Kunenjabulo Enkulu Ekwethembekeni

March 07, 2018

UGan’en Edolobheni LaseHefei, Esifundazweni Sase-Anhui

Empilweni yami, yilokhu ngaphila ngamagama athi, “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali” ekuhlaleni nabantu. Angilokothi nginikeze ukuthemba kwami ebantwini kalula nje. Bengihlala ngicabanga ukuthi ezimweni lapho ungazazi izinhloso zangempela zomunye umuntu, akufanele usheshe kakhulu uvezele omunye umuntu imicabango. Ngakho, kwanele ukugcina umoya wokuthula—ngale ndlela uyazivikela futhi ontanga bakho bazokubuka “njengomuntu olungile.”

Ngisho nangemva kokuba sengamukele umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, ngangilokhu ngilandela lo mgomo kukhona konke engikwenza nabanye. Lapho ngibona ukuthi uNkulunkulu ucela ukuba sibe msulwa, sikhululeke futhi sithembeke, ngangiye ngikhululeke nje ngezinto ezincane engangingenantshisekelo engako kuzona. Cishe ngangingaxoxi nhlobo ngalezi zinto eziqondene nesimo sami engangibona ukuthi zonakele ngempela, ngoba ngesaba ukuthi abafowethu nodadewethu babezongibukela phansi. Lapho umholi wami enginyula kwabanye ngenxa yokuchitha icala nje emsebenzini wami, ngagcwala ukungaxoli nokusola futhi ngazicabangela, “Kungani umholi wami njalo enginyula kwabanye futhi ekhuluma ngemininingwane yesimo sami phambi kwabo bonke abafowethu nodadewethu? Akukho sobala ukuthi lokhu kuzongenza ngiphoxeke futhi ngihlazeke phambi kwawo wonke umuntu? Mhlawumbe umholi wami akangikhonzile, ngakho ukhetha ukungibukisa ngabantu.” Kwakubuhlungu kakhulu futhi kungabekezeleki ukubona abanye abafowethu nodadewethu benyuselwa ezikhundleni ngenkathi mina ngisahleli esikhundleni esisodwa. Ngacabanga ukuthi ngangingakhushulelwa esikhundleni ngoba ngangingafanelekile nokuqeqeshwa. Inhliziyo yami yagcwala ukungaqondi nokukhononda; ngazizwa ngingenakusasa, ukuthi kwakungenasidingo ukuqhubeka kule ndlela. Ngenxa yokuthi ngangihlala ngiqaphile futhi ngisola abanye, ngaba nokungamqondi nakakhulu uNkulunkulu futhi ngazizwa ngiya ngokuya ngingenakuxhumana Naye. Isimo sami sase siya ngokuya siba ngesingajwayelekile futhi ekugcineni ngahlukana nomsebenzi kaMoya oNgcwele ngase ngiwela ebumnyameni.

Ekujuleni kokuhlupheka, ngilahlekile futhi ngingazazi ukuthi ngibheka ngakuphi, ngahlangana nale ndima yamazwi kaNkulunkulu: “Uma unenkohliso kakhulu, uyoba nenhliziyo eqaphile nemicabango yokusola ngezindaba zonke kanye nabantu bonke. Ngalesi sizathu, ukukholwa kwakho Kimi kwakhelwe esisekelweni sokusola. Ukholo olunje yilolu engingasoze ngalwemukela. Ngokweswela ukukholwa kweqiniso, uyoqheka kakhudlwana othandweni lwangempela. Futhi uma ukwazi ukungabaza uNkulunkulu uzicabangela Ngaye ngokuthanda, ngaphandle kokungabaza-ke ungumkhohlisi omkhulu kakhulu kubantu(“Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngenkathi ngicubungula izwi likaNkulunkulu, ngafikelwa ngokushesha ukucabanga ngibheka emuva izenzo zami zempilo yami yansukuzonke. Ngokwethuka, ngacabanga ngathi: Ingabe bengingaphili ngine ‘nenhliziyo eqaphile nemicabango yokusola ngezindaba zonke kanye nabantu bonke’?” Uma kunjalo, ngangingabukeki ngingumuntu oyiqili emehlweni kaNkulunkulu? Ngaleso sikhathi, amazwi “umuntu oyiqili” ahlaba inhliziyo yami njengommese ololiwe, okwangilethela ubuhlungu obungabekezeleki. Ngangisolokhu ngicabanga ukuthi inqobo nje uma ngigcina umgomo wami “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali,” ngangiyothathwa ontanga bami njengomuntu olungile, ngakho ngangiphile ngalawo mazwi ekubhekaneni kwami nabantu kanye nasekwenzeni imisebenzi yami. Angikaze, kuyona yonke iminyaka yami, ngisole ukuthi ukuphila ngalo mgomo kwakungangiphendula umuntu oyiqili. Lokhu kwakuchaza ukuthi “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali,” umgomo engangikade ngibambelele kuwona, wawungahambisani neqiniso futhi wawuphikisana ngqo nezwi likaNkulunkulu. Ngangethukile ukuthola le mfundiso ngempilo engangikade ngibambelele kuyona isikhathi eside kangaka ibhihlizwa futhi iphikiswa amazwi kaNkulunkulu ngobusuku obubodwa nje. Nokho, njengoba izinto zazinjalo, ngangingenakho okunye engangingakwenza ngaphandle kokwamukela amaqiniso. Ngehlisa umoya wami, ngacabanga ngase ngihlaziya kabusha lo mgomo engangikade ngibambelele kuwona isikhathi eside kangaka. Ekuhambeni kwesikhathi, ngenxa yokukhanyisela kukaNkulunkulu, ngagcina sengithole ukuqonda okusha kanye nolwazi ngala mazwi. Uma ubuka ngaphandle, ukuthi “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali” ngamazwi asobala ngokwanele nanomqondo futhi ahambisana nemibono eminingi yabantu yokubuka okulungile nokungalungile. Akubonakali kunotho olungalungile ngalo mqondo ekuqaleni, ngoba empeleni usitshela ukuthi kumele sizibhekelele kwabanye abantu, kodwa singazimiseli ukulimaza abanye. Uma kuqhubeka, ukuphila ngalo mgomo kusivikela ekubeni singaweli konoxhaka futhi kube kusivumela ukuba sifunde ukuba ngabantu abalungile. Nokho, uma sesicubungula la mabinzana amagama, kuba sobala ukuthi empeleni le yindlela engcolile kakhulu uSathane akhohlakalisa ngayo abantu. La mazwi asitshela ngendlela ecashile ukuthi awukwazi ukwethemba umuntu, ukuthi noma yimuphi umuntu angakulimaza, ngakho ekubhekaneni nabantu, ungazinikeli ngokuphelele. Ngale ndlela, ngiyakuqaphela, wena uyangisola futhi kithi sobabili akekho owethemba omunye. Lokhu kusiholela endleleni yokungaqondani, ubutha, namacebo amabi, okwenza isintu siye ngokuya sonakala, siba nenkohliso, ubuqili kanye nokungabi namqondo. Okubi nakakhulu, lesi saga sikaSathane senza ukuba sihlale singabantu abangakhululekile, abahlale benezinsolo futhi abangathembi lutho lapho behlangana noNkulunkulu wethu onothando nonomusa. Siqala sicabange ukuthi uNkulunkulu, Naye, unenkohliso, uyakhohlisa futhi ugcwele amacebo—ukuthi uNkulunkulu akasebenzeli ukusiza thina. Ngenxa yalokho, noma ngabe uNkulunkulu usithanda kangakanani futhi usicabangela kangakanani, siyanqikaza ukubeka ukholo lwethu kuYena, futhi mancane kakhulu amathuba okuba sazise ibanga alihambayo ngenxa yethu. Kunalokho, asikholwa lutho asenzela khona ngezinhliziyo ezinobubi, sibhekise ukungaqondi kwethu, ukukhononda, ukungethembeki kanye nokuphikisa kuYena. Ngale ndlela, uSathane ufeza injongo yakhe yokukhohlakalisa nokufaka ubuthi esintwini futhi asenze simhlubuke noma sikhaphele uNkulunkulu. Noma kunjalo, ngangingenalo ulwazi futhi ngangingakwazi ukubona ngale kwecebo likaSathane elibi. Ngathatha ukukhohlisa kwalo njengemfundiso enesisekelo ukuba ngiyihloniphe futhi ngiyiqhakambise bese ngenxa yalokho ngaba nobuqili nakakhulu, ngibuza imibuzo futhi ngihlala ngiqaphile. Esikhundleni sokuma ohlangothini lukaNkulunkulu, ngibhekane nezimo ngasohlangothini oluhle, noma kusiphi isimo engangihlangabezana naso, njalo ngangisebenzisa ukucabanga kwami okuvukelayo. Angizange ngimqonde uNkulunkulu futhi ngathandabuza inhloso Yakhe. Ekugcineni, njengoba ukungamqondi kwami uNkulunkulu kwaya ngokuya kucaca, ngalahlekelana nomsebenzi kaMoya oNgcwele ngawela ebumnyameni. Njengoba manje sekucacile, amagama athi, “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali” ayinkolelo-ze nje esungulwe nguSathane ukuze onakalise futhi abambe isintu. Ukuphila ngalesi saga kuyoholela abantu ekubeni babe ngamaqili nabakhohlisi kuphela, futhi babe nemibuzo engenabulungiswa babe ngabaziqaphele kwabanye abantu kodwa bebe bengamqondi futhi bemfulathela uNkulunkulu. Impilo ephilwe ngalolu hlobo iletha ukwenyanya kukaNkulunkulu kuphela futhi iholele umuntu ekubeni alahlekelane nomsebenzi kaMoya oNgcwele futhi awele ebumnyameni. Ekugcineni, abalandeli bale mfundiso-ze bayoba abagilwa bokukhohlisa kwabo—ikusasa labo eliqhakazile licime. Kuleli qophelo, ngagcina sengibonile ukuthi amazwi athi, “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali” ayengeyona imfundiso yokuphila efanele, kodwa eyiqhinga elibi likaSathane lokukhohlisa nokuhlukumeza isintu. Lo mshwana wawukwazi ukukhohlakalisa abantu, ubenze balahlekelwe ubuntu babo bahambele nakude noma bakhaphele uNkulunkulu. Ukuphila ngalo mshwana kwakungaholela kuphela ekuthini umuntu adelele uNkulunkulu futhi enyanywe, alahlwe futhi ahlungelwe ngaphandle nguNkulunkulu.

Kamuva, ngabona indimana yezwi likaNkulunkulu elandelayo: “UNkulunkulu unobunjalo bokwethembeka, ngakho-ke izwi Lakhe lingathenjwa njalo. Ngaphezu kwalokho, izenzo Zakhe azinaphutha futhi azingabazeki. Yingakho uNkulunkulu ethanda labo abethembeke ngeqiniso kuYena. Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu. Ngamafuphi nje, ukwethembeka ukuzehlukanisa nokungcola ezenzweni zakho kanye nasemazwini, kanye nokungakhohlisi uNkulunkulu noma umuntu. … Uma unezimfihlo eziningi ongabazayo ukuziveza, futhi uma ungafuni ukudalula izimfihlo zakho—okusho ukuthi, izinkinga zakho—kwabanye ukuze ufune indlela yokukhanya, ngizothi uyilowo ongeke ayithole kalula insindiso futhi ongeke aphunyuke kalula ebumnyameni. Uma ukufuna iqiniso kukujabulisa kahle, ungomunye ohlala ekukhanyeni isikhathi esiningi. Uma ukujabulela ukuba ngumenzi womsebenzi endlini kaNkulunkulu, usebenza ngokuzimisela nokwethembeka emfihlakalweni, ngaso sonke isikhathi uhlala upha futhi ungathathi, ngithi-ke ungongcwele othembekile, ngoba awufune mklomelo futhi ungumutu oneqiniso nje. Uma uzimisele ukungalifihli iqiniso, uma uzimisele ngokunikela konke okwakho, uma ukwazi ukudela impilo yakho ngoNkulunkulu futhi ube ngufakazi, uma uthembekile, kuze kufike eqophelweni lapho wazi kuphela ukwanelisa uNkulunkulu, futhi ungazicabangeli noma uzithathele ngokwakho, ngithi-ke laba bantu abanjalo yilabo abondliwa ekukhanyeni futhi abayophila phakade embusweni(“Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Kusukela ezwini likaNkulunkulu ngathola ukuqonda ukuthi, uNkulunkulu uyabathanda futhi uyababusisa abathembekile. Kungokuba umuntu athembeke kuphela ukuba akwazi ukuphila ngendlela elungile, ngokuhambisana nenhloso kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, abathembekile kuphela abafaneleka ukuthola insindiso kaNkulunkulu. Ngaphinde ngathola ukuqonda ukuthi ngiziphathe kanjani njengomuntu othembekile: Abantu abathembekile bakhuluma ngokusobala, okuvulelekile nangaphandle kwenkohliso—babiza izinto njengoba zinjalo. Abathembekile abakhohlisani, abagcini icala uma benza okuthile futhi abalingi neze bakhohlise noma baqambe amanga kuNkulunkulu. Inhliziyo yomuntu othembekile inokuthembeka futhi ayinankohliso nabuqili. Uma bekhuluma noma kukhona abakwenzayo abagodli izinhloso noma izizathu ezicashile; abasebenzeli inzuzo yabo noma ukwenelisa inyama, kunalokho benzela ukuba babe ngabantu abaneqiniso. Inhliziyo yomuntu othembekile yinhle, umphefumulo wakhe umsulwa, futhi uzimisele ukunikela inhliziyo yakhe kuNkulunkulu. Akaceli lutho oluyimbuyiselo, kodwa uzimisela ukugcwalisa izifiso zikaNkulunkulu. Yilabo bantu abanalezi zici ezinhle abangakwazi ukubizwa ngabantu abethembekile, abantu abaphila ekukhanyeni.

Ngithe lapho sengiqonda izimiso ezihambisana nokuba umuntu othembekile, ngaqala ukuzama ukusebenzisa lezo zimiso. Ekuphilisaneni nabanye, ngazama ngokuzimisela ukungabi yiqili, noma ukuphikisa kanye nokuzigada abantu bangafinyeleli kimina. Ngithe uma ngiphumelela, ngazizwa ngikhululekile kakhulu; kwabonakala kuletha ukunethezeka ukuphila ngale ndlela. Ngenkathi ngibonakalisa inkohlakalo ngenkathi ngisagcwalisa imisebenzi yami, ngangiye ngizame ukufuna udadewethu ongumlingani ukuze ngimendlalele ukuqonda kwami okusha ngami uma sixoxisana kanti nodadewethu wayeye enze okufanayo. Ngalesi sikhathi, asigcinanga nje ngokuba singabi nemicabango yokubandlululana, kodwa saba nokuzwana ekudidiyeleni kwethu. Lapho ngicaphuna ezwini likaNkulunkulu ekwendlaleni inkohlakalo yami emihlanganweni, abafowethu nodadewethu abazange bangibukele phansi njengoba ngangicabanga ukuthi bazokwenza, kodwa kunalokho bathatha udaba lwami njengesibonelo sensindiso yothando lukaNkulunkulu. Lapho, ekugcwaliseni imisebenzi yami, ngingasebenzeli igama nesikhundla sami kodwa ukuba ngigcwalise izifiso zikaNkulunkulu, ngamuzwa uMoya oNgcwele esebenza ngami engiqondisa, ukuze ngikwazi ukubona inhloso kaNkulunkulu ekugcwaliseni imisebenzi yami. Emkhulekweni, ngazama ngokuzimisela ukwabelana ngemicabango yami engaphakathi noNkulunkulu kanye nokukhuluma kusuka emphefumulweni. Ngathola ukuthi uma ngenza lokho, ngasondela kakhulu kuNkulunkulu futhi ngezwa ukuthi uNkulunkulu uthandeka kakhulu. Empeleni, konke ukungaqondi kwangaphambilini enganginakho noNkulunkulu kwanyamalala. Ngokuzama kwami ukuphila ngokwethembeka, ngathola ukuthi ukuba ngumuntu othembekile kumvumela kanjani umuntu ukuba aphile ekukhanyeni futhi amukele isibusiso sikaNkulunkulu. Ukuba umuntu othembekile ngempela kunomqondo futhi kuyigugu!

Ekubhekaneni nemihlomulo yokuba ngumuntu othembekile, kwangicacela bha ukuthi isaga sikaSathane esithi, “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali” ikhohlakalisa futhi ihlukumeza isintu. Uma umuntu ephakamisa lesi saga, uyohlala ephila ebumnyameni, enkohlakalweni kanye nasekuhlukunyezweni. Kungokuba umuntu othembekile kuphela lapho singaphila ekukhanyeni, sondliwe futhi samukele indumiso kaNkulunkulu. Kusukela manje kuya phambili, ngiyafunga ukuqala kabusha kanye nokulahla unomphela lesi saga sikaSathane esithi, “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali.” Kusukela manje kuya phambili, ukwethembeka kuzoba umgomo engiphila ngawo futhi ngiyozabalazela ukuthokozisa uNkulunkulu ngokwethembeka kwami.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Angikulungele Ukubona UKristu

UHuanbao Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma...

Ukwehlula USathane Empini

UChang Moyang Edolobheni LaseZhengzhou, Esifundazweni SaseHenan Amazwi kaNkulunkulu uSomandla athi: “Uma uhlubuka enyameni, nakanjani...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp