Ukuhlangana neNkosi Futhi

November 07, 2018

UJianding, eMelika

Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika, futhi kusukela ngisemncane umama wangifundisa ukufunda iBhayibheli. Ngaleso sikhathi, “iQembu LobuKhomanisi LaseShayina” lalivuselela izwe ngemva kwempi yombango, futhi njengoba iCCP yayicindezele zonke izinkolo, ngaze ngaba neminyaka engama-20 ubudala ngaphambi kokuba ngigcine ngithole ithuba lokuya enkonzweni futhi ngilalele izintshumayelo. Umpristi wayevame ukusitshela ukuthi: “Thina maKhatholika kufanele sivume izono zethu ngokufanele futhi siphenduke. Kumele senze okuhle, hhayi okubi, futhi njalo siye eMiseni. Phakathi nezinsuku zokugcina, iNkosi izokuza futhi yahlulele wonke umuntu futhi ithumele abantu ezulwini noma esihogweni njengokwenza kwabo kanye nokuziphatha kwabo emhlabeni. Izoni ezinkulu ziyojeziswa esihogweni phakade, kanti labo abenza izono ezincane basengakwazi ukuya ezulwini uma nje bevuma izono zabo eNkosini futhi baphenduke. Noma ubani ongakholwa eNkosini akasoze aya ezulwini, kungakhathaleki ukuthi ulunge kangakanani.” Njalo uma ngizwa lokhu, ngangiye ngizihalalisele ngokuba nenhlanhla yokuba yilungu lebandla lamaKhatholika kusukela ekuzalweni kwami. Ngangihlale ngizitshela ukuthi kufanele ngifune kanzima, ngiye eMiseni kakhulu, ngivume izono futhi ngiphenduke eNkosini ngaphezulu, futhi ngaleyo ndlela ngangizoya ezulwini ngingabe ngisahlupheka esihogweni. Kungaleso sikhathi ke lapho ngaba khona unokuzimisela ukuya esontweni futhi ngihlanganyele eMiseni njalo. Ngaleso sikhathi, umpristi wabuye wasitshela ukuthi ngo-2000 iNkosi yayizobuya, futhi lezi ndaba zasenza sonke sajabula kakhulu. Ngakho sonke saqala ukufuna ngobuqotho, silinde ukubuya kweNkosi. Kodwa unyaka ka-2000 wafika wadlula kodwa asizange sibone luphawu lokubuya kweNkosi. Abaningi ebandleni lethu balahlekelwa ukholo lwabo, futhi baya ngokuya bencipha abantu ababeya enkonzweni yeMisa. Nami nganginawo umuzwa wokulahlekelwa, kodwa ngangisenomuzwa wokuthi ukholo lwami eNkosini aluyikuzamazama, kungakhathaleki ukuthi abanye benzani. Lokhu kwakungenxa yokuthi kwakube khona izikhathi eziningi lapho ngisengozini kodwa iNkosi yangilondoloza futhi yayinyamalalisa ingozi leyo. Ngaphandle kwesivikelo seNkosi ngabe ngafa kudala, ngakho-ke ngangingeke ngibonakalise ukungabongi ngokuba ngilahle ukholo eNkosini.

Eminyakeni elandelayo ngezwa kubantu ababengizungezile ukuthi iMelika “yayiyizulu emhlabeni,” ngakho kwakhula kimi isifiso esinamandla sokuza lapha. NgoDisemba 2014 umndeni wami wonke kanye nami sathuthela eMelika, kodwa ubunjalo bempilo lapha abufani nesithombe esihle engangizakhele sona engqondweni yami. Ekuqaleni, konke okwaseMelika kwakubonakala kungajwayelekile futhi sasingazi muntu. Indawo nesimo sakhona sezulu kwakwehluke kakhulu kulokho engangikujwayele eChina, futhi umzimba wami ngokushesha waqala ukukhononda. Ngangivame ukuzizwa ngibuthakathaka futhi ngikhathele, kodwa odokotela esibhedlela babengatholi lutho olungalungile ngami. Ngangiphelelwe amacebo, ngakho ngaqala ukuthandaza ngobuqotho eNkosini, ngethemba ukuthi iNkosi ingangivikela. Ngathandaza kakhulu futhi ngaqala ukufuna ibandla lapho ngangingaya khona eMiseni futhi ekugcineni ngathola ibandla lamaKristu angamaShayina. Kodwa emva kokuya enkonzweni izikhathi ezimbalwa ngathola ukuthi kwakungehlukile kangako kulokho okwakwenzeka emphakathini wansuku zonke: Amalungu ebandla ayenobungane-mbumbulu kodwa ukuxhumana kwabo kwakulawulwa amandla nemali. Ngibhekene nalolu hlobo lwesimo ebandleni, ngaba nokudumala kakhulu. Ngazicabanga ngedwa ngathi: “O Nkosi, uzobuya nini? Lapho Wena ubuya, abantu abalungile bazohlukaniswa kwababi futhi umhlaba uzohlanzwa.” Nakuba ngangisaqhubeka ngiya eMiseni ngangingakwazi ukuzwa ukuba khona kukaNkulunkulu ebandleni, futhi lokhu kwangenza ngadumala futhi ngicindezelekile futhi kwathinta ukholo lwami eNkosini. Kodwa ngolunye usuku ngoJulayi 2015, lapho ngisebenza ngaphandle kwesifundazwe, ngathola ucingo oluvela kumkami. Wathi kimi ngokujabula: “INkosi isibuyile. Ikhuluma amazwi nomsebenzi wokwahlulela ezinsukwini zokugcina! Shesha ubuye ukuze sikwazi ukwamukela umsebenzi omusha kaNkulunkulu ndawonye.” Lapho ngizwa lokhu, angikwazanga ukuzibamba ngaba nokusola kancane: INkosi ibuyile? Kwenzeka kanjani lokho? Lapho iNkosi ibuya ukuzokwahlulela umhlaba abantu abalungile bayohlukaniswa kwababi. Kodwa okwamanje abalungile basahlangene nababi, pho kungani umkami ethi iNkosi ibuyile? Ingabe umkami usejoyine enye inkolo? Sesibe ngamaKhatholika ingxenye enkulu yempilo yethu, ayikho neze indlela yokuthi sichezuke manje! Ngakho ngasheshisa ngaqeda umsebenzi engangiwenza ngabuyela ekhaya.

Lapho ngifika ekhaya ngabuza umkami: “Wazi kanjani ukuthi iNkosi ibuyile? Awuzange uphambuke ezinkolelweni zethu zamaKhatholika, awuzange? Uthi iNkosi ibuyele ukwenza umsebenzini Wayo wokwahlulela, kodwa njengamanje abantu abalungile nabantu ababi bahlangene ndawonye ngakho iNkosi ingabe seyibuye kanjani? Singalindela ukubuya kweNkosi, kodwa asikwazi ukungathembeki Kuyo!” Umkami wangilalela wabe esephendula ngesineke: “Ungakhathazeki. Nami ngisanda kuzwa nje ngokubuya kweNkosi. Njengamanje, iBandla LikaNkulunkulu USomandla lifakaza ngokubuya kweNkosi futhi uNkulunkulu uSomandla uveza amaqiniso ukuze enze umsebenzi wokwahlulela osuqalile endlini kaNkulunkulu. Angiyazi kahle hle imininingwane yokwenzekayo, kodwa ngifunde ku-inthanethi amazwi amaningi uNkulunkulu uSomandla awakhulumile futhi nginesiqiniseko sokuthi onke angamazwi kaNkulunkulu. INkosi yake yathi: ‘Izimvu zami ziyalizwa izwi lami, futhi ngiyazazi, futhi ziyangilandela(Johane 10:27). Singathola ukuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi ebuyile ngokuba siye eBandleni LikaNkulunkulu USomandla ukuze siphenye, akunjalo?” Lokhu okwakushiwo umkami kwawuwumqondo ophusile, futhi ukubuya kweNkosi ukwenza umsebenzi wokwahlulela yinto ebikezeliwe eBhayibhelini, ngakho kwakungekho nkinga ekubeni ngihambe naye siye enkonzweni ukuze siyobona bese ngizithathela isinqumo.

Ukuze sifeze lokhu, mina nomkami sahlela ukuvakashela umuzi welinye lamalungu eBandla LikaNkulunkulu USomandla, indoda eyaziwa ngokuthi uMfowethu uZhang. UMfowethu uWang noDade uLi, nabanye abangamaKhatholika nabo beza. Lapho ngibona ukuthi nganginabantu abaningi engangihamba nabo ingqondo yami yakhululeka. Ngemva kokuxoxa nje okungatheni, sonke sahlala phansi ngabe sengibuza abafowethu nodadewethu lokhu: “Ngokuphathelene nokubuya kweNkosi ukuqonda kwami yilokhu: Uma iNkosi ibuyela ukuzokwenza umsebenzi wokwahlulela, abantu abalungile bayohlukaniswa kwababi. Khona-ke abantu abalungile bayokwamukelwa ezulwini yiNkosi futhi bayoyihlangabeza, ngenkathi ababi beyothunyelwa esihogweni futhi bajeziswe. Nina nithi iNkosi isibuyile futhi yenza umsebenzi wokwahlulela, pho kungani singakaboni nakunye kwalezi zinto kwenzeka?” Umfowethu uWang waphendula: “Mfowethu, umbono wami wawufana nowakho ukuthi ngangikholwa ukuthi ukubuya kweNkosi kwakusho ukuthi abantu abalungile babezohlukaniswa nabantu ababi, ukuthi abantu abalungile bahlale ezulwini kuze kube phakade futhi ababi babezojeziswa, nokuthi uma singaboni lokhu kwenzeka khona-ke lokho kwakufakazela ukuthi iNkosi yayingabuyile. Kodwa emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla ngabona ukuthi yimiqondo kanye nokucabanga kwethu kuphela futhi akuyona indlela yangempela uNkulunkulu asebenza ngayo. Indlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi wokwahlulela ezinsukwini zokugcina yinto ehlelwa futhi ilungiswe uNkulunkulu. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuphakeme kunamazulu, futhi emehlweni kaNkulunkulu abantu bancane njengothuli, ngakho-ke singuwaqonda kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? EBhayibhelini kuthi: ‘Ngubani oqondise umoya weNkosi? Noma ngubani obe umeluleki wakhe, futhi omfundisile? Ubonisane nobani, futhi uqondiswe ngubani, futhi wamfundisa indlela yobulungiswa, futhi wamfundisa ulwazi, futhi wamkhombisa indlela yokuqonda? Bhekani abeZizwe banjeconsi ebhakedeni, futhi babalwa njengohlamvu oluncane kakhulu lwesilinganiso; bhekani iziqhingi zinjengothuli oluncane’ (Isaya 40:13-15). Umuntu ngamunye kithi usebenzisa ubuchopho ukucabanga, ngakho-ke singacabanga ngomsebenzi kaNkulunkulu sisho esikuthandayo kodwa uNkulunkulu akalokothi enze umsebenzi wakhe njengokucabanga kwethu. Uma sisebenzisa ukucabanga kwethu ukubeka imigoqo yomsebenzi kaNkulunkulu, asive yini lapho siziphatha ngokuzithwala ngokweqile? Pho-ke, uNkulunkulu uwenza kanjani umsebenzi wakhe wokwahlulela? Ubahlukanisa kanjani abalungile kwababi? Asifunde amavesi amaningana amazwi kaNkulunkulu uSomandla ukuze asisize siqonde. UNkulunkulu uSomandla wathi: ‘Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso…. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela(“UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). ‘Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile(“Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). ‘Inhloso yomsebenzi wami wokunqoba akuyona eyokunqoba ngoba kufanele kunqotshwe nje kuphela, kodwa ukunqoba ukuze kwembulwe ukulunga nokungalungi, ukuthola ubufakazi besijeziso somuntu, ukulahla ababi, kanye futhi, ikakhulu, nokuphelelisa labo abalalela ngokuzimisela. Ekugcineni, bonke bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, kanti bonke abaphelelisiwe, imicabango yabo igcwele ukulalela. Lo ngumsebenzi wokugcwaliswa ekugcineni. Kodwa labo abagcwele ukuhlubuka bayojeziswa, bathunyelwe ukuyosha emililweni futhi beqalekisiwe kuze kube phakade(“Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Sinomqondo wokuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ngokuqondile ngowokwahlukanisa ukolweni okhuleni, izimbuzi nezimvu, izinceku ezinhle nezinceku ezimbi, ngamanye amazwi, ukwahlukanisa abantu abalungile kwababi nokubeka ngakunye ngokohlobo lwakho. Kodwa uma sicabanga ngakho, kunamaKristu angaphezu kwezigidigidi ezimbili emhlabeni jikelele—futhi wonke athi anokholo lwangempela kuNkulunkulu futhi ayamthanda uNkulunkulu—ngakho-ke sizokwahlukanisa kanjani abalungile nababi? Uma uNkulunkulu enquma ukuthi wena ulungile nokuthi mina ngimubi, ngeke ngihambisane nalokho ngoba ngizibona ngingumuntu omuhle. Uma uNkulunkulu enquma ukuthi ngingumuntu omuhle nokuthi omunye umuntu mubi, ngeke neze ahambisane nalokho. Pho-ke manje kufanele sazi kanjani ukuthi ubani omuhle futhi ubani omubi? Asikwazi, ngoba thina bantu asinazo izimiso noma izindinganiso zokulinganisa lokhu. Ukube uNkulunkulu ubezosilinganisa kanje, ngokuqinisekile besingeke sivume futhi besingaba neyethu imibono ngakho, njengokucabanga ukuthi uNkulunkulu akanabulungiswa futhi akanakho ukulunga. Pho-ke, le ndaba yokuqoqa abantu ngokwezici zabo beyizoqhubeka kanjani? INkosi ebuyayo ezinsukwini zokugcina nguKristu wezinsuku zokugcina—uNkulunkulu uSomandla—osebenzisa amaqiniso ukwenza umsebenzi wokwahlulela. Kuwo wonke amaKristu, ukwambula ukuthi ngubani ongukolweni, ngubani owukhula, ngobani izimbuzi, ngobani izimvu, ngobani izinceku ezinhle, ngobani izinceku ezimbi, yiziphi izintombi ezihlakaniphile, yiziphi eziyizintombi eziwulayo, konke kwenziwa ngokusebenzisa amaqiniso. Amazwi kaNkulunkulu ambula wonke umuntu, futhi izintombi ezihlakaniphile yilabo abakholwa kuNkulunkulu ngempela futhi abathanda iqiniso. Lapho bezwa ukuthi omunye ufakaza ngokuza kukaNkulunkulu bayaphuma ukuze bamamukele futhi bahlolisise amazwi kaNkulunkulu nomsebenzi kaNkulunkulu. Bayaliqaphela iphimbo likaNkulunkulu futhi bamukele umsebenzi kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina, futhi ekugcineni bazuza ukuhlanzwa nensindiso ngokwahlulela kukaNkulunkulu. Phakathi nezinhlekelele ezinkulu banokuvikelwa nguNkulunkulu futhi bayakwazi ukusinda, bese ekugcineni bengeniswa embusweni kaNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, ngenxa yokuthi izintombi eziyiziwula azilithandi iqiniso, ngoba ziphikelela ekubambeleleni emibonweni yazo kanye nokucabanga noma ukukholwa ngamahemuhemu, ngoba azifuni noma ziphenye umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina—futhi ezinye zazo zize zilandele ngisho abaholi benkolo ekumelaneni nokulahla uNkulunkulu futhi zenqabe ukusindisa kukaNkulunkulu kwezinsuku zokugcina—ziyokwambulwa njengabenzi bokubi ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina futhi zizoshabalaliswa. Isiphetho sazo siyoba ukubhekana nokujeziswa ngesikhathi sezinhlekelele ezinkulu. Kulokhu, singabona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokubeka ngakunye ngokohlobo lwakho ezinsukwini zokugcina awenziwa ngokuvumelana nemibono nokucabanga kwethu. Esikhundleni salokho, uNkulunkulu usebenzisa indlela yokwahlulela ukwenza umsebenzi wokudalula abantu, futhi umphumela wokugcina wukuthi wonke umuntu ambulwe ngokuphelele futhi abekwe kanye nokohlobo lwakhe ngokuthi uyalamukela na iqiniso noma umelana neqiniso. Lokhu akusikho na ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kanye, ubulungiswa bukaNkulunkulu, ukulunga kukaNkulunkulu?”

Emva kokulalela amazwi kaNkulunkulu uSomandla nokuhlanganyela kukaMfowethu uWang, ngakhumbula lokho umpristi ebandleni lethu ayekushilo ngokuthi “Lapho iNkosi iza abantu abahle bayohlukaniswa kubantu ababi” futhi ngaqaphela ukuthi lo mqondo awubambeki kahle, awunakwenzeka, futhi awuhambisani nhlobo nombono womsebenzi kaNkulunkulu. Sonke siphila esonweni, siyaqhubeka njalo ukona bese siphenduka ngaphandle kokuba sikwazi ukuphunyuka kulo mjikelezo, pho-ke obani abantu abalungile ngempela? Lapho iNkosi ibuya, uma singakahlanjululwa ezonweni zethu, siyakuvunyelwa na ukungena embusweni wezulu? Ukucabanga ngalokhu kwakufana nokukhanyisa ilambu enhliziyweni yami, futhi ngayibonga iNkosi ngobuholi Bayo. Ukuvakasha kwami kwakungazange kube yize, ngoba manje ngase ngiqonda ukuthi uNkulunkulu uhlukanisa okuhle nokubi ngendlela abantu abaphatha ngayo iqiniso. Ngamanye amazwi, abantu bangabantu abahle noma ababi ngokuncike ekutheni bayakwamukela noma bayakulalela noma cha ukwahlulela nokusola kwamazwi kaNkulunkulu, futhi lokhu ngukulunga kukaNkulunkulu kubonakaliswe ngokuphelele. UNkulunkulu usebenzisa amazwi futhi asebenze ukuhlukanisa ukolweni okhuleni, izimvu ezimbuzini, izintombi ezihlakaniphile kweziyiziwula, amakholwa angempela emakholweni amanga, nabathandi beqiniso kwabazonda iqiniso. UNkulunkulu uhlakaniphe ngokungakholakali kakhulu! Kodwa-ke, ngabuye ngakhumbula umpristi ethi lapho iNkosi ibuya ukuzokwahlulela abantu iyokwahlulela umuntu ngamunye, futhi izono zomuntu ngamunye ziyobalwa zenziwe uhla bese zahlulelwa isono ngasinye, ngaphambi kokuba anqume ukuthi ngabe umuntu uzoya ezulwini noma esihogweni. Kodwa manje uNkulunkulu uSomandla uthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ngezinsuku zokugcina wenziwa ngamazwi Akhe, ngakho-ke la mazwi asetshenziswa kanjani ukwahlulela abantu?

Ngakho ngabuza lo mbuzo eqenjini futhi uMfowethu uZhang wawuphendula ngokungifundela iziqephu ezimbili zamazwi kaNkulunkulu uSomandla: “Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe ayifani yonke ingqikithi yomuntu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. … kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina(“Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela(“UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

UMfowethu uZhang wabe esehlanganyela nami ngalokhu: “Sinombono wokuthi ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina uzobiza umuntu ngamunye ukuba eze phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi esimhlophe bese emahlulela. Wonke umuntu kuyodingeka aguqe phansi bese evuma isono ngasinye sakhe asenze kuyo yonke impilo yakhe. Khona-ke uNkulunkulu uyobe esethatha isinqumo sokuthi umuntu ngamunye uzoya ezulwini na noma esihogweni kuye ngobunzima bezono zakhe. Sicabanga ukuthi uNkulunkulu wahlulela abantu ngokwezono ezifana nokuhlukumeza abantu ngokomzimba noma ngokwamazwi, ukungahloniphi abazali, ukweba nokuphanga, njll. Kodwa empeleni umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela wezinsuku zokugcina awunandaba nalezi ziphambeko zangaphandle noma ubuthakathaka besimilo esinabo kodwa kunalokho uqondiswe ekwahluleleni isimo somuntu semvelo yobusathane sokumelana noNkulunkulu kanye nezinyathelo ezikhohlakeleyo. Lokhu kuhlanganisa ukuzithwala nokuziqhenya kwethu, ubuqili nokukhohlisa kwethu, ukuzicabangela nonya lwethu, ubugovu bethu nobubi, njll. Futhi sinemiqondo eminingi engahambisani noNkulunkulu, imibono eminingi engokwenkolo ephelelwe yisikhathi nokucabanga ngendlela endala. Lezi zinto zonke ziyimithombo yokumelana kwethu noNkulunkulu. Ziyizinkinga ezivamile kuso sonke isintu esonakele, kanjalo futhi nezinto umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ohlose ukuzihlanza nokuziguqula. Ngakho-ke, amazwi uNkulunkulu awavezayo ambula imvelo nengqikithi yesintu futhi wonke umuntu okhohlakele emhlabeni uyingxenye yalokhu, akekho ohlukile. Noma uma ukubeka ngenye indlela, amazwi kaNkulunkulu aqondiswe kuso sonke isintu ngakho-ke asikho isidingo sokwahlulela abantu ngabanye ngabanye. Ngokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla nokwamukela ukwahlulela nokujezisa kwamazwi kaNkulunkulu singakwazi ukuqonda amaqiniso amaningi futhi sibone ngokucacile imvelo yethu, ingqikithi, kanye nesimo sangempela sokukhohlakaliswa kwethu nguSathane. Ukwenza lokhu kuzosivumela futhi ukuba siqaphele isimo sikaNkulunkulu sokulunga futhi sibe nezinhliziyo ezihlonipha uNkulunkulu futhi sizinyanye thina ukuze sikhaphele inyama yethu bese senza amaqiniso. Ngale ndlela, isimo sethu esonakele sobusathane kancane kancane sizohlanzwa futhi imibono yethu kanye nokubuka kwethu konke nje kuzoguquka. Lapho siqala ukuphila ngamazwi kaNkulunkulu, lapho siyeka ukumelana kanye nokuphikisana noNkulunkulu esikhundleni salokho kunalokho simlalele futhi simhloniphe ngempela uNkulunkulu bese sigwema ububi, khona-ke siyothola insindiso kaNkulunkulu futhi sibe ngabantu abavumelana nezinhloso zikaNkulunkulu. Lesi yisimo sangempela, nenhloso, kaNkulunkulu eveza amaqiniso ukuze enze umsebenzi wokwahlulela phakathi nezinsuku zokugcina.”

Ngemva kokulalela ukuhlanganyela kukaMfowethu uZhang, ngaqala ukuzwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ungokoqobo kakhulu futhi usekelwe ezimweni zangempela! Ngakwazi ukwamukela lokho ayekushilo, futhi kwavumelana nami ekujuleni kwenhliziyo yami. Yebo, abantu bazithwele, bafuna udumo kanye nobucebi nezikhundla, futhi baphila ezimweni ezahlukahlukene zokukhohlakala. UNkulunkulu usebenzisa ukwahlulela kwamazwi Akhe ukususa konke ukungcola kanye nenkohlakalo ngaphakathi kwethu. Imvelo yethu yokumelana noNkulunkulu iyaguqulwa futhi isimo sethu esibi siguquke, futhi sibe ngabantu abalungile ngempela. Ngokubuka ngale ndlela, ngabona ukuthi lo mbono umpristi ayekhuluma ngawo wokuthi abantu bayohlulelwa ngabanye ngabanye kanye nezono zahlulelwe ngasinye ngasinye lapho iNkosi ibuya ukuzokwahlulela isintu yimibono nje yabantu kanye nokucabanga futhi ayihlangene neze empeleni nendlela uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe ngayo. Amazwi kaNkulunkulu uSomandla ngempela aphethe amaqiniso; ayiphimbo likaNkulunkulu ngempela! Lokho engakuzwa ngalolo suku kwangenza nganquma ukuhlolisisa kahle umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla.

Ngenkathi ngenza uphenyo lwami, ngabukela amabhayisikobho amaningi ayekhiqizwe yiBandla LikaNkulunkulu USomandla, kuhlanaganisa Izinsuku ZikaNowa Sezifikile, Imfihlakalo Yobunkulunkulu, kanye nethi Ngathola Isitimela Sokugcina, kanjalo namavidiyo amaculo ezwi likaNkulunkulu afana nethi Indlela Uthando LukaNkulunkulu Ngomuntu Olubaluleke Ngayo. Ngaphinde ngafunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla amaningi futhi ngalalela ukuhlanganyela kwabafowethu nodadewethu bekhuluma ngazo zonke izinhlobo zeqiniso. Lokhu kwangisiza ngakwazi ukuqinisekisa ukuthi ngempela uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi ebuyile! UNkulunkulu uSomandla uyena Nkulunkulu weqiniso futhi uyiNkosi ebuyile ebesiyilindile! Ngajabula kakhulu ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina.

Kusukela ngaqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla bengivame ukuhlangana nabafowethu nodadewethu noma ukulalela izintshumayelo kanye nabo, futhi manje nsuku zonke ngiyajabula futhi nginomuzwa wokuthi ngizuza ukondleka ngokomoya. Ngithokozela induduzo evela emsebenzini kaMoya oNgcwele, futhi sengiqala ukuqonda amaqiniso amaningi. EBandleni LikaNkulunkulu USomandla, abafowethu nodadewethu bayazana futhi bathembekile omunye komunye, futhi akekho ozama ukukhohlisa noma ubani noma ohlale eziqaphile. Wonke umuntu usobala, uvulelekile futhi uqotho, ngisho nalapho beveza izimo zabo ezikhohlakele ngamunye bayakwazi ukuba bazazi ngokwamazwi kaNkulunkulu futhi bafune amaqiniso ukuxazulula izimo zabo ezikhohlakele. Kimina, bangabafowethu nodadewethu abangamaKristu angempela. Okungihlaba umxhwele nakakhulu amavidiyo omculo, amavidiyo amahubo, umdanso namavidiyo omculo, amabhayisikobho evangeli, njll okukhiqizwa yiBandla LikaNkulunkulu USomandla, konke okuphakamisa iqiniso kakhulu futhi kufakaze ngoNkulunkulu nomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Inhloso yawo wonke lo msebenzi ukusiza abantu ukuba bathobele uNkulunkulu, badumise uNkulunkulu, futhi ibandla ngempela lizwakala ngempela liyindawo lapho uNkulunkulu enzela khona umsebenzi Wakhe! Lokho engikubonile, ngakuzwa, futhi ngahlangana nakho kuwubufakazi benhliziyo yami ukuthi iBandla LikaNkulunkulu USomandla liyibandla leqiniso lapho uNkulunkulu uqobo ekhulisa khona futhi alusa umhlambi Wakhe. Iqiniso lokuthi ngikwazile ukungena endlini kaNkulunkulu futhi ngaphila impilo ubuso nobuso noNkulunkulu lisho ukuthi ngiphakanyiswe ngokukhethekile nguNkulunkulu. Nginenhlanhla ngempela! Ngiyabonga, Nkulunkulu uSomandla!

Okulandelayo: Iposi “Lejuba”

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ngakwamukela Ukubuya KweNkosi

uQingxin, eMyanmar Abazali bami bobabili bangamaKristu futhi kusukela ebuncaneni bami ngaqala ukuya nabo enkonzweni ukuze ngithamele...

Iposi “Lejuba”

USu Jie, eChina Ngelinye ilanga ngo-1999, emuva kokuphela komhlangano, umfundisi wathi kimina, “Su Jie, nansi incwadi yakho.” Ngithe nje...

Sithinte nge-Whatsapp