Amandla Okuphila Angenakuqedwa

April 15, 2018

UDong Mei, Esifundazweni SaseHenan

Ngiwumuntu ojwayelekile. Ngangiphila ukuphila okujwayelekile. Njengabaningi abalangazelela ukukhanya, ngazama izindlela eziningi zokufuna injongo yangempela yokuba khona komuntu, ukuzama ukunika ukuphila kwami ukubaluleka okwengeziwe. Ekugcineni, yonke imizamo yami yaphelela ezeni. Kodwa ngemva kokuba nenhlanhla enkulu yokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina, kwenzeka izinguquko ezimangalisayo ekuphileni kwami. Kwaletha ubuhle empilweni yami, futhi ngaqonda ukuthi uNkulunkulu kuphela onguMhlinzeki wangempela wemimoya nezimpilo zabantu, futhi ngamazwi kaNkulunkulu kuphela anenjongo yangempela ekuphileni komuntu. Ngajabula ngokuthi ekugcineni ngase ngithole indlela efanele yokuphila. Nokho, ngesikhathi ngenza umsebenzi wami ngake ngaboshwa ngokungemthetho futhi ngahlukunyezwa ngonya uhulumeni we-CCP. Kulokhu, uhambo lokuphila kwami lwazuza okuhlangenwe nakho engingeke ngikukhohlwe…

Ngolunye usuku ngoDisemba 2011 cishe ngo-7 ekuseni, omunye umholi webandla kanye nami sasibala izimpahla zebandla lapho izikhulu zamaphoyisa ezingaphezu kweshumi zingena zigulukudela ngomnyango. Elinye lalawa maphoyisa amabi laphuthuma kithi futhi lamemeza: “Ninganyakazi!” Ngokubona lokho okwakwenzeka, ikhanda lami lazungeza. Engqondweni yami ngacabanga, Lokhu kubi—ibandla lizolahlekelwa yimpahla eningi. Okulandelayo, amaphoyisa amabi asiphenya njengabaphangi abagebengayo. Futhi aphequlula igumbi ngalinye, eshiya yonke into ibheke phezulu ngesikhathi esifushane. Ekugcineni, athola ezinye izinto zebandla, amakhadi asebhange amathathu, iziliphu zokufaka imali, amakhompyutha, omakhalekhukhwini, nokunye. Akuthatha konke, ase ethatha abane bethu asiyisa esiteshini samaphoyisa.

Ntambama, amaphoyisa amabi aletha abanye odade abathathu ayebabophile. Bavalela abayisikhombisa bethu egunjini futhi bangasivumela ukuba sikhulume, noma basivumele ukuba silale lapho sekuhlwile. Ngokubona odade ababevalelwe nami, nangokucabanga ukuthi ingakanani imali yebandla elahlekile, ngakhathazeka kakhulu. Ukuphela kwento engangingayenza kwaba ukuthandaza masinyane kuNkulunkulu: O Nkulunkulu! Ngibhekene nalesi simo, angazi ukuthi kufanele ngenzeni. Ngicela uvikele inhliziyo yami futhi uyenze izothe. Ngemva kokuthandaza, ngacabanga ngamazwi kaNkulunkulu: “Ungesabi, lapho izinto ezinjengalezi zenzeka ebandleni, konke kuvunyelwe Yimi. Yima futhi ube yizwi Lami. Yiba nokholo lokuthi zonke izinto kanye nezindaba zivunyelwe yisihlalo Sami sobukhosi futhi konke kunenhloso Yami kukho(Amazwi Kanye Nobufakazi bukaKrisu Ekuqaleni). “Kufanele wazi ukuthi zonke izinto ezisesimweni esikuzungezile zikhona ngokuvunyelwa Yimi, ngikuhlela konke. Bona ngokucacile futhi wanelise inhliziyo Yami esimweni engikunikeze sona(Amazwi Kanye Nobufakazi bukaKristu Ekuqaleni). Amazwi kaNkulunkulu aqeda ukwesaba enhliziyweni yami. Ngabona ukuthi, namuhla, lesi simo singehlele ngokuvunyelwa uNkulunkulu, nokuthi isikhathi bese sifikile sokuba uNkulunkulu angicele ukuba nginikeze ubufakazi Ngaye. Njengoba ngangiqonda intando kaNkulunkulu, ngathandaza kuNkulunkulu futhi ngathi: “O Nkulunkulu! Ngifisa ukulalela izinhlelo namalungiselelo Akho, futhi ukuma ngiqine ebufakazini bami Kuwe—kodwa nginesiqu esincane, futhi ngicela unginike ukholo namandla, futhi ungivikele ekumeni ngiqine.”

Ngakusasa ekuseni, basehlukanisa futhi basiphenya ngemibuzo. “Ngiyakwazi ukuthi ungumholi webandla. Besilokhu siniqaphile izinyanga eziyisihlanu,” kwasho elinye lamaphoyisa amabi ngokuziqhenya. Lapho ngizwa echaza imininingwane yakho konke ababekwenzile ukuze bangiqaphe, kwaphela nasozwaneni. Engqondweni yami ngacabanga, amaphoyisa amabi ngempela enze umsebenzi omningi kakhulu wokulungiselela ukuboshwa kwethu. Ngenxa yokuthi sebayazi kakade ukuthi ngingumholi webandla, ayikho indlela yokuthi bazongidedela. Ngokushesha ngaqinisa ukuzimisela kwami phambi kukaNkulunkulu: Ngingamane ngife kunokukhaphela uNkulunkulu nokuthi ngibe uJuda. Ngokubona ukuthi ukungibuza kwabo imibuzo kwakungavezi imiphumela, bayalela omunye ukuba angilinde futhi angangivumeli ukuba ngilale.

Phakathi nosuku lwesithathu lokuphenywa ngemibuzo, inhloko yamaphoyisa amabi yaphendukela ekhompyutheni yase ingenza ukuba ngifunde izinto ezazinyundela uNkulunkulu. Ngokubona ukuthi anginyakazi, ngokulandelayo yangixina ngemibuzo mayelana nezimali zebandla. Ngaphendulela ikhanda lami ngakolunye uhlangothi futhi ngangayinaka. Lokhu kwayenza yathukuthela kakhulu futhi yaqala ukungethuka. “Akunandaba uma ungafuni ukusho lutho—sizokugcina phakade, futhi sikuhlukumeze noma nini uma sifuna,” ingesabisa ngonya. Phakathi nobusuku, amaphoyisa aqala ukungihlukumeza. Adonsela enye yezingalo zami ngemva kwehlombe lami futhi enye bayibhekisa phezulu emhlane wami. Bacindezela umhlane wami ngezinyawo zabo, babophela ndawonye ngamandla izihlakala zombili ngozankosi. Kwakubuhlungu kakhulu kangangokuthi ngakhala ngenxa yobuhlungu—amathambo kanye nenyama emahlombe ami kwaba sengathi kuzokwehlukana phakathi. Ngangingaguqa kuphela nginganyakazi ikhanda lami lithinte phansi. Ngacabanga ukuthi ukukhala kwami kuzokwenza bangiyeke, kodwa kunalokho babeka inkomishi yetiye phakathi kozankosi nomhlane wami, okwenza ubuhlungu buphindaphindeke. Amathambo angenhla nomzimba wami aba sengathi anqamuke phakathi. Kwakubuhlungu kakhulu kangangokuthi angikwazanga ukuphefumula futhi ngajuluka ngaba manzi nte ebusweni. Lapho sengizwa ukuthi ngeke ngisabumela ubuhlungu, elinye iphoyisa elibi lathatha leli thuba ngokuthi lithi kimi: “Mane usinikeze igama futhi sizokuyeka uhambe masinyane.” Ngaleso sikhathi, ngacela kuNkulunkulu ukuba avikele inhliziyo yami. Ngokushesha ngacabanga ngamazwi eculo lokuhlangenwe nakho empilweni: “UNkulunkulu osesimweni somuntu uzwa ubuhlungu. Kufanele ngihlupheke ngokwengezwe kangakanani, mina muntu okhohlakele? Uma ngithobela ithonya lobumnyama, ngingahlangana kanjani noNkulunkulu? … Ngingamane ngibekezelele bonke ubunzima, ngikhokhe usizi lukaNkulunkulu” (“Ukulindela Izindaba Ezinhle Ezivela kuNkulunkulu” kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha). Iculo langinika amandla. Yebo—uNkulunkulu osesimweni somuntu uzwe bonke lobo buhlungu ngenxa yensindiso yethu, futhi mina, muntu okhohlakaliswe uSathane, kufanele ngihlupheke ngisho nakakhulu. Uma ngithobela uSathane ngenxa yokuthi angikwazi ukubekezelela ubuhlungu, ngangingaphinde ngimbheke kanjani futhi uNkulunkulu? Ukucabanga ngalokhu kwanginika amandla, futhi ngakhula ekubeni ngingaphinde ngihoxe. Amaphoyisa amabi angihlukumeza cishe ihora. Lapho ekhumula ozankosi ezandleni, umzimba wami wonke wawela phansi emhlabathini. “Uma ungakhulumi sizophinda sikwenze futhi!” bengithethisa. Ngababheka futhi ngangasho lutho. Inhliziyo yami yagcwala inzondo ngalawa maphoyisa amabi. Elinye lamaphoyisa amabi lasukuma ukuze liphinde lingifake ozankosi ezandleni. Ngicabanga ngobuhlungu obungachazeki engangisanda kubuzwa, ngaqhubeka nokuthandaza kuNkulunkulu enhliziyweni yami. Ngokumangalisayo, lapho lizama ukudonsa izingalo zami ngemva komhlane wami alikwazanga ukuzinyakazisa. Akubanga buhlungu kangako, futhi. Lalizama kanzima ngendlela yokuthi ikhanda lalo lagcwala umjuluko—kodwa lalokhu lingakwazi ukubopha ozankosi. Lihefuzela yintukuthelo lathi “Unamandla kakhulu!” Ngangazi ukuthi lokhu kwakuwukunginakekela kukaNkulunkulu, ukuthi uNkulunkulu wayenginika amandla. Makabongwe uNkulunkulu!

Ukuqhubeka kuze kuse kwakunzima. Ngangilokhu ngicindezelekile lapho ngicabanga ngendlela amaphoyisa amabi ayengihlukumeze ngayo. Futhi ayengisongela, engitshela ukuthi uma ngingasho lutho, azongithatha angiyise phakathi ezintabeni bese engibulala. Kamuva, lapho esebopha amanye amakholwa, ayezothi ngithengise ibandla—ayezongcolisa igama lami, futhi enze abanye abafowethu nodadewethu ebandleni bangizonde futhi bangilahle. Ngicabanga ngalokho, inhliziyo yami yagcwala kakhulu ukuphelelwa yithemba nokuphelelwa ngamandla. Ngazizwa nginokwesaba futhi ngibuthakathaka. Engqondweni yami ngacabanga: Kungcono ukuba ngife. Ngalokho ngeke ngibe uJuda futhi ngikhaphele uNkulunkulu, noma ngeke ngilahlwe abafowethu nodadewethu. Futhi ngizogwema ubuhlungu bokuhlushwa enyameni. Ngakho ngalinda kwaze kwaba yilapho amaphoyisa amabi ayengilindile engasanakile ngase ngiziphonsa ngekhanda odongeni—kodwa okwamane kwenzeka kwaba ukuthi ikhanda lami lashushuluza; angizange ngife. Ngaleso sikhathi, amazwi kaNkulunkulu angikhanyisela ngaphakathi kwami: “Ngalezi zinsuku zokugcina kufanele nibe nobufakazi bukaNkulunkulu. Noma ngabe kungakanani ukuhlupheka kwenu, kufanele nize zifinyelele esiphethweni, ngisho nasemphefumulweni wenu wokugcina, nalapho kusafanele nithembeke kuNkulunkulu, futhi nibe semuseni kaNkulunkulu; yilona kuphela uNkulunkulu onothando, futhi yilobu kuphela ubufakazi obunamandla nobuphilayo(“Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). “Uma abanye bekuhlanekezela lokhu okwenzayo bakubize ngokungesikhona, uyakwazi ukuthandaza kuNkulunkulu uthi: ‘O Nkulunkulu! Angiceli ukuba abanye bangibekezelele, noma bangixolele. Ngicela nje kuphela ukuba ngikwazi ukukuthanda Wena enhliziyweni yami, ukuba ngiqiniseke enhliziyweni yami, ukuthi unembeza wami uhlanzekile. Angiceli ukuba abanye bangincome, noma bangithathele phezulu; ngifuna nje ukwenelisa Wena ngenhliziyo yami’” (“Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Athande UNkulunkulu Ngokweqiniso” Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Athande UNkulunkulu Ngokweqiniso). Amazwi kaNkulunkulu asusa ubumnyama obabusenhliziyweni yami. Yebo—uNkulunkulu ufuna abantu abanokuzimisela, abantu abanganikeza ubufakazi ngoNkulunkulu ngaphambi kukaSathane, abantu abangabekezela kuze kube sekugcineni futhi balandele konke ukuhlela kukaNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi bukhulu kangakanani ubunzima ababhekana nabo. Okungaphezu kwalokho, uNkulunkulu ubona ingaphakathi lezinhliziyo zabantu. Uma amaphoyisa engiqambela amanga, ngisho noma abanye abafowethu nodadewethu kungenzeka ngempela bangiqonde kabi futhi bangilahle ngenxa yokuthi abazi okwenzeke ngempela, ngiyethemba ukuthi izinhloso zikaNkunkulu zinhle; uNkulunkulu uhlola ukholo nothando lwami Ngaye, futhi kufanele ngifune ukwenza uNkulunkulu aneliseke. Njengoba ngase ngibone amaqhinga obuqili bukadeveli, masinyane ngazizwa nginamahloni futhi ngidumele. Ngabona ukuthi ukholo lwami lwaluluncane kakhulu. Ngangingakwazi ukuma ngiqinile ngemva kokuzwa ubuhlungu obuncane, futhi ngacabanga ukubaleka nokuba ngigweme izinhlelo zikaNkulunkulu ngokufa. Lapho abantu beshiya uNkulunkulu, bazophila ebumnyameni. Inhloso yamaphoyisa amabi yokusho amazwi okusonga kwakuwukungenza ngifulathele uNkulunkulu. Futhi ukube kwakungekhona ukuvikela kukaNkulunkulu, ngabe ngawela emaqhingeni obuqili bawo. Njengoba ngizindla ngamazwi kaNkulunkulu, inhliziyo yami yagcwala ukukhanya. Ngangingasafuni ukufa, kodwa ukuphila impilo enhle, futhi ngisebenzise lokho engangikuphila ngempela ukunikeza ubufakazi ngoNkulunkulu futhi ngihlaze uSathane.

Amaphoyisa amabi amabili ayecelwe ukuba angiqaphe angibuza ukuthi kungani ngiziphonse ngekhanda odongeni. Ngathi yingoba amanye amaphoyisa ayengishayile. “Sisebenza kakhulu ngokufunda. Ungakhathazeki—ngeke ngivume ukuba baphinde bakushaye futhi,” omunye wabo washo ngokumomotheka. Ngokuzwa amazwi akhe enduduzo, ngacabanga: Laba ababili abababi; lokhu ngaboshwa bebelungile kimi. Ngalokho, ngakhululeka. Kodwa ngaleso sikhathi, amazwi kaNkulunkulu afika enhliziyweni yami: “Ngazo zonke izikhathi, abantu Bami kumele baqaphele amacebo amabi kaSathane, bavikele isango lendlu Yami, … okuzovika ukuthi ningaweli ogibeni lukaSathane, ngaleso sikhathi sobe sesidlule isikhathi sokuzisola” (“Izwi Lesithathu” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana Ezwini Elivela Lisenyameni. Amazwi kaNkulunkulu anginika isikhumbuzo esifike ngesikhathi, angibonisa ukuthi buningi ukuqili bamaqhinga kadeveli, futhi kufanele ngiqaphe lawa madimoni ngazo zonke izikhathi. Ngangingacabangi kangako ukuthi ngokushesha babezoveza lokho abayikho ngempela. Elinye lamaphoyisa amabi laqala ukunyundela uNkulunkulu, ngesikhathi elinye elaliseceleni kwami limbambatha umlenze wami, lingibuka futhi libuza mayelana nezimali zebandla. Ntambama, ngokubona ukuthi ngiyazumeka, laqala liphuthaza isifuba sami. Ngokubona ukuthi base beveze isimo sabo sangempela, ngagcwala intukuthelo. Kumanje kuphela lapho sengibona khona ukuthi amaphoyisa ayebonakala sengathi angabantu ayeyizigebengu nabachukuluzi. Lezi yizinto ezinengekayo, ezinyanyekayo ababenekhono lokuzenza. Ngenxa yalokho, ngokushesha ngamane ngathandaza kuNkulunkulu ngicela ukuba angivikele ekulinyazweni yibo.

Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, amaphoyisa amabi awazange kuphela angixine ngemibuzo mayelana nebandla, kodwa futhi ayeshintshana ngokungiqapha ukuze ngingalali. Kamuva, ngokubona ukuthi angiwanikezi lutho, amaphoyisa amabi amabili ayengiphenya ngemibuzo agcwala ukufutheka. Elinye lawo langibhozomela, langishaya ngempama ebusweni, langishaya engingazi ukuthi izikhathi ezingaki. Ubuso bami bushoshozela, baqala ukuvuvuka, futhi ekugcineni baba ndikindiki kangangokuthi angibange ngisezwa lutho. Ngenxa yokuthi imibuzo yabo ayizange iphume nalutho kimi, ngobunye ubusuku inhloko yamaphoyisa amabi yaklabalasa futhi yathi, “Kudingeka uqale ukuvula umlomo wakho. Ulinga ukubekezela kwami—angicabangi ukuthi akukho nto esingayenza ngawe. Sengihlangane nabantu abaningi abaqine kakhulu kunawe. Uma singenasihluku kuwe, ayikho indlela ezokwenza uthobe!” Wanikeza umyalelo futhi amaphoyisa amaningana amabi aqala ukungihlukumeza. Kusihlwa, igumbi lokuphenywa ngemibuzo lalimnyama futhi lesabeka—ngezwa sengathi ngisesihogweni. Angenza ngaqoshama phansi futhi abopha ngamaketanga izandla zami phakathi kwamadolo ami kanye nezinyawo zami. Okulandelayo, bafaka induku yokhuni phakathi kwezingalo zami kanye nangemva kwamadolo ami, ukuphoqelela umzimba wami wonke ukuba uzigoqe. Base bephakamisa induku futhi bayibeka phakathi kwamatafula amabili, okwashiya umzimba wami wonke ulenga emoyeni ikhanda lami libheke phansi. Ngesikhathi bengiphakamisa, ikhanda lami laba nesiyezi futhi ngakuthola kunzima ukuphefumula. Ngezwa sengathi ngiyafuthelana. Ngenxa yokuthi ngangishiywe emoyeni ngibheke phansi, sonke isisindo sami sasilenga ngezihlakala zami. Ekuqaleni, ukwenza ozankosi abasezandleni ukuba bangasiki inyama yami, ngahlanganisa izandla zami ngokuqinile ndawonye, ngazigoqa umzimba wami, futhi ngazama ngakho konke ukuhlala ngikuleyo ndawo. Kodwa amandla ami aya ngokuya ephela. Izandla zami zehla zisuka emaqakaleni zaya emadolweni ami, futhi ozankosi bezandla bayisika ngokujulile inyama yami, ngasala nginobuhlungu obungachazeki. Ngemva kokulenga kanje cishe ingxenye yehora, kwakuzwakala sengathi lonke igazi elisemzimbeni wami lalinqwabelene ekhanda lami. Ubuhlungu bokuvuvuka kwekhanda kanye namehlo ami kwenza kuzwakale sengathi azoqhuma. Amanxeba ajulile ayevuleke ezihlakaleni zami, futhi izandla zami zazivuvuke kakhulu zibukeka sengathi yizinkwa ezimbili. Ngezwa sengathi sengizokufa. “Ngeke ngisakumela lokhu, ngehliseni!” ngimemeza kakhulu. “Akakho ongakusindisa kodwa nguwe ngokwakho. Mane usitshele igama futhi sizokwehlisa,” kwasho ngonya esinye sezikhulu zamaphoyisa amabi. Ekugcineni, abona ukuthi ngisenkingeni ngempela futhi angehlisa. Anginikeza iglukhosi futhi aphinde aqala ukungibuza imibuzo. Ngalala ngithambe njengodaka phansi, amehlo ami ayevaleke ngci, ngingawanakile. Kungalindelekile, amaphoyisa amabi aphinde futhi angiphakamisela emoyeni. Ngingenawo amandla okubambelela ngezandla zami, akukho okunye engangingakwenza ngaphandle kokuvumela ozankosi abasezandleni ukuba bangene ezihlakaleni zami, amachopho anjengesaha asaha inyama yami. Ngaleso sikhathi, kwakubuhlungu kakhulu kangangokuba ngakhala kalusizi. Ngangingenawo amandla okuqhubeka ngilwa futhi ukuphefumula kwami kwase kukuncane kakhulu. Kwakubonakala sengathi isikhathi simile. Ngazizwa sengathi ngisonqenqemeni lokufa. Ngicabanga ukuthi ngalesi sikhathi ngizokufa ngempela, ngafuna ukutshela uNkulunkulu amazwi asenhliziyweni yami ngaphambi kokuba ngife: “O Nkulunkulu! Ngalesi sikhathi, lapho ngempela ngisonqenqemeni lokufa, ngizwa ngesaba—kodwa noma ngabe ngiyafa namuhla, ngisazobe ngilokhu ngidumisa ukulunga Kwakho. O Nkulunkulu! Ohambweni lokuphila kwami olufushane, ngiyabonga ngokungikhetha ukuba ngibuyele ekhaya ngisuka kuleli zwe elinesono, ungivimbe ukuba ngingazulazuli, ngilahleke, futhi ungivumele ukuba ngiphile ekuthokomaleni Kwakho. O Nkulunkulu, ngilujabulele kakhulu uthando Lwakho—kodwa manje, lapho ukuphila kwami sekuzophela, ngiyabona ukuthi angizange ngilwazise uthando Lwakho. Izikhathi eziningi ngikwenze wadabuka futhi wadumala; ngifana nengane encane ejabulela kuphela uthando lukanina, kodwa ingakaze icabange ngokulukhokha. Kumanje kuphela lapho sengizolahlekelwa ukuphila kwami lapho ngiqonda khona ukuthi kufanele ngilwazise uthando Lwakho, futhi kumanje kuphela lapho sengizisola khona ngokuthi ngilahlekelwe yizikhathi ezinhle eziningi kangaka. Manje, engizisola ngakho kakhulu ukuthi akukho lutho engikwenzele khona futhi ngikukweleta kangaka, futhi uma ngisengaphila, nakanjani ngiyokwenza konke okusemandleni ami ukwenza umsebenzi wami, ngibuyisele lokho engikukweleta khona. Ngalesi sikhathi, ngicela kuphela ukuba unginike amandla, ungivumele ukuba ngingaphinde ngesabe ukufa, futhi ngiqine kulokho engibhekane nakho…” Iconsi ngeconsi lezinyambezi zami laliwa ebunzini lami. Ubusuku babuthule ngokwesabisayo. Umsindo owodwa kwangowokuhamba kwewashi, kube sengathi libala imizuzwana esele yokuphila kwami. Kwakungaleso sikhathi lapho kwenzeka khona okuthile okuyisimangaliso: Kwezwakala sengathi ukushisa kwelanga kwakukhanya phezu kwami, futhi kancane ngayeka ukuzwa ubuhlungu emzimbeni wami. Amazwi kaNkulunkulu azwakala emqondweni wami: “Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi(“UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Yebo—uNkulunkulu ungumthombo wamandla okuphila kwami, uNkulunkulu ubusa phezu kwesimiselo sami, futhi kufanele ngizibeke ezandleni zikaNkulunkulu futhi ngizibeke Kuye. Ukuzindla ngamazwi kaNkulunkulu kwanginika umuzwa omnandi, onokuthula enhliziyweni yami, njengokungathi ngihleli ekusingatheni okufudumele kukaNkulunkulu. Ngazithola ngilala. Ngokwesaba ukuthi ngizokufa, amaphoyisa amabi angehlisa futhi ngokushesha anginika iglukhosi kanye namanzi. Ekubhekaneni kwami nokufa, ngangibone izenzo ezimangalisayo zikaNkulunkulu.

Ngosuku olulandelayo, amaphoyisa amabi achitha ubusuku bonke engiphakamisa ngokuphindelela. Babengibuza ngokuthi zikuphi izimali zeziliphu abazithathile. Kukho konke, angishongo lutho—kodwa abadelanga. Ukuze bathole imali yebandla, basebenzisa zonke izindlela ezinengekayo zokungihlukumeza. Ngaleso sikhathi, amazwi kaNkulunkulu afika enhliziyweni yami: “Izinkulungwane zeminyaka yenzondo zigxile enhliziyweni, izinkulungwane zesono zisenhliziyweni—kungahlala kanjani lokhu kungayikhuthazi inzondo? Kuphindiselele uNkulunkulu, kubuqede bonke ubutha, ungabe usakuvumela, ungakuvumeli ukuba kudale ezinye izinkinga njengoba kufisa! Manje isikhathi: Umuntu ubelokhu eqoqa amandla akhe, unikele ngayo yonke imizamo yakhe, wakukhokha konke, ngenxa yalokhu, ukuze embule ubuso bamademoni futhi avumele abantu, abenziwe izimpumputhe, wabekezelela lonke uhlobo lokuhlupheka nobunzima, ukuze aqede ubuhlungu futhi ajikele lo develi omdala omubi(“Umsebenzi Nokungena (8)”kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu anginika amandla nokholo olukhulu. Ngangizolwa kuze kube sekufeni noSathane, futhi ngisho noma ngabe ngangifa, ngangiyokuma ngiqinile ebufakazini bami kuNkulunkulu. Ngiqiniswe amazwi kaNkulunkulu, ngingaqondile ngakhohlwa ubuhlungu. Ngale ndlela, isikhathi ngasinye lapho bengiphakamisela phezulu, amazwi kaNkulunkulu ayengiqinisa futhi angikhuthaze, futhi isikhathi esiningi lapho bengiphakamisa, kwakuba yilapho ngibona ngokwengeziwe ingqikithi yabo—eyayingeyamadimoni amabi—futhi kwakuba kukhulu ukuzimisela kwami ukuba ngiqinile ebufakazini bami nokuba nganelise uNkulunkulu. Ekugcineni, bonke bakhathala yimi. “Abantu abaningi abakumeli ukulengiswa kanjena ingxenye yehora, kodwa uthathe sonke lesi sikhathi—uqinile ngempela!” ngabezwa bekhuluma. Ukuzwa lawa mazwi, kwangenza ngafikelwa yinjabulo. Engqondweni yami, ngacabanga: Uma uNkulunkulu enami, ngeke ningehlule. Ngaphezu kokuhlukunyezwa ngokomzimba, phakathi nezinsuku eziyisiyishiyagalolunye kanye nobusuku bazo esiteshini samaphoyisa futhi amaphoyisa amabi akangivumelanga ukuba ngilale. Ngaso sonke isikhathi lapho ngivala amehlo ami futhi ngiqala ukuzumeka, babeshaya izinduku zabo etafuleni, noma bangenze ngime ngigijime, okukanye bamane baklabalase, bazame ukungehlisa futhi baphazamise umqondo wami. Ngemva kwezinsuku eziyisishiyagalolunye, ngokubona ukuthi awakayifezi injongo yawo, amaphoyisa ayelokhu engiqaphelile. Angithatha angiyisa ehhotela, lapho abopha khona izandla zami ngaphambi kwemilenze yami, base befaka induku yokhuni phakathi kwezingalo zami kanye nemilenze, ukungiphoqelela ukuba ngihlale phansi ngomzimba wami uzigoqile. Bangenza ngahlala ngikulesi simo phansi izinsuku eziningana ezilandelayo, okwenza ukuba ozankosi abasezandleni basike inyama yami. Izandla nezihlakala zami kwavuvuka futhi kwaphenduka kwaba nsomi, futhi izinqe zami zaba buhlungu kakhulu kangangokuthi ngangingeke ngizihlikihle noma ngizithinte; kwaba sengathi ngihlezi phezu kwezinaliti. Ngolunye usuku, omunye wabaholi bamaphoyisa amabi, ebona ukuthi ukuphenywa ngemibuzo kwami akuvezi zithelo, weza kimi efutheka ngentukuthelo futhi wangishaya kakhulu ebusweni—kakhulu ngendlela yokuthi ngaxegelwa amazinyo ami amabili.

Ekugcineni, kwafika izikhulu ezimbili eziphethe ezazivela eMnyangweni Wokuphepha Komphakathi Wesifunda. Masinyane lapho zifika, zakhipha ozankosi ezandleni, zangisiza ngahlala kusofa, futhi zangithelela amanzi ngenkomishi. “Ube nesikhathi esinzima kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule—kodwa ungakufaki lokhu enhliziyweni, bebamane belandela imiyalelo,” basho ngokuzenzisa. Ukuzenzisa kwabo kwangenza ngabazonda kakhulu kangangokuthi ngaququda amazinyo ami. Bazama nokusebenzisa iBhayibheli ukuze bangithonye, futhi baphendukela ekhompyutheni base bengibonisa ubufakazi obungamanga. Basho amazwi amaningi alahla nahlambalaza uNkulunkulu. Enhliziyweni yami, ngezwa intukuthelo. Ngangifuna ukuphikisana nabo, kodwa ngazi ukuthi ukwenza kanjalo kuyomane kwenze bahlambalaze uNkulunkulu ngisho nangokwengeziwe. Ngalesi sikhathi, ngezwa ukuthi babubukhulu kangakanani ubunzima uNkulunkulu osesimweni somuntu abuzwa, nokuthi kwakungakanani ukululazeka uNkulunkulu akubekezelela ukuze asindise umuntu. Ngaphezu kwalokho, ngabona ukwenyanyeka nokunenga kwalawa madimoni amabi. Enhliziyweni yami, ngafunga ngasese ukuthi ngizomyeka ngokuphelele uSathane futhi ngithembeke phakade kuNkulunkulu. Kamuva, kungakhathaleki ukuthi babezama kangakanani ukungikhohlisa, ngagcina umlomo wami uvalekile futhi ngangasho lutho. Zibona ukuthi amazwi azo awabi namphumela, izikhulu ezimbili zamane zangishiya kanjalo.

Phakathi nezinsuku eziyishumi kanye nobusuku bazo ehhotela, bangigcina ngiboshwe ngozankosi ezandleni, bangenza ngiqoshame phansi ngibambe imilenze yami. Ngibheka emuva kusukela ngaboshwa, ngase ngichithe izinsuku eziyishumi nesishiyagalolunye kanye nobusuku bazo esiteshini samaphoyisa nasehhotela. Ukuvikelwa uthando lukaNkulunkulu kwangivumela ukuba ngilale kancane, kodwa amaphoyisa amabi awazange angivumele ukuba ngilale kuze kuse; ngangithi ngisavale amehlo ami okwesikhashana nje bese benza noma yini ukuze bangigcine ngiphapheme—ukushaya itafula, ukungikhahlela ngonya, ukuklabalasa, ukungiyalela ukuba ngigijime, njalo njalo. Isikhathi ngasinye lapho ngethuka, inhliziyo yami yayishaya esifubeni sami, bese ngizwa ukwesaba. Lokho, kwakwengenza ekuhlukunyezweni okuningi kwamaphoyisa amabi, futhi amandla ami agcina esephele kakhulu, umzimba wami wonke wawuvuvukile futhi ubuhlungu, futhi ngangibona yonke into sengathi ingambili. Ngangazi ukuthi kunabantu phambi kwami ababekhuluma nami, kodwa imisindo yamazwi abo kwakuzwakala sengathi ivela endaweni esekudeni esithele. Ngaphezu kwalokho, ukuzwa kwami kwakuya ngokuncipha kakhulu. Ukuthi ngangikwazile ukwedlula kulokhu konke kwakungenxa yamandla amakhulu kaNkulunkulu! Njengoba uNkulunkulu asho: “Wenza umuntu azalwe kabusha, futhi wenza akwazi ukuphila endimeni nendima okumele abe kuyo. Sibonga amandla Akhe, kanye namandla Akhe okuphila angeshatshalaliswe, umuntu uphile izizukulwane eziningi, kukho konke amandla kaNkulunkulu yiwo akade enza ukuthi umuntu aqhubeke nokuba khona …. Amandla empilo kaNkulunkulu angachuma kunanoma amaphi amandla, phezu kwalokho, edlula wonke amandla. Ukuphila Kwakhe kungunaphakade, amandla Akhe makhulu ngokwedlulele, futhi amandla Akhe okuphila awehlulwa yinoma yini edaliwe noma amandla esitha(“UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” thi Izwi Livela Lisenyameni). Enhliziyweni yami, ngambonga futhi ngamdumisa ngobuqotho uNkulunkulu: O Nkulunkulu! Ubusa zonke izinto, izenzo Zakho azinakulinganiswa, futhi Nguwe kuphela onamandla onke, Wena ungamandla okuphila angenakuqedwa, Wena ungumthombo wamanzi aphilayo okuphila kwami. Kulesi simo esikhethekile, ngibone ubukhosi kanye negunya Lakho okuyingqayizivele. Ekugcineni, amaphoyisa amabi awatholanga zimpendulo emibuzweni yawo, ase angithumela ejele.

Endleleni eya ejele, amaphoyisa amabili athi kimi: “Wenze kahle kakhulu. Kungenzeka nina nibe sejele, kodwa ningabantu abahle. Kunazo zonke izinhlobo lapho: abathengisa izidakamizwa, ababulali, izifebe—uzobona lapho ufika.” “Ngenxa yokuthi niyazi ukuthi singabantu abahle, kungani nisibopha? Ingabe uhulumeni akakhulumi yini ngenkululeko yenkolo?” ngabuza. “Lawo ngamanga eQembu Lobukhomanisi kuwe. Iqembu lisinikeza okokuziphilisa, ngakho kufanele senze elikushoyo. Akufanele uzonde thina noma ube nokuthile ngokumelene nathi. Sikubophe nje ngenxa yokuthi ukholwa kuNkulunkulu,” kwasho elinye lamaphoyisa. Ngokuzwa lokho, ngacabanga ngakho konke engangihlangabezane nakho. Ngazithola sengikhumbula amazwi kaNkulunkulu: “Ingabe inkululeko yenkolo? Ingabe amalungelo nezinto ezithandwa izakhamuzi? Konke kungamacebo okumboza isono!(“Umsebenzi Nokungena (8)”kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu ashaya emhlolweni, angivumela ukuba ngibone ngempela isimo sangempela sikahulumeni we-CCP kanye nokuthi uzama kanjani ukuzuza udumo olungawufanele; ngaphandle, uphephezelisa ifulegi lenkululeko yenkolo, kodwa ekusithekeni uyabopha, ucindezele, futhi uhlasele labo abakholwa kuNkulunkulu ezansi nasenhla ezweni futhi uphanga imali yebandla—konke lokhu okubeka obala isimo sawo sobubi esenyanyekayo, sobudimoni.

Ngesikhathi ngisejele, kwakunezikhathi lapho ngangiba buthakathaka futhi ngibe sezinhlungwini. Kodwa amazwi kaNkulunkulu aqhubeka engiqinisa, enginika amandla nokholo, engivumela ukuba ngiqonde ukuthi nakuba uSathane engephuce inkululeko yenyama, ukuhlupheka kwakungakhile, kwangifundisa ukwethembela kuNkulunkulu phakathi nokuhlushwa yilawa madimoni amabi, kwangivumela ukuba ngiqonde umqondo wangempela wamaqiniso amaningi, ukuba ngibone ubugugu beqiniso, futhi ngikhulise isinqumo nesisusa sami sokufuna iqiniso. Ngangizimisele ukuqhubeka ngilalele uNkulunkulu, futhi ngibone konke lokho uNkulunkulu angilungiselele khona. Ngakho, lapho ngisebenza ejele, ngangicula amaculo futhi ngicabange buthule ngothando lukaNkulunkulu. Ngezwa ukuthi inhliziyo yami yayisisondele kuNkulunkulu, futhi angibange ngisathola izinsuku zibuhlungu futhi zicindezela kakhulu.

Phakathi nalesi sikhathi, amaphoyisa amabi angiphenya ngemibuzo izikhathi eziningi kakhulu. Ngabonga uNkulunkulu ngokungiqondisa ekunqobeni ukuhlukunyezwa ezikhathini eziningi. Kamuva amaphoyisa amabi adonsa yonke imali emakhadini ami amathathu asebhange. Ukubheka ngingenakwenza lutho imali yebandla ithathwa amaphoyisa amabi kwephula inhliziyo yami. Inhliziyo yami yagcwala inzondo ngaleli qembu elibi, elihahayo lamadimoni, futhi ngalangazelela ukuba umbuso kaKristu ufike masinyane. Ekugcineni, ngaphandle kokuba ngisho nabuphi ubufakazi, bangigweba unyaka nezinyanga ezintathu ekufundisweni kabusha ngomsebenzi ngenxa “yokuphazamisa ukuthula komphakathi.”

Ngemva kokuba ngishushiswe ngesihluku uhulumeni we-CCP, ngangiluzwile ngempela uthando kanye nensindiso kaNkulunkulu kimi, futhi ngangibazisile ubukhosi nokuba namandla onke kukaNkulunkulu kanye nezenzo Zakhe ezimangalisayo, ngangilibonile igunya kanye namandla amazwi kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho ngangimenyanye ngempela uSathane. Phakathi naleso sikhathi sokushushiswa, amazwi kaNkulunkulu ayengiphelezelile phakathi kwezinsuku nobusuku okucindezelayo, amazwi kaNkulunkulu ayengivumele ukuba ngibone amaqhinga obuqili bukaSathane futhi anginika ukuvikeleka okwafika ngesikhathi. Amazwi kaNkulunkulu ayengenze ngaqina futhi ngaba nesibindi, angivumela ukuba ngikunqobe ukuhlukumeza kwabo ezikhathini eziningi. Amazwi kaNkulunkulu ayenginike amandla nokholo, anginika isibindi sokulwa noSathane kuze kube sekugcineni…. Makabongwe uNkulunkulu! UNkulunkulu uSomandla uyiqiniso, indlela, nokuphila! Ngiyomlandela njalo uNkulunkulu uSomandla kuze kube sekugcineni!

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ubusha Obungenakho Ukuzisola

UXiaowen Edolobheni LaseChongqing “Uthando luwumuzwa omsulwa, omsulwa ongenasici. Sebenzisa inhliziyo yakho, sebenzisa inhliziyo yakho...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp