Iyiphi Indlela Yokubuya KweNkosi UJesu Ephrofethwa EBhayibhelini?

October 25, 2019

NguZhou Jing

Iyiphi Indlela Yokubuya KweNkosi UJesu Ephrofethwa EBhayibhelini?

Ngelinye ilanga ngabona ingxoxo eshisayo ku-inthanethi; abantu babethi ukuvela kwezinyanga ezine eziyigazi ebusuku engxenyeni yomhlaba eseNtshonalanga iyisexwayiso sezikhathi zokugcina, nokuthi ukuzamazama komhlaba okukhulu kuya ngokwanda emhlabeni wonke. Ngacabanga ngingedwa ngathi, “Izinyanga ezine eziyigazi sezenzekile, izigameko zasemkhathini sezibonakele, izinhlekelele zenzeka ngokuvamile emhlabeni wonke, izigameko zokwesabisa ziyanda, izimpi zihlala ziqubuka…. Zonke izimpawu zikhombisa ukuthi iziphrofetho zokubuya kweNkosi empeleni sezigcwalisekile, ngakho kungani ngingakayiboni yehla ngefu izosihlangabeza? Ingabe ngempela iNkosi ayikabuyi noma ukuthi isibuyile, kodwa angikayiboni? Ngingakwemukela kanjani ukubuya Kwayo?” Lokhu kudideka kwazithandela enhliziyweni yami kwangishiya ngididekile. Ngizama ukuthola ukucaciseleka okuthile ngalolu daba, ngaqala ukuthandaza nokuthandaza eNkosini, ngiyicela ukuba ingikhanyisele futhi ingiqondise ukuze ngikwazi ukwamukela ukubuya Kwayo futhi ngingalahlwa Yiyo.

Emva kwesikhathi uDadewethu uGan, engase nginezinyanga ezimbalwa ngagcina ukumbona, wafika ezongibona; ngangazi ukuthi lokhu kwakuhlelwe yiNkosi. Udadewethu uGan wayekade esebenzela iNkosi iminyaka eminingi futhi wayewumuntu ocabangayo futhi onolwazi. Ngacabanga ukuthi wayengase aluxazulule lolu daba lwami, ngakho ngathi, “Dadewethu uGan, kukhona into engididayo engithanda ukuyifuna. Kubhaliwe eBhayibhelini, ‘Khona-ke bazobona iNdodana yomuntu iza ngefu ngamandla nangenkazimulo enkulu(Luka 21:27). ‘Bhekani, uyeza ngamafu, futhi onke amehlo azokumbona, nalabo abamgwaza: nezizwe zonke zomhlaba zizokhala ngenxa yakhe. Noma kunjalo, Amen(IsAmbulo 1:7). Kuthi lapho iNkosi iza iyokwehla ngefu ngenkazimulo namandla amakhulu; iyobonakala ngokusobala futhi wonke umuntu uyokwazi ukuyibona. Ngakho, besilokhu silindele ukuthi ize ngefu ukuze isiyise ezulwini. Emhlabeni wonke manje kukhona izinhlekelele ezingapheli, ukuzamazama komhlaba, indlala, nokuqubuka okuningi kwezimpi, kanye nenqwaba yezigameko zasesibhakabhakeni. Zonke izimpawu zikhombisa ukuthi iziphrofetho zokubuya kweNkosi empeleni nje sezigcwalisiwe, pho kungani singakayiboni yehla ngefu ukuzosihlangabeza? Kwenzekani ngempela?

UDadewethu uGan walalela lokho engangikusho, wathi ukucabanga kancane, wayesethi, “Lo mbuzo wakho uyinto sonke esethemba ukwamukela ukufika kwenkosi kwesibili esifuna ukuyiqonda. Uma sifuna ukwamukela ukubuya Kwayo, okokuqala kufanele sazi indlela iNkosi eyobuya ngayo ngempela ngezinsuku zokugcina—lokhu kubaluleke kakhulu! Eqinisweni, kukhona iziphrofetho eBhayibhelini ngenye indlela iNkosi eyofika ngayo, hhayi nje ukufika ngefu njengoba ushilo. Ngokwesibonelo, kukhona isAmbulo 16:15; ‘Bheka, ngizoza njengesela.’ Futhi kusAmbulo 3:3 kuthi, ‘Ngakho-ke uma ungalindi, ngiyokuza kuwe njengesela, futhi kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.’ Kanye noMathewu 24:44: ‘Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele. Lezi ziphrofetho zithi iyofika ngokufihlakele, njengesela, futhi akekho oyokwazi. Dadewethu, bheka imibhalo esiqeda ukukhuluma ngayo: Kwezinye izindawo kuthi iNkosi iyobuya ngokusobala ngefu, kwezinye izindawo kuthi iyobuya ngokufihlakele futhi akekho oyokwazi. Ingabe sike sakucabanga lokhu? Kungani iziphrofetho eziphrofetha into eyodwa, ukubuya kweNkosi, zisho izinto ezehlukene?”

Angizange ngikuqonde kahle lokho ayekusho, futhi ngazicabangela, “Kuyiqiniso lokho. IsAmbulo 1:7 sithi ‘Bhekani, uyeza ngamafu, futhi onke amehlo azokumbona, nalabo abamgwaza,’ kodwa isAmbulo 16:15 sithi ‘ngizoza njengesela.’ Kusho ukuthini lokhu? Iyobuya kanjani ngempela iNkosi?”

Ngididekile, ngamphendula uDadewethu uGan, “Ezinye zalezi ziphrofetho zithi iNkosi iyokwehla ngokusobala, lapho ezinye zithi iyofika ngokufihlakele. Zibonakala ziphikisana, kodwa ngiyazi ukuthi akukho maphutha emazwini eNkosi nokuthi wukuthi nje angikuqondi lokhu manje. Ngicela wabelane nami ngalokhu.”

Emamatheka, uDadewethu uGan wathi, “INkosi ithembekile futhi lezi ziphrofetho zizogcwaliseka—zizokwenzeka. Nakuba zibonakala ziphikisana, azinjalo neze. Ukuthi ‘njengesela’ kuthi iNkosi iyobuya ngokufihlakele, futhi ukuthi ‘iza ngamafu’ kubhekise Kuyo iza ngokusobala. Kusho ukuthi, lapho ibuya iyoqale ifike ngokufihlakele, bese emva kwalokho ibonakala ngokusobala.”

“Okokuqala ngokufihlakele bese kuba sobala!” ngababaza ngokumangala.

“Yebo, lapho iNkosi ibuya, okokuqala iyofika ngokufihlakele ngokuba sesimweni somuntu njengeNdodana yomuntu, kuthi lapho isiwuqedile lowo msebenzi ize ngefu futhi ibonakale ngokusobala kubo bonke abantu nakuzo zonke izizwe,” wachaza ngesineke.

Ngathi ngokulangazelela, “Ngakho iyoba sesimweni somuntu njengeNdodana yomuntu kuqala, ifike ngokufihlakele, bese ibonakala phezu kwefu? Ngiyaqala ukuzwa lokho!”

UDadewethu uGan wamamatheka wayesethi, “Ake sibheke amanye amavesi omBhalo futhi khona-ke uyoqonda! Inkosi uJesu yathi, ‘Njengombani ovela empumalanga okhanya ngisho nasentshonalanga, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu(Mathewu 24:27). ‘Njengombani, okhanya engxenyeni ethize phansi kwezulu, ukhanya kwenye indawo ngaphansi kwezulu; izoba njalo futhi iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane(Luka 17:24–25). La mavesi akhuluma ‘ngeNdodana yomuntu’ kanye ‘nokufika kweNdodana yomuntu.’ ‘INdodana yomuntu’ izalwa ngumuntu, inobuntu obujwayelekile, futhi iyadla, igqoka izingubo, iyaphila, futhi yenza nje njengomuntu ojwayelekile; ibukeka nje njengomuntu ojwayelekile ngengaphandle Layo. Nokho, inengqikithi yobunkulunkulu, ikwazi ukukhuluma iqiniso, nokwenza umsebenzi wokusindisa isintu. Kufana nje nokuthi iNkosi uJesu yabizwa ‘ngeNdodana yomuntu’ ngoba yayiwumoya kaNkulunkulu owathatha isimo senyama, futhi nakuba emzimbeni yayibukeka ijwayelekile, ivamile, leyo nyama empeleni yayinguNkulunkulu futhi inobunkulunkulu obugcwele. Kungakho iNkosi uJesu yayinguKristu, kungakho yayinguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kungakho iNkosi uJesu yakhuluma ‘ngeNdodana yomuntu’ kanye ‘nokufika kweNdodana yomuntu.’ Konke lokho kwakubhekise kuNkulunkulu ebuya ezinsukwini zokugcina esenyameni. IBhayibheli lithi futhi, ‘Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane.’ Siyazi sonke ukuthi kulapho kuphela uNkulunkulu embatha inyama njengeNdodana yomuntu futhi efika phakathi kwesintu ngokufihlakele kuphela lapho abantu behluleka khona ukumbona njengoNkulunkulu; bathatha iNdodana yomuntu esesimweni somuntu njengomuntu ojwayelekile, futhi yingakho bechitha, benyundela, futhi behlulela uNkulunkulu, noma baze bahlubuke futhi baphikise uNkulunkulu osenyameni. Kungakho uNkulunkulu ‘ezokwehlelwa yizinto eziningi.’ Njengalapho nje iNkosi uJesu yabonakala futhi yasebenza isenyameni, yabhekana nokuchithwa, ukunyundelwa, ukugconwa, ukuhlanjalazwa, nokulahlwa yisintu yaze yagcina ibethelwe esiphambanweni. Uma iNkosi ibingehla ngefu futhi ibonakale ngokusobala kubantu lapho ibuya, wonke umuntu ubengakubona lokho, aqhaqhazele ngenxa yovalo, bese ewa phambi kukaNkulunkulu ngokumkhonza. Akekho obengalinga ahlubuke noma aphikise uNkulunkulu. Ngakho-ke kungagcwaliseka kanjani ukuthi ‘Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane.’? Ngakho singaqiniseka ngokuthi ukubuya kweNkosi kuyoqala kube ngokufihlakele, enyameni, bese emva kwalokho ibonakale ngokusobala phezu kwefu.

Emva kokuzwa lokho ayekusho, ngazindla ngakho ngingedwa. “Kusho ukuthi kukhona isisekelo ebhayibhelini sokuthi kuthiwe lapho iNkosi ibuya iyoqale ifike ngokufihlakele, bese emva kwalokho ibonakale ngokusobala phezu kwefu. Kanjani ukuthi sengifunde iBhayibheli yonke le minyaka kodwa angikaze ngikuthole ukuthi iyobuya ngezindlela ezimbili ezehlukene? Awu! Kodwa kungani bekufanele iqale ifike ngokufihlakele, bese ibonakala ngokusobala? Kumayelana nani lokho? Kufanele ngibuze.” Ngase ngithi, “Dadewethu uGan, ekuhlanganyeleni kwakho ngiqonde ukuthi ukubuya kweNkosi kuzoqala kube ngokufihlakele bese ibonakala ngokusobala, futhi uma sikuthatha ngale ndlela, iziphrofetho zokwebhayibheli azisabonakali ziphikisana. Kodwa angiqondi ngempela ukuthi kungani izoqala ifike ngokufihlakele bese ibonakala ngokusobala. Iyini intando kaNkulunkulu kulokhu?”

UDadewethu uGan waphendula, “Iqiniso lithi ukuqala kukaNkulunkulu ngokuba yinyama nokusebenza ekufihlakaleni bese ebonakala ngokusobala ezinsukwini zokugcina kuyinto edingekayo ngezizathu zomsebenzi Wakhe, futhi kuyinto nathi, abantu abakhohlakele, esiyidingayo. Sikholwa eNkosini futhi sihlengiwe yiNkosi uJesu; izono zethu zithethelelwe. Nokho, imvelo yethu enesono iselokhu icwilie kakhulu futhi asikwazi ukugwema ukona kaningi, noma nokwenza izinto zokuhlubuka noma ukuphikisa uNkulunkulu. Lokho kuyiqiniso elingephikwe. UJehova uNkulunkulu wathi, ‘ngakho uzoba ngcwele, ngoba Mina ngingcwele(uLevitikusi 11:45). Futhi kumaHebheru 12:14 kuthi, ‘… nobungcwele, ngaphandle kwalokho akukho muntu oyokuyibona iNkosi’ Abantu abanjengathi abahlale bona bese bevuma izono abafanele neze ukubona ubuso beNkosi, futhi asifanelekile ukungena embusweni wezulu. Kungakho iNkosi uJesu yakhuluma lezi ziphrofetho kudala: ‘Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso: ngoba akazukuzikhulumela, kodwa lokho azokuzwa, uzokusho: futhi uzonikhombisa okuzayo(John 16:12–13). Futhi ‘Lowo ongalayo, futhi angamukeli amazwi ami, unalowo omehlulelayo: izwi engilikhulumile, yilo eliyomahlulela osukwini lokugcina(Johane 12:48). Kukhona futhi isAmbulo 2:7: ‘Lowo onendlebe, makezwe lokho uMoya akusho emabandleni; Kulowo onqobayo ngizomnikeza ukuba adle emthini wokuphila, ophakathi kweparadisi likaNkulunkulu.’ Engikuqondayo kulezi ziphrofetho ukuthi lapho iNkosi ifika ezinsukwini zokugcina iyokhuluma amazwi amaningi ngokwengeziwe futhi yenze umsebenzi wokwahlulela iqala ngendlu kaNkulunkulu. Iyofikela ukuguqula, ukuhlanza, nokusindisa isintu nokusihlenga ngokugcwele embusweni kaSathane. Umsebenzi Wayo wezinsuku zokugcina uyofaka nokwehlukanisa abantu ngokohlobo lwabo—Iyokwambula amakholwa eqiniso nawamanga, ukolweni nokhula, izimvu nezimbuzi, yehlukanise konke ngokohlobo lwakho, bese ihlomulisa ubuhle futhi ijezise ububi. Ngesikhathi uNkulunkulu esebenza ngokufihlakala, labo abemukela umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela bayohlwithelwa phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Bayohlangana nokwahlulela nokusola kwamazwi kaNkulunkulu bese bezuza ukubona ngokweqiniso imvelo yabo yobusathane nomsuka wokuphikisa kwabo uNkulunkulu. Futhi bayofinyelela ekuqondeni isimo sokulunga sikaNkulunkulu esingeke sibekezelele ukoniwa. Izimo zabo ezikhohlakele ziyokuya ngokuya zihlanzwa futhi ziguqulwa; bayongena endleleni yokufuna iqiniso nokusindiswa ngokuphelele nguNkulunkulu. Nokho, labo abangazange bakufuna ukubonakala kukaNkulunkulu ngesikhathi sokusebenza Kwakhe ekufihlakaleni noma abaze bachitha futhi balahla umsebenzi namazwi kaNkulunkulu kuyoba yilabo abayodalulwa njengabangakholwa, njengababi emsebenzini kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu oyimfihlo usufike ekugcineni, uyokwehlisa izinhlekelele ezinkulu ukuze aqale ukuhlomulisa ubuhle nokujezisa ububi, bese emva kwalezi zinhlekelele ebonakala kubo bonke abantu. Lapho labo abachitha futhi baphikisa uNkulunkulu bebona ukuthi Lowo ababemchitha futhi bemphikisa ngempela wayeyiNkosi uJesu ebuyile bayozisola, bakhale futhi bagedle amazinyo abo. Lokhu kugcwalisa la mazwi eNkosi: ‘Bhekani, uyeza ngamafu, futhi onke amehlo azokumbona, nalabo abamgwaza: nezizwe zonke zomhlaba zizokhala ngenxa yakhe. Noma kunjalo, Amen(IsAmbulo 1:7). Kulokhu siyabona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ugcwele ukuhlakanipha, futhi lokhu kuwukuvezwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu.”

Ukuzwa lokhu kuhlanganyela okuvela kuDadewethu uGan kwaphakamisa umphefumulo wami kakhulu; ngabona ukuthi yile ndlela okuyogcwaliswa ngayo iziphrofetho zokubuya kweNkosi. Lapho iNkosi ibuya iyoqala ithathe isimo somuntu futhi ifika ngokufihlakele ukukhuluma iqiniso, ukwenza umsebenzi wokwahlulela, nokwenza iqembu labanqobi; kungemuva kwalokho kuphela lapho iyobonakala khona ngokusobala esintwini. Noma ngubani ongamukeli umsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi sokusebenza Kwakhe ekufihlakaleni, kodwa owahlulela futhi alahle umsebenzi namazwi kaNkulunkulu ngokungabi nandaba ungumuntu ozonda iqiniso futhi ukuphela kokuzokwenzeka kuyena ukuwela enhlekeleleni futhi ajeziswe lapho uNkulunkulu ebonakala ngokusobala. UNkulunkulu uyobuye asebenzise le ndlela ukubeka obala ukolweni nokhula, izimvu nezimbuzi, izinceku ezinhle nezimbi, ahlukanise bonke abantu ngokohlobo lwabo. UNkulunkulu ngempela uhlakaniphe kakhulu, unamandla kakhulu! Angizange ngiqonde ngaphambi kwalokho indlela iNkosi eyayizofika ngayo ngempela, kodwa ngangazi kuphela ngokugqolozela ngobuwula phezulu emafini esibhakabhakeni ngilindele ukuba iNkosi yehle ngelilodwa kuwo. Angizange ngempela ngifune noma ngicabange ngazo zonke iziphrofetho ngokufika Kwayo kwesibili ngakho-ke angisinakanga isiphrofetho sokufika Kwayo ngokufihlakele. Lokho kwakuyingozi kakhulu! Ukuba ngangilokhu ngilinde kanjalo ngangingeke ngigcine ngokungakwazi ukwamukela iNkosi kuphela, kodwa ngangizolahla ithuba lokusindiswa ngokugcwele nguNkulunkulu bese ngingena embusweni wezulu! Lokhu kwangenza ngezwa nginexhala kancane, ngakho ngaphuthuma ukubuza, “Dadewethu uGan, khona-ke yini okufanele siyenze ukuze sithole umsebenzi weNkosi lapho iza ngokufihlakele, bese samukela ukubuya Kwayo?”

Wamamatheka wayesethi, “Siqeda kubona kulokhu okuphrofethwe eBhayibhelini ukuthi lapho iNkosi ibuya ezinsukwini zokugcina iyokhuluma amazwi amaningi ngokwengeziwe futhi yenze umsebenzi wokwahlulela nokuhlanza isintu. Ngakho okumqoka ekwamukeleni ukufika kwesibili kusekwamukeleni amazwi Akhe ezinsuku zokugcina nokuhambisana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu. INkosi uJesu yathi, ‘Futhi phakathi kwamabili kwenziwa isimemezelo, Bheka, umyeni usefikile; hambani niyomhlangabeza(Mathewu 25:6). ‘Izimvu zami ziyalizwa izwi lami, futhi ngiyazazi, futhi ziyangilandela(Johane 10:27). Izimvu zikaNkulunkulu ziyakwazi ukuzwa iphimbo likaNkulunkulu; bonke labo abezwa amazwi kaNkulunkulu bese bekwazi ukuzwa iphimbo Lakhe kuwo bayokwazi ukwamukela ukubonakala kweNkosi. Kufana nje nabafundi beNkosi uJesu, uPetru, uJohane, uMathewu, nabanye. Lapho bezwa izintshumayelo zeNkosi uJesu ngevangeli lombuso wezulu, bakwazi ukubona emsebenzini nasemazwini Ayo ukuthi yayinguMesiya ababekade bemlimdele, ngakho-ke bayilandela ngaphandle kokungabaza. Babeyizintombi ezihlakaniphile. Uma sifuna ukwamukela ukufika kwesibili kweNkosi, kufanele futhi sibe yizintombi ezihlakaniphile, sigxile ekuzweni iphimbo Layo. Uma sizwa umuntu ethi iNkosi isibuyile, ukuthi isikhulume amazwi amasha futhi yenza umsebenzi wokwahlulela nokucwengisisa isintu, asikwazi ukuchitha isikhathi sihlola lokho. Uma nje singaqinisa ukuthi kuwumsebenzi namazwi kaNkulunkulu, kufanele sikwamukele futhi sikuthobele. Ngaleyo ndlela siyokwazi ukwamukela ukubuya kweNkosi futhi singene edilini Nayo.”

Uma ngizwa ukuhlanganyela kukaDadewethu uGan, ngaphendula ngokujabula, “Mayibongwe iNkosi! Manje ekugcineni sengiyazi ukuthi okusemqoka ekwamukeleni ukufika kwesibili kweNkosi kusekubeni yintombi ehlakaniphile nokucophelela ukuzwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ngingaqinisekisa ukuthi amazwi lawo akhulunywa nguNkulunkulu, kufanele ngiphuthume ukukwamukela lokhu—yiyona kuphela indlela yokwamukela ukubuya Kwakhe. O, dadewethu uGan, kuseyizinyanga ezimbalwa kuphela ngigcine ukukubona. Ukwaze kanjani ukuqonda okuningi kangaka ngokushesha okungaka?

Wathi ngenjabulo, “Mayibongwe iNkosi! Konke engikhulume ngakho namuhla ngikwaze ukukuqonda kuphela emva kokufunda incwadi ethile. Ngiyiphathile namuhla. Kungaba njani uma singayibuka ndawonye?”

Ngithokozile, nganqekuzisa ikhanda ngathi, “Kuhle kakhulu!”

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukuhlangana neNkosi Futhi

UJianding, eMelika Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika, futhi kusukela ngisemncane umama wangifundisa ukufunda iBhayibheli. Ngaleso...

Ngakwamukela Ukubuya KweNkosi

uQingxin, eMyanmar Abazali bami bobabili bangamaKristu futhi kusukela ebuncaneni bami ngaqala ukuya nabo enkonzweni ukuze ngithamele...

Iposi “Lejuba”

USu Jie, eChina Ngelinye ilanga ngo-1999, emuva kokuphela komhlangano, umfundisi wathi kimina, “Su Jie, nansi incwadi yakho.” Ngithe nje...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp