Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu

Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe—ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi. Ngisho nanamuhla, umuntu usamkhaphela uNkulunkulu: Lapho umuntu ebona uNkulunkulu uyamkhaphela, futhi noma engamboni uNkulunkulu nalapho futhi uyamkhaphela. Kukhona nalabo abathe sebebone iziqalekiso nolaka lukaNkulunkulu kodwa balokhu bemkhaphela. Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni. Umuntu engimbukayo yisilwane esigqoke izingubo zomuntu, uyinyoka enobuthi, noma ezama kangakanani ukuvela edabukisa emehlweni Ami, angeke ngize ngibe nomusa kuye, ngoba umuntu akawutholi umehluko phakathi kokumnyama nokumhlophe, noma umehluko phakathi kweqiniso nokungelona iqiniso. Umqondo womuntu unqindekile, kodwa usafisa ukuthola izibusiso; ubuntu bakhe abuthembeki kodwa usafisa ukuba nobukhosi benkosi. Angaba yinkosi kabani, ngomqondo onjalo? Angenza kanjani, ngobuntu obunjalo ukuthi ahlale phezu kwesihlalo sobukhosi? Umuntu ngempela akanamahloni! Ungumuntu omubi kakhulu! Kulabo phakathi kwenu abafisa ukuthola izibusiso, ngiphakamisa ukuthi niqale ngokuthola isibuko nibheke ububi benu—ngabe ufanele ukuba yinkosi? Unabo ubuso balowo ongahle azuze izibusiso? Akukaze kube ngisho noluncane uguquko esimweni sakho futhi awukaze usebenzise nalinye iqiniso kodwa ufisa ukuba nekusasa elihle. Uyazikhohlisa! Uzalelwe ezweni elingcole kangaka, umuntu yilokhu ehangulwe umphakathi, uthonywe yinkambiso endala, futhi ufundiswe “ezikhungweni zemfundo ephakeme”. Ukucabangela emuva, ukuziphatha okubi, ukubuka kabi impilo, indlela yokuphila enyanyekayo, ukuphila okungenamsebenzi, indlela yokuphila namasiko onakele—zonke lezi zinto zibe nemingenela enzima enhliziyweni yomuntu zabukela phasi futhi zahlasela unembenza wakhe. Ngalokho—ke umuntu uselokhu eqhele kakhulu kuNkulunkulu, futhi ulokhu ephikisana Naye. Isimo somuntu siba sibi kakhulu usuku nosuku kanti akekho namunye umuntu onganikela ngokuzithandela noma yini kuNkulunkulu, namunye ongalalela uNkulunkulu ngokuthanda, nangaphezu kwalokho akekho namunye ongafuna ngokuzimisela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngaphansi kwendawo ebuswa nguSathane, umuntu akenzi lutho kodwa ulwela injabulo, ezinikela enkohlakalweni yenyama ezweni lodaka. Ngisho noma bezwa iqiniso labo abahlala ebumnyameni abangacabangi ukulenza noma ukuthambekela ekufuneni uNkulunkulu noma ngabe babone ukubonakala Kwakhe. Abantu abonakele kangaka bangaba kanjani nethuba lokusindiswa? Bangahlala kanjani abantu abonakele ekukhanyeni na?

Isimo somuntu kufanele siguquke ukusuka ekuzazini yena uqobo nasekuguqukeni kokucabanga kwakhe, imvelo, nesimo sengqondo—ngezinguquko eziqavile. Kungale ndlela kuphela lapho izinguquko zempela zingaba khona esimweni somuntu. Isimo esonakele somuntu sisuka ekufakelweni ubuthi nokunyathelwa nguSathane, ekulinyazweni okumangalisayo nguSathane emicabangweni, ekuziphatheni, ekuboneni, nasemqondweni wakhe. Kungenxa kanye yokuthi lezi zinto zomuntu eziyisisekelo zoniwe uSathane, futhi azifani nendlela uNkulunkulu azidala ngayo ekuqaleni, ukuthi umuntu aphikisane noNkulunkulu angaliqondi iqiniso. Ngalokho, izinguquko esimweni somuntu kufanele ziqale ngezinguquko ekucabangeni, olwazini nasemqondweni wakhe okuyoguqula ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu nolwazi lwakhe lweqiniso. Labo abazalelwe ezweni elonakele kakhulu ukwedlula onke abanaki kakhulu lokho uNkulunkulu ayikho, noma ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu. Lapho abantu bekhohlakele kakhulu, kuyancipha ukwazi kwabo ubukhona bukaNkulunkulu, kuncipha nomqondo nokubona kwabo. Umthombo wokuphikisa nokuhlubuka kwabantu kuNkulunkulu ukonakaliswa uSathane. Ngenxa yokuthi umuntu woniwe uSathane, unembeza wakhe usundikindiki, uziphetheka kabi, imicabango yakhe yedlulele futhi isimo sengqondo yakhe sonakele. Ngaphambi kokuba oniwe nguSathane, umuntu wayelandela uNkulunkulu futhi elalela amazwi Akhe emva kokuwezwa. Wayesemqondo omuhle futhi enonembeza omuhle, futhi enobuntu obuvamile. Ngenxa yokoniwa uSathane, umqondo, unembeza nobuntu bomuntu obuhle bonakala futhi konakaliswa uSathane. Ngakho walahla ukulalela nokuthanda kwakhe uNkulunkulu. Isimo sakhe sesifana nesesilwane, kanti ukuhlubuka kwakhe uNkulunkulu kwenzeka kaningi futhi kuyadabukisa kodwa umuntu uselokhu engazi futhi engakuboni lokhu futhi ulokhu ephikisa ngobumpumputhe elokhu ehlubuka. Ukwembula isimo somuntu ukusho umqondo wakhe, umbono nonembeza futhi ngenxa yokuthi umqondo nombono wakhe akulungile, nonembeza wakhe uvele waba buthuntu kakhulu, ngakho isimo sakhe sihlubuka uNkulunkulu. Uma umqondo womuntu nombono kungeke kuguquke, ngakho izinguquko esimweni sakhe ngeke zibe khona-ke, njengokulandela inhliziyo kaNkulunkulu. Uma umqondo womuntu ungalungile, ngalokho angeke akwazi ukusebenzela uNkulunkulu futhi akakulungele ukusetsheziswa nguNkulunkulu. “Umqondo ovamile” usho ukulalela nokuthembeka kuNkulunkulu, ukulangazela uNkulunkulu, ukuba kuNkulunkulu ngokuphelele, nokuba nonembeza kuNkulunkulu. Kusho ukuba nenhliziyo eyodwa nengqondo eyodwa kuNkulunkulu ungamphikisi ngabomu uNkulunkulu. Labo abanomqondo ophambukile abanje. Selokhu umuntu oniwa uSathane uveze imicabango ngoNkulunkulu futhi akabanga nokwethembeka noma ukulangazelela uNkulunkulu kungashiwo lutho ngonembeza kuNkulunkulu. Umuntu uphikisa ahlulele uNkulunkulu ngabomu, ngaphezu kwalokho ajikijele inhlamba Kuyena ngenkathi esafulathele. Umuntu wazi kahle ukuthi unguNkulunkulu kodwa usamehlulela efulathele, akazimisele ukumlalela kodwa uselokhu enza izimfuno nezicelo ezinobumpumputhe kuNkulunkulu. Abantu abanjalo—Abantu abanomqondo ophambukile—abakwazi ukwazi isimo sabo esinyanyekayo noma ukuzisola ngokuhlubuka kwabo. Uma abantu benakho ukuzazi ngokwabo, kuzobe sebabuyelwe umqonjwana omncane; ngokuvama kokuhlubuka kuNkulunkulu kodwa bengazazi, kuvama umqondo ongalungile.

Umthombo wokwembula isimo somuntu esonakele awulutho ngaphandle kukanembeza wakhe obuthuntu, ububi bemvelo yakhe nomqondo wakhe ongalungile, ukuba unembeza womuntu nomqondo wakhe kuyakwazi ukubuyela esimweni esijwayelekile, uzokulungela-ke ukusetshenziswa phambi kukaNkulunkulu. Kungenxa yokuthi, unembeza womuntu ulokhu undikindiki, umqondo womuntu awukaze ulunge futhi uyaqhubeka ngokuba buthuntu okwenza umuntu aqhubeke nokuhlubuka uNkulunkulu, okwenza waze wabethela uJesu esiphambaweni futhi wenqabela uNkulunkulu osesimweni somuntu ukuba angene ekhaya lakhe, futhi ulahla inyama kaNkulunkulu, futhi abone inyama kaNkulunkulu iphansi. Ukuba umuntu ubenobuntu nje obuncane, ubengeke akhohlakale kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu, uma ngabe ubesenomqonjwana nje ubengeke abe mubi kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu; uma ngabe usenaye unembeza omncane ubengeke “abonge” uNkulunkulu osesimweni somuntu ngale ndlela. Umuntu uphila ngesikhathi lapho uNkulunkulu eba yinyama kodwa akakwazi ukumbonga uNkulunkulu ngokumnikeza ithuba elihle kangaka, kunalokho uqalekisa ukuza kukaNkulunkulu noma azibe nje impela iqiniso lokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu futhi ubukeka ephikisana naso futhi ekhathele yiso. Kungakhathalekile ukuthi umuntu ukuthatha kanjani ukuza kukaNkulunkulu, uNkulunkulu, ngamafuphi, ubesalokhu eqhubeka ngesineke ngomsebenzi wakhe—yize umuntu engakhombisanga ngisho nokuncane ukwamukela kuye, ngobumpumputhe enza izicelo Kuye. Isimo somuntu sesibe sibi kakhulu, umqondo wakhe usubuthuntu ngokwedlulele kanti unembeza wakhe unyathelwe waphela ngomubi kanti kudala wagcina ukuba unembeza womuntu ojwayelekile. Umuntu akabongi kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu ngokumnikeza impilo nomusa ongaka, kodwa ubuye wacasulwa uNkulunkulu ngokumnikeza iqiniso; yingoba umuntu akanayo nencane intshisekelo eqinisweni okwenza azonde uNkulunkulu. Akukhona kuphela ukuthi umuntu akakwazi ukunikela ngempilo yakhe kuNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela kodwa ubuye azame ukuthola usizo Kuye, afune inzuzo ephindwe kaningi kakhulu kunalokhu umuntu akunikele kuNkulunkulu. Abantu abanonembeza nomqondo onjalo bacabanga ukuthi konke lokhu akulona udaba olukhulu, babuye bakholwe ukuthi bangazikhandla kakhulu ngenxa kaNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ubaphe okuncane kakhulu. Kukhona abantu okuthi, benginikeze isitsha samanzi, belule izandla bafune ngibakhokhele ngokwezitsha ezimbili zobisi, noma banginikeza igumbi lokulala ubusuku obubodwa kodwa bazama ukungikhokhisa kaningi imali yendawo. Ngobuntu obunje nonembeza onje, ungafisa kanjani ukuthi uqhubeke uzuze impilo? Naze naba yizihlupheki eziyihlazo! Kungenxa yalobu buntu nonembeza womuntu ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu uzula ezweni lonke, engayitholi indawo yokukhosela. Labo abasenawo ngempela unembeza nobuntu kufanele bakhonze futhi bamsebenzele ngezinhliziyo zabo eziphelele uNkulunkulu osesimweni somuntu hhayi ngenxa yomsebenzi awenzile, kodwa noma ngabe ubengezukwenza msebenzi nhlobo. Nakhu okufanele kwenziwe yilabo abanomqondo ophusile, futhi kungumsebenzi womuntu. Abantu abaningi baze bakhulume nangemibandela ekusebenzeleni uNkulunkulu: Abanandaba noma unguNkulunkulu noma ungumuntu, bakhuluma ngeyabo nje imibandela, futhi bafuna ukwanelisa izifiso zabo kuphela. Uma ningiphekela, nifuna ukukhokhelwa imali yomsebenzi, uma ungigijimela, ufuna imali yokugijima, uma ungisebenzela ufuna imali yokusebenza, uma uhlanza izingubo Zami, ufuna imali yokuhlanza izingubo, uma uhlinzeka ibandla ufuna ukubuyiselwa izindleko, uma uba yisikhulumi ufuna imali yokukhuluma, uma uphana ngezincwadi ufuna imali yokuzisabalalisa, kanti uma ubhala ufuna imali yokubhala. Labo engike ngasebenza nabo baze bafune nesinxephezelo Kimi, kuthi labo abathunyelwe ekhaya bafune izinxephezelo ngenxa yomonakalo wegama labo; labo abangashadile babize ilobolo, noma isinxephezelo sokulahlekelwa ubusha babo, labo ababulala inkukhu bafuna imali yomhlabi, labo abathosa ukudla bafuna imali yokuthosa, nalabo abenza umhluzi bafuna ukukhokhelwa ngalokho, futhi…. Lobu ngubuntu benu obuqhoshayo nobunamandla, futhi lezi yizenzo ezishiwo unembeza wenu ophilayo. Uphi umqondo wenu? Buphi ubuntu benu? Ake nginitshele! Uma niqhubeka kanje, ngizoyeka ukusebenza phakathi kwenu. Angeke ngisebenze phakathi komhlambi wezilwane ezigqoke izingubo zabantu, angeke ngihluphekele iqembu labantu abanje ubuso babo obuhle obufihle inhliziyo elukhuni, angeke ngibekezelele umhlambi onje wezilwane ezingenalo nelincane ithemba lokusindiswa. Mhla nginifulathela kuzoba yilolo suku enizofa ngalo, kuzoba usuku lapho nizokwembozwa khona ubumnyama, usuku lapho nizoshiywa khona ukukhanya! Ake nginitshele! Angisoze ngibe nobubele eqenjini elifana nelenu, iqembu elisezingeni eliphansi ngisho nakwelezilwane! Kunemikhawulo emazwini nasezenzweni Zami, futhi ngobuntu nangonembeza benu njengoba kunjalo, angisezukwenza msebenzi ngoba nintula kakhulu uma kuza kunembeza, ningizwise ubuhlungu obukhulu, futhi ukuziphatha kwenu okungcolile, kunginyanyisa kakhulu. Abantu abantula kangaka ubuntu nonembeza ngeke babe nethuba lensindiso; ngeke ngize ngisindise abantu abangenazinhliziyo nabangabongiyo. Uma usuku Lwami lufika, ngizokwehlisa imvula Yami yamalangabi alavuzayo kuze kube phakade kubo bonke abantwana bokungalaleli abake basusa ulaka Lwami oluvuthayo, ngizokhipha isijeziso Sami saphakade kulezo zilwane ezike zaphonsa inhlamba Kimi zangishiya, ngizoshisa unomphelo ngemililo yentukuthelo Yami amadodana okungalaleli, lawo ake adla futhi aphila Nami kodwa angakholwa Kimi, angethuka futhi angikhaphela. Ngizojezisa bonke labo abangithukuthelisa, ngizokwehlisa intukuthelo Yami yonke phezu kwalezo zilwane ezike zafisa ukuma eduze Nami njengezilingana Nami kodwa zangangikhonza noma zingilalele; induku engishaya ngayo umuntu izowela phezu kwalezo zilwane ezike zajabulela ukunakekelwa Yimi nezimfihlo ebengizikhuluma, ezazama ukuthatha injabulo yezinto Kimi. Ngeke ngixolele muntu ozama ukuthatha indawo Yami; Ngeke ngishiye namunye ozama ukuzuza ukudla noma impahla Kimina. Okwamanje, niphephile ekulimaleni futhi niyaqhubeka niba ngamaqili ezintweni enizifuna Kimi. Mhla usuku lolaka lufika ngeke nisenza zimfuno Kimi; ngaleso sikhathi, ngizokuvumela “uzijabulele” wenelise inhliziyo yakho, ngizophoqelela ubuso bakho emhlabeni, ngeke usakwazi ukubuye usukume futhi! Masinya, nje, “ngizokhokha” lesi sikweletu—futhi ngiyethemba uzolindela ngokubekezela ukufika kwalolu suku.

Uma lezi zidalwa ezinyanyekayo zingake zibeke ngokweqiniso eceleni izifiso zazo ezinehaba zibuyele kuNkulunkulu, lapho zingaba nalo elinye ithuba lensindiso; uma umuntu enenhliziyo elangazelela ngempela uNkulunkulu, angeke-ke ashiywe nguNkulunkulu. Umuntu uyehluleka ukuzuza uNkulunkulu hhayi ngoba uNkulunkulu enomuzwa, noma, ngenxa yokuthi uNkulunkulu akazimiselanga ukuzuzwa ngumuntu, kodwa ngoba umuntu akafuni ukuzuza uNkulunkulu, futhi ngoba umuntu akamfuni ngokushesha uNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walaba abafuna uNkulunkulu ngempela aqalekiswe nguNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walaba abanomqondo ophusile nonembeza ozwayo aqalekiswe nguNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo okhonza ngeqiniso esebenzela uNkulunkulu ashiswe umlilo wolaka Lwakhe? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ojabulela ukulalela uNkulunkulu akhishelwe ngaphandle kwendlu kaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ongakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwanele ahlale esijezisweni sikaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ojabulele ukuyekelela konke kuNkulunkulu asale engenalutho? Umuntu akazimisele ukufuna uNkulunkulu, akazimisele ukuchithela uNkulunkulu impahla yakhe, futhi akazimisele ukunikela umzamo wempilo yakhe yonke kuNkulunkulu, kunalokho uthi uNkulunkulu usegamenxe kakhulu, ukuthi okuningi ngoNkulunkulu kuyangqubuzana nokomqondo womuntu. Ngobuntu obunje, noma ngabe beningagudluki emizamweni yenu beningasoze nizuze ukuvunywa nguNkulunkulu kungasashiwo lutho ngokuthi animfuni uNkulunkulu. Anazi yini ukuthi niyimpahla yesintu enamaphutha? Anazi yini ukuthi abukho ubuntu obuphansi ukwedlula obenu? Anazi yini ukuthi siyini “isikhundla senu sokuhlonishwa”? Labo abathanda uNkulunkulu ngempela bakubiza ngoyise wempisi, unina wempisi, indodana yempisi, umzukulu wempisi; uyisizukulwane sempisi, umuntu wempisi, futhi kufanele uzazi ukuthi ungubani ungabuye ukhohlwe. Ungacabangi ukuthi ungumuntu omkhulu: Niyiqembu elikhohlakele kakhulu labangebona abantu phakathi kwabantu. Awukwazi lokhu? Uyazi ukuthi bengizifake kwengakanani ingozi ngokusebenza phakathi kwenu? Uma ngabe umqondo wakho awusoze wabuyela kojwayelekile, nonembeza wakho ungasebenzi ngokujwayelekile, awusoze wakhululeka-ke egameni “lempisi” ngeke usinde osukwini lwesiqalekiso, ngeke usinde osukwini lwesijeziso sakho. Uzalwe umncane, into engenamsebenzi. Nifana nenqwaba yezimpisi ezilambile, inqwaba yemfucuza nodoti, futhi, angifani nani, angisebenzi kini ukuze ngithole ukusizakala kodwa ngenxa yesidingo somsebenzi. Uma niqhubeka nihlubuka ngale ndlela, ngizomisa umsebenzi Wami, ngingaphinde ngisebenze kinina futhi; okwehlukile, ngizodlulisela umsebenzi Wami kwelinye iqembu elingijabulisayo, bese ngale ndlela, nginishiya unomphelo, ngoba angizimisele ukubheka labo abayizitha Kimi. Ngalokho-ke, niyafisa ukufanelana Nami, noma ukuba nobutha Kimi?

Okwedlule: Ingabe Ungumuntu Osephila?

Okulandelayo: Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp