Inhlupheko Enkulu Iseduze: Indlela Yokwamukela Ukubuya KweNkosi

March 08, 2020

Ngu-Anyuan, ePhilippines

Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyedlule, abalandeli beNkosi babuza uJesu bathi, “Luyoba yini uphawu lokufika Kwakho, nolokuphela komhlaba?” (NgokukaMathewu 24:3). INkosi uJesu yaphendula yathi, “Futhi niyokuzwa ngezimpi namahlebezi ezimpi: qaphelani ukuthi ningakhathazeki: ngoba zonke lezi zinto kumele zenzeke, kodwa isiphetho siyobe singakafiki. Ngoba isizwe siyovukela isizwe, nombuso omunye umbuso: futhi kuyoba khona indlala, nezinhlupho, nokuzamazama komhlaba, ezindaweni ezehlukene. Konke lokhu kungukuqala kwezinsizi(NgokukaMathewu 24:6-8). Namuhla, izinhlekelele zenzeka ngokukhulayo emhlabeni wonke. Ukuzamazama komhlaba, izifo ezimbi, indlala, impi nezikhukhula kwenzeka ngokulandelana. Ekugcineni kuka-2019, uhlobo olusha lwe-coronavirus luqubuke eWuhan, eChina. Izinga lokuthelana ngayo liyethusa; ezinyangeni ezimbalwa nje, iziwombe zalo zivele kulo lonke izwe, iChina yase igcwala inxushunxushu. Izifundazwe eziningi, omasipala nemizi eminingi kuyabiyelwa ngokulandelana njengoba izinga lokufa liqhubeka likhula. Igciwane futhi selenabele nasemazweni angaphezu kwamashumi amabili emhlabeni jikelele. Ngaphezu kwalokhu, phakathi kuka-Septhemba 2019 noJanuwari 2020, imililo yequbula e-Australia ingqongqise izindlu ezingaphezulu kwezi-5,900 futhi yabulala izilwane ezingaphezulu kwebhiliyoni. NgoJanuwari 2020, lona lelo zwekazi lishaywe yimvula enguzamcolo eyenzeka kanye ekhulwini leminyaka, edale izikhukhula ezibulale izidalwa zasemanzini omfula eziningi. Ngayo leyo nyanga, abantu abangamashumi ezinkulungwane basale bengenamakhaya ngenxa yezikhukhula e-Indonesia. Kube khona futhi ukuqhuma kwentabamlilo ePhilippines, isikhonyane esibi kakhulu eminyakeni engama-25 e-Afrika, ukuzamazama komhlaba okusezingeni lika-6.4 eXinjiang. … Uhlu lude. Iziphrofetho zeBhayibheli ngokufika kweNkosi sezigcwalisekile. Kusobala ukuthi iNkosi isibuyile—pho kungani singakakwemukeli ukufika Kwayo? Ingabe ngeke singene enhlushweni enkulu uma lokhu kuqhubeka? Futhi yini ngempela esingayenza ukuze samukele ukufika kweNkosi?

Inhlupheko Enkulu Iseduze: Indlela Yokwamukela Ukubuya KweNkosi

Iyofika Kanjani INkosi?

Abantu abaningi bawafundile la mazwi eBhayibhelini: “Bhekani, uyeza ngamafu(IsAmbulo 1:7). “Zizobona iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu ngamandla nangenkazimulo enkulu(NgokukaMathewu 24:30). Baqinisekile ukuthi iNkosi iyofika ngamafu. Nokho, kungani singakawuboni lowo mbono? Ingabe lena yiyona yodwa indlela iNkosi ezobuya ngayo? Empeleni kukhona into eyodwa esingayibonile ngokufika kweNkosi. EmiBhalweni, kukhona futhi iziphrofetho ezimayelana nokufika kukaNkulunkulu ngokuyimfihlo, njengokuthi: “Bheka, ngizoza njengesela(IsAmbulo 16:15). “Phakathi kwamabili kwezwakala izwi elikhulu, Bheka, kuza umkhwenyana; phumani niyomhlangabeza(NgokukaMathewu 25:6). “Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele(NgokukaMathewu 24:44). “Ngoba njengombani, okhanya engxenyeni ethize phansi kwezulu, ukhanya kwenye indawo ngaphansi kwezulu; izoba njalo futhi iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane(NgokukaLuka 17:24-25).

Ukubhekisa kwemibhalo ekuthini “njengesela” nokuthi “phakathi nobusuku kwezwakala izwi elikhulu” kukhombisa ukuthi lapho iNkosi ibuya ngezinsuku zokugcina, iyobuya ngokuthula, ngokuyimfihlo. Futhi, ingabe ukuthi “iNdodana yomuntu” kubhekise kuphi? “INdodana yomuntu” nakanjani izalwa ngumuntu, inonina noyise, futhi iyinyama negazi. Thatha iNkosi uJesu ngokwesibonelo, yathatha isimo somuntu emfanekisweni womuntu ojwayelekile ophila phakathi kwabantu. Ngalokhu siyabona ukuthi ukuthi “iNdodana yomuntu” kubhekise kuNkulunkulu osesimweni somuntu; uMoya akanakubizwa ngeNdodana yomuntu. Ngaphezu kwalokho, imiBhalo futhi ithi, “Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane.” Lesi siqephu somBhalo sikubeka ngokucacile ukuthi lapho iNkosi ibuya, iyozwa ukuhlupheka okuningi futhi ilahlwe yilesi sizukulwane. Sonke siyazi ukuthi uNkulunkulu wayengalahlwa kuphela lapho ethatha isimo senyama njengeNdodana yomuntu, ngoba uNkulunkulu osenyameni ujwayeleke ngokwedlulele futhi abantu abamazi; bamthatha njengomuntu ojwayelekile, futhi uzwa ubunzima obukhulu ngenxa yalokho. Ukuba iNkosi yayingabonakala kumuntu njengoMoya, nokho, khona-ke noma bebengaba ngabalungile noma ababi, amakholwa noma abangakholwa, noma nalabo abaphikisa uNkulunkulu, bonke bebeyowa phambi kukaNkulunkulu ngokudumisa—ngoba ngubani ongalahla uNkulunkulu kanjalo? Futhi-ke ubengahlupheka kanjani? Lokhu kukhombisa ukuthi iNkosi yezinsuku zokugcina ibonakala esintwini njengeNdodana yomuntu esesimweni somuntu.

Yimuphi Umsebenzi INkosi Eyowenza Lapho Ibuya?

Kuleli qophelo, abanye abafowethu nodadewethu bangadideka: Uma iNkosi ifika izosebenza phakathi kwabantu ngokuyimfihlo ezinsukwini zokugcina, sigcwaliseka kanjani isiphrofetho sokuza Kwayo ngefu? Kukhona izinyathelo nohlelo emsebenzini kaNkulunkulu. UNkulunkulu uqala abe yinyama bese efika ngokuyimfihlo ukuze enze umsebenzi Wakhe wokusindisa umuntu, bese ebonakala kumuntu ngokusobala esefwini. Ukuqonda lo mbuzo, kufanele sifunde ngokwengeziwe ngokuthi yimuphi umsebenzi iNkosi ewenzayo lapho ibuya ngezinsuku zokugcina. INkosi uJesu yathi, “Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso: ngoba akazukuzikhulumela, kodwa lokho azokuzwa, uzokusho: futhi uzonikhombisa okuzayo(NgokukaJohane 16:12-13). “Lowo ongalayo, futhi angamukeli amazwi Ami, unalowo omehlulelayo: izwi engilikhulumile, yilo eliyomahlulela osukwini lokugcina” (NgokukaJohane 12:48). “Ngoba ubaba akahluleli muntu, kodwa unikeze konke ukwahlulela eNdodaneni yomuntu (NgokukaJohane 5:22). IBhayibheli libuye lithi, Ngoba sesifikile isikhathi sokuthi ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu(1 KaPetru 4:17). Lezi ziqephu zomBhalo zisitshela ukuthi uNkulunkulu wezinsuku zokugcina ikakhulu ufikela ukukhuluma amazwi, ukwenza umsebenzi wokwahlulela kuqala endlini kaNkulunkulu. Ngalokho, labo abemukela umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela wezinsuku zokugcina bamukela ukufika kweNkosi, futhi baphakanyiswa phambi kukaNkulunkulu! Namuhla, uNkulunkulu uSomandla osesimweni somuntu ukhulume amazwi ayizigidi onke aqoshwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni. Kule ncwadi, amazwi kaNkulunkulu uSomandla embula izimfihlakalo eziningi ebezikade zingaqondakali kithi, ezinjengomlando wokukhula kwesintu, indlela uSathane akhohlakalisa ngayo isintu, indlela uNkulunkulu asindisa ngayo umuntu, ukuthi yiziphi izinhlobo zabantu abathandwa nguNkulunkulu, yibaphi abantu abazondwa Nguye, imiphumela neziphetho zezinhlobo ezehlukene zabantu, njalonjalo. Akukhona lokhu kuphela, kodwa uNkulunkulu ubuye wakhuluma amazwi okwahlulela nokusola, eveza izimo zethu ezikhohlakele. Bonke abemukela amazwi kaNkulunkulu okwahlulela nokusola bayohlanzwa izimo zabo zokukhohlakala futhi baguqulwe; bayokwenziwa babe abanqobi phambi kwenhlupheko enkulu, bese ekugcineni bengena embusweni kaNkulunkulu ukuze bathokozele ukuthula okuphakade. Labo abangenzi mzamo wokuzwa iphimbo likaNkulunkulu ngesikhathi uNkulunkulu esenyameni futhi esebenza ngokuyimfihlo, abangawemukeli umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela wezinsuku zokugcina, abalahla futhi bahlambalaze uNkulunkulu osesimweni somuntu ngokwemibono nemicabango yabo, bayodalulwa futhi basuswe nguNkulunkulu. Futhi-ke, ukolweni nokhula, izimvu nezimbuzi, izintombi ezihlakaniphile nezintombi eziyiziwula, izinceku ezilungile nezinceku ezingalungile, labo abathanda iqiniso nalabo abazonda iqiniso—bayodalulwa ngamunye futhi bahlukaniswe ngokohlobo lwabo. Emva kwalokho, uNkulunkulu uyokuza ngamafu, abonakale ngokusobala kuzo zonke izizwe nabantu bomhlaba, futhi aqale ukuklomelisa ubuhle futhi ajezise ububi, ngalokho egcwalisa iziphrofetho zeBhayibheli ezithi: “Bhekani, uyeza ngamafu, futhi onke amehlo azokumbona, nalabo abamgwaza: nezizwe zonke zomhlaba zizokhala ngenxa yakhe(IsAmbulo 1:7). “Khona-ke kuzovela isibonakaliso seNdodana yomuntu ezulwini: khona-ke zonke izizwe zomhlaba zizokhala, futhi zizobona iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu ngamandla nangenkazimulo enkulu(NgokukaMathewu 24: 30). Ngaleso sikhathi, bonke abaphikisa, balahle futhi bachithe uNkulunkulu bayozindondonya izifuba futhi bagcwale ukuzisola ngenxa yezenzo zabo ezimbi. Emsebenzini kaNkulunkulu sibona ukuthi uNkulunkulu ulunge, unamandla futhi uhlakaniphe kangakanani!

Indlela Yokwamukela Ukubuya KweNkosi

Namuhla, uNkulunkulu uSomandla osesimweni somuntu vele usenqobe futhi wasindisa iqembu labantu. Kanjalo, futhi sekupheleliswe abanqobi. Umsebenzi kaNkulunkulu ngokuyimfihlo sekuseduze ufinyelelele esiphethweni, okuyothi ngemva kwalokho lonke uhlobo lwenhlupheko lwehlele emhlabeni. Sihlalelwe umsebenzi ophuthumayo: Kufanele sikwamukele kanjani ukubuya kweNkosi uJesu futhi siwamukele kanjani umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina? INkosi uJesu yathi, “Izimvu zami ziyalizwa izwi lami, futhi ngiyazazi, futhi ziyangilandela(NgokukaJohane 10:27). Lezi ziphrofetho ziyavela futhi eBhayibhelini: “Lowo onendlebe, makezwe lokho uMoya akusho emabandleni(IsAmbulo 2:7). “Bheka, Ngime emnyango, futhi ngiyangqongqoza; uma kukhona umuntu ozwa izwi lami, avule umnyango, ngizongena ngize kuye, futhi ngizodla naye, naye adle nami(IsAmbulo 3:20). Futhi uNkulunkulu uSomandla uthi: “Umsebenzi kaNkulunkulu ufana namagagasi agubha kakhulu. Akekho ongamvalela, futhi akekho ongamisa izinyathelo Zakhe. Yilabo kuphela abalalela amazwi Akhe ngokucophelela futhi abafuna baphinde bomele Yena, abalandela ezinyathelweni Zakhe futhi bazuze isithembiso Sakhe. Labo abangakwenzi bayobhekana nenhlekelele enamandla kakhulu kanye nesijeziso esifanele(“UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Uyafisa ukulandela izinyathelo zeWundlu? Uyafisa ukwamukela iNkosi? Uyafisa ukuhlwithwa ngaphambi kwenhlupheko enkulu? Amazwi kaNkulunkulu asitshela ukuthi uma sifuna ukwamukela iNkosi, kusemqoka ukuba sifunde indlela yokuzwa iphimbo likaNkulunkulu ngokubheka ukuthi amazwi akhulunywa nguNkulunkulu uSomandla ayiqiniso yini, ukuthi angamazwi kaMoya oNgcwele aya emabandleni yini. Ngikholwa ukuthi uma sinezinhliziyo ezithobekile zokufuna nokulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzosihola ekwamukeleni iNkosi maduze.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ngakwamukela Ukubuya KweNkosi

uQingxin, eMyanmar Abazali bami bobabili bangamaKristu futhi kusukela ebuncaneni bami ngaqala ukuya nabo enkonzweni ukuze ngithamele...

Ukuhlangana neNkosi Futhi

UJianding, eMelika Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika, futhi kusukela ngisemncane umama wangifundisa ukufunda iBhayibheli. Ngaleso...

Livela Kuphi Leli Zwi

UShiyin, EChina Ngazalelwa emndenini wamaKristu, futhi nginezihlobo eziningi ezingabashumayeli. Kusukela ngesikhathi ngisemncane,...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp