Awukwazi Ukuqonda Umuntu Ngokubukeka

May 29, 2019

uYang Rui wasedolobheni laseYuci, esiFundazweni saseShanxi

Enhliziyweni yami, ngangihlala ngikholwa ukuthi ubaba wayengumuntu olungile. Kodwa ngelinye ilanga, ngabe sengizwa ukuthi ubaba wami wayexoshiwe ebandleni. Ngethuka kakhulu ngalesosikhathi ngahluleka ukukuqonda. Enhliziyweni yami, ubaba wami wayengumuntu omkhulu kakhulu emhlabeni. Nakuba ecasuka kalula, wasinakekela kakhulu thina mantombazane akakaze asishaye noma asithethise. Nakuba kwakunobunzima emndenini, wayengavumi ukuba sizizwele siphatheke kabi noma ngabe kwakumelwe ezwe ubuhlungu obungakanani. Emveni kokuba umndeni wonke wakithi sewamukele umsebenzi kaNkulunkulu, ubaba wami phezu kwalokho wayekhuthele ekufezeni umsebenzi wakhe, futhi ubesikhuthaza ukuba sifeze umsebenzi wethu kahle. Nakuba ubaba wami wayenolaka kancane, lapho kunomsebenzi omelwe ukwenziwa, nakuba kwakunomoya futhi lina noma kunobunzima, wayethola indlela yokuwuqeda. Umuntu omuhle kangaka wayexoshwa kanjani? Uma engayamukeli insindiso, pho ubani ongayamukela? Isimo sagcwalisa inhliziyo yami ngokucasuka nokulwa, ngoba ngazizwela ukuthi ibandla alimuphathanga ngendlela ekahle ubaba. Nakuba ngingakushongo, ngakuthola kunzima ukuthulisa inhliziyo yami ngalila ngisezinhlungwini.

Ezinsukwini ezimbalwa ezadlule, ngabona lokho okulandelayo emazwini kaNkulunkulu: “Kungenzeka ukuthi kuyo yonke le minyaka yokukholwa kuNkulunkulu, anikaze nithuke muntu noma nenze izenzo ezimbi, kodwa ekuzihlanganiseni noKristu, anikwazi ukukhuluma iqiniso, nenze ngokweqiniso, noma nilalele izwi likaKristu; ngakho ngithi ningabakhohlisi futhi nabadukisi abakhulu emhlabeni. Uma nilungile futhi nithembekile ikakhulukazi ezihlotsheni zenu, kubangani benu, emakhosikzini (noma kubayeni), emadodaneni kanye namadodakazi, nakubazali, futhi ningasizakali ngabanye, kepha ningakwazi ukuhambisana futhi nibe nokuthula noKristu, ngisho noma nithumela konke okwenu ukuyolekelela omakhelwane benu noma ninakekele oyihlo, onyoko, kanye nemizi yenu, Mina ngisathi nikhohlakele, ningamaqili futhi. Ningacabangi ukuthi nihambisana noKristu ngoba nje nikwazi ukuphila nabanye noma nenza izenzo ezinhle ezimbalwa. Niyakholwa yini ukuthi ukulunga kwenu kungantshontsha isibusiso saseZulwini? Nicabanga ukuthi izenzo zenu ezinhle zithatha indawo yokulalela kwenu?(“Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Emveni kokuzindla ngamazwi kaNkulunkulu, kancane ngabe sengiqonda: Ukuze ubone noma umuntu ulungile noma mubi, ungabheki ukuthi ukwenza kwabo okubonakalayo kuhle noma kubi noma ubudlelwano babo nabanye abantu bunjani. Nokho, bheka ubudlelwano babo noNkulunkulu, nokuthi bamlalela ngokweqiniso futhi bayamesaba yini uNkulunkulu, nokuthi bayahambisana yini noNkulunkulu. Umuntu angaba nobudlelwane nabanye, avame ukusiza abanye futhi abaphathe ngothando, kodwa uma bengahambisani noNkulunkulu, uma bengalifuni iqiniso okholweni lwabo, uma bexuba umsebenzi wabo nezinhloso zabo, futhi uma bahlulela futhi bephikisa uNkulunkulu lapho umsebenzi Wakhe ungahambisani nemibono yabo, khona-ke labo bantu bangabazenzisi. Bangamaqili, amaxoki amabi. Ngalokhu kuqonda, ngaqala ukukhumbula amazwi athile ubaba owayewakhulumile: Ebandleni ayekade ekulo, ubaba wami wayengumholi. Emveni kokwamukela lesisigaba somsebenzi kaNkulunkulu, abafowethu nodadewethu ebandleni abamkhethanga ukuba abe ngumholi ngoba ngokwemvelo wayezithwele. Nakuba wayevela elalela uma umbheka futhi enza konke ayekutshelwa, inhloso yakhe efihlakele kwakuwukuhlala “eihlalweni sabaholi” futhi. Kamuva, lapho isifiso sakhe singafezeki, waveza ubunjalo bakhe ehlezi eziphakamisa ebandleni, engalaleli muntu, ephoqa abantu ukuba balalele yena noma kuthiwani. Uma ebona umsebenzi ayengamthandi, wayemahlulela, amehlise isithunzi futhi ambukele phansi. Wayephinde ahlwanyele ukungeneliseki phakathi kwabazalwane, ephazamisa futhi ona impilo yebandla. Izikhathi eziningi, abaholi nezisebenzi babehlanganyela iqiniso naye, bamthena futhi babhekana naye, futhi bamxwayisa—kodwa wayelokhu enganake lutho nhlobo, ingasaphathwa eyokukhombisa ukuzisola. Ngabe lokhu akukhona ukuziphatha komuntu omubi? Njengoba uNkulunkulu eshilo: “Izinga umuntu ahlulela ngalo omunye, lisekelwe endleleni aziphatha ngayo; lowo oziphatha kahle ungumuntu olungile, lowo oxegelwa isimilo ukhohlakele. Izinga uNkulunkulu ahlulela ngalo umuntu lisekelwe ekutheni lowo muntu uyamlalela yini; lowo olalela uNkulunkulu ungumuntu olungile, futhi lowo ongamlaleli uNkulunkulu uyisitha futhi ungumuntu okhohlakele, kungakhathaliseki ukuthi ukuziphatha kwalowo muntu kuhle noma kubi, kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu ukhuluma ngendlela efanele noma engafanele(“UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngokwamazwi kaNkulunkulu, ukwenza kukababa wami kwakungalaleli ukuhlela nokulungiselela kukaNkulunkulu futhi kwakudala ukuphazamiseka ebandleni. Wenza lonke uhlobo lobubi ngenxa yokufuna amandla negama. Ingqikithi enjalo iphikisa uNkulunkulu futhi ngeyomuntu omubi. Nokho ngasebenzisa ukuziphatha kwakhe okubonakalayo, njengokunginakekela nokungibheka, nokukwazi ukufeza umsebenzi wakhe, ukwahlulela ukuthi ungumuntu omuhle, ngicabanga ukuthi ibandla bekungamelwe ngabe limxoshile. Nokho ke izenzo zakhe zobuhle ezibonakalayo zingelinganiswe nokulalela uNkulunkulu, phezu kwalokho ngeke abizwe ngokuthi ungolungileyo. Ilabo kuphela abamlalela ngokweqiniso ukuhlela kukaNkulunkulu futhi bazimisele ukwamukela ukukhuzwa nokwahlulelwa uNkulunkulu bese befuna inguquko esuka ngaphakathi, abangamukela insindiso. Ubaba wami kwakumele azisole yena ngokuthi awele isimeni azithola kuso namuhla. Sasingenxa yemvelo yakhe embi kakhulu futhi akekho omunye ayengamsola. Phezu kwalokho, lokhu kwakungukubonakaliswa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu.

Oh Nkulunkulu! Ngiyabonga ukuba usebenzise lesisimo nokuba unginikeze lengxenye yeqiniso ukuguqula imibono yami engemihle, nokungenza ngibone ubungcwele Bakho nokuthi ukulunga kanye nobukhosi besimo Sakho akumelwe kucunulwe muntu. Lokhu sekungenze ngaqonda ukuthi ngingehlukanise noma ngibone ngale kwezinto ngaphandle kweqiniso. Ukusuka manje kuya phambili, noma ngabe ngehlelwa yini, angeke ngiphinde ngehlulele umuntu ngezinto ezibonakala ngaphandle. Kumelwe ngithathe iqiniso ngamukele konke okwenzayo. Noma ngabe angiboni izinto ozenzayo, ngiyakukholwa ukuthi konke okwenzayo kukahle. Ngeke ngiphinde ngicubungule ngihlolisise ukubheka ngehlo lokuba umuntu. Ngiyoma ohlangothini lweqiniso, ngihlezi ngiziqwashisha ukuba ngibe ufakazi Wakho.

Okulandelayo: Ukuzalwa Kabusha

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Akulula Ukuzazi Ngeqiniso

UZhang Rui Edolobheni laseHangzhou, Esifundazweni saseZhejiang Ngabona emazwini kaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uthanda abantu...

Sithinte nge-Whatsapp