Ukwahlukana Ngokuphelele Nempilo Yakudala

June 17, 2019

UFangfang, eChina

Sonke emndenini wami sikholwa eNkosini uJesu, futhi yize noma ngiyikholwa nje elijwayelekile ubaba wami ungomunye wezisebenzi zebandla. NgoFebhuwari 2004, ngamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina, futhi emva nje kwalokho ngashumayela ivangeli lombuso kudadewethu omncane. Ekuqaleni ngangizofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ngoba ubaba wayengihlomisa ngamanye amazwi namaqiniso kaNkulunkulu. Kodwa ngamangala, ngoba lapho ubaba ezwa ukuthi ngamukele umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina wathukuthela kakhulu ezama ukungiphazamisa nokungivimba ukuba ngenze kanjalo.

Ngokunye ukuhlwa, ubaba wafika endlini yami ethukuthele wathi kimi: “Angikaze ngicabange ukuthi uzosishaya indiva iseluleko sami neseluleko sobuholi bebandla bese uqala ukukholwa kuNyazi LwaseMpumalanga! Kuyokusiza ukuthi uphuthume uphinde uye endaweni yomholi uphenduke. Cela iNkosi ukuba ikuxolele ezonweni zakho.” Ngaphendula: “Baba, ngifunde amazwi amaningi kaNkulunkulu uSomandla futhi ngiyakholwa ngempela ukuthi ayiphimbo likaNkulunkulu. UNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile, futhi ngiqinisekile ngokholo lwami. INkathi Yomusa seyiphelile vele, futhi manje siseNkathini Yombuso. UNkulunkulu ufikile ukwenza umsebenzi omusha futhi ukusiyisa edilini lomshado weWundlu. Akusho yini ukuthi, ‘Labo yilabo abalandela iWundlu lapho liya khona(IsAmbulo 14:4) eBhayibhelini? Ekukholweni kuNkulunkulu uSomandla ngilandela ezinyathelweni zeWundlu...” Kodwa noma ngabe ngangithini kubaba wayengazimisele ukungilalela futhi elokhu egcizelela ukuba angihambise ngiyobonana nomunye wabaholi bebandla. Umyeni wami naye wamlekelela ekucindezeleni. Ubuso bukababa babungitshela ukuthi wayezimisele ngokuphelele ukungibuyisela enkolweni yami yasekuqaleni. Lapho ngibona ukuthi imimoya yayiphezulu, nokuthi isimo sasingase sibe sibi kakhulu, ngangenelwa uvalo nokwesaba. Ngakho-ke ngathandaza ngokuthula kuNkulunkulu ngicela ukuvikelwa nokuqondiswa. Izinto zaba njengalokhu ngangilindele: Ngaphandle kokungivumela ukuthi ngibeke nezwi elilodwa, ubaba wangifaka emotweni yethu ngenkani umyeni wami washayela imoto sonke saqonda endaweni yokuhlangana yebandla lethu. Lapho ngingena esakhiweni futhi ngibona abantu abangama-60 noma abangama-70 belindile khona—kanye nodadewethu omncane, owayelethwe khona ngumamezala wakhe—ngabona ukuthi bonke babehlangene futhi besakhele amacebo sobabili. Wonke umuntu egumbini wayebheke udadewethu nami ngendlela engajwayelekile, futhi abanye babo babesikhomba futhi behlebelana. Omunye wabaholi abaphezulu bebandla wasondela kithi ngokushesha futhi waqala ukusinxusa ukuba siyeke ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla. Khona-ke waqala ukulahla nokuhlambalaza umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ngaphandle kokungabaza. Wabuye wakhuluma amahlebezi amaningi, njengalawa: “Abantu abajoyina uNyazi LwaseMpumalanga ababe besakwazi ukuphuma, noma uma bekwazile ukuphuma basikwa amakhala futhi amehlo abo akopolotwe....” Lawa manga, nokukhuthaza komholi, kwenza ubaba nomkhwekazi kadadewethu bacasuka nakakhulu futhi bathukuthela, futhi basiphoqa ukuba sivale amehlo ngesikhathi umholi esithandazela. Ngangiphikisana kakhulu nalokho ababekwenza, futhi asizange sisho lutho ngenkathi umholi esithandazela. Kodwa amahemuhemu umholi ayesewakhulumile kakade ayengithinte kakhulu.

Lapho ngifika ekhaya, ngangisawezwa lawo mahemuhemu amabi enkenteza ezindlebeni zami futhi ephazamisa ukuthula emphefumulweni wami. Ngangingakwazi ngisho nokugxilisa ingqondo emazwini kaNkulunkulu. Ngacabanga ngokuthi ngangivele sengixhumane noDade uZhang weBandla LikaNkulunkulu USomandla isikhathi esijana nokho nokuthi wayehlale ehloniphekile futhi ekhuluma futhi eziphatha kahle. UDade Zhang futhi wayebonisa uthando oluningi endleleni ayehlanganyela ngayo nathi, futhi engafani neze nalokho okwakushiwo umholi webandla. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi amazwi kaNkulunkulu uSomandla ayeyiqiniso, futhi ayegcwele igunya namandla. Kwakungezona izinto umuntu angazichaza ngakho-ke kufanele ukuthi ayeyizwi likaNkulunkulu. Pho kungani kwakukhona amahemuhemu amaningi kangaka ayesabeka ngeBandla LikaNkulunkulu USomandla? Ngakho-ke ubusuku bonke ngangiphenduka ngiphenduka embhedeni, ngilokhu ngicabanga kuqala ngohlangothi oluhle lukaNkulunkulu uSomandla nohlangothi olubi, ngilokhu ngikuphinda lokhu. Ngakusasa ngangizizwa ngingenangqondo futhi ngikhathele—futhi ngikhathazeke ngendlela engachazeki—futhi ngangingafuni kwenza lutho. Udadewethu omncane wafika kimina, futhi ngokushesha kwacaca ukuthi wayengakwazanga ukumelana nokuhlasela komholi noninazala futhi wayeseyekile ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla futhi manje wayesekhuthaza mina ukuba ngenze okufanayo. Ngathi kuye ngokunengeka: “Dadewethu, ngiyazi ukuthi ukhathazekile, futhi nami ngididekile futhi ngikhathazekile. Kodwa ngicabangile ngale nkinga kakhulu, futhi ngathandaza eNkosini ukuba ingiqondise, ngakho-ke noma ngabe abaholi bathini kukhona into eyodwa esingaba nesiqinisekiso ngayo ukuthi amazwi kaNkulunkulu uSomandla akasoze ashiwo ngumuntu. Nginesiqiniseko sokuthi lawa mazwi yiphimbo likaNkulunkulu. Ngifunde Ukuvulwa KoMqulu YiWundlu izikhathi eziningi, futhi le ncwadi yambula izimfihlakalo zohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ukufunda le ncwadi kwangifundisa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu wenziwa ngezigaba ezintathu, nokuthi umsebenzi wokwahlulela ngamazwi wezinsuku zokugcina ngumsebenzi wokuhlenga abantu ngokuphelele. Umsebenzi wokwahlulela kuphela okwazi ukusenza sigqashuke ngokweqiniso emaketangeni ethu emvelo yesono futhi sithole ukuhlanzwa ukuze sivuselwe embusweni wezulu. Okuqukethwe kule ncwadi kuvumelana ngokuphelele neziphrofetho zeNkosi eBhayibhelini futhi kwambula amaqiniso amaningi angekho eBhayibhelini. NguNkulunkulu kuphela ongazi la maqiniso nezimfihlakalo. Yingakho nginesiqiniseko sokuthi amazwi kaNkulunkulu uSomandla ayiphimbo likaNkulunkulu nokuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile ebesiyilangazelele kakhulu! Dadewethu, ukholo lwethu alulona iphutha. Noma yini oyenzayo, ungayilahli indlela yeqiniso kalula kangaka!” Emva kokuba udadewethu omncane esehambile, ngazizwa ngidangele kakhulu futhi ngacabanga ngathi: “UNkulunkulu uSomandla ngokusobala uyiNkosi uJesu ebuyile. Kuyiqiniso elikhulu futhi kulungile. Pho kungani abaholi bebandla nomndeni wethu bengasivumeli ukuba sikholwe Kuye?” Ngenkathi ngicabanga lokhu nje umakhalekhukhwini womyeni wami wakhala: Kwakungubaba, futhi wayefuna ukuba ngize ekhaya ngokushesha. Ngangazi ukuthi ubaba uzolokhu engikhathaza futhi, ngakho ngathi angifuni ukuza, kodwa umyeni wami wangigxavuna wangifaka emotweni yakhe. Lapho ngifika endlini ngabona ukuthi udadewethu omncane kanye noninazala base bevele bekhona. Lapho engibona, ubuso bukababa bahwaqabala besabeka wabe esethi: “Izolo ebusuku umholi webandla uthandazele ukuxolelwa kwezono zenu phambi kweNkosi uJesu. Kodwa akekho kini ozimisele ukuvuma izono zenu aphenduke. Nginibize nobabili lapha namhlanje ukuze nisho umthandazo wokuphenduka ngokuphelele phambi kweNkosi. Futhi ningaphinde nikholwe kuNkulunkulu uSomandla...” Lapho ngizwa konke lokhu, ngacasuka kakhulu. Ngacabanga ngathi: “Ngokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina ngilandela ezinyathelweni zeWundlu futhi ngamukela ukubuya kweNkosi. Siphi isono kulokho? Angeke ngikhulume amanga ngenhloso futhi ngikhulume imbudane.” Bebona ukuthi akukho mkhuleko wokuphenduka engangizowusho, ubaba, umama nomamezala kadadewethu bangihaqa futhi baqala ukungihlasela ngamazwi. Baqala ukunyundela nokuhlambalaza uNkulunkulu, futhi bezakhela ezabo izinqumo ngawo wonke la mahlebezi amabi, ukuze bangiphoqe ukuba “ngivume futhi ngiphenduke.” Ngenkathi ngizwa wonke lawo mahemuhemu endiza phezu kwami nomndeni wami ukusondela ukuze ungihlasele kwangenza nganqanyukelwa umphefumulo, futhi ngaqala ukuzizwa nginesiyezi futhi ngibuthaka emzimbeni. Ngacabanga ngathi: “Uma beqhubeka bengihlukumeza kanje nsuku zonke ngeke ngikwazi ukuxhumana nabafowethu nodadewethu futhi ngeke ngikwazi ukufunda amazwi kaNkulunkulu ngendlela efanele. Angicabangi ukuthi ngizokwazi ukuhamba le ndlela yokholo kuNkulunkulu...” Ngaleso sikhathi, abazali bami nomamezala lowo bangibamba base bephoqa udadewethu nami ukuba sivale amehlo ethu bese “siphenduka.” Ukubona ukuthi babeziphethe ngobudlova obungakanani kwangenza ngathukuthela ngokweqile, futhi ngangingasakwazi ukubamba izinyembezi ezazigcwele amehlo ami. Njengoba ngikhala ngathandaza eNkosini: “Nkosi Jesu, ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uSomandla ungukubuya Kwakho, kodwa okwamanje anginaso isibindi sokukholwa Kuwe. Ngiyanxusa ukuba ungithethelele futhi uxolele izono zami...” Ngithe ngifika kuleyo ndawo ngase ngikhala kakhulu kangangokuba ngangingasakwazi ukuqhubeka, wabe usuphela kanjalo umthandazo. Emva kwalokho, ngavele ngazizwa sengibuthakathaka engqondweni ngingenaso isibindi, futhi ngangingasabuzwa ubukhona bukaNkulunkulu. Ngazizwa ngingakhululekile neze, futhi ngatshela udadewethu omncane ngathi: “Ngaphambi kwalo mthandazo wokuphenduka bengizizwa sengathi ngisenamandla, kepha emva kokuwuthandaza ngazizwa ngiphelelwe amandla onke, kwangathi uMoya oNgcwele usengishiyile. Empeleni, ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla kungukulandela iNkosi nokuthi lo mthandazo wokuphenduka ungukukhaphela iNkosi.”

Umdonsiswano enhliziyweni yami waqhubeka emva kokuba sengifike ekhaya: Ngangifunde amazwi amaningi kaNkulunkulu uSomandla futhi ngazi ukuthi kwakungamazwi kaNkulunkulu. Ngangazi ukuthi uNkulunkulu uSomandla yiNkosi uJesu ebuyile nokuthi ukungamukeli lokho kwakuyobe kungukukhaphela uNkulunkulu, nokwakuzoholela ekutheni ngingagcini ngokungasindiswa kodwa futhi ngilahlwe nguNkulunkulu. Kodwa uma ngiphikelela ekukholweni kuNkulunkulu uSomandla lapho-ke nakanjani abaholi bebandla nobaba babezoqhubeka bengihlukumeza futhi ngingaphinde ngithole usuku lokuthula kusukela manje kuya phambili. Ngempela ngangicabanga ukuthi ngangingenaso isibindi sokubekezela. Inhliziyo yami yayimanaphanapha, ngabhekana nobunzima zinhlangothi zonke engangiphendukela kuzona, futhi ngangingazi nhlobo ukuthi ngenzenjani. Ikhanda lami laliduma, futhi ngangizizwa ngisondele kakhulu ekulahlekelweni umqondo. Ngangifuna ukuba uDade uZhang eze ukuze ngimbuyisele le ncwadi futhi ngizikhiphe ekuhluphekeni engangikulethe empilweni yami.

Ezinsukwini ezimbalwa emva kwalokho uDade uZhang wafika esalon ukuze azolekelela. Ngangesaba kakhulu, ngoba ngangikhathazekile ngokuthi umyeni wami uzombona bese etshela ubaba. Ngenxa yalokho, ngamtshela konke okwakwenzekile ezinsukwini ezimbalwa zokugcina, ngaphandle kokuphumula ngikhokhe umoya. Ngabe sengiphuthuma ngakhipha incwadi yamazwi kaNkulunkulu engangiyifihle ngaphansi kwamabhokisi ezimpahla ngase ngimnikeza yona. Ngathi kuyena: “Dadewethu, abazali bami nomyeni bayangihlukumeza, futhi abaholi nabafowethu nodadewethu behlelo lami lokuqala bangivimbela kakhulu kangangokuthi sengizizwa ngihlaselwe futhi ngilinyaziwe. Angisakwazi ukubekezela, ngakho-ke ngicela uyithathe le ncwadi uhambe nayo.” UDade uZhang wangibheka, ngobukhulu ubuqotho wathi: “Dadewethu, samukele umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, ngakho-ke ukubhekana nokuphazanyiswa kanye nokucindezelwa ngabaholi benkolo nemindeni kuveza ukuthi sisempini yangokomoya! INkosi uJesu yathi: ‘Ningacabangi ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni: Angizele ukuletha ukuthula, kodwa inkemba. … Futhi izitha zomuntu kuyoba ngabendlu yakhe(Math 10:34, 36). Emazwini eNkosi siyabona ukuthi ukuza kukaNkulunkulu emhlabeni ukwenza umsebenzi wensindiso nakanjani kuyoholela empini yangokomoya. Kungenxa yokuthi abantu abakholwa ngempela kuNkulunkulu futhi abathanda iqiniso bayolandela uNkulunkulu lapho bezwa amazwi kaNkulunkulu. Lokhu nakanjani kuyovusa inzondo yabo bonke abazonda iqiniso futhi bamelane noNkulunkulu. Ngenxa yalokho, izinhlangothi zombili—ezinhle, abakaNkulunkulu, kanye nabangalungile, abangabakaSathane—ziyokwambulwa futhi ngalunye lubekwe ngokohlobo lwakhona. Lokhu kungamandla nobuhlakani bukaNkulunkulu! Cabanga emuva ngesikhathi iNkosi uJesu iqala ukwenza umsebenzi Wayo, iningi lamaJuda ajwayelekile elezwa amazwi eNkosi uJesu futhi abona izinto ezinkulu amandla akhe akwazi ukuzenza akholwa ukuthi iNkosi uJesu yayinguMesiya ozayo futhi amlandela. Kodwa bonke abaphristi bamaJuda nababhali nabaFarisi, ababona abantu abavamile beqhela kubo futhi beya eNkosini uJesu, baqala ukudala nokusabalalisa amahemuhemu amaningi ukuze bakhohlise abantukazana. Bathi iNkosi uJesu ithembele kuBelzebule umbusi wamadimoni ukuze ikhiphe amadimoni, nokuthi yayithanda ukudla nokuphuza iwayini. Futhi lapho iNkosi uJesu isivukile ekufeni bagwazela amasosha amaRoma ngemali ukuze asabalalise amahlebezi okuthi umzimba weNkosi uJesu wawebiwe ngabafundi Bayo. Lezi kwakungezinye zezindlela abazama ngazo ukuvimbela abantu ukuba bamukele insindiso yeNkosi uJesu. Futhi kwenzekani ekugcineni kuwo wonke amaJuda ayekholwa lokho abaholi bawo benkolo ababekusho futhi angazange alinge ukulandela iNkosi uJesu? Akagcinanga nje ngokulahlekelwa insindiso yeNkosi, aphinde ajeziswa futhi aqalekiswa uNkulunkulu: U-Israyeli wanyamalala cishe iminyaka engaba yizi-2 000, futhi amaJuda aya ekuthunjweni kuwo wonke umhlaba, lapho amaningi awo ashushiswa futhi abulawa khona. Lokhu kwakungumphumela obuhlungu abhekana nawo ngenxa yokubethela iNkosi ngaleyo ndlela acasula kabi isimo sikaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu uphinde waba yinyama ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi manje umlando uyaziphindaphinda. Abaholi benkolo banamuhla banjengabaFarisi basendulo: Bayalibona iqiniso lokuthi uNkulunkulu uzele ukwenza umsebenzi wokuveza amaqiniso nokusindisa abantu, kodwa ngenxa yokuthi abalithandi iqiniso bayawuphika futhi bawulahle umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Ukuze bavikele izikhundla zabo nokuphila kwabo, baqamba amahemuhemu okuphika nokulahla uNkulunkulu futhi basebenzise la mahemuhemu ukukhohlisa nokulawula abantu. Baze basebenzise futhi bashoshozele abanye abantu abangakhaliphile kahle ukuba bafake ingcindezi kwabakholwayo abamukele indlela yeqiniso futhi basebenzise zonke izindlela zobuqili ukuphazamisa nokuvimbela abantu ukuba baphendukele kuNkulunkulu uSomandla, ngaleyo ndlela bachithe amathuba ensindiso kulaba bantu. Dadewethu, kumele sibone ngokucacile ukuthi le yimpi yangokomoya futhi sibone ngale kwamaqhinga amabi kaSathane....” Emva kokulalela ukuhlanganyela kukaDade uZhang ngafikelwa umbono: Kusukela ezikhathini zasendulo kuze kube manje indlela yeqiniso yayilokhu ishushiswa ngempela futhi sasisempini eqhubekayo yokomoya! Abaholi behlelo lami langaphambili babeqamba amahemuhemu futhi bephika umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina—futhi bangishushisa baphinde bangihlukumeza ukuze ngiyeke ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla—konke lokhu ngenxa nje yokuthi bezonda iqiniso futhi beyizitha zikaNkulunkulu. Ukuhlanganyela kwangisiza ukuba ngiqonde ukuthi kungani lezo zinto zazenzeke kimi, kodwa ngangisebuthakathaka futhi ngesaba ukugcina incwadi yamazwi kaNkulunkulu. Ngangazi ukuthi ubaba kanye nabanye babezofika endlini yami bese bevutha umlilo uma ngisayigcinile, futhi lokhu kwakuzokwenza impilo yasemndenini wami ibe nzima kimi. Ebona ukuthi ziyime emthumeni kimina, uDade uZhang wanginika inombolo yocingo wabe esethi: “Dade, kungabanjani uma senza kanje—ngizoyithatha incwadi yamazwi kaNkulunkulu ngiyigcine kimi ekhaya ukuze iphephe. Noma nini lapho uzizwa uthanda ukuyifunda, ngicela ungishayele ngizobe sengikulethela.” Ngavuma, ngase ngimphelezela uDade uZhang ngayombeka emnyango. Ngaleso sikhathi umyeni wami weza egijima, futhi ekhomba uDade uZhang wamemeza wathi: “Thatha leyo ncwadi bese uyahamba lapha, njengamanje. Futhi ungaphinde ubuye la, kungenjalo uzongifunda ungiqonde!” Lapho ngibhele uDade uZhang ehamba eyosithela, ngazizwa ngicindezelekile ngendlela engingakwazi ukuyichaza.

Ekuqaleni ngacabanga ukuthi ukubuyisela incwadi yamazwi kaNkulunkulu kuDadewethu uZhang kwakusho ukuthi ubaba wayezoyeka ukungihlukumeza nokuthi impilo enokuthula engangiyiphila ekuqaleni izoqhubeka. Eqinisweni, izinto zaphambana kulokho: Angigcinanga ngokungatholi ukuthula enhliziyweni yami, empeleni ngazizwa ngingenalutho ngikhenceza ngaphakathi. Ngangingenamdlandla kukho konke engangikwenza, futhi amazwi kaNkulunkulu uSomandla kanye namazwi ezingoma kaNkulunkulu aqhubeka enkenteza ekhanda lami njalo imini nobusuku. Izigcawu zomholi webandla engithethisa nobaba kanye nabanye bengihlukumeza bengihlasela nazo zaqhubeka zilokhu zingifikela engqondweni yami. Ngangibhekene nokuhlupheka okubi, futhi ngazizwa sengathi ngiwele emgodini omnyama ojulile engangingakwazi ukuphuma kuwona. Ngangingakwazi ukudla noma ukulala kahle futhi ngazizwa ngicindezelekile, njengokungathi ikhanda lami selizoqhuma. phakathi kwazo zonke lezi zinhlungu, ngaguqa futhi ngamncenga uNkulunkulu: “O Nkulunkulu, Mdali wamazulu nomhlaba nazo zonke izinto eziphilayo, ngisebuhlungwini obukhulu nokudideka. Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uSomandla yiNkosi uJesu ebuyile, kodwa isiqu sami sincane futhi njalo lapho ngicabanga ngokuphazamiswa nokuhlaselwa ngubaba ngiba nokwesaba kakhulu ukukulandela Wena, Nkulunkulu. Nkulunkulu, ngididekile enhlukanandlela, angikwazi ukuthatha isinqumo. Angazi ukuthi ngenzenjani, ngakho-ke ngicela ungikhombise futhi ungihole...” Ngesikhathi somkhuleko, ngenxa yesizathu esingaziwa ngavele ngacabanga ngalawa mazwi kaNkulunkulu uSomandla: “Akufanele wesabe lokhu nalokhuya. Kungakhathaleki ukuthi bungaki ubunzima nezingozi obhekene nakho, uyohlala uqinile phambi Kwami; ungavinjwa yilutho, ukuze intando Yami yenziwe. … Ungesabi; ngokwesekela kwami, ngubani ongake avimbe indlela? Khumbula lokhu! Khumbula!(“Isahluko 10” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu anginika amandla anomfutho anele ukuguqula inhliziyo yami ethuthumelayo ibe ngenesibindi. Yebo! NgoNkulunkulu eyisihlangu sami yini engingayesaba emhlabeni? Njengoba ngase ngivele nginqumile ukuthi lena yindlela yeqiniso, khona-ke angifanele ngivinjelwe muntu, isigameko, noma into. Kufanele ngiphume ngale kwamandla obumnyama futhi ngilandele uNkulunkulu ngokuzimisela okungenakuzanyazanyiswa. Njengekholwa langempela kuNkulunkulu, uma ngingakwazi ngisho nokuvuma ukuthi uNkulunkulu ukhona lapho ngibhekene nempi kaSathane enonya, ngabe pho ngiyikholwa elinjani? Ave ngivele nganikezela kuSathane futhi ngikhaphela uNkulunkulu? Ngabe sengikhumbula ukuthi, phakathi nokuhlanganyela kwakhe, uDade uZhang wayengitshele ukuthi ukuhlukunyezwa umndeni wami kanye nabaholi bebandla kwakuyingxenye yempi yokomoya, nokuthi uma ngikhetha ukuma nabo ngangizobe ngiwela emgodini ongunoxhaka wobuqili bukaSathane. Lokhu kwakungasho ukuthi ngizolahlekelwa yiwo wonke amathuba okusindiswa nokungena embusweni wezulu. Ngabe sengicabanga ngokuhlupheka okungokomoya engase ngidlule kukhona kusukela uDade uZhang ethathe incwadi yamazwi kaNkulunkulu, futhi ngangizwa sengathi ngangingeke ngikwazi ukungabi noNkulunkulu empilweni yami nokuthi ukushiya uNkulunkulu kwakubuhlungu ngaphezu kokushiywa ngumndeni wami kanye nebandla lami langaphambili. Ngakho ngathatha ifoni futhi ngambiza uDade uZhang, futhi sahlela indawo yokuhlangana kuyo ukuze ngibuyise incwadi yamazwi kaNkulunkulu futhi.

Emva kwalokho, njalo lapho umyeni wami engekho ekhaya ngangithatha ithuba lokudelisa indlala yami ngokufunda amazwi kaNkulunkulu nokucula izingoma. Ngokulokhu ngiqhubeka nokufunda kabanzi amazwi kwaba yilapho ngiwajabulela kakhulu; lapho ngilokhu ngiqhubeka nokuhlabelela izingoma, ngaba nokukhululeka okukhulu nokunethezeka. Ukuzethemba kwami kwasekuqaleni kwabuyiselwa, futhi bonke ubuhlungu nezinkinga zami kwanyamalala njengenkungu yasekuseni. Ngazizwa kahle ukuthi amazwi kaNkulunkulu angangondla, nokuthi ngingenze lutho ngaphandle kukaNkulunkulu. Emva kwezinyanga ezintathu uDade uZhang wangithatha wangiyisa eBandleni LikaNkulunkulu USomandla ukuba ngihambele imihlangano.

Engangingakulindele ukuthi umyeni wami athole ngokuya kwami emihlanganweni futhi atshele ubaba. Ngelinye ilanga kusihlwa, ngangisesitezi esiphezulu lapho ngavele ngezwa ukuxokozela okukhulu esitezi esingezansi egcekeni. Ngavula amakhethini ngavele ngoma ukwethuka lapho ngibona ubaba kanye nasebenza nabo aba-4 noma abayi-5 bebandla lakhe bengena begijima bebukeka sengathi balungele impi. Inhliziyo yami yashaya ngamandla, ngase ngokushesha ngiguqa phansi ngikhala kuNkulunkulu: “Nkulunkulu Somandla, ubaba uselethe laba bantu bebandla ukuba bazophinda bangihlukumeze futhi ngiyesaba kakhulu. O Nkulunkulu, uyazi ukuthi isimo sami sincanyana, ngakho-ke ngicela unginike isibindi nokuzethemba...” Khona-ke la mazwi kaNkulunkulu avele angifikela: “Kufanele ube nesibindi Sami phakathi kuwe futhi kufanele ube nezimiso lapho ubhekene nezihlobo ezingakholwa. Kodwa ngenxa Yami, kufanele futhi ungathambeli noma yimaphi amandla obumnyama. Thembela ekuhlakanipheni Kwami ukuze uhambe indlela ephelele; ungavumeli amaqhinga kaSathane ukuba akubambe. Faka onke amandla akho ekubekeni inhliziyo yakho phambi Kwami futhi ngiyokududuza ngiphinde ngikunike ukuthula nokuthokoza(“Isahluko 10” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu anginika ukuzethemba okukhulu nesibindi, futhi ngangingasenakho ukwesaba nobuthakathaka. Ngacabanga ngathi: “Angikhathali ukuthi bangihlukumeza kangakanani ngeke ngisaphinda ngiwele kunoxhaka kaSathane futhi ngikhohliswe yibo. Ngadalwa nguNkulunkulu. Ukuba nokholo kuNkulunkulu nokulandela uNkulunkulu kulungile futhi kufanele, futhi akekho onelungelo lokuphazamisa kulokho, ngisho nabantu abasondelene nami.” Ngenxa yalokho, ngakwazi ukwehla ngiye esitezi esingezansi ngafike ngabingelela ubaba nabasebenza naye ngokuthula . Bathe lapho bengibona baqala ukukhuluma ngesikhathi esisodwa. Omunye wabalingani besifazane wangibuka “enokukhathazeka okunothando” ebusweni bakhe njengoba ethi: “Fangfang, ungumuntu ohlakaniphile kakhulu, pho kungani ungakwazi ukuqonda indlela esizizwa ngayo. Sonke sikufisela okuhle. Ungabi nenkani kangaka. Buyela eNkosini uphenduke, uyangizwa kodwa?” Ngaphendula ngomoya ophansi: “Dade, akekho kinina oke walalela izintshumayelo zoNyazi LwaseMpumalanga, futhi akekho kinina oke wafunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla. Ngiyaninxusa ukuba nonke nikuphenyisise ngendlela efanele ningavele nje nilahle futhi nimelane noNkulunkulu uSomandla. Nidinga nje ukuba nifunde amazwi kaNkulunkulu uSomandla nizobe seniyazi ukuthi ngempela uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile noma cha.” Waphendula wathi: “Ngeke silokothe sifunde le ncwadi ngoba okuqukethwe kuyona kuyaheha kakhulu. Kulula kakhulu ukuthonywa yikho.” Ngathi: “Kungenxa yokuthi lokho uNkulunkulu uSomandla akuvezayo konke kuyiqiniso futhi yiphimbo likaNkulunkulu yingakho linamandla okunxenxa abantu. Amazwi kaNkulunkulu kuphela analolo hlobo lwegunya namandla. Isizathu esenza abantu bakhangwe ngamazwi kaNkulunkulu ukuthi bangakwazi ukuqonda amaqiniso futhi bathole ukuphiliswa ngokuvela ekuwafundeni. Ubani owayengashiya umthombo wamanzi okuphila emva kokuwuthola?!” Abazange babe nampendulo kulokho, kodwa basho izinto eziningi nje ezahlambalaza uNkulunkulu futhi bazama ukungesabisa ngokuthi ngizokwahlulelwa esihogweni uma “ngingaphenduki.” Ngezwi elizwakalayo nelinesibindi ngathi: “Nina ninyundela iBandla LikaNkulunkulu uSomandla ngokuthi 'Abantu abajoyina uNyazi LwaseMpumalanga ababe besakwazi ukulishiya, noma uma kwenzekile bakwazi banqunywa ikhala bakopolotwe namehlo....' Abukho ubufakazi balokho, konke kungamahemuhemu nokunyundela okunonya! Uma ningakwazi ukuveza ubufakazi obuphathekayo kusho ukuthi niyiqoqo labaqambimanga abazimisele nje ukukhohlisa abantu. Ivangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla selivele lisabalele kabanzi kulo lonke elaseChina, futhi ikhaya nekhaya manje selizizwile izindaba ezinhle. Kunamalungu okungenani ayizigidi ezimbalwa eBandla LikaNkulunkulu USomandla manje. Kuyiqiniso, uma ivangeli lisakazwa njalo kuba khona abantu abazonda iqiniso bangalamukeli. Kodwa ingabe ukhona ngisho oyedwa enake nambona onqunywe ikhala lakhe noma okopolotwe amehlo? Uma bekukhona ngisho noyedwa, abezindaba ngabe sebebikile ngaye futhi ngabe izwe lonke likhuluma ngalokho. Mina nodadewethu sihlukunyezwa yinina ngenhloso ukuze siyeke inkolo yethu. Kodwa sibonakala sibahle nje, akunjalo? Nina nikhuluma amanga ukuze nikhohlise abantu. Manje njengoba ngikholwa kuNkulunkulu uSomandla ngikhetha indlela yeqiniso nokulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu. Angenzanga lutho olubi, ngakho ayikho into okufanele ngiyivume. Ukholo lwami kuNkulunkulu uSomandla alusoze lwazamazama, ngakho-ke uma ningafuni ukukholwa yilokho kulungile, kodwa-ke ningangivimbeli ekubeni ngikholwe. Malungana nokuzokwenzeka kimi, noma yini abantu abayishoyo ayinandaba ngoba isimiselo somuntu ngamunye sisezandleni zikaNkulunkulu. Kuphela ngokuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu nokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina lapho abantu bezoba nesiphetho sokgcina esihle. Ngakho-ke ningaphinde nize lapha nizongiphazamisa.” Ngithe ngingakaligwinyi nje ubaba wasukuma ngezinyawo ngokushesha, futhi ngezwi elinesihluku wakhipha lokhu kusonga: “Uma uqhubeka ukholwa kuNkulunkulu uSomandla khona-ke mina ngeke ngisakuthatha njengendodakazi yami!”

Lapho ngizwa izinsongo zikababa eqeda ubuhlobo bethu ngahluleka ukuzibamba ngaba nosizi. Ngacabanga ngathi: “Ukuveza kukaNkulunkulu uSomandla amaqiniso empeleni yilokho uMoya akusho emabandleni. Kodwa awulaleli futhi kunalokho ulalela amahemuhemu namanga asakazwa abaholi bamabandla. Ungaba kanjani njengabo ungizondele ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, futhi uze uzimisele ngisho nokunqamula ubuhlobo bethu?” Lapho ngilokhu ngicabanga ngalokhu, ngaba nokudabuka okukhulu, kodwa ngase ngicabanga ngamazwi kaNkulunkulu: “UNkulunkulu wadala lo mhlaba futhi waletha umuntu, isidalwa esiphilayo afaka kuso ukuphila. Okwalandela, umuntu waba nabazali nezihlobo futhi akaba esaba yedwa. Kusukela ngesikhathi umuntu abona ngaso umhlaba, wayehlelelwe ukuba sogcotshweni lukaNkulunkulu. Umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu oweseka isidalwa ngasinye esiphilayo ekukhuleni kuze kube sebudaleni. Phakathi nale nqubo, akekho okholwa ukuthi umuntu uphila futhi akhule ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ubambelela ekuthini wakhula ngaphansi kothando nokunakekelwa abazali bakhe, nokuthi ukukhula kwakhe kwakuqondiswa umuzwa wangaphakathi wokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu wazi okuncane ngokuthi ukuphila kwanikezwa ngubani nokuthi kuvela kuphi, akazi ukuthi inqubo yokuphila izidala kanjani izimangaliso(“UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu angisiza ukuba ngiqonde ukuthi nakuba umzimba wami wenyama wavela kubazali bami, umthombo wokuphila kwami nguNkulunkulu. Ngaphandle kwesipho sikaNkulunkulu sokuphila umzimba wami wawuzobola, futhi iqiniso lokuthi ngiyaphila namuhla konke kuncike ekunakekelweni nasekuvikelweni nguNkulunkulu, ngaphandle kwalokho ngabe kade ngasobozelwa uSathane. UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwami, hhayi abazali bami, futhi nginganqamula noma yibuphi ubuhlobo ngaphandle kobukaNkulunkulu. Abazali bami abagcini nje ngokungabi nandaba nokukufuna noma ukuphenya ukubuya kweNkosi, futhi basekela ngokuphelele abaholi bebandla ekunyundeleni nasekuhlambalazeni umsebenzi kaNkulunkulu nokuzama ukungiphoqa ukuba ngikhaphele uNkulunkulu. Lokhu kufakazela ukuthi, empeleni, bamelene noNkulunkulu nokuthi bayizitha zikaNkulunkulu, kodwa angiyikungcoliswa yibo futhi ngimelane noNkulunkulu. Ngizoma ohlangothini lukaNkulunkulu, ngisho noma abazali bami benqamula ubuhlobo babo nami ngizoqhubeka ngilandele uNkulunkulu kuze kube sekupheleni. Ngizoma ngiqine futhi ngibe ngufakazi kaNkulunkulu. Ngakho ngathi kubaba: “Baba, uma kukhulunywa ngokukholwa kuNkulunkulu, ngilalela uNkulunkulu, hhayi abantu, futhi angididwa yimizwa, futhi. Uma lokho okushilo bekuhambisana neqiniso nezinhloso zikaNkulunkulu lapho-ke bengizokulalela. Kodwa uma ungitshela ukuthi ngikhaphele uNkulunkulu ngeke neze ngikwenze lokho!” Lapho bebona indlela engangingazanyazanyiswa ngayo bonke banikina amakhanda, basukuma, bahamba, bekhathazekile. Ngaleso sikhathi, ngangizwa sengathi nginqobile futhi ngahluleka ukuzibamba ngase ngibonga uNkulunkulu ngokuthula: “Nkulunkulu Somandla, ngempela Wena unguNkulunkulu uSomandla. Bekungamazwi Akho anginike ithemba nesibindi, futhi athela uSathane ngehlazo waze wanqotshwa.”

Nakuba abantu abavela emphakathini wenkolo bengazange besangikhathaza futhi, abaholi bebandla babesaqhubeka nokubasela abantu basekhaya ukuba bangihlukumeze. Njalo ezinsukwini ezimbalwa babeye bafike endlini yami bangincenge ukuba ngiguqule umqondo, futhi babehlale bephikelela ukuba ngiye endaweni yomholi “ngiphenduke.” Ngolunye usuku, abantu bami beza futhi ubaba wazama ukusebenzisa ivesi elisuka eBhayibhelini ukuze angikhohlise ngenkathi umama emi ngakolunye uhlangothi echiphiza izinyembezi engincenga ukuba ngiye endaweni yomholi “ngiphenduke.” Kwangikhathaza ngempela ukubona umama edabukile futhi edangele kangaka. Ngacabanga ngokuthi wayelahlekelwe kanjani unina eneminyaka emithathu ubudala wabe esehlukunyezwa ngusingamama wakhe. Wayehlupheka kakhulu empilweni yakhe futhi manje wayeseqala ukuluphala, futhi ngangingazange ngibe indodakazi enozwelo, ikakhulukazi endleleni engangimenza akhathazeke ngayo manje. Ngabe sengibuka ubuso bukababa obabuphashile nezinwele zakhe ezingwevu, futhi lokho kwangenza ngadabuka nakakhulu, kangangokuba kwaba nzima ukubamba izinyembezi. Ngithe lapho sengibuthakathaka ngempela ngacabanga ngesiqephu samazwi kaNkulunkulu: “Kuzo zonke izigaba zomsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kubantu, ngaphandle kubukeka sengathi ukuxhumana phakathi kwabantu, ongathi yinto edaleke emalungiselelweni enziwa umuntu noma kuvela ekuphazameni nokugxambukela komuntu. Kodwa esithe, sonke isinyathelo somsebenzi, nakho konke okwenzekayo, ukubheja okwenziwe nguSathane phambi kukaNkulunkulu, futhi kudinga ukuthi abantu bame baqine ebufakazini babo kuNkulunkulu. Thatha isibonelo lapho uJobe wayevivinywa: Esithe, uSathane wabheja noNkulunkulu, futhi okwenzeka kuJobe kwakuyizenzo zabantu, nokugxambukela kwabantu. Emuva kwaso sonke isinyathelo uNkulunkulu asenzayo kini kunokubheja kukaSathane noNkulunkulu—emuva kwakho konke kunempi(“Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu angisiza ukuba ngiqonde ukuthi ngaphandle kwakubonakala sengathi abazali bami babengihlupha, kodwa ngokukamoya kwakunguSathane ebheja noNkulunkulu. Kwakunjengenkathi uJobe evivinywa uNkulunkulu, umkakhe, owayenjengenceku kaSathane, wathi kuye: “Namanje usakugcinile ukuthembeka kwakho? thuka uNkulunkulu, bese uyafa” (UJobe 2:9). Kodwa uJobe waba nokwesaba uNkulunkulu nokuhlonipha uNkulunkulu futhi waqhelelana nobubi, ngakho wathethisa umkakhe, wambiza ngowesifazane ongenalwazi futhi onenkani, futhi akazange one kunoma yini ayisho. Wafakaza ngoNkulunkulu phambi kukaSathane, futhi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wayengumuntu ophelele. Manje kwase kuyimi owayehlukunyezwa ngabazali, ababekholwe yonke imbudane eyayishiwo ngabefundisi nabadala. Lokhu kwakungesinye sezilingo zikaSathane, ngoba uSathane wayazi ukuthi ngibathanda kakhulu futhi wathathe leli thuba lokuzibandakanya. USathane wazama ukusebenzisa ububele bami kubazali bami ukungenza ngiphike futhi ngikhaphele uNkulunkulu, okubonisa ukuthi uSathane ukhohlisa futhi uyiqili kangakanani! Kodwa ngangingeke nginikeze uSathane ukweneliseka kokubona amacebo akhe esebenza kahle ephumelela. Ngangingeke ngidumaze futhi ngikhathaze uNkulunkulu, ngakho nganquma ukuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu. Emva kwalokho, kungakhathaleki ukuthi abazali bami babethini, nakuba babengingcenga kangakanani, inhliziyo yami ayizange ithi diki. Lapho bebona ukuthi ngangingasathinteki, abazali bami bahamba, bedangele kakhulu.

Ezinsukwini ezalandela, umholi webandla wathuma ubaba ukuba ame phambi kwawo onke amalungu ebandla amemezele ukuthi nganginqunyiwe ebandleni. Umholi wenza abazali bami bahlale kude nami. Ngenxa yokuhlukunyezwa ngumholi webandla nabantu bami, umyeni wami waqala ukungishushisa ngonya. Njalo lapho ngiphindela ekhaya ngivela kokwenza imisebenzi yami wayengishaya noma angichaphe ngamagama amabi, futhi ngezinye izikhathi wangivalela ngaphandle kwekhaya. Wayeye alimaze isikuta sami sikagesi noma ibhayisikili, futhi ngelinye ilanga wangiyisa esiteshini samaphoyisa. Wangihlukumeza kwaze kwaba yilapho ngikhathele ngokomzimba nangokwengqondo, nomakhelwane bethu endaweni yethu base bengihleka usulu benginyundela. Ngibhekene nalesi simo, ubuthakathaka bami ngokwengqondo baqala ukungenza ngizwe sengathi ukukholwa kuNkulunkulu kwakungenakubekezeleka. Ngangingazi ukuthi ngizoqhubeka kanjani, ngakho-ke ngangivame ukuguqa phambi kukaNkulunkulu ngithandaze ngikhale, ngicela ukuba uNkulunkulu anginike ithemba namandla. Kwase kuthi ngesinye isikhathi, ngafunda la mazwi kaNkulunkulu: “Labo uNkulunkulu athi bayanqoba yilabo abasakwazi ukufakaza, bangayeki ukuba nethemba, nokuzinikela kuNkulunkulu lapho bengaphansi kokuvinjezelwa nguSathane, okusho ukuthi, lapho bengaphansi kwamandla obumnyama. Uma usakwazi ukuba nenhliziyo ehlanzekile nokumthanda ngobuqotho uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi izimo zinjani, ufakaza phambi kukaNkulunkulu, futhi yilokhu uNkulunkulu athi ukuba ngumnqobi. Uma okufunayo kukuhle kakhulu lapho uNkulunkulu ekubusisa, kodwa uhambe ngaphandle kwezibusiso Zakhe, ingabe lokhu ukuhlanzeka? Njengoba uqinisekile ngokuthi le ndlela iyiqiniso, kumele uyilandele kuze kube sekugcineni; kumele uqhubeke uzinikela kuNkulunkulu. Njengoba ubonile ukuthi uNkulunkulu uqobo uzele ukuzokuphelelisa emhlabeni, kufanele umnike yonke inhliziyo yakho. Noma ngabe wenzani, ngisho noma enquma umphumela ongemuhle kuwe ekugcineni, usengamlandela. Lokhu kuwukuqhuba ukuhlanzeka phambi kukaNkulunkulu(“Kufanele Ungayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Emazwini kaNkulunkulu ngathola ukuqonda ukuthi ezinsukwini zokugcina uNkulunkulu uzokwenza iqembu labanqobi futhi uyovumela uSathane ukuba alinge abantu. Kungakhathaleki ukuthi ukucindezela kwe-CCP, ukuhlukumeza okuvela emphakathini wenkolo, ukushiywa yizihlobo, noma ukuhlekwa usulu nokuhlambalazwa ngumphakathi jikelele, thina makholwa kufanele sibhekane nalezi zilingo ngoba yilawo makholwa kuphela angakwazi ukulalela nokuhlala ethembekile futhi afakaze ngoNkulunkulu kunoma yisiphi isimo angabanqobi abapheleliswe nguNkulunkulu. UNkulunkulu uhlele lezi zimo ezinzima ukuze angenze ngipheleliswe, ukubona ukuthi ngikholwa ngempela futhi ngithembela Kuye futhi nginokulalela nokuthembeka Kuye. Emva kokuqonda izinhloso zikaNkulunkulu, ngaya phambi kukaNkulunkulu futhi ngenza lesi sithembiso: Kungakhathaleki ukuthi ngibhekana nabuphi ubunzima nokucindezeleka, ngizohlala ngilandela uNkulunkulu ngokuzimisela, njalo ngizokwenza imisebenzi yami njengesinye sezidalwa zikaNkulunkulu ukuze nganelise uNkulunkulu, futhi ngizokwenza ubufakazi bokunqoba kuNkulunkulu phambi kukaSathane. Ngemva kwalokho, nakuba umyeni wami wayesalokhu ephikelele ngendlela ayengihlukumeza ngayo futhi engiphazamisa, ngangisathandaza kuNkulunkulu njalo, ngibheke phezulu kuNkulunkulu, ngazihlomisa ngamazwi kaNkulunkulu nsuku zonke futhi empeleni ngangingaziboni nokuthi ngiyahlupheka. UNkulunkulu waphinda wangivulela indlela yokuphuma: Umyeni wami wayejeziswa nguNkulunkulu ezikhathini eziningi ngendlela ayengihlukumeza ngayo futhi engiqinela, futhi emva kwalokho akabange esalokotha ukungishaya noma ukulimaza ibhayisikili lami futhi. Ngokubona lokhu, ngabona ubukhulu bamandla nobukhosi bukaNkulunkulu nezenzo zakhe ezimangalisayo. Ngabona ukuthi awekho amandla obumnyama angadlula igunya nekhono likaNkulunkulu, futhi mina ngazibonela ngokwami ukuthi konke okudingeka sikwenze ukuba sithembele ngokuphelele kuNkulunkulu futhi sibhekane nobunzima sisebenzisa amazwi kaNkulunkulu khona-ke uNkulunkulu uzosivulela indlela eya phambili futhi asiholele ekunqobeni ithonya likaSathane lobumnyama. Emva kokubhekana nakho konke ukushushiswa nokuhlupheka, nakuba umzimba wami wenyama wawuhluphekile kancane ngangisazizwa ngizuze okuningi. Ukuthemba kwami uNkulunkulu kwakhula nakakhulu, nokuyisibusiso sikaNkulunkulu kimi. Ngiyabonga, Nkulunkulu uSomandla!

Emva konyaka ngaya noDade uZhang emsebenzini kadadewethu omncane futhi ngafakaza kuye ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Udadewethu wawamukela, futhi lapho ngimbona ethatha incwadi yamazwi kaNkulunkulu ngaba nokuqonda okujulile ngokuthi kunzima kanjani ukuba umuntu asindiswe nguNkulunkulu. UNkulunkulu usebenza ngokoqobo lapho kuyiwa ekusindiseni abantu. Angikwazanga ukubamba izinyembezi zokubonga ekuzehleleni ebusweni bami, futhi inhliziyo yami yagcwala ukubonga nokudumisa uNkulunkulu! Ngo-2006, mina nodadewethu omncane sahlangana sakwazi ukunqoba omunye udadewethu wevangeli lombuso, futhi emva kwalokho, sakwazi ukuletha ezinye zezihlobo zethu phambi kukaNkulunkulu uSomandla. Ngenxa yalokhu ngakwazi ukubona ukuthi kungakhathaleki ukuthi abaholi benkolo abayizishoshovu baqamba kanjani amanga futhi baphazamisa kanjani futhi bahluphe amakholwa eqiniso, ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyosabalala, futhi akekho ongalinqanda. Amawundlu kaNkulunkulu ayohlale elizwa iphimbo likaNkulunkulu futhi abuyele phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu sobukhosi. Njengoba uNkulunkulu uSomandla ethi: “Umbuso uyakhula phakathi kwabantu, uyasunguleka phakathi kwabantu, uyasukuma phakathi kwabantu; awekho amandla angabulala umbuso Wami(“Isahluko 19” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp