Angikulungele Ukubona UKristu

March 07, 2018

UHuanbao Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning

Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma kakhulu abafowethu nodadewethu abakwazi ukwamukela inkonzo yomuntu siqu noKristu, abakwazi ukuzwa izintshumayelo Zakhe ezindlebeni zabo. Enhliziyweni yami, ngicabangile ukuthi kungaba kuhle kangakanani uma ngelinye ilanga esikhathini esizayo ngingezwa izintshumayelo zikaKristu, kodwa-ke phela ukumbona Yena kungaba kuhle kakhulu. Kodwa kamuva nje, ngokulalela ukuhlanganyela Naye, sengiba nomuzwa ojulile enhliziyweni yami wokuthi angifanelekile ukubona uKristu.

Kwakungenkathi kushicilelwa Izintshumayelo Nokuhlanganyela Mayelana Nokungena Empilweni Imiqulu 1-3. Ngenkathi ngizwa eyokuqala, ngezwa sengathi indoda eyasetshenziswa uMoya oNgcwele yakhuluma kahle kakhulu. Ngenkathi ngizwa ukuhlanganyela kukaKristu emqulwini wesibili (lokhu kwakungaphambi kokuba kube khona ongitshela ngokuthi lokhu kwakungukuhlanganyela kukaKristu), ngacabanga ukuthi lesi sikhulumi sasingumholi nje ngaphansi komlisa owayesetshenziswe uMoya oNgcwele, futhi ikakhulukazi ngenkathi uKristu ehlanganyela mayelana nenkinga yokuthi lubukwa kanjani ulwazi, angiyizwanga impendulo enomdlandla yodadewethu nabafowethu, ngakho ngaba nesiqiniseko sokuthi ngangiqagele kahle, futhi ngezwa sengathi lesi sikhulumi asikhulumanga kahle njengowesilisa owayesetshenziswe nguMoya oNgcwele, ngangingalalele ngokuqikelela. Emva kokuzwa umbhalo wesithathu, emva kokuhlanganyela kowesilisa owayesetshenziswe nguMoya oNgcwele, ngezwa uKristu ethi, “Mayelana nokuhlanganyela komfowethu kwamanje nje…,” lapho ngaba nokuqiniseka okukhulu ukuthi uKristu wayengumholi ngaphansi kwalo wesilisa owayesetshenziswe uMoya oNgcwele, ngoba emhlabeni wethu, abaholi bakhuluma kuqala ngaso sonke isikhathi, abangaphansi kwabo bese belandela emva kwabo. Ngakho ngamcima owayekhuluma, ngicabanga ngithi, “Ngizobuye ngikulalele lokhu uma senginesikhathi.” Ngosuku engathola ngalo ukuthi empeleni kwakuwukuhlanganyela kukaKristu ngethuka kakhulu, futhi ekugcineni ngalalela kanzulu izwi nezwi lentshumayelo.

Emva kwalokho, ngaqala ngacabanga ngabuka emuva: Kungani ngangilangazelela kangaka ukuzizwela ukuhlanganyela kukaKristu mathupha, kodwa uma ekugcineni esekhuluma nathi, angikwazanga ukuhlaluka? Ngaqala ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu mayelana nesimo sami, futhi ngabona ukuthi uNkulunkulu wayethi, “Bonke abantu bafisa ukubona ubuso bukaJesu bangempela futhi bafisa ukuba Naye. Ngikholwa ukuthi akukho namunye kubafowethu noma odadewethu ongathi akazimisele ukumbona noma ukuhlala noJesu. Ngaphambili kokuthi umbone uJesu, okungukuthi, ngaphambili kokubona uNkulunkulu osesimweni somuntu, uyoba nemicabango eminingi, isibonelo nje, mayelana nokubukeka kukaJesu, indlela akhuluma ngayo, indlela Yakhe yokuphila, njalo njalo. Kodwa-ke, uma sekwenzeka umbona, imicabango yakho iyoshesha ukuguquka. Kungani lokhu? Uyafisa ukwazi? Lapho ukucabanga komuntu kungeke impela kwabukelwa phansi, akubekezeleleki kakhulu ukuba umuntu aguqule ingqikithi kaKristu. Nibuka uKristu njengesidalwa esingenakufa, isazi, kodwa akekho noyedwa ombuka uKristu njengomuntu ojwayelekile onengqikithi yobunkulunkuku. Ngakho-ke, iningi lalabo abalangazelela ubusuku nemini ukubona uNkulunkulu yibona kanye abayizitha zikaNkulunkulu futhi abangahambisani noNkulunkulu. Ingabe lokhu akukhona ukungalungi ngasohlangothini lomuntu? Ngisho namanje nisacabanga ukuthi ukukholwa kwenu kanye nokwethembeka kunenza nifaneleke ukuba nibone ubuso bukaKristu, kodwa ngiyaninxusa ukuba nizihlomise ngezinto eziningi eziphathekayo! Ngoba esikhathini esedlule, namanje, nangesikhathi esizayo, iningi lalabo abaxhumana noKristu bahlulekile; bonke badlala indawo yabaFarisi. Ingabe iyini imbangela yokwehluleka kwenu? Isizathu esiyiso yingoba emicabangweni yenu kukhona uNkulunkulu ophakemeyo othandekayo. Kodwa iqiniso alifani nokufisa komuntu. Akukhona ukuthi uKristu akaphakeme kuphela, kepha muncanyana impela; akukhona ukuthi ungumuntu kuphela kepha ungumuntu ojwayelekile…. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomuntu ojwayelekile; bamthatha kalula lapho benaye futhi bakhulume ngokunganaki Kuye…. Nibuka uKristu lo osewafika njengomuntu ojwayelekile nezwi Lakhe linjengelomuntu ojwayelekile. Ngakho-ke, anizange nithole lutho kuKristu kunalokho niveze ngokuphelele ububi benu ekukhanyeni(“Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Uma kuqhathaniswa namazwi kaNkulunkulu, ngase ngicabanga ukuthi esami isimo esonakele sabonakala kanjani lapho ekugcineni ngizwa ukuhlanganyela kukaKristu. Ngafisa ukuzwa izintshumayelo zikaKristu kanye nokuhlanganyela ngezami izindlebe, kodwa uma ekugcineni ngizwa ukuhlanganyela kukaKristu ngangakunaki. Ngabona uKristu njengomuntukazana nje. Lokhu kwakungenxa yokuthi ngangingaqondi umongo kaKristu, ngingaqondi konke lokho uKristu akugcina kuthobekile futhi akufihle, futhi nginemicabango eminingi nemizindlo mayelana noKristu. Ukuhlanganyela kukaKristu, uma ngicabanga, kufanele ukuthi kuzohambisana nokuba uKristu ememezela Ubuyena emphakathini; ukuhlanganyela kukaKristu, ngazicabangela nje, kufanele kukhulunywe ngezwi elihlukile kunamanye futhi ngamagama amaningi alukhuni, njengendoda thile emangalisayo; ukuhlanganyela kukaKristu, uma ngicabanga, kuyophelezelwa yihlombe elidumayo lodadewethu nabafowethu, futhi uma kwakuyindoda eyasetshenziswa uMoya oNgcwele noKristu bekhuluma ngokulandelana, uKristu wayezokhuluma kuqala, bese lowa wesilisa owayesetshenziswe uMoya oNgcwele ekhuluma ekugcineni…. Ngabeka umsebenzi wamazwi kaKristu emikhawulweni yokucabanga kwami, ngenxa yokuthi ngacabanga uKristu ngendlela ethile. Uma amaqiniso esephikisana nalokho ebengikucabanga, uKristu ngamthatha njengomuntu nje ojwayelekile, ngenkathi abanye bezuza okuningi ekuhlanganyeleni kukaKristu, angitholanga lutho, futhi kunalokho ngazambula ngokuphelele ukuzazisa kwami, ukuziqhenya, ukuzonda iqiniso, imvelo yobusathane, ngaphinda ngazenza lowo ophika nophikisana noKristu.

Kamuva, ngabona emazwini kaNkulunkulu: “Sonke isikhathi nihlale nifuna ukubona uKristu, kepha ngiyaninxusa ukuba ningazikhukhumezi kanjalo; wonke umuntu angambona uKristu, kodwa ngithi akekho okulungele ukubona uKristu. Ngenxa yemvelo yomuntu egcwele ububi, ukuzikhukhumeza, kanye nokuhlubuka, uma ubona uKristu, imvelo yakho iyokona futhi ikugwebele ekufeni(“Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, ingasaphathwa eyokulangazelela iqiniso. Ufunda njengempumputhe nje futhi ulinda ngokunganaki. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini iziqondiso zikaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu? … Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekuzibonakaliseni kukaNkulunkulu(“Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu angenza ngaqonda ukuthi angikwazanga ukuzwa izwi likaNkulunkulu ngoba ngangiphakeme kakhulu, nginomoya wokuvukela omkhulu, nokuzazisa, ukulingeka kalula ukulalelisisa nokunqekuzisa ikhanda ngivumelane nalabo abasezikhundleni nabaphezulu, kodwa ngibe ngibukela phansi labo abangenazikhundla nakubaluleka, kangangokuthi ngisho noma bekhuluma ngokuhambisana neqiniso ngingalilaleli. Ngenkathi ngilalele ukuhlanganyela ngangingagxilile eqinisweni futhi ngingenakho ukulangazelela ukuzuza iqiniso, kodwa kunalokho nganikela ingqondo yami ekucabangeni nasekuphenyeni. Angivezanga lutho ngaphandle kokuzazi nokuvukela, imicabango nemizindlo. Umuntu ozazisayo, onomoya wokuvukela, kanye nongalemukeli iqiniso njengami, umuntu ongenakuzinikela noma ukulangazelela ngaphambi kweqiniso njengami, kwakungenzeka kanjani ukuba ngizwe futhi ngazi izwi likaNkulunkulu? Ngangifaneleke kanjani ukubona uKristu?

Ngenxa yaleso sambulo ekugcineni ngaqonda ukuthi yize noma ngangifuna ukubona uKristu, ngangingafanelekile ukumbona uKristu ngoba ukungonakalisa kukaSathane kwase kujule kakhulu, ngiyazazisa futhi nginomoya wokuvukela ngokwemvelo, anginalo iqiniso futhi anginalo uthando lweqiniso, angiqondi umongo kaKristu, ngahlulela ngomqondo ocheme ngokungenabulungiswa, nginemicabango nemizindlo, kanti uNkulunkulu engikholwa kuye usenguNkulunkulu ongakacaci, umfanekiso womuntu onamandla nohlakaniphile. Futhi uma ngibona ngokweqiniso uKristu, imibono yami ingachuma nokuzazi kwami kuqhakaze noma nini, imvelo yami yokuvukela ngaleyo ndlela bese ingilimaza. Manje kufanele ngizihlomise ngeqiniso, ngifune ukuqonda imvelo yami eyonakele kanye nomongo kaKristu emazwini kaNkulunkulu, futhi ngibe umuntu omqondayo nomkhonzayo uKristu.

Okulandelayo: Okulele Emuva Kwamanga

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp