Ngezinyathelo Zomsebenzi KaNkulunkulu

Uma kubukwa ngaphandle, kubonakala sengathi izinyathelo zomsebenzi wamanje kaNkulunkulu seziphelile, futhi umuntu usekuzwile ukwahlulela, ukusola, ukushaya, nokucwengisisa kwamazwi kaNkulunkulu, futhi wedlula ezinyathelweni ezinjengokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi, ukucwengisisa kwesikhathi sokusolwa, ukuvivinywa ngokufa, ukuvivinywa kweziqhathaniso, nesikhathi sokuthanda uNkulunkulu. Nokho, ngaphezu kokubhekana nobunzima obukhulu kuleso naleso sinyathelo, abantu basala bengayazi intando kaNkulunkulu. Cabanga ngokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi, njengesibonelo: Abakacacelwa yilokho abakuzuza, lokho abafinyelela ekukwazini, nomphumela uNkulunkulu ayefisa ukuwuthola. Uma kubhekwa isivinini somsebenzi kaNkulunkulu, umuntu ubonakala engakwazi nhlobo ukuhambisana nesivinini sanamuhla. Kubonakala ukuthi uNkulunkulu uqala ambule lezi zinyathelo zomsebenzi Wakhe kumuntu, nokuthi esikhundleni sokufinyelela ezingeni elingacatshangwa ngumuntu kunoma yisiphi isinyathelo, uletha ukukhanya odabeni. Ukuze uNkulunkulu aphelelise umuntu ukuze amzuze ngokweqiniso, kufanele enze zonke izinyathelo ezingenhla. Inhloso yokwenza lo msebenzi ukukhombisa ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele uNkulunkulu azenze ukuze aphelelise iqembu labantu. Ngalokho, uma kubukwa ngaphandle, izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu seziqediwe—kodwa empeleni, usanda kuqala ngokusemthethweni ukuphelelisa isintu. Abantu kufanele bacacelwe yilokhu: Kusaqedwe izinyathelo zomsebenzi, kodwa umsebenzi uqobo awukafiki esiphethweni. Nokho emibonweni yabo, abantu bakholwa ukuthi izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu sezambulwe zonke kumuntu, ngakho-ke akunakungatshazwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usuphelile. Le ndlela yokubuka izinto ayilungile nhlobo. Umsebenzi kaNkulunkulu uyaphambana nemibono yomuntu futhi uyayiphikisa imibono enjalo kuyo yonke imikhakha; izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ikakhulu, ziyaphambana nemibono yomuntu. Konke lokhu kukhombisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kuyabonakala ukuthi imibono yomuntu idala isiphazamiso kuyo yonke indawo, futhi uNkulunkulu uphikisa konke umuntu akucabangayo, okuba sobala ngenkathi sekwenzeka izinto ngempela. Wonke umuntu ucabanga ukuthi uNkulunkulu usebenza ngokushesha okweqile, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela esiphethweni masinyane, ngaphambi kokuba bazuze ukuqonda nangenkathi besadidekile. Kunjalo kuso sonke isinyathelo somsebenzi Wakhe. Abantu abaningi kakhulu bakholwa ukuthi uNkulunkulu udlala ngabantu—kodwa lokho akuyona inhloso yomsebenzi Wakhe. Indlela Yakhe yokusebenza ngeyokwetshisa: okokuqala njengokujeqeza ngokushesha izimbali ngenkathi ugabavula ugibele ihhashi, bese kuba ukungena emininingwaneni, bese emva kwalokho ucwengisisa le mininingwane ngokugcwele—okubazumayo abantu. Abantu bazama ukukhohlisa uNkulunkulu, becabanga ukuthi uma bengenza nje baze bafike eqophelweni elithile, uNkulunkulu uyokwaneliseka. Empeleni, angeneliswa kanjani ngempela uNkulunkulu yimizamo yomuntu yokwenza nje? Ukuze athole umphumela omuhle kakhulu, uNkulunkulu usebenza ngokuzuma abantu, ngokugadla lapho benganakile; lokhu kubanika ulwazi olukhudlwana ngokuhlakanipha Kwakhe, nokuqonda okukhudlwana ukulunga, ubukhosi, nesimo Sakhe esingoneki.

Namuhla, uNkulunkulu uqale ngokusemthethweni ukuphelelisa umuntu. Ukuze bapheleliswe, abantu kufanele bezwe ukwambula, ukwahlulela, nokusola kwamazwi Akhe, kufanele bezwe ukuvivinya nokucwengisisa kwamazwi Akhe (njengokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi), futhi kufanele bakwazi ukumela ukuvivinywa ngokufa. Okuchazwa yilokhu ukuthi phakathi kokwahlulela, ukusola, nokuvivinya kukaNkulunkulu, labo abayenza ngokweqiniso intando kaNkulunkulu bayakwazi ukudumisa uNkulunkulu kusuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo, nokulalela uNkulunkulu ngokuphelele futhi bazidele, ngalokho bathande uNkulunkulu ngenhliziyo eqotho, ephelele, nemsulwa; unjalo umuntu ophelele, futhi kuyiwo impela umsebenzi uNkulunkulu ahlose ukuwenza, nomsebenzi azowufeza. Abantu akufanele bajahe ukunquma ngendlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Kufanele bafune kuphela ukungena ekuphileni. Lokhu kubalulekile. Ungahlali ucubungula indlela yomsebenzi kaNkulunkulu; lokhu kuzolibazisa kuphela amathemba ekusasa lakho. Kungakanani osukubonile ngendlela uNkulunkulu asebenza ngayo? Ulalele kangakanani? Uzuze okungakanani endleleni ngayinye yomsebenzi Wakhe? Uzimisele yini ukupheleliswa nguNkulunkulu? Uyafisa ukuphelela? Lezi yizo zonke izinto okufanele niziqonde ngokucacile futhi ningene kuzo.

Okwedlule: Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe

Okulandelayo: Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumela UNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp