Emva Kokulahlekelwa Yisikhundla Sami

March 06, 2018

UHuimin Edolobheni LaseJiaozuo, Esifundazweni SaseHenan

Njalo lapho ngibona noma ngizwa ngomuntu osusiwe esikhundleni njengomholi futhi esezizwa edangele, ebuthakathaka noma ecasukile, ngangiye ngimbukele phansi. Ngangicabanga ukuthi akwehlukile nje kubantu abahlukene ababenemisebenzi ehlukene ebandleni, ukuthi kwakungekho mehluko phakathi kwezinga eliphezulu noma eliphansi, ukuthi sonke sasiyizidalwa zikaNkulunkulu futhi kwakungekho lutho olwalungasenza sizizwe sidangele. Ngakho-ke noma ngabe nganginakekela amakholwa amasha noma ngihola isifunda, ngangingakaze ngicabange ukuthi ngigxile kakhulu esikhundleni sami, ukuthi ngangiyilolo hlobo lomuntu. Ngangingasoze ngicabange eminyakeni engaba yisigidi ukuthi ngangizobonisa ukuziphatha okuyihlazo kanjalo lapho mina ngikhishwa esikhundleni ...

Njengoba umsebenzi wami wawungakalethi imiphumela esikhathini eside, umholi wami wangishintshanisa nomunye. Ngaleso sikhathi, ngacabanga ngathi yize noma izinga lami lalingelona elokuba umholi wesifunda, kodwa nakanjani kusafanele ngivunyelwe ukuba ngenze umsebenzi wokunisela noma ukubheka umsebenzi. Ngangingakaze ngikulindele ukuba umholi wami angithume ukuba ngibheke ukuqhutshwa kwezinqubo ezijwayelekile. Ngethuka-ke, uma ngicabanga ngomholi wesifunda onesithunzi njengami namhlanje sengithunywa ukwenza imisebenzana engatheni, kanye nokuthi noma ngubani ebandleni owayekwazi ukugijima noma owayenokuhlakanipha okuncanyana wayengawenza lo msebenzi. Ingabe ukuthuma mina ukuba ngenze lo msebenzi kwakungekona ukuchitha amathalente ami okusobala? Kodwa ngayigodla imizwa nemicabango yami, ngesaba ukuthi odadewethu babezothi angilaleli, nokuthi nganginake isikhundla sami. Kodwa ngithe uma ngifika ekhaya, ngalala ngathu cu embhedeni ngazizwa ngihlukumezekile. Imicabango yokungabi nasikhundla kusukela manje kanye nokuthi odadewethu nabafowethu babezongibuka kanjani manje yagcwala ingqondo yami. Futhi ukunginika umsebenzi wokuthunywa—kodwa ngangiyophinda ngiluthole kanjani olunye usuku lwami? Uma ngiqhubeka ngicabanga ngalokhu, ngaya ngokuya ngizizwa ngikhathazeke ngokwengeziwe.

Emva kwezinsuku ezimbalwa, ngabona udade owayengihlelele lo msebenzi. Ngithe nje lapho ngimbona, wahlanganyela nami, wathi, “Ukwenza lo msebenzi kubukeka kulula, kodwa kusafanele wenziwe ngokuzinikela,” wabe eseqhubeka ekhuluma ngeqiniso lezinto ezifana nobuhlakani nokulalela. Ngavungazela ngokungangazinikeli, ngenkathi inhliziyo yami injengomlilo ovuthayo, ngicabanga, “Unginika ukuhlanganyela? Sengathi angazi lutho! Akumina na ebenginika wena ukuhlanganyela ekuqaleni? Manje usutshela mina?” Akukho nelilodwa igama owayelihlanganyela udadewethu elazika; kunalokho ngacasukela ukukhuluma kwakhe okungapheli. Ekugcineni ngathi ngokungabi nasineke, “Kukhona okunye? Uma kungekho, sengiyahamba!” Ngithe uma sengibuyile, ngalokhu ngizibuza ukuthi kungani nganginomoya onje kudadewethu. Ukube isikhundla sakhe besilokhu siphakeme kunesami noma silingana, ingabe bengizomphatha ngale ndlela? Cha, bengingeke. Bengingeke neze! Akukhona ukuthi ngangilokhu ngiwumholi wakhe, manje nangu sekunguye osengikhombisa izinto ezangishiya ngingagculisekile? Ingabe lokhu kwakungakhombisi ukuthi ngangibuswa yimicabango yesikhundla? Ngavele ngokushesha ngezwa ngiphatheke kabi ngokuziphatha kwami okuyihlazo futhi amazwi kaNkulunkulu okwahlulela angifikela: “Uma ufuna ngokwengeziwe ngale ndlela, uzovuna kancane ngokwengeziwe. Uma umuntu elangazelela isikhundla ngokwengeziwe, kuzobhekanwa naye futhi acwengisiswe ngokwengeziwe. Abantu abanjalo abanamsebenzi walutho! Kumele kubhekanwe nabo futhi bahlulelwe ngokufanele ukuze bakwazi ukudedela lezi zinto ngokuphelele. Uma ufuna ngale ndlela kuze kube sekugcineni, awuzukuvuna lutho. Labo abangafuni ukuphila ngeke bakwazi ukuguqulwa, futhi labo abangalomeli iqiniso ngeke balithole iqiniso. Awugxili ekufuneni ukuguqulwa komuntu kanye nokungena, kodwa ugxila ezifisweni eziyihaba nasezintweni ezivimba ukuthanda kwakho uNkulunkulu futhi ezikuvimba ekusondeleni Kuye. Ingabe lezo zinto zingakwazi ukukuguqula? Zingakwazi ukukuletha embusweni? Uma inhloso yokufuna kwakho kungeyona eyokufuna iqiniso, ungasebenzisa leli thuba ubuyele emhlabeni ukuze ulifune. Ukuchitha isikhathi sakho ngale ndlela ngempela akunasidingo—uzihlukumezelani?(“Kungani Ungazimisele Ukuba Yisiqhathaniso?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngibuka amazwi kaNkulunkulu futhi ngizicabanga, ngabona ukuthi engangikufuna kwakungelona iqiniso nhlobo, futhi ngangingafuni ukwenelisa uNkulunkulu, kodwa kunalokho kwakuwudumo, inzuzo kanye nesikhundla. Ngesikhundla, ukuzethemba kwami kwakuphindaphindwa kayikhulu; ngaphandle kwaso, ngangicasuka futhi ngidikibale kangangokuthi ngangingabi nagqozi lokusebenza. Impela isikhundla sami sasingisanganisa, ngiphithizela ngizikhathaza usuku lonke ngalezi zinto ezingenamsebenzi nezingabalulekile futhi ngichitha isikhathi esiningi kangaka; futhi kwangizuzelani ekugcineni? Ukuziphatha okuyihlazo engikukhombise namhlanje? Uma ngicabanga ngakho konke uNkulunkulu ayengenzele khona, angizange ngigcine ngokungayiduduzi kuphela inhliziyo kaNkulunkulu ngokungethemba ayengikhombise khona, esikhundleni salokho, ngacasukela nomsebenzi ayengiphathise wona ngawubona njengophansi kakhulu futhi ngangangafuna ukuwenza. Ngakho ngangiphila ngokukanembeza wami? Ngambonga uNkulunkulu ngokudalula Kwakhe okwangivumela ukuba ngibone ihlazo lokufuna kwami udumo lwami, inzuzo kanye nesikhundla, kanye nokubona ukuthi ngangibe nokuziphakamisa okukhulu, ngazikhukhumeza futhi ngabeka ukubaluleka okukhulu ngokwedlulele esikhundleni. Kwase kufika iculo engqondweni yami: “O Nkulunkulu! Noma nginesikhundla noma ngingenaso, manje ngiyazazi. Uma isikhundla sami siphezulu, Nguwe ongiphakamisile; uma isikhundla sami siphansi, kunjengokufisa Kwakho. Konke kusezandleni Zakho; akukho ezandleni zami. Ngidinga kuphela ukulalela ngokugcwele phansi kokubusa Kwakho, ngoba konke kunjengoba kufisa Wena. … Ngisebenzise, ngiyisidalwa Sakho. Uma ungenza ngiphelele, ngiseyisidalwa Sakho. Uma ungangenzi ngiphelele, ngiyolokhu ngikuthanda, ngoba ngiyisidalwa Sakho kuphela(“Ngiyisidalwa Sakho Esincinyane Kuphela” kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha). Ngalicula ngiliphindaphinda leli culo, izinyembezi ziphophoza emehlweni ami, futhi ngeza ngazokhuleka phambi kukaNkulunkulu: O Nkulunkulu! Ngenxa yamazwi Akho sengithole ukuqonda izinhloso Zakho. Kungakhathaleki ukuthi isikhundla sami siphakeme noma siphansi, ngiyisidalwa Sakho futhi kufanele ngithobele ngokuphelele izinhlelo ozenzayo, kufanele ngenze konke okusemandleni ukuba ngenze umsebenzi olindeleke ukuba ngiwenze njengesinye sezidalwa Zakho futhi ngingakhethi kulokho ongibekele ukuba ngikwenze. O Nkulunkulu! Ngifisa ukuthobela izinhlelo Zakho, ngibe phambi Kwakho ngisebenza njengenkabi futhi ngibe semuseni Wakho, ngingaphinde ngenze lezi zinto ezingidalela ukuhlupheka noma ezenza ngikulimaze ngenxa yesikhundla. O Nkulunkulu! Ngifisa nje ukuba ubhekane nami futhi ungahlulele nakakhulu, ukuze ungenze ngikwazi ukubeka phansi ukufuna kwami isikhundla, ukudela lezo zinto ezivimbela ukuba ngisondele Kuwe futhi ngikuthande, kanye nokuba ngenze konke okusemandleni ami ukwenza umsebenzi wami ngakho konke ukwethembeka.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Angikulungele Ukubona UKristu

UHuanbao Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp