Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba AmaKristu Ahlupheke?

October 25, 2019

NguLi Tong

Okuqukethwe
Izivivinyo Nokucwengisiswa Kuwumusa KaNkulunkulu Omkhulu
Ungasisiza Yini Umusa Ophathekayo Ukuba Sikhule Ezimpilweni Zethu?
Indlela Yokwedlula Ezivivinyweni Nasekucwengisisweni

AmaKristu amaningi adidekile: UNkulunkulu uluthando futhi unamandla onke, ngakho kungani evumela ukuba sihlupheke? Kungenzeka ukuthi usilahlile? Lo mbuzo wawuhlala ungixaka, kodwa kamuva, ngenxa yokuthandaza nokufuna, sengithole ukukhanyiselwa nokukhanya okuthile. Lokhu sekuxazulule ukungaqondi kwami uNkulunkulu, futhi sengifinyelele ekuqondeni ukuthi ukuhlupheka akuyikho ukuthi uNkulunkulu uyasilahla, kodwa kunalokho kuhlelwa ngokunakekela nguNkulunkulu ukuze asihlanze futhi asisindise. Lokhu kuvivinywa nokucwengisiswa kuwumusa kaNkulunkulu omkhulu kithina!

Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba AmaKristu Ahlupheke?

Izivivinyo Nokucwengisiswa Kuwumusa KaNkulunkulu Omkhulu

UNkulunkulu uthi, “Futhi ngiyofaka ingxenye yesithathu emlilweni, bese ngibacwengisisa njengokucwengisiswa kwesiliva, bese ngibavivinya njengokuvivinywa kwegolide: bayobiza igama Lami, futhi ngiyobezwa: Ngiyothi, Ngabantu Bami: bese bethi, UJehova unguNkulunkulu Wami” (uZakariya 13:9). “Bheka, ngikucwengisisile, kodwa hhayi ngesiliva; ngikuvivinyile esithandweni senhlupheko(Isaya 48:10). Futhi ku-1 Petru 5:10, kuthi, “Kodwa uNkulunkulu womusa wonke, osibizele enkazimulweni Yakhe yaphakade ngoKristu uJesu, emva kokuba senihlupheke isikhashana, uyoniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.”

Siyabona emazwini kaNkulunkulu nasembhalweni ukuthi kukhona intando kaNkulunkulu ekuvumeleni ukuba sihlupheke, futhi inhloso yakho konke ukuba asihlanze futhi asisindise; kungumcebo oyigugu esiwunikwa uNkulunkulu. Ngaphambi kokuba izivivinyo nokucwengisiswa kufike kithi, sonke sizicabanga njengabantu abalandela indlela kaNkulunkulu, futhi abanye bethu baze babone ukuthi ngenxa yokushiya, ukuzikhandla, ukusebenza, nokusebenzela uNkulunkulu, ngokuhlupheka ngokulahlekelwa okukhulu, siyicabangela ngokuphelele intando kaNkulunkulu, ukuthi singabantu abamthanda kakhulu, nokuthi singabazinikele kakhulu Kuye. Sikholwa ukuthi noma ubani omunye ongaphikisa futhi abe buthakathaka noma akhaphele uNkulunkulu, thina asisoze sayenza into enjalo. Kodwa iqiniso lithi lapho sibhekene nobunzima obufana nokulahlekelwa umsebenzi, noma izinkinga zemali, siyakhononda ngoNkulunkulu, siphelelwe ukholo lwethu, futhi size singabe sisazimisela ukuzikhandlela Yena. Lapho amashwa ehlasela imindeni yethu noma kwenzeka inhlekelele ethile, sisengalokhu sikhononda ngoNkulunkulu ngoba kukhona okuthikameza lokho okufunwa yithi. Sizabalazela udaba lwethu futhi silwe, futhi ezimweni ezibucayi, simkhaphele uNkulunkulu futhi silahle ukholo lwethu. UNkulunkulu ukushilo ezimweni eziningi ukuthi ufuna ukuba silandele indlela Yakhe, futhi uyalele ukuthi, “Wothanda iNKOSI uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke, nangomphefumulo wakho wonke, nangengqondo yakho yonke(Mathewu 22:37). Nokho, sihlala sisebenzela ukufeza izidingo zokwenyama yethu, siziqhakambise ngaphezu kokuthanda kwethu uNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu enza ngokwemibono yethu, siyambonga futhi simdumise, kodwa lapho engenzi kanjalo, siba nokungaqondi nokukhononda ngoNkulunkulu, noma size simkhaphele. Lokhu kusikhombisa ukuthi ijule kangakanani indlela uSathane asikhohlakalise ngayo. Sihlala sifuna izibusiso ekukholweni kwethu, empeleni okungukuzama ukuhwebelana noNkulunkulu—ukwenza lokhu ngempela kungukuzicabangela thina, kuyanyanyeka, futhi akunawo ngokuphelele umqondo! Kuleli qophelo, singazuza ukuqonda okubalulekile izimo zobusathane ezingaphakathi kithi zokuvukela nokuphikisa uNkulunkulu, kanye nokubona izisusa nemibono eyiphutha ekukholweni kwethu. Siyabona ukuthi lokho esikuphilayo kuqhele kakhulu kulokho uNkulunkulu akufuna kithi, nokuthi asifanele nhlobo ukwamukela izibusiso nokuncoma kukaNkulunkulu. Kanjalo, ngezivivinyo nokucwengisiswa okunjalo, singahlangabezana nobungcwele nokulunga kukaNkulunkulu, futhi sizwe ukuthi kungaki ukudungeka okukhona ekukholweni kwethu Kuye. Uma siqhubeka sikholwa Kuye ngenhloso yokufuna izibusiso, sizokwenza kuphela ukuba uNkulunkulu asicasukele futhi asenyanye. Uma sesambuliwe yizivivinyo, siyakwazi ukubona ukuthi ukukhohlakala kwethu kukhulu ngokwedlulele kanjalo namaphutha ethu maningi ngokwedlulele, bese ngaleyo ndlela siqala ukuza phambi kukaNkulunkulu ngomthandazo, sifunde amazwi Akhe, bese sizindla futhi sazi ngezindawo phakathi kithi ezingahambisani nentando kaNkulunkulu. Singafuna indlela yokwanelisa uNkulunkulu nokumfakazela, nokuthi, ngokuzenzekela, sibe nobudlelwane obujule kakhudlwana noNkulunkulu. Emva kokuhlangenwe nakho okunje, asigcini nje kuphela ngokuzuza ukuziqonda thina nokuqonda okuthile isimo sikaNkulunkulu, siphinde sizinze futhi sivuthwe ngokuthe xaxa. Izimo zethu zokuthathela phezulu, zenkani, zokuzicabangela, nezikhohlisayo ziphela amandla, bese kuba yilapho kuphela lapho sikwazi khona ukuqonda ngokweqiniso ukuthi lapho izivivinyo nokucwengisiswa kusidalela ukuhlupheka okuthile ngokwenyama, izithelo okusiphathele zona ngukusindiswa nokuhlanzwa, okuzuzisa futhi kusize kakhulu ukuphakamisa izimpilo zethu.

Siyakubona futhi lokhu kokwedlule kukho abangcwele eminyakeni ngeminyaka. Ngaphambi kokuba uNkulunkulu asebenzise uMose, waqala wenza ukuthi uMose aqiniswe ehlane iminyaka engama-40. Kuleso sikhathi, uMose wabhekana nalo lonke uhlobo lobunzima, kwakungekho muntu ayengakhuluma naye, futhi wayevame ukubhekana nezilwane zasendle nesimo sezulu esibi. Impilo yakhe yayihlala isengozini. Ngempela wahlupheka kakhulu kulesi simo esibucayi. Abanye abantu bangabuza, “Wayengeke uNkulunkulu amane asebenzise uMose ngokuqondile nje? Kungani kwakufanele amthumele ehlane iminyaka engama-40 kuqala?” Kulokhu sithola umusa kaNkulunkulu. Siyazi ukuthi uMose wayengumuntu oqonde ngqo onobulungiswa, kodwa wayenolaka futhi enomkhuba wokwenza izinto ngokuthathela phezulu ngenxa yomqondo wakhe wobulungiswa. Lapho ebona isosha lomGibhithe lishaya umIsrayeli, washaya umGibhithe ekhanda ngetshe, wambulala. Ulaka lukaMose lokuzalwa nomoya wobuqhawe kwakungahambisani nentando kaNkulunkulu, ngakho ukuba uNkulunkulu wayemsebenzise ngqo, wayezoqhubeka nokwethembela kulezo zici ekwenzeni kwakhe futhi wayengeke akufeza lokho ayekuthunyiwe—ukuhola ama-Israyeli awakhiphe eGibhithe. Yingakho uNkulunkulu ahlalisa uMose ehlane iminyaka engama-40, ukuze akulungele ngokwengeziwe ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Kulesi simo esilukhuni, esinonya, uMose wayengagcini kuphela ngokuthandaza engaphezi futhi amemeze uNkulunkulu, kodwa wabona ukuba namandla onke nokubusa kukaNkulunkulu, futhi wathembela kuNkulunkulu ngokuqhubeka nokuphila kwakhe. Izici zakhe zolaka eziyimvelo zasuka, wayeseba nokholo lwangempela nokuthobela uNkulunkulu. Ngakho, lapho uNkulunkulu ethuma uMose ukuba enze umsebenzi Wakhe, wokuhola ama-Israyeli ewakhipha eGibhithe, uMose wakwazi ukwamukela nokulalela ngaphandle kokwenqaba, futhi ngokuqondiswa uNkulunkulu, wawenza ngokungenazihibe umsebenzi kaNkulunkulu.

Kukhona futhi indaba kaJobe eBhayibhelini. UJobe wedlula ezivivinyweni zokwemukwa kwezinto zakhe, ukubhujiswa kwezingane zakhe, naye wamilwa amathumba umzimba wonke, kodwa phezu kokuhlupheka kwakhe, akazange one ngamazwi akhe; akazange akhononde ngoNkulunkulu, kodwa wamukela konke okuvela kuNkulunkulu phakathi enhliziyweni yakhe. Wakwazi ukufuna intando kaNkulunkulu, wayesethi ekugcineni, “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova” (UJobe 1:21) nokuthi “simukela okuhle okuvela esandleni sikaNkulunkulu, singekwamukele nokubi na?” (UJobe 2:10). Wethembela okholweni, ekwesabeni, nasekuthobeleni kwakhe uNkulunkulu ukuze asho lezi zinto, futhi ngalokho wafakazela uNkulunkulu. Isizathu esenza uJobe wafakaza ezivivinyweni ezinkulu kangaka kwakuwukuthi wayekholwa ukuthi uNkulunkulu ubusa zonke izinto, nokuthi zonke izinto nezingane zakhe wayezinikwe nguNkulunkulu, ngakho kwakuyilungelo likaNkulunkulu ukuzithatha. Njengomuntu odaliwe, wayefanele ukwamukela nokuthoba. Ukukwazi kukaJobe ukuma endaweni yomuntu odaliwe nokulalela uMdali ngaphandle kwemibandela kwakufakazela uNkulunkulu. UNkulunkulu wabonakala kamuva esesivunguvungwini, futhi uJobe wabona umbono womhlane kaNkulunkulu futhi wezwa uNkulunkulu ekhuluma naye ngomlomo Wakhe; wazuza ukumqonda kwangempela uNkulunkulu. UJobe wavuna inala ayengasoze ayizuza esimweni esinethezekile, futhi lokhu kwakuyisibusiso esikhulu kakhulu esanikwa uJobe njengoba atshela abangani bakhe emva kwezivivinyo zakhe, “Lapho esengivivinyile, ngiyophuma nginjengegolide” (uJobe 23:10).

Lokhu kusikhombisa ukuthi izivivinyo nokucwengisiswa empeleni kuwuthando lukaNkulunkulu oluyiqiniso kithi nolwangempela. Kungalokhu kuphela ukuba sihlanzwe futhi sisindiswe nguNkulunkulu, ngaleyo ndlela sibe ngabantu abahambisanayo nentando kaNkulunkulu. Yilesi isizathu esenza uNkulunkulu avumele lezi zinto ukuba zisehlele.

Ungasisiza Yini Umusa Ophathekayo Ukuba Sikhule Ezimpilweni Zethu?

Imvamisa, asinakho ukuqonda izinhloso zikaNkulunkulu ezinhle, ngako siye sethembe ukuthi izinto zizohamba njengoba sifisa. Asizimisele nhlobo ukudlula ezivivinyweni nasekucwengisisweni. Kunalokho, sethemba ukuba nempilo enokuthula engenazinhlekelele ezimpilweni zethu noma ezimpilweni zalabo esibathandayo. Sifuna ukuba konke kuhambe kalula, nokuthokozela izibusiso nomusa kaNkulunkulu. Kodwa ingabe sike sicabange ukuthi isimo esinethezekile singenza na ukuthi silahle izimo zethu ezikhohlakele? Zingakwazi yini izibusiso eziphathekayo ukusisiza ukuba sazi isimo nobunjalo bukaNkulunkulu? Uma sithokozela kuphela isihawu nomusa Wakhe, ingabe lokho kungalwandisa ukholo lwethu Kuye bese kusivumela ukuba sibe nothando lweqiniso nokuthobela uNkulunkulu? Amazwi kaNkulunkulu athi, “Uma uthokozela umusa kaNkulunkulu kuphela, unempilo yomndeni enokuthula noma ukubusiseka ngezinto eziphathwayo, lapho-ke awukamtholi uNkulunkulu, futhi ukukholwa kwakho kuNkulunkulu ngeke kuthiwe kunempumelelo. UNkulunkulu usevele uwenzile umsebenzi wesiqephu esisodwa womusa enyameni, futhi usevele wathululela izibusiso zezinto eziphathekayo phezu komuntu—kodwa umuntu akakwazi ukupheleliswa ngomusa, uthando, nesihawu kuphela. Lokho umuntu ahlangabezana nakho kunengxenye ethile yothando lukaNkulunkulu, kumenza abone uthando nomusa kaNkulunkulu, kodwa ukuthola lokhu isikhathi esithile, uyabona ukuthi umusa kaNkulunkulu nothando lwaKhe kanjalo nomusa akukwazi ukwenza umuntu apheleliswe, futhi akukwazi ukuveza lokho okuyinkohlakalo phakathi kumuntu, futhi akukwazi ukuqeda isimo somuntu esikhohlakele, noma ukwenza uthando nokholo lwakhe lupheleliswe. Umsebenzi kaNkulunkulu womusa kwaba umsebenzi wesikhathi esisodwa, futhi umuntu akakwazi ukuncika ekuthokozeleni umusa kaNkulunkulu ukuze azi uNkulunkulu(“Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

Amazwi kaNkulunkulu acace ngokusobala. Uma sigxile nje ekuthokozeleni isihawu nomusa kaNkulunkulu, ngeke sigcine nje ngokuba singakwazi ukukhululwa ezimweni zethu ezonakele, kodwa ngeke sikhule ezimpilweni zethu, ngisho bokholo lwethu, uthando, kanye nokulalela kwethu ngeke kukwazi ukupheleliswa. IBhayibheli lithi, “Ukuceba kweziwula kuyozibhubhisa” (IzAga 1:32). Uma siphila njalo phakathi kwesimo esinethezekile ngaphandle kwezivivinyo noma ukucwengisiswa, izinhliziyo zethu zizoya ngokuya ziqhela kuNkulunkulu futhi kuzoba lula ukuthi sonakale ngenxa yokuhalela ukunethezeka kwangomuso. Siyophila phakathi kwezimo zethu ezikhohlakele izisu zethu zigcwele ukudla nemiqondo yethu ingenazo izinkathazo, ekugcineni singafezi lutho, sichithe nje izimpilo zethu. Kufana nje nokuba ngumzali—uma uhlala utotosa ingane yakho futhi uxolela futhi ubekezelela noma ngabe yenzani olungalungile, kukuliphi iqophelo lapho ingane iyokwazi khona ukuguqula izici zayo ezimbi bese ivuthwa? Ngakho, isimo esinethezekile asinalusizo neze ekukhuleni kwethu empilweni; kunalokho, kuzosenza siye ngokuya siba nobugovu ngezintokozo zenyama futhi siyolokhu nje sifuna ngenkani umusa nezibusiso zikaNkulunkulu, sikhula ekuzicabangeleni thina, ekubeni nobugovu, ekubeni babi, nasekubeni nenkohliso. Uma sifuna ukuphunyuka esimweni sethu esikhohlakele bese siba ngabantu abahambisana nentando kaNkulunkulu, asikwazi ukwaneliswa ukuthamela umusa nezibusiso zikaNkulunkulu nokukholwa kuNkulunkulu esimweni esinethezekile, kodwa kufanele futhi sedlule ezivivinyweni nasekucwengisisweni okwengeziwe. Leyo yiyona yodwa indlela esingalahla ngayo izimo zethu ezikhohlakele bese sihlanzwa nguNkulunkulu.

Indlela Yokwedlula Ezivivinyweni Nasekucwengisisweni

Amazwi kaNkulunkulu athi, “Lapho ubhekene nokuhlupheka kumele ukwazi ukungacabangi ngenyama futhi ungakhonondi ngoNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ezifihla kuwe, kumele ukwazi ukuba nokholo lokumlandela, uphinde ube nothando owawunalo ekuqaleni, ungaluvumeli lube ntekenteke noma lunyamalale. Ngisho ngabe uNkulunkulu wenzani, kumele uthobele uhlelo Lwakhe, ukulungele ukuqalekisa inyama yakho kunokukhononda Ngaye. Lapho ubhekene nokuvivinywa, kumele wanelise uNkulunkulu, ngisho ungakhala kabuhlungu noma ube nokunqikaza ukwehlukana nento ethile oyithandayo. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuthi uthando nokholo lweqiniso. Kungakhathalekile ukuthi isimo sakho sangempela siyini, kumele uqale ube nokuzimisela ukubekezelela ubunzima futhi ube nokholo lweqiniso, futhi kumele uzimisele ukudela inyama. Kufanele uzimisele ukubekezelela ubunzima nokulahlekelwa izinto ozithandayo ukuze ufeze intando kaNkulunkulu. Kumele uphinde ube nenhliziyo yokuzisola: Esikhathini esidlule awukwazanga ukwanelisa uNkulunkulu, futhi usuyazisola manje. Akufanele untule nokukodwa kulezi zinto—uNkulunkulu uyokuphelelisa ngalezi zinto. Uma ungayigcine le mibandela, khona-ke awunakupheleliswa(“Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

Amazwi kaNkulunkulu asinika indlela yokwenza. Lapho sihlangana nobunzima, isimo somqondo wethu ngomsebenzi kaNkulunkulu sibalulekile futhi sihlobene ngokuqondile nokuthi siyakwazi yini ukufakazela uNkulunkulu, nokuba sihlanzwe futhi sisindiswe Nguye. Uma sethembele ezimweni ezonakele zobusathane futhi sihalela ukunethezeka kwenyama ngokuvivinywa nokucwengisiswa, sihlala sicabangela futhi sihlelela lokho okuthandwa yithi, kuyoba lula ukuba sibe nezinkonondo ngoNkulunkulu; siyolwa Naye futhi simphikise, noma size senze izinto ukuze sivukele noma siphikise uNkulunkulu. Khona-ke siyinhlekisa kuSathane futhi silahlekelwe ngokuphelele ubufakazi bethu. Kodwa uma sikwazi ukwamukela nokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu ngobunzima, futhi sifune intando nezimfuno zikaNkulunkulu kithi phakathi kwabo, uma singalahla inyama bese senza iqiniso, sikhethe ukuhlupheka enyameni futhi sifakazele uNkulunkulu, uma singahlangana nalezi zimo ngothando lukaNkulunkulu nokulangazelela ukumanelisa, khona-ke siyokwazi ukuqonda amaqiniso engeziwe ngenxa yalezi zivivinyo, izimo zethu ezikhohlakele zingahlanzwa nguNkulunkulu, futhi singaba ngabantu abahambisana nentando kaNkulunkulu.

Esikhathini esidlule esingesidala kakhulu kwavela izinkinga ezithile emndenini wami—umyeni wami walahlekelwa yilowo owayemlethela ibhizinisi lethu, umntanami wayenezinkinga emsebenzini, futhi kwakunezinkinga ezingapheli ebhizinisini. Ngangiphatheke kabi futhi ngicindezelekile ngempela futhi angikwazanga ukugwema ukukhononda kwami kuNkulunkulu. Ngezwa sengathi ngangichitha zonke izinsuku ngisebenzela uNkulunkulu kanzima, ngihamba emigwaqweni ngabelana ivangeli nabantu futhi ngizikhandla, pho-ke kwakungani lezi zinto zenzeka emndenini wami? Kungani uNkulunkulu ayengawuvikeli umndeni wami? Kuleso sikhathi, ngachitha isikhathi esincane ngifunda imiBhalo futhi nakuba ngangiqhubeka nokuhambela imihlangano nokusebenza, inhliziyo yami yayihlala igcwele intukuthelo futhi ngangingazi ukuthi yayiyini intando kaNkulunkulu ngami kuleso simo.

Ngase ngithandaza kuNkulunkulu ekufuneni, futhi ngafunda la mazwi avela Kuye: “Baningi kakhulu abakholwa Kimi kuphela ukuze ngibaphilise. Baningi kakhulu abakholwa Kimi kuphela ukuze ngisebenzise amandla Ami ukuba ngixoshe imimoya engcolile emizimbeni yabo, futhi baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze nje bamukele ukuthula kanye nenjabulo Kimi. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze kuphela bafune Kimi ingcebo eningi kakhudlwana. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bachithe lokhu kuphila ngendlela enokuthula futhi ukuze balondeke futhi baphile kahle ezweni elizayo. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bagweme ukuhlupheka esihogweni futhi bamukele izibusiso ezivela ezulwini. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bathole ukunethezeka kwesikhashana, kodwa abafuni ukuzuza lutho ezweni elizayo. Ngesikhathi ngiletha intukuthelo phezu komuntu futhi nginqamula yonke injabulo kanye nokuthula ake waba nakho kwasekuqaleni, umuntu wabe eseba nokungabaza. Ngesikhathi nginika umuntu ukuhlupheka kwase sihogweni futhi ngimphuca izibusiso zase zulwini, ihlazo lomuntu laphenduka intukuthelo. Ngesikhathi umuntu ecela ukuba ngimphulukise, angimnakanga; umuntu wasuka kimi ukuze kunalokho afune indlela yemithi emibi nokuthakatha. Ngesikhathi ngithatha konke lokhu umuntu ayekade ekufune Kimi, bonke banyamalala bahamba bashona. Ngalokho, Mina ngithi umuntu unokukholwa Kimi ngoba ngenzelana umusa omkhulu, futhi kuningi kakhulu okuyinzuzo(“Yini Oyaziyo Ngokukholwa?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

Angikwazanga ukubamba ukukhala lapho ngifunda amazwi kaNkulunkulu—ngangishayekile futhi ngizwa ngisebuhlungwini, futhi ngiphoxekile. Ngabona ukuthi indlela yami yokubuka ukukholwa yayingalungile yonke, nokuthi kwakuwukufuna izibusiso nomusa nje. Lapho uNkulunkulu engibusisa, ngangiphuma ngenkuthalo ngabelane ngevangeli futhi ngizikhandle ngiphinde ngingesabi zinkinga noma ukukhathala. Kodwa lapho ubunzima buvela emndenini wami, ngaqala ngaphila ebuthakathakeni nasekuphikiseni, ngaba nokukhononda ngoNkulunkulu nokumgxeka ngokungavikeli umndeni wami. Ngamisa udonga lokuvimba uNkulunkulu enhliziyweni yami. Kwafuneka ukuba ngizihlole umphefumulo, ngizibuze ukuthi, “Umsebenzi wami onzima akuwona owokubuyisela uthando lukaNkulunkulu kodwa nje owokuthenga izibusiso zikaNkulunkulu—ingabe lokho akukhona ukuhwebelana noNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lolo hlobo lokukholwa—olugcwele izisusa ezingalungile nokudungeka—luzuze ukuvunywa nguNkulunkulu? Ngangihlala ngiphefumula wona impela umoya kaNkulunkulu, ngithokozela ilanga nemvula akudala, futhi ngiphila ngenala yomhlaba owenziwa Nguye, kodwa ngangingacabangi ukubuyisela uNkulunkulu nganoma yini. Kunalokho, ngangilokhu nje ngenza izimfuno ezingapheli kuNkulunkulu. Ingabe lokho kuphuse ngokuphelele?” Ngaze ngabona lapho kuphela ukuthi lunyanyeka futhi ludeleleka kangakanani lolo hlobo lokholo kuNkulunkulu—ngangingamile neze endaweni yomuntu odaliwe ekukhonzeni uNkulunkulu. Ngabuye ngaqonda ukuthi ukuze ngilalele uNkulunkulu, kwakufanele ngiqale ngime endaweni yomuntu odaliwe, futhi noma ngabe uMdali wenzani, noma uyanika noma uyathatha, kwakufanele ngilalele futhi ngithobe ngaphandle kokuphika inkani. Yilokho kuphela okuwuhlobo lomqondo umuntu odaliwe okufanele abe nawo. Lapho ngiqonda lokho nganquma kuNkulunkulu ukuthi kungakhathaleki ukuthi kwakwenzekani ezimweni zomsebenzi womyeni wami nowomntanami, ngangizozimisela ukuthobela izinhlelo namalungiselelo kaNkulunkulu nokungakhonondi ngoNkulunkulu. Lapho ngibona konke lokhu ngazizwa ngikhululeke kakhudlwana futhi ngaya ngokuya ngiphuma esimweni sami esiphikisayo. Ngangingasaphazanyiswa noma ngithiywe yilezi zindaba, kodwa ngakwazi ukusebenza ngokuzothile nokuzikhandlela iNkosi.

Lokhu okuhlangenwe nakho kwangikhombisa ngempela ukuthi zinenzuzo enkulu kangakanani izivivinyo nokucwengisiswa ekukhuleni kwethu empilweni. Noma sihlupheka kancane ngakho, sivuna umcebo oyigugu kakhulu empilweni, futhi ukholo nothando lwethu lukaNkulunkulu luyakhula. Ngiqinisekile ukuthi bonke abafowethu nodadewethu abafuna ukuzuza ukuvunywa nguNkulunkulu manje bayaziqonda izinhloso eziqotho zikaNkulunkulu futhi abasenakho ukumqonda ngokungafanele, nokuthi bazokwazi ukubhekana nanoma yibuphi ubunzima, bengaphazanyiswa. Kunoma yiziphi izivivinyo noma izinto ezingathandeki esibhekana nazo esikhathini esizayo, sengathi singazithulisa phambi kukaNkulunkulu futhi sifune intando Yakhe siphinde sifune iqiniso. Ngale ndlela singezwa izibusiso ezilethwe kithi nguNkulunkulu ngezivivinyo nokucwengisiswa! Makabongwe uNkulunkulu!

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukwahlulela Kungukukhanya

UZhao Xia Esifundazweni saseShandong Igama lami nginguZhao Xia. Ngazalelwa emndenini ojwayelekile. Ngenxa yezisho ezifana nalezi “Umuntu...

Inhlupheko Enkulu Iseduze: Indlela Yokwamukela Ukubuya KweNkosi

Manje yizinsuku zokugcina. Izinhlekelele zenzeka ngokuvama emhlabeni wonke, neziphrofetho zokufika kweNkosi sezigcwalisekile; izimpawu nezibikezelo ezahlukahlukene zikhomba ukuthi iNkosi isibuyile, pho kungani ingabonakalanga ibuya ngefu? Futhi singakwamukela kanjani ukufika Kwayo? Lo mbhalo uzokutshela indlela.

Umhlaba Ukhungethwe Yinhlekelele: Kuyokwenzeka Nini Ukuhlwithwa?

I-coronavirus eWuhan, isikhonyane eMpumalanga Afrika, imililo yequbula e-Australia…, izinhlekelele ezinjengalezi seziyizigameko ezijwayelekile emhlabeni wonke. Iziphrofetho zeBhayibheli ngokufika kweNkosi sezigcwalisekile, pho kungani kusafanele siphakanyiswe ngaphambi kwenhlupheko enkulu? Singahlwithwa kanjani?

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp