Ukwenza (5)

Ngesikhathi seNkathi Yomusa, uJesu wakhuluma amazwi athile wenza isigaba esisodwa somsebenzi. Bekunengqikithi kuwo futhi ebefanele izimo zabantu ngaleso sikhathi; uJesu wakhuluma futhi wasebenza njengoba kufanele ingqikithi yangaleso sikhathi. Wabuye wakhuluma iziphrofetho ezithile. Waphrofetha ukuthi uMoya weqiniso uzofika ngezinsuku zokugcina, lapho uMoya weqiniso uzokwenza khona isigaba somsebenzi. Okusho ukuthi, ngaphandle komsebenzi Yena ngoKwakhe abefanele ukuwenza ngaleyo nkathi, ubengazi kahle nganoma yini enye; okusho ukuthi, bekunemikhawulo emsebenzini olethwe nguNkulunkulu osemzimbeni wenyama. Ngalokho, wenze nje umsebenzi waleyo nkathi, wangawenza omunye umsebenzi owawungaxhumene Naye. Ngaleso sikhathi, wayengasebenzi ngokwemizwa noma ngokwemibono, kodwa ngokuya ngesikhathi nangenqgikithi. Akekho owamhola noma wameluleka. Umsebenzi Wakhe wonke ubuyilokho ayikho, obekuwumsebenzi obufanele wenziwe uMoya kaNkulunkulu osenyameni—bekuwumsebenzi wonke ophethwe uNkulunkulu esimweni somuntu. UJesu wayesebenza kuphela ngalokho akubona nakuzwile Yena Uqobo Lwakhe. Ngamanye amazwi, uMoya wasebenza ngqo; bekungadingeki ukuba izithunywa zivele Kuye zimnikeze amaphupho, noma ukukhanya okukhulu kukhanye Kuye kumenze ukuba abone. Wasebenza ngokukhululeka nangezinye izikhathi, okwenzeke ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe wawungancikanga emizweni. Ngamanye amazwi, ngenkathi esebenza akazange adukuze futhi aqagele, kodwa wenza izinto ngokukhululeka, esebenza futhi ekhuluma ngokwemibono Yakhe nalokho akubone ngamehlo Akhe, akunikeza masinyane abafundi Bakhe ababemlandela. Lokhu umehluko phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi wabantu: Uma abantu besebenza, bayafuna futhi badukuze, njalo belingisa futhi bezindla phezu kwesisekelo esibekwe ngabanye ukuzuza ukungena okujulile. Umsebenzi kaNkulunkulu ukuhlinzekwa ngalokho ayikho, wenza umsebenzi lowo Yena ngoKwakhe afanele ukuwenza, kanti akanikeli ebandleni esebenzisa ulwazi oluvela emsebenzi wanoma yimuphi umuntu; kunalokho, wenza umsebenzi wamanje ngokwezimo zabantu. Ngalokho, ukusebenza ngale ndlela kukhululeke izikhathi eziyinkulungwane kunokusebenza kwabantu. Kubantu, kubuye kuvele sengathi uNkulunkulu akawenzi umsebenzi Wakhe usebenza ngendlela athanda ngayo—kepha wonke umsebenzi awenzayo musha. Kodwa, nifanele ukwazi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu esimweni somuntu awukaze waya ngemizwa. Ngaleso sikhathi, emva kokuba uJesu eqede umsebenzi Wakhe wokubethelwa, lapho abafundi ababelandela uJesu befinyelela ezingeni elithile lokwazi, bezwa sengathi usuku lukaNkulunkulu selufikile, futhi babezohlangana neNkosi ngaso sona leso sikhathi. Kwakuyimizwa ababenayo, futhi kubo, lo muzwa wawubaluleke kakhulu. Kodwa empeleni, imizwa ngaphakathi kwabantu ayithembekile. Ngaphakathi, abafundi bazizwa sengathi mhlawumbe sebefike ekupheleni kohambo lwabo, noma sengathi konke abakwenzile nabakuhluphekele kwakugcotshwe nguNkulunkulu. UPawulu wathi useliqedile ibanga lakhe, walwa ukulwa okuhle, usebekelwe umqhele wokulunga. Leyo imizwa ayenayo, futhi wayibhala ezincwadini wayithumela emabandleni. Izenzo ezinjalo zivele emthwalweni ayenawo ngamabandla, ngalokho uMoya Ongcwele akazange awunake lo msebenzi. Ngaleso sikhathi, uma esho lawo mazwi, wayengenakho ukungakhululeki noma kona ukusolwa, ngakho wayekholelwa ukuthi le mizwa ivamile futhi ilungile. Wayekholelwa ukuthi yayivela kuMoya Ongcwele. Kodwa uma kubukwa namuhla, yayingaveli kuMoya Ongcwele. Bekungelutho ngaphandle kokuzikhohlisa komuntu. Beziziningi izinkohliso ebantwini. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu akazange abamukele noma aveze mbono. Umsebenzi omningi kaMoya Ongcwele awenziwanga ngemizwa yabantu—uMoya Ongcwele akasebenzi emizweni yabantu. Lokhu kungaphandle kwezikhathi ezinzima, ezifiphele ngaphambi kokuba uNkulunkulu abe yinyama; noma ngesikhathi lapho bekungekho khona abaphostoli noma abasebenzi; kulesi sigaba umsebenzi kaMoya Ongcwele wawunikeza abantu imizwa ethize ekhethekile. Isibonelo: Uma abantu bebengenakuholwa ngamazwi kaNkulunkulu, ngesikhathi bethandaza babezoba nemizwa engachazeki yenjabulo, ezinhliziyweni zabo bekunemizwa yentokozo, futhi bebenokuthula, nokunethezeka. Ngenkathi benesiqondiso samazwi, imimoya yabantu iye yacwenga, kanti izenzo zabo zakhanyiselwa ngamazwi. Ngokwemvelo, babenemizwa yokuthula futhi benokunethezeka. Uma abantu besengozini, noma uNkulunkulu ebanqande ekwenzeni izinto ezithile, ezinhliziyweni zabo bazizwe bekhathazekile futhi bengakhululekile, kodwa bekungesikho ukuthi imiphimbo yabo iklinyiwe bangakwazi ukuphefumula. Uma abantu babe nale mizwa bekungaba ngenxa yokuthi indawo ebazungezile yayesabeka noma yayinonya kakhulu, okwadala imizwa yokwesaba kubona, ngakho babe nokukhathazeka kakhulu. Kodwa bekungeyena uMoya Ongcwele owawubethusa kangako. Ezikhathini ezinjalo, ingxenye yale mizwa yayivela ekubeni novalo kwabantu, akukona ukuthi konke kwakuvela kuMoya Ongcwele.

Abantu bahlala njalo phakathi kwemizwa yabo futhi lokho bakwenze iminyaka eminingi. Uma benokuthula ezinhliziyweni zabo, benza okuthile (bekholelwa ukuthi ukuzimisela kwabo kungumuzwa wokuthula), kanti uma bengenakuthula ezinhliziyweni zabo, abenzi lutho (bekholelwa ukuthi ukwenqena noma ukungathandi kwabo kungumuzwa wokungakhululeki). Uma izinto zihamba kahle, bacabanga ukuthi bekuyintando kaNkulunkulu. (Empeleni, bekuyinto ebifanele ukuhamba kahle kakhulu, lokhu kungumthetho wemvelo wezinto.) Ngesikhathi izinto zingahambi kahle, bacabanga ukuthi akuyona intando kaNkulunkulu. Lapho behlangabezana nento engahambi kalula, bayama. Imizwa enjalo ayinembi, futhi ukwenza ngokuhambisana nayo kuzodala ukubambezeleka okuningi. Ngokwesibonelo, nakanjani kuzoba nobunzima ukwenza iqiniso futhi kube nzima kakhulu ukwenza intando kaNkulunkulu. Izinto eziningi ezinhle ngeke zifezeke kalula. Njengoba isisho sisho, “Ukufezeka kwezinto ezinhle kuvame ukwandulelwa yizinto ezilukhuni.” Abantu banemizwa eminingi ezimpilweni zabo zangempela, okubenza bahlale bedidekile futhi bengaqinisekile ngezinto eziningi. Akukho okucacile kubantu ngaphandle kokuba baqonde iqiniso. Kodwa ngokujwayelekile, uma benza noma bekhuluma ngokwemizwa yabo, inkani nje uma kungabi yinto ephula izimiso ezinkulu, uMoya Ongcwele awuphenduli. Kufana nomqhele wokulunga owezwiwa nguPawulu: Iminyaka eminingi, akekho owayekholwa ukuthi imizwa yakhe yayingalungile, ngisho naye uPawulu ngokwakhe akaze ezwe ukuthi imizwa yakhe beyinephutha. Ivelaphi imizwa yabantu? Yebo, ingukusabela kwezingqondo zabo. Imizwa ehlukile ivezwa ngokwezindawo ezahlukene, nangezindaba ezahlukene. Isikhathi esiningi, abantu baphetha ngokuqonda kwabo bathole iqoqo lezindlela zokwenza, eziveza ukwakheka kwemizwa eminingi yabantu. Ngaphandle kokuqaphela, abantu bafaka okwabo ukuphawula okunengqondo, futhi ngale ndlela, le mizwa iba yilokho abantu abancika kukho ezimpilweni zabo, kuba ukwesekwa ngokomoya ezimpilweni zabo (njengomqhele kaPawulu noma owaka-Witness Lee “ukuhlangana neNkosi emoyeni”). UNkulunkulu cishe akanandlela yokungenelela kule mizwa yabantu, futhi kufanele abavumele ukuba ikhule ngokuthanda kwabo. Namuhla, ngikhuluma nani kalula, futhi uma niqhubeka ngokwemizwa yenu, aniphili namanje ngokungacacile? Aniwemukeli amazwi lawo abekelwe nina ngokucacile, nihlala nithembe imizwa yenu. Kulokhu, ngabe anifani nempumputhe ethinta indlovu? Futhi nizozuzani ekugcineni?

Namuhla, wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu osemzimbeni womuntu ungowempela. Lokhu akuyona into ongayizwa, noma into ongayicabanga, hhayi nento ongayiphawula—yinto nje ongakwazi ukuyiqonda uma amaqiniso enzeka kuwena. Kwesinye isikhathi, noma izinto zenzeka, nilokhu ningaboni kahle, futhi uma uNkulunkulu enza izinto ngokwakhe uqobo kuphela, eletha incaciselo enkulu ngamaqino alokho okwenzekayo, kulapho abantu bazoqonda khona. Ngaleso sikhathi, bekunezinkohliso eziningi phakathi kwabafundi bakaJesu. Babekholelwa ukuthi usuku lukaNkulunkulu seluzofika futhi bazofela uJesu masinyane bakwazi ukuhlangana neNkosi uJesu—kodwa isikhathi esinjalo namanje asikafiki. UPetru wayenozwelo kakhulu kule mizwa. Walinda iminyaka eyisikhombisa yonke, ehlala ezwa sengathi isikhathi sesifikile—kodwa asikafiki namanje. Bazizwa sengathi izimpilo zabo sezivuthiwe, nemizwa yabo iphindaphindiwe futhi le mizwa ibe nozwelo—kepha babe nokwehluleka okukhulu bengakwazi ukuphumelela. Bona ngokwabo abakwazanga okwakwenzeka. Ngabe lokho okwakuvela kuMoya Ongcwele ngeqiniso kungegcwaliseke? Kungethenjelwe emizweni yabantu. Ngenxa yokuthi abantu banezindlela zabo zokucabanga nemibono, ngokwesekwa yingqikithi nezimo zangaleso sikhathi, bazakhela ezabo izinhlangano ezinothile emiqondweni. Ikakhulu, uma kwenzeka okuthile kubantu abaphile kahle ngokomqondo, bajabula ngokweqile, bangakwazi ukuzibamba babe nemicabango enothile emiqondweni. Lokhu kusebenza kakhulu “kochwepheshe” ngolwazi namathiyori aphakeme, labo imibono emqondweni yabo yanda ngokudlulele ngemva kweminyaka eminingi bebhekene nomhlaba; bengaqapheli, baqhubeka ngemicabango yabo kube imizwa enamandla kakhulu—ngalokhu ochwepheshe bayaneliseka. Uma abantu befuna ukwenza okuthize, kuvela imizwa nemicabango, abantu bacabange ukuthi banembile. Kamuva, uma bebona ukuthi abenelisekile, bese abantu bengakwazi ukuthola ukuthi yini engahambanga kahle. Mhlawumbe bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uguqule uhlelo Lwakhe.

Phakathi kwabantu beNkathi Yomthetho, abantu abaningi babenemizwa ethize, kodwa amaphutha emizweni yabo beyingaphansi kuneyabantu banamuhla. Kungenxa yokuthi, ngaphambili, abantu bebekwazi ukubona ukubonakala kukaJehova, bebona nezithunywa futhi bephupha namaphupho. Abantu banamuhla abakwazi ukubona imibono noma izithunywa, ngalokho amaphutha amaningi emizweni yabo asephindaphindekile. Ukuba nemizwa kwabantu yinto engagwemeki. Uma abantu banamuhla bezwa ukuthi into ethile ilunge kakhulu, basuke bayisebenzise, uMoya Ongcwele akabanqandi. Ngaphakathi, abanayo imizwa nhlobo, futhi banokuthula. Emva kokuba sebeqedile, kungenxa yokuhlanganyela nje kuphela noma ukufunda amazwi kaNkulunkulu lapho bethola khona ukuthi bebengalungile. Ngendaba eyodwa, akunazithunywa eziziveza kubantu, amaphupho anqabile, futhi abantu ababoni lutho oluyimibono esibhakabhakeni. Kwenye indaba, uMoya Ongcwele akandisi ukusola Kwakhe nokujezisa kubantu; akukho nanoma yimuphi umsebenzi kaMoya Ongcwele kubantu. Kanjalo, uma abantu bengadli futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu, abalifuni iqiniso ngendlela engokoqobo, futhi abayiqondi indlela yokwenza, ngalokho angeke bavune lutho. Imigomo yemisebenzi kaMoya Ongcwele yile elandelayo: Akakunaki lokho okungabandakanyi umsebenzi Wakhe; uma ngabe okuthize akukho endaweni Yakhe yokusebenza lapho enegunya khona, akaze anxuse, evumela abantu ukwenza nanoma iyiphi ingxaki abafisa ukuyenza. Ungenza nangayiphi indlela oyifunayo, kodwa usuku luzofika lapho uyozithola wethukile futhi udidekile. UNkulunkulu usebenza ngengqondo eyodwa enyameni Yakhe, lutho ukuphazamisa noma ukuzifaka “emsebenzini” nasemhlabeni omncane wabantu; kunalokho, uNkulunkulu unikeza umhlaba wenu isikhundla esibanzi, futhi wenza umsebenzi omfanele. Namuhla, anisolwa uma nichitha imali kakhulu ngama-mao amahlanu noma nivuzwe uma nonge ama-mao amahlanu. Lezi yizindaba zabantu, futhi azinakuxhumana nakancane noMoya Ongcwele—izenzo zenu kule ndaba azikho endaweni Yami yokusebenzela.

Ngaleso sikhathi, uPetru wakhuluma amazwi amaningi wenza nomsebenzi omningi. Ngabe kungenzeka ukuba akukho nakunye okwavela emicabangweni yabantu? Ukuthi konke kuqhamuke kuMoya Ongcwele akunakwenzeka. UPetru wayeyisidalwa nje sikaNkulunkulu, wayengumlandeli, ubenguPetru, hhayi uJesu, futhi ubuqu babo bebungafani. Noma uPetru wayethunywe uMoya Ongcwele, akukhona konke akwenza okwakuvela kuMoya Ongcwele, ngoba okusalayo, wayengumuntu. UPawulu wakhuluma amazwi amaningi wabhalela amabandla izincwadi eziningi zokuthunyelwa, eziqoqelwe eBhayibhelini UMoya Ongcwele akazange aveze mbono, ngoba ngesikhathi ebhala lezi zincwadi yileso sikhathi lapho ayesetshenziswa nguMoya Ongcwele khona. Wabona imibono, wayibhala phansi wayidlulisela kubazalwane nodade ababeseNkosini. UJesu akavezanga mbono, futhi akaphendulanga lutho. Kungani uMoya Ongcwele wenza ngale ndlela? Kungani uMoya Ongcwele ungamvimbanga? Ngoba okunye ukungcola kuvela emicabangweni yabantu evamile, futhi ayigwemeki. Ukugcwalisa, izenzo zakhe aziqalanga ekuphazanyisweni, futhi azizange ziphazamise izimo zabantu ezivamile; uma kunomsebenzi onjalo wabantu, abantu bathola kulula ukuwamukela. Uma nje ukungcola kwendlela yokucabanga komuntu kungagxambukeli ndawo, kubalwa njengento ejwayelekile. Ngamanye amazwi, abantu abanendlela yokucabanga evamile bonke bayakwazi ukucabanga ngaleyo ndlela. Uma abantu bephila enyameni, banendlela yabo yokucabanga, kodwa ayikho indlela yokuyisusa. Noma kunjalo, ngemuva kokwazi umsebenzi kaNkulunkulu okwesikhashana, zizoncipha lezi zindlela zokucabanga. Uma sebedlule ezintweni eziningi, bazobona ngokucacile, bese bephazamisa kancane, ngamanye amazwi, uma imicabango yabantu nokuphawula okunengqondo kuphikiswa, imizwa yabo engavamile izokwehla. Labo abaphila enyameni bonke banezindlela zabo zokucabanga, kodwa ekugcineni, uNkulunkulu uzosebenza kubona kuze kufinyelele ezingeni lokuthi indlela yabo yokucabanga ingabe isakwazi ukubaphazamisa, abasancikanga emizweni ukuze baphile, isimo sabo siyavuthwa futhi bayakwazi ukuphila ngamazwi kaNkulunkulu ngempela, bangasenzi izinto ezingezwakali kahle nezingenalutho, bazobe sebengakwazi ukwenza izinto ezidala ukuphazamiseka. Ngale ndlela bazoyeka ukuzikhohlisa, ukusuka ngalesi sikhathi ukuya phambili izenzo zabo kuzoba yisimo sabo sangempela.

Okwedlule: Ukwenza (4)

Okulandelayo: Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp