Isahluko 9

Ngifuna ukukukhumbuza ukuthi awukwazi ukungacacelwa nakancane ngezwi Lami futhi noma yikuphi ukungacopheleli akwamukeleki. Kufanele ulinake futhi ulilalele uphinde wenze izinto ngokuhambisana nezinhloso zami. Kufanele uhlale uqaphele futhi ungabi neze nesimo esinokuzithwala nokuzibona ulungile, futhi kufanele uhlale wethembele kimi ukukhipha isimo semvelo esidala esihlala phakathi kuwe. Kufanele njalo ukwazi ukugcina isimo esejwayelekile phambi Kwami, futhi ube nesimo esizinzile. Ukucabanga kwakho kufanele kube ngokuphapheme nokucacile futhi akufanele kunyakaziswe noma kulawulwe noma yimuphi umuntu, isigameko, noma into. Kufanele uhlale uzothile ebukhoneni Bami futhi uhlale ugcine ukusondelana nokuhlanganyela Nami okuqhubekayo. Kufanele ukhombise amandla nobuqotho, futhi ume uqine ekufakazeni kwakho Ngami. Sukuma futhi ukhulume ngenxa Yami futhi ungesabi ukuthi abanye abantu bathini. Gxila ekwaneliseni izinhloso Zami futhi ungalawulwa ngabanye. Engikwambulayo kuwe kufanele kwenziwe ngokuhambisana nezinhloso Zami futhi akukwazi ukubanjezelwa. Uzizwa kanjani ngaphakathi? Awukhululekile? Uzoqonda. Kungani ungakwazi ukuma ukhulume ngenxa Yami futhi ucabange ngomthwalo Wami? Ulokhu wenza amacebo ayize, kodwa ngikubona konke ngokucacile. Ngiyinsika yakho nesihlangu sakho, futhi konke kusezandleni Zami, ngakho wesabani? Ngabe lokho akukhona ukuba nemizwelo eyedlulele? Kufanele usheshe ulahle imizwelo; angenzi ngenxa yemizwelo, kodwa, kunalokho, ngenza ukulunga. Uma abazali bakho benza noma yini engalisizi ibandla, ngeke baphunyuke. Izinhloso Zami zambuliwe kuwe futhi kufanele ungazizibi. Kunalokho, kufanele ubeke konke ukunaka kwakho kuzo bese ulahla konke ukuze ulandele ngenhliziyo ephelele. Ngiyohlala ngikugcine ezandleni Zami. Ungabi nokwesaba futhi ulawulwe ngumyeni wakho; uyovumela ukuthi intando Yami yenziwe.

Yiba nokholo! Yiba nokholo! NgiNgonamandla Onke wakho. Lokhu kuyinto ongayibona ngandlela thize, kodwa kusafanele uqaphele. Ngenxa yebandla, intando Yami, nokuphatha Kwami, kufanele uzinikele ngokugcwele, futhi zonke izimfihlakalo neziphetho ziyokhonjiswa wena ngokucacile. Ngeke kube nokunye ukubambezeleka futhi izinsuku sezifika ekugcineni. Ngakho uyokwenzani? Kufanele ukufune kanjani ukukhula nokuvuthwa ekuphileni kwakho? Uyozenza kanjani ukuba ube nomsebenzi Kimi? Uyokwenza kanjani ukuba kwenzeke intando Yami? Ukwenza lokho kudinga ukuzindla okuphelele nokuhlanganyela okujulile Nami. Thembela Kimi, kholwa Kimi, ungabi neze nokungacopheleli, futhi yazi ukwenza izinto ngokuhambisana nokuqondisa Kwami. Iqiniso malinikezwe kahle futhi kufanele ulidle futhi uliphuze kaningi ngokwengeziwe. Lonke iqiniso kufanele lenziwe ngaphambi kokuthi liqondwe ngokucacile.

Ngabe manje uzwa ukuthi isikhathi asanele? Ngabe futhi uzwa ukuthi wehlukile ngaphakathi uma kuqhathaniswa nangaphambili nokuthi umthwalo wakho uzwakala sengathi usinda kakhulu? Izinhloso Zami ziphezu kwakho; kufanele ube nomqondo ocacile, ungasuki kuzo, futhi uhlale uxhumene Nami. Hlala njalo useduze Kwami, khuluma nami, cabangela inhliziyo Yami, futhi ukwazi ukusebenza ngokuhambisanayo, ukuze izinhloso Zami zihlale zambulwa kuwe. Hlala unakisisa! Nakisisa! Ungathambisi nakancane; lokho kungumsebenzi wakho futhi umsebenzi Wami uhlala kukho.

Ungaba nokuqonda okuncane kuleli qophelo futhi uzwe ukuthi lokhu kumangalisa kakhulu. Kungase kube ukuthi uke waba nokungabaza esikhathini esedlule futhi wezwa ukuthi kwakwehluke kakhulu emiqondweni, emikhankanyweni, nasemicabangweni yomuntu, kodwa ngokubalulekile uyaqonda manje. Lokhu kungumsebenzi Wami omangalisayo futhi kungumsebenzi omangalisayo kaNkulunkulu. Kufanele uphaphame ngempela futhi ulinde uphinde uhambe kuwona. Isikhathi sisezandleni Zami; ungasichithi futhi ungathambisi nakancane; ukuchitha isikhathi kubambezela umsebenzi Wami futhi kwenza ukuthi intando Yami ivimbeleke kuwe. Kufanele uzindle futhi ukhulume Nami kaningi. Kufanele ulethe zonke izenzo, iminyakazo, imicabango, imiqondo, umndeni, umyeni, amadodana namadodakazi phambi Kwami. Ungathembeli kuwe ekwenzeni kwakho, noma uma kungenjalo ngiyothukuthela futhi ukulahlekelwa kwakho kuyoba kukhulu.

Bamba izinyathelo zakho ngazo zonke izikhathi futhi ukwazi ukuhamba ngaphakathi kwamazwi Ami. Kuyolunga kuphela uma unokuhlakanipha Kwami. Woza phambi Kwami uma uhlangana nobunzima futhi ngiyokunika ukuqondiswa. Ungahliphizi futhi ukhulume ngobudlabha. Uma ukuphila kwakho kungatholi mhlomulo kungenxa yokuthi untula ulwazi futhi awukwazi ukwahlukanisa phakathi kwamazwi amahle namabi. Awukuboni lokhu uze ulimale futhi nezimo zakho zibe zimbi, futhi ungabi nobukhona boMoya oNgcwele. Ngaleso sikhathi, kusuke sekonakele. Isikhathi sesinciphile manje, ngakho akufanele usale nakancane emjahweni wokuphila; kufanele ulandele izinyathelo Zami eduze. Lapho kuvela noma yibuphi ubunzima, zindla njalo ngokuhlala useduze Kwami futhi ukhulume ngokuqondile Nami. Uma uqonda le ndlela, ukungena kwakho kuyoba lula ngenkathi ulokhu uya phambili.

Amazwi Ami awaqondisiwe kuwe nje; wonke umuntu ebandleni uyantula ezingxenyeni ezehlukene. Kufanele nikhulume ngokwengeziwe, nikwazi ukudla nokuphuza ngokuzimela ngesikhathi semikhuleko yenu yokomoya, futhi nikwazi ukuqonda amaqiniso asemqoka ukuwenza ngokushesha. Kufanele ube nomuzwa wobuqobo bezwi Lami futhi uqonde umnyombo walo wangempela; qina futhi ungathambisi. Cabanga njalo ngezwi Lami futhi hlala ukhuluma Nami, futhi liyoya ngokuya lambulwa. Awukwazi ukusondela kuNkulunkulu ngomzuzu owodwa bese ngaphambi kokuthi inhliziyo yakho izothe phambi kukaNkulunkulu, uphazamiseke lapho enye into ikwehlela. Uhlala udidekile futhi ungacacelwa ngezinto futhi awukwazi ukubona ubuso Bami, ngakho awukwazi ukuqonda inhliziyo Yami ngokucacile. Noma ukwazi ukuqonda kancane awuqinisekile futhi usenokungabaza. Uma ngingakayiphathi ngokugcwele inhliziyo yakho nomqondo wakho ungasaphazanyiswa yizo zonke izinto zomhlaba, nalapho ulinda ngomqondo ocacile nothulile—kungaleso sikhathi lapho, kancane kancane, ngiyokwambula kini ngokuhambisana nezinhloso Zami. Kufanele niqonde le ndlela yokuba seduze Nami. Noma ngubani okushayayo noma okuqalekisayo, noma zizinhle kangakanani izinto abantu abakunika zona, akwamukelekile uma zikuvimba ekusondeleni kuNkulunkulu. Vumela inhliziyo yakho ibe sesandleni Sami futhi ungangishiyi nhlobo. Ngalolu hlobo lokusondelana nokuhlanganyela, kungakhathaleki ukuthi ngabazali, umyeni, izingane, izihlobo ezinye zomndeni, noma izibopho zakho zezwe lasemhlabeni, konke kuyontanta kuhambe. Uyothokozela ubumnandi obucishe bungachazeki enhliziyweni yakho futhi uzwe ukunambitheka okunephunga elihle nobumnandi, futhi ngempela ngeke uhlukaniseke Kimi. Uma kuhlala kuba nje, niyokuqonda lokho okusenhliziyweni Yami. Ngeke nhlobo neduke ngenkathi nilokhu niqhubekela phambili, ngoba ngiyindlela yenu, futhi konke kukhona ngenxa Yami. Ukuthi kukhule kangakanani ukuphila kwakho, lapho uyokwazi ukwahlukana nezwe lasemhlabeni, ukwazi ukulahla imizwelo yakho, ukwazi ukushiya umyeni nezingane zakho, lapho ukuphila kwakho kuyovuthwa khona … zonke lezi zinto zihambelana nohlelo Lwami. Akukho sidingo sokukhathazeka.

Kufanele ungene ngasecaleni elihle. Uma ulinda ungenzi lutho, kusaphambene. Kufanele uhambele phambili uma ubambisene Nami; ukhuthale futhi ungavilaphi neze. Hlala usekuhlanganyeleni Nami futhi ube nokusondelana okujulile Nami. Uma ungaqondi, ungabi nokujaha imiphumela esheshayo. Akukhona ukuthi ngeke ngikutshele; ngifuna ukubona wethembela Kimi lapho usebukhoneni Bami noma uncika Kimi ngesibindi. Kufanele uhlale usondele Kimi futhi ubeke zonke izindaba ezandleni Zami. Ungaphindeli emuva ungazuzanga lutho. Emva kokuba seduze Kwami isikhathi ungazi, izinhloso Zami ziyokwambulwa kuwe. Uma uziqonda, khona-ke uyobhekana Nami ubuso nobuso, futhi uyobe ubuthole ngempela ubuso Bami. Uyocacelwa kakhulu futhi uqine ngaphakathi futhi uyoba nento oyothembela kuyo, futhi uyoba namandla kanye nesibindi. Futhi uyoba nendlela eqonde phambili bese konke kuza kalula kuwe.

Okwedlule: Isahluko 8

Okulandelayo: Isahluko 10

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp