele? Labo abangakufuni ukuphila, abanalo ithuba lokupheleliswa futhi labo abangafuni ukwazi uNkulunkulu futhi abangafuni ukushintsha isimo sabo, abanayo indlela yokuphunyuka ethonyeni lobumnyama bukaSathane. Abakhathazeki kangako ngokuphathelene nolwazi lwabo ngoNkulunkulu kanye nokungena kwabo ezinguqukweni zesimo sabo, abanandaba nakho njengalabo abakholelwa enkolweni kuphela, futhi abamane balandele okwenziwayo futhi baye ezinkonzweni ezijwayelekile. Ingabe lokho akukhona ukudlala ngesikhathi? Uma ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, umuntu engabi nandaba nezinto ezibalulekile eziphathelene nokuphila, engafuni ukungena eqinisweni, engalufuni ushintsho esimweni sakhe, ingasaphathwa eyokwazi umsebenzi kaNkulunkulu, angeke apheleliswe. Uma ufisa ukupheleliswa, kumele uqonde umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ukuqonde ngokukhethekile ukubaluleka kokusola kanye nokwahlulela Kwakhe, nokuthi kungani lo msebenzi wenziwa kumuntu. Ingabe uyakwazi ukwamukela? Uma wahlulelwa kanjalo, ingabe uyakwazi ukufinyelela ezingeni elifana nelikaPetru, kanye nasolwazi lwakhe? Uma ufuna ulwazi ngoNkulunkulu kanye nemisebenzi kaMoya oNgcwele futhi ufuna nokuguqula izindlela zakho, uzoba nethuba lokupheleliswa.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 528)

Ngokwalabo abazokwenziwa baphelele, lesi sigaba somsebenzi wokunqotshwa sibaluleke kakhulu; umuntu onqotshiwe kuphela oyothola ithuba lokupheleliswa. Ayikho into ebaluleke ngokwenza kuphela indima yokunqotshwa, engeke ikwenze ukwazi ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ngeke ube nendlela yokudlala indima yakho ekusakazeni ivangeli, ngoba awukulweli ukuphila, futhi awuzifuni izinguquko nokwenziwa musha, ngakho uzobe ungayazi kahle impilo. Phakathi nala magxathu omsebenzi, wake wenza njengesikhonzi, kodwa uma ekugcineni ungakufuni ukulwela ukuba njengoPetru, okulwelayo kungafani nendlela uPetru apheleliswa ngayo, uma kunjalo, ngokwemvelo, angeke ube noshintsho endleleni yakho yokuphila. Uma ungumuntu ofuna ukupheleliswa, kumele unikeze ubufakazi, uzobe usuthi: “Kulezi zinyathelo ngezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ngiwamukele umsebenzi wokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu futhi nakuba ngibekezelele ukuhlupheka okunzima, sengiye ngayazi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, ngiwutholile umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngizuze ulwazi ngokulunga kukaNkulunkulu futhi ukusola Kwakhe kungisindisile. Isimo Sakhe sokulunga sehlele kimi, sangilethela izibusiso kanye nomusa; ukwahlulela nokusola Kwakhe okungivikele futhi kwangingcwelisa. Ukube angisolwanga futhi ngahlulelwa uNkulunkulu, ukube akaze angithethise ngabe angizange ngimazi uNkulunkulu futhi ngabe angisindiswanga. Namuhla ngiyabona njengesidalwa, akukhona ukuthi umuntu ujabulela konke okwenziwe uMdali, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi zonke izidalwa kufanele zijabulele isimo sokulunga sikaNkulunkulu, futhi zijabulele izahlulelo Zakhe zokulunga, ngoba umuntu kufanele asijabulele isimo sikaNkulunkulu. Njengesidalwa esonakaliswe nguSathane, umuntu kufanele ajabule ngesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Esimweni Sakhe sokulunga kunokusola nokwahlulela futhi ngaphezu kwalokho kunothando olukhulu. Nakuba ngingakwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu ngokugcwele namuhla, ngibe nenhlanhla yokulubona, futhi ngibusisiwe ngakho.” Lena yindlela labo abaphelelisiwe abahamba kuyo, nolwazi abakhuluma ngalo. Abantu abanjalo bafana noPetru; bayizwile indlela uPetru aphila ngayo. Abantu abanjalo kuseyilabo abazuze ukuphila, abaneqiniso. Uma bezwa lokho kuphila kuze kube sekugcineni, phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu, ngokuqinisekile baziphunyula ethonyeni likaSathane futhi bazuzwe nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 529)

U-Adamu no-Eva uNkulunkulu abadala ekuqaleni babengabantu abangcwele, okusho ukuthi, ngesikhathi beseseNsimini yase-Edene babengcwele, bengenakho ukungcola. Babethembekile kuJehova futhi bengazi lutho ngokungathembeki kuJehova. Lokhu kungenxa yokuthi babengaphazanyiswa yithonya likaSathane, ungakabathinti ushevu kaSathane futhi bengabantu abamsulwa emlandweni wesintu. Babehlala eNsimini yase-Edene, bengenakho ukungcola, bengakabi sethonyeni lenyama futhi bemhlonipha uJehova. Kamuva, lapho belingwa nguSathane, badla isihlungu senyoka base beba nelukuluku lokungathembeki kuJehova, babe sebephila ngaphansi kwethonya likaSathane. Ekuqaleni, babengcwele futhi bemhlonipha uJehova; babengabantu kuphela uma bephila kanjalo. Kamuva, balingwa nguSathane, badla isithelo solwazi lokuhle nokubi ngemva kwalokho baphila ngaphansi kwethonya likaSathane. Kancane kancane, izingqondo zabo zonakaliswa nguSathane balahlekelwa ngubuntu bangempela, obuphelele. Umuntu wayenomoya kaJehova futhi kwakungekho nokuncane ukungamlaleli futhi bungekho nobubi enhliziyweni yakhe. Ngaleso sikhathi umuntu wayengumuntu wangempela. Ngemva kokonakaliswa nguSathane, umuntu waphenduka isilwane: Imicabango yakhe yagcwala ububi nokungcola ngaphandle kobuhle nobungcwele. Ingabe akuyena uSathane lowo? Uzibonele imisebenzi eminingi kaNkulunkulu nokho awukakashintshi noma awukahlanzwa. Usaphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi awuzithobi kuNkulunkulu. Lona ngumuntu osenqotshiwe kodwa ongakapheleliswa. Kungani umuntu onjalo kuthiwa akakapheleliswa? Kungenxa yokuthi akakulweli ukuphila noma ulwazi ngemisebenzi kaNkulunkulu akukho okunye akufunayo kunokujaha izifiso zenyama kanye nokujabula isikhashana. Umphumela walokho ukuthi alukho ushintsho ekuphileni kwakhe futhi akakutholi ukufana nomuntu wokuqala owadalwa nguNkulunkulu. Abantu abanjalo bafana nezidumbu ezihambayo, bangabafile abangenawo umoya! Labo abangalulweli ulwazi ngezinto zomoya, abangabulweli ubungcwele, abangakulweli ukuphila ngeqiniso, abaneliseka ngokunqotshwa ohlangothini olungeluhle, futhi abangakwazi ukuphila ngokwamazwi kaNkulunkulu futhi babe abantu abangcwele—laba abantu abangasindisiwe. Ngoba uma umuntu engenalo iqiniso, akakwazi ukuma aqine phakathi novivinyo lukaNkulunkulu; yilabo abangakwazi ukuma baqine phakathi nokuvivinywa nguNkulunkulu kuphela abasindisiwe. Abantu engibafunayo abafana noPetru, okungabantu abafuna ukupheleliswa. Iqiniso namuhla linikwa labo abalilangazelelayo futhi abalifunayo. Le nsindiso inikwa labo abalangazelela ukusindiswa uNkulunkulu futhi ayenzelwanga ukuba izuzwe nguwe kuphela kodwa kuqondwe nokuthi nawe uzuzwe nguNkulunkulu. Uzuza uNkulunkulu ukuze Naye uNkulunkulu akuzuze. Namuhla ngikhulume la mazwi kuwe, futhi uwazwile nokuthi kufanele uphile ngala mazwi. Ekugcineni lapho usebenzisa la mazwi kuzoba yilapho sengikuzuzile ngawo; futhi ngesikhathi esifanayo nawe uyobe uwazuzile la mazwi, okusho ukuthi uyobe uyitholile le nsindiso yaphezulu. Lapho nje usuhlanziwe, uyoba usungumuntu wangempela. Uma wehlulwa ukuphila ngeqiniso noma wehlulwa ukuphila njengomuntu owenziwe waphelela, ngalokho kungashiwo ukuthi awuyena umuntu, uyisidumbu esihambayo, isilwane ngenxa yokuthi awuphili ngeqiniso, okusho ukuthi awunawo umoya kaJehova nokuthi ungumuntu ofile ongenawo umoya! Nakuba kuyinto engenzeka ukuba ufakaze ngemva kokunqontshwa, okutholayo ukusindiswa okuncane futhi awukakabi isidalwa esiphilayo esinomoya. Nakuba udlule ekusolweni nasekwahlulelweni, isimo sakho asishintshwanga noma senziwe kabusha ngenxa yalokho; useyilokhu owawuyikho kuqala, usengokaSathane nokuthi awukabi umuntu ohlanziwe. Yilabo abenziwe baphelela kuphela abayigugu, futhi abantu abanjalo abazuze ukuphila kwangempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 530)

Namuhla, abanye abantu balwela ukusetshenziswa uNkulunkulu kodwa ngemva kokunqotshwa, ngeke basetshenziswe ngokuqondile. Njengoba kukhulunyiwe namuhla, uma ngesikhathi uNkulunkulu esebenzisa abantu, ungakakwazi ukukufeza, lokho kusho ukuthi awukapheleliswa. Ngamanye amazwi, ukufika kokuphela lapho umuntu epheleliswa kuyonquma ukuthi uNkulunkulu uyamsebenzisa yini umuntu noma uyamqothula. Labo abanqotshiwe abayilutho ngaphandle kokuba yizibonelo zabantu abayekelelayo nabanombono ongaqondile; bayizibonelo kodwa akukho okunye abayikho ngaphandle kokushintsha. Kuphela lapho isimo sokuphila komuntu sesishintshile futhi eseshintshe ngaphakathi nangaphandle yilapho eyopheleliswa khona ngokugcwele. Namuhla, yikuphi okufunayo, ukunqotshwa noma ukupheleliswa? Yikuphi odinga ukufinyelela kukho? Usuyigcwalisile imibandela yokupheleliswa? Iyiphi osayintula? Kumele uzihlomise kanjani futhi kufanele uwanqobe kanjani amaphutha akho? Kufanele ungene kanjani endleleni yokupheleliswa? Ungazinikela kanjani ngokugcwele? Ucela ukupheleliswa, ngakho uyabulwela yini ubungcwele? Ingabe uwumuntu ofuna ukuzwa ukusolwa nokwahlulelwa ukuze uhlanzwe? Uyakulwela ukuhlanzwa, ngakho ingabe uzimisele ukwamukela ukusola nokwahlulela? Ucela ukwazi uNkulunkulu kodwa ingabe unalo yini ulwazi lokusola nokwahlulela Kwakhe? Namuhla, umsebenzi omningi awenza kuwe ukusola nokwahlulela; yini oyaziyo ngalo msebenzi osewenziwe kuwe? Ingabe ukusola nokwahlulela okwenziwe kuwe kukuhlanzile? Ingabe skukuguqulile? Ingabe ukhona umthelela okube nawo kuwe? Ingabe usukhathele kangako ngomsebenzi omningi wanamuhla—iziqalekiso, ukwahlulela nezambulo—noma konke lokhu ukubona kuyinzuzo kuwe? Uyamthanda uNkulunkulu kodwa umthandelani? Ingabe uthanda uNkulunkulu ngenxa yokuthi uthole umusa omncane? Noma uthanda uNkulunkulu emva kokuthola ukuthula nenjabulo? Noma uNkulunkulu umthanda ngemva kokuba usuhlanzwe Ukusolwa nokwahlulela Kwakhe? Yini ngempela ekwenza uthande uNkulunkulu? Yiziphi izimfuno uPetru azifinyelela ukuze apheleliswe? Ngemva kokuba esenziwe waphelela, iyiphi indlela ebalulekile okuye kwaboniswa ngayo? Ingabe wayeyithanda iNkosi uJesu ngenxa yokuthi wayeyilangazelela noma ngenxa yokuthi akakwazanga ukuyibona noma ngenxa yokuthi uye wasolwa? Noma kungenzeka ukuthi wayithanda iNkosi uJesu nakakhulu ngenxa yokuthi wayemukele ukuhlupheka nezinsizi futhi wakwazi ukubona ukungcola nokungalaleli kwakhe futhi wakwazi ukubona ubungcwele beNkosi? Ingabe uthando lwakhe ngoNkulunkulu lwaba msulwa ngenxa yokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu noma ngenxa yenye into? Okuyini leyo? UNkulunkulu umthanda ngenxa yomusa Wakhe futhi ngenxa yokuthi namuhla usuye wathola amanye amazwibela ezibusiso. Ingabe uthando lweqiniso lolu? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu? Kufanele yini wamukele ukusola nokwahlulela Kwakhe, bese, emva kokubona isimo Sakhe sokulunga, ukwazi ukumthanda ngokweqiniso, ngezinga lokuthi uze ugculiseke, futhi ube nolwazi Ngaye? NjengoPetru, ungasho yini ukuthi awukwazi ukumthanda ngokwanele uNkulunkulu? Ingabe okulwelayo ukunqotshwa ngemva kokusolwa nokwahlulelwa, noma ukuba uhlanzwe, uvikelwe futhi unakekelwe ngemva kokusolwa nokwahlulelwa? Yikuphi phakathi kwalokhu okufunayo? Ingabe ukuphila kwakho kunenjongo noma akunayo nhlobo? Ingabe ufuna inyama noma iqiniso? Ufisa ukwahlulela noma ukunethezeka? Ngemva kokuba usubone umsebenzi kaNkulunkulu omngaka, futhi usuye wabubona ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu, kufanele ulwe kanjani? Kufanele uhambe kanjani kule ndlela? Ungalubonisa kanjani uthando lwakho ngoNkulunkulu? Ingabe kukhona okufezwe ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kuwe? Ukuthi unalo yini ulwazi lokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kulele ekutheni uphila kanjani futhi umthanda kangakanani uNkulunkulu! Izindebe zakho zithi uyamthanda uNkulunkulu, kodwa indlela ophila ngayo ingubuntu obudala nenkohlakalo; awumesabi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuba nonembeza. Ingabe abantu abanjalo bayamthanda uNkulunkulu? Ingabe abantu abanjalo baqotho kuNkulunkulu? Ingabe yilabo abamukela ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu? Uthi uyamthanda uNkulunkulu futhi uyakholelwa Kuye, kodwa awufuni ukulahla imibono yakho. Emsebenzini wakho, ekungeneni kwakho, emazwini owakhulumayo nasekuphileni yakho, akukho ukuqhakambiswa kothando lwakho ngoNkulunkulu futhi akukho ukumhlonipha uNkulunkulu. Ingabe lona ngumuntu othole ukusola nokwahlulela? Umuntu onjalo angaba yini nguPetru? Ingabe labo abafana noPetru banolwazi kuphela kodwa bangalusebenzisi? Namuhla, iyiphi imfuno edingekayo kumuntu ukuze aphile ukuphila kwangempela? Ingabe imithandazo kaPetru yayingekho ngaphezu kwalokho ayekusho ngomlomo wakhe? Ingabe kwakungewona amazwi aphuma ekujuleni kwenhliziyo yakhe? Ingabe uPetru wathandaza kuphela futhi wangalisebenzisa iqiniso kuye? Ingabe uzikhandla ngenxa kabani? Ungazigcina kanjani uvikelekile futhi uhlanzekile phakathi kokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu? Ingabe akumzuzisi ngalutho umuntu ukwahlulelwa nokusolwa nguNkulunkulu? Ingabe konke ukwahlulela kuwukujeziswa? Kungaba yini ukuthula kanye nenjabulo kuphela, izibusiso zengcebo kanye nokunethezeka isikhashana, okuzuzisayo ekuphileni komuntu? Uma umuntu ephila endaweni ejabulisayo nenethezekile, ngaphandle kokwahlulelwa, ingabe angahlanzwa? Uma umuntu efisa ukushintsha futhi ahlanzwe, angakwamukela kanjani ukupheleliswa kwakhe? Iyiphi indlela okufanele uyikhethe namuhla?

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 531)

Uma nje kuthintwa igama likaPetru, wonke umuntu ugcwala indumiso, akhumbule masinyane zonke izindaba zikaPetru—ukuthi wamphika kanjani kathathu uNkulunkulu ngaphezu kwalokho wasebenzela uSathane, elinga uNkulunkulu, kodwa ekugcineni wabethelwa esiphambanweni ebhekiswe phansi ngenxa Yakhe, nokunye. Manje ngibona ukubaluleka okukhulu ekunixoxeleni ngokuthi wangazi kanjani uPetru kanjalo nomphumela wakhe wokugcina. Le ndoda enguPetru yayisezingeni eliphezulu kakhulu, kodwa izimo zakhe zazingafani nezikaPawulu. Abazali bakhe bangishushisa, babengabamadimoni kaSathane, ngalesi sizathu umuntu angeke athi badlulisela le ndlela nakuPetru. UPetru wayebukhali engqondweni, enobuhlakani bokuzalwa, etotoswa abazali bakhe kusuka esengumfanyana; uthe esekhulile, kodwa-ke, waba yisitha sabo, ngoba wayehlala efuna ukungazi, lokhu kwabangela ukuthi ashiye abazali bakhe. Lokhu kwakubangwa ukuthi, okukuqala, wayekholwa ukuthi amazulu nomhlaba nakho konke kusezandleni zikaSomandla, nokuthi konke okuhle kuvela kuNkulunkulu nokuthi kuqhamuka ngqo Kuye, ngaphandle kokuthi kudlule kuSathane. Ngesibonelo esiphikisayo sabazali bakhe sokuthi sisebenze ukuqhathanisa, lokhu kwamenza ukuthi akulungele ukubona uthando Lwami nomusa Wami, okwakumenza abe nentshisekelo enkulu yokungifuna. Wanaka kakhulu ukuthi kungabi kuphela ukudla nokuphuza amazwi Ami, kodwa kakhulu ukuqonda izinhloso Zami, futhi wayehlala enobuhlakani futhi eqaphele emicabangweni yakhe, ngalokho wayehlala ejulile ekhaliphile emoyeni wakhe, yikho wayekwazi ukungijabulisa kukho konke ayekwenza. Empilweni ejwayelekile, waqinisekisa ukuthi uyazididiyela izifundo zalabo abahlulekile esikhathini esedlule ukuze azigqugquzele emizamweni yakhe, ngokwesaba okukhulu kokuthi angase awele ogibeni lokwehluleka. Waphinde waqinisekisa ukuthi uyaluthatha alugcine ukholo nothando lwabo bonke eminyakeni ababeke bathanda ngalo uNkulunkulu. Ngale ndlela akubanga kokubi kuphela, kodwa okubaluleke kakhulu, kokuhle ukusheshisa kwakhe inqubekela phambili yokukhula kwakhe, waze waba nguyena muntu phambi Kwami owangazi kahle. Ngenxa yalokhu, akunzima ukubona ukuthi wayengakubeka kanjani konke ayenakho ezandleni Zami, akasaziphethe ngisho ekudleni, ekugqokeni, ekulaleni, noma indawo ahlala kuyo, kodwa wenza ukunganelisa kuzo zonke izinto isisekelo sokuthokozela inala Yami. Izikhathi eziningi ngambeka ngaphansi kwezilingo, okwamshiya ecishe wafa, kodwa naphakathi kwalezi zilingo ezingamakhulukhulu, akazange nakanye aphelelwe ukholo Kimi noma adumazeke Ngami. Yize noma sengithe sengimlahlile, akazange aphelelwe amandla, waqhubeka nokungithanda ngendlela engokoqobo nangezimiso zokwenza ezedlule. Ngamtshela ukuthi, yize engithanda, angizange ngimncome kodwa ngingayomphonsa ezandleni zikaSathane ekugcineni. Phakathi kwalokhu kulingwa, okungayithintanga inyama yakhe kodwa okwakuyizilingo ngamazwi, waqhubeka wathandaza Kimi: “O, Nkulunkulu! Emazulwini nasemhlabeni nasezintweni zonke, ingabe ukhona umuntu, isidalwa, noma yini okungekho ezandleni Zakho, Wena Somandla? Uma ufisa ukungitshengisa umusa, inhliziyo yami iyothokoza kakhulu ngomusa Wakho; uma ufisa ukungahlulela, ngingafanele, ngizwa imfihlakalo ejulile yemisebenzi Yakho, ngoba ugcwele igunya nobuhlakani. Yize inyama yami ingahlupheka, ngiduduzekile emoyeni wami. Ngingenza kanjani ukuthi ngingabuphakamisi ubuhlakani nemisebenzi Yakho? Noma ngingafa emva kokukwazi, ngizobe sengikulungele ngivuma futhi. O, Somandla! Impela akusikho ukuthi awufisi ngempela ukuthi ngikubone? Impela akusikho ukuthi angikufanele ngempela ukwahlulelwa Nguwe? Kungenzeka ukuthi ikhona into ekimina ongafisi ukuyibona?” Phakathi kwayo yonke le nhlobo yezilingo, yize noma uPetru wayengakwazi ukuqonda kahle izinhloso Zami, kuyacaca ukuthi wakubona njengokuqhosha nokuzidumisa ukusetshenziswa Yimi (kungaba kuphela ukuthola ukwahlulela Kwami ukuze abantu babone ubukhosi nolaka Lwami), futhi akazange neze adikibale ngenxa yokubekwa ekulingweni. Ngenxa yokuthembeka kwakhe phambi Kwami, nangenxa yezibusiso Zami phezu kwakhe, ube yisibonelo nesifanekiso kubantu iminyaka eyizinkulungwane. Ingabe lokhu akusona isibonelo okumele nisilandele? Ngalesi sikhathi, kumele nicabangisise nibone ukuthi kungani nginikeze indaba ende kangaka kaPetru. Lokhu kumele nikusebenzise njengendlela yokuziphatha.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 6” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 532)

UPetru walandela uJesu iminyaka eminingi futhi wabona izinto eziningi Kuye ezazingekho kwabanye abantu. Ngemva kokumlandela unyaka, uPetru wakhethwa uJesu phakathi kwabaphostoli abayishumi nambili. (Ngokusobala, uJesu akakuphimisanga lokhu, futhi abanye babengakwazi nhlobo.) Ekuphileni, uPetru wayezilinganisa ngakho konke okwakwenziwa uJesu. Okugqame kakhulu, izintshumayelo zikaJesu zaziqophekile enhliziyweni yakhe. Wayezinikele futhi emlalelisisa kakhulu uJesu, futhi akazange alokothe akhononde ngoJesu. Ngenxa yalokho waba umngane kaJesu othembekile noma kuphi lapho ayeya khona. UPetru wayezinaka izimfundiso zikaJesu, amazwi Akhe anomusa, nalokho ayekudla, ekugqoka, indawo ayekhosela kuyo, nezindawo ayezihamba. Walandela isibonelo sikaJesu kukho konke, kodwa walahla zonke izinto ezase ziphelelwe isikhathi, walandela isibonelo sikaJesu ngokukhuluma nangokwenza. Kulapho uPetru aba khona nomuzwa wokuthi amazulu nomhlaba nazo zonke izinto kwakusezandleni zikaSomandla nokuthi, ngenxa yalesi sizathu, wayengenakho ukuzikhethela. UPetru wabamba konke uJesu ayeyikho wayesekusebenzisa njengesibonelo. Impilo kaJesu ikhombisa ukuthi wayengaqhoshi kulokho ayekwenza; esikhundleni sokuziqhayisa, wayekhuthaza abantu ngothando. Izinto ezehlukene zazikhombisa lokhu uJesu ayeyikho, futhi ngenxa yalokhu, uPetru walingisa konke okukaJesu. Izinto uPetru ahlangana nazo zamnikeza umuzwa owawulokhu ukhula mayelana nobuhle bukaJesu, waze washo izinto ezifana nokuthi, “Ngifune uSomandla emhlabeni wonke, ngabona izimanga zamazulu nomhlaba nazo zonke izinto, futhi ngalokhu ngizuze umuzwa ojulile wobuhle bukaSomandla. Kodwa angikaze ngibe nothando lwangempela enhliziyweni yami, futhi angikaze ngibubone ngamehlo ami ubuhle bukaSomandla. Namuhla, emehlweni kaSomandla, Yena ungibheke ngomusa futhi ekugcineni sengize ngabuzwa ubuhle bukaNkulunkulu. Ekugcineni ngithole ukuthi akukhona kuphela ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto okwenza ukuthi isintu simthande; ekuphileni kwami kwansuku zonke, ngibutholile ubuhle Bakhe obungenamkhawulo. Kungenzeka kanjani ukuthi buphelele kulobu obubonakala njengamanje?” Ngokuhamba kwesikhathi, okuningi okwakukuhle kwaphinde kwavela kuPetru. Wayemlalela kakhulu uJesu, futhi ngokulindelekile, wabhekana nezithiyo ezimbalwa. Lapho uJesu ehamba naye beya ezindaweni ezihlukahlukene beyoshumayela, uPetru wayehlale ezithoba futhi elalela izintshumayelo zikaJesu. Akazange azithwale ngenxa yeminyaka ayeselandele ngayo uJesu. Ngemva kokutshelwa uJesu ukuthi emhlabeni wayezele ukubethelwa ukuze aqede umsebenzi Wakhe, wahlala elusizi enhliziyweni futhi ekhala yedwa ekusithekeni. Nokho, lwaze lwafika lolo suku “olubi.” Ngemva kokuboshwa kukaJesu, uPetru wakhala yedwa esikebheni sakhe sokudoba futhi wathandaza kaningi ngalokhu. Kodwa enhliziyweni yakhe wayazi ukuthi kwakuyintando kaNkulunkulu uBaba, futhi akekho owayengakushintsha. Wayehlale elusizi futhi elila ngenxa yothando ayenalo kuphela. Lobu ubuthakathaka bomuntu, ngokusobala. Ngakho ngesikhathi ezwa ukuthi uJesu uzobethelwa esiphambanweni, wabuza kuJesu, “Uma usuhambile, ingabe uzobuya uzoba nathi usiqaphe? Ingabe sisazokwazi ukukubona?” Nakuba la mazwi ayenobuwula aphinde agcwale imizwelo yomuntu, uJesu wayabazi ubuhlungu bokuhlupheka kukaPetru, ngakho ngothando Lwakhe wayebucabangela ubuthakathaka bukaPetru: “Petru, ngikuthandile. Uyakwazi lokho? Nakuba ungekho umqondo kulokhu okushoyo, uBaba uthembise ukuthi ngemva kokuvuka Kwami ngizobonakala kubantu izinsuku ezingamashumi amane. Awukholwa yini ukuthi uMoya Wami uzohlale ubeka umusa phezu kwenu nonke?” Nakuba uPetru wathi ukukhululeka kancane, wayezwa sengathi kusekhona into eyodwa eyayisele, ngakho, ngemva kokuvuka, uJesu wavela kuye ngokusobala okokuqala. Ukuze anqande uPetru ekuqhubekeni nokubambelela emibonweni yakhe, nokho, uJesu wasenqaba isidlo esimnandi uPetru ayemlungiselele sona futhi wanyamalala ngokuphazima kweso. Kusuka kulowo mzuzu, ekugcineni uPetru waba nokuqonda okunzulu ngeNkosi uJesu, futhi wayithanda ngokwengeziwe. Ngemva kokuvuka Kwakhe, uJesu wayehlale ebonakala kuPetru. Wabuye wabonakala izikhathi ezintathu kuPetru emva kokuphela kwezinsuku ezingamashumi amane futhi esenyukele ezulwini. Ukubonakala ngakunye kwakuba lapho umsebenzi kaMoya oNgcwele usuzoqedwa futhi sekuzoqala umsebenzi omusha.

Kukho konke ukuphila kwakhe, uPetru wayephila ngokudoba, kodwa ngaphezu kwalokho, wayephilela ukushumayela. Eminyakeni yakhe eyalandela, wabhala incwadi yokuqala neyesibili kaPetru, kanye nezincwadi eziningi azibhalela ibandla laseFiladefiya langaleso sikhathi. Wabathinta kakhulu abantu bangaleso sikhathi. Kunokushumayeza abantu esebenzisa ulwazi lwakhe, wabanika ukuphila okufaneleyo. Akazange azikhohlwe izimfundiso zikaJesu ngaphambi kokuba ahambe futhi zamkhuthaza konke ukuphila kwakhe. Ngesikhathi elandela uJesu, wanquma ukubuyisela uthando lweNkosi ngokufa kwakhe nokulandela isibonelo Sakhe kuzo zonke izinto. UJesu wakuvuma lokhu, ngakho ngesikhathi eneminyaka engama-53 ubudala (sekuphele iminyaka engama-20 kwahamba uJesu), uJesu wabonakala kuye ukuze amsize ekugcwaliseni isifiso sakhe. Eminyakeni eyisikhombisa ngemva kwalokho, uPetru wachitha ukuphila kwakhe efunda ukuzazi. Ngelinye ilanga, ekugcineni kwale minyaka eyisikhombisa, wabethelwa ebheke phansi, waqeda ukuphila kwakhe okungajwayelekile ngale ndlela.

Kucashunwe embhalweni othi “Mayelana Nokuphila KukaPetru” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 533)

Ayini amandla obumnyama? Lokhu okubizwa ngamandla obumnyama kuwukuba isigqila sikaSathane, kungamandla kaSathane, futhi kungamandla aholela ekufeni.

Ngemva kokuthandaza ngobuqotho kuNkulunkulu, uphendulela inhliziyo yakho kuNkulunkulu ngokugcwele, kulokhu inhliziyo yakho igqugquzelwa uMoya kaNkulunkulu, uzimisele ngokuzinikela ngokugcwele, futhi manje usuphunyukile emandleni obumnyama. Uma ngabe konke lokho umuntu akwenzayo kuyamjabulisa uNkulunkulu futhi kuhambisana nezimfuno zikaNkulunkulu, kusho ukuthi ungothile ophila emazwini kaNkulunkulu, ungumuntu ophila eqashwe futhi vikelwa uNkulunkulu. Uma abantu bengakwazi ukwenza amazwi kaNkulunkulu, behlale bekhohlisa uNkulunkulu futhi bengamnaki, bengakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, bonke labo bantu baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Abantu abangakayitholi insindiso kaNkulunkulu bonke baphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, okusho ukuthi, bonke baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Labo abangakholelwa kuNkulunkulu baphila ngaphansi kokubusa kukaSathane. Ngisho nalabo abakholwayo ukuthi uNkulunkulu ukhona kungenzeka bangaphili ekukhanyeni kukaNkulunkulu, ngoba kungenzeka ukuthi labo abakholelwa kuNkulunkulu bangaphili emazwini kaNkulunkulu, futhi kungenzeka bangabi abantu abangalalela uNkulunkulu. Umuntu ukholelwa kuNkulunkulu kuphela, futhi ngenxa yokwehluleka komuntu ukwazi uNkulunkulu, usaphila ngemithetho emidala, uphila emazwini afile, uphila ukuphila okumnyama nokungaqinisekanga, akahlanziwe uNkulunkulu ngokuphelele, futhi uNkulunkulu akamzuzile ngokugcwele. Ngakho, nakuba kungathandabuzwa ukuthi labo abangakholelwa kuNkulunkulu baphila ngaphansi kwamandla obumnyama, ngisho nalabo abakholelwa kuNkulunkulu kungenzeka basaphila ngaphansi kwamandla obumnyama, ngoba uMoya Oyingcwele awukasebenzi kubo. Labo abangakawutholi umusa kaNkulunkulu noma isihawu sikaNkulunkulu, abangakwazi ukubona umsebenzi owenziwe uMoya Oyingcwele, bonke baphila ngaphansi kwamandla kaSathane; labo abamukela kuphela umusa kaNkulunkulu kodwa bengamazi uNkulunkulu, basaphila ngaphansi kwamandla obumnyama, ezikhathini eziningi. Uma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu kodwa ukuphila kwakhe okuningi ekuchitha ngaphansi kwamandla obumnyama, kusho ukuthi ukuba khona kwalo muntu akusenanjongo, ingasaphathwa eyalabo abangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.

Bonke labo abangawamukeli umsebenzi kaNkulunkulu futhi abangazifinyeleli izimfuno zikaNkulunkulu, baphila ngaphansi kwamandla obumnyama; labo abafuna iqiniso futhi abazifinyelelayo izimfuno zikaNkulunkulu bazothola izibusiso ezivela kuNkulunkulu, futhi bazophunyuka emandleni obumnyama. Abantu abangakakhululwa, kuhlale kunezinto ezithize ezibalawulayo, abakwazi ukunikela ngezinhliziyo zabo kuNkulunkulu, laba abantu ababoshwe uSathane, futhi baphila ngaphansi kwethunzi lokufa. Labo abangathembekile emisebenzini yabo, labo abangathembekile emsebenzini kaNkulunkulu, labo abangawenzi umsebenzi wabo ebandleni, baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Labo abakuphazamisa ngamabomu ukuphila kwebandla, labo abalimaza ngamabomu ubudlelwane obuphakathi kwabazalwane nodade, labo abazihlanganisela awabo amaqembu, baphila phansi ekujuleni kwamandla obumnyama, ekuboshweni uSathane. Labo abanobuhlobo obungajwayelekile noNkulunkulu, abahlale benezifiso eziyihaba, abangosomathuba, abangalokothi bafune kuguqulwe isimo sabo, abantu abanjalo baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Labo abahlale bengenandaba, abangayinaki indlela abenza ngayo iqiniso, abangafuni ukufinyelela izifiso zikaNkulunkulu, labo banelisa inyama yabo kuphela, futhi baphila ngaphansi kwamandla obumnyama, bazungezwe ukufa. Labo abaceba ukuphamba nenkohliso lapho benza umsebenzi kaNkulunkulu, besebenzelana noNkulunkulu ngokunganaki, belutha uNkulunkulu, behlale bezicabangela bona, abantu abanjalo baphila emandleni obumnyama. Bonke abangakwazi ukumthanda ngobuqotho uNkulunkulu, labo abangalifuni iqiniso, labo abangagxilile ekuguquleni isimo sabo, baphila ngaphansi kwamandla obumnyama.

Kucashunwe embhalweni othi “Phunyuka Emandleni Obumnyama, Futhi Uzozuzwa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 534)

Uma ufuna ukutuswa uNkulunkulu, kumele uphunyuke emandleni obumnyama kaSathane kuqala, uvulele uNkulunkulu inhliziyo yakho, iphendukele kuNkulunkulu ngokuphelele. Ingabe uNkulunkulu uyazitusa izinto ozenza njengamanje? Wake wayibhekisa kuNkulunkulu inhliziyo yakho? Izinto ozenzile, ingabe ziyilokho uNkulunkulu akufune kuwe? Ingabe ziyahambisana neqiniso? Kumele uhlale uzihlola, ugxile ekudleni nasekuphuzeni amazwi kaNkulunkulu, weneke inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu, uthande uNkulunkulu ngobuqotho, futhi uzidele ngobuqotho ngenxa kaNkulunkulu. Nakanjani uNkulunkulu uyobatusa abantu abanjalo.

Labo abangathembekile ekuphileni kwabo, abazenza into abangeyona lapho bephambi kwabantu, benza sengathi bathobekile, bayabekezela futhi banothando, kuyilapho isiqu sabo singajabulisi, sinobuqili futhi singekho qotho kuNkulunkulu, abantu abanjalo bayizibonelo kulabo abaphila ngaphansi kwamandla obumnyama, bayinzalo yezinyoka. Labo abakholelwa kuNkulunkulu bahlale benzela izinzuzo zabo, bahlale bekholelwa kuNkulunkulu ngenxa yezinzuzo zabo, labo abazidlayo nabaqhoshayo, labo ababukisa ngabanakho, abahlale bevikela isithunzi sabo, bangabantu abathanda uSathane abamelene neqiniso, bayamphika uNkulunkulu futhi bangabakaSathane ngokuphelele. Labo abangayinaki imithwalo kaNkulunkulu, abangamkhonzi ngenhliziyo ephelele, abahlale bekhathazeke ngezinto abazithandayo nezithandwa yimindeni yabo, abangakwazi ukuhlukana nalutho ukuze banikele kuNkulunkulu, abangaphili ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu, baphila ngaphandle kwamazwi kaNkulunkulu. Abantu abanjalo uNkulunkulu ngeke abatuse.

Lapho uNkulunkulu edala abantu, wayenzela ukuthi bajabulele umcebo Wakhe futhi bamthande ngobuqotho; ngalokhu, abantu babezophila ekukhanyeni Kwakhe. Namuhla, bonke labo abangakwazi ukuthanda uNkulunkulu, abangenandaba nezinto ezikhathaza uNkulunkulu, abangakwazi ukunikela ngezinhliziyo zabo ngokugcwele kuNkulunkulu, abangakwazi ukuthatha inhliziyo kaNkulunkulu njengeyabo, abangakwazi ukuthwala imithwalo kaNkulunkulu njengeyabo, ukukhanya kukaNkulunkulu akukhanyi phezu kwabantu abanjalo, ngenxa yalokho, bonke baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Abantu abanjalo basendleleni eshayisana nentando kaNkulunkulu, konke abakwenzayo akunayo ngisho inhlansi yeqiniso, bamdibi munye noSathane, futhi abantu abanjalo baphila ngaphansi kwamandla obumnyama. Uma ungahlale udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu futhi unakisisa intando kaNkulunkulu, wenze amazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi ungokaNkulunkulu, ungumuntu ophila emazwini kaNkulunkulu. Ingabe uzimisele ukuphunyuka ekubusweni uSathane, uphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu? Uma uphila emazwini kaNkulunkulu, uMoya Oyingcwele uzoba nethuba lokwenza umsebenzi Wakhe; uma uphila ngaphansi kwamandla kaSathane, awukho umsebenzi uMoya Oyingcwele ozokwazi ukuwenza. Umsebenzi uMoya Oyingcwele owenza kubantu, ukukhanya akwenza kukhanye kubantu, ukuzethemba akunika abantu kuphela emva komzuzwana nje; uma abantu benganakile futhi bengalaleli, umsebenzi owenziwa uMoya Oyingcwele uzobadlula. Uma abantu bephila emazwini kaNkulunkulu, uMoya Oyingcwele uzoba nabo, wenze umsebenzi kubo; uma abantu bengaphili emazwini kaNkulunkulu, kusho ukuthi ukuphila kwabo kuboshwe uSathane. Abantu abaphila esimweni esikhohlakele abanawo uMoya Oyingcwele futhi uMoya Oyingcwele awusebenzi kubo. Uma uphila emazwini kaNkulunkulu, uma uphila esimweni esifunwa uNkulunkulu, kusho ukuthi ungokaNkulunkulu, umsebenzi kaNkulunkulu uzokwenziwa kuwe; uma ungaphili ezimfunweni zikaNkulunkulu, kodwa uphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, kusho ukuthi nakanjani uphila ngaphansi kwenkohlakalo kaSathane. Ukufinyelela izimfuno zikaNkulunkulu, ungakwenza kuphela ngokuphila emazwini kaNkulunkulu nangokunikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu; kumele wenze njengoba uNkulunkulu esho, amazwi kaNkulunkulu kumele uwenze isisekelo sokuba khona kwakho futhi nokuphila kwakho kweqiniso, yilokho kuphela okuyokwenza ube ngokaNkulunkulu. Uma okwenzayo kuvumelana ngobuqotho nentando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi kuwe, futhi uzophila ngaphansi kwezibusiso zikaNkulunkulu, uzophila ekukhanyeni kobuso bukaNkulunkulu, futhi uzokwazi ukubamba umsebenzi owenziwa uMoya Oyingcwele, futhi uzoyizwa injabulo yokuba khona kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Phunyuka Emandleni Obumnyama, Futhi Uzozuzwa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 535)

Ukuze uphunyuke emandleni obumnyama, kumele uqale ngokuba qotho kuNkulunkulu futhi ube nogqozi lokufuna iqiniso, uyokwazi ngaleyo ndlela kuphela ukuba sesimweni esifanele. Ukuphila esimweni esifanele kuyisidingo ukuze uphunyuke emandleni obumnyama. Ukungabi nesimo esifanele kusho ukuthi awukho qotho kuNkulunkulu nokuthi awunalo ugqozi lokufuna iqiniso, ngenxa yalokho ayinakukhulunywa indaba yokuphunyula emandleni obumnyama. Ukuphunyuka komuntu emandleni obumnyama kusekelwe emazwini Ami, futhi uma umuntu engenzi ngokuvumelana namazwi Ami, angeke aphunyuke ekuboshweni amandla obumnyama. Ukuphila esimweni esifanele kusho ukuphila ngaphansi kwesiqondiso samazwi kaNkulunkulu, ukuphila esimweni sokuba qotho kuNkulunkulu, ukuphila esimweni sokufuna iqiniso, ukuphila ngokuzidela ngobuqotho ngenxa kaNkulunkulu, ukuphila esimweni sokumthanda ngokusuka enhliziyweni uNkulunkulu. Labo abaphila ngaphansi kwalezi zimo nakuleli qiniso bayoguquka kancane kancane, njengoba bengena bejula eqinisweni, futhi bayoguqulwa ukujula komsebenzi kaNkulunkulu, kuze kufike lapho bezuzwa khona uNkulunkulu, bamthande ngobuqotho uNkulunkulu. Labo abaphunyukile emandleni obumnyama bayokwazi ukuyibamba kancane kancane intando kaNkulunkulu, bayiqonde kancane kancane inhliziyo kaNkulunkulu, bagcine sebesondelene noNkulunkulu; ngeke bagcine nje ngokungabi nokuqonda ngoNkulunkulu, ngokungahlubuki kuNkulunkulu, bayoyizonda nakakhulu imicabango nokuhlubuka ababenakho phambilini, bamthande ngobuqotho uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Labo abangakwazi ukuphunyuka emandleni obumnyama bacabanga okusenyameni, bagcwele ukuhlubuka; izinhliziyo zabo zigcwele imicabango yomuntu nefilosofi lokuphila, kanye nezinhloso zabo nemicabango yabo. UNkulunkulu ufuna uthando oluphelele kumuntu, uNkulunkulu ufuna umuntu agcwale amazwi Akhe futhi amthande. Lezi yizinto umuntu okumele azifinyelele ukuze aphile emazwini kaNkulunkulu, athole lokho umuntu akufunayo emazwini kaNkulunkulu, athande uNkulunkulu ngenxa yamazwi Akhe, azulazule ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, futhi aphile ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Yonke into kumele yakhelwe emazwini kaNkulunkulu, futhi umuntu uyokwazi ngaleyo ndlela kuphela ukufinyelela izimfuno zikaNkulunkulu. Uma umuntu engahlonyisiwe ngamazwi kaNkulunkulu, usuke efana nesibungu sikaSathane. Kala enhliziyweni yakho, ukuthi angakanani amazwi kaNkulunkulu asenezimpande ngaphakathi kuwe? Yiziphi izinto ophila ngazo ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Yiziphi izinto obungaphili kuzo ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Uma amazwi kaNkulunkulu engakakubambi ngokugcwele, yini-ke ngempela esenhliziyweni yakho? Ekuphileni kwakho kwamihla yonke, ingabe ulawulwa uSathane, noma uphethwe ngamazwi kaNkulunkulu? Ingabe imithandazo yakho isuka emazwini kaNkulunkulu? Ingabe ukukhanyiselwa amazwi kaNkulunkulu kukukhiphile esimweni esingesihle? Nakhu okufanele kwenziwe yiwo wonke umuntu ukuze enze amazwi kaNkulunkulu abe isisekelo sokuba khona kwakhe. Uma amazwi kaNkulunkulu engekho ekuphileni kwakho, kusho ukuthi uphila ngaphansi kwamandla obumnyama, uyisihlubuki kuNkulunkulu, uphikisana noNkulunkulu, awulihloniphi igama likaNkulunkulu, futhi inkolelo enjalo yomuntu kuNkulunkulu imane nje ibanga ukona, iyisiphazamiso. Ingakanani ingxenye yokuphila kwakho oyiphila ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Ingakanani ongayiphili ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Kulokhu amazwi kaNkulunkulu akufuna kuwe, kungakanani okufeziwe kuwe? Kungakanani okulahlekile kuwe? Ingabe wake wazihlolisisa izinto ezinjalo?

Ukuze uphunyuke emandleni obumnyama, kubuye kudingeke umsebenzi owenziwe uMoya Oyingcwele, kuyilapho ngakolunye uhlangothi kudingeka umuntu abambisane nakho ngokugcwele. Kungani ngithi umuntu akekho endleleni ofanele? Uma umuntu esendleleni efanele, kufanele akwazi ukunikela ngenhliziyo yakhe kuNkulunkulu, futhi lona umsebenzi odinga isikhathi eside, ngoba isintu besilokhu siphila ngaphansi kwamandla obumnyama, siboshwe uSathane izinkulungwane zeminyaka, ngakho lokhu kungena akuyona into engenzeka ng ngosuku noma ezimbili. Namuhla ngikhulume ngale ndaba ngoba ngifuna abantu basazi isimo sabo; mayelana nalokhu amandla obumnyama ayikho nalokho ukuphila ekukhanyeni okuyikho, ukungena kungenzeka kuphela lapho umuntu ekwazi ukuqonda lezi zinto. Ngoba kumele wazi lokho amandla kaSathane ayikho ngaphambi kokuba uphunyuke emandleni kaSathane, futhi uyokwazi ngaleyo ndlela kuphela ukuhamba endleleni ngenxa yokungena kancane kancane kuyo. Ukuthi yini ozoyenza emva kwalokho, indaba yomuntu leyo. Kumele ungene kokuhle, ungalokothi ulinde usonge izandla, futhi yile ndlela uNkulunkulu ayokuzuza ngayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Phunyuka Emandleni Obumnyama, Futhi Uzozuzwa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 536)

Izwi ngalinye likaNkulunkulu ligadla endaweni esibuthaka kuyo, lisishiye silusizi futhi sethukile. Wembula imibono yethu, imicabango yethu, kanye nesimo sethu esikhohlakele. Kukho konke esikushoyo nesikwenzayo, nayo yonke imicabango namacebo ethu, ukwakheka nesiqu sethu kwembuleka emazwini Akhe, kusishiya sikhathazekile futhi sigajwe ukwesaba. Usitshela ngazo zonke izenzo zethu, izinhloso zethu, ngisho nangesimo sethu esonakele esingakaze sisazi, asenze sizizwe sembulwe kakhulu, futhi siqiniseka nakakhulu. Uyasahlulela ngokumelana kwethu Naye, asisole ngokungalungi nokumphika, asenze sicabange ukuthi emehlweni Akhe asinamsebenzi nokuthi singoSathane abaphilayo. Amathemba ethu ayashabalala, asisalokothi sifune izinto ezingenangqondo Kuye, ngisho namaphupho ethu ebusuku ayaphela. Leli iqiniso okungekho muntu kithi ongalicabanga, futhi ongalamukela. Okomzuzwana, izingqondo zethu azisebenzi, futhi asibe sisakwazi ukuqhubeka nohambo olusihlalele, asikwazi ukuqhubeka nezinkolelo zethu. Kubonakala sengathi ukholo lwethu selubuyele kulokhu olwaluyikho, nokuthi asikaze sibone muntu ojwayelene neNkosi uJesu. Sididwa yiyo yonke into ephambi kwamehlo ethu, isenze sizizwe silahliwe. Sinetwetwe, siphoxekile, futhi ekujuleni kwezinhliziyo zethu kunentukuthelo nokuhlazeka okukhulu. Sizama ukuvula imbobo, ukuthola indlela yokuphuma, futhi siyaqhubeka sizama ukulinda uMsindisi wethu uJesu, sithululele Kuye izinhliziyo zethu. Nakuba kunezikhathi lapho singenanzondo nakuthobeka ngaphandle, kodwa ezinhliziyweni zethu silahlekelwe ngendlela esingakaze silahlekelwe ngayo. Nakuba ngezinye izikhathi singase sibonakale sizole ngendlela engajwayelekile, ngaphakathi siququdwa usizi olukhulu. Isahlulelo nesiyalo sakhe sithathe wonke amathemba namaphupho ethu, kusishiye singenazo izifiso ezinkulu, singafuni ukukholelwa ukuthi unguMsindisi Wethu futhi angakwazi ukusisindisa. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kuvule igebe elikhulu phakathi kwethu Naye futhi akekho ozimisele ukulivala. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe ziyizinto zokuqala ezisenza sisokole futhi sihlazeke kangaka. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sakwazisa ngempela ukuhlonishwa uNkulunkulu nokubekezelela Kwakhe ukona komuntu, uma kuqhathaniswa nokuthi siphansi futhi asihlanzekile. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sabona okokuqala indlela esizidla futhi sizikhukhumeze ngayo, nokuthi umuntu akasoze alingana noNkulunkulu. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze salangazelela ukungabe sisaphila esimweni esinjalo esonakele, futhi kusenze safuna ukuqeda okwakhe nesiqu sethu ngezinga esingakwazi ngalo, futhi sangabe sisamzonda noma simenyanye uNkulunkulu. Isahlulelo nokusolwa Kwakhe kusenze sakuthokozela ukulalela amazwi Akhe, sangabe sisazimisela ukuhlubuka ekuqondiseni nasemalungiselelweni Akhe. Isahlulelo nokusola Kwakhe kuphinde kwasinikeza ukulangazelela ukuphila, kwasenza sakujabulela ukumamukela njengoMsindisi wethu…. Siye saphuma emsebenzini wokunqoba, saphuma esihogweni, saphuma emathunzini amnyama okufa…. UNkulunkulu uSomandla usizuzile, leli qembu labantu! Umnqobile uSathane, futhi wanqoba zonke izitha Zakhe!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 537)

Uyopheleliswa kuphela lapho usulahle izimo zakho ezikhohlakele wase uzuza ukuphila ubuntu obujwayelekile. Nakuba ungenakukwazi ukukhuluma isiphrofetho, noma ezinye izimfihlakalo, uzophila futhi uzokwambula isithombe somuntu. UNkulunkulu wadala umuntu, ngemva kwalokho umuntu wonakaliswa uSathane, futhi lokhu konakala kwenze abantu baba “yizidumbu”—futhi lapho usushintshile, uyohluka kule mizimba efile. Amazwi kaNkulunkulu anikeza ukuphila emoyeni wabantu futhi abenze bazalwe kabusha, futhi lapho umoya wabantu uzalwe kabusha bazobe sebephila. Ukukhuluma “ngababafileyo” kubhekisela ezidunjini ezingenawo umoya, kubantu abamoya wabo ufile. Lapho umoya wabantu unikezwa ukuphila, bayaphila. Abangcwele okukhulunywe ngabo phambilini, kubhekisela kubantu asebephila, labo ababe ngaphansi kwethonya likaSathane kodwa banqoba uSathane. Abantu abakhethiwe baseShayina baye babekezelela unya nokucindezelwa okubuhlungu nobuqili bukadrako omkhulu obomvu, okubashiye bephazamisekile emqondweni futhi bengenaso nesibindi esincane sokuphila. Ngakho, ukuvuswa komoya wabo kumele kuqale ngomzimba wabo: Kancane kancane, emzimbeni yabo umoya wabo kumele uvuswe. Uma, ngelinye ilanga, bevuka, ngeke besakhubeka, futhi konke kuzohamba kahle. Okwamanje, lokhu kuyikho okungakenzeki. Abantu abaningi abaphilayo banomoya omningi wokufa, bagubuzelwe umoya wokufa, futhi bantula okuningi kakhulu. Amazwi abanye abantu athwele ukufa, futhi cishe yonke into abayiphilayo ingukufa. Uma, namuhla, abantu befakaza obala ngoNkulunkulu, khona-ke lo msebenzi ngeke uphumelele, ngoba kusamele baphile ngokugcwele, futhi baningi kakhulu abafile phakathi kwenu. Namuhla, abanye abantu bayabuza ukuthi kungani uNkulunkulu engabonisi izibonakaliso nezimangaliso ezithile ukuze akwazi ukusabalalisa ngokushesha umsebenzi Wakhe kubantu beZizwe. Abafile abakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu; abaphilayo kuphela abakwaziyo, kodwa iningi labantu namuhla lifile, abaningi kakhulu kubo bahlala ekhejini lokufa, baphila ngaphansi kwethonya likaSathane, futhi abakwazi ukunqoba-manje bangakwazi kanjani ukufakaza ngoNkulunkulu? Bazowusabalalisa kanjani umsebenzi wevangeli?

Labo abaphila ngaphansi kwethonya lobumnyama yilabo abaphila phakathi kokufa, yilabo abazuzwe uSathane. Ngaphandle kokusindiswa uNkulunkulu, nokwahlulelwa kanye nokusolwa uNkulunkulu, abantu abakwazi ukubalekela ithonya lokufa, abakwazi ukuba abaphilayo. Laba abafileyo abakwazi ukunikeza ubufakazi ngoNkulunkulu, noma basetshenziswe uNkulunkulu, abakwazi ukungena embusweni. UNkulunkulu ufuna ubufakazi babaphilayo, hhayi kwabafileyo, futhi ucela abaphilayo, hhayi abafileyo, ukuba bamsebenzele. “Abafileyo” yilabo abaphikisana futhi bavukele uNkulunkulu, yilabo abamoya wabo ungazweli naabangawaqondi amazwi kaNkulunkulu, yilabo abangalisebenzisi iqiniso nabangeqotho kuNkulunkulu, futhi yilabo abaphila ngaphansi kombuso kaSathane nabaxhashazwa uSathane. Abafileyo bazibonakalisa bona ngokumelana neqiniso, ngokuvukela uNkulunkulu, nangokuba phansi, abadelelekile, abanonya, abangezwela, abayizimbulu, nabashaya umshosha phansi. Nakuba abantu abanjalo bedla futhi bephuza amazwi kaNkulunkulu, abakwazi ukuphila amazwi kaNkulunkulu; bayaphila, kodwa bahamba befile, bayizidumbu eziphefumulayo. Abafile abakwazi nhlobo ukwanelisa uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokulalela Yena. Bamane bamkhohlise, bamhlambalaze, futhi bamkhaphele, futhi konke ukuphila kwabo kuveza imvelo kaSathane. Uma abantu befuna ukuba izidalwa eziphilayo, nokufakaza kuNkulunkulu, nokwamukelwa nguNkulunkulu, kumele bamukele insindiso kaNkulunkulu, kumele bazithobe ngenjabulo ekwahlulelweni nasekusolweni Nguye, futhi kumele ukuthenwa nokusetshenzwa nguNkulunkulu. Yilapho kuphela abangakwazi ukuba nalo lonke iqiniso elifunwa uNkulunkulu ukuba lisebenze, futhi yilapho bezothola khona insindiso kaNkulunkulu, futhi baphinde babe izidalwa eziphilayo. Abaphilayo basindiswe uNkulunkulu, bahlulelwe futhi basolwa uNkulunkulu, bazimisele ukuzinikela futhi bayakujabulela ukubeka ukuphila kwabo kuNkulunkulu, futhi bazonikezela konke ukuphila kwabo kuNkulunkulu. Yilapho kuphela uma abaphilayo befakaza ngoNkulunkulu lapho kuzohlaziswa khona uSathane, futhi abaphilayo bengasakaza khona ivangeli lomsebenzi kaNkulunkulu, abaphilayo kuphela abasenhliziyweni kaNkulunkulu, futhi abaphilayo kuphela bengabantu bangempela. Ekuqaleni umuntu owayenziwe uNkulunkulu wayephila, kodwa ngenxa yokonakaliswa uSathane umuntu usephila ngaphakathi kokufa, futhi uphila ngaphansi kwethonya likaSathane, futhi laba baba abafile abangenamoya, baba yizitha eziphikisa uNkulunkulu, babe ngamathuluzi kaSathane, futhi babe yizithunjwa zikaSathane. Bonke abantu abaphilayo abadalwe uNkulunkulu bafile, ngakho uNkulunkulu ukuyekile ukufakaza Kwakhe, futhi ulahlekelwe abantu abenzile nokuyiyona nto enomoya Wakhe. Uma uNkulunkulu engathatha ubufakazi Bakhe, futhi athathe labo abenze ngezandla Zakhe kodwa abaye bathunjwa uSathane, khona-ke kufanele abavuse ukuze babe abantu abaphilayo, futhi kufanele ababuyisele ukuze baphile ekukhanyeni Kwakhe. Abafile yilabo abangenawo umoya, labo abangazweli kakhulu, futhi labo abaphikisana noNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, yilabo abangamazi uNkulunkulu. Labo bantu abanakho nakancane ukulalela uNkulunkulu, bayamvukela futhi bayamphikisa, futhi abanabo nobuncane ubuqotho. Abaphilayo yilabo abamoya wabo ozelwe kabusha, abakwaziyo ukulalela uNkulunkulu, futhi abaqotho kuNkulunkulu. Baneqiniso, nobufakazi, futhi yilaba bantu kuphela abajabulisa uNkulunkulu endlini Yakhe. UNkulunkulu usindisa labo abangaphila, abangayibona insindiso kaNkulunkulu, abangabaqotho kuNkulunkulu, nabazimisele ukufuna uNkulunkulu. Usindisa labo abakholelwa kuNkulunkulu osesimweni semuntu, futhi abakholelwa ekubonakaleni Kwakhe. Abanye abantu bangaphila kodwa abanye abakwazi; kuya ngokuthi imvelo yabo ingasindiswa noma cha. Abantu abaningi sebezwe kaningi ngezwi likaNkulunkulu kodwa abayiqondi intando kaNkulunkulu, bawezwe kaningi amazwi kaNkulunkulu kodwa abakwazi ukuwasebenzisa kubo, abakwazi ukuphila nganoma yiliphi iqiniso futhi ngamabomu baphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Abakwazi ukwenzela uNkulunkulu noma yimuphi umsebenzi, abakwazi ukunikela noma yini Kuye, futhi badla izimali zebandla ngasese, futhi badla mahhala endlini kaNkulunkulu. Laba bantu bafile, futhi angeke basindiswe. UNkulunkulu usindisa bonke labo abaphakathi komsebenzi Wakhe. Kodwa kunengxenye kubo abangeke bayithole insindiso Yakhe; bambalwa abazothola insindiso Yakhe. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abaningi bakhohlakaliswe ngokujule ngokwedlulele futhi sebengangabafile, futhi ngeke besasindiseka; sebexhashazwe uSathane ngokuphelele, futhi ngokwemvelo, nabo banonya kakhulu. Futhi lelo nani elincane labantu likwazi ngokugcwele ukulalela uNkulunkulu. Ababona labo abebelokhu bethembekile kuNkulunkulu kusukela ekuqaleni, noma abaye bamthanda kakhulu uNkulunkulu kusukela ekuqaleni; kunalokho balalele uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi Yakhe yokunqoba, babona uNkulunkulu ngenxa yothando Lwakhe olukhulu, kunoshintsho esimweni sabo ngenxa yesimo sikaNkulunkulu sokulunga, futhi bayamazi uNkulunkulu ngenxa yomsebenzi Wakhe, yomibili engokoqobo nevamile. Ngaphandle kwalo msebenzi kaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi laba bantu bebengaba abalunge kanjani bebezoba ngabakaSathane nje, bebezoba abokufa, bebezobe besafile. Ukuthi, namuhla laba bantu bamukela insindiso kaNkulunkulu kungenxa yokuthi bazimisele ukusebenzisana noNkulunkulu.

Ngenxa yokuba qotho kwabo kuNkulunkulu, abaphilayo bayozuzwa uNkulunkulu futhi baphile ngezithembiso Zakhe, futhi ngenxa yokuphikisana kwabo noNkulunkulu, abafile bangabanyanywayo nabalahlwe uNkulunkulu futhi baphila ngaphansi kwesijeziso kanye neziqalekiso Zakhe. Lokho kuyisimo esilungile sikaNkulunkulu, futhi asinakushintshwa umuntu. Ngenxa kokufuna kwabo, abantu bathola ukwamukelwa uNkulunkulu futhi baphile ekukhanyeni; ngenxa yobuqili babo, abantu baqalekiswe uNkulunkulu futhi basekujezisweni; ngenxa yokwenza okubi, abantu bajeziswa uNkulunkulu; futhi ngenxa yokulangazelela nobuqotho abantu bathola izibusiso zikaNkulunkulu. UNkulunkulu ulungile: Ubusisa abaphilayo, futhi uqalekisa abafile, ukuze bahlale bephakathi kokufa, futhi ngeke baphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uyothatha abalungile abayise embusweni Wakhe, uzobathatha abaphilayo abayise ezibusisweni Zakhe ukuba babe Naye ingunaphakade. Abafile bazolahlelwa ekufeni kwangunaphakade; bayizinto zokubhujiswa, futhi bazohlale bengabakaSathane. UNkulunkulu akaphathi noyedwa kabi. Bonke labo abamfuna ngokweqiniso uNkulunkulu ngokuqinisekile bazohlala endlini kaNkulunkulu, futhi bonke labo abangamhloniphi uNkulunkulu, abangahambisani Naye ngokuqinisekile bazohlala besesijezisweni. Kungenzeka ukuthi awuqiniseki ngomsebenzi kaNkulunkulu enyameni-kodwa ngelinye ilanga inyama kaNkulunkulu ayinakuhlela ngokuqondile ukuphela komuntu; kunalokho, uMoya Wakhe uhlela isiphetho somuntu, ngaleso sikhathi umuntu uzokwazi ukuthi inyama kaNkulunkulu noMoya Wakhe kunye, ukuthi inyama Yakhe angeke ilenze iphutha, nokuthi uMoya Wakhe awukwazi ukwenza iphutha. Ngokuqinisekile uzothatha labo abavukayo abayise embusweni Wakhe, hhayi okungaphezulu, noma okungaphansi kwalokho, futhi labo abafile abangazange baphile bazojikijelwa emgodini kaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Usuyaphila?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 538)

Indlela uMoya oNgcwele asebenza ngayo kubantu ukuqala ngokukhipha izinhliziyo zabo kubo bonke bantu, izigameko, nezinto uzifake emazwini kaNkulunkulu ukuze bonke bakholwe ezinhliziyweni zabo ukuthi amazwi kaNkulunkulu kuphela angenakungatshazwa futhi ayiqiniso eliphelele. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu kumele ukuthi ukholwe nasemazwini Akhe; uma ubukholwa kuNkulunkulu eminyakeni eminingi kepha ungayazi indlela uMoya oNgcwele osebenza ngayo, ngabe uyikholwa ngempela na? Ukuzuza ukuphila komuntu ojwayelekile—ukuphila okujwayelekile komuntu onobudlelwane obujwayelekile noNkulunkulu—kufanele uqale ngokukholwa emazwini Akhe. Uma ngabe ungasifezile isigaba sokuqala somsebenzi uMoya oNgwele akwenzayo ebantwini, kusho ukuthi awunaso isisekelo. Uswele umthetho okuyiwona oyisisekelo empilweni, uyokwazi kanjani ukuhamba indlela engaphambili empilweni? Ukuthatha indlela okuyiyona uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu ngukungena endleleni elungile yomsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele; lokho ngukuhamba ngendlela uMoya oNgcwele ahamba ngayo. Kuyimanje nje, indlela ehanjwa nguMoya oNgcwele ingamazwi amanje kaNkulunkulu. Ukuze umuntu akwazi ukuyihamba, kumele athobele, adle aphinde aphuze lawa mazwi amanje kaNkulunkulu, futhi yonke isukela emazwini Akhe, futhi konke kusukela emazwini Akhe, amazwi Akhe amanje. Noma ngabe kungukungangabazi ngokuphelele ngoNkulunkulu osenyameni noma ukumazi uNkulunkulu, umuntu kumele aqinise emazwini Akhe. Ngaphandle kwalokho ngeke afeze lutho, futhi uyosala engenalutho. Ngokwazi uNkulunkulu kuphela uphinde umgculise esisekelweni sokudla nokuphuza amazwi Akhe kancane kancane umuntu angakha ubuhlobo beqiniso Naye. Ukudla nokuphuza amazwi Akhe uphinde uwasebenzise indlela ebonisa ukusebenzisana kahle kakhulu noNkulunkulu, iphinde ibeyindlela efakazela ukuthi umuntu ungomunye wabantu Bakhe. Uma umuntu eqonda futhi ekwazi ukuthobela ngokamanje amazwi kaNkulunkulu, loyo muntu usuke ephila endleleni eholwa nguMoya oNgcwele futhi usuke esengene endleleni efanele kaNkulunkulu ephelelisa umuntu. Ekuqaleni abantu bebefuna umusa, nokuthula nenjabulo, ukusukela lapho bakwazi ukuthola umsebenzi kaNkulunkulu. Isimo sihlukile manje. Uma bengenawo amazwi kaNkulunkulu osenyameni, uma bengenalo iqiniso lalawa mazwi, ngeke bakuthole ukwamukelwa kuNkulunkulu futhi bayokususwa nguNkulunkulu. Ukuze uzuze ukuphila okufanele kukamoya, kumele uqale ngokudla uphinde uphuze amazwi kaNkulunkulu bese uyawasebenzisa, kulesi sisekelo kuyokhandeka ubuhlobo obufanele phakathi komuntu noNkulunkulu. Usebenzisana kanjani Naye? Ngabe ufakaza kanjani njengomunye wabantu Bakhe? Ubusungula kanjani ubudlelwano obufanele noNkulunkulu?

Nansi indlela ongabona ngayo ukuthi unobudlelwane obufanele noNkulunkulu ekuphileni kwakho kwansuku zonke:

1. Uyabukholwa yini ubufakazi obuphuma kuNkulunkulu ngoKwakhe?

2. Ngabe uyakholwa yini enhliziyweni yakho ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso futhi awanaphutha?

3. Ngabe ungumuntu owenza amazwi Akhe na?

4. Uzinikele yini emsebenzini Wakhe akwethembe ngawo? Ungazinikela kanjani kuwo?

5. Ngabe konke okwenzayo ukwenzela ukwenelisa nokuthembeka kuNkulunkulu?

Ngalezi izinto, ungakwazi ukubona ukuthi unobudlelwane beqiniso noNkulunkulu kulesi sigaba samanje.

Uma ngabe uyakwazi ukwamukela lokho uNkulunkulu akuphathise kona, yamukela isithembiso Sakhe, futhi ulandele indlela kaMoya oNgcwele, lokhu kungukwenza intando kaNkulunkulu. Ngabe unakho yini ukuqonda okungaphakathi ngendlela kaMoya oNgcwele? Ngabe izenzo zakho zamanje ziyahambelana nendlela Yakhe na? Ngabe inhliziyo yakho iyasondela kuNkulunkulu na? Ngabe uzimisele yini ukulandela ukukhanya okusha okuvela kuMoya oNgcwele? Ngabe uzimisele yini ukuzuzwa nguNkulunkulu? Ngabe uzimisele yini ukuba yisibonakaliso senkazimulo kaNkulunkulu emhlabeni? Unayo yini intshisekelo yokuzuza lokho uNkulunkulu akufunayo? Uma ngabe uzimisele ukusebenzisana nokuNkulunkulu masishane emva kokuba ekhulumile futhi uzimisele ukumgculisa, uma lokhu kuyisimo somqondo wakho manje, kusho ukuthi amazwi kaNkulunkulu athele izithelo enhliziyweni yakho. Uma ungenaso lesi sifiso futhi ungenawo umgomo ofisa ukuwufeza ngalokhu, kusho ukuthi inhliziyo yakho ayikanyakaziswa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 539)

Ukuze umuntu afune inguquko esimweni sakhe, indlela yokwenza izinto ilula. Uma, kulokho ohlangane nakho empilweni yakho, ukwazi ukulandela amazwi amanje kaMoya oNgcwele futhi uzwe umsebenzi kaNkulunkulu, khona-ke isimo sakho siyakwazi ukuguquka. Uma ulandela futhi ufuna konke okushiwo nguMoya oNgcwele, ungumuntu omlalelayo, ngale yondlela uzokwazi ukuba noguquko esimweni. Isimo somuntu siguqulwa ngamazwi amanje kaMoya oNgcwele; uma ngabe uhlala njalo uphakamisa izindlela zakho ezindala zokucabanga nemithetho, isimo sakho ngeke siguquke. Uma uMoya oNgcwele ungakhuluma namhlanje ukutshela bonke abantu ukungena ekuphileni okujwayelekile kobuntu kodwa wena ube uqhubeka ugxila kokungaphandle futhi udidekile ngesimo sempilo yeqiniso futhi ungakuboni ukubaluleka kwakho, uzoba umuntu ongakwazi ukwenza umsebenzi wakhe futhi angeke ube umuntu osengenile endleleni eholwa uMoya oNgcwele. Ukuthi isimo sakho siyaguquka noma cha kuncike ekutheni uyahambisana noma cha amazwi amanje avela kuMoya oNgcwele nokuthi unakho yini ukuqonda kwangempela. Lokhu kuhlukile kunalokhu obukwazi ngaphambili. Obukuqonda ngoguquko esimweni ngaphambili bekungukuthi nina, enihlulela abanye kalula, ngenxa yokuyala kukaNkulunkulu anisakhulumi noma yikanjani. Kodwa lokhu kuyisibonakaliso esisodwa nje soguquko, futhi njengamanje iphuzu elibaluleke kakhulu ukulandela isiqondiso sikaMoya oNgcwele. Ulandela konke uNkulunkulu akushoyo; ulalela konke akushoyo. Abantu abakwazi ukuguqula izimilo ngokwabo, kumele badlule ekuhlulelweni nasekusolweni, ukuhlupheka nasekucwengeni kwezwi likaNkulunkulu, noma ukuba kubhekwane nabo, baqondiswe, futhi bathenwe ngamazwi Akhe. Emva kokuthi kwenzeke konke lokhu sebengakwazi ukuthi bakwazi ukumlalela nokuzinikela kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzama ukumkhohlisa ngokwenza izinto bengazicabangisisanga kahle. Kwenziwa ngaphansi kokucwengwa yizwi likaNkulunkulu ukuthi abantu babe noguquko esimweni. Yilabo kuphela abedlula ekuvezweni obala, ukwahlulelwa, ukuqondiswawa nokubhekanwa nabo ngamazwi Akhe abangeke baphinde benze izinto ngokunganaki, abayoba nesizotha baphinde baziphathe ngokuzihlonipha. Okubaluleke kakhulu ukuthi bayakwazi ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu baphinde bathobele nomsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe wehlukile emicabangweni yabantu, bayakwazi ukuyibeka eceleni le mibono bathobele ngenhloso. Esikhathini esedlule, ukukhuluma ngezinguquko esimweni kwakubhekisa ikakhulu ekuthini umuntu akwazi ukuzidela, avumele ukuba inyama ihlupheke, aqoqe umzimba wakhe, ayeke ukwenza okuthandwa yinyama—lokhu olunye uhlobo loguquko lwesimo. Manje abantu sebeyazi ukuthi indlela okuyiyona yokubonisa uguquko esimweni ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu nokwazi ukuba nokuqonda okuphelele komsebenzi Wakhe omusha. Ngale ndlela, ukuqonda kwabantu uNkulunkulu kwangaphambili, okwakuthelelwe yimicabango yabo, kungasuswa, bese bekwazi ukuthola ulwazi oluyiqiniso lukaNkulunkulu nokulamlela—yilokhu kuphela okuwukuvezwa ngokweqiniso koguquko lwesimo.

Kucashunwe embhalweni othi “Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 540)

Ukufuna kwabantu ukungena empilweni kusekelwe emazwini kaNkulunkulu; kushiwo ngaphambili ukuthi yonke into yenzeka ngenxa yamazwi Akhe, kodwa akekho noyedwa olibonayo iqiniso. Uma ngabe kulesi sigaba uthola ulwazi uzobe usucacelwe ngokuphelele—lokhu ukwakha isisekelo esihle sezilingo zakusasa, kanti noma uNkulunkulu angathini, kumele nje ungene emazwini Akhe. Uma uNkulunkulu ethi, uyaqala usola abantu, uyakwamukela ukusola Kwakhe. Uma uNkulunkulu ethi abantu abafe, uyakwamukela lokho kulingwa. Uma ngabe uhlale uphila ngaphakathi kwamazwi Akhe amasha, ekugcineni amazwi kaNkulunkulu azokuphelelisa. Uma uhlala ungena emazwini kaNkulunkulu, yilesi sikhathi lapho uzopheleliswa khona masinyane. Kungani ngihlanganyela njalo njalo futhi nginicela ukuthi nikuqondisise ukungena emazwini kaNkulunkulu? Kungokugxila kuphela ekulandeleni amazwi kaNkulunkulu futhi uwazi bese ungena eqinisweni lawo lapho uMoya oNgcwele uzoba khona nethuba lokusebenza kuwe. Manje nonke ningabancintisanayo ngezindlela zonke uNkulunkulu asebenza ngazo, noma ngabe izinhlupheko zenu zibe zinkulu noma zangconywana ekugcineni, nonke nizoba nesikhumbuzo. Ukuze nizuze ukupheleliswa kwenu kokugcina, kufanele ningene kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu. Ukuze uMoya oNgcwele aphelelise abantu, akazange asebenze ngokuphathelene nohlangothi olulodwa. Ufuna abantu babambisane; udinga wonke umuntu asebenze ngokubambisana Naye. Noma ngabe uNkulunkulu uthini, uvele ungene nje kalula emazwini Akhe—lokhu kunomvuzo omkhulu ezimpilweni zenu. Yonke into yenzelwe uguquko lwesimo sakho. Uma ungena emazwini kaNkulunkulu, inhliziyo yakho izonyakaziswa uNkulunkulu, futhi uyokwazi ukuqonda zonke izinto uNkulunkulu afuna ukuzizuza kulesi sigaba somsebenzi, futhi uzoba nokuzimisela ngokuzizuza. Ezikhathini zokusola abanye abantu babekholwa ukuthi kwakuyindlela yokusebenza futhi babengakholwa amazwi kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, abacwengwanga futhi baphuma esikhathini sokusolwa bengazuzanga lutho futhi bengaqondanga lutho. Kukhona abanye abangena ngokweqiniso kula mazwi ngaphandle kokungabaza okuncane, ababethi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso elingenaphutha nokuthi abantu kufanele basolwe. Babelwa nalokho isikhathi eside, futhi babekhohlwa yikusasa labo nalapho babeya khona, futhi lapho bevela, izimo zabo zase zinokuguquka okuthile, futhi base bezuze ukuqonda uNkulunkulu ngokujule kakhudlwana. Labo ababephume phakathi kokusolwa bonke babezwa uthando lukaNkulunkulu, futhi bazi ukuthi leso sigaba somsebenzi kaNkulunkulu sasiwuthando lwakhe olukhulu oluza esintwini, nokuthi kwakuwukunqoba nokusindiswa ngothando lukaNkulunkulu. Futhi babebuye bathi imicabango kaNkulunkulu ihlale imihle njalo, futhi konke uNkulunkulu akwenzayo kubantu kuwuthando, hhayi inzondo. Labo ababengakholwa emazwini kaNkulunkulu noma babone ukubaluleka kuwo abazange babhekane nokucwengwa ngezikhathi zokusolwa, futhi umphumela waba ukuthi uMoya oNgcwele awuhambisananga nabo, futhi abatholanga lutho. Labo abangena ezikhathini zokusolwa, nakuba bedlule ekucwengweni, uMoya oNgcwele wawusebenza ngaphakathi kubo ngendlela efihlekile, umphumela kwaba ukuthola uguquko esimweni sabo sempilo. Abanye abantu babonakala benesimo esihle ngaphandle. Babehlale bejabule, kodwa abangenanga esimweni sokucwengwa amazwi kaNkulunkulu futhi abaguqukanga nhlobo, okuwumphumela wokungakholwa emazwini kaNkulunkulu. Uma ungakholwa emazwini Akhe uMoya oNgcwele ngeke asebenze kuwe. UNkulunkulu ubonakala kubo bonke abakholwa ngamazwi Akhe; labo abakholwa futhi baqonde amazwi Akhe bazozuza uthando Lwakhe!

Ukuze ungene eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu, kufanele uthole indlela yokwenza futhi wazi indlela yokwenza amazwi kaNkulunkulu. Yile ndlela kuphela ongathola ngayo inguquko esimweni sakho sokuphila, ukupheleliswa uNkulunkulu, futhi ngabantu abapheleliswe uNkulunkulu kuphela ngaleyo ndlela abangahambisana nentando Yakhe. Ukuze uthole ukukhanya okusha, kumele uphile emazwini Akhe. Uma ngabe ushukunyiswe uMoya oNgcwele kanye, lokho akwanele neze—kumele ujule. Labo abashukunyiswe kanye bavuselwe ugqozi kuphela futhi babe nokuzimisela ukufuna, kodwa abakwazi ukukugcina lokho isikhathi eside, futhi kufanele bahlale bemukela ukushukunyiswa uMoya oNgcwele. Ziningi izikhathi engihlale ngisho ngazo ukuthi ngethemba ukuthi uMoya kaNkulunkulu ungashukumisa imimoya yabantu, ukuthi bafune uguquko ezimweni zempilo yabo, futhi ngenkathi belinde ukushukunyiswa uNkulunkulu baqonde ubuthakathaka babo, futhi endleleni yokuthola amazwi Akhe, basusa konke okungalungile kubona (ukuzenzisa, ukuzidla, nemicabango yabo, njll.) Musa ukukholwa ukuthi ukuhlabela phambili nje uthole ukukhanya okusha kwenele—kumele ususe zonke izinto ezivela ezingxenyeni eziphambene. Kumele ningangeni kuphela ngengxenye elungile, kodwa nizobuye nidinge ukukhucula konke okungalungile ezingxenyeni eziphambene. Kumele nihlale nizihlola mayelana nokuthi yikuphi okubi okusasele kinina. Imibono yenkolo yesintu, izinhloso, amathemba ukuzenzisa nokuzidla, konke yizinto ezingahlanzekile. Ziqhathanise nawo wonke amazwi kaNkulunkulu esambulo, bese uzibheka yonke imicabango yenkolo ongaba nayo. Uma ukwazi ukuyibona ngempela uzokwazi ukuyikhuculula. Abanye bantu bathi “Manje sekwanele ukulandela nje ukukhanya komsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele ngaphandle kokukhathazeka nganoma yini enye.” Uzoyikhuculula kanjani-ke imicabango yakho yezenkolo uma ivela? Ucabanga ukuthi kulula kanjalo ukulandela amazwi kaNkulunkulu namuhla? Uma uwumuntu wenkolo, ziyavela iziphazamiso emibonweni yakho yenkolo nasemicabangweni yendabuko ngenkolo okusenhliziyweni yakho, futhi uma sezivela lezi zinto, zingaphazamisa ikhono lakho lokwamukela izinto ezintsha. Lezi yizo zonke izinkinga ezikhona ngempela. Uma ulandela amazwi amanje kaMoya oNgcwele kuphela ngeke ufeze intando kaNkulunkulu. Ngenkathi ulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya oNgcwele, kumele wazi ukuthi yimiphi imicabango nezinhloso osenazo, yiziphi izinto zobuntu zokuzenzisa ezisekhona, nanokuthi yikuphi ukuziphatha okungathobeli uNkulunkulu. Uma usuzibonile zonke lezi zinto, kumele uzikhuculule. Ukushiya kwakho izenzo nokuziphatha kwakudala usuke wenzela amazwi amanje kaMoya oNgcwele. Ukuze kube noguquko esimweni, ngakolunye uhlangothi, kutholakala ngamazwi kaNkulunkulu, futhi ngakolunye uhlangothi, kudinga ukusebenzisana ohlangothini lwesintu. Kukhona umsebenzi kaNkulunkulu bese kuba khona ukwenza kwabantu, futhi kokubili akunakusala.

Kucashunwe embhalweni othi “Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 541)

Endleleni yenu yesikhathi esizayo yokusebenza, ungayenelisa kanjani intando kaNkulunkulu? Iphuzu elibalulekile ukuqhubeka ufune ukungena ekuphileni, ulandele uguquko lwesimo, futhi ufune ukungena ngokujuliule eqinisweni—le yiyona ndlela yokuzuza ukupheleliswa nokutholwa uNkulunkulu. Nonke nizothola umsebenzi kuNkulunkulu, yini pho leyo? Lokhu kuhambelana nesinyathelo esilandelayo somsebenzi, okuzoba umsebenzi omkhulu ozokwenziwa emhlabeni wonke jikelele. Ngakho manje nimele nilandele uguquko esimweni senu sokuphila ukuze esikhathini esizayo nibe ubufakazi bukaNkulunkulu ethola inkazimulo ngomsebenzi Wakhe, futhi nenziwe izifanekiso zomsebenzi Wakhe wangomuso. Ukufuna kwanamhlanje kwakha isisekelo somsebenzi wesikhathi esizayo; ukuze wena usetshenziswe uNkulunkulu ukuze ube ufakazi Wakhe. Uma lokhu kuyilokho okuhlosile, uzokwazi ukuzuza uMoya oNgcwele. Uma liphakeme izinga lokufuna kwakho, nezinga lokupheleliswa kwakho lizonyuka. Uma uqhubeka ngokufuna iqiniso, ilapho uMoya oNgcwele uzosebenza kakhulu. Uma umdlandla wokufuna wenyuka, ilapho uzozuza lukhulu. UMoya oNgcwele uphelelisa abantu ngokungaphakathi kubo. Abanye abantu bathi abafuni ukusetshenziswa uNkulunkulu noma ukupheleliswa Nguye, bathi kuzolunga inqobo nje uma inyama yabo ihlala iphephile futhi iphelele futhi bengavelelwa yishwa. Abanye abantu abazimisele ukungena embusweni, kodwa bazimisele ukwehlela emgodini ongenamkhawulo. Kulokho, uNkulunkulu uzokugcwalisela leso sifiso. Noma yikuphi okufunayo, uNkulunkulu uzokufezela khona. Ikuphi okufunayo? Ingabe ufuna ukupheleliswa? Ingabe izenzo zakho nokuziphatha ukwenzela ukupheleliswa uNkulunkulu, ukuze utholwe Nguye? Kumele uhlale uzilinganisa ngale ndlela nsukuzonke. Uma inhliziyo yakho uyigxilisa ekufuneni inhloso eyodwa, noma kanjani uNkulunkulu uzokuphelelisa. Lena yindlela kaMoya oNgcwele. Indlela eholwa uMoya oNgcwele itholakala ngokufuna kwabantu. Uma niqhubeka nokulangazelela ukupheleliswa nokutholwa uNkulunkulu, ilapho-ke uMoya oNgcwele uzosebenza ngaphakthi kwenu khona. Uma uqhubeka nokungafuni, nokubuka izinto kabi nokuhambela kude, noMoya oNgcwele uphelelwa amathuba okusebenza. UMoya oNgcwele uyogcina esenishiyile. Ingabe nizimisele ukupheleliswa uNkulunkulu? Ingabe nizimisele ukutholwa uNkulunkulu? Ingabe nizimisele ukusetshenziswa uNkulunkulu? Kumele niqhubeke nokwenza konke okusemandleni ukuze nipheleliswe, nitholwe, futhi nisetshenziswe uNkulunkulu, nivumela konke okusemhlabeni ukubona izenzo zikaNkulunkulu kinina. Kuzo zonke izinto, yinina abalawuli bazo, futhi phakathi kwakho konke lokho okukhona, nizovumela uNkulunkulu athokozele ubufakazi nenkazimulo ngenxa yenu—lokhu kukhombisa ukuthi niyisizukulwane esibusisiwe kunazo zonke!

Kucashunwe embhalweni othi “Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 542)

Lapho nazi intando kaNkulunkulu, umthwalo wenu usinda ngisho nakakhulu; lapho umthwalo wenu usinda, nesipiliyoni senu sizoba siningi. Lapho niyazi intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyonithwalisa lo mthwalo, futhi niyokhanyiselwa uNkulunkulu ezintweni aniphathise zona. Ngemva kokuba uNkulunkulu enithwalise lo mthwalo, nizoqala ukuwanaka amaqiniso ahlobene nomthwalo wenu lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu. Uma lo mthwalo uhlobana nezimo zokuphila zabafowethu nodadewethu—lona umthwalo eniwuphathiswe uNkulunkulu, kusho ukuthi lo mthwalo uzothwalwa nayimithandazo yenu yamihla yonke. Lokho uNkulunkulu akwenzayo manje sekunikwe nina, nizimisele ukwenza lokho uNkulunkulu akudingayo, futhi yilokho okushiwo ukwenza umthwalo kaNkulunkulu ube ngowenu. Kuleli qophelo, ukudla nokuphuza kwenu amazwi kaNkulunkulu kuzogxila ezintweni eziphathelene nalokhu, niyoze nizibuze: Ngizozixazulula kanjani lezi nkinga? Ngizobavumela kanjani abafowethu nodadewethu bakhululwe, bajabule emoyeni wabo? Ezingxoxweni zenu nizogxila ekuxazululeni lezi nkinga, nizogxila ekudleni nasekuphuzeni amazwi amayelana nalezi zinto lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, ngesikhathi nisathwele lo mthwalo nizobe nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, kufanele niziqonde izimfuno zikaNkulunkulu. Kuleli qophela, indlela ephambi kwenu iyohambeka kalula. Umthwalo wenu ulethe ukukhanya okuvela kuMoya Ongcwele, futhi nguNkulunkulu oniqondisayo. Kungani ngisho lokhu? Uma ningenawo umthwalo, kusho ukuthi niyobe ninganakile lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu; lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu nisathwele umthwalo, ningasibamba isiqu samazwi kaNkulunkulu, ningayithola indlela yenu, futhi ningayazi intando kaNkulunkulu. Ngakho lapho nithandaza, kufanele nicele uNkulunkulu anithwalise eminye imithwalo ukuze Yena aniphathise izinto ezinkulu, indlela ephambi kwenu kufanele ihambeke, kufanele niphumelele lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, niyokwazi ukubamba isiqu samazwi kaNkulunkulu, futhi uMoya Ongcwele uyonikhuthaza kakhulu.

Ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuthandaza nokwenza, ukwamukela umthwalo kaNkulunkulu, ukuphathiswa uNkulunkulu, konke lokhu kukhona ngenxa yezindlela ezibekwe phambi kwenu. Ukusinda komthwalo owuthwalele ukuthunywa nguNkulunkulu, kusho ukuthi kuzoba lula ukupheleliswa uNkulunkulu. Abanye abazimisele ukubambisana ekukhonzeni uNkulunkulu ngisho noma bebizwa; lawa ngamavila anendaba kuphela nokuthokomala nenjabulo. Lapho nibambisana ekukhonzeni uNkulunkulu, kuningi eniyokuthola. Ngoba nithwala imithwalo esindayo, ngoba nibona okuningi, ngakho kufanele nibe namathuba amaningi okupheleliswa. Ngakho uma ningakhonza uNkulunkulu ngobuqotho, kufanele niwazi umthwalo kaNkulunkulu, kufanele nibe namathuba amaningi okupheleliswa uNkulunkulu. Iqembu elinjalo labantu, liphelelisiwe ngalesi sikhathi. Lapho uMoya Ongcwele unikhuthaza, yilapho niyozinikela khona ekwazini umthwalo kaNkulunkulu, yilapho niyopheleliswa khona uNkulunkulu, yilapho niyozuzwa khona uNkulunkulu, futhi ekugcineni, niyoba ngabasetshenziswa uNkulunkulu. Njengamanje, kunabathile abangathwele lutho lwebandla. Labo bantu bayimimfece futhi bayavilapha, okuwukuphela kwento abayaziyo inyama yabo. Bangabantu abanomhobholo futhi bayizimpumputhe. Awukho umthwalo eniyokwazi ukuwuthwala uma nehluleka ukubona le ndaba ngokucacile. Lapho uyazi intando kaNkulunkulu, usinda nakakhulu umthwalo uNkulunkulu azokuphathisa wona. Abantu abanomhobholo abazimisele ukubekezelela lezo zinto, abazimisele ukuzidela, ekugcineni bazolahlekelwa ithuba lokupheleliswa uNkulunkulu. Abazilimazi yini? Uma uyazi intando kaNkulunkulu, kufanele uthwale imithwalo yangempela yebandla. Eqinisweni, esikhundleni sokuwubiza ngomthwalo webandla, kungcono kube umthwalo wokuphila kwakho, ngoba umthwalo owuthwalele ibandla ukuvulela amathuba okupheleliswa uNkulunkulu. Ngakho noma ubani othwalele ibandla umthwalo osindayo, othwala nomthwalo wokungena ekuphileni, kufanele kube yilabo abayogcina bepheleliswe uNkulunkulu. Manje Usungabona ngokucacile? Uma ibandla okulo lihlakazeke njengesihlabathi, kodwa ungakhathazekile, futhi uze unganaki uma abafowethu nodadewethu bengawadli futhi bengawaphuzi ngokujwayelekile amazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi awukho umthwalo owuthwele. UNkulunkulu akabathandi abantu abanjalo. Abantu abathandwa uNkulunkulu yilabo abakulambele futhi abakomele ukulunga, bayayazi intando kaNkulunkulu. Ngakho kufanele niwazi umthwalo kaNkulunkulu. Akufanele nilinde ukuba isimo sokulunga sikaNkulunkulu sembulwe kubo bonke abantu ngaphambi kokuba nazi umthwalo kaNkulunkulu. Kuyobe kungephuzile yini kakhulu lapho? Leli ithuba elihle lokupheleliswa uNkulunkulu. Uma nizovuma ukuthi leli thuba liphunyuke senilibambile, kufanele nizisole ukuphila kwenu konke, njengoba nje uMose engakwazanga ukungena ezweni elihle laseKhanani, wazisola ukuphila kwakhe konke, wabulawa usizi. Lapho uNkulunkulu esembule isimo Sakhe esilungile kubo bonke abantu, nizozisola. Ngisho noma uNkulunkulu enganisoli, niyozisola ngenxa yokuzisola kwenu. Abanye abaqiniseki ngalokhu. Uma ningangikholwa, lindani nibone. Abanye bayogcwalisa la mazwi. Ingabe nizimisele ngokuthi kunikelwe ngani ngenxa yala mazwi?

Uma ungawafuni amathuba okupheleliswa uNkulunkulu, futhi uma ungalweli ukuba phambili kubo bonke ekufuneni ukupheleliswa, ekugcineni uyogcwala usizi. Manje ithuba elihle lokupheleliswa, isikhathi esikahle. Uma ningakufuni ngobuqotho ukupheleliswa uNkulunkulu, ngemva kokuphothulwa komsebenzi Wakhe, kuyobe sekwephuze kakhulu ngoba liyobe selinilahlekele leli thuba. Akunandaba ukuthi izifiso zenu zinkulu kangakanani, uma kungasafanele uNkulunkulu enze umsebenzi, ngaphandle kokunaka imizamo eniyenzayo, ngeke nisakwazi ukukuzuza. Kumele nilibambisise leli thuba nibambisane, lapho uMoya Ongcwele wenza umsebenzi onamandla; uma nizophuthwa yileli thuba, ngeke ninikwe elinye, akunandaba ukuthi nizikhandla kangakanani. Abanye bayakhala: “Nkulunkulu, ngizimisele ngokwazi umthwalo Wakho, ngizimisele ngokufeza intando Yakho.” Kodwa ayikho indlela abahamba kuyo, ngakho imithwalo yabo ngeke iye ndawo. Uma kunendlela phambi kwakho, isinyathelo nesinyathelo sezinto ozibonile siyohlelembeka kahle futhi sihleleke. Ngemva kokufezwa komthwalo owodwa, uzonikwa omunye. Ngokujula kwesipiliyoni sokuphila kwenu, nemithwalo yenu nayo izojula. Abanye umthwalo bawuthwala lapho bekhuthazwa uMoya Ongcwele, ngemva kwesikhathi esithile, awukho umthwalo abawuthwalayo uma ingekho indlela abangahamba kuyo. Anikwazi ukuba nemithwalo ngokumane nje nidle futhi niphuze amazwi kaNkulunkulu. Ngokwazi amaqiniso amaningi, niyofunda ukuqonda, niyokwazi ukuxazulula izinkinga nisebenzisa amaqiniso, niyoliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu nentando Yakhe. Ngalezi zinto, nizothwala imithwalo, futhi kufanele nikwazi ukwenza umsebenzi omuhle uma nje seniqalile ukuthwala umthwalo. Uma nithwele umthwalo kuphela, kodwa ningawaqondi kahle amaqiniso, ngeke kusebenze. Kumele kube ukuthi nidlule emazwini kaNkulunkulu, niyazi ukuthi enziwa kanjani amazwi kaNkulunkulu, futhi kumele niqale nibe sesimweni esingokoqobo ngaphambi kokunakekela abanye, ukuhola abanye, nokupheleliswa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazini Intando KaNkulunkulu Ukuze Nizuze Ukuphelela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 543)

Ngesikhathi esifanayo, umsebenzi kaNkulunkulu ukuhambisa wonke umuntu emgudwini ofanele, ngezinga lokuthi wonke umuntu angaba nokuphila komoya okujwayelekile, ngezinga lokuthi bonke abantu bangaba nesipiliyoni sangempela, wonke umuntu akhuthazwe uMoya Ongcwele, futhi ngenxa yalesi sisekelo, bamukele abakuphathiswe uNkulunkulu. Ukungena ekuqeqeshweni kombuso kusho ukuthi kufanele nivumele wonke amazwi, izenzo, nayo yonke imicabango nemiqondo ingene emazwini kaNkulunkulu, ivumele ukuthi uNkulunkulu akukhuthaze ngezinga elithe xaxa, kuzale nothando lukaNkulunkulu kanye nomthwalo osindayo wentando kaNkulunkulu, ngezinga lokuthi wonke umuntu angaba sendleleni yokupheleliswa uNkulunkulu, wonke umuntu abe semgudwini ofanele. Uma ususendleleni yokupheleliswa uNkulunkulu, usuke ususemgudwini ofanele. Uma nje ingqondo yakho, imibono kanye nezinhloso zakho eziyiphutha, kungalungiswa; uma nje usukwazi ukushintsha ekunakeni inyama yakho unake intando kaNkulunkulu, ngezinga lokuthi lapho izinhloso eziyiphutha zivela, izinhloso ezinjalo zingakuphazamisi, ukwazi ukufeza umsebenzi ohloswe intando kaNkulunkulu; uma ukwazi ukufinyelela ushintsho olunjalo, kusho ukuthi usemgudwini ofanele esipiliyonini sokuphila. Uma imithandazo yakho isemgudwini ofanele, yilapho kufanele uMoya Ongcwele ukukhuthaze khona emithandazweni yakho. Njalo lapho uthandaza, kufanele ukhuthazwe uMoya Ongcwele; njalo lapho uthandaza, kufanele ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu. Njalo lapho udla futhi uphuza ingxenye yezwi likaNkulunkulu, uyokwazi ukubamba umsebenzi uNkulunkulu awenzayo njengamanje, uyoyazi indlela yokuthandaza, yokubambisana, yokungena, futhi lezi zinto zibonisa ukuthi usuyifinyelele imiphumela yokuzuzwa ekudleni nasekuphuzeni amazwi kaNkulunkulu. Kufanele nikwazi ukuthola indlela yokungena emazwini kaNkulunkulu, kufanele nikwazi ukubamba umnyakazo womsebenzi kaNkulunkulu njengamanje nendlela yomsebenzi woMoya Ongcwele, futhi lokhu kuyobonisa ukuthi nisemgudwini ofanele. Uma ningawabambanga amaphuzu awumgogodla lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, uma ningakwazi ukuthola indlela eningahamba kuyo ngemva kokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, lokho kuveza ukuthi anikayazi indlela yokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi anikayitholi indlela nomyalo wokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu. Uma ningakawubambi umsebenzi owenziwa uNkulunkulu manje, ngeke nikwazi ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu njengamanje yilokho umuntu okufanele angene kukho, futhi uyilokho umuntu okufanele akwazi manje. Ingabe manje senizibambile lezo zinto?

Uma udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu ngempumelelo, ukuphila kwakho komoya kuba ngokujwayelekile, futhi ngale kokuthi unqwamana naziphi izilingo, ubhekana naziphi izimo, ubhekene nakuphi ukugula kwenyama, uzwa kuphi ukuqhelelana nabafowethu nodadewethu, noma uhlangana nabuphi ubunzima emndenini, ukwazi ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ngokujwayelekile, uthandaza ngokujwayelekile, futhi uqhubeka nempilo yakho yasebandleni ngokujwayelekile; uma ungafeza konke lokhu, kuyokhomba ukuthi usemgudwini ofanele. Abanye abantu babuthaka kakhulu, abakwazi ukubekezela. Bayethuka futhi babe nombono ongemuhle lapho behlangabezana nengqinamba engatheni. Indlela yeqiniso idinga ukubekezela nokuzimisela. Uma ungakwazi ukufeza intando kaNkulunkulu ngalesi sikhathi, kumele ukulungele ukuzizonda, uzimisele ngampela enhliziyweni yakho ukuthi ngokuzayo uzoyifeza intando kaNkulunkulu. Nakuba wehluleka ukwazi umthwalo kaNkulunkulu njengamanje, kufanele uzimisele ukuhlubuka enyameni lapho ubhekane nezingqinamba ezifanayo ngokuzayo, kufanele unqume ukufeza intando kaNkulunkulu. Yile ndlela odunyiswa ngayo. Abanye abazi nokwazi ukuthi imicabango nemibono yabo ilungile, abantu abanjalo badidekile. Uma ungathanda ukunqoba inhliziyo yakho umelane nenyama yakho, kumele uqale wazi ukuthi unezinhloso ezinhle yini, okuyikhona okuyokwenza ukwazi ukunqoba inhliziyo yakho. Uma ungazi ngisho nokuthi izinhloso zakho zilungile yini, ungakwazi yini ukunqoba inhliziyo yakho, ungakwazi yini ukumelana nenyama? Ngisho noma ukwazi ukumelana nayo, lokho ukwenza budlabha. Kufanele wazi indlela yokumelana nezinhloso zakho ezingaqondile; kusho lokhu ukumelana nenyama. Lapho wazi ukuthi izinhloso zakho, imicabango nemibono yakho kuyiphutha, kufanele uphenduke ngokushesha, uhambe emgudwini ofanele. Xazulula inkinga kuqala, bese uzilungiselela ukungena kule ngxenye, ngoba uwena owazi kangcono ukuthi izinhloso zakho ziyiphutha noma cha. Lapho izinhloso eziyiphutha zingalungiseka, uma singenxa kaNkulunkulu, kusho ukuthi uwuzuzile umgomo wokunqoba inhliziyo yakho.

Into ewumgogodla kini manje ukwazi uNkulunkulu, ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele nazi indlela uMoya Ongcwele owenza ngayo umsebenzi Wakhe kumuntu, lona umgogodla wokungena emgudwini ofanele. Kufanele kube lula ngani ukungena emgudwini ofanele uma seninalento ewumgogodla. Niyakholelwa kuNkulunkulu futhi niyamazi, okusho ukuthi nikholelwa ngobuqotho kuNkulunkulu. Uma niqhubeka niqhubeka kuze kube sekupheleni kodwa ningakamazi uNkulunkulu, kusho ukuthi nakanjani ningabamelana noNkulunkulu. Labo abakholelwa kuJesu Kristu kuphela, abangakholelwa kuNkulunkulu osamuntu wanamuhla bonke bayalahlwa. Bonke bangabaFarisi bezinsuku zakamuva, ngoba abamvumi uNkulunkulu wanamuhla; bonke bayamphika uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi bazinikele kangakanani ekukholelweni kuJesu, konke kuyize; uNkulunkulu ngeke abadumise. Bonke labo abathi bakholelwa kuNkulunkulu, kodwa bengamazi ngempela uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, bangabazenzisi.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazini Intando KaNkulunkulu Ukuze Nizuze Ukuphelela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 544)

Umuntu ofuna ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele aqale aqonde ukuthi kusho ukuthini ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele abe kuziphi izimo ukuze apheleliswe uNkulunkulu, bese efuna umgudu azohamba kuwo uma esezazi lezo zinto. Umuntu kumele abe nobuntu obuthile ukuze apheleliswe uNkulunkulu. Abaningi abanabo ubuntu obudingekayo, okudinga ukuthi umuntu asebenze kanzima futhi okudinga ukuthi umuntu azikhandle. Labo abanobuntu obungatheni, kufanele bazabalaze kakhudlwana. Lapho kwanda ukuqonda kwenu amazwi kaNkulunkulu yilapho niwenza nakakhulu khona, yilapho nishesha khona ukungena endleleni yokupheleliswa uNkulunkulu. Ngomthandazo, ungapheleliswa endaweni yomthandazo; ungapheleliswa futhi ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukubamba isiqu samazwi kaNkulunkulu, nokuphila ngamazwi kaNkulunkulu, ningapheleliswa. Ngokuzwa amazwi kaNkulunkulu usuku nosuku, kufanele wazi ukuthi yini engekho kuwe; ngaphezu kwalokho, kufanele ububone ubuthakathaka bakho obubulalayo nezindawo ontekenteke kuzo, futhi uthandaze unxuse kuNkulunkulu. Ngokwenzenjalo, uyopheleliswa kancane kancane. Izindlela zokupheleliswa: umthandazo, ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuqonda ingqikithi yamazwi kaNkulunkulu, ukungena ekwazini amazwi kaNkulunkulu, ukwazi izinto enintula kuzo, ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu, ukwazi umthwalo kaNkulunkulu nokushiya inyama ngothando lwakho lukaNkulunkulu, nokuhlangana njalo nabafowenu nodadewenu, okucebisa isipiliyoni senu. Kungaba ukuphila okuhlanganyelwayo noma ukuphila kwakho, kungaba imihlangano emikhulu noma emincane, konke kungakwenza uqongelele isipiliyoni nokuqeqeshwa, ukuze izinhliziyo zenu zibe nokuthula phambi kukaNkulunkulu futhi zibuyele kuNkulunkulu. Yonke lena inqubo yokupheleliswa. Ukwazi amazwi kaNkulunkulu engikhulupme ngawo kusho ukuwanambitha ngempela amazwi kaNkulunkulu futhi uvumele amazwi kaNkulunkulu aphile kuwe ukuze ube nokholo oluthe xaxa futhi uthande uNkulunkulu. Ngale ndlela, uyosixosha kancane kancane isimo esikhohlakele sobusathane, uyoziphambukela kancane kancane ezinhlosweni ezingafanele, uphile njengomuntu ojwayelekile. Ukukhula kothando lukaNkulunkulu ngaphakathi kini—okusho ukuthi, ukupheleliswa kweningi lenu uNkulunkulu, ayancipha namathuba okonakaliswa kwenu uSathane. Siyazibonga izinto ezingokoqobo, nizongena kancane kancane endleleni yokupheleliswa. Ngakho, uma nifisa ukupheleliswa, ukwazi ngentando kaNkulunkulu, nokwazi amazwi kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazini Intando KaNkulunkulu Ukuze Nizuze Ukuphelela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 545)

Iqembu labantu uNkulunkulu afuna ukubazuza manje, yilabo abalwela ukubambisana noNkulunkulu, abangazithoba emsebenzini Wakhe, abakholwa ukuthi amazwi uNkulunkulu awakhulumayo ayiqiniso, abangenza izinto ezifunwa uNkulunkulu. Banolwazi oluyiqiniso ezinhliziyweni zabo. Yibo abangapheleliswa, futhi nakanjani bazohamba endleleni yokupheleliswa. Labo abangawuqondi ngokucacile umsebenzi kaNkulunkulu, labo abangalidli baphinde baliphuze izwi likaNkulunkulu, abangalinaki izwi likaNkulunkulu, nabangamthandi uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Labo abamngabazayo uNkulunkulu osesimweni somuntu, abahlala bengaqiniseki Ngaye, abangawathathi amazwi Akhe njengabalulekile futhi abahlale bemkhohlisa, bangabantu abaphikisa uNkulunkulu futhi bangabakaSathane; ayikho indlela yokuphelelisa abantu abanjalo.

Uma ufisa ukupheleliswa, kumele uqale uthandwe uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uyababusisa labo abathandayo, abasenhliziyweni Yakhe. Uma ufisa ukuba senhliziyweni kaNkulunkulu, inhliziyo yakho kumele ilalele uNkulunkulu kuwo wonke umsebenzi Wakhe, kumele ulwe kanzima ufuna iqiniso, wamukele umbono kaNkulunkulu kuzo zonke izinto. Ingabe uNkulunkulu useke wanihlola nonke? Ingabe ninomgomo ofanele? Uma umgomo wenu ufanele, uNkulunkulu uzonamukela; uma umgomo ungafanele, lokho kufakazela ukuthi into ethandwa inhliziyo yenu ayiyena uNkulunkulu, iyinyama noSathane. Ngakho kumele namukelwe ukuhlolwa uNkulunkulu kuzo zonke izinto ngomthandazo. Lapho uthandaza, nakuba ngingamile siqu Sami phambi kwakho, uMoya oNgcwele unawe, futhi uthandaza Kimi nakuMoya kaNkulunkulu. Ubungakholwa kulo muntu ukuba ubengenawo uMoya kaNkulunkulu? Lapho nimkholwa lo muntu, nikholelwa kuMoya kaNkulunkulu. Uma nesaba lo muntu, nesaba uMoya kaNkulunkulu. Ukukholelwa eMoyeni kaNkulunkulu kuwukukholelwa kulo muntu, ukukholelwa kulo muntu kuphinde kube ukukholelwa eMoyeni kaNkulunkulu. Lapho uthandaza, uyeza ukuthi uMoya kaNkulunkulu unawe, uNkulunkulu uphambi kwakho, ngakho uthandaza kuMoya kaNkulunkulu. Namuhla, abantu bayesaba ukuletha izenzo zabo phambi kukaNkulunkulu, futhi nakuba ungayikhohlisa inyama kaNkulunkulu, awunakuwukhohlisa uMoya kaNkulunkulu. Konke okungeke kuhlolwe uNkulunkulu akuvumelani neqiniso futhi kufanele kubekelwe eceleni, kungenjalo uyona kuNkulunkulu. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi uyathandaza, uyakhuluma noma uxoxa nabafowenu nodadewethu, lapho wenza umsebenzi wakho, ufeza indima yakho, kufanele weneke inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu. Lapho ufeza umsebenzi wakho, uNkulunkulu unawe, futhi uma unomgomo ofanele womsebenzi wendlu kaNkulunkulu, uyokwamukela konke okwenzayo; ufanele uzinikele ngeqiniso ekufezeni umsebenzi wakho. Lapho uthandaza, uma uthanda uNkulunkulu enhliziyweni yakho, uma ufuna ukunakekelwa uNkulunkulu, ukuvikelwa nokuhlolwa Nguye, uma lokhu kuwumgomo wakho, imithandazo yakho iyozwakala. Lapho uthandaza emihlanganweni, kufanele uvulele uNkulunkulu inhliziyo yakho uthandaze Kuye, utshele uNkulunkulu okusenhliziyweni yakho, ungaqambi amanga, imithandazo yakho iyokwamukelwa. Uma umthanda ngobuqotho uNkulunkulu enhliziyweni yakho, yenza isifungo kuNkulunkulu: “Nkulunkulu osemazulwini nasemhlabeni nakuzo zonke izinto, ngiyafunga Kuwe: Kwangathi uMoya Wakho ungahlola konke engikwenzayo, ungivikele uphinde unginakekele ngazo zonke izikhathi. Kwenza yonke into engiyenzayo ime phambi Kwakho. Uma inhliziyo yami ingayeka ukukuthanda noma ikukhaphele, ngicela ungijezise kakhulu bese ungiqalekisa. Ngithethelele kuleli zwe nakwelinye!” Uke ulokothe wenze isifungo esinjalo? Uma ungasenzi, kusho ukuthi uyigwala, nokuthi uzithanda wena. Ningakusombulula lokhu? Uma lesi kuyisisombululo senu ngempela, kumele nenze lesi sifungo. Uma ninqume ukwenza leso sifungo, uNkulunkulu uyosibusisa isinqumo senu. Uma nifunga kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyanilalela. UNkulunkulu onqumayo ukuthi ninesono noma nilungile ngemithandazo nangezenzo zenu. Lena manje yinqubo yokuniphelelisa, futhi uma ngempela unokholo ekukupheleliseni kukaNkulunkulu, uyoletha konke okwenzayo phambi kukaNkulunkulu, wamukele ukuhlolwa uNkulunkulu, futhi uma wenza into ewukuhlubuka okubi noma ukhaphela uNkulunkulu, uyokwenza isifungo sakho sigcwaliseke, khona-ke akunandaba ukuthi kwenzekani kuwe, ukuthola inhlekelele noma isijeziso inkinga yakho. Wenze isifungo, ngakho kumele usigcine. Uma wenza isifungo, kodwa ungasigcini, uzobhujiswa. Lapho wenza isifungo, kodwa ungasifezi, uyokwehlelwa ukubhubha okuphakade. Ngoba okwenzile kuyisifungo, uNkulunkulu uyosifeza isifungo sakho. Abanye bayesaba ngemva kokuthandaza, bathi, “Hhawu ngeke, ithuba lami alisabonwa nangokhalo, ithuba lokwenza okubi alisekho, ithuba lokufeza engikufisayo alisekho, angisenalo ithuba lokuqhubeka nobugovu bezwe!” La bantu basathanda izwe nesono, nakanjani bazobhujiswa.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uyabaphelelisa Labo Abasenhliziyweni Yakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 546)

Ukuba yikholwa kuNkulunkulu kusho ukuthi konke okwenzayo kumele kulethwe phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu akuhlolisise. Uma okwenzayo kungalethwa phambi koMoya kaNkulunkulu kodwa kungenakulethwa phambi kwenyama kaNkulunkulu, lokho kusho ukuthi awuzithobanga ekuhlolweni uMoya kaNkulunkulu. Ungubani uMoya kaNkulunkulu? Ungubani umuntu ofakazelwa uNkulunkulu? Abayona yini into eyodwa? Abaningi bababona bengabantu ababili abehlukene, bakholwa ukuthi uMoya kaNkulunkulu unguMoya kaNkulunkulu, nokuthi umuntu ofakazelwa uNkulunkulu umane ungumuntu wenyama. Kodwa nikhuluma ilumbo, akunjalo? Lo muntu usebenzela bani? Labo abangamazi uNkulunkulu osenyameni abanakho ukuqonda kukamoya. UMoya kaNkulunkulu nokuba Kwakhe senyameni kuyinto eyodwa, ngoba uMoya kaNkulunkulu wenziwe waba senyameni. Uma lo muntu engenamusa kini, ingabe uMoya kaNkulunkulu uzoba nomusa? Yini ekudidile? Namuhla, umuntu ongavumi ukuhlolwa uNkulunkulu ngeke uNkulunkulu amamukele, nomuntu ongamazi uNkulunkulu osenyameni ngeke apheleliswe. Zibuke bese uzibuza ukuthi konke okwenzayo kungalethwa yini phambi kukaNkulunkulu. Uma ungeke ukwazi ukuletha konke okwenzayo phambi kukaNkulunkulu, kusho ukuthi ungumenzi wokubi. Ingabe abenzi bokubi bangapheleliswa? Konke okwenzayo, izenzo nezinhloso zakho kumele kulethwe phambi kukaNkulunkulu. Ngisho ukuphila kwakho komoya kwansukuzonke—imikhuleko yakho, ukusondela kwakho kuNkulunkulu, indlela yokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuhlanganyela nabafowenu nodadewenu, nokuphila kwakho ebandleni—nenkonzo yakho ekubambisaneni kungalethwa phambi kukaNkulunkulu ukuze akuhlole. Izinto ezinjalo eziyokwenza uvuthwe empilweni. Inqubo yokwamukela ukuhlolwa uNkulunkulu iyinqubo yokuhlanzwa. Lapho wamukela ukuhlolwa uNkulunkulu, yilapho uhlanzwa khona, yilapho uvumelana khona nentando kaNkulunkulu, ukuze ungaholelwa ekonakaleni, nenhliziyo yakho iphile phambi kukaNkulunkulu; lapho wamukela ukuhlolwa uNkulunkulu, yilapho uhlaza khona uSathane ushiye inyama. Ngakho ukwamukela ukuhlolwa uNkulunkulu indlela abantu okumele bayithathe. Akunandaba ukuthi wenzani, ngisho nasezingxoxweni ozenza nabafowenu nodadewenu, uma uletha izenzo zakho phambi kukaNkulunkulu ufune ukuhlolwa uNkulunkulu, uma inhloso yakho kuwukulalela uNkulunkulu Uqobo, okwenzayo kuyinto efanele nakakhulu. Ungaba umuntu ophile phambi kukaNkulunkulu kuphela uma uletha sonke isiqu sakho phambi kukaNkulunkulu futhi wamukele ukuhlolwa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uyabaphelelisa Labo Abasenhliziyweni Yakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 547)

Labo abangamqondi uNkulunkulu abasoze bamlalela ngokugcwele. Abantu abanjena bangabantwana bokungalaleli. Bathanda izinto kakhulu, bayizihlubuki ezinkulu, ngakho bayaziqhelisa kuNkulunkulu futhi abazimisele ukwamukela ukuhlolwa uNkulunkulu. Abantu abanjengalaba uNkulunkulu ngeke abaphelelise kalula. Abanye bayakhetha ukuthi badla kuphi baphuze kuphi ezwini likaNkulunkulu nasekwamukeleni kwabo. Bamukela izingxenye zezwi likaNkulunkulu ezivumelana nemibono yabo bachithe lezo ezingavumelani nayo. Ingabe bahlubuka ngokusobala kuNkulunkulu futhi bamphike? Uma umuntu ekholelwe iminyaka eminingi kuNkulunkulu ngaphandle kokumqonda ngisho nakancane uNkulunkulu, akalona ikholwa. Labo abazimisele ukwamukela ukuhlolwa uNkulunkulu yilabo abalwela ukumqonda uNkulunkulu, abazimisele ukwamukela izwi likaNkulunkulu. Yibo abayokwamukela ifa nezibusiso zikaNkulunkulu, futhi babusiswe kakhulu. UNkulunkulu uyabaqalekisa labo abangenayo indawo Yakhe ezinhliziyweni zabo. Uyabajezisa futhi abashiye abantu abanjalo. Uma ungamthandi uNkulunkulu, uNkulunkulu uyokushiya, futhi uma ungakulaleli engikushoyo, ngiyathembisa ukuthi uMoya kaNkulunkulu uyokushiya. Kuzame uma ungangikholwa! Namuhla ngikutshela indlela yokwenza, kodwa ukuthi uyakwenza yini kuncike kuwe. Uma ungakukholwa, uma ungenzi, uzobona ukuthi uMoya Oyingcwele uyasebenza yini noma cha kuwe! Uma ungakulweli ukuqonda uNkulunkulu, uMoya Oyingcwele ngeke usebenze kuwe. UNkulunkulu usebenza kulabo abalilelwayo futhi abalazisayo izwi likaNkulunkulu. Uma ulazisa izwi likaNkulunkulu, uMoya kaNkulunkulu uyosebenza nakakhulu kuwe. Uma umuntu elazisa izwi likaNkulunkulu, ayanda namathuba akhe okupheleliswa uNkulunkulu. UNkulunkulu uyabaphelelisa labo abamthanda ngempela. Uyabaphelelisa labo abanezinhliziyo ezinokuthula phambi Kwakhe. Uma uwazisa wonke umsebenzi kaNkulunkulu, uma ukwazisa ukukhanyiselwa uNkulunkulu, uma ukwazisa ukuba khona kukaNkulunkulu, uma ukwazisa ukulondwa nokunakekelwa uNkulunkulu, uma uyazisa indlela izwi likaNkulunkulu elikusiza ngayo ekuphileni kwakho, ingxenye yakho enkulu isenhliziyweni kaNkulunkulu. Uma uwazisa umsebenzi kaNkulunkulu, okusho ukuthi, uma uwazisa wonke umsebenzi uNkulunkulu awenze kuwe, uNkulunkulu uyokubusisa bese andisa konke onakho. Uma ungalazisi izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu ngeke asebenze kuwe, uyomane akunike umusa ngenxa yokholo lwakho, noma akubusise ngomcebo ongatheni, noma avikele umndeni wakho. Kufanele ulwele ukwenza amazwi kaNkulunkulu abe ngokoqobo ukuze umanelise futhi ube senhliziyweni Yakhe, ungamane nje ulwele ukuthola umusa kaNkulunkulu. Ayikho into ebalulekile kumakholwa ukwedlula ukuthola umsebenzi kaNkulunkulu, ukupheleliswa, nokuba umuntu owenza intando kaNkulunkulu. Lona umgomo okufanele uphokophele kuwo.

Konke lokho umuntu akulwela ngeNkathi Yomusa manje akusadingeki, ngoba sekuvele izinga eliphakeme elifunekayo, okuyinto ethandwayo nengokoqobo, lokho okufunwayo kungakwenelisa kangcono lokho okudingwa ngumuntu ngaphakathi. Eminyakeni eminingi edlule, uNkulunkulu akazange enze umsebenzi wanamuhla kubo, akakhulumanga nabo okuningi njengoba enzile kini namuhla, futhi izimfuno Zakhe kubo aziphakeme njengezenu namuhla. Ukuthi uNkulunkulu uziphakamise kini lezi zinto kufakazele ukuthi ekugcineni inhloso kaNkulunkulu igxile kini, leli qembu. Uma ufisa ngempela ukupheleliswa uNkulunkulu, lokho kufanele kube umgomo wakho owumgogodla. Akunandaba noma niyagijima, nidela okuthile, nenza umsebenzi, noma niwamukele yini umsebenzi eniwuthunywe nguNkulunkulu, inhloso kuhlale kuwukupheleliswa nokwanelisa intando kaNkulunkulu, ukufeza le migomo. Uma othile ethi akafuni ukupheleliswa uNkulunkulu noma ukungena ekuphileni, kodwa elwela ukuthula kwenyama nenjabulo kuphela, kusho ukuthi uyimpumputhe yangempela. Labo abangakufuni ukuphila okungokoqobo, abafuna ukuphila phakade ngemva kwalokhu kuphila baphephe kulokhu kuphila, bayizimpumputhe. Ngakho konke okwenzayo kufanele ukwenze ngenhloso yokupheleliswa nokuzuzwa uNkulunkulu.

Umsebenzi uNkulunkulu awenza kubantu ukunakekela izidingo zabo ezihlukahlukene. Uma ukuphila komuntu kweluleka, kuba kuningi akufunayo, ziyanda nezidingo zakhe. Uma kulesi sigaba ungenazo izinto ozifunayo, kusho ukuthi uMoya Oyingcwele ukushiyile. Bonke labo abalwela ukuphila abasoze bashiywa uMoya Oyingcwele, bahlale befuna okuthile, bekulangazelela. Abantu abanjalo abasoze baneliswa ukuphumula lapho bekhona. Isigaba ngasinye somsebenzi kaMoya Oyingcwele sihloselwe ukuba nezithelo kuwe, kodwa uma waneliseka, uma ungasafuni lutho, uma ungasawamukeli umsebenzi kaMoya Oyingcwele, uyokushiya. Abantu badinga ukuhlolwa uNkulunkulu mihla yonke, bafuna uNkulunkulu abaphe inala usuku nosuku. Ingabe abantu bangaphila ngaphandle kokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu njalo? Uma othile ecabanga ukuthi ngeke badele ukudla noma ukuphuza izwi likaNkulunkulu, uma behlale belifuna, belilambele, belomele, uMoya Oyingcwele uyohlale ubenzela umsebenzi. Lapho umuntu elangazela, yilapho ekwazi khona ukuxoxa ngezinto ezingokoqobo. Lapho umuntu elifuna ngokujulile iqiniso, yilapho nokuphila kwakhe kukhula khona ngokushesha, abe nomlando ocebile, futhi kumenze acebe endlini kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uyabaphelelisa Labo Abasenhliziyweni Yakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 548)

UMoya oNgcwele unendlela okumele ayihambe kumuntu ngamunye, futhi unika umuntu ngamunye ithuba lokupheleliswa. Ngokubuka izinto ngendlela engenhle wenziwa ukuba ubone inkohlakalo yakho, bese kuthi uma ulahla lokhu kungabuki kahle uthole indlela yokwenza; lezi yizo zonke izindlela opheleliswa ngazo. Futhi, ngokuqhubeka nokuqondiswa kanye nokukhanyiswa kwezinto ezithile ezinhle ezingaphakathi kuwe, uzokwazi ukuthi ugcwalise umsebenzi wakho futhi ukhule ngolwazi uphinde uzuze ukuqonda. Uma izimo zakho zizinhle, uzimisela ngokukhethekile ukufunda izwi likaNkulunkulu, futhi uzimisela ngokukhethekile ukukhuleka kuNkulunkulu, futhi uyakwazi ukuthi izintshumayelo ozizwayo uzibhekise esimweni sakho. Ngezikhathi ezinjalo uNkulunkulu ukukhanyisela futhi akukhanyise ngaphakathi, akwenze ubone izinto ezithile zohlangothi oluhle. Lena yindlela opheleliswa ngayo ohlangothini oluhle. Ezimweni ezimbi, uzizwa ubuthakathaka futhi kungekho ofuna ukukwenza, uzizwe sengathi awunaye uNkulunkulu enhliziyweni yakho, kodwa uNkulunkulu uyakukhanyisa, akusize ukuba uthole indlela okumele wenze ngayo. Ukuphuma kulokhu kuwukuthola ukupheleliswa ohlangothini olubi. UNkulunkulu angabaphelelisa abantu ohlangothini oluhle nolubi. Kuya ngokuthi uyakwazi yini ukubona, nokuthi ingabe uyafuna yini ukupheleliswa nguNkulunkulu. Uma ufuna ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu, izinto ezimbi ngeke zikwenze ulahlekelwe, kodwa zingakulethela izinto ezingokoqobo ngokwengeziwe, futhi zingakwenza wazi ngokwengeziwe ukuthi yini le oyintulayo kuwe ngaphakathi, ukwazi ngokwengeziwe ukuqonda izimo zakho ezingokoqobo, nokuthi ubone ukuthi umuntu akanalutho futhi akalutho; uma ungahlangabezani nokuvivinywa, awazi, futhi uzohlala uzwa sengathi ungaphezulu kwabanye futhi ungcono kunabo bonke abanye. Kukho konke lokhu uzobona ukuthi konke okukwehlele ngaphambilini kwakwenziwe nguNkulunkulu futhi kwavikelwa uNkulunkulu. Ukungena ekuvivinyweni kukushiya ungenalo uthando noma ukholo futhi ungakwazi ukuthandaza, ungakwazi nokucula amaculo, bese kuthi ngaphandle kokuqaphela, phakathi kwalokhu, ufinyelele ekubeni uzazi. UNkulunkulu unezindlela eziningi zokuphelelisa umuntu. Usebenzisa zonke izinhlobo zezimo ukuze abhekane nesimo sokukhohlakala kumuntu, asebenzise izinto ezehlukene ukuze abeke umuntu obala; kolulodwa uhlangothi ubhekana nomuntu; ngakolunye ubeka umuntu obala, kolunye wambula umuntu, agubhe futhi ambule “izimfihlakalo” ezisekujuleni kwenhliziyo yomuntu, akhombise umuntu imvelo yakhe ngokwambula izimo zakhe eziningi. UNkulunkulu uphelelisa umuntu ngezindlela eziningi—ngesambulo, ngokubhekana nomuntu, ngokumcwengisisa, nokumsola—ukuze umuntu akwazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu owenza ngokoqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 549)

Yini eniyifunayo manje? Ukupheleliswa uNkulunkulu, ukwazi uNkulunkulu, ukuthola uNkulunkulu—noma mhlawumbe nifuna ukuziphatha njengoPetru weminyaka yo-90, noma ukuba nokholo olungaphezulu kolukaJobe, noma mhlawumbe nifuna ukubizwa nguNkulunkulu ngabalungileyo bese nifika phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma nikwazi ukubonakalisa uNkulunkulu emhlabeni futhi ninikeze ubufakazi ngoNkulunkulu obunamandla nobuqanda ikhanda. Noma ngabe yini eniyifunayo, kukho konke, nikufuna ukuze nisindiswe uNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi ufuna ukuba umuntu olungile, uma ufuna indlela kaPetru, noma ukholo lukaJobe, noma ukupheleliswa nguNkulunkulu, konke kungumsebenzi uNkulunkulu awenzayo kumuntu. Ngamanye amazwi, kungakhathaleki ukuthi yini oyifunayo, konke kungenxa yokuthi ufuna ukupheleliswa nguNkulunkulu, konke kungenxa yokuthi ufuna ukubona izwi likaNkulunkulu, ukwenelisa inhliziyo kaNkulunkulu; noma ngabe yini oyifunayo, konke kungenxa yokuthola ubuhle bukaNkulunkulu, ukufuna indlela yokwenza ngokoqobo ngenhloso yokuthi ukwazi ukulahla isimo sakho esihlubukayo, ukuthola isimo esijwayelekile ngaphakathi kuwe, ukuthi ukwazi ukuvumelana nentando kaNkulunkulu ngokuphelele, ukuba umuntu olungile, nokuba nenhloso efanele kukho konke okwenzayo. Isizathu sokuthi udlule kuzo zonke lezi zinto ukuthi ufinyelele ekumazini uNkulunkulu nokukhula empilweni. Yize lokhu ohlangana nakho kuyizwi likaNkulunkulu nezinto ezenzeka ngempela, kanye nabantu, izindaba, nezinto ezikuzungezile kwangempela, ekugcineni uyakwazi ukumazi uNkulunkulu nokupheleliswa uNkulunkulu. Ukufuna ukuhamba ngendlela yomuntu olungile noma ukufuna ukwenza izwi likaNkulunkulu: lezi yizinto eziyindlela, kanti ukwazi uNkulunkulu nokupheleliswa nguNkulunkulu kuyisiphetho. Noma ngabe manje ufuna ukupheleliswa nguNkulunkulu, noma ufuna ukufakazela uNkulunkulu, ekugcineni konke kwenzelwa ukuthi wazi uNkulunkulu; ukuze umsebenzi awenzayo kuwe ungabi yize leze, ukuze kuthi ekugcineni ufinyelele ekwazini ubuqiniso bukaNkulunkulu, ukwazi ubukhulu Bakhe, futhi ngaphezu kwalokho ukwazi ukuthobeka kukaNkulunkulu nokufihlakala Kwakhe, nokwazi umsebenzi omningi kakhulu uNkulunkulu awenzayo kuwe. UNkulunkulu uzehlisile wazibeka ezingeni elize lenza ukuthi enze umsebenzi Wakhe kulaba bantu abangcolile nabakhohlakele, bese ephelelisa leli qembu labantu. UNkulunkulu akazange abe yinyama ukuze aphile adle nabantu kuphela, ukuzokwelusa abantu, nokuzohlinzeka abantu ngalokhu abakudingayo. Okubaluleke nakakhulu ukuthi wenza umsebenzi Wakhe omkhulu wokusindisa nokunqoba laba bantu abakhohlakele ngendlela engabekezeleleki. Weza esizindeni sikadrako omkhulu obomvu ukuzosindisa laba bantu abakhohlakele kakhulu, ukuze bonke abantu baguqulwe benziwe babe basha. Ubunzima obukhulu uNkulunkulu abubekezelelayo akubona kuphela ubunzima uNkulunkulu osenyameni abubekezelelayo, kodwa ngaphezu kwakho konke, ukuthi uMoya kaNkulunkulu uzwa ukwehliswa okwedlulele—uyazithoba futhi azifihle kangangokuba uze abe ngumuntu ojwayelekile. UNkulunkulu waba senyameni wathatha isimo senyama ukuze abantu babone ukuthi unokuphila komuntu okujwayelekile kanye nezidingo zomuntu ezijwayelekile. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi uNkulunkulu uzithobe ngokwezinga eliphezulu. UMoya kaNkulunkulu ubonakala enyameni. UMoya Wakhe uphakeme futhi mkhulu kakhulu, kodwa uthatha isimo somuntu ovamile, somuntu onganakekile ukuze enze umsebenzi kaMoya Wakhe. Izinga, ulwazi, umuzwa, ubuntu, kanye nezimpilo zenu kukhombisa ukuthi anifanele ngempela ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu walolu hlobo. Anifanele ngempela ukwenza uNkulunkulu abekezelele ubunzima obufana nalobu ngenxa yenu. UNkulunkulu mkhulu kakhulu. Uphakeme kakhulu, kanti abantu baphansi, kodwa usasebenza kubo. Akazange abe senyameni ukuze ahlinzeke abantu kuphela, ukuzokhuluma kubantu, kodwa uze ahlale ndawonye nabantu. UNkulunkulu uthobeke kakhulu, futhi uthandeka kakhulu. Uma nje lapho kukhulunywa ngothando lukaNkulunkulu, uma nje kukhulunywa ngomusa kaNkulunkulu, niyakhala ngenkathi nimdumisa, uma nifinyelela kulesi simo, khona-ke niyamazi ngempela uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 550)

Kukhona ukwehlukana kulokho okufunwa abantu esikhathini sanamuhla; sebefuna ukuthanda nokwanelisa uNkulunkulu kuphela, kodwa abanalwazi ngoNkulunkulu, futhi sebedebesele ukukhanyiselwa nokukhanya koMoya oNgcwele okungaphakathi kubo. Abanaso isisekelo solwazi lweqiniso ngoNkulunkulu. Bonke labo abafuna ukuba nolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, nakuba babengenazo izimo ezikahle ngokwedlule, futhi babehlala benezinto ezimbi nobuthakathaka, futhi babevame ukukhala, bedumazeka, futhi belahlekelwa yithemba—manje, njengoba bethola ulwazi olwengeziwe, izimto zabo ziyathuthuka. Ngemva kokubhekana nabo nokwephulwa, futhi bebhekene nomzuliswano wokulingwa nokucwengwa, benze intuthuko enkulu. Izimo zengqondo ezimbi ziyancipha, futhi kube noshintsho esimweni sabo sokuphila. Njengoba bebhekana ngokwengeziwe nezilingo, izinhliziyo zabo ziqala ukuthanda uNkulunkulu. Kunomthetho ekuphelelisweni kwabantu uNkulunkulu, okungukuthi ukunika ulwazi ngokusebenzisa ingxenye yakho oyithandayo ukuze ube nendlela yokwenza bese uzihlukanisa nazo zonke izimo ezimbi, usize umoya wakho ukuze uthole ukukhululeka, futhi kukwenze ukwazi ukumthanda kakhulu Yena. Ngale ndlela uyakwazi ukulahla isimo esikhohlakele sikaSathane. Umsulwa futhi uvulelekile, uyafisa ukuzazi wena uqobo, futhi uyafisa ukwenza iqiniso. Nakanjani uNkulunkulu uyokubusisa, ngakho lapho ubuthaka futhi unezinto ezimbi, ukunika ulwazi olwengeziwe, akusize uzazi kangcono, ufise ngokwengeziwe ukuphenduka, futhi ukwazi ngokwengeziwe ukwenza izinto okumele uzenze. Yingale ndlela kuphela lapho inhliziyo yakho izoba nokuthula futhi ukhululeke. Umuntu ovame ukunaka ukwazi uNkulunkulu, onaka ukuzazi yena uqobo, onaka izinto azenzayo, uzokwazi ukuthola njalo umsebenzi kaNkulunkulu, ukuthola ukuqondiswa kanye nokukhanyiselwa Nguye. Nakuba umuntu onjalo angaba nesimo sengqondo esibi, uyakwazi ukushintsha ngokushesha, noma ngabe kungenxa kanembeza noma ulwazi oluvela ezwini likaNkulunkulu. Ukushintsha kwesimo somuntu kwenzeka njalo uma umuntu esazi isimo sakhe esingokoqobo kanye nesimo nomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu ofisa ukuzazi nofisa ukuzibeka obala uzokwazi ukwenza iqiniso. Lolu hlobo lomuntu othembekile kuNkulunkulu, kanti umuntu othembekile kuNkulunkulu unakho ukuqonda uNkulunkulu, noma lokhu kuqonda kunzulu noma cha, okuncane noma okuningi. Lokhu ukulunga kukaNkulunkulu, futhi kuyinto etholwa abantu; ilokhu abakuzuzayo. Umuntu onolwazi ngoNkulunkulu yilowo onesisekelo, onombono. Lolu hlobo lomuntu luyaqiniseka ngokuba yinyama kukaNkulunkulu, futhi luyaqiniseka ngezwi likaNkulunkulu nangomsebenzi kaNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu usebenza noma ukhuluma kanjani, noma ukuthi abanye abantu bamphazamisa kanjani, usengakwazi ukuma kulokhu akholelwa kukho, ame abe ufakazi kuNkulunkulu. Lapho umuntu eba yile ndlela ngokwengeziwe, angakwazi ukulenza ngokwengeziwe iqiniso aliqondayo. Ngenxa yokuthi uhlale enza izwi likaNkulunkulu, uthola ukuqonda uNkulunkulu ngokwengeziwe, bese eba nezisombululo zokuthi akwazi ukuma phakade afakazele uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 551)

Ukuba nokuqonda, ukuba nokuthobeka, kanye nokukwazi ukubona ezinto ukuze ube qotho emoyeni kusho ukuthi unamazwi kaNkulunkulu akukhanyiselayo nakunika ukukhanya ngaphakathi kuwe uma nje uhlangabezana nokuthile. Yilokhu ukuba qotho emoyeni. Yonke into eyenziwa uNkulunkulu uyenzela ukuvuselela imimoya yabantu. Kungani uNkulunkulu ehlala ethi abantu abanamuzwa futhi babuthuntu? Kungoba imimoya yabantu ifile, sebephelelwe imizwa ngendlela yokuthi abasazizwa izinto zikamoya. Umsebenzi kaNkulunkulu ukwenza abantu bathuthuke ezimpilweni zabo, nokuvuselela imimoya yabantu, ukuze bakwazi ukubona izinto zikamoya, futhi bahlala bekwazi ukuauNkulunkulu ezinhliziyweni zabo nokwenelisa uNkulunkulu. Ukufika kule ndawo kukhombisa ukuthi umoya womuntu usuvuselelekile, bese kuthi uma ehlangabezana nokuthile ngesikhathi esizayo, akwazi ukwenza okufanele. Uyakwazi ukwamukela izintshumayelo, futhi asabele ngokushesha ezimweni. Lokhu yikho okuwukufinyelela ubuqotho bomoya. Baningi abantu abasabela ngokushesha ezigamekweni zangaphandle, kodwa uma ungena eqinisweni, noma uma kushiwo izinto ezinemininingwane zikamoya, baphelelwa imizwa futhi babe buthuntu. Into bayiqonda kuphela uma bebhekene ngqo nayo. Konke lokhu izimpawu zokungabi namizwa nokuba buthuntu ngokukamoya, ukuba nolwazi oluncane ngezinto zikamoya. Abanye abantu baqotho emoyeni futhi banokuqonda. Uma nje bezwa into eqondiswe esimweni sabo abachithi sikhathi bayibhala phansi. Bayisebenzise kokulandelayo abahlangabezana nakho, ngalokho baziguqule bona. Lona ngumuntu oqotho emoyeni. Kungani ekwazi ukusabela ngokushesha okungaka? Kungoba ugxila kulezi zinto nsuku zonke, uma nje kukhulunywa ngokukodwa kwalezi zinto, kube ukuthi kuhlangabezana nesimo sakhe sangaphakathi, bese eyakwazi ukukwamukela ngaleso sikhathi. Kufana nokunika umuntu olambile ukudla; uyakwazi ukuthi adle ngaleso sikhathi. Uma unika umuntu ongalambile ukudla, akasheshi ukudla. Uhlale uthandaza kuNkulunkulu, bese uyakwazi ukwenza okuthile ngaleso sikhathi uma uhlangabezana nokuthile: lokhu okufunwa uNkulunkulu kulolu daba kanye nendlela okumele wenze ngayo. UNkulunkulu wakuqondisa kulolu daba ngesikhathi esedlule; uma uhlangabezana nento efanayo namuhla usuyazi ukuthi ungena kanjani kulesi simo, ukwenelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Uma uhlale wenza ngale ndlela futhi uhlale ubona izinto ezinje, ngesinye isikhathi uzogcina usukwazi ukuthi umelana kanjani nazo. Uma ufunda izwi likaNkulunkulu uyazi ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ngohlobo lomuntu onjani, uyazi ukuthi izimo ezinjani zomoya akhuluma ngazo, futhi uyakwazi ukubamba iphuzu elibalulekile bese ulenza; lokhu kukhombisa ukuthi uyakwazi ukubona. Kungani abanye abantu bekuntula lokhu? Kungenxa yokuthi abazami kakhulu ukukwenza. Yize befisa ukwenza iqiniso, abanalo ulwazi lweqiniso ngemininingwane yomsebenzi, imininingwane yeqiniso ezimpilweni zabo. Ngale ndlela, ungase uduke uma abaprofethi bamanga noma abaphostoli bamanga befika. Kufanele ufunde njalo amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu—kungale ndlela kuphela ongakwazi ngayo ukuqonda iqiniso futhi ube nokuqonda. Ngokwesibonelo, ukuthi yini uNkulunkulu ayikhulumayo, ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani, ukuthi yini ayifuna kubantu, kumele usondelane nohlobo olunjani lwabantu, nokuthi hlobo luni lwabantu okumele ulugweme—kufanele ufunde njalo ngalezi zinto. Uma uhlale uzwa izwi likaNkulunkulu ngale ndlela, uzoqonda iqiniso futhi uqonde kahle izinto eziningi, futhi uzokwazi ukuba nokuqonda Kuyini ukuyalwa uMoya oNgcwele, kuyini ukuzisola okwenziwe inhloso yomuntu, kuyini ukuqondiswa uMoya oNgcwele, kuyini ukuhlelwa kwendawo, kuyini ukukhanyiselwa amazwi kaNkulunkulu ngaphakathi? Uma zingakucaceli lezi zinto, ngeke ukwazi ukuqonda. Kumele wazi ukuthi ikuphi okuvela kuMoya oNgcwele, ikuphi okuyisimo esingalawuleki, ulihlonipha kanjani izwi likaNkulunkulu, nokuthi ungakulahla kanjani ukungalawuleki; kumele uqonde imininingwane yawo wonke la maqiniso, ukuze uma kukhona okwenzekayo, ube nalo iqiniso elifanele ozoliqhathanisa nakho, ube nombono ofanele njengesisekelo, ube nemigomo kukho konke okwenzayo futhi ukwazi ukwenza ngeqiniso. Impilo yakho iyogcwala ulwazi ngoNkulunkulu, igcwale izibusiso zikaNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke amphathe kabi umuntu omfuna ngokweqiniso. Ngeke amphathe kabi umuntu ophila njeNgaye ebe enobufakazi Ngaye, futhi ngeke aqalekise muntu owomele iqiniso. Uma ngenkathi udla uphuza amazwi kaNkulunkulu, kumele ubheke isimo sakho sangempela, ubheke lokhu okwenzayo, uphinde ubheke lokhu okuqondayo, kuzothi uma uhlangabezana nenkinga ube nolwazi futhi ube nokuqonda. Uzoba nendlela ezokwenza ukwazi nokuhlola imimoya yazo zonke izinto. Umuntu oneqiniso akulula ukuthi akhohliseke, futhi akulula ukuthi aziphathe ngendlela ephazamisayo noma enze izinto ngehaba. Ngenxa yeqiniso uvikelekile, futhi ngenxa yeqiniso uthola ukuqonda okukhulu. Ngenxa yeqiniso unezindlela eziningi zokwenza, uthola amathuba amaningi okuthi uMoya oNgcwele asebenze kuye, athole namathuba amaningi okuthi apheleliswe.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 552)

Kunemibandela okufanele uyigcine uma uzopheleliswa. Ngokuzimisela kwakho, ukubekezela kwakho, kanye nonembeza wakho, nangokuphokophela kwakho, uzokwazi ukuyizwa impilo, uphinde ugcwalise intando kaNkulunkulu.Lezi izinto ezifuneka uma ungena, futhi lokho okufunekayo endleleni eya ekuphelelisweni. Umsebenzi wokupheleliswa ungenziwa kubo bonke abantu.Wonke umuntu ophokophela ekufuneni uNkulunkulu angapheleliswa futhi unethuba nezinto ezifunekayo nolwazi lokuthi apheleliswe. Ayikho imithetho eqinile lapha.Ukuthi umuntu angapheleliswa yini kuncike ikakhulukazi kulokho umuntu aphokophela ukukufuna. Abantu abalithandayo iqiniso futhi abakwaziyo ukuphila iqiniso, nakanjani bangapheleliswa. Abantu abangalithandi iqiniso abanconywa nguNkulunkulu; abanayo impilo uNkulunkulu ayifunayo, futhi abakwazi ukupheleliswa. Umsebenzi wokuphelelisa owokuzuza abantu kuphela, awusona isinyathelo ekulweni noSathane; umsebenzi wokunqoba ungowokulwa noSathane kuphela, okusho ukusebenzisa ukunqotshwa komuntu ukwehlula uSathane. Lona wesibili uwona msebenzi osemqoka, umsebenzi omusha sha ongakaze wenziwe ezinkathini zonke. Umuntu angathi inhloso yalesi sigaba somsebenzi esikakhulukazi ukunqoba bonke abantu ukuze kunqotshwe uSathane. Umsebenzi wokuphelelisa abantu—lowo msebenzi awumusha.Wonke umsebenzi ophakathi nesikhathi uNkulunkulu esebenza esenyameni unenjongo yawo esemqoka ewukunqoba abantu. Lokhu kunjengaseNkathini Yomusa. Ukuhlengwa kwesintu sisonke ngesiphambano, kwakuyikho umsebenzi osemqoka. “Ukuzuza abantu” kwakuyisengezo emsebenzini wasenyameni kanti wenziwa emuva kwesiphambano.Wathi lapho uJesu efika futhi enza umsebenzi Wakhe, inhloso Yakhe kwakuwukusebenzisa isiphambano Sakhe ukunqoba phezu kobugqila bokufa neHayidesi, nokunqoba phezu kwamandla kaSathane, okuchaza ukumehlula uSathane. Kungemuva kokubethelwa kukaJesu, lapho uPetru waqala isinyathelo ngasinye indlela eya ekuphelelisweni. Impela wayengomunye walabo ababelandela uJesu ngesikhathi uJesu esebenza, kodwa akazange apheleliswe ngaleso sikhathi. Kepha, kwakungemuva kokuthi uJesu eseqedile umsebenzi wakhe, lapho uPetru waqala waqonda iqiniso kancane kancane futhi wabe esepheleliswa. UNkulunkulu esemzimbeni wesintu uza emhlabeni kuphela ukuzofeza isigaba somsebenzi esiwukhiye futhi esibucayi, ngesikhathi esifishane, hhayi ukuzophila isikhathi eside phakathi kwabantu emhlabeni ngenhloso yokubaphelelisa. Akawenzi lowo msebenzi. Akalindi kuze kufike leso sikhathi lapho umuntu esepheleliswe ngokugcwele, ukuze aphethe umsebenzi Wakhe. Lokho akuyona inhloso nokubaluleka kokuthatha kwakhe umzimba wenyama. Ufika kuphela ukuzokwenza umsebenzi wesikhathi esifishane wokusindisa isintu kuphela, hhayi ukuzokwenza umsebenzi wesikhathi eside kakhulu wokuphelelisa isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu ungowokumela, futhi ukwazi ukwethula inkathi entsha kanti ungaqedwa esikhathini esifishane. Kodwa ukuphelelisa isintu kudinga ukuletha umuntu ezingeni elithile futhi kungumsebenzi othatha isikhathi eside. Lo msebenzi kufanele wenziwe nguMoya oNgcwele, kodwa wenziwa phezu kwesisekelo seqiniso elikhulunywa ngesikhathi somsebenzi esenyameni. Noma, ngaphezulu kwalokho, uvusa abaphostoli ukwenza umsebenzi wesikhathi eside wokwelusa ukufeza umgomo Wakhe wokuphelelisa isintu. UNkulunkulu osesimweni somuntu akawenzi lo msebenzi. Ukhuluma nje kuphela ngendlela yokuphila ukuze abantu baqonde futhi unika isintu iqiniso kuphela, kunokuba njalo-njalo aphelezele umuntu ekwenzeni iqiniso, ngoba lokho akukho enkonzweni Yakhe. Ngakho-ke ngeke aphelezele umuntu kuze kufike usuku lapho umuntu eqonda iqiniso ngokuphelele futhi ethola iqiniso ngokuphelele. Umsebenzi Wakhe esenyameni ufezeka lapho umuntu engena ngokusemthethweni emgudwini olungile wokukholwa kuNkulunkulu, lapho umuntu ethatha isinyathelo emgudwini okuyiwonawona wokupheleliswa. Lokhu, ilapho phela eyobe esemnqobe ngokugcwele uSathane futhi wanqoba phezu komhlaba. Akanandaba ukuthi umuntu ugcine engenile yini eqinisweni, ngaleso sikhathi, futhi akanandaba nokuthi impilo yomuntu inkulu noma incane. Akukho nokukodwa kulokho okuphathwa Nguye esesenyameni; ayikho neyodwa yazo esenkonzweni kaNkulunkulu osenyameni. Uma eqeda umsebenzi Wakhe awuhlosile, uphetha umsebenzi Wakhe enyameni. Ngakho umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osenyameni, umsebenzi ongenakwenziwa uMoya oNgcwele kaNkulunkulu bukhoma. Ngaphezu kwalokho, ngumsebenzi wesikhathi esifishane wensindiso, hhayi umsebenzi wesikhathi eside wasemhlabeni.

Kucashunwe embhalweni othi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 553)

Lo msebenzi phakathi kwenu wenziwa kinina ngokuthi yimuphi umsebenzi odinga okwenziwa. Emuva kokunqotshwa kwalaba bantu, iqembu labantu lizopheleliswa.Ngakho-ke omningi umsebenzi wamanje, ungowokulungiselela inhloso yokuphelelisa nina, ngoba baningi abalilambelayo iqiniso abangapheleliswa. Ukuba umsebenzi wokunqoba bewenziwa kini bese emuva kwalokho kungabe kusenziwa omunye umsebenzi, bekungeke yini kusho ukuthi abanye abalangazela iqiniso ngeke balizuze? Umsebenzi wamanje uhlose ukuvula indlela yokuphelelisa abantu kamuva. Nakuba umsebenzi Wami kuwukunqoba kuphela, indlela yokuphila ekhulunywe Yimi, noma kunjalo, ingeyokulungisela ukuphelelisa abantu kamuva. Umsebenzi olandela emuva kokunqoba ugxile ekupheleliseni abantu, ngakho-ke ukunqoba kwenziwa ukwendlala isisekelo sokuphelelisa. Umuntu angapheleliswa kuphela emuva kokunqotshwa. Njengamanje umsebenzi osemqoka ukunqoba; emuva kwalokho labo abafunisisa futhi abalangazelela iqiniso bayopheleliswa. Ukupheleliswa kuphathelene nezindlela ezinhle zokungena: Unayo inhliziyo ethanda uNkulunkulu na? Kube ngakanani ukujula kolwazi obenalo njengoba bewuhamba le ndlela na? Lumsulwa kangakanani uthando lwakho lukaNkulunkulu na? Uqikelela kangakanani ekwenzeni iqiniso? Ukuze apheleliswe, umuntu kufanele abe nolwazi oluyisisekelo ngamacala wonke obuntu. Lokhu umbandela oyisisekelo. Bonke labo abangenakupheleliswa emuva kokunqotshwa baphenduka izinto ezisizayo futhi bayogcina belahlwe echibini lomlilo nesibabuli baphinde balahlwe emgodini wakwalasha ngoba isimo sabo asikashintshi futhi basengabakaSathane.Uma umuntu engenazo izinto ezifunekayo ukuze apheleliswe, akalusizo lwalutho—ungudoti, ithuluzi, into engenakumelana nokulingwa ngomlilo! Lukhulu kangakanani uthando lwakho lwaNkulunkulu njengamanje? Ingabe uzizonda kakhulu kangakanani? Ingabe ujule kangakanani ngokumazi ngempela uSathane? Ingabe ukuqinisile ukuzimisela kwakho? Ingabe impilo yakho ebuntwini ihleleke kahle? Ishintshile yini impilo yakho? Ingabe usuphila impilo entsha? Indlela obuka ngayo impilo ingabe ishintshile? Uma lezi zinto zingashintshanga, ngeke ukwazi ukupheleliswa noma ungahlehli; okunalokho nje, usunqotshiwe. Uma sekuyisikhathi sokukuvivinya, uswele iqiniso, ubuntu bakho abujwayelekile, futhi usezingeni eliphansi njengesilwane. Unqotshiwe nje kuphela, unqotshiwe nje kuphela Yimi. Njengoba, uma imbongolo seyike yezwa noma yashwaywa isitshwebhu somnikazi, imbongolo iba novalo nokwesaba ukuhlupha njalo uma ibona umnikazi, ngakho nawe, usuyile mbongolo enqotshiwe. Uma umuntu engenazo lezo zinto ezinhle futhi esikhundleni salokho angenzi luthofuthi abe nokwesaba, abe novalo nokungabaza ngezinto zonke, angakwazi ukuqonda nanoma yini ngokucacile, angakwazi ukwemukela iqiniso, futhi eselokhu engenayo indlela yokwenza, nangaphezulu, engenayo inhliziyo ethanda uNkulunkulu—uma umuntu engenakuqonda ngokuthi amthande kanjani uNkulunkulu, nokuthi angayiphila kanjani impilo enohlonze, noma ukuthi angaba njani umuntu woqobo—angamfakazela kanjani uNkulunkulu umuntu onjalo na? Lokhu kuyakhombisa ukuthi impilo yakho ayinasisindo esitheni, futhi uyimbongolo enqotshiwe nje kuphela. Unqotshiwe, kodwa lokho kusho ukuthi nje umlahlile udrako omkhulu obomvu futhi waphinde wenqaba ukuthoba endaweni aphethe kuyo; kusho ukuthi uyakholwa ukuthi kukhona uNkulunkulu, ufuna ukulalela zonke izinhlelo zikaNkulunkulu, futhi awunazikhalo. Kodwa ezingxenyeni ezinhle, uyakwazi ukuphila ngokwezwi likaNkulunkulu nokubonakalisa uNkulunkulu? Uma ungenakho nokukodwa kwalezi zinto, kusho ukuthi awukazuzwa nguNkulunkulu, futhi uyimbongolo enqotshiwe nje kuphela. Ayikho into ethandekayo kuwe, phinde noMoya oNgcwele akasebenzi kuwe. Ubuntu bakho bushoda kakhulu, futhi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu akusebenzise. Kufanele uvunywe nguNkulunkulu futhi ube sezingeni elingcono ngamakhulu ngaphezu kwalezi zilwane ezingakholwa nalaba abahamba befile—yilabo kuphela abafinyelela kuleli zinga abavumelekile ukuba bapheleliswe. Uma umuntu enobuntu futhi enonembeza, yilapho efanelekile ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Uma usuphelelisiwe yilapho kuphela ungathathwa ngokuthi ungumuntu. Abantu abaphelelisiwe kuphela abaphila izimpilo ezinenjongo nohlonze. Abantu abanjena kuphela abangafakaza ngokungathandabuzi kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 554)

Iyiphi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu? Yiziphi izingxenye ezifakiwe? Ingabe uzimisele ukupheleliswa nguNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukwamukela isahlulelo kanye nokusolwa uNkulunkulu? Yini oyaziyo ngale mibuzo? Uma ungeke ukhulume ngalolu lwazi olunjalo, ngakho lokhu kukhombisa ukuthi awukawazi namanje umsebenzi kaNkulunkulu nokuthi awukakukhanyiseli nhlobo uMoya oNgcwele. Uhlobo olunjalo lomuntu ngeke lupheleliswe. Bangathola kuphela inani elincane lomusa ukuba bawuthokozele isikhashana futhi ngeke bakwazi ukuwugcina esikhathini eside. Uma umuntu emane ejabulela umusa kaNkulunkulu, ngeke apheleliswe nguNkulunkulu. Abanye bangeneliseka ngokuthula kanye nokujabula kwenyama, impilo elula engenabo ubunzima noma ishwa, ukuhlala ngokuthula nomndeni wabo ngaphandle kokulwa noma izingxabano. Bangaze ngisho bakholwe ukuthi lokhu kuyisibusiso sikaNkulunkulu, kodwa eqinisweni, kumane kungumusa kaNkulunkulu. Ngeke waneliseke ngokumane ujabulele umusa kaNkulunkulu. Lokhu kucabanga okunjalo kuyinhlamba. Ngisho noma ufunda izwi likaNkulunkulu nsuku zonke, ukhuleke nsuku zonke, nomoya wakho uzizwa unenjabulo ethile kanye nokuthula, kepha ekugcineni awukwazi ukukhuluma nganoma yiluphi ulwazi lukaNkulunkulu nomsebenzi Wakhe noma ungenakho okuhlangenwe nakho okunjalo, futhi akukhathaleki noma lingakanani izwi likaNkulunkulu osulidlile noma oliphuzile, uma kungukuthi umane uzizwela ukuthula nenjabulo emoyeni wakho kanye nokuthi izwi likaNkulunkulu limnandi ngokungelinganiswe, kube sengathi awulithokozeli ngokwanele, kodwa ungenakho okuhlangenwe nakho kwangempela futhi ungenasiqiniseko sezwi likaNkulunkulu, khona-ke yini ongayithola kuleyo ndlela yokholo kuNkulunkulu? Uma ungeke uyiphile ingqikithi yezwi likaNkulunkulu, ukudla nokuphuza kwakho amazwi kaNkulunkulu kanye nokuthandaza konke kuthintene nenkolo yakho. Ngakho-ke uhlobo lomuntu onjalo ngeke lupheleliswe futhi ngeke luzuzwe nguNkulunkulu. Bonke labo abazuzwe nguNkulunkulu yilabo abalandela iqiniso. Lokho uNkulunkulu akuzuzayo akuyona inyama yomuntu noma lokho okuyizinto zakhe, kodwa lokho okungaphakathi kuye okungokukaNkulunkulu. Ngakho, uNkulunkulu akuphelelisayo akuyona inyama yomuntu kepha inhliziyo Yakhe, ukuze inhliziyo yomuntu izozuzwa nguNkulunkulu. Ngamanye amazwi, ingqikithi yokuthi uNkulunkulu uphelelisa umuntu ngukuthi uNkulunkulu uphelelisa inhliziyo yomuntu ukuze ikwazi ukubuyela kuNkulunkulu futhi ithande Yena.

Inyama yomuntu ingeyomhlaba. Akufezi inhloso kaNkulunkulu ukuzuza inyama yomuntu, ngoba iyilokho okugcina kubolile nakanjani. Ngeke yakwazi ukwamukela ifa likaNkulunkulu noma izibusiso Zakhe. Uma uNkulunkulu ezuza inyama yomuntu bese egcina inyama yomuntu kule ndlela, umuntu angaba kule ndlela ngegama, kodwa inhliziyo yomuntu iyoba ngekaSathane. Ngakho akukhona kuphela ukuthi umuntu ngeke akwazi ukuba ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, kunalokho uyoba ngumthwalo Wakhe. Ngakho-ke ukukhetha kukaNkulunkulu umuntu kuyoba yize leze. Labo abayopheleliswa nguNkulunkulu yilabo abayothola izibusiso zikaNkulunkulu kanye nefa Lakhe. Lokhu kungukuthi, bafaka ngaphakathi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, ukuze kube yilokho abanakho phakathi; banawo wonke amazwi kaNkulunkulu asetshenziwe kubo; noma ngabe yini engekaNkulunkulu, uyakwazi ukukufaka konke phakathi njengoba kunjalo, ngaleyo ndlela uliphile iqiniso. Lolu uhlobo lomuntu olupheleliswe nguNkulunkulu noluzuzwa nguNkulunkulu. Yilolo hlobo lomuntu kuphela olufanelekela ukwamukela ifa nalezi zibusiso ezehliswa nguNkulunkulu:

1. Ukwamukela lonke uthando lukaNkulunkulu.

2. Ukwenza ngokwentando kaNkulunkulu kuzo zonke izinto.

3. Ukwamukela ukuqondiswa nguNkulunkulu, ukuphila ngaphansi kokukhanya kukaNkulunkulu, kanye nokukhanyiselwa nguNkulunkulu.

4. Ukuphila ngokomfanekiso othandwa nguNkulunkulu emhlabeni; ukuthanda uNkulunkulu njengoba uPetru enza, ukubethelelwa uNkulunkulu kanye nokufanelwa ukufa njengenkokhelo yothando lukaNkulunkulu; uthole udumo olufana noluka Petru.

5. Ukuthandwa, ukuhlonishwa, nokunconywa yibo bonke emhlabeni.

6. Ukwehlula konke ukugqilazwa ukufa kanye neHayidesi, ukunganikezi ithuba umsebenzi kaSathane, ukuba ube ngokaNkulunkulu, ukuphila phakathi komoya omusha nojabulisayo kanye nokungabi nakuzizwa ukhathele.

7. Ukuba nomuzwa omangalisayo wentokozo nokuthokozela ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakho, kube sengathi usubona ukufika kosuku lwenkazimulo kaNkulunkulu.

8. Ukuthola inkazimulonoNkulunkulu, kanye nokuba nobuso obufana nabangcwele abathandwa nguNkulunkulu.

9. Ukuba yilokho uNkulunkulu akuthandayo emhlabeni, lokho okungukuba, yindodana kaNkulunkulu ethandiwe.

10. Isimo sokuguquka kanye nokukhuphukela ezulwini lesithathu noNkulunkulu, ukudlula enyameni.

Yilabo kuphela abakwazi ukudla ifa lezibusiso zikaNkulunkulu abapheleliswa nguNkulunkulu nabazuzwa nguNkulunkulu. Ingabe kukhona okuzuzile? Kuze kwafika kuliphi izinga ukupheleliswa kwakho nguNkulunkulu? UNkulunkulu akamphelelisi umuntu ngokungahlelekile. Kunemibandela kanye nemiphumela ecacile engabonwa ngumuntu. Akunjengalokhu umuntu ekholelwa, okungukuthi inqobo nje uma umuntu enokholo kuNkulunkulu, angapheleliswa futhi azuzwe nguNkulunkulu, nokuthi angemukela izibusiso adle nefa likaNkulunkulu esesemhlabeni. Izindaba ezinjalo zilukhuni ngokwedlulele, futhi kungaphezu kwalokho uma sekuziwa ekushintsheni ukwenza. Njengamanje, lokho okumele ukuba niyakufuna njengokusemqoka ukuba upheleliswe nguNkulunkulu kuzo zonke izinto, nokuba upheleliswe nguNkulunkulu ngabo bonke abantu, izindaba, nezinto enibhekene nazo, ukuze okuningi kwalokho uNkulunkulu ayikho kungafakwa kinina. Kumele namukele ifa likaNkulunkulu kuqala nisesemhlabeni ngaphambi kokuba nifaneleke ukudla ifa nezinye zezibusiso ezinkulu ezivela kuNkulunkulu. Zonke izinto ezinjalo yilezo okumele nizifune kanye nalezo okumele niziqonde kuqala. Ngenkathi nifuna ngokwengeziwe ukupheleliswa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto, yingenkathi lapho nizokwazi khona ukubona isandla sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngokwenza njalo nikhombise ukufuna ukungena ebukhoneni bezwi likaNkulunkulu naseqinisweni lezwi Lakhe ngokwemibono ehlukene kanye nangezindaba ezahlukene. Awukwazi ukweneliseka ngezimo ezingezinhle ezifana nokumane ungenzi izono, noma ukungabi nemibono, ukungabi nomqondo ojulile ngempilo, kanye nokungabi nentando yomuntu. UNkulunkulu uphelelisa umuntu ngezindlela ezahlukene, futhi kungenzeka ukuthi ezintweni zonke umphumela wazo kube ukuthi wena upheleliswe. Akukhona kuphela ukuthi ungapheleliswa ngendlela enhle, kodwa futhi nangokubi, ngaleyo ndlela uhlumeleliseke okuzuzayo. Nsuku zonke kunamathuba okuba upheleliswe kanye nesikhathi sokuba uzuzwe nguNkulunkulu. Emuva kwesikhathi sokudlula kulokho okunjalo noma sokuzizwela okunjalo, uyoba ngoshintshe kakhulu. Manje uyobe sewukwazi ukuthola kalula ukuqondisisa nokukhanyiseleka ngezinto eziningi obungaziqondi ngaphambilini; ngaphandle kokuba udinge abanye ukuba bakufundise, ngokungazi, uyokhanyiselwa nguNkulunkulu, ukuze ube nokukhanyiseleka ezintweni zonke futhi nakho konke odlula kukhona, kuyogxila kusabalale. UNkulunkulu uyokuqondisa ukuze ungaphambukeli kunoma yiluphi uhlangothi. Ngakho uyobe ususemgudwini wokupheleliswa Nguye.

Kucashunwe embhalweni othi “Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 555)

Ukupheleliswa nguNkulunkulu ngeke kuphelele ekutheni upheleliswe ngokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu. Le ndlela yokwenza igxile ohlangothini olulodwa kakhulu futhi ayihlanganisi konke ngokuphelele; imgcina umuntu esesilinganisweni esincane kuphela. Esimweni esinjalo, umuntu untula ukondleka emoyeni okudingeka kakhulu. Uma nifisa ukupheleliswa nguNkulunkulu, kufanele nifunde ukudlula ezintweni zonke niphinde nikhanyiseleke ezintweni zonke enihlangabezana nazo. Ngaso sonke isikhathi uma uhlangabezana nento ethize, noma elungile noma embi, kufanele usizakale ngayo futhi akufanele ikubangele ukuthi uyethe nje ungenzi lutho. Noma ngabe yini, kufanele uyibheke ngokuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, futhi ungayihlaziyi noma uyicwaninge ngokokubuka komuntu (lokhu kungukuphambuka endleleni yakho yokwenza). Uma lokhu kuyindlela yokwenza yakho, inhliziyo yakho iyoyithwala imithwalo yempilo yakho; uyophila njalo ngaphansi kokukhanya kobuso bukaNkulunkulu futhi ngeke ugudluke kalula ekwenzeni kwakho. Lolo hlobo lomuntu onjalo unamathuba amaningi okuqhubekela phambili. Maningi kakhulu amathuba okupheleliswa nguNkulunkulu. Konke kuncike ekutheni ingabe nina niyilabo abathanda uNkulunkulu ngeqiniso kanye nokuthi ngabe nizimisele yini ukupheleliswa nguNkulunkulu, ukuzuzwa nguNkulunkulu, kanye nokuthola izibusiso Zakhe nefa. Ngeke kukusize ukuba nokuzimisela nje kuphela. Kumele nibe nolwazi olunzulu, ngale kwalokho niyophambuka njalo ezenzweni zenu. UNkulunkulu uzimisele ukuphelelisa umuntu ngamunye phakathi kwenu. Njengoba izinto zinjalo njengamanje, nakuba abaningi sebevele bawemukelile isikhathi eside umsebenzi kaNkulunkulu, bazinqumele bona ngokwabo ukumane bathamele umusa kaNkulunkulu futhi bazimisele kuphela ukwemukela ukuthokomala kwenyama okuthile Kuye. Abazimisele ngokwamukela izambulo eziningi futhi eziphakeme, okukhombisa ukuthi inhliziyo yomuntu iselokhu ingaphandle njalo. Nakuba umsebenzi womuntu, ukusebenza kwakhe, kanye nenhliziyo yothando lukaNkulunkulu kunokungcola okumbalwa, uma sekuziwa ngasengqikithini engaphakathi yomuntu kanye nokucabanga kwakhe okungakhanyiselekile, umuntu usahlala efuna ukuthula nenjabulo yenyama, engakushayi mkhuba ukuthi ithini imibandela nezinhloso zikaNkulunkulu zokuphelelisa umuntu. Ngakho izimpilo zabaningi ziselokhu zingenasithunzi futhi zihlehlela emuva, kungekho ngisho oluncane ushintsho. Bakushaya indiva kalula ukukholwa kuNkulunkulu njengokungabalulekile. Kunalokho, kuba sengathi banokholo nje ngoba benzela omunye, benze ngaphandle kokuzimisela noma ukuzinikela, baqhubeke nokumane bagcine icala benze okuyisilinganiso esincane, bewuzulane empilweni engenanhloso. Bambalwa labo abafisa ukungena ezwini likaNkulunkulu kuzo zonke izinto, bazuze izinto ezibacebisayo, babe yilabo abanothe kakhulu endlini kaNkulunkulu kunamuhla, futhi bathole ezinye izibusiso zikaNkulunkulu eziningi. Uma ufisa ukupheleliswa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto futhi ukwazi ukuhlomula efeni lesithembiso sikaNkulunkulu emhlabeni; uma ufuna ukukhanyiselwa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto futhi ungavumeli iminyaka yedlule uhlezi, lena yindlela encomekayo yokuba ungene ngaphakathi. Yingale ndlela kuphela lapho ufaneleka futhi ukulungele ukupheleliswa nguNkulunkulu. Ingabe ngempela ungomunye ofisa ukupheleliswa nguNkulunkulu? Ingabe ngempela ungomunye ozimisele ngempela kuzo zonke izinto? Ingabe unawo umoya wokuthanda uNkulunkulu ofana nokaPetru? Ingabe unakho ukuzimisela ukuthanda uNkulunkulu njengoba uJesu enza? Ube nokholo kuJesu iminyaka eminingi; ingabe ukubonile ukuthi uJesu wayemthanda kanjani uNkulunkulu? Ingabe uJesu ngempela okholelwa kuye? Ukholelwa kuNkulunkulu woqobo wanamuhla; ingabe sewuke wambona ukuthi uNkulunkulu osenyameni umthanda kanjani uNkulunkulu osezulwini? Unokholo eNkosini uJesu Kristu; lokhu yingoba ukubethelwa kukaJesu, ukuhlenga isintu, kanye nezimangaliso azenzayo zingamaqiniso ajwayelekile amukelekile. Nakuba kunjalo, ukholo lomuntu aluveli ekumazini nasekumqondeni ngeqiniso uJesu Kristu. Ukholelwa egameni likaJesu kuphela kodwa awunalo ukholo kuMoya oNgcwele Wakhe, ngokuba awukhombisi nhlonipho ngokuthi uJesu wayemthanda kanjani uNkulunkulu. Ukukholwa kwakho kuNkulunkulu kusebunganeni kakhulu. Nakuba ube nokukholelwa kuJesu iminyaka eminingi, awunalwazi lokuthi uthandwa kanjani uNkulunkulu. Ingabe lokhu akukwenzi isiphukuphuku esikhulu kakhulu emhlabeni? Lokhu kukhomba ukuthi eminyakeni eminingi ukudlele ize leze ukudla kweNkosi uJesu Kristu. Akukhona nje kuphela ukuthi ngiyamzonda umuntu onjalo, Ngethemba ukuthi nayo ngokunjalo iNkosi uJesu Kristu, lowo enimkhonzayo. Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu onjalo apheleliswe? Akukubangeli amahloni lokhu? Awuzizwa uphoxekile? Ingabe usenaso isibindi sokubhekana neNkosi yakho uJesu Kristu? Ingabe nonke niyayiqonda incazelo yamazwi Ami?

Kucashunwe embhalweni othi “Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukungena Ekuphileni 4

Okulandelayo: Iziphetho Nemiphumela

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp