Ukwenza (4)

Ukuthula nenjabulo engikhuluma ngakho namuhla akufani nalokhu okholelwa kukho nokuqondayo. Ubucabanga ukuthi ukuthula nenjabulo kusho ukujabula usuku lonke, ukungabikho kwezifo noma amabhadi emndenini wakho, ukuhlala uthabile enhliziyweni yakho, ngaphandle kokuba noluncane usizi, nenjabulo engachazeki ngaphakathi kuwe kungakhathaleki ukuthi impilo yakho yakho ikhule ngezinga elingakanani. Lokhu bekungaphezulu kokunyuka komholo nokuthi indodana yakho isanda kungena enyuvesi. Uma ucabanga ngalezi zinto, uthandazile kuNkulunkulu, ubona ukuthi umusa kaNkulunkulu mkhulu kakhulu, wajabula ngokwedlulele, wamamatheka ngokugcwele, futhi wambonga ungaphezi uNkulunkulu. Lokhu kuthula nenjabulo akukhona ukuthula nenjabulo kweqiniso, okuza nokuba khona kukaMoya oNgcwele. Kunalokho, kungukuthula nenjabulo okuwumphumela wokwanela kwenyama yakho. Kufanele uqonde ukuthi iyiphi inkathi namuhla; akuyona iNkathi Yomusa, futhi akusesona isikhathi lapho ufuna khona ukugcwalisa isisu ngesinkwa. Ungase ujabule kakhulu ngoba konke kuhamba kahle emndenini wakho, kodwa impilo yakho ibambe owokugcina umoya—ngalokho-ke, noma ngabe inkulu kanjani injabulo yakho, uMoya oNgcwele akekho nawe. Ukuzuza ukuba khona kukaMoya oNgcwele kulula: yenza lokhu okufanele ukwenze ngendlela efanele, yenza umsebenzi womuntu kahle, futhi ukwazi ukuzihlomisa ngezinto ozidingayo ukuze ulungise amaphutha akho. Uma uhlale unomthwalo ngempilo yakho, futhi ujabule ngoba ulibona iqiniso noma uwuqonda umsebenzi kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuba khona kukaMoya oNgcwele. Ungase ube nexhala uma uhlangabezana nento ongazi ukuthi ubhekane kanjani nayo, noma ngoba ungaqondi iqiniso elihlanganyelwayo, lokhu kufakazela ukuthi uMoya Ongcwele unawe. Lezi yizimo esivamile empilweni. Kumele uqonde umehluko phakathi kokuba nobukhona bukaMoya oNgcwele nokungabi nobukhona bukaMoya oNgcwele, kanti akumele uyithathe kalula indlela okubona ngayo lokhu.

Phambilini, kwakuthiwa ubukhona bukaMoya oNgcwele nomsebenzi kaMoya oNgcwele kwehlukene. Isimo esijwayelekile sokuba khona kukaMoya oNgcwele sibonakala ekubeni nemicabango ejwayelekile, ingqondo ejwayelekile, kanye nobuntu obujwayelekile. Isimilo somuntu sizohlala sinjengoba sasinjalo, kodwa ngaphakathi kuye kuzoba khona ukuthula, kanti ngaphandle uzoba nokubukeka kongcwele. Uzokuba nje uma uMoya oNgcwele unaye. Uma umuntu enobukhona bukaMoya oNgcwele, ukucabanga kwakhe kungokujwayelekile. Lapho elambile ufuna ukudla, uma omile ufuna ukuphuza amanzi. ... Lokhu kubonakaliswa kobuntu obujwayelekile akukhona ukukhanyiselwa uMoya oNgcwele; kuyimicabango yabantu ejwayelekile kanye nesimo esijwayelekile sokuba khona kukaMoya oNgcwele. Abanye abantu bakholwa ngokuyiphutha ukuthi labo abanoMoya oNgcwele abayazi indlala, abakuzwa ukukhathala, nokuthi babonakala sengathi abawucabangi umndeni, sebecishe bazihlukanisa ngokuphelele nenyama. Eqinisweni, ngenkathi uMoya oNgcwele uba kubantu kakhulu, kulapho beba ngabajwayelekile khona. Bayakwazi ukuhluphekela uNkulunkulu nokunikela izinto kuNkulunkulu, ukusebenzela uNkulunkulu, ukwethembeka kuNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, bayacabanga ngokudla nokokugqoka. Ngamanye amazwi, abalahlekelwe yilutho lobuntu obujwayelekile okumele babe nakho, futhi, kunalokho, banokucabanga okukhethekile. Kwesinye isikhathi, bafunda amazwi kaNkulunkulu bese becabanga ngomsebenzi kaNkulunkulu; kuba nokukholwa ezinhliziyweni zabo futhi bayazimisela ukulandela iqiniso. Ngokufanele, umsebenzi kaMoya oNgcwele unalesi sisekelo. Uma abantu bengenakho ukucabanga okujwayelekile, kusho ukuthi abakwazi ukucabanga ngobuhlakani—lokhu akusona isimo esijwayelekile. Uma abantu benemicabango ejwayelekile futhi benoMoya oNgcwele, ngokuqinisekile banokucabanga komuntu ojwayelekile, okusho ukuthi banesimo esijwayelekile. Ekuboneni umsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nomsebenzi kaMoya kuthuka nje kwenzeka, kanti ubukhona bukaMoya oNgcwele bukhona zikhathi zonke. Uma nje umqondo nokucabanga kwabantu kujwayelekile, futhi uma nje izimo zabo zijwayelekile, kusho ukuthi nakanjani uMoya oNgcwele unabo. Uma umqondo nokucabanga kwabantu kungajwayelekile, kusho ukuthi ubuntu babo abujwayelekile. Uma, ngalo mzuzu, umsebenzi kaMoya oNgcwele ukuwe, kusho ukuthi uMoya oNgcwele nakanjani uzoba nawe. Kodwa uma uMoya oNgcwele ekuwe, akusho ukuthi nakanjani uMoya oNgcwele uyasebenza kuwe, ngoba uMoya oNgcwele usebenza ngezikhathi ezikhethekile. Ukuba khona kukaMoya oNgcwele kugcina ukuphila komuntu okujwayelekile kuphela, kodwa uMoya oNgcwele usebenza ngezikhathi ezithile. Isibonelo, uma ungumholi noma isisebenzi, uma unisela futhi wondla ibandla, uMoya oNgcwele uzokukhanyisela ngamazwi athile afundisa abanye futhi akwazi ukuxazulula izinkinga ezithile ezibhekene nabafowenu nodadewenu—kulezi zikhathi, uMoya oNgcwele uyasebenza. Kwesinye isikhathi, lapho udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu, uMoya oNgcwele ukukhanyisela ngamazwi athile aqondene ngqo nalokho ohlangana nakho empilweni, ukuvumele ukuba uzuze ulwazi olukhulu ngokwengeziwe ngezimo zakho; nakho lokhu kungumsebenzi kaMoya oNgcwele. Kwesinye isikhathi, uma ngikhuluma, niyalalela futhi niyakwazi ukulinganisa izimo zenu ngamazwi Ami, futhi kwesinye isikhathi niyathinteka noma nigqgugquzeleke; konke lokhu kungumsebenzi kaMoya oNgcwele. Abanye abantu bathi uMoya oNgcwele usebenza kubo ngaso sonke isikhathi. Lokhu akunakwenzeka. Uma bebengathi uMoya uNgcwele uhlala unabo njalo, lokho bekungenzeka. Uma bebengathi ukucabanga kwabo nemizwa yabo kujwayelekile ngaso sonke isikhathi, lokho bekungenzeka, futhi kungakhombisa ukuthi uMoya oNgcwele unabo. Uma bethi uMoya oNgcwele uhlala esebenza ngaphakathi kubo, ukuthi bakhanyiselwa uNkulunkulu futhi bathintwa uMoya oNgcwele ngaso sonke sikhathi, futhi bazuze ulwazi olusha ngaso sonke isikhathi, lokhu akujwayelekile nhlobo! Kungaphezulu ngokugcwele kwamandla avamile! Ngaphandle kokungabaza, abantu abanjengalaba bayimimoya emibi! Ngisho noma uMoya kaNkulunkulu engena enyameni, kunesikhathi lapho kumele adle futhi aphumule khona—ingasaphathwa eyabantu. Labo abanemimoya emibi babonakala sengathi abanabo ubuthaka benyama. Bayakwazi ukulahla bashiye konke, abanamizwa, bayakwazi ukubekezelela ukuzwiswa ubuhlungu futhi abezwa nokuncane ukukhathala, kuba sengathi bangaphezu kwenyama. Ingabe lokhu akungaphezulu kakhulu kwamandla avamile? Umsebenzi womoya ababi ungaphezu kwamandla avamile—akekho umuntu ongenza lezi zinto! Labo abangakwazi ukuhlukanisa baba nomona uma bebona abantu abafana nalaba: Bathi banamandla amakhulu ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, banokholo olukhulu, futhi abakhombisi noluncane uphawu lobuthaka! Eqinisweni, lokhu ukubonakaliswa komsebenzi womoya ababi. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abasesimweni esijwayelekile nakanjani banobuthaka bobuntu; lesi yisimo esijwayelekile salabo abanoMoya oNgcwele.

Kusho ukuthini ukuma uqine ebufakazini bakho? Abanye abantu bathi bamane bayalandela nje njengoba benza manje futhi abazikhathazi ngokuthi bayakwazi yini ukuzuza ukuphila; abafuni ukuphila, kodwa abajiki futhi. Bavuma kuphela ukuthi lesi sigaba somsebenzi senziwa nguNkulunkulu. Ingabe lokhu akukhona ukwehluleka ebufakazini babo? Abantu abanjalo ababunikezi nobufakazi bokunqotshwa. Labo abanqotshiwe bayalandela phezu kwakho konke okunye futhi bayakwazi ukuphishekela ukuphila. Abakholelwa nje kuNkulunkulu ongokoqobo kuphela, kodwa futhi bayazi ukuthi kumele balandele zonke izinhlelo zikaNkulunkulu. Banjalo labo abanobufakazi. Labo abangabunikezi ubufakazi abakaze bakufune ukuphila futhi basalandela ngokuhlwathiza. Ungalandela, kodwa lokhu akusho ukuthi unqotshiwe, ngoba awunakho ukuqonda ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla. Kukhona imibandela ethile okufanele igcwaliswe ukuze unqotshwe. Akubona bonke abalandelayo abanqotshiwe, ngoba awuqondi enhliziyweni yakho ukuthi kungani kumele ulandele uNkulunkulu wanamuhla, futhi awazi ukuthi ufike kanjani osukwini lwanamuhla, ngubani okwesekile kuze kube namhlanje. Ukukholwa kwabanye abantu kuNkulunkulu kuhlala kunokudideka nokuxoveka; ngaleyo ndlela, ukulandela akusho ngempela ukuthi unobufakazi. Buyini ngempela ubufakazi beqiniso? Ubufakazi okukhulunywa ngabo lapha bunezingxenye ezimbili: Okokuqala ngubufakazi bokunqotshwa, obunye ngubufakazi bokupheleliswa (ngokuvamile, okuzoba ngubufakazi obulandela izilingo nezinhlupho ezinkulu zesikhathi esizayo). Ngamanye amazwi, uma ukwazi ukuma uqine ngezikhathi zezilingo nezinhlupho, lokho kusho ukuthi sewenze isinyathelo sesibili sobufakazi. Okubalulekile namuhla yisinyathelo sokuqala sobufakazi: ukukwazi ukuma uqine ngesikhathi sezilingo zokusolwa nokwahlulelwa. Lobu ngubufakazi bokunqotshwa. Lokhu kungenxa yokuthi namuhla yisikhathi sokunqoba. (Kufanele wazi ukuthi namuhla yisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni; umsebenzi ophambili kaNkulunkulu osesimweni somuntu emhlabeni ukunqoba leli qembu labantu emhlabeni abamlandela ngokwahlulela nokusola.) Ukuthi uyakwazi noma awukwazi ukufakaza ngokunqotshwa akuncikile kuphela ekutheni uyakwazi ukulandela kuze kube sekupheleni, kodwa, okubaluleke kakhulu, ekutheni, njengoba udlula esinyathelweni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukuba nokuqonda kweqiniso ngokusolwa nokwahlulelwa, nokuthi uyawubona ngempela wonke lo msebenzi. Ngeke ukwazi ukwedlula ngokulandela nje kuze kube sekupheleni. Kumele ukwazi ukuyeka ngokuzimisela konke lokhu ngaso sonke isikhathi sokusolwa nokwahlulelwa, ukwazi ukuqonda ngempela isinyathelo ngasinye somsebenzi owubonile, futhi kumele ukwazi ukuthola ulwazi, kanye nokulalela isimo sikaNkulunkulu. Lobu ubufakazi bangempela bokunqotshwa, okudingekayo kuwe. Ubufakazi bokunqotshwa ikakhulu busho ulwazi lwakho ngokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Okubalulekile, lesi sinyathelo sobufakazi siwukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi wenzani noma uthini phambi kwabantu bomhlaba noma labo abaphethe amandla; okubaluleke kakhulu ukuthi uyakwazi na ukulalela wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu kanye nawo wonke umsebenzi Wakhe. Ngakho-ke, lesi sinyathelo sobufakazi siqondiswe kuSathane nazo zonke izitha zikaNkulunkulu—amadimoni nabanonya abangakholwa ukuthi uNkulunkulu uzoba senyameni okwesibili futhi eze ngenjongo yokwenza umsebenzi omkhulu ngokwengeziwe, futhi ngaphezu kwalokho, abangakholelwa eqinisweni lokubuyela kukaNkulunkulu enyameni. Ngamanye amazwi, kubhekiswe kubo bonke labo abangabaphikukristu—zonke izitha ezingakholelwa ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu.

Ukucabanga nokulangazelela uNkulunkulu akufakazeli ukuthi unqotshiwe nguNkulunkulu; lokhu kuncike ekutheni uyakholwa yini ukuthi unguLizwi owaba yinyama, ukuthi uyakholwa yini ukuthi uLizwi ube yinyama, nokuthi uyakholwa yini ukuthi uMoya ube nguLizwi, noLizwi ubonakale enyameni. Lobu ngubufakazi obusemqoka. Akunandaba ukuthi ulandela kanjani, nokuthi usebenza kanjani; okubalulekile ukuthi uyakwazi yini ukuthola kulobu buntu obujwayelekile ukuthi uLizwi ube yinyama nokuthi uMoya weqiniso ubonakele enyameni—ukuthi lonke iqiniso, indlela, nokuphila kuze kusenyameni, uMoya kaNkulunkulu usefikile ngempela emhlabeni futhi uze esenyameni. Nakuba, uma kubukwa kungajulwa, lokhu kubukeka kwehlukile ekuzalweni ngoMoya oNgcwele, kulo msebenzi uyakwazi ukubona ngokucacile ukuthi uMoya oNgcwele usebonakele enyameni, nokuthi uLizwi ubonakele enyameni, nokuthi, ngaphezu kwalokho, uLizwi ube yinyama futhi uLizwi ubonakale esenyameni. Uyakwazi ukuqonda incazelo yangempela yamazwi: “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.” Ngaphezu kwalokho, kumele uqonde ukuthi uLizwi wanamuhla unguNkulunkulu, futhi ubone uLizwi eba yinyama. Lobu yibona bufakazi obukhulu ongaba nabo. Lokhu kufakazela ukuthi unolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu eba yinyama—awukwazi ukumazi kuphela, kodwa uyazi futhi ukuthi indlela ohamba ngayo namuhla yindlela yokuphila, nendlela yeqiniso. Isigaba somsebenzi uJesu awenza sagcwalisa kuphela ingqikithi yokuthi “uLizwi wayekuNkulunkulu”: Iqiniso likaNkulunkulu lalikuNkulunkulu, noMoya kaNkulunkulu wawusenyameni futhi ungahlukaniseki naleyo nyama. Okungukuthi, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu yayinoMoya kaNkulunkulu, okungubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi ukuba kukaJesu esimweni somuntu kwakungokokuqala uNkulunkulu eba sesimweni somuntu. Lesi sigaba somsebenzi sigcwalisa incazelo engaphakathi “kaLizwi eba yinyama,” sanikeza incazelo ejulile yokuthi “uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu,” futhi sikwenza uwakholwe ngokuqinile amazwi athi “Ekuqaleni wayekhona uLizwi.” Okungukuthi, ngesikhathi kudalwa uNkulunkulu wayenamazwi, amazwi Akhe ayenaye engasuki Kuye futhi engahlukaniseki Naye, futhi enkathini yokugcina wenza acace bha amandla negunya lamazwi aKhe, futhi avumele abantu babone zonke izindlela Zakhe—ukuzwa wonke amazwi Akhe. Unjalo umsebenzi wenkathi yokugcina. Kumele niziqonde lezi zinto zonke. Akukhona ukwazi inyama, kodwa ukuthi uyiqonda kanjani inyama noLizwi. Lobu ubufakazi okumele ube nabo, lokhu okumele wonke umuntu akwazi. Ngenxa yokuthi lona ngumsebenzi wokuba sesimweni somuntu kwesibili—okuyisikhathi sokugcina uNkulunkulu eba yinyama—uphelelisa ngokugcwele ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu, wenza futhi uqhubekisela phambili ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, futhi uqeda inkathi yokuba senyameni kukaNkulunkulu. Ngakho-ke, kumele wazi ukuthi kusho ukuthini ukuba sesimweni somuntu. Akunandaba ukuthi ujikeleza kangakanani, noma uziphatha kahle kanjani ezinye izindaba zangaphandle; okubalulekile ukuthi uyakwazi yini ukuzithoba ngokweqiniso phambi kukaNkulunkulu osesimweni somuntu futhi uzinikele ngakho konke kuNkulunkulu, futhi ulalele wonke amazwi aphuma emlonyeni Wakhe. Yilokhu okufanele ukwenze, nokufanele ukuthobele.

Isinyathelo sokugcina sobufakazi ubufakazi bokuthi uyokwazi yini ukupheleliswa noma cha—okungukuthi, lapho usuqonde wonke amazwi akhulunywe umlomo kaNkulunkulu osesimwweni somuntu, waba nalo lonke ulwazi ngoNkulunkulu futhi waqiniseka ngaye, uphila ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu, futhi ufeza imibandela efunwa nguNkulunkulu kuwe—indlela kaPetru nokholo lukaJobe—njengokuthi uzokwazi ukulalela kuze kube sekufeni, uzinikele ngokuphelele kuNkulunkulu, kuthi ekugcineni ufinyelele uthole ubunjalo bomuntu osezingeni elifanelekile okusho ukuthi uzobonakala njengomuntu onqotshiwe futhi owenziwe waphelela emva kokuzwa ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu. Lobu ngubufakazi obukhulu kakhulu—ubufakazi okumele lowo ophelelisiwe abe nabo. Lezi yizinyathelo ezimbili zobufakazi okufanele ube nabo, futhi zihlangene, azihlukaniseki enye kwenye. Kodwa kukhona okukodwa okumele ukwazi: Ubufakazi engibufuna kuwe namuhla abuqondisiwe kubantu bomhlaba, noma kumuntu oyedwa, kodwa kulokhu engikucela kuwe. Kulinganiswa ngokuthi uyakwazi na ukungenelisa, nokuthi uyakwazi na ukuhlangabezana ngokugcwele namazinga ezidingo zami kini nonke ngamunye. Yilokhu okufanele nikuqonde.

Okwedlule: Ukwenza (3)

Okulandelayo: Ukwenza (5)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp