UNkulunkulu uSomandla wangiholela endleleni yokuthola ukuhlanjululwa

November 06, 2018

UGangqiang e-USA

Ngo-2007, ngenxa yengcindezi eningi empilweni yami ngazifikela ngokwami eSingapore ukuze ngisebenze ngizokwazi ukuziphilisa. Isimo sezulu siyashisa kakhulu unyaka wonke eSingapore, ngakho-ke nsuku zonke ngangijuluka kakhulu uma ngisebenza. Kwakunzima kakhulu kangangokuthi ngahlupheka ngendlela engachazeki futhi ngaphezu kwalokho kwakuyimpilo engajwayelekile zingekho izihlobo nabangani, ngakho ngacabanga ukuthi inesithukuthezi futhi inesidina. Ngolunye usuku ngo-Agasti ngathola ipheshana levangeli uma ngibuya emsebenzini ngiya ekhaya elalifundeka ngale ndlela: “Kodwa uNkulunkulu womusa wonke, osibizele enkazimulweni Yakhe yaphakade ngoKristu uJesu, emva kokuba senihlupheke isikhashana, uyoniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele” (1 Petru 5:10). Ukubona la magama kwanginika umuzwa ofudumele enhliziyweni yami. Emva kwalokho umzalwane wangiletha ebandleni futhi abazalwane bangemukela ngemfudumalo futhi bangipha nokudla okuconsisa amathe. Ngangisebenze ingxenye enkulu yonyaka emva kokusuka ekhaya, futhi imfudumalo yomndeni nokudla okumnandi okuphekiwe kwasekhaya kwakuyinto engayigcina kudala. Njengoba nganginomzwangedwa futhi ngiziphilela ngokungabi nanjongo, izinyembezi ezishisayo zagcwala emehlweni ami futhi ngaleso sikhathi ngaba nomuzwa wokuthi ngangibuyele ekhaya. Kusukela ngaleso sikhathi ibandla kwakuyindawo engangidinga ukuba kuyo njalo ngeSonto.

Ngabhabhadiswa ngoDisemba, futhi ngangenela ngokusemthethweni indlela yokukholelwa eNkosini nokuvuma izono nokuphenduka ezonweni zami. Kwake kwathi, ebandleni, ngezwa umshumayeli efunda esahlukweni 18, amavesi 21-22 NgokukaMathewu “Khona-ke kwasondela uPetru kuye, futhi wathi, Nkosi, umfowethu angone kangaki, futhi ngimthethelela na? kuze kube kasikhombisa na? UJesu wathi kuye, angisho kuwe, Kuze kube kasikhombisa: kodwa, Kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa” Emva kokuzwa lokhu ngazibuza: “Intethelelo nesineke seNkosi uJesu singaba kanjani sikhulu ngale ndlela? Ukuthethelela Kwakhe abantu kungamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. Uma ngabe abantu babekwazi ngempela ukukwenza lokhu kwakuzoba nothando nemfudumalo phakathi kwabantu!” Ngashukumiseka enhliziyweni futhi ngazimisela ukuhamba ngiyokwenza ngokuvumelana nezimfundiso zeNkosi.

Kule minyaka emithathu ngiqale ukukholelwa eNkosini, nganginomdlandla kakhulu wokuya emihlanganweni nokulalela izintshumayelo. Kamuva, umphathi wami wangibeka ukuba ngiphathe isiza sokwakha, ngakho ngasebenzisa ngawo wonke amandla ami emsebezini wami futhi kancane kancane ngayeka ukuya emihlanganweni. Emva kwalokho, ngahlangana nomphathi uMnu. Li, engamaziswa umngani futhi sisebenza ndawonye samisa inkampani yokwakha. Ngangijabulile kakhulu, futhi ngazitshela ukuthi kufanele ngifake umdlandla omkhulu. Ngaleso sikhathi, wawungigwinye wangiqeda umsinga wemali, futhi ngayeka ukuya ebandleni. Ukuze ngenze iphrojekthi iphumelele ukuze abantu bababaze amakhono ami, ngangingenalo uthando noma isineke ngezisebenzi zami futhi kaningi ngangizithethisa, futhi ngaze ngakhalisa nomholi wethimba kaningi ngokumhlukumeza kwami. Zonke izisebenzi zazingibuka ngokwesaba, futhi zazize zingibalekele zizama ukungigwema. Futhi nabantu okwakungabangani bami abahle bangifulathela futhi babengafuni ukuhlephulelana nami ngamazwi ayesezinhliziyweni zabo. Inhliziyo yami yakuthola kunzima ukubekezelela le mpatho! INkosi uJesu yafundisa ukuthi ukuxolela kwethu abanye kumelwe kube kamashumi ayisikhombiswa aphindwe kasikhombisa. Ngangingakaze ngithethelele ngisho nakanye, ngakho ngangingabukeka njengomKristu kanjani? Ngangazi ukuthi lokho engangikwenza kwakungalungile, futhi ngangifuna ukuguquka enhliziyweni yami, kodwa sonke lesi sikhathi ngahlupheka ngokungabi nanjongo. Uma ngangidumele, okuwukuphela kwento engangikwazi ukuyenza ukuthandaza eNkosini futhi ngisho konke okwakusengqondweni yami, futhi kwakusemva kwalokho nje kuphela lapho ngangiba khona nomuzwa othile wokukhululeka.

Ngo-Agasti we-2015, sayeka ukusebenza ngoba inkampani yayingenzi kahle, futhi ngabuyela ekhaya. Ngaleso sikhathi, ngazizwa ngicindezelekile kakhulu, futhi ngangidakwa ngidlale namakhadi usuku lonke. Uma umkami engitshela ukuthi kumele ngiyeke ukuphuza, ngangimhlukumeza kabuhlungu ngokuthi: “Yimali yami, ngiyisebenzele futhi ngizoyisebenzisa ngendlela engifuna ngayo....” Ngamlimaza kabuhlungu, futhi indodakazi yami yayingalokothi iwuthi vu umlomo, kodwa yayimela eceleni ibukele ngokwesaba. Umkami wayengakwazi ukungenza lutho kodwa wayehlala eceleni akhale. Njalo mva kokulimaza umndeni wami ngale ndlela, ngangizisola kodwa ngangingenayo indlela yokuzithiba. Ngalezo zinsuku ngangilahlekelwe isithunzi somKristu ngokuphelele futhi ukuziphatha kwami nezenzo kwakungezomuntu ongakholwa.

Ngesikhathi ngithothongene futhi ngihlupheka, ngabuyela ebandleni futhi. Ngaleso sikhathi, ngangithandaza njalo eNkosini uJesu: “Nkosi! Ngenze izinto eziningi engangingafuni ukuzenza, futhi ngisho izinto eziningi ezibuhlungu ebantwini. Njalo uma ngenza lesi sono, ngazisola. Ngangizinyanya kakhulu, kodwa ngangingakwazi ukuzisiza. Ngathandaza ngavuma izono zami ngaleyo ntambama, kodwa phakathi nosuku ngaphinda izono ezifanayo, futhi ngenxa yalokho ngigcine senginjengomuntu okungekho muntu ofuna ukuzihlanganisa naye. Wonke umuntu uqhelelane nami. O, Nkosi! Ngiyakuncenga ukuba ungisindise. Kumelwe ngenzeni ukuze ngikhululeke ngokuphelele esonweni?”

NgoNcibijane we-2016, nganyathela emhlabathini waseMelika, ukuze ngiyosebenza eNew York. Emva nje kwalokho, ngaya esontweni ukuze ngihlanganyele ezifundweni zesonto, futhi kwakuyilapho ngahlangana khona noMzalwane uQing Lian. Ngolunye usuku, uMzalwane uQing Lian wangishayela ucingo ethi kunezindaba ezimnandi ayefuna ukungitshela zona. Ngathi, “Zithini lezo zindaba?” Wathi, “Kunomvangeli ofikile lapha. Ingabe uyafuna ukumuzwa ekhuluma?” Ngathi, “Kwakuhle! Ukuphi?” Wabe esehlela isikhathi sokuba ngiye emzini wakhe.

Ngosuku esasiluhlelile, ngaya endlini kaMzalwane uQing Lian. Futhi uMzalwane Zhao wayekhona naye ngokufanayo. Ngababona basebenzisa umabonakude ukuze badlale ingxenye yenkulumo: “Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni.… Isimo somuntu kufanele siguquke ukusuka ekuzazini yena uqobo nasekuguqukeni kokucabanga kwakhe, imvelo, nesimo sengqondo—ngezinguquko eziqavile. Kungale ndlela kuphela lapho izinguquko zempela zingaba khona esimweni somuntu. Isimo esonakele somuntu sisuka ekufakelweni ubuthi nokunyathelwa nguSathane, ekulinyazweni okumangalisayo nguSathane emicabangweni, ekuziphatheni, ekuboneni, nasemqondweni wakhe. Kungenxa kanye yokuthi lezi zinto zomuntu eziyisisekelo zoniwe uSathane, futhi azifani nendlela uNkulunkulu azidala ngayo ekuqaleni, ukuthi umuntu aphikisane noNkulunkulu angaliqondi iqiniso. Ngalokho, izinguquko esimweni somuntu kufanele ziqale ngezinguquko ekucabangeni, olwazini nasemqondweni wakhe okuyoguqula ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu nolwazi lwakhe lweqiniso(“Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngathinteka kakhulu emva kokuzwa la mazwi “Ingabe abakhulumi ngami? Ngangibabukela phansi abanye njalo, ngizama ukubafundisa lokhu noma ngibaqalekisele lokhuya, ngaphandle kokulunga kwenhliziyo noma isizathu, futhi ngalahlekelwa isithunzi sabantu abangcwele.” Lamazwi angihlaba afinyelela ekujuleni kwami. Bengingakaze ngaphambilini ngifunde amazwi anjengalawa noma ngizwe umshumayeli ekhuluma ngale ndlela. Sonke lesi sikhathi bengicindezelekile ngenxa yokwenza izono, kodwa angikwazanga ukugqashula ekulawulweni isono. La mazwi angikhombisa indlela yokushiya isono emuva, futhi yayingajwayelekile kimi: La mazwi ayekhulunywe kahle kakhulu, kodwa ayebhalwe ngubani?

Umzalwane Zhao wangitshela ukuthi leli yizwi likaNkulunkulu, nokuthi iNkosi uJesu yayibuyile kakade enyameni, yenza umsebenzi wokwahlulela nokuhlanza abantu ngezwi Layo ezinsukwini zokugcina. Uma ngizwa lezi zindaba, angizikholwanga izindlebe zami. Ubani emakholweni eNkosi ongakulindele ukubuya Kwakhe? Manje ngangizwa izindaba zokubuya kweNkosi ngibe ngingalindele, futhi ngabamba ongezansi: Ingabe iNkosi ibuyile ngempela? Kwadingeka ukuba ngithole abazalwane ngokushesha ukuze bahlanganyele nami kule ndaba. Umzalwane uZhao wathi. “INkosi uJesu ibuyile ngempela, futhi unguNkulunkulu uSomandla esimweni senyama. Ukhulume iqiniso ngokuhlanza nokusindisa abantu, futhi uqalile ukuwenza umsebenzi wokwahlulela eqala ngendlu kaNkulunkulu. Umgomo Wakhe ukusisindisa ngokuphelele egunyeni likaSathane nokuthi sibe ngabatholwe uNkulunkulu. ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu iqede umsebenzi wokuhlengwa, isihlenga esonweni, yahlambulula izono zethu ukuze singalahlwa ngaphansi komthetho, kodwa akasisusanga isimo sethu sesono. Sonke siyakwazi ukufunda ezintweni ezenzekile, ukuthi nakuba iNkosi izihlambululile izono zethu, sisahlushwa amaketanga esimo sethu sesono. Siyona kaningi futhi sithukuthelise iNkosi, futhi ayikho indlela yokuba sigqashule ekulawulweni yisono. Esikhathini esidlule, sasingazi ukuthi kungani kungale ndlela, futhi kwakungenxa yokufunda izwi likaNkulunkulu uSomandla ukuba sazi. Emva kokuba sonakaliswe nguSathane, sasigcwele isimo sokonakala sikaSathane kakade, isidalwa esizidlayo, esiziqhayisayo, esiyisigwegwe, esikhohlisayo, esizicabangela sona, esinyanyekayo, esiyigovu, esinenzondo, njalo-njalo. Belawulwa yilezi zimo ezonakele, abantu bayalwa futhi bakhelane uzungu futhi baphikisane ngenxa yengcebo nodumo, futhi abakwazi ukuhlala ngokuthula; benza izono kaningi futhi bamelane noNkulunkulu. Ukuze asindise abantu ngokuphelele esonweni, umuntu usadinga ukuba uNkulunkulu aze azokwenza umsebenzi wokususa isimo somuntu sesono, futhi kulapho kuphela sizokwazi ukuhlanjululwa, sisindiswe, sitholwe uNkulunkulu. Emva kokufunda ezinye izingxenye zezwi likaNkulunkulu uSomandla, sizoqondisisa.” UMzalwane Zhao wavula incwadi yezwi likaNkulunkulu futhi waqala ukufunda: “Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele…(“Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele(“Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu; akasisusanga isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane(“Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni). “Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele(“Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

UMzalwane Zhao wahlanganyela ngale ndlela: Emva kokuba sifunde amazwi kaNkulunkulu kuyasicacela, akunjalo? Nakuba sikholelwe eNkosini iminyaka eminingi, asikwazi ukugqashula ekuboshweni yisono. Isizathu ukuthi ngeNkathi Yomusa uNkulunkulu wenza umsebenzi wokusihlenga kuphela, kodwa hhayi umsebenzi wokuqeda isono. Ngakho kungakhathaleki ukuthi sizivuma kangakanani izono futhi siphenduke, futhi sizinqobe thina, noma sizile futhi sithandaze, asinakukwazi ukufinyelela esimweni sokungoni. Lokhu kusho ukuthi uma sifuna ukugqashula ekuboshweni yisimo sethu sokona, ukubona umsebenzi weNkosi uJesu wokusihlenga kuphela akwanele. Sidinga ukwamukela umsebenzi wokwahlulela owenziwa yiNkosi uJesu ebuyile ngoba wumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela kuphela ongabonakalisa umsuka wezono ezenziwa ngabantu ubonise nendlela yokugqashula esimweni sabo sokona neyokuzuza ubumsulwa. Uma senza nokuvumelana nalokho uNkulunkulu akushoyo namuhla, isimo esonakele esikithi sizohlanjululwa kancane kancane, futhi sizogqashula ekuboshweni yisono, futhi kuyilapho kuphela singathola ukukhululwa kwangempela nenkululeko. Ngakho “inhlawulo yesono” eNkathini Yomusa “nokususa isono” kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina yimisebenzi emibili engafani. “Ukuhlawulela isono” kwakumane kuyiNkosi uJesu imelela izono zabantu, futhi ikhulule abantu esijezisweni okwakufanele bajeziswe ngaso uma benza izono. Kodwa akusho ukuthi abantu abanaso isono, noma ukuthi abantu abasenakuzenza izono futhi bazohlanjululwa ngokuphelele. Kunalokho, “ukususwa kwesono” kusho ukususa umthombo wabantu abenza izono, bebangelwa ukuba bangasoni futhi bafinyelele kwinguquko esimweni sabo sempilo, futhi bahlanzwe ngokuphelele. Ngakho, singathola insindiso ngokwamukela umsebenzi wokwahlulela kukaNkulunkulu kuphela ngezinsuku zokugcina, silethwe embusweni kaNkulunkulu, futhi sithole isithembiso nesibusiso sikaNkulunkulu.

Emva kokuzwa izwi likaNkulunkulu nalokho abazalwane ababekuhlanganyela, ngezwa sengathi kuhambisana eduze neqiniso futhi kungokoqobo. Ngicabanga ngayo yonke le minyaka lapho ngangiqhosha futhi ngingavinjwa yilutho khona, abantu engangisebenza nabo bengesaba futhi beziqhelelanisa nami, umkami nendodakazi yami ekhaya nabo bengesaba, kungekho muntu ofuna ukuba umngani wami. Angikwazi ngisho nokuthola umuntu engingamthululela isifuba, futhi ngezwa umuzwa ojulile wobuhlungu nokuthi ngangiyisehluleki njengomuntu. Ngangizizonda kodwa ngingenayo indlela yokuguquka. Siyayidinga ngempela iNkosi uJesu ukuba ibuye izokwenza umsebenzi wensindiso nokusihlanza. Ukuzwa namuhla ngeNkosi uJesu ebuyayo ukuze izwakalise iqiniso futhi yenze nomsebenzi wokwahlulela nokuguqula abantu, nganginenhlanhla ngempela. Ngalolo suku, uma ngisuka ngiya ekhaya, umzalwane wanginika ikhophi yencwadi yezwi likaNkulunkulu ethi “Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa izwi likaNkulunkulu.” futhi wathi ekuqaleni wayephila esonweni futhi wayehluleka ukuzikhipha kuzo njengami. Kamuva, emva kokuba efunde amazwi kule ncwadi, wayithola ekugcineni indlela yokwenza. Ngayithatha ngenjabulo incwadi futhi ngazimisela ukuba nokholo oluhle kuNkulunkulu uSomandla!

Kusukela ngamukele umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina, ngifunda kakhulu ngezwi likaNkulunkulu, futhi kancane kancane ngaqondisisa ngezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, imfihlakalo kaNkulunkulu esimweni somuntu, incazelo yamagama kaNkulunkulu, iqiniso ngeBhayibheli, nezinye izingxenye, futhi ngaba nokholo olungcono kuNkulunkulu. Ngithe ngisanda kuqala, ngezwa ubuhlungu obukhulu enhliziyweni uma ngifunda amazwi okuthi uNkulunkulu wahlulela isimo sabantu sobusathane. Ngangisasenemicabango phakathi kwami, futhi ngicabanga ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ngolunya. Kamuva, ngafunda ezwini likaNkulunkulu: “Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu(“UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Kufezwa ngani ukupheleliswa komuntu kuNkulunkulu? Ngesimo saKhe sokulunga. Isimo sikaNkulunkulu ekuqaleni senziwe ukulunga, ulaka, ubukhosi, ukwahlulela, kanye nokuqalekisa, kanti nokuphelelisa kwaKhe umuntu kwenzeka ngokwahlulelwa. Abanye abantu abaqondi, babuza ukuthi kungani uNkulunkulu ekwazi ukwenza umuntu apheleliswe ngokwahlulela nokuqalekisa. Bathi, ‘Uma uNkulunkulu engaqalekisa umuntu, ngeke umuntu afe? Uma uNkulunkulu engahlulela umuntu, ngeke alahlwe? Pho usengenziwa kanjani aphelele?’ Amazwi anjengalawa ashiwo ngabantu abangawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Into eqalekiswa uNkulunkulu ukungalaleli komuntu, futhi into ayahlulelayo Yena yizono zomuntu. Yize noma ekhuluma amagama ahlabayo, futhi ngaphandle kozwelo noluncane, uveza konke lokho okungaphakathi kumuntu, futhi ngenxa yalawa mazwi ahlabayo Wambula okusemqoka okungaphakathi kumuntu, kodwa ngokwahlulela okunjenga lokhu, unikeza umuntu ulwazi olujulile lomongo wenyama, futhi ngaleyo ndlela umuntu uzinikela ekuzithobeni phambi kukaNkulunkulu. Inyama yomuntu yenziwe ngesono, kanti ekaSathane, ayilaleli, nokuyilokho uNkulunkulu akusolayo—ngakho-ke, ukuvumela umuntu azazi, amazwi okwahlulela kukaNkulunkulu kufanele amfikele futhi kumele kusetshenziswe lonke uhlobo lokucwenga; yilapho kuphela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uzosebenza ngempumelelo(“Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngaqonda ezwini likaNkulunkulu ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina usebenzisa iqiniso lelo umuntu angenalo nakancane ukuze abonise ukuhlubuka kwabantu nokonakala nokuhlaziya ukukhuluma kwabantu nokuziphatha. Kungenxa yokwembula, ukubhekana kanye nokuhlunga kukaNkulunkulu kwesikhathi eside kuphela, lapho bengakwazi ukwazi isimo sabo esonakele nesimo esidingekayo kancane kancane, nokubona ngokucacile imikhuba yabo eyonakele nemibi, futhi bakwazi ukufinyelela esimweni sokuzizonda bese bayaziguqula. Uma ngabe uNkulunkulu wayengasebenzi ngale ndlela, ngangingezukusazi isimo sami esonakele, ngakho ngingagqashula kanjani esimweni sami sesono futhi ngithole ukuhlanzwa na? Njengoba ngangiqhubeka ngifunda izwi likaNkulunkulu, ngaqhubeka ngizwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela wawumuhle kakhulu. Izwi likaNkulunkulu ngempela liyakwazi ukuhlanza, liguqule, futhi lisindise abantu.

Kanye, emhlanganweni, uma ngihlephula ngokwenzeke kimi lapho ngangivame ukusebenzisa amazwi anjengokuthi “ngicabanga,” nokuthi “nakhu engikucabangayo,” umzalwane wangibonisa ukuthi lo mkhuba endleleni yokukhuluma kwami wawubonakalisa ukuziqhayisa. Uma ngabe omunye umuntu wangidalula ngale ndlela ngaphambilini, ngangizoqophisana naye futhi ngimphikise ngokushesha. Kodwa ngaleso sikhathi, ngakhetha ukuthula ngaphandle kokuphikisa nokuzithethelela, ngoba ngacabanga ngamazwi encwadi ethi “Izintshumayelo Nokuhlanganyela Ekungeneni Ekuphileni”: “Uma njalo uthi 'ngicabanga' uma kuziwa kunoma iyiphi indaba ohlangana nayo, kungaba kuhle kakhulu ukuthi uyeke imibono yakho. Ngiyakuncenga ukuba uyeke imibono yakho futhi ufune iqiniso. Hlolisisa amazwi kaNkulunkulu. ‘Umbono’ wakho akulona iqiniso! … Uyaziqhayisa kakhulu futhi uzibona ulungile kakhulu! Uma ubhekene neqiniso awunakukwazi ngisho ukuyeka nokuphika imicabango yakho nokuzikhohlisa. Awufuni ukulalela uNkulunkulu nakancane! Kulabo abafuna iqiniso ngempela nabanenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu ngempela, ngubani osathi ‘ngicabanga’? Le nkulumo isisusiwe kakade. Lokhu ukubonakaliswa kwesimo sobusathane” Ngakho ngezwa sengathi lokho lomzalwane ayesanda kukusho kwakunembile, futhi nganginenazizathi zokukuphikisa. Lokhu umuntu acabanga ukuthi kuyiqiniso akunakuthatha indawo yeqiniso. Noma yikuphi lokho umuntu akucabangayo kuvela kuSathane. Uma umuntu othile esebenzisa igama elithi “mina” ekuqaleni kwalokho akushoyo, lesi isimo sokungabi naNkulunkulu enhliziyweni yakhe, futhi lolu uphawu lokungamhloniphi uNkulunkulu. Yeka ukuthi ngangiziqhayisa kanjani ngokucabanga kanjalo ngaso sonke isikhathi!

Kamuva, ngafunda ingxenye ethile encwadini ethi “Izintshumayelo Nokuhlanganyela Ekungeneni Ekuphileni” eyayithi: “Abantu baqala ukuqhosha emva kokuthola impahla ethile. Uma umuntu engowohlobo oluhle futhi enekhono elisezingeni elithile, uzocabanga athi, 'Ngingcono kunabanye abantu.' Ngokwenza kanjalo babonisa isimo sabo sokuqhosha, futhi abanandaba nomunye umuntu. Lokhu kujwayelekile, ngoba banekhono futhi bayakwazi. Uma babezazi ngempela, babezocabanga ukuthi bebengezuthengwa ngisho nangopeni. Babezoziqhayisa ngani ngempela? Ucabanga ukuthi akuyona into angaziqhayisa ngayo futhi akanayo impahla yokuziqhayisa ngayo, ngakho akanakuziqhayisa. Ingabe akunjalo? Kunabanye abantu abacabanga ukuthi bangcono kunabanye abantu, nokuthi bayakwazi ukuqonda noma iyiphi indaba ngokucacile, ngakho yini ezokwenzeka ngolunye usuku? Uma bevelelwa yisithiyo esikhulu, futhi bethotshiswa ukwehluleka, ingabe basazokwazi ukuqhosha? Bazozizwa sengathi abakwazi ukuphakamisa ikhanda labo, bengalokothi bafune ukubonwa ngumuntu. Ngakho uma laba bantu abanesimo sokuqhosha nokuzidla behlangabezana nokwehluleka noma bethotshiswa izikhathi eziningana, noma kusetshenzelwana nabo futhi bephoxwa izikhathi eziningana, isimo sabo sokuqhosha sizoxazululeka ngokwemvelo. Bonke abantu baphetha ngale ndlela. Ngokubona ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, ngokuhlungwa nokusetshenzwa, ngokuyalwa nguMoya oNgcwele, nangangokuhlushwa ukwehluleka nokudumazeka, abantu bazothembeka ngisho nakakhulu. Ukuqhosha kwabo kuzoncipha kancane kancane, futhi abasenakuzibona belunge kakhulu. Ngisho noma beqonda okuthile kahle, basazofuna iqiniso ngakho, bafuna imibono yabanye abantu, ukuze baxwaye ukwenza iphutha. Yonke lena yimiphumela okufinyelelwa kuyo ngesahlulelo nokusola kukaNkulunkulu. Ngakho ngisho noma bangaqhosha futhi bazibone belunge kangakanani, ungesabi, futhi ungakhathazeki. Uma nje ubona ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, futhi wamukela ukuhlungwa nokusetshenzwa, ikakhulukazi isiyalo sikaMoya oNgcwele, kancane kancane uzoqala ukushintsha. Akekho umuntu ongakusiza ngalokhu, ngakho kumele uncike ekuthandazeni kuNkulunkulu, nasekufuneni iqiniso, nasekutholeni umsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba uma nje uMoya oNgcwele esebenza kuwe zonke izinkinga zakho ziyoxazululeka.” Le ngxenye yahlanganyelwa ngokujulile kakhulu, futhi yawenza kahle umsebenzi! Ngiyaqaphela ukuthi esikhathini esedlule endaweni yokusebenzela, noma ekhaya, njalo ngangisesikhundleni esiphakeme, ngishumayeza abanye, futhi konke lokhu kwakungenxa yokulawulwa yisimo sokuqhosha sikaSathane. Ngicabanga ukuthi nginekhono, ngiyakwazi ukwenza imali, ngikhangisa ngobudala bami, futhi ngibukela wonke umuntu phansi ngaphandle kokuzibuka mina, futhi ngicabanga ukuthi akekho owayenza izinto kahle kunami, futhi ngizibeka phambili njalo. Emva kokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, ngafunda amazwi amaningi amayelana nokwahlulela kukaNkulunkulu nokwembulwa kwesimo sabantu sokuqhosha, futhi nangalokho abazalwane abakhuluma ngakho emihlanganweni ngaqala ukuba nokusiqonda okuncane isimo sami sokuqhosha. Ngabona ukuthi empeleni ngangingengcono kunanoma ubani, nokuthi ikhono lami nengcebo ngakunikwa nguNkulunkulu, ngakho ngangingenalutho engangingaqhosha ngalo. Ngesikhathi esifanayo, ngathola indlela yokuguqula isimo sami sokuqhosha ezwini likaNkulunkulu, okungukwamukela ukusetshenzwa nokuhlungwa ngabazalwane nakakhulu, ngiziqhathanisa nezwi likaNkulunkulu futhi ngicabanga ngami ngokwengeziwe, ngizuza ulwazi lwangempela ngami nangenzondo yami, futhi ngingasanciki esimweni sobusathane kwengikwenzayo, kodwa ngenza ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu. Ekuboneni ukuhlungwa nokusetshenzwa ngale ndlela izikhathi eziningi, nangalokho engakwazi ngokucabangisisa kwami, isimo sami sokuqhosha saqala ukuguquka kancane kancane.

Kukho ukufunda izwi likaNkulunkulu, nokuphila impilo yebandla njalo, ngazizwa nginenhlanhla ngokwengeziwe ukuthi ngamukele izwi likaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Ebandleni likaNkulunkulu uSomandla, bonke abazalwane bazimisele, futhi baphathana ngobuqotho. Bonke bamsulwa futhi abalukhuni, futhi bakhuluma ngalokho okwenzeke kubo nakwabanye, futhi nanoma isimo sabo esonakele sivezwa, bayakwazi ukucabanga futhi bezazi ngezwi likaNkulunkulu. Ngibonile ukuthi izwi likaNkulunkulu uSomandla liyakwazi ngempela ukuhlanza nokuguqula abantu. UNkulunkulu wakhuluma izwi ngokwaKhe ukuze asiholele ekugqashuleni esonweni nokuthola insindiso, ngakho sibusisiwe ngempela! Uma ngicabanga ngokuthi baningi kangakanani abantu abakholelwa kuNkulunkulu ngobuqotho futhi balinde ngokushisekela ukuba iNkosi uJesu ibuye, futhi balangazelele ukugqashula ezibophweni zesono nokuthola ukuhlanjululwa, ngenza isinqumo ngomkhuleko kuNkulunkulu: Ngizimesele ukusabalalisa ivangeli lombuso kubantu abaningi ngisho nakakhulu, nokubenza ukuba babe njengami, balandele izinyathelo zikaNkulunkulu, futhi bathole insindiso kaNkulunkulu yezinsuku zokugcina.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ngathola Ukukhanya Kweqiniso

UQiuhe eJapan Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika. Kusukela ebuncaneni bami, bengihamba Imisa esontweni nomkhulu nogogo. Ngenxa yomthelela...

Ukuhlangana neNkosi Futhi

UJianding, eMelika Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika, futhi kusukela ngisemncane umama wangifundisa ukufunda iBhayibheli. Ngaleso...

Sithinte nge-Whatsapp