Ngajabulela Idili Elicebile

March 08, 2018

UXinwei Esifundazweni SaseZhejiang

UJune 25 no-26, 2012 waba yizinsuku ezingalibaleki. Isifunda sethu savelelwa isehlakalo esikhulu, lapho abaholi nezisebenzi zesifunda eziningi zabanjwa udrako omkhulu obomvu. Abambalwa kuphela bethu abangathintekanga futhi, izinhliziyo zethu zigcwele ukubonga, senza isifungo sangasese kuNkulunkulu: ukusebenza ngokubambisana nomsebenzi owawuzolandela. Ngemva kwalokho saqala umsebenzi onzima wokubhekana nemiphumela. Futhi cishe ngemva kwenyanga, amalungiselelo ayesesondela ekupheleni. Leyo kwakuyinyanga eshisayo, futhi nakuba sasizwa ubuhlungu emzimbeni izinhliziyo zethu zazinokwaneliseka, njengoba umsebenzi wethu wawuqhubeka ngokushelela phambi kukadrako omkhulu obomvu. Lapho umsebenzi usuphelile ngingaqondile ngazithola ngisesimweni sokwaneliseka, ngicabanga ukuthi ngangihlakaniphe kangakanani ukuthi ngangihlele umsebenzi kahle kangakaya. Yeka ukuthi ngangiyisisebenzi esinekhono kangakanani! Futhi kwakungalesi sikhathi lapho uNkulunkulu aletha khona ukusola nokwahlulela Kwakhe phezu kwami …

Ngokunye ukuhlwa abambalwa bethu singodade sasikhuluma. Omunye udade waphakamisa ukuba ngibhalele u-XX noXX, wangabela imisebenzi ethile, wase engeza omunye umusho wokugcina: “Ungamane wehle wenyuka, manje yisikhathi sokucasha nokwenza imikhuleko yokomoya. Gxila emikhulekweni yokomoya nokungena ekuphileni.” Ngokushesha lapho ngizwa lawo mazwi inhliziyo yami yawenqaba: Kufanele ngibhale izincwadi, kufanele ngisebenze. Sikuphi isikhathi semikhuleko yokomoya? Wena usanda kufika, yimina owasendaweni, ngivikela wena ngokuthi ngingakuvumeli uye ngaphandle futhi usebenze, futhi uyangigxeka? Ukuba ngihlale ekhaya ngenza imikhuleko yokomoya nsuku zonke njengoba wenza, ngubani obezohamba futhi enze umsebenzi? Umthwalo udinga ukucatshangwa lapho waba imisebenzi; nesimo sidinga ukucatshangwa ngaphambi kokungithena. … Ngakusasa ekuseni wonke umuntu wayedla futhi ephuza futhi exoxa ngamazwi kaNkulunkulu, kodwa ngangiphazamisekile, ngingakujabuleli ukudla nokuphuza. Odade bonke babekhuluma ngokuqonda kwabo amazwi kaNkulunkulu, ngesikhathi mina ngithulile. Lowo dade wase engibuza: “Kungani ungakhulumi?” Ngaphendula ngokucasuka: “Anginakho ukuqonda.” Udade waqhubeka: “Ngiyabona ukuthi awukho esimweni esihle.” Ngaphendula ngaphandle kokucabanga: “Mina angikaboni nkinga.” Kodwa empeleni imicabango yami yayisizoqhuma kimi. Ekugcineni angikwazanga ukuyibamba futhi ngamtshela lokho okwakungikhathaza. Udade wangilalela futhi wavuma zisuka nje ukuthi wayegabadela nokuthi kwakungafanele angabele imisebenzi njengoba ayefisa. Kodwa lokho kwakunganele kimi ukuthi ngibeke eceleni ukuba lukhuni kwami—ngokuphambene, ngangizwa ukuthi ngangenze iqiniso emsebenzini wami ngalesi sikhathi, futhi wayengafanele ukuthi athi ngangingekho esimweni esihle. Yini abaholi besifunda ngaphandle kwethu ababezoyicabanga? Khona-ke udade waqhubeka: “Kuyangikhathaza uma umane usebenza ungabe usaba nesikhathi sakho sokungena ngoba uzokonakala….” Lapho ekhuluma ngokwengeziwe kwaba yilapho ngenqaba ngokwengeziwe, ngicabanga: Ungibiza ngokuthi ngonakele? Ngicabanga ukuthi ngisesimweni esihle kakhulu, ngeke ngonakale! Angivumelani nhlobo nenkulumo yakhe. Ngemva kwesidlo sasekuseni ngaphumela ngaphandle ukuyosebenza, ngicasukile futhi ngicabanga: Ngizoyeka njengomholi, ngenze imisebenzi ethile evamile futhi kube yilokho kuphela. Uma ethi ngonakele futhi anginakho ukungena ekuphileni, ngingakwazi kanjani ukuhola abanye kanjalo? Lapho ngicabanga ngokwengeziwe umoya wami washona phansi ngokwengeziwe, ngacabanga: Lapho le misebenzi isiphelile ngizokwesula esikhundleni. Khona manjalo ngazizwa ngibuthakathaka emzimbeni wami wonke, njengokungathi ngiyagula. Ngabona ukuthi isimo sami asilungile. Lapho ngibuyela ekhaya ngeza phambi kukaNkulunkulu futhi ngathandaza: “Nkulunkulu Somandla, bengizithwele kakhulu futhi ngikholelwa emibonweni yami, angizange ngilithande iqiniso, angikwazanga ukwamukela ukusola nokwahlulela Kwakho, ukubhekana nami nokungithena Kwakho. Ngethemba ukuthi ungangisiza futhi uvikele inhliziyo yami, umoya wami, ungenze ngikwazi ukuthobela umsebenzi Wakho, ngizihlole ngobuqotho, futhi ngiziqonde ngempela.” Kamuva ngabona amazwi alandelayo: “Ukuzazi kuyilokhu: Lapho uzwa ngokwengeziwe ukuthi wenze kahle endaweni ethile, ucabanga ngokwengeziwe ukuthi wenze into efanele endaweni ethile, ucabanga ngokwengeziwe ukuthi unganelisa izinhloso zikaNkulunkulu endaweni ethile, futhi lapho ucabanga ngokwengeziwe ukuthi ufanelwe ukuqhosha endaweni ethile—kukufanele ngokwengeziwe ukuba uzazi kulezi zindawo futhi kukufanele ngokwengeziwe ukumba ujule kuzo ukuze ubone ukuthi yikuphi ukungcola okukhona nokuthi yiziphi izinto ezingakwazi ukwanelisa izinhloso zikaNkulunkulu. … Le nto emayelana noPawulu inikeza lowo nalowo kithina makholwa namuhla isexwayiso, esiwukuthi lapho sizwa ukuthi senze kahle ngokukhethekile, noma sikholwa ukuthi siphiwe ngokukhethekile engxenyeni ethile, noma sizwe ukuthi asidingi ukuguquka noma ukwamukela ukuthi kubhekanwe nathi engxenyeni ethile, kufanele sizame ukwazi ngokwengeziwe ngathi kuleyo ngenxenye kanye. Lokhu kungenxa yokuthi nakanjani ngeke uphenye ezindaweni osuvele wazi ukuthi zilungile, futhi ngeke uzinake noma uzihlaziye ukuze ubone ukuthi ziqukethe izinto ezimelene noNkulunkulu” (“Ukuzazi Kudinga Ukwazi Imicabango Nemibono Yakho Egxilile” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu). Amazwi kaNkulunkulu abonakalisa inhliziyo yami njengokungathi isesibukweni esikhanyayo. UNkulunkulu udinga ukuthi siziqonde thina ngokuqonda lapho sicabanga ukuthi senza kahle khona, lapho sicabanga ukuthi senza okulungile khona, futhi siziqonde thina kakhulu kulezo zinto lapho sicabanga ukuthi asidingi ukuba kubhekanwe nathi khona. Ngicabanga ngaleso sikhathi, ngiyabona ukuthi ngangithwele umthwalo. Umsebenzi wami wawubonisa imiphumela futhi ngangisingatha kahle imisebenzi eminingi emikhulu, ngicabanga ukuthi ngenza iqiniso, ukuthi konke lokhu kwakuwukungena kahle nangenkuthalo nokuthi isimo sami sasisihle kakhulu—ngakho angizange ngiye phambi kukaNkulunkulu futhi ngizihlole mina. Namuhla, ngenxa yokukhanyiselwa amazwi kaNkulunkulu ngiyabona ukuthi ngaleso sikhathi ngangenza umsebenzi wami kahle, kodwa imvelo yokwezithwala kwami yayidlangile. Ngangicabanga ukuthi imiphumela yomsebenzi wami yayingenxa yemizamo yami, ukuthi ngangiyisisebenzi esinekhono. Nganganeliseke ngokuphelele ngami. Eqinisweni, lapho ngicabanga emuva ngaleso sikhathi manje sengiyabona ukuthi ngangisebenza kuphela, ngenza lokho engangikwazi ukukwenza ngaphansi kobuholi kanye nokuvikelwa uMoya oNgcwele, kodwa ngesikhathi ngisebenza ngangingafuni iqiniso. Ngangingenakho ukungena ekuphileni, futhi esikhathini esithile ngangingenakho ukuziqonda mina, ngangingenakho ukuqonda uNkulunkulu, futhi ukuzwa kwami umsebenzi kaNkulunkulu akuzange kungilethele ukuqonda okucacile kwanoma iyiphi ingxenye yeqiniso. Ngokuphambene ngaba nokuzithwala kwaze kwaba seqophelweni lokungalaleli muntu, futhi ngatshontsha inkazimulo kaNkulunkulu ngengxenye yami encane emsebenzini Wakhe omkhulu. Isimo sobusathane engasibonisa sasenele ukuba angibize ngesoni! Kodwa ngalowo dade, uNkulunkulu namuhla wangikhumbuza ukuba ngigxile imikhuleko yokomoya, ngigweme ukonakala. Nokho ngangilokhu ngingakwamukeli. Empeleni ngangingakwazi okulungile nokungalungile futhi ngangizithwele kakhulu. Ngesikhathi esifanayo ngazizwa ngisesimweni esesabisayo. Ukube uNkulunkulu wayengezange avuse lowo dade ukukhomba isimo sami nokuba angibuyisele masinyane kuNkulunkulu, ngabe ngaphila ekonakaleni, ngingazi ukuthi ngase ngilahlekelwe umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi ekugcineni ngabe ngenza icala elithile elikhulu kuNkulunkulu. Ngesaba ukuthi ngangiyobe sengedlulwe yisikhathi sokuphenduka. Kuleli qophelo ngabona ukuthi ngangikudinga kakhulu kangakanani ukwahlulela nokubheka kukaNkulunkulu ukuze kungivikele endleleni engaphambili. Nakuba ekuqaleni kokwahlulelwa nokusolwa, ukuthenwa nokubhekanwa nami, ngazizwa ngilahlekelwe yisithunzi nokuthi lokhu kwakunzima, lokhu kwakuyinsindiso kaNkulunkulu. Ngangizimisele ukwamukela kakhulu lolu hlobo lomsebenzi ovela kuNkulunkulu.

Ngemva kokubhekana nalokho kusola nokwahlulela isimo sami saguquka. Ukuziphatha nokwenza kwami kwaba nokuzithiba okwengeziwe, futhi ngaqonda kancane umsebenzi kaNkulunkulu, umsebenzi ongavumelani nemibono yomuntu. Kodwa ngokushesha, ngabona ezinye izambulo zikaNkulunkulu, ngaphinde ngabona ukuthi ukuqonda kwami kwakukha phezulu kakhulu. Ekuqaleni kuka-Agasti ngakhushulelwa esikhundleni sokusebenza esifundeni. Ngaleso sikhathi ngangikhuthazekile futhi ngenza ngasese isifungo: Nkulunkulu, ngiyabonga ngokungiphakamisa Kwakho futhi unginike umsebenzi omkhulu kangaka. Angifuni ukwenzela phansi ukungethemba Kwakho, futhi ngifuna ukwenza konke okusemandleni ami, futhi ngethemba ukuthi uzongiqondisa bese ungihola. Ngakho, ngazinikela esimisweni somsebenzi omatasa. Nsuku zonke ngangibhekana nazo zonke izinkinga eziningi abafowethu nodadewethu ababeziphakamisile okwakufanele ngiziphendule, nginikeze isiqondiso kumunye ngamunye. Ngangivame ukwephuza ukulala, kodwa ngangijabula ngokwenza lokho. Ngezinye izikhathi ngangibhekana nesimo engangingasiqondi noma esasingacacile, futhi ngangithandaza kuNkulunkulu bese ngibona ubuholi nesiqondiso Sakhe, futhi umsebenzi waqhubeka ngokushelela. Futhi ngingaqondile ngaphinde ngaba nokuzithwala, ngacabanga: Ngikahle kakhulu, ngiyisisebenzi esinekhono. Ngolunye usuku ngabhekana nobunzima obumbalwa. Ngakho ngathandaza futhi ngazindla ngendlela yokuvula umqondo wami, khona-ke indlela yokuhlela nokuphatha lo msebenzi yaya ngokuya icaca emqondweni wami. Ngakho ngabhalela umholi wami ukuze ngenze lesi siphakamiso nokuba ngibuze ukuthi kungenzeka yini lokho noma cha. Ngesikhathi ngibhala incwadi ngacabanga ukuthi nakanjani umholi uzocabanga ukuthi ngiyixazululile inkinga futhi ngiyisisebenzi esinekhono. Ngalindela impendulo, ngethamba lokuthi ngizonconywa. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa ngajabulela ukuthola impendulo, kodwa lapho ngiyivula futhi ngiyifunda ngezwa ngishayiwe. Umholi akazange nje angangincomi, impendulo yayigcwele ukubhekana nami nokungithena, ethi “Awunazimiso ngokwenza lokhu, futhi uma uqhubeka ngale ndlela uzophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu! Uma abaholi abasezingeni laphansi bengasingatha umsebenzi wazo, mabenze njalo, uma kungenjalo mane ukubekele eceleni. Kufanele ngokushesha wenze ukukhuleka ngokomoya futhi ubhale imibhalo….” Ngaleso sikhathi ngangikhathazeke ngokulungile nokungalungile futhi ngezwa kwangathi ngiphathwe kabi: “Uhlobo olunjani lomholi lolu, ongaxazululi izinkinga zabangaphansi? Kunenkinga esifundeni sethu, wonke umsebenzi wethu awuhlelekile: Ingabe asikudingi ukuhlelwa? Uma abaholi basezingeni laphansi bezisingathela umsebenzi wabo, yini ezokwenzeka kuzo zonke lezi zincwadi? Ngehluleka ngokuphelele ukuzihlola futhi ngangikhathazeke ngendlela yokuthi ngakhononda kudade owayekade engamukele, futhi ngaze ngacabanga: Ngizoyeka, uma ngingayeki ngiyisiphazamiso, kade ngisebenza kanzima kakhulu futhi ngiselokhu ngiyisiphazamiso. Pho kusizani? Ngosuku olulandelayo ngeza phambi kukaNkulunkulu futhi ngahlola lokho engangikwambulile, ngicabanga indlela okusho ngayo ezintshumayelweni ukuthi ukwenqaba ukuthenwa nokubhekwa kubonisa ukwehluleka ukuthanda iqiniso, futhi abantu abangathandi iqiniso banemvelo embi. Ngakho ngobuqotho ngabheka “Isimiso Sokwamukela Ukuthenwa Nokubhekwa.” Ngabona ukuthi amazwi kaNkulunkulu athi: “Abanye abantu baphelelwa umdlandla emva kokuthenwa nokubhekanwa nabo; bezwa bebuthakathaka ngokwedlulele ukuba bangenza umsebenzi wabo futhi balahlekelwa ukwethembeka nokuzinikela kwabo. Kungani kunjalo? Lokhu engxenyeni eyodwa kungenxa yokuntula kwabantu ukubona ingqikithi yezenzo zabo okuholela ekuthini bangemukeli ukuthenwa nokubhekanwa nabo. Futhi kwenye ingxenye kungenxa yokungaqondi kwabantu ukubaluleka kokubhekanwa nabo nokuthenwa, bekholwa ukuthi kuwuphawu lokunqunywa komphumela wabo. Ngenxa yalokho, abantu bakholwa ngokuyiphutha ukuthi uma benokwethembeka nokuzinikela okuthile kuNkulunkulu, khona-ke ngeke kubhekanwe nabo noma bathenwe; uma kubhekanwa nabo, ngeke kube ngukulunga kukaNkulunkulu. Ukuqonda okungalungile okunjalo kwenza abantu abaningi bangathembeki futhi bangazinikeli kuNkulunkulu. Empeleni, konke kungenxa yokuthi abantu banenkohliso kakhulu; abafuni ukwehlelwa ubunzima—bafuna ukuzuza izibusiso ngendlela elula. Abakuboni ukulunga kukaNkulunkulu. Akukhona ukuthi uNkulunkulu akenzanga lutho olulungile noma ukuthi ngeke enze lutho olulungile, ukuthi nje abantu abacabangi nhlobo ukuthi lokho uNkulunkulu akwenzayo kulungile. Emehlweni omuntu, uma umsebenzi kaNkulunkulu ungahambisani nentando yomuntu noma uma ungafiki kulokho abakulindele, kusho ukuthi Yena akalungile. Abantu ababoni nhlobo lapho lokho abakwenzayo kungafanele noma kungahambisani neqiniso; abaze bangabona ukuthi bamelana noNkulunkulu(“Incazelo Yokwenza Kwabantu Ekunqumeni Umphumela Wabo” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu). Amazwi kaNkulunkulu adalula okungokoqobo kwangaphakathi kimi. Angizange ngikwamukele ukuthenwa nokubhekanwa nami ngenxa yokuthi ngangingayiqondi imvelo yalokho engangikwenza. Ngangicabanga ukuthi akukho lutho olungalungile kulokho engangikwenza, kodwa umsebenzi wami kanye nokufeza umsebenzi wami kwase kukade kwasuka emalungiselelweni omsebenzi, nokho ngangicabanga ukuthi ngibonisa ukuzinikela okugcwele. Ngacabanga ngendlela okusho ngayo ezinhlelweni zokusebenza ukuthi abaholi kufanele baphathe umsebenzi oyisisekelo nobucayi. Nokho. umbono wami wawukade uwukuthi yonke imibuzo ethunyelwe ivela ngaphansi kufanele ithole isiqondiso nezimpendulo, kungakhathaleki ukuthi indaba inkulu kangakanani. Uma kuphela izinkinga kubhekwana nazo kufanele ngehlise umoya bese ngenza imikhuleko yokomoya. Lapho ngibhekene namaqiniso ngabona ukuthi ngangingazange ngizithobe ngokuphelele ezinhlelweni zomsebenzi Nganginokukhathazeka okuningi kakhulu engangingakwazi ukwehlukana nakho futhi ngizithwele kwaze kwaba seqophelweni lokungabi nakucabanga. UNkulunkulu wayesebenzisa umholi ukubhekana nezinto ngaphakathi kimi ezazingavumelani nentando kaNkulunkulu, ngakho ngangizoqonda imvelo yami yokwenza okuphambene nokukhaphela uNkulunkulu nentando kaNkulunkulu: Manje isimo sisho okuphambene. Imikhuleko yokomoya nokuzithoba kufanele kube phambili, futhi akufanele ngigxile kuphela emsebenzini. Kodwa angizange ngibone ukuthi imvelo yezenzo zami yayiphambene nezinhlelo zomsebenzi ngase ngenza okuphambene futhi ngamelana noNkulunkulu. Nganginaka kakhulu okulungile nokungalungile. Ngehluleka ukuqonda umoya, ngehluleka ukuqonda umsebenzi kaNkulunkulu. Ngaphinde futhi ngakhumbula la mazwi asentshumayelweni: “Akunandaba ukuthi yimuphi umuntu, yimuphi umholi, yisiphi isisebenzi, esingithenayo futhi esibhekana nami, futhi akunandaba ukuthi kuvumelana ngokuphelele namaqiniso. Kuphela nje uma kuvumelana ngokwengxenye ngiyakwamukela futhi ngilalele, inqobo nje uma kuvumelana ngokuyingxenye namaqiniso, khona-ke ngikwamukela ngokuphelele. Anginikezi izaba kwabanye noma ngithi ngamukela okuthile kwakho kodwa hhayi konke, futhi angibeki zaba. Lawa ngamazwi alowo othobela umsebenzi kaNkulunkulu. Uma ungazithobi ngale ndlela emazwini kaNkulunkulu nasemsebenzini kaNkulunkulu, futhi kuzoba nzima kuwe ukuthola iqiniso, kuzoba nzima kuwe ukungena oqotsheni lwamazwi kaNkulunkulu” (“Indlela Yokuthola Imiphumela Ngokudla Nokuphuza Amazwi KaNkulunkulu” embhalweni othi Izintshumayelo Nokuhlanganyela I). Yebo, ngisho noma amazwi omholi engazange avumelane ngokuphelele nesimo sami kufanele ngizithobe futhi ngiwamukele. Futhi ngaphandle kwalokho ukufeza kwami umsebenzi wami kwase kunesikhathi eside kuphambene namalungiselelo omsebenzi. Ingabe kwakungafanele ngisheshe ngizithobe, ngamukele futhi ngiguquke? Kamuva, lapho sengithuthuke kancane futhi ngehlisa umoya, ukwenza imikhuleko yokomoya, ukuzilolonga ekubhaleni imibhalo, ngabona ukuthi uNkulunkulu Ngokwakhe wayevikela umsebenzi kaNkulunkulu, kanye nokuthi wawuqhubeka ngendlela evamile, ngaphandle kokulibala.

Lezi zehlakalo ezimbili zokusolwa nokwahlulelwa, zokuthenwa nokubhekwa zaziwubunzima, kodwa zangishiya nginokuziqonda okwengeziwe futhi zaguqula ngokushesha isimo sami. Kamuva ngabona ukuthi amazwi kaNkulunkulu athi: “Ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke(“Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Uyakuqalekisa ukuze mhlawumbe umthande, futhi ukuze wazi umongo wenyama; uyakusola ukuze uphaphame, ukuvumela ukuba uwazi ubuthaka bakho obungaphakathi kuwena, kanye nokwazi ukungafaneleki komuntu ngokupheleleyo. Yingakho, iziqalekiso zikaNkulunkulu, ukwahlulela kwakhe, kanye nobukhosi nolaka—konke kunenhloso yokwenza umuntu apheleliswe. Konke lokho uNkulunkulu akwenzayo namuhla, kanye nesimo sokulunga Yena asenza sinikucacele bha—konke kungokokuba umuntu apheleliswe, futhi lunjalo-ke uthando lukaNkulunkulu(“Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngazithola sengibubula: Yebo, uNkulunkulu uwukuvezwa kwabo bonke ubuhle nokulunga. Ingqikithi yakhe ubuhle nokulunga, Ingqikithi yakhe uthando, ngakho yonke into evela kuNkulunkulu yinhle futhi ilungile, kungaba ukwahlulela, kungaba ukusola, noma uma abantu, izehlakalo kanye nezinto ezisizungezile zisetshenziswa ukusithena nokubhekana nathi—lokhu kungase kuzwakale njengobunzima noma ukuhlaselwa kwenyama yomuntu, kodwa lokho uNkulunkulu akwenzayo kuhlomulisa izimpilo zethu, konke kuyinsindiso nothando. Kodwa angizange ngiqonde uNkulunkulu noma umsebenzi Wakhe, noma ngibone izinhloso Zakhe ezinhle. Lapho ngibhekene nokwahlulelwa nokusolwa, nokuthenwa nokubhekanwa nami, ngamelana nakho ngokusongela ukuyeka umsebenzi, ngingakwazi ukwemukela lokhu kuNkulunkulu, kusengathi abantu ababengidalela inkinga. Ngezambulo zikaNkulunkulu ezimbili, ngabona ukuthi naphezu kokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu iminyaka eminingi, ukuzwa izintshumayelo eziningi kangaka, umuzwa wami wokuvukela lapho ngibhekene nokwahlulelwa nokusolwa, nokuthenwa nokubhekwa, wawunamandla kakhulu futhi ngawenqaba ngokuphelele. Ngabona ukuthi naphezu kokukholwa kuNkulunkulu sonke lesi sikhathi isimo sami sasingaguqukile, imvelo kaSathane yayigxilile, imvelo yokumelana nokukhaphela uNkulunkulu. Masinyane ngabona ukuthi ngidinga ukwahlulelwa nokusolwa, ukuthenwa nokubhekwa. Ngaphandle kwalolu hlobo lomsebenzi kaNkulunkulu ngangingeke ngibone isimo sami sangempela, ngangingeke ngiziqonde ngempela, ingasaphathwa eyokubona ukuthi imvelo kaSathane yayigxile kangakanani ngaphakathi kimi. Kumanje lapho ngiqonda khona ukuthi kungani uNkulunkulu athi isintu esonakele siyizitha Zakhe, futhi athi yisinzalo kaSathane…. Ukuzindla ngamazwi kaNkulunkulu, kwakhanyisa inhliziyo yami. Ngibona indlela uNkulunkulu angihlelela ngokucophelela ngayo ukuba ngizwe umsebenzi Wakhe, ngingene eqinisweni elingokoqobo, engihola endleleni efanele yokuphila. UNkulunkulu uyangivusa futhi angiphathe ngomusa. Futhi ngifinyelele ekuboneni ukuthi konke uNkulunkulu akwenzela umuntu ukwenza ngothando. Ukwahlulela nokusola, ukuthena nokubhekana kukaNkulunkulu kuyisidingo esikhulu somuntu kanye nensindiso engcono kakhulu.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Okulele Emuva Kwamanga

UXiaojing Edolobheni laseHeze, esiFundazweni saseShandong Ngesikhathi ngasinye ngabona amazwi kaNkulunkulu esitshela ukuba sibe ngabantu...

Ukuzalwa Kabusha

UYang Zheng Esifundazweni SaseHeilongjiang Ngazalelwa emndenini ompofu wasemaphandleni owawusemuva ngokucabanga. Ngangizidla kusukela...

Sithinte nge-Whatsapp