Okulele Emuva Kwamanga

March 06, 2018

UXiaojing Edolobheni laseHeze, esiFundazweni saseShandong

Ngesikhathi ngasinye ngabona amazwi kaNkulunkulu esitshela ukuba sibe ngabantu abathembekile futhi sikhulume ngendlela eqondile nenembayo, ngacabanga ngathi, “Mina anginankinga nokukhuluma ngendlela eqondile. Akukona yini kanti lokho ukubeka izinto ngembaba uzisho njengoba zinjalo? Akuyona into elula leyo? Into eyayisolokhu inginenga kakhulu emhlabeni kwakungabantu abanonga inkulumo yabo uma bekhuluma.” Ngenxa yalokhu, ngazizwa nginokuzethemba ngokweqile, ngicabanga ukuthi anginankinga malungana nalokhu. Kodwa kwaba ngenxa yokwambulelwa nguNkulunkulu kuphela lapho ngathola khona ukuthi, ngaphandle kokungena eqinisweni noma ukushintsha isimo sakho, umuntu ngeke akwazi neze ukukhuluma ngokuqondile.

Ngesinye isikhathi, ngaqaphela ukuthi uXX wayengakwazi ukuba nokunakekela nokucabangela impilo yabanye abantu, ngakho ngathi akanazwelo. Emva kwalokho, kwaba ngenxa yokuphilisana nabanye abantu ukuze ngiqonde ukuthi uthando lwethu lweqiniso komunye nomunye lubonakala ngokwesekana komunye nomunye nangokusizana esikuletha ekungeneni empilweni yethu. Ngesinye futhi isikhathi, ngathi uma ngibona uXX echitha imali ngokweqile lapho enza umsebenzi wakhe, ngathi kimina lo muntu ngokwemvelo ungumuntu onobugovu obukhulu. Kube kamuva kuphela lapho ngabona khona ukuthi kunomehluko phakathi kwabantu ababonisa isimo esinenkohlakalo kanye nokuba yilolo hlobo. Kwabuye kwaba khona isikhathi lapho umholi wami angibuza mayelana nesimo sikadadewethu. Ngenxa yokuthi kwakunokwahlulela okungekuhle enganginakho ngalo dadewethu, yize noma ngangazi ukuthi kumele ngimnike umbiko ongachemile, angikwazanga ukuzibamba ngoba ngakhuluma ngagqamisa kakhulu okubi ayeke wakukhombisa lo dade, ngangakhuluma nakunye okungamaphuzu amahle ngaye. Lapho kuba nokuphuma endleleni noma amaphutha enzekayo kowami umsebenzi, ngaso sonke isikhathi ngangibikela abaphathi isimo sami ngasesithe, ngifihla amaqiniso ukuze ngivikele izinga engikulona ngingazembuli izinqe. …

Ngibhekene nalezi zimo, ngazizwa ngiphicekile kakhulu: Kungani inhliziyo yami yayizimisele ukukhuluma iqiniso, ukukhuluma ngokuqondile, kodwa uma ngivula umlomo wami ngingakwazi ukukhuluma ngokungachemile nangokuqondile? Ngalo mbuzo, ngaya kuNkulunkulu ngakhuleka ngifuna ukukhanyiseleka. Emva kwalokho, nakhu engakufunda embuthanweni wamadoda: “Kungani abantu bengeze bangakhuluma ngokuqondile? Kunezizathu ezintathu eziqavile: Esisodwa isizathu sithi yingenxa yemidlinzo yabantu eyiphutha. Indlela ababuka ngayo izinto iyiphutha, futhi bakhuluma ngendlela engashayi khona. Isizathu sesibili ukuthi ingqondo yabo kunendawo engagcwele kahle kuyo. Benza izinto ngokunganaki ngaphandle kokuphenya okunengqondo futhi kungenzeka ukuthi balalela amahlebezi, bese umphumela kuba ukuthi bengeza imihlobiso eminingi odabeni. Kunesinye isizathu, esingukuthi banezimo ezimbi. Basebenzisa ingxube yezinjongo zabo uma bekhuluma futhi, ukuze bafeze izinhloso zabo, baqamba amanga ukuze bakhohlise abanye futhi bafinyelise iqiniso ngamabomu ukuze bakhohlise abantu. Lesi simo senziwe ngumuntu, kufanele sisonjululwe ngokuthungathwa kweqiniso kanye nokuba umuntu asazi isimo sakhe semvelo” (Encwadini ethi Ukuhlanganyela Okuvela Kongaphezulu). Ngathi uma ngibona la mazwi masinya ngakubona ukukhanya. Manje ngabona ukuthi ukukhuluma ngokuqondile akulula ngale ndlela ebengicabanga ngayo. Kunamaphuzu amaningi angenza abantu bakhulume ngendlela engaqondile, njengokuthi nje uma imibono yabantu ithathelwa phezulu ingacutshungulwa, ukungabi nalo iqiniso, ukungabi nabo ubuqiniso noma ukuba nesimo esinenkohlakalo. Kodwa mina-ke, ngangithi uma ngibona abanye bebonakala sengathi benza izinto ngendlela engahambisani nokucabanga kwami, ngisheshe ngibehlulele njengabangenalo uzwelo. Uma ngibona abanye bebonakalisa isimo esithanda ukuba nenkohlakalo, ngibachaze njengohlobo oluthile lwabantu. Uma nginombono othile ngomuntu futhi ngibika isimo sakhe, bengibika ngehaba amaphuzu ngibuye ngiwafake nezinongo zami. Uma ngenza umsebenzi wami, ngenxa yezintshisekelo zami bengiphamba abanye ngikhohlise uNkulunkulu. … Ngabe lezi kwakungezona izimo nezenzo ezenzeka ngoba ngangingangenanga eqinisweni, ngoba indlela engangibuka ngayo izinto yayinokugabadela okuyiphutha, ngoba kungukuthi bekungenalushintsho esimweni sami? Yimanje kuphela lapho sengiqonda khona: Yilapho umuntu eqonda khona iqiniso, engena eqinisweni aguqule isimo sakhe lapho ezokwazi ukubonisa amaqiniso angachemile ngaphandle kokuphazama nangobulungiswa futhi abuke ngokuyikho yonke into eyenzeka kuyena. Ngaphandle kokuba neqiniso, umuntu akakwazi ukubona ngale kuwo umongo wodaba bese ngaleyo ndlela engakwazi ukukhuluma ngokuqondile. Ukuphila ngaphakathi kwenyama eyonakele, nesimo esingaguqukile kanye nokwenza izinto ukuhlomulisa wena uqobo nezinjongo nezinhloso zakho, mancane kakhulu amathuba okuba umuntu akhulume ngokuqondile.

O Nkulunkulu! Ngiyabonga ngenxa yokukhanyiseleka nokuholwa okuvela Kuwe okungenze ngabona ukuthi bengicabangisa okomntwana futhi nginobuthutha kangakanani ngokuthi ngicabange ukuthi ngikwazi ukukhuluma ngokuqondile nokunembile ngincike kweyami imvelo futhi ngincike kokwami ukubekezela! Ukuba bengikwazi ukuzigabisa ngokuzidla okungaka, nangokungazi bekuveza ngokusobala ukuthi bengingazi ukuthi ngingcoliswe ngokunzulu kangakanani nguSathane. Kusukela namhlanje, ngifisa ukufaka umfutho othe xaxa ukufuna iqiniso, ukungagodli mandla ami lapho ngizama ukushintsha isimo sami, ukuzejwayeza ukubona abantu nezinto ngokuhambisana namazwi kaNkulunkulu, kanye nokuzama ngokusemandleni ukuba kungekudala ngibe umuntu othembekile okhuluma ngokuqondile futhi osebenza ngokuzinikela.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukuzalwa Kabusha

UYang Zheng Esifundazweni SaseHeilongjiang Ngazalelwa emndenini ompofu wasemaphandleni owawusemuva ngokucabanga. Ngangizidla kusukela...

Angikulungele Ukubona UKristu

UHuanbao Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp