Amazwi KaNkulunkulu Asusa Imibono Yami

March 06, 2018

UXiao Rui wasedolobheni iPanzhihua, isifundazwe saseSichuan

Lapho ngishumayela ivangeli ngahlangana nabaholi benkolo ababethula ubufakazi bamanga ukuba balwe baphazamise babize namaphoyisa. Lokhu kwaholela ekutheni labo ebengishumayela kubo bangazihluphi ukuba beze baxhumane nathi, nalabo ebebeqeda ukwamukela ivangeli bengakwazi ukuba nesibindi emsebenzini kaNkulunkulu. Lapho ngisebenza kanzima kepha imiphumela ingemihle, ngacabanga: Umsebenzi wevangeli unzima ukuwenza. Bekuzoba kuhle ukuba uNkulunkulu uveze izimangaliso ezithile bese ejezisa labo abafakaza ngamanga kanye nalabo abamzibayo impela uNkulunkulu ukuba avele kulabo abakhohlisiwe. Manje ubungenziwe ngokushesha umsebenzi kaNkulunkulu? Bekungeke kube nzima kangaka kithi ukushumayela ivangeli…. Kungakho lelithemba lafika enhliziyweni yami njalo uma ngihlangabezana nalezi zinhlobo zobunzima. Kamuva, ngafunda incwadi ethi Izibonelo Ezivelele Zokujeziswa Ngenxa Yokuphikisa UNkulunkulu USomandla futhi ngesikhathi sokuhlanganyela ngaba nobufakazi bezinye izimpawu zikaNkulunkulu nezimangaliso, ngabe sengijabula kakhulu enhliziyweni yami. Ngethemba kakhulu nokuthi uNkulunkulu uzokwenza ezinye izinto ezingxenyeni engisebenze kuzo ukuze indida yevangeli lethu izoxazululwa masinyane. Kepha-ke nakuba bengithemba kangakanani, angizange ngibone uNkulunkulu enza izimangaliso lapha noma ejezisa abantu ababi. Laba bantu benkolo babelokhu bemziba uNkulunkulu, nobunzima emsebenzini wokuvangela babusebukhulu Ngaba nomuzwa ongemuhle ngalokhu: Kungani uNkulunkulu engasivuleli indlela? Kungenzeka yini ukuthi ukukholwa kwethu akwenele?

Kamuva, ngesikhathi sami semikhuleko ngabona lamazwi kaNkulunkulu: “Uma uNkulunkulu ubengenza izimpawu nezigameko ezingejwayelekile, ngaphandle kokwenza noma yimuphi umsebenzi omningi, ubengavele aqalekise umuntu athi lowo muntu akafe, lowo muntu avele afe khona lapho, obekuyokwenza wonke umuntu akholwe; kodwa lokho bekungeke kuyifeze inhloso kaNkulunkulu yokuba yinyama. Uma uNkulunkulu ubengakwenza ngempela lokhu, isintu besingeke sikwazi, ngemiqondo yaso, ukukholelwa ebukhoneni baKhe, besingeke sikholwe ngokweqiniso futhi besingadidanisa udeveli noNkulunkulu. Okubaluleke nakakhulu, isintu besingeke sisazi isimo sikaNkulunkulu: lokhu akuyona enye ingxenye yencazelo kaNkulunkulu esenyameni? Uma isintu singenamandla okwazi uNkulunkulu, kusho ukuthi-ke uyohlala enguNkulunkulu esizakhele sona emiqondweni yaso, uNkulunkulu wezinto ezingaphezulu kwemvelo, olawula izinto emhlabeni wabantu. Ngeke yini lokhu kube yisibonelo semidlinzo elawula umuntu? Noma, ukukubeka ngendlela esobala lokhu, kungeke kusho ukuthi uSathane, udeveli, nguye olawulayo? ‘Yini ngithi ngibuyisela kimi amandla Ami? Kungani ngithi ukuba senyameni kunezincazelo eziningi kakhulu?’ Ngomzuzu uNkulunkulu eba yinyama, yilesi sikhathi ethatha amandla Akhe; yingale nkathi ubunkulunkulu Bakhe buphumela obala ukwenza umsebenzi waKhe ngokuqondile. Inyathelo ngenyathelo, wonke umuntu uya ngokuya emazi uNkulunkulu wokoqobo, kuthi ngenxa yalokhu, indawo ebihleli uSathane enhliziyweni yomuntu iqedwe ngokuphelele ngenkathi indawo kaNkulunkulu ikhula(“Isahluko 6” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Lapho ngizama ukuqonda amazwi kaNkulunkulu, inhliziyo yami masinyane yachachamba: Kwavela ukuthi inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu enyameni akusikho ukusebenzisa igunya Lakhe ukwesabisa abantu ekutheni balalele, kepha ukuba aveze ubunjalo bakhe kubantu ngomsebenzi nangamazwi, futhi ngalokhu kususwe isithombe sikaNkulunkulu esisenhliziyweni yomuntu ombaxambili. Kuwukuvumela ukuba abantu basuse izibopho zemicabango yabo, baqonde ngokweqiniso imvelo kaNkulunkulu nomsebenzi, ukuvumela abantu ukuba babe neqiniso nokwehlukanisa, bese benqoba futhi bazuze. Umsebenzi kaNkulunkulu ngempela ungowoqobo kakhulu, futhi ukuhlakanipha Kwakhe akuqondakali kubantu! Ake ucabangisise ngakho—lo msebenzi owenziwa nguNkulunkulu ubungeke uthele izithelo ukuba bewenziwa ngezimpawu nezimangaliso. Njengasenkathini Yomthetho nje, uNkulunkulu waveza izimangaliso eziningi ku-Israyeli ajezisa abaningi balabo abamziba Yena, kepha u-Israyeli nalapho awumbonanga uNkulunkulu kwase kuthi ekugcineni bayofela ehlane. Ngenkathi Yomusa, uNkulunkulu futhi waveza izimpawu nezimangaliso ezininginingi phakathi kwamaJuda, kepha baqhubeka bambethela ephila ngoba bengambonanga Yena. Konke lokhu kusho ukuthi izimpawu nezimangaliso zikaNkulunkulu zingabethusa abantu okwesikhashana, kepha azizona izisekelo zokukholwa kwabo kuNkulunkulu. Nakuba, ngimlandele uNkulunkulu kuze kube manje, angikaze ngibe nokuwuqonda umongo kaNkulunkulu futhi ngiye ngaqonda kancane imigomo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Ngisalokhu ngikholelwa egunyeni lakhe nokuthi noma ngabe ubani oziba uNkulunkulu uyakujeziswa, ngakho ngilokhu ngifunile ngenhliziyo yami yonke ukubona izimpawu nezimangaliso zikaNkulunkulu. Loluhlobo lokukholwa alufani yini nolwabaFarisi, ukuphila phakathi kwesikhala, ngikholwa kuNkulunkulu ongaphezu kwemvelo lapho ngiziba uNkulunkulu wezinto eziphathekayo? Uma ukumfuna kwami uNkulunkulu kuqhubeke ngalendlela ngingafaniseka kanjani noNkulunkulu weqiniso? Bekuyingozi ngokweqiniso! Emveni kwalokho ngabona kaningi amazwi kaNkulunkulu: “Kunzima kakhulu kuNkulunkulu ukwenza umsebenzi Wakhe ezweni likadrako omkhulu obomvu, kodwa kungenxa yobunzima obunjalo lapho uNkulunkulu enza izigaba zomsebenzi Wakhe ziveze ubuhlakani Bakhe nemisebenzi emangalisayo. UNkulunkulu uthatha leli thuba ukuphelelisa leli qembu labantu. Ngenxa yokuhlupheka kwabantu, izinga labo, nesimo sabantu esinobusathane kulo mhlaba ongahlanzekile, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wokuhlanza nokunqoba ukuze kulokhu azuze inkazimulo azuze nalabo abafakaza ngezenzo Zakhe. Lokhu kungukubaluleka kwakho konke ukuzidela kukaNkulunkulu ngenxa yaleli qembu labantu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba ngalabo abamphikisayo. Ukwenza kanjena kuphela okugqamisa amandla amakhulu kaNkulunkulu. … Lokhu kufana nje nasesigabeni somsebenzi kaJesu; wayengakhazimuliswa kuphela phakathi kwalabo baFarisi ababemhlupha. Uma kwakungekhona ukuhlushwa nokukhashelwa nguJudasi, uJesu wayengasoze abe yinhlekisa noma athukwe, ngisho nokubethelwa imbala, futhi ngabe akazange athole inkazimulo(“Ngabe Umsebenzi KaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngalesisikhathi ukusuka emazwini kaNkulunkulu ngase ngazi kakhulu ukuthi noma ngabe wenza msebenzi muni uNkulunkulu, konke kunencazelo. Uma eqeda umsebenzi oveza izimangaliso ekhulula ukujezisa okuthile, kunencazo, kunemigomo Uma engawuqedi umsebenzi wokwambula izimangaliso noma ekhulula ukujezisa, kunencazelo, kunemigomo. Uma engaqedi umsebenzi wokwambula izimangaliso noma akhiphe izijeziso, kobe siqukethe kakhulu ubuhlakani bukaNkulunkulu Manje, uNkulunkulu akasebenzisi igunya Lakhe ukususa labo abaletha ubufakazi obungamanga noma labo abamziba ngokwempela; kunokuningi kwentando enhle kaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa lobubunzima kusivumela ukuba sinambithe ubunzima bomsebenzi Wakhe, ngaleyo ndlela sibona ubumnene nobuhle bukaNkulunkulu. UNkulunkulu ubuye asebenzise lobubnzima ukuba aveze isiqiniseko ngabantu abenza okuhle noma okubi, bese kuthi ekugcineni abese ebapha isiphetho esifanele ukuze sibe nesiqiniseko esiphelele ukuba sibone ukulunga nobungcwele bukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu usebenzisa lobubunzima ukwambula ukuthi ngeswele iqiniso lombono, nokuthi ngokwemvelo ngiyavilapha, ngiyesaba, angazi futhi nginobuwula, nokuthi ngokuhlupheka kwami, imizamo yami, nokusebenzisana noNkulunkulu uzobeka phezu kwethu ukukwazi ukwehlukanisa imimoya, isibindi, uthando, ukuhlakanipha, nokukhuthazela, naphezu kwalokho uzosipha iqiniso lomsebenzi kaNkulunkulu, ngalokho asiphelelise, asizuze. Umsebenzi kaNkulunkulu uhlakaniphile ngokweqiniso, uyamangalisa! Nokho ke angiboni nhlobo- anginakuqonda ngokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu nezinhloso Zakhe zinhle. Engikusabayo nje ukuhlupheka okusenyameni kanti angizimisele ukusebenzisana noNkulunkulu. Ngokweqiniso ngiyikholwa elingawenzi kahle umsebenzi futhi ngithokozela ubuntofontofo!

Ngiyabonga ukwambulwa kwamazwi kaNkulunkulu okwanginika ukuba ngaziswe ngenhloso nobuhlakani emsebenzini kaNkulunkulu enyameni nokungivumele ukuba ngibone ukuthi ukukholwa kwami kuNkulunkulu kwakungukuphila ezeni, nokuthi ukungamazisi uNkulunkulu kuyingozi! Ukusuka ngalolu suku kuya phambili, ngizimisele ukuzihlomisa ngeqiniso lombono, ukuba ngibe umuntu owazisa umsebenzi kaNkulunkulu nemvelo Yakhe, nokuphatha ngokweqiniso ukulangazelela ukuhlupheka, ukwenza umsebenzi wami ngamandla onke ukuze ngiduduze inhliziyo kaNkulunkulu.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp