Umoya Wokuqhosha Ngaphambi Kokuwa

March 06, 2018

UBaixue Edolobheni LaseShenyang

Ngenxa yesidingo somsebenzi, ngadluliselwa kwenye indawo yokusebenza. Ngaleso sikhathi, nganginokubonga okukhulu kuNkulunkulu. Ngezwa sengathi kuningi kakhulu lapho ngangisilele khona, kodwa ngokuphakanyiswa nguNkulunkulu kwezulu, nganikezwa ithuba lokugcwalisa umsebenzi wami endaweni yokusebenza emangalisayo. Ngenza isifungo kuNkulunkulu enhliziyweni yami: Ngangizokwenza konke enginamandla okukwenza ukuze ngibuyisele kuNkulunkulu.

Noma kunjalo, emva kokuba sengifikile, ngathola izihibe eziningi endleleni okwakwenziwa ngayo umsebenzi. Ngenxa yalokho, ngakubeka emahlombe ami ukuba ngiqale ngihlole umsebenzi ngamunye owenziwayo. Ngenkathi ngenza ukuhlola kwami, ngangizicabangela ngithi: “Kodwa kwenzeke kanjani ukuba kube khona umsebenzi owenzekayo uma kwenziwa ngale ndlela? Awukho nowodwa umsebenzi owawuphathwe ngendlela! Ngangicabanga ukuthi umsebenzi owenziwa lapha ubuzobe wenziwa ngokuncomekayo! Kodwa ngangingazange ngicabange ukuthi kwakungaba kubi kudlule endleleni okwakwenziwa ngayo endaweni engangivela kuyona. Manje njengoba sengilapha, kufanele konke kwenziwe ngendlela, isinyathelo ngesinyathelo, njengokuhlelwa komsebenzi. Ngizohola bonke abafowethu nodadewethu ukuze bangene ekuphileni.” Ngenxa yalokhu, ngahlangana nengisebenza nabo, ngaqala ukuhlela ingxenye ngayinye yomsebenzi, ngixhumana nabo, ngihlela, futhi ngenza izinhlelo. Kukhona konke ukuxhumana kwami nabo, esikhathini esiningi ngaveza imizwa yami yeqiniso, “Izinga lomsebenzi lapha liphansi kakhulu. Umsebenzi wami wangaphambilini ubungefani nalona wenu njengamanje. Emsebenzini wami wangaphambilini, ngaso sonke isikhathi besingamela umsebenzi ngendlela ethile, ngaso sonke isikhathi besisebenza ngale ndlela nale ndlela. Besimlalela uNkulunkulu….” Emva kwale mihlangano, abanye engisebenza nabo babeye bathi: “Uqinisile! Besingakawenzi umsebenzi weqophelo elifanele. Kodwa manje, kudingeka siqale kabusha bese senza umsebenzi wethu njengokwezimfuno zikaNkulunkulu.” Abanye babeye bathi: “Siyabonga ngokukhuluma nathi kanye nangezinhlelo ozenzile namhlanje. Kungenjalo, ukunganaki kwethu izinyathelo zokuphepha bekungaba yingozi kakhulu.” Ngithe uma ngizwa la mazwi, ngajabula kakhulu. Ngezwa ukuthi ngempela ngangiqinile kunomphathi wabo wangaphambilini. Ngaba nokuziqhenya, kodwa ngangiba nalowaya muzwa wokushaywa ngunembeza: Ingabe impela kwakulungile ukuba ngikhulume kanjalo? Kungani ngangihlala ngithi indawo yomsebenzi wami yangaphambilini yayingcono? Kodwa ngakolunye uhlangothi, ngacabanga ngathi: Yini engalungile lapho ngisho lokho? Ngangizama nje ukubafundisa ukwenza umsebenzi ongcono. Ngale ndlela, angizange ngilandele ukufunzelela kukaMoya oNgcwele ukuze ngizihlole. EBhayibhelini, incwadi yezAga ithi, “Ukuzidla kwandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa” (IzAga 16:18). Ngithe nje lapho ngiziphonsa emsebenzini wami ngekhanda nginamathemba amakhulu, ngezwa ukuthi, enhliziyweni yami, ngangiqhelelana noNkulunkulu. Akugcinanga nje ngokuthi umsebenzi wami ungafinyeleli ezingeni, kodwa nokusebenza ngokuyimpumelelo kwevangeli lethu kwasuka kokudlondlobele kwehla ngesivinini. Ngangena esimweni esibuhlungu kakhulu, kodwa ngingenasiqiniseko sokuthi yini engangingayenzanga ngendlela. Ngakho, ngaya phambi kukaNkulunkulu ngomkhuleko ngifuna ngokuzimisela ukuholwa. Ngalesi sikhathi, ngakhumbula isiqephu esivela entshumayelweni: “Ukuba ngumholi osebenzela uNkulunkulu, kufanele ube nezimiso noma ngabe kwenzenjani, usadinga ukufakaza futhi uphakamise uNkulunkulu. Ukhulume kuphela lokho okuqondayo, uphakamise futhi ufakaze ngoNkulunkulu ngakho konke ongakwenza, futhi kungenzeki nakanjani ukuba uziphakamise futhi uvumele abanye abantu bakukhonze. Lo umgomo wokuqala nobaluleke kakhulu okufanele uwulandele” (Ukuhlanganyela Okuvela Kongaphezulu). Izinyembezi zagobhoza ebusweni bami. Ukuzisola, isazela kanye nokubonga kwaphuphuma enhliziyweni yami ngesikhathi esisodwa. Ngakhumbula konke engangiye ngakusho kwengisebenza nabo ngase ngizizwa ngingafanelekile ukuphakanyiswa nguNkulunkulu. Ibandla lalingihlelele ukuba ngize lapha ngizokwenza umsebenzi wami ukuze ngiphakamise futhi ngibe ngufakazi ngoNkulunkulu, ngihole abafowethu nodadewethu phambi kukaNkulunkulu, futhi ngibasize ukuze bamazi Yena. Kodwa kunalokho, ngafike ngazazisa ngokungahlonizi, ngaziphakamisa, ngaphakamisa okwami ukwazi, futhi ngazakhela udumo mina. Ngakwenza lokho ukuze abanye bangithathele phezulu futhi bangikhonze. Nganginokuzazi. Ngaphakamisa igama lami ukuze ngizakhele udumo ngicashe ngokuthanda nokwenelisa uNkulunkulu. Ingabe umuntu ongcole kanje ufanelekile ukusebenzela uNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi umsebenzi womuntu onje ubusiswe uNkulunkulu? Engangikwenza nje kwakuwukulwela udumo nesikhundla; ngangihamba indlela yomphikukristu, ngangenza ngokusobala ukwedelela uNkulunkulu, ngizondwa ngempela nguNkulunkulu. Ngenkathi ngilokhu ngicabanga ngakho, ngaba nokuzenyanya ngase ngizendlala ngokuzisola phambi kukaNkulunkulu, ngase ngikhala kuYena, “O Nkulunkulu! Ngiyabonga ngokusola nokwahlulela Kwakho okungiphaphamisile, kwangivumela ukuba ngazi ukubona imvelo yami yobusathane. Uphinde wangambulela indlela umsebenzi wami owawubheke ngakuyo, ukungisiza ngiqonde ukuthi kwakungokuba ngikuphakamise futhi ngifakaze Ngawe kuphela okwakungenza umsebenzi wami ulandele inhliziyo Yakho. Ukukuphakamisa nokufakaza Ngawe kuphela okuzokunikeza udumo. Lowo ngumsebenzi wami njengesidalwa soMdali. O, Nkulunkulu! Kusukela manje kuya phambili, ngiyafunga ukuzihlolisisa inhliziyo nezinjongo zami ngaphambi kokukhuluma noma ukwenza, ngiqaphele ukukuphakamisaa Wena kanye nokufakaza Ngawe, ngiholela abafowethu nodadewethu ekukwazini Wena, kanye nokududuza inhliziyo Yakho ngokuba ngibe umuntu ophethe iqiniso nobuntu.”

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ngajabulela Idili Elicebile

UXinwei Esifundazweni SaseZhejiang UJune 25 no-26, 2012 waba yizinsuku ezingalibaleki. Isifunda sethu savelelwa isehlakalo esikhulu,...

Ukwahlulela Kungukukhanya

UZhao Xia Esifundazweni saseShandong Igama lami nginguZhao Xia. Ngazalelwa emndenini ojwayelekile. Ngenxa yezisho ezifana nalezi “Umuntu...

Sithinte nge-Whatsapp